Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zingama-29 kuMandulo 2021

A.    Izindaba Ezisematheni

1.    Ukukhishwa komgomo weSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) 
1.1.    IKhabhinethi lizwakalise ithemba nokukhuthazeka kwalo ngenxa yezigidi ngezigidi zabantu eNingizimu Afrika abaqoke ukugomela i-COVID-19, njengoba kuze kube manje seyingaphezu kwezigidi eziyi-17 imithamo yomgomo esikhishiwe yanikezwa abantu. 
1.2.    IKhabhinethi libonge izinhlangano zezenkolo ngokunjalo futhi nabomkhakha wezemidlalo nobuciko, ngokuqalisa kwabo imikhankaso yokukhuthaza abantu ukuthi baphume ngobuningi bayogonywa.
1.3.    Uma bebaningi abantu abathola umgomo, lokho kusho ukuthi imikhawulo ebekiwe ekhona njengamanje yeSigaba Esiguquliwe Sokuqapha Sesibili nayo izoxegiswa ngokushesha ezweni. Futhi noma kanjani lokhu kuzoholela ekutheni uvulwe ngokuphelele umnotho wakuleli ukuze ukwazi ukusimama nokukhula, futhi kuvuleke namathuba omsebenzi adingeka kakhulu.
1.4.    IKhabhinethi liyagcizelela kwikhwelo elithi ukuze sikwazi ukunciphisa ukuqubuka kwezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu ngegciwane sonke kumele siqhubeke nokugqoka isifonyo uma sisemphakathini, sihlanze izandla zethu ngensipho namanzi noma sizihlanze ngesibulalimagciwane esiqukethe i-alkhoholi engama-70%, futhi ukuqikelela ukuthi sigcina ibanga eliphephile lokuqhelelana phakathi kwabantu kusalokhu kuyisona sisekelo sendlela esetshenziswa yileli lizwe ukunciphisa ukuqubuka kwezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu.

2.    Umkhankaso weMpelasonto Yokugoma i-Vooma Vaccination Weekend ozobanjwa kusukela mhla lu-1 kuya kumhla zi-2 kuMfumfu 2021
2.1.    IKhabhinethi liyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ngokunjalo futhi nabanye abantu abahlala kuleli abangakagonywa ukuba balisebenzise ithuba eliyingqayizivele abalihlinzekwa ngumkhankaso weMpelasonto Yokugoma i-Vooma Vaccination Weekend ozobanjwa ezweni lonkana ngoLwesihlanu mhla lu-1 kanye nangoMgqibelo mhla zi-2 kuMfumfu 2021.
2.2.    Umkhankaso weMpelasonto Yokugoma i-Vooma Vaccination Weekend ngumkhankaso kazwelonke ongukhukhulelangoqo osekelwa yizo zonke izinhlaka esibambisene nazo emphakathini kubandakanya amabandla ezenkolo, abaholi bendabuko, izinyunyana zabasebenzi kanye nabamabhizinisi. Inani esizibekele lona labantu esihlose ukubagoma kule mpelasonto okungenani ngabantu abayisigamu sesigidi.
2.3.    Leli yithuba lokuba bonke abantu abadala bagonywe mahhala, ngaphandle kokubekisa isikhathi nosuku abazofika ngalo, ezikhungweni zikahulumeni nezikhungo ezizimele kanye nalezo zesikhashana ezingoqhibukhowe, phecelezi ama-pop-up vaccination sites.
2.4.    Akudingekile ukuthi ube nomshwalense wezempilo noma uhlelo losizo lokwelashwa ukuze uthole umgomo. Abaholi bezinhlaka zikahulumeni, amabhizinisi, abasebenzi kanye nomphakathi bazogqugquzela imiphakathi ngenkuthalo kuzo zonke izingxenye zezwe ukuthi iphume ngobuningi iyothola ukuvikeleka okulethwa wukugonywa.
2.5.    IMpelasonto Yokugoma i-Vooma Vaccination Weekend ingasisiza ukuthi silinqobe leli gciwane elisihlalise lubhojozi kangaka futhi eselisihlukumeze isikhathi esingaphezu konyaka wonke.  Akekho noyedwa umuntu okumele aphuthelwe yileli thuba. Masihlale Siphephile sonke.

3.    Ukuvakashela kukaMongameli emklamweni wokwakhiwa kweBhuloho lase-Msikaba
3.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa uhambile wayohlola ukwakhiwa kwengqalasizinda eBhulohweni laseMsikaba eLusikisiki esifundazweni saseMpumalanga Kapa ngoLwesine mhla zingama-23 kuMandulo 2021. Lo mklamo wengqalasizinda yesamba semali eyizigidigidi ezingu-1.65 zamarandi uyingxenye yomklamo wokwakhiwa nokulungiswa komgwaqo onguthelawayeka u-N2 endaweni yase-Wild Coast. Ngaphandle nje kokwenza ukuthi kube lula kakhulu ukuhamba kwabantu ngokuxhumanisa izindawo ezisemakhaya kanye nezindawo ezisemadolobheni ezweni lonkana, leli bhuloho lizokhuthaza utshalomali nokukhuliswa komnotho.
3.2.    Umgwaqo onguthelawayeka u-N2 endaweni yase-Wild Coast ungomunye weMiklamo Edidiyelwe Ekhethekile kahulumeni okuhloswe ngayo ukokhela inhlansi yokukhula komnotho ezingeni likazwelonke, ezifundazweni kanye nasendaweni. IKhabhinethi liyithokozele inqubekelaphambili eseyenziwe emkhankasweni wayo wokutshalwa kwezimali ekuthuthukisweni kwengqalasizinda, osalokhu ungumgogodla woHlelo Lokwakhiwa Kabusha kanye Nokuvuselelwa Komnotho (i-ERRP), njengoba kunemiklamo engama-88 ehlelwayo nehlongozwayo ezodla isamba semali eyizigidigidi eziyizinkulungwane ezi-2.3 zamarandi. 

4.    Ubudlelwane bamazwe omhlaba, ukuhwebelana kanye nezokuvakasha
4.1.    IKhabhinethi lisamukele ngezandla ezimhlophe isinqumo sezwe laseJalimane sokukhipha iNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe athathwa njenganobungozi obukhulu futhi liyazamukela nezinhlelo ezihlongozwayo zezwe laseMelika zokuvumela izihambi esezigonywe ngokuphelele ukuba zingene ezweni eMelika.
4.2.    Kodwa-ke iKhabhinethi lizwakalise ukudumala kwalo ngesinqumo se-United Kingdom (i-UK) sokugcina iNingizimu Afrika ohlwini lwayo lwamazwe angavunyelwe ukungena ngokukhululeka futhi ngaphandle kwemibandela e-UK. Asikho neze isizathu esizwakalayo sokugcina iNingizimu Afrika kulo luhlu lwamazwe uma kubhekwa inqubekelaphambili esesiyenzile ekulweni nobhubhane lwe-COVID-19 kanye nokwehla ngesivinini esikhulu kwezinga lokutheleleka kwabantu ngegciwane ngokunjalo futhi nohlelo lwethu lokugoma olunohlonze.
4.3.    IKhabhinethi lithulelwe futhi umbiko nguMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Omhlaba Nokubambisana mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe emizamweni yokukhipha iNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe angavumelekile ukungena e-UK ngaphandle kwemibandela. IKhabhinethi liyethemba ukuthi uhulumeni wase-UK uzosibuyekeza lesi sinqumo esinomthelela ongemuhle neze ezweni laseNingizimu Afrika, esingagcini nje kuphela ngokukhahlameza imboni yezokuvakasha kodwa futhi esikhahlameza namabhizinisi awo womabili lawa mazwe, nemindeni kanye neminye imikhakha yomnotho.

5.    Ukuvuselelwa komnotho
5.1.    IKhabhinethi likwamukelile ukwethulwa kweNtuba Yolwazi (iPhothali) Yokubhaliswa Kwamabhizinisi Alahlekelwa, phecelezi, i-Business Loss Registration Portal ukuze kubhaliswe amabhizinisi akhahlanyezwa yizibhelu ezenzeka phakathi komhla ziyisi-9 nomhla ziyi-19 kuNtulikazi 2021 KwaZulu-Natali, e-Gauteng kanye nakwezinye izindawo ezathinteka.
5.2.    Iphothali yokubhalisa iqoqa imininingo (idatha) emabhizinisini athintekile ukuze kulawulwe kahle izinyathelo zokuhlinzeka lawa mabhizinisi ngosizo futhi ukuze imininingo leyo isetshenziselwe ukubheka ukuthi yiziphi izinyathelo ezingathathwa ngenhloso yokungenelela esikhathini esizayo. Le phothali iyintuba yokungena kahulumeni eyodwa engasetshenziswa ngamabhizinisi ukuveza nokubonisa ubukhulu nobubanzi bomonakalo nokulahlekelwa okuwavelele.
5.3.    IKhabhinethi linxuse bonke abanikazi bamabhizinisi athintekile ukuba babhalise kwiphothali ku-www.relief4sa.co.za. Noma-ke bashayele kule nombolo-080 006 00850 ukuze bathole ukusizakala phakathi kwehora lesi-08:00 nele-17:00 kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
5.4.    Ngokusebenzisa uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, ziyi-192 izicelo esezifakiwe ezivela kubanikazi bamabhizinisi amancane kanye nalawo amaphakathi ngobukhulu akhahlamezeka ngenxa yezibhelu. IKhabhinethi liyakuthokozela ukuthi isamba semali eyizigidi ezingama-54.2 zamarandi  sesigunyaziwe ukuze sabelwe laba banikazi bamabhizinisi.

6.    Ukuqala kabusha kokusebenza kwezindiza zeNkampani Yezindiza yaseNingizimu Afrika (i-SAA)
6.1.    IKhabhinethi likwamukelile ukuqala kabusha kokusebenza kwenkampani yezindiza i-SAA okwenzeke kamuva nje, eqhuba umsebenzi wayo emizileni embalwa phakathi kwedolobha laseGoli kanye nedolobha laseKapa. Le nkampani kazwelonke ethwala abagibeli izondizela nakwezinye izinhlokodolobha zamazwe ase-Afrika ezinjenge-Accra (e-Ghana), i-Kinshasa (e-Democratic Republic of the Congo), i-Harare (e-Zimbabwe), i-Lusaka (e-Zambia) kanye ne-Maputo (e-Mozambique), futhi kunezinye izindawo ezizokwengezwa kule mizila ekhona njengamanje uma isimo sezimakethe sesisimeme.
6.2.    IKhabhinethi libanxusile bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bayeseke i-SAA ehlelwe kabusha, okuyisiqalo senkathi entsha emkhakheni wezokundiza ngamabhanoyi eNingizimu Afrika.

7.    Uphiko Lwemigomo Yokuziphatha Okuhle Nenkambiso Elungileyo Kwezokuphathwa Komphakathi, Ubuqotho kanye Nosizo Lobungoti Bokuqondiswa Kwezigwegwe, phecelezi i-Public Administration Ethics, Integrity and Disciplinary Technical Assistance Unit (i-PA-EID-TAU)
7.1.    IKhabhinethi likwamukelile ukwethulwa kwe-PA-EID-TAU, ezoqinisa imizamo kahulumeni yokulwisana nenkohlakalo emkhakheni wezeMisebenzi Kahulumeni. 
7.2.    I-PA-EID-TAU izokwengamela futhi iqaphe ukuqaliswa kwemigomo yokuziphatha okuhle nenkambiso elungileyo emkhakheni wezemisebenzi kahulumeni kanye nezinqubomgomo zokulwisana nenkohlakalo njengokwenza ibhizinisi noMbuso, ukwenza omunye umsebenzi okhokhelwayo, ukulawulwa kwendlela abaziphatha ngayo abasebenzi kanye nokuqaliswa kwenqubo yokuhlolwa nokucwaningwa kohlobo lwempilo ephilwa ngabasebenzi kanye nengcebo yabo ngenhloso yokubheka ukuthi lokho kuyahambelana yini nemali abayiholayo.
7.3.    IKhabhinethi linxuse abasebenzi bakahulumeni ukuthi bangahlehleli neze emuva empini yokuqeda inkohlakalo. Ngokusukumela phezulu nje futhi bahambe phambili ekubikeni zonke izenzo ezihlobene nenkohlakalo ezenzeka ezikhungweni zikahulumeni, singaqinisekisa ingomuso elingcono futhi sishiyele izizukulwane ezizayo ukhondolo nefa eliyohlala ingunaphakade.

8.    Ukhetho Lohulumeni Basekhaya (i-LGE) lowezi-2021
8.1.    IKhabhinethi liyabancoma labo bantu okuzobe kungokokuqala ngqa bevota okhethweni abayisigidi esi-1.7 ababhalisile ngempelasonto yokubhalisela ukuvota mhla ziyi-18 kanye nomhla ziyi-19 kuMandulo. Lena bekuyindlela yabantu abasha yokusho ukuthi bafuna ukudlala indima yabo embusweni wethu wentando yeningi labantu ngokuthi bakhethe abaholi bezindawo zabo.
8.2.    Njengoba abantu abasha kuyibona abaningi ezweni lethu, umdlandla wabo ekubeni yingxenye yenqubo yethu yokhetho yinto esiyamukela ngezandla ezimhlophe futhi esiyithulela isigqoko.  
8.3.    Ukhetho Lohulumeni Basekhaya lowezi-2021 oluzobanjwa mhla lu-1 kuLwezi 2021 luhlinzeka abantu baseNingizimu Afrika ngethuba lokuba basebenzise ilungelo lapho abalinikezwe ngumthethosisekelo lokukhetha labo abazobamela emphakathini.
8.4.    Abavoti abangeke bakwazi ukuvota ngoSuku Lokhetho kanye nalabo abangakwazi ukuhamba baye eziteshini zokuvota ngenxa yobuthakathaka bempilo emzimbeni noma ngenxa yokukhubazeka bangavota ngeVoti Elikhethekile ezinsukwini ezimbili ezandulela uSuku Lokhetho. Izicelo zamavoti akhethekile zavulwa mhla zingama-20 kuMandulo 2021 futhi zizovalwa mhla zizi-4 kuMfumfu 2021 ngehora le-17:00. 

9.    Udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokubulawa kwabantu besifazane (i-GBVF)
9.1.    IKhabhinethi lisamukelile isigwebo sodilikajele ababili esigixabezwe uMnu Sbusiso Nkosi (36) wuPhiko lwaseMpumalanga lweNkantolo Ephakeme ngoMsombuluko mhla ziyi-13 kuMandulo 2021 ngecala lokudlwengula futhi abulale uNks Nomcebo Simelane (23) mhla ziyisi-5 kuMandulo 2020. 
9.2.    Inkantolo igwebe lo mdlwenguli nombulali odilikajele ababili kanye neminye iminyaka emithathu ngaphezulu ebhadla ejele ngecala lokweba, okuyizigwebo azozidonsa kanyekanye.
9.3.    Lokhu kuyisexwayiso esiqinile kubo bonke abenzi bamacala e-GBVF sokuthi bazoboshwa futhi babhekane nengalo ephelele yomthetho. Ngokusebenzisana namaphoyisa kanye nezinye izimpiko zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, singenza ukuthi izitaladi zethu kanye nemiphakathi yethu kube yizindawo eziphephile kumuntu wonke. 
9.4.    Bika zonke izigameko ezihlobene ne-GBVF emaphoyiseni noma ushayele isiKhungo Sikazwelonke Esilawula Amacala e-GBVF: 0800 428 428 noma i-STOP Gender Violence Helpline: 0800 150 150 / *120*7867#

10.    Ukubhaliswa kwemishado yesintu
10.1.    IKhabhinethi lisiphawulile isinqumo soPhiko lwaKwaZulu-Natali lweNkantolo Ephakeme ecaleni elibandakanya ummangali uNks Phumza Ethel Mankayi kanye nabamangalelwa, okunguNgqongqoshe Wezasekhaya noNks Ntombizakhe Portia Miya kanye ne-Master of the High Court of South Africa. Isinqumo senkantolo siqinisekisa amalungelo abantu abashade ngaphansi koMthetho Wokwamukelwa Ngokusemthethweni Kwemishado Yesintu, we-1998 (uMthetho we-120 wonyaka we-1998).
10.2.    IKhabhinethi liyabanxusa abashadikazi ukuba babhalise imishado yabo yesintu emahhovisi oMnyango Wezasekhaya kungakapheli izinyanga ezintathu beshadile. UNgqongqoshe Wezasekhaya uselulile isikhathi sokubhaliswa kwemishado yesintu kuze kube ngumhla zingama-30 kuNhlangulana 2024. Lokhu kwenzelwa ukulekelela labo abangayibhalisanga imishado yabo ngesikhathi esinqunyiwe esiyizinyanga ezintathu. Ukubhalisa umshado wesintu, kumele abantu balethe ubufakazi bezingxoxo zelobolo noma incwadi noma i-afidavithi (incwadi efungelwe) evela kubantu abashadayo kanye nofakazi babo, ebonisayo ukuthi ngempela wenzekile umshado noma ubungaziwe.
10.3.    Kuze kube manje, iseyizi-99 491 nje kuphela imishado yesintu esibhalisiwe eMnyangweni Wezasekhaya kusukela lo mthetho waqala ukusebenza ngoLwezi 2000.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    INgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika (i-SAIC)
1.1.    IKhabhinethi lizigunyazile izinhlelo namalungiselelo okubanjwa kwe-SAIC elandelayo okulindeleke ukuba ibanjwe ngoNdasa 2022. Kuzobe sekungunyaka wesithathu kubanjwa le ngqungquthela futhi ihlose ukuheha utshalomali olungamathriliyoni angu-1.2 amarandi esikhathini esiyiminyaka emihlanu. Umkhankaso wokuheha utshalomali uyaqhubeka nokwakhela phezu kwezingqungquthela zotshalomali ezimbili ezibanjwe phambilini ezibe yimpumelelo. Imininingwane yengqungquthela kanye nosuku ezobanjwa ngalo kuzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
 
2.    Uhlelo lokuFudukela Ekusakazeni Ngobuchwepheshe Bedijithali (i-BDM) 
2.1.    IKhabhinethi lithulelwe umbiko mayelana nohlelo lwe-BDM lwaleli lizwe. Sekwenziwe inqubekelaphambili enkulu ekufudukiseni ezinye izingxenye zezwe zisuka ekusakazeni ngobuxhakaxhaka be-analogi zafakwa ekusakazeni ngobuchwepheshe bedijithali. 
2.2.    IKhabhinethi lilugunyazile uhlelo lokuqaliswa kwenqubo ebuyekeziwe edidiyelwe yokucima ukusakaza ngobuxhakaxhaka be-analogi, okuwuhlelo okuhloswe ngalo ukuphothula izindawo ezisilele ngaphambi kokufika kwenyanga kaNdasa 2022. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe amaningi emhlabeni asezibophezele ekusheshiseni umklamo wokufudukela ekusakazeni ngobuchwepheshe bedijithali, okuzoholela ekutheni ukusakaza nge-analogi kucinywe ngokuphelele ngowezi-2022.
2.3.    IKhabhinethi liyigunyazile indlela yokusebenza ngokubambisana eyenzelwe ukusheshisa ukuphothulwa kokufuduka kwezwe lonkana lisuka ekusakazeni ngobuxhakaxhaka be-analogi liguqukele ekusakazeni ngobuchwepheshe bedijithali.

3.    Inqubomgomo Kazwelonke Yokuvinjelwa Nokuphathwa Kokukhulelwa Kwabafundi Ezikoleni
3.1.    IKhabhinethi liyigunyazile iNqubomgomo Kazwelonke Yokuvinjelwa Nokuphathwa Kokukhulelwa Kwabafundi Ezikoleni. Le nqubomgomo isabela kwisinqumo senkantolo sowezi-2012 esachitha imishwana ethile yenqubomgomo yoMnyango Wezemfundo Eyisisekelo eyabe iyalela ukuba abafundi bahlabe ikhefu bangayi esikoleni isikhathi esingafinyelela eminyakeni emibili emuva kokubeletha.
3.2.    Inqubomgomo ihlinzekela ukwakhiwa kwesimo esikahle esivumela ukwesekwa kwabafundi kanye nokuvimbela ukucwaswa kwabafundi abakhulelwe. Ihlinzekela futhi nokufinyelela kwabafundi olwazini olubanzi oluphathelene nokuvinjelwa kokukhulelwa; imihlahlandlela yokwelulekwa ngokwengqondo kanye nokunakekelwa, ngokunjalo futhi nokwakhiwa kwezinhlaka zokuphathwa kwenqubomgomo nokulawula.
3.3.    Inqubomgomo seyidlule ezinqubweni zokubonisana okubanzi nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile futhi iyahambelana nayo yonke imithetho efanelekile. 

4.    Ukuvuma ukuba yingxenye  yeSivumelwano sowezi-2003 soPhiko lweNhlangano Yezizwe Olwengamele Ezemfundo, Ezesayensi kanye Nezamasiko (i-UNESCO) esiqondene nokuVikelwa Kwamagugu Ezamasiko Angaphathekiyo (i-ICH)
4.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthi iNingizimu Afrika ivume ukuba yingxenye yeSivumelwano sowezi-2003 se-UNESCO esiqondene nokuVikelwa kwe-ICH.  Lesi sivumelwano sihlinzekela ukuvikelwa, ukulondolozwa kanye nokugqugquzelwa kwe-ICH ngamazwe ahlukahlukene angamalungu. 
4.2.    I-ICH ibandakanya, phakathi kokunye, izindawo zomphakathi, ulwazi, izinto kanye nempahla yobuciko ephathelene namasiko emiphakathini.
4.3.    Isivumelwano siphoqelela amazwe angamalungu ukuthi ahlonze, achaze futhi aqhamuke nezinyathelo ezifanelekile zokulondoloza lokhu. Sikhuthaza futhi amazwe ukuthi aqhamuke nezinyathelo zomthetho, zobungoti, zokuphatha kanye nezezimali zokuvikela nokugqugquzela i-ICH. Ukuvunywa kwesivumelwano kuzokwethulwa ePhalamende ukuze kugunyazwe ngokusemthethweni futhi kuqinisekiswe.

5.    ISivumelwano seNhlangano Yezizwe (i-UN) sokulwisana neNkohlakalo (i-UNCAC)
5.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMbiko Wokubuyekeza weNingizimu Afrika oqondene nokuqaliswa kwalesi sivumelwano. INingizimu Afrika yayigunyaza i-UNCAC ngowezi-2004. Amazwe angamalungu ahlolwa ngamazwe angontanga bawo maqondana nokuqaliswa nokusetshenziswa kwesivumelwano.
5.2.    INingizimu Afrika yahlolwa okokuqala ngowezi-2012 maqondana nokuqaliswa kwezinhlelo zokungenelela okuhloswe ngazo ukuqinisekisa ukuthi inkohlakalo ithathwa njengesenzo sobugebengu esiyicala kanye nokuqaliswa kwezinhlelo zokuphoqelela ukuthotshelwa komthetho, futhi yahlolwa maqondana nokuthobela kwayo ukubambisana namanye amazwe emhlabeni. Umbiko wokubuyekeza wezi-2019/20 okhona njengamanje ugxile ezinyathelweni zokuvimbela inkohlakalo kanye nokubuyisa impahla ekhwatshaniswe ezenzweni zenkohlakalo.
5.3.    Inqubo yokubuyekeza igqugquzela ukubambisana ngendlela eyakhayo ngokuthi, phakathi kokunye, ihlinzeke ngezinhlelo zokulekelela amazwe angamalungu ngolwazi lobungoti bomsebenzi. 

6.    Ukuhlehliswa kokusingatha kweNingizimu Afrika uMcimbi Womhlaba Wezasolwandle, phecelezi, i-World Maritime Day Parallel Event (i-WMDPE)
6.1.    INhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezasolwandle seyiphindile futhi yanikeza iNingizimu Afrika imvume yokuhlehlisa ukusingathwa kwe-WMDPE ngenxa ye-COVID-19. Ukuhlehliswa kwalo mcimbi ungabe usabanjwa ngoMfumfu 2021 kodwa uze uyobanjwa ngoMfumfu 2022 kulandela ukuhlehliswa kokuqala okwenzeka ngowezi-2020 nakho okwabangelwa wubhubhane. 

C.    IMithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Womkhandlu Kazwelonke oqondene Ne-GBV kanye Nokubulawa Kwabantu Besifazane (i-GBVF) wezi-2021  
1.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kuSomqulu Kahulumeni koMthethosivivinywa Womkhandlu Kazwelonke oqondene Ne-GVB kanye Nokubulawa Kwabantu Besifazane (i-GBVF) wezi-2021 ukuze umphakathi uphawule ngawo.
1.2.    Umthethosivivinywa usabela kwisiqondiso samasu esivela oHlelweni Lwamasu Lukazwelonke (i-NSP) oluqondene ne-GBVF olwagunyazwa yiKhabhinethi ngoNdasa 2020. Lo Mthethosivivinywa uphakamisa ukuthi kusungulwe umkhandlu ozimele omele labo abathintekayo ozokwengamela i-NSP eqondene ne-GBVF.

2.    Isichibiyelo Somthethosivivinywa Kazwelonke Wezomlilo Wamaqele Namahlathi (i-NVFFA) wezi-2021 
2.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Kazwelonke Wezomlilo Wamaqele Namahlathi (i-NVFFA) wezi-2021. Lo Mthethosivivinywa wathunyelwa okokuqala ePhalamende ngowezi-2017 futhi wabuyiselwa emuva ngenhloso yokuxoxisana nokubonisana okuthe xaxa nomphakathi.
2.2.    Phakathi kwezinye zezimiselo zawo, uMthethosivivinywa usungula izinhlaka emkhakheni kahulumeni kanye nasemphakathini ezizosebenzisana ngenhloso yokunciphisa ubungozi bokuqubuka kwemililo yequbula, futhi ugqugquzele ukuthotshelwa komthetho ngendlela efanele futhi uphoqelele nokuhlonishwa komthetho.
2.3.    Imililo yequbula engalawulwa ngendlela efanele iyimbangela yokucekeleka phansi kwemvelo, ukulahleka kwemisebenzi, ukususwa kwemiphakathi ezindaweni zayo, kanye nokucekelwa phansi kwengqalasizinda, imfuyo kanye nemvelo kubandakanya zonke izinto eziphila kuyona.

D.    Imicimbi Ezayo

1.    Ingqungquthela Yokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Esimeme yaseNingizimu Afrika (i-SIDSSA)
1.1.    Uhulumeni uzosingatha i-SIDSSA yowezi-2021 ngoLwesithathu mhla ziyisi-6 kanye nangoLwesine mhla ziyisi-7 kuMfumfu 2021. Kule ngqungquthela ababambiqhaza abahlukahlukene bazofakana imilomo ngenhloso yokuvuselela ukuthuthukiswa kwengqalasizinda.
1.2.    Uhlelo lwe-SIDSSA lokuthuthukiswa kwengqalasisinda kuhloswe ngalo ukulekelela ekusungulweni kwezimboni kanye nasekwakheni amathuba omsebenzi njengoba lokhu kuhlosiwe ku-ERRP kanye neQhingasu Lezimboni Elihlelwe futhi Lakhiwa Kabusha. Izinhlelo zokungenelela ezihlonziwe zihlose ukugqugquzela imfuno-sidingo kanye nokuqinisekisa ukusebenza ngendlela ehambelanayo kwabo bonke ababambiqhaza ababandakanyekayo kwezengqalasizinda. Kubhekeke ukuthi lezi zinhlelo zokungenelela zilekelele futhi ekwakheni umnotho oqinile ngokuthi kusheshiswe ukwakhiwa nokuphothulwa kwengqalasizinda. I-SIDSSA 2021 izobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ingqalasizinda esezingeni elihle kakhulu eyenzelwe ukuthuthukisa, ukuvuselela kabusha, kanye nokukhula okubandakanyayo”. 

2.    Inyanga Yezokuthutha yowezi-2021
2.1.    Inyanga kaMfumfu kuhloswe ngayo ukugxila ngokukhethekile ezindabeni eziphathelene nezokuthutha ezweni. Lona ngunyaka we-16 izwe libungaza iNyanga Yezokuthutha. IKhabhinethi lisigunyazile isihloko sendikimba yalo nyaka esithi: “Sisonke, masilungise ezokuthutha”. Isiqubulo salo mkhankaso sithi “Brika Bova: Sigibele igagasi elibheke ohlelweni lwezokuthutha olungcono olwenzelwe ingomuso”.
2.2.    Umkhakha wezokuthutha uyinto esemqoka kakhulu kwezenhlalo-mnotho eNingizimu Afrika. Umkhankaso walo nyaka uzogxila ekubekeni ezokuthutha esimweni sokuba yinto engumongo futhi esemqoka kakhulu ezolekelela ekuvuselelweni kabusha komnotho wezwe; uzoqwashisa futhi ufundise abantu mayelana nazo zonke izinhlobo zokuthutha, futhi ubonise ngentuthuko nobungcono osebenziwe ohlelweni lwezokuthutha.
2.3.    UMnyango Wezokuthutha uzokwazisa umphakathi ngemininingwane yokubanjwa kwemicimbi yobungaza iNyanga Yezokuthutha, futhi ulwazi oluthe xaxa lutholakala ku-www.transport.gov.za.

E.    Imiyalezo

1.    Amazwi okuhalalisa
IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa kanye nezilokotho ezinhle kulaba:

  • Iqembu laseNingizimu Afrika ebelibambe iqhaza esigabeni sabakhubazekile somqhudelwano wama-olimpiki, phecelezi ama-Paralympic ngokundizisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika ngokunqoba kwalo izindondo eziyisikhombisa, uma sezizonke – okuyizindondo zegolide ezine, indondo yesiliva eyodwa kanye nezindondo zethusi ezimbili. Abasubathi nabadlali beqembu laseNingizimu Afrika abazitholele izindondo e-Tokyo nguNtando Mahlangu (izindondo zegolide ezimbili), Pieter du Preez (indondo yegolide), Anrune Weyers (indondo yegolide), Louzanne Coetzee (indondo yesiliva kanye nendondo yethusi) kanye no-Sheryl James (indondo yethusi).  
  • UNks Verity Price, oyisikhulumi nomlawuli ongungoti, ngokudla kwakhe umhlanganiso emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe wokukhuluma nokuqeketha phambi kwabantu i-2021 Toastmasters World Champion of Public Speaking. Ungowesifazane wesithupha ukunqoba lo Mqhudelwano Womhlaba kule minyaka engama-80 edlule yalo mncintiswano futhi ungumuntu wokuqala ngqa ongowokudabuka e-Afrika ukunqoba lo mqhudelwano.
  • Iqembu lama-Springbok Sevens, ngokunqoba kwalo umqhudelwano wehlandla lesine wochungechunge lwemidlalo yebhola lombhoxo i-HSBC World Rugby Sevens Series lapho lidle khona umhlanganiso kuyo yomibili imiqhudelwano ebidlalelwa eNyakatho Melika ngokuthi linqobe nowesibili umqhudelwano kwemibili ye-HSBC Canada Sevens e-Edmond.

2.    Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini nabangani balaba abalandelayo:

  • USlz Hlengiwe Buhle Mkhize (69), iPhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli ophathiswe ezaBesifazane, Intsha kanye Nabantu Abanokukhubazeka. Empilweni yakhe yonke uzibonakalisile njengesishoshovu esingapheli amandla futhi esiphikelelayo esalwisana nobandlululo futhi ebesilwela namalungelo esintu, ebesinetshisekelo enkulu kulokho esikwenzayo, futhi ubengumuntu obekhankasela ukupheliswa kokungalingani okukhona phakathi kwabesilisa nabesifazane.
  • UMnu Karabo Gungubele (32), indodana kaNgqongqoshe weHhovisi likaMongameli, uMnu Mondli Gungubele.
  • UNks Zanele kaMagwaza-Msibi (59), umholi we-National Freedom Party nePhini laphambilini likaNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe owazinikela ekudlaleni izindima eziningana ezinohlonze embusweni wethu wentando yeningi labantu kanye nasemphakathini jikelele.
  • UMnu Jolidee Matongo (46), iMeya yoMkhandlu-dolobha waseGoli, obezinikele ekuphuculeni izimo zabantu bonke baseGoli kanye nababambiqhaza, futhi abavulele amathuba emnothweni womkhandlu-dolobha.


F.    Abaqashiwe

IKhabhinethi ligunyaze ukuqokwa kukaKhomishana kanye nePhini likaKhomishana woPhiko Lokuphathwa Kwemingcele;
1.    UDkt Nakampe Michael Masiapato oqokwe njengoKhomishana woPhiko Lokuphathwa Kwemingcele (i-BMA).
2.    U-Major General David Chilembe oqokwe njengePhini likaKhomishana Wezemisebenzi Eyenziwayo e-BMA.
IKhabhinethi lizwakalise ukuvumelana kwalo nokuqokwa kwamalungu eBhodi ngaphansi kombandela wokuthi kumele kuqinisekiswe iziqu zawo futhi ahlolwe ngokufanele.
3.    IBhodi labaqondisi leziQiwu Zikazwelonke zaseNingizimu Afrika:
(i)    UNks Pamela Bulelwa Yako;
(ii)    UNks Gertrude Bulelwa Koyana;
(iii)    UNks Nandi Nyameka Mayathula-Khoza;
(iv)    UNks Yolan Friedmann;
(v)    UNks Zukisa Millicent Ramasia;
(vi)    UMnu Jeoffrey Godfrey Mashele;
(vii)    Inkosi u-Livhuwani Lyborn Matsila;
(viii)    UMnu Lourence Bernad Mogakane;
(ix)    UMnu Fulufhelo Edgar Neluchalani;
(x)    UMnu Ntsako Brian Ngobeni; kanye no
(xi)    Nks Hulisani Helen Mushiane.
4.    IBhodi labaqondisi le-South African Biodiversity Institute:  
(i)    UNks Joanne Yawitch; 
(ii)    UNks Beryl Delores Ferguson;
(iii)    UDkt Pulane Elsie Molokwane;
(iv)    UDkt Lesley Thulani Luthuli;
(v)    UMnu Paul Graeme Daphne;
(vi)    USlz Azwihangwisi Edward Nesamvuni;
(vii)    UDkt Mmaphaka Ephraim Tau; kanye no
(viii)    Dkt Reginald Sethole Legoabe.

5.    UDkt  Nkosinathi  Sishi oqashwe njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa 
6.    UMnu Mthunzi Edmund d Madiya oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele woPhiko Lwezokuthutha Ngemikhumbi eMnyangweni Wezokuthutha
7.    UMnu Ngwako Wilson Makaepaea oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele woPhiko Lwezokuthutha Ngezitimela eMnyangweni Wezokuthutha

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore