Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi Obanjwe Ngohlelo Lwe-inthanethi ngoLwesithathu, zingama-23 kuNdasa 2022

A. Izindaba Ezisematheni

1. Isimo Senhlekelele Sikazwelonke 

1.1. UHulumeni waseNingizimu Afrika wenze izinhlelo zokubhekana nobhubhane olubhebhetheke emhlabeni jikelele oluyiSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) ngokumemezela Isimo Senhlekelele Sikazwelonke kuNdasa 2020, ngokoMthetho Wezokuphathwa Kwenhlekelele, wowezi-2002 (uMthetho wama-57 wezi-2002). Lo Mthetho waba wumhlahlandlela wezinhlelo zokungenelela ezididiyelwe nezihlanganisiwe ukuze kuhlengwe izimpilo nezindlela zokuziphilisa zabantu. 
1.2. Izwe laba ngaphansi kwale mithethonqubo yeSimo Senhlakelele Kuzwelonke ku-COVID-19 kusukela kuNdasa 2020, lapho iNingizimu Afrika ibika ngesigameko sokuqala segciwane ezweni. UMongameli umemezele ezinye izindlela zokungenelela okuhloswe ngazo ukuba izwe libhekane nesigaba esisha sokulawula ubhubhane lwe-COVID-19. 
1.3. Ukwelulwa kwakamuva kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke kuze kube mhla ziyi-15 kuMbasa 2022 kubheka isidingo sokuqhubeka nokusebenzisa umthetho okhona ngezinhlelo zokubhekela izimo ezingase zivele ezisetshenziswa yizinhlaka zikahulumeni ukubhekana nomthelela wenhlekelele. 
1.4. IKhabhinethi linxuse ukuba kucutshungulwe imithethonqubo yezempilo yokulawula izindlela zokuphepha ezingayibandakanyi imithi njengokugqoka izifonyo, ukugqagqana kwabantu, imikhawulo yokuhlanganyela kanye nemigomo. Kuzokwenza ukuba sikwazi nokuhlelela izimo eziphuthumayo, izinhlelo zokungenelela ezisheshayo nezisebenza ngempumelelo zokungenelela uma i-COVID-19 ingase ibe bucayi. 

2. Ukugomela i-COVID-19 

2.1. IKhabhinethi likhumbuze bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokuhlala beqaphile njengoba i-COVID-19 ingakanqotshwa, futhi lanxusa bonke abantu abaneminyaka eyi-12 kuya phezulu ukuba bagome. Ukugoma kusayiyona ndlela ephuma phambili yokuvikela igciwane, futhi kunciphisa ubungozi bokugula kabucayi, ukulaliswa esibhedlela nokufa.
2.2. Yize ukutheleleka nokufa njengamanje kusasezingeni eliphansi, singase sibhekane nehlandla lesihlanu emavikini azayo. Indlela yokuzivikela esinayo eyodwa vo wubufakazi obuqinisekisiwe ngokwezesayensi bamandla emigomo ekusindiseni izimpilo zabantu. Izwe lethu seligome abantu ngemigomo ye-COVID-19 engaphezu kwezigidi ezingama-33. 
2.3. IKhabhinethi liqhubeke lamukela uMgomo Wokusebenza wokuphathwa kokuhlangabezana ne-COVID-19 emsebenzini okhishwe wuMnyango Wezemisebenzi Nabasebenzi. UMgomo Wokusebenza wasungulwa emuva kokubonisana komphakathi noMkhandlu Wezokuthuthukiswa Komnotho Nabasebenzi Kuzwelonke futhi uzoqala ukusebenza uma sekususwe Isimo Senhlekelele Sikazwelonke. 
2.4. UMgomo Wezokusebenza uzoba wumhlahlandlela wabaqashi nabasebenzi lapho kwenziwa noma kubuyekezwa uhlelo lokuhlola ubungozi ukuze kuncishishwe ukusuleleka nge-COVID-19 ezindaweni zokusebenza. Ibhalwe uhlu lwezindlela ezingasetshenziswa njengokugoma, ukugqagqana kwabantu kanye nenhlanzeko yomuntu ngamunye ukuze kuqikelelwe ezindaweni zokusebenza.

3. INgqungquthela Yotshalomali ENingizimu Afrika (i-SAIC)

3.1. IKhabhinethi lamukele amanxusa avela ezweni lonke nasemhlabeni kwi-SAIC yesine eqale ngoLwesine, zingama-24 kuNdasa 2022 eGoli.
3.2. Le Ngqungquthela iveza inqwaba yamathuba otshalomali kanye nezinzuzo eziqhathanisekayo iNingizimu Afrika ezihlinzeka abatshalimali, esikhathini sokukhula kokuhlanganyela Kwesivumelwano Sokuhwebelana Ngokukhululekile Sezwekazi lase-Afrika (i-AfCFTA), egqugquzela ukuhweba ngaphakathi e-Afrika. 
3.3. Utshalomali lwakuleli nolwakwamanye amazwe ludlala indima ebaluleke kakhulu ekukhuliseni umnotho wethu nokwakha amathuba emisebenzi agcinekayo. I-SAIC iqhuba uhlelo lwemisebenzi yezomnotho oluqhubekayo, ukudingeka kakhulu kokuqashwa kanye nabathengi okungasekela inqubo yokukhula kwezwe.
3.4. Izinqungquthela zethu zotshalomali zaphambilini zibuye ne-R774 wezigidigidi ngokwezokubophezela. Emisebenzini yotshalomali eyi-152 emenyezelwe, ama-45 aseqediwe futhi engama-57 isakhiwa. 
3.5. IKhabhinethi linesiqiniseko sokuthi ingqungquthela yakulo nyaka izokwakhela phezu kotshalomali lwethu, njengengxenye yohlelo lukazwelonke lokuheha utshalomali oluyi-R1.2 yezigidintathu kutshalomali eminyakeni emihlanu.  

4. Umthelela wokushayisana kwe-Russia ne-Ukraine kwezomnotho 

4.1. IKhabhinethi licubungula umthelela ozoba khona ngenxa yokushayisana okukhona phakathi kwe-Russia ne-Ukraine emnothweni wezwe, njengoba umthelela wakho uzwakala ezimakethe zezimali kanye nasemananini emhlabeni wonke. 
4.2. Indlela ephuma phambili yokuvikela umnotho wethu kanye nenhlalakahle yabantu bakithi wukuqhubeka nokuqalisa uHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho (i-ERRP). 
4.3. Uhulumeni uzibophezele ekusebenziseni konke esinakho ukuvikela izakhamuzi zaseNingizimu Afrika emitheleleni yokunyuka kwezindleko zokuphila nokuqinisekisa ukuthi umnotho wethu uyakwazi ukubhekana nalezi zikhathi zokunyakaziswa.

5. Ukufaka endalini Uchungechunge lwamagagasi omoya ezobuchwepheshe bezokuxhumana

5.1. IKhabhinethi lamukele ukuphothulwa ngephumelelo kokufakwa endalini kokuqala kwamagagasi omoya ezobuchwepheshe bezokuxhumana okwenziwe wuPhiko Lwezokuxhumana Oluzimele lwaseNingizimu Afrika. Ingeniso engu-R14.4 wezigidigidi eqoqwe endalini izongena kusabelomali sezwe ukusekela okuseqhulwini ezweni, okubandakanya ukwakha kabusha umnotho, ukudala amathuba emisebenzi adingeka kakhulu, nokulwa nenkohlakalo, ubugebengu kanye nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokubulawa kwabantu besifazane. 
5.2. Ubukhona bamagagasi omoya ezobuchwepheshe bezokuxhumana kuzosheshisa ukuqaliswa kobuchwepheshe obusha obunjenge-5G, kunciphise izindleko zedatha yamaselula futhi kuqinisekise ukuxhuma kwi-inthanethi okungcono. Ukutholakala kwelayisense yohlelo olusha lwamagagasi omoya kuhambisana nezibopho zomphakathi okuvunyelwene ngazo zokuxhuma izikole zikahulumeni, izikhungo zezempilo kanye neziteshi zamaphoyisa kuhlelo lwe-inthanethi eminyakeni emithathu ezayo. 

6. Usuku Lwamalungelo Abantu 

6.1. IKhabhinethi libonge zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngokuhlanganyela emibungazweni yezwe yoSuku Lwamalungelo Abantu ngoMsombuluko, zingama-21 kuNdasa 2022 ngaphansi kwesihloko esithi: "UNyaka Wokubumbana Kwezwe kanye Nokuvuselela: Ukukhuthaza Nokuvikela Amalungelo Abantu ethu." 
6.2. Ukuthuthukisa amalungelo abantu ezweni lethu kusemqoka ekwakheni izwe, okuyinqubo okumele siqhubeke nokuyisekela futhi siyivikele ngaso sonke isikhathi. Ngokwahlukahlukana kwethu, singaqinisa ubunye bethu futhi sakhe izwe elibambisene. 
6.3. Ngokuqhubeka nomoya wokusebenzisana, njengoba sibheke eNyangeni yeNkululeko kuMbasa, iKhabhinethi linxuse zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba zivuselele ukulwa kwethu nokucwasa ngokwebala, ukucwasa abantu bokufika kanye nakho konke okungamukelekile okuhambisana nakho. 

7. Ukuqokwa kweNhloko Yamajaji eNingizimu Afrika

7.1. IKhabhinethi laziswe futhi lahalalisela owayeyiPhini leNhloko yamaJaji uMehluleli uRaymond Zondo ngokuqokwa njengeNhloko yamaJaji yaseNingizimu Afrika, kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2022, futhi lamufisela konke okuhle emsebenzini wakhe omusha. 
7.2. IKhabhinethi liqhubeke lazisa inhloso kaMongameli Cyril Ramaphosa yokuqoka uMehluleli Mandisa Maya, onguMongameli weNkantolo Ephezulu Yokudluliswa Kwamacala eNingizimu Afrika, esikhundleni sokuba yiPhini leNhloko yamaJaji uma leso sikhala sesivulekile.

8. Umyalelo wesikhashana ogunyanziwe wokusiza abantu baseRiphabhulikhi yase-Cuba

8.1. IKhabhinethi lazise umyalelo wesikhashana ogunyazwe yiNkantolo Ephakeme yasePitoli, wokumisa ukuqaliswa kokumiswa kosizo lwabantu iNingizimu Afrika eyayivume ukuluhlinzeka iRiphabhulikhi yase-Cuba. Lolu daba luzophinde luvele phambi kwenkantolo ezinsukwini ezingama-20 futhi uhulumeni uzokwenza izethulo zakhe ngalelo langa. 
8.2. Ukuzwana kweNingizimu Afrika ne-Cuba kusukela ekulweleni kwesifunda sethu silwela inkululeko. Ukuba bekungeve kungenxa yokungenelela ngokuzidela kwabantu base-Cuba eNingizimu ne-Afrika eminyakeni engamashumi amathathu edlule, ngabe kwadonsa isikhathi eside ukukhululwa kwalesi sifunda ekucindezelweni ngokokuqonelwa amazwe. OwayenguMongameli uNelson Mandela wayekuqonda lokhu, yingakho i-Cuba yaba yizwe lokuqala ngaphandle kwezwekazi elavakashelwa wuMadiba kulandela ukuphuma kwakhe ejele ngowe-1990. 
8.3. I-Cuba yenza iminikelo emikhulu ekulweni isekela izinhlangano ezilwela inkululeko e-Afrika ngesikhathi lapho leli lizwe elincane lasesiqhingini lizabalaza ngokwalo lapho lilinyazwa yiMelika ngokwezomnotho isikhathi esaba yiminyaka eyishumi nengxenye. Inkinga yomnotho wase-Cuba ayisabekezeleleki futhi uHulumeni wase-Cuba udinga usizo impela. I-Mexico, i-Bolivia ne-Russia ingamanye amazwe asiza abantu ukuze kukhululwe lesi siqhingi ebunzimeni bezomnotho obabububi kakhulu okwadonsa iminyaka ngeminyaka. 
8.4. IKhabhinethi kuleli sonto lihlanganyele ukubungaza Impi yase-Cuito Cuanavale e-Angola eyaqala ngowe-1987 yaphela ngowe-1988. I-Cuba yadlala indima esemqoka ekusizeni izinhlangano ezilwela inkululeko e-Afrika ukuba zifeze izimpokophelo zazo. Akubanga nanzuzo ephathekayo ebantwini base-Cuba abasisekela, kodwa inzuzo yabo kwaba wukulwela inkululeko yabantu baseNingizimu ne-Afrika basuke emandleni okuqonelwa izwe kanye nabalwisana nalokho. OwayenguMongameli u-Fidel Castro wayeqhutshwa yintshisekelo yokulwela umzabalazo futhi watshela amaqabane akhe ukuthi "babelwela izizathi ezinhle kakhulu eziqondene nabantu". Kusukela e-Angola kuya e-Namibia nase-Algeria kuya -Guinea Bissau, i-Cuba yadlala indima ekuthathweni kwezinqumo ngokuba negalelo enkululekweni yalawa mazwe ase-Afrika ukuze aphume ekubusweni ngabaqonela izwe. 
8.5. I-Cuba iqhubekile nokuhlinzeka ngosizo lwezempilo kanye nolunye usizo eNingizimu Afrika emuva kwesikhathi sowe-1994, kamuva nje ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19, futhi kuyisibopho sethu ukubonakalisa ubunye nabantu base-Cuba njengesikhathi abaxakeke ngaso bedinga ukuphila.

9. Ukuvakasha kweNkosi uLetsie III  

9.1. IKhabhinethi lazise futhi lamukela ukuvakashelwa obusuka kuyo iNkosi uLetsie III weSizwe laseLesotho evakashela uMongameli Ramaphosa okwenzeka ngoLwesihlanu, ziyi-18 kuNdasa 2022 ePitoli.
9.2. UMongameli Ramaphosa, esikhundleni sakhe njengoMlawuli weNhlangano Yokuthuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) weSizwe saseLesotho, babonisene neNkosi uLetsie III ngobudlelwane balawa mazwe womabili kanye nenqubekela-phambili maqondana nenqubo yokulawulwa kwe-SADC eSizweni saseLesotho. Kulindeleke ukuba abeSotho, ngokubonisana noMongameli Ramaphosa, bazosebenzela ukuqeda inqubo yokwakha kabusha ngaphambi kokubanjwa kokhetho olulandelayo okuhlelwe ukuba lube kuMandulo 2022.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. Ingqungquthela Yamazwe Ngamazwe Yokuqaliswa Kwezinyathelo ezimayelana Nesivumelwano Sentela Ukugwema Ukunciphisa Intela Nokuhambisa Inzuzo Kwamanye Amazwe  (i-BEPS MLI)

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa kwe-BEPS MLI ePhalamende ukuze ibuyekezwe. Njengelinye lamazwe angama-95 abambe iqhaza esivumelwaneni esaqaliswa yiNhlangano Yokusebenzisana Nokuthuthukisa Ezomnotho (i-OECD) ukuze kuncishiswe amathuba okugwema intela nokulimaza isisekelo samazwe ngamazwe, iNingizimu Afrika isayine isivumelwano sezentela kuNhlangulana 2017. Uma sesilungisiwe isivumelwano sezentela, iNingizimu Afrika izosisebenzisa kanye nezinye izivumelwano zentela ezisayinwe namanye amazwe. 
1.2. INingizimu Afrika iyilungu le-OECD futhi izibophezele ekusebenzeni namanye amazwe ukunqanda ukudluliswa kwezinzuzo zezinkampani ziphume ezweni ziye ezindaweni ezikhokhisa intela encane noma ezingayikhokhisi intela.  

2. Ukuchitshiyelwa koMthetho Wesivumelwano Sezentela esiphakathi kweNingizimu Afrika ne-Kuwait.

2.1. IKhabhinethi ligunyaze izethulo zokuchitshiyelwa koMthetho Wesivumelwano Sezentela esiphakathi kweNingizimu Afrika ne-Kuwait ePhalamende. Izichibiyelo zalesi sivumelwano, esiqale ukusebenza ngowezi-2006, senziwa futhi sasayinwa ngowezi-2021. 
2.2. Umgomo wezentela ubhekana nokugwema ukubanjwa kwentela kabili nokuvikela ukugwema ukukhokha intela noma ukukhokha intela encane ngengeniso ephakathi kwamazwe amabili.
2.3. Ngaphandle kokubhekana nokugwema ukukhokhela intela noma ukukhokha intela encane, lezi zivumelwano zibheke ukukhuthaza ukuvuleleka ngokwezentela phakathi kwamazwe. 

3. Uhlelo Lwesikhathi Eside Oludidiyelwe Lokuvikela Ubugebengu Nodlame (i-ICVPS)

3.1. IKhabhinethi ligunyaze i-ICVPS ukuze iqaliswe. Lolu hlelo lwesikhathi eside luzosebenza njengensiza yokuqalisa uMthetho Osadingidwa wezokuPhepha Nezokuvikela owamukelwe ngowezi-2016. Limela yonke inqubo kahulumeni neyomphakathi ekulweni nobugebengu nokuvikela udlame. 
3.2. I-ICVPS yakhiwe yizinhlaka eziyisithupha ezizimele ezihambisanayo ezilandelayo, (1) ubulungiswa bezobugebengu obunempumelelo; (2) ukungenelela kusanesikhathi ekuvikeleni ubugebengu; (3) ukungenelela ekusekeleni izisulu; (4) ukuhlinzeka ngemisebenzi nempumelelo nangokudidiyela; (5) ukuphepha ngokwendlela indawo eyakhiwe ngayo kanye (6) nokuzibandakanya komphakathi okubonakalayo. Lolu hlelo lwesikhathi eside lwazisa izidingo zemisebenzi yokusekela yokubhekana nokubhebhethekisa ubugebengu njengobubha, ukungalingani, ukungabibikho kwemisebenzi, ezenhlalakahle, ezempilo nezemfundo.
3.3. Kuyabandakanya ngokwezindawo zasemadolobheni nezasemakhaya, okubandakanya imikhandlu yabaholi bendabuko, njengababambiqhaza.  Kubonisenwe ngayo ngokugcwele nezinhlaka zikahulumeni, amabhizinisi, izikhungo zocwaningo kanye nezinhlangano zomphakathi. Uhlelo olugunyaziwe lungena endaweni yoHlelo Lwesikhathi Eside Lokuvikela Ubugebengu Kuzwelonke lwamanje.

4. Uhlelo Lwesikhathi Eside Lotshalomali Lwezwe laseNingizimu Afrika (I-CIS)

4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kwe-CIS ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. Lolu hlelo lwesikhathi eside lubheke ukubeka izwe libe yindawo esemqoka kutshalomali lwase-Afrika ekhethwa abatshalimali bakwamanye amazwe nabakuleli ukuze batshale imali ngqo kulo.
4.2. Lolu hlelo lwesikhathi eside luzwakala emikhakheni yezwe eseqhulwini kwezotshalomali nokuthuthukiswa komnotho okunjengokulandelayo (i) ezezimali, umshwalense, ezemizi nemisebenzi yamabhizinisi; (ii) ezokuthutha nezindleko zokuthutha, (iii) ezokwakha; (iv) izimayini nokumbiwa kwezinkwali, (v) ugesi, igesi kanye namanzi, kanye (vi) nezolimo kanye nokusetshenzwa kwezolimo.
4.3. Luhlinzeka ngezindlela zotshalomali zokuheha amabhizinisi amancane namaphakathi ukuze akhule ngokwezomnotho. Lolu hlelo lwesikhathi eside lungena ezivumelwaneni zamazwe ngamazwe, zesifunda kanye namanye amazwe ezisayinwe neNingizimu Afrika. 
4.4. Lolu hlelo lwesikhathi eside luhambisana nemigomo yoHlelo Lokuthuthukisa Lukazwelonke, i-ERRP, uHlelo Lwesikhathi Eside Olusha Lwezimboni kanye noHlelo Lwezengqalasizinda Kazwelonke lowezi-2050 olusha. 
4.5. Izifundazwe eziyisishiyagalolunye kanye neminotho esemqoka yakomasipala bakumadolobha amakhulu ayisishiyagalombili zisemqoka ekuqhubeni uhlelo lwesikhathi eside, okuzoba wumbhalo osebenzayo ozoqhubeka nokusetshenziswa ekushintsheni indawo yomnotho.
 
5. Uhlaka Lwemvelo Enhlobonhlobo Lukazwelonke Olubuyekeziwe (i-NBF) 

5.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kwe-NBF. I-NBF, egunyazwe yiKhabhinethi emuva kokubonisana nomphakathi kuLwezi 2020, yasungulwa ngokuhambisana noMthetho Wezokuphathwa Kwezemvelo Kuzwelonke: Ezemvelo Enhlobonhlobo, kowezi-2004 (uMthetho we-10 kowezi-2004). Ihlinzekela indlela edidiyelwe, ehlanganisile nehambisanayo yokuphathwa kwezemvelo enhlobonhlobo kwazo zonke izinhlaka zikahulumeni, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (ama-NGO), umkhakha ozimele kanye nemiphakathi.
5.2. Ngowezi-2018, Isikhungo Semvelo Enhlobonhlobo Kuzwelonke eNingizimu Afrika senze uhlelo lokuhlola ngokuqoqa ubufakazi obunzulu kanye nohlelo lwezemvelo eNingizimu Afrika. Uhlelo lomkhakha lwe-NBF olubuyekeziwe lubhekana nobungozi obuhlonzwe ngalokhu kuhlola.  
5.3. Uhlaka olubuyekeziwe kwabonisanwa ngalo nezinhlaka zikahulumeni zonke; izikhungo ezingaphansi kukahulumeni (ama-SOE), izikhungo zabanakekela imvelo; ama-NGO kanye nemiphakathi yasendaweni. Ukuqaliswa kwe-NBF kwenziwa ngokomhlahlandlela osetshenziswa kuHlelo Lwesikhathi Eside Lwezemvelo Enhlobonhlobo Kuzwelonke kanye noHlelo Lokusebenza (2015-2025). INingizimu Afrika iyizwe elisayine ngaphansi kweSivumelwano seNhlangano Yamazwe Ngamazwe yezeMvelo Enhlobonhlobo, ekhuthaza ukuvikelwa kwemvelo enhlobonhlobo, ukusetshenziswa ngendlela egcinekayo kwezakhi zayo, kanye nokwabelana ngezinzuzo ngendlela engakhethi neyanelisayo evele ezinsizeni zemvelo.

6. UHlaka Olusadingidwa Lokuthuthukiswa Kokuhlukaniswa Kwezindawo Kuzwelonke (i-NSDF)

6.1. IKhabhinethi ligunyaze uhlaka lwe-NSDF ukuze iqaliswe. Lulungiswe ngokoMthetho Wokuhlelwa Kokuhlukaniswa Kwezindawo kanye Nokuphathwa Kokusetshenziswa Komhlaba, kowezi-2013 (uMthetho we-16 kowezi-2013) futhi yagunyazelwa ukubonisana komphakathi ngowezi-2019. Izimvo zatholakala kubabambiqhaza abanhlobonhlobo, okubandakanya izinhlangano ezisemthethweni, zonke izinhlaka zikahulumeni, ama-SOE kanye namalungu omphakathi.
6.2. Uhlaka lufuna ukubhekana nokususwa kwemilando yokuqonelwa izwe kanye nobandlululo ngendlela ehlelekile nedidiyele. Ihlinzekela indlela yokuthuthukisa yesikhathi eside egxile ekwabeni nasekuhlukanisweni kwezindawo kuqondwe kuhlelo lokuhlela nokuphathwa kokusetshenziswa komhlaba.  Umbhalo uzotholakala ngewebhusayithi yoMnyango Wezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya (www.dalrrd.gov.za).

7. Inqubomgomo Yokuphathwa Kobuwena Ngokusemthethweni 

7.1. IKhabhinethi ligunyaze iNqubomgomo Yokuphathwa Kobuwena Ngokusemthethweni, kulandela ukubonisana kanzulu nomphakathi ngowezi-2021. Le nqubomgomo izongena endaweni yoMthetho Wobuwena, we-1997 (uMthetho wama-68 we-1997) wamanje, okusungula iRejista Yabantu Kuzwelonke (i-NPR) futhi icacisa umsebenzi wayo kumarekhodi aphoqelekile abhalwe kuyo. Lo Mthetho awuhambisani nemigomo engokomthethosisekelo wezokulingana, ukungacwasi kanye nesithunzi sabantu.
7.2. Inqubomgomo eyamukeliwe ihlongoza i-NPR yezobuchwepheshe eyodwa - noma umuntu ungowabuphi ubuzwe kanye nesimo sobulili - abahlala nabahlale ezweni. Iphinde ihlinzeke ngoHlelo Lukazwelonke Lobuwena lwe-biometric (i-NIS) ezokwenza ukuthi umuntu ahlonzwe ngendlela eyodwa. I-NIS izophinde ikwazi ukubhekana nezinye izinhlelo zikahulumeni nezomkhakha ozimele zokuhlonza.  
7.3. Inqubomgomo izophinde iqinisekise ukuvikela amalungu angabesiMame Abathandana Nabanye Besimame (ama-Lesbian), Abesilisa Abathandana Nabanye Besilisa (ama-Gay), Abashintshe Ubulili (i-Transgender), Abanobulili Obushintshashintshayo (i-Bisexual), Abathandana Nabantu Ngokwahlukana (i-Intersex) , i-Queer kanye Nabangakhethi Bulili Babantu Abathandana Nabo (i-Asexual).

8. UMthetho Osadingidwa Wezemishado eNingizimu Afrika 

8.1. IKhabhinethi ligunyaze uMthetho Osadingidwa Wezemishado eNingizimu Afrika ukuze uqaliswe. UMthetho Osadingidwa ubhekana nenqwaba yezinqumo zezinkantolo ezithole ezinye izakhi zemithetho yemishado yamanje okumiswe ukuthi kazihambisani nomthethosisekelo. Iqondanise yonke imishado ezokwenziwa ngokwemigomo yokulinganisa, ukungacwasi kanye nehlonipha isithunzi sabantu njengoba kuhlinzekwe kuMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996.
8.2. UMthetho Osadingidwa ogunyaziwe uzovumela izakhamuzi zaseNingizimu Afrika kanye nezakhamuzi ezithandana nabantu bobulili obunhlobonhlobo, izinkolo kanye nezimo zamasiko ukuze kuphothulwe ukuhlanganiswa kwabantu ngokusemthethweni ngokuhambisana nemithetho yomthethosisekelo. UMthetho Osadingidwa wendlela yeminye imishado engabaliwe njengemishado yezingane kanye naleyo eyenziwa engekho omunye okushadwa naye.

9. INqubomgomo yokuSetshenziswa Komngcele Owodwa (i-OSBP) 

9.1. IKhabhinethi ligunyaze i-OSBP kanye nohlelo lwesikhathi eside ukuze luqaliswe. Inqubomgomo ibheke ukulawula ngendlela ehambisanayo ukuhamba kwabantu kanye nempahla phakathi kwamasango asemingceleni engaphakathi ezweni eNingizimu Afrika kanye nasemazweni angomakhelwane. Kuqalisa uHlaka lokuSetshenziswa Komngcele Owodwa olwamukelwa yiKhabhinethi ngowezi-2018.
9.2. Ukusetshenziswa kwale nqubomgomo kuzoqeda ukugcwala okuxakile emasangweni asemingceleni lapho izivakashi nabahwebi bewelela kwamanye amazwe. Lokhu kungenelela kuphinde kube semqoka kakhulu emizamweni yezwe yokuqhuba isivumelwano se-AfCFTA.
9.3. Uma seyisebenza ngokugcwele ngokwemithetho efanele nokuthuthukiswa kwengqalasizinda, silindele ukuthi ukulawulwa kwempahla, izimoto kanye nabantu kuzokwenziwa ngendlela eqonde thwi nesheshayo.

10. Ukusingathwa kwesikhashana kweKhomishana Yesimo Sezulu kaMongameli

10.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kweKhomishana Yesimo Sezulu kaMongameli nguMkhandlu Wokuthuthukisa Umnotho Kuzwelonke kanye Nabasebenzi (i-Nedlac). I-Nedlac izosingatha ikhomishana nonobhala bayo iminyaka emibili noma ngaphansi ukuze kumenyezelwe uMthetho Woguquguquko Lwesimo Sezulu.
10.2. Isikhathi sizonika ikhomishana - ukuhlanganyela noMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo - ukuphothula ucwaningo lokuhlola okungenzeka kanye nezimo zamabhizinisi ukuze kusungulwe ikhomishana njengoba kunqunywe ngokoMthethosivivinyo Woguquguquko Lwesimo Sezulu.

11. Uhlaka loMthetho Osadingidwa koMthethonqubo Wezitimela Kazwelonke

11.1. IKhabhinethi ligunyaze uHlaka loMthetho Osadingidwa koMthethonqubo Wezitimela Kazwelonke. Le nqubomgomo izoba wumhlahlandlela wokwakha uhlelo lwezokuthutha olunempumelelo oluzokwazi ukuncintisana kuleli kanye nakwamanye amazwe.
11.2. Inqubomgomo ihlongoza izindlela zokungenelela ezizokhuthaza utshalomali kuyo yonke imisebenzi yezokuthutha impahla nabagibeli. Izophinde ithuthukise ukufinyelela ezindaweni zasemakhaya nokwandisa indlela yokuhamba lapho kuthuthukiswa ukukhula komnotho. Kuzophinde kube negalelo elikhulu ekunciphiseni ukushisa okuphuma ezweni futhi ihlongoza ubuchwepheshe bezezitimela ekuthuthukiseni ukuhamba kwempahla ngezitimela.
11.3. Inqubomgomo izodluliselwa emphakathini uma uMnyango Wezokuthutha sewuyishicilele kuSomqulu Kahulumeni.

C. Umthethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa woPhiko Lokuklanywa Komasipala Oluzimele (i-IMDA) wezi-2022 

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa we-IMDA wezi-2022 ePhalamende ukuze kuqhutshwekwe nokusetshenzwa kwayo. UMthethosivivinywa washicilelwa ukuze kuphawule umphakathi kuNhlangulana 2020 futhi kwaba nokubonisana emuva kwalokho ukuze kutholakale izimvo zomphakathi.
1.2. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngohlelo lokulawula lwe-IMDA. Isiphakamiso sawo sibandakanya ukucacisa ngemigomo yamalungu eBhodi futhi akwazi ukusebenza ngokwezikhashana, ngaphandle kukaSihlalo ongasebenza ngokugcwele. Uphinde ube wumhlahlandlela we-IMDA ngenqubo ebheke ekunciphiseni imikhawulo yemingcele.

D. Imicimbi Ezayo

1. Ukuvakashela e-Middle East 

1.1. UMongameli Ramaphosa uzohola amanxusa oNgqongqoshe beya embukiswaneni wamazwe i-World Expo e-Dubai e-United Arab Emirates ngoMsombuluko, ngomhlaka-28 kuNdasa 2022. INingizimu Afrika ibambe iqhaza embukiswaneni ngokuveza amagugu ezwe kanye namathuba otshalomali. 

E. Imiyalezo

1. Amazwi Okuhalalisa

IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa futhi lafisela abalandelayo okuhle: 

  • Iqembu labesimame lomdlalo wekhilikithi laseNingizimu Afrika, ngokundizisela phezulu ifulegi lezwe kuNdebe Yomhlaba Yomdlalo Wekhilikithi Wabesimame e-New Zealand. Lihlule oShampeni Bomhlaba bamanje baseNgilande emdlalweni wabo wesithathu futhi bakwaze ukunqoba imidlalo emine emncintiswaneni kuze kube manje. 

2. Amazwi enduduzo 
•IKhabhinethi lihlangane noMongameli Ramaphosa lidlulisa amazwi enduduzo kuhulumeni kanye nabantu baseRiphabhulikhi yase-Zambia kulandela ukudlula emhlabeni kowayenguMongameli u-Rupiah Bwezani Banda (85).

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • UMnu. Michael Spicer (68), owayeyiSikhulu Esiphezulu (i-CEO) ye-Business Leadership South Africa, owadlala indima ebalulekile ekwakheni ubudlelwane obuqinile phakathi kwabezamabhizinisi nohulumeni.
  • UMnu. Luzuko Koti (47), owayenguMqondisi Wezokuxhumana Nezokwazisa ku-Nelson Mandela Foundation futhi waba nguMphathi Wezamabhizinisi ku-Channel Afrika.
  • UMnu. Sheik Abdul Gamiet Gabier (86), uMongameli iMpilo yakhe yonke woMkhandlu wamaJaji Wamasulumane waseNingizimu Afrika, oyisifundiswa esaziwayo, isishoshovu sasemphakathini kanye nengqalabutho ye-Al-Azhar Institute eKapa.

F. Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1. Amalungu eBhodi Elingazithathi Izinqumo le-National Housing Finance Corporation: 

(a) Mnu. Luthando Vutula; 
(b) Mnu. Thembinkosi Bonakele;
(c) Nksz. Seithati Bolimpobo;
(d) Nksz. Thembisile Chiliza;
(e) Nksz.. Palesa Kadi; 
(f) Nksz.. Philisiwe Mthethwa;
(g) Mnu. Thulani Mabaso;
(h) Mnu. Paul Heeger;
(i) Mnu. Velile Cecil Dube;
(j) Nksz. Tshepiso Kobile; kanye 
(k) noNksz. Ayesha Seedat.

2. Mnu. Lwazi Mboyi njengo-CEO we-Cross-Border Road Transport Agency.
3. Nksz. Nozipho Mdawe njengo-CEO we-Air Traffic and Navigation Services.
4. Nksz.Tshepo Kgare njengo-CEO yoMlawuli Wezokuphepha Kwezezitimela. 
5. Mnu. Brenton Van Vrede njengeSikhulu Esiphethe: Umphathiswa Wezokusebenza Kwezibonelelo zikahulumeni kwiNhlangano Yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika. 

Imibuzo: Nksz Phumla Williams – USomlomo WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore