Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi Obanjwe Nge-inthanethi mhla ziyisi-5 kuNcwaba 2020

A.         Ukugxila Kwezenkohlakalo

1.         Ukuxhashazwa kwezinsiza zokusiza ukubhekana neSifo Segciwane i-Corona (i-COVID-19)

1.1.    IKhabhinethi lixoxe ngemibiko yakamuva edumazayo yezenzo zenkohlakalo nokwebiwa kwezinsiza ezidingeka kakhulu ezakhishwa wuhulumeni ukuze kuhlengwe izimpilo nezindlela zokuphila zabantu ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19.

1.2.    Kunabantu kanye nezinkampani ezingcolile ezizitapele ezinsizeni zikahulumeni okwakumele zihlinzeke imindeni ehlwempu ngokudla kanye nezinsizakusebenza zokuzivikela (ama-PPE) zabasebenzi abahamba phambili ekulweni nalolu bhubhane, ikakhulukazi abasebenzi basemkhakheni wezempilo.   

1.3.    Izenzo zobugebengu nezokungcola ezibandakanya ukunyuswa kwamanani entengo, ukuphazamisa nokuhambisa izijumbana zokudla zabantu abahlwempu kwezinye izindawo, kanye nezenzo zokukhwabanisa ezibandakanya imali ekhishelwe ukususa ubunzima kubasebenzi namabhizinisi athintekile ngokuvalwa kwemisebenzi yezomnotho ngesikhathi sokuvalwa kwezwe lonke.   

1.4.    IKhabhinethi linxuse zonke izikhungo zikahulumeni ukuthi zisebenze ngobuqotho obukhulu kakhulu nesibopho, futhi zenze imisebenzi yazo ngempumelelo nangokugculisayo. IKhabhinethi lisazinikele ekwakheni izwe elikwazi ukusebenza, elinezinkambisonhle futhi elithuthukayo. Leseka isicelo sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa sakamuva sokuthi abezomthetho benze konke okusemandleni ukubopha labo ababandakanyeka enkohlakalweni, noma ngabe bawobani futhi kuqinisekiswe ukuthi iyabuyiswa imali entshontshiwe.

1.5.    Eminyakeni edlule uHulumeni wethule izindlela zokungenelela ezinhlobonhlobo ukuze kuliwe nomkhokha wenkohlakalo, enomthelela omubi ekuhlinzekweni kwemisebenzi kubantu abahlwempu nababuthaka.  

1.6.    Isikhungo sokudidiyela esikhethekile esisanda kusungulwa sihlose ukuqinisa izinhlelo phakathi kwezikhulu eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuvikela, ukubona, ukuphenya nokushushisa ngenkohlakalo ehambisana ne-COVID-19. Sakhiwe iSikhungo Sobunhloli Kwezezimali; uPhiko Lwezophenyo Lwamaphoyisa Oluzimele; uPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke, uPhiko LwaseNingizimu Afrika Lwamaphoyisa Oluphenya Ubugebengu Obuseqhulwini (Oklebe), Abobuhlakani Nokuphenywa Kwamacala; Ezokukhokhwa Kwentela eNingizimu Afrika;  Uphiko Olukhethekile Oluphenya Izenzo Zobugebengu(i-SIU) kanye neZokuphepha Zombuso.

1.7.    Izinsolo zenkohlakalo ephenywayo zibandakanya ukwabiwa kwezijumbana zokudla ngendlela yokukhwabanisa, izibonelelo zokusiza umphakathi, ukukhishwa kwezinkontileka zokutholakala kwama-PPE kanye nokuhlinzeka ngezinye izinsinza zezempilo, kanye nokuzitapela esikhwameni i-Unemployment Insurance Fund's COVID-19 Temporary Employee/Employer Relief Scheme.   

1.8.    Ukuze kusheshiswe futhi kuqiniswe inqubo yokubhekana nenkohlakalo, uMongameli Ramaphosa usanda kusayina isimemezelo esigunyaza i-SIU ukuthi iphenye zonke izenzo ezingekho emthethweni noma ukuziphatha ngokungafanele maqondana nokukhishwa kwezinkontileka zokutholakala kwezinsizakusebenza nemisebenzi ngesikhathi noma okuqondene nesimo senhlekelele sikazwelonke kunoma isiphi isikhungo.

I-SIU inikwe amandla okwenza noma uluphi uphenyo oluhambisana nokuxhashazwa kwezimali ze-COVID-19 kuzo zonke izinhlaka zikaHulumeni futhi kuqaliswe izinqubo zecala ukuze kulungiswe umonakalo noma kubuyiselwe imali elahlekele uHulumeni. Ukuqinisekisa ukuthi izinyathelo zithathwa ngokushesha, uMongameli uzothola imibiko yesikhashana yophenyo ngalo lonke uphenyo njalo emavikini ayisithupha. Uzophinde anikwe imibiko evela kuMgwamanda Olwisana Nenkohlakalo Emkhakheni Wezempilo i-Health Sector Anti-Corruption Forum enikwe umsebenzi wokuphenya okungahambi kahle nokuphatha ngendlela engafanele emkhakheni wezempilo.

1.9.    IKhabhinethi liphinda lamukela izichibiyelo zemithethonqubo yokuqala yeKhomishana Ephenya Izinsolo Zokubanjwa Kombuso Ngobhongwane, Inkohlakalo Nokukhwabanisa Emikhakheni Kahulumeni, okubandakanya Izinhlaka Zikahulumeni. Imithethonqubo echitshiyelwe seyizovumela ukuthi ikhomishana yabelane ngolwazi nezinye izikhungo zomthetho. Lokhu kuzosiza ukusheshisa uphenyo nokushushiswa kwamacala ahambisana nenkohlalalo.

1.10.    Njengengxenye yokuqinisa lezi zindlela zokungenela, iKhabhinethi liphinde lagunyaza ukubunjwa kwethimba loNgqongqoshe abahlanu ukuze, phakathi kokunye, babheke izinqubo zokukhishwa kwezinkontileka zokutholakala kwezinsizakusebenza eziqondene ne-COVID-19 okwenziwe ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ukuze kuqiniswe izinhlelo zokukhishwa kwezinkontileka zamanje. Leli thimba lakhiwe uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uMnu. Ronald Lamola (Umholi); uNgqongqoshe Wezezimali, uMnu. Tito Mboweni, uNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nezokuphathwa Kwayo, uMnu. Senzo Mchunu, uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezendabuko uDkt. Nkosazana Dlamini Zuma kanye noNgqongqoshe Wehhovisi LikaMongameli, uMnu. Jackson Mthembu.

1.11.    Yonke iminyango kahulumeni kuzolindeleka ukuthi ithumelele leli thimba longqongqoshe zonke izinkontileka zokuthenga ezikhishiwe ngalesi sikhathi ukuze zishicilelwe futhi  umphakathi ukwazi ukuzithola.

1.12.    IKhabhinethi lamukela isimemezelo sokuthi kunamacala enkohlakalo abalwa kuma-36 asezigabeni ezinhlobonhlobo zophenyo nokushushiswa. Lawo macala athumela umyalezo oqinile wokuthi uhulumeni angeke azamukele nhlobo izenzo zenkohlakalo, ikakhulukazi kubasebenzi bakahulumeni, nokuthi bonke abenze lawo macala bazoboshwa futhi bashushiswe.

1.13.    Inkohlakalo iyicala elikhulukazi lokuphanga abantu abampofu nelibaphuca izidingongqangi. Njengomphakathi, sinomsebenzi wokulwa nenkohlakalo futhi kumele siyiveze obala ngaphandle kokwesaba nokuchema. IKhabhinethi linxusa umphakathi ukuthi usebenzise izinombolo zocingo zikazwelonke nezemikhakha ehlukahlukene yokulwisana nenkohlakalo ukuze kwesekwe izinhlelo zokuveza nokulandelela izinsolo ezihambisana nenkohlakalo.

B.         Izinqumo Esisemqoka    

2.         Isu Likazwelonke Lezedijithali Nelamakhono Angomuso

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweSu Likazwelonke Lezedijithali Nelamakhono Angomuso. Leli su liwumphumela woMthetho Kazwelonke Odingidwayo Wezobuchwepheshe Bolwazi Obudidiyelwe owashicilelwa kuMandulo 2016.   

2.2.    Leli su libhekana nohlaka lokulawula lokuthuthukisa amakhono kuzo zonke izinhlaka zomthetho maqondana noguquko lwezedijithali nokuthuthuka kwezobuchwepheshe koGuquko Lwezimboni Lwesine. Lihlinzeka ngendlela ebheke ingomuso nehlanganisile ezobandakanya umkhakha ozimele, izikhungo zemfundo ephakeme kanye nomphakathi uwonkana.

3.         Isu Lokujwayela Uguquguquko Lwesimo Sezulu Kuzwelonke (i-NCCAS)

3.1    IKhabhinethi ligunyaze i-NCCAS ukuze iqaliswe. Leli su lisebenza njengoHlelo Lokujwayela Isimo Lukazwelonke njengoba kudingeka ngokweNhlangano Yezizwe.  
Isivumelwano Sohlaka Loguquguquko Lwesimo Sezulu. Isu Lokujwayela Isimo Soguquguquko Lwesimo Sezulu Kuzwelonke (i-NCCAS) lwendlala izimpokophelo, ukungenelela emiphumeleni ukuze izwe lethu liveze ukuzibophezela kweNingizimu Afrika eSivumelwaneni sase-Paris soguquguquko lwesimo sezulu.

3.2    Leli Su elasungulwa ngokubonisana kukahulumeni, umkhakha ozimele kanye nemiphakathi yasendaweni lihlose ukunciphisa ukuba sengcupheni komphakathi, umnotho kanye nemvelo ngenxa yomthelela woguquguquko lwesimo sezulu. Kuphinde kube nomthelela endleleni ehlanganisayo nedidiyele yokuphathwa kwezindlela zokuzijwayeza njengendlela yokungenelela emitheleleni yoguquguquko lwesimo sezulu.  
Njengoba selamukelwe, uMnyango Wezemvelo, Ezamahlathi Nezokudoba uzolawula wonke amazinga kahulumeni, amabhizinisi kanye nawezinhlangano zomphakathi ngesikhathi sokuqaliswa kwalo. Uhlelo lweminyaka eyi-10 luzobuyekezwa njalo emuva kweminyaka emihlanu.

4        Ukukhunjulwa Kwenyanga Yabesifazane, kuNcwaba 2020

4.1    IKhabhinethi ligunyaze uhlelo lokukhunjulwa kweNyanga Yabesifazane ngaphansi kwesiqubulo: "Ukuhlonipha amalungelo abesifazane ukuze kube nekusasa elilinganisayo". Inyanga Yabesifazane yalo nyaka igxile esicelweni sokuthi abantu bathathe izinyathelo zokubeka phambili amalungelo abesifazane nokulingana ngokobulili.

4.2    Uhulumeni uzinikele ekulweni nasekuqedeni udlame olubhekiswe kubulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF). Ngaleli sonto iKhabhinethi ligunyaze iMithethosivivinywa emithathu eyethulwe ePhalamende, ezoqinisa uhlelo lwezobulungiswa ukuze kwesekwe futhi kuvikelwe izisulu ze-GBVF.

4.3    Uhlelo oluzodonsa inyanga luzothuthukisa ukunxenxwa kwabesifazane nokuqiniswa kwezinhlangano zabesifazane ukuze zikwazi ukuqhubeka nokubhekana nezinkinga ezibathintayo. NgeSonto, ziyi-9 kuNcwaba 2020, uMongameli Ramaphosa uzokwenza umsebenzi ozosakazwa kumabonakude ezweni lonke, ehlanganyele nethimba lezikhulumi eziqavile.

C.         IMithethosivivinywa

5         IMithethosivivinywa ye-GBVF egunyaziwe

5.1    IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa kweMithethosivivinywa emithathu ye-GBV – uMthethosichibiyelo Wamacala Ezobugebengu (Amacala Ezocansi Nahambisana Nawo) wezi-2020; uMthethosichibiyelo Werejista Kazwelonke Yamacala Ezocansi kanye Nodlame Lwasekhaya –ePhalamende. Le Mithethosivivinywa ibhekene nezinkinga eziningi eziphakanyiswe eNgqungqutheleni KaMongameli Elwisana ne-GBV eyabanjwa ngowezi-2018 maqondana nohlelo lwezobulungiswa oluqondene nezobugebengu.   

5.2    Izichibiyelo zihlinzeka ngezindlela zokungenelela ezigxile ohlelweni lwezobulungiswa oluqondene nezobugebengu maqondana namacala ezocansi. Ziqinisa imigomo yebheyili yabenzi bamacala ezocansi. Angeke zisadingeka izincwadi ezigunyaza ukuboshwa komenzi wecala ngaphambi kokuba izikhungo zomthetho zingenelele emacaleni ezocansi. Imigomo kashwele nayo iyaqiniswa futhi nezigwebo ezincane ziyengezwa. Izichibiyelo ziphinde zaqinisa okuzokwenzeka lapho umuntu ephula imiyalelo yokuvikelwa kwezisulu.

5.3    UMthethosichibiyelo Womthetho Wezobugebengu (Amacala Ezocansi Nahambisana Nawo) uphinde uchibiyele iRejista Kazwelonke Yamacala Ezobugebengu ngokwandisa umsebenzi wayo ofaka izingane nabantu abaphila nokukhubazeka ngokwengqondo kuphela, bese udlulele uvikele bonke abantu ababuthaka. Abantu abakule rejista baphoqelekile ukuthi badalule lolu lwazi uma befaka izicelo zokusebenza nalaba bantu.

5.4    UMthethosichibiyelo Wezodlame Lwasekhaya ulawula ukutholakala komyalelo ovikela izisulu emacaleni odlame lwasekhaya ngezindlela zobuchwepheshe. Uphoqa uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezenhlalakahle noMnyango Wezempilo ukuze kuhlinzekelwe imisebenzi ethile ezisulwini zodlame lwasekhaya futhi uhambisane nezinhlinzeko zoMthetho Wodlame Lwasekhaya, 1998 (uMthetho 116 we-1998) ngezinhlinzeko zoMthetho Wokuvikelwa Ekuhlukumezekeni, 2011 (uMthetho 17 wezi-2011).

6.    UMthethosivivinywa Wokusetshenziswa Kwensangu Ngasese wezi-2020

6.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokusetshenziswa Kwensangu Ngasese wezi-2020 ukuze usetshenzwe. UMthethosivivinywa uqalisa isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo eyanquma ukuthi ezinye izingxenye zoMthetho Wezokushushumbiswa Kwezidakamizwa, 1992 (uMthetho 140 we-1992) kanye noMthetho Wokulawula Kwemithi Nezinto Ezihambisana Nawo, 1965 (uMthetho 101 we-1965) azihambisani nomthethosisekelo.

6.2.    Isahlulelo samiswa izinyanga ezingama-24 ukuze iPhalamende lilungise lezo zigaba. Lo Mthethosivivinywa ulawula ukusetshenziswa nokugcinwa kwensangu kanye nokutshalwa kwayo wumuntu omdala ukuze ayisebenzise ngokwakhe. Uhlinzeka ngomkhawulo wobungako bensangu engagcinwa wumuntu omdala futhi wenza kube yicala ukubhema insangu ezindaweni zomphakathi.    

7.         UMthethosichibiyelo Wokuqoqwa Kweminikelo wezi-2017

7.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa ePhalamende. UMthethosivivinywa uchaza uMthetho Wokuqoqwa Kweminikelo, 1978 (uMthetho 107 we-1978), ngokuhlanganisa izikhwama ezikhona ezintathu - i-Disaster Relief Fund, i-South African Defence Force Fund kanye ne-Refugee Relief Fund - yaba yi-National Social Development and Relief Fund.
    
7.2.    Lesi sikhwama sizobe sesigxila ezindleleni zokungenelela kuqala ezinhlekeleleni futhi sikhuthaze ukuthuthukiswa kwezenhlalakahle emiphakathini. Lezi zikhwama ezihlanganisiwe zizosiza ukuhlela izinqubo zokuphatha, futhi kukwazi ukuba nemisebenzi esebenza ngempumelelo emiphakathini empofu futhi kuncishiswe izindleko. Sizohlanganisa amabhodi amathathu abe yibhodi elilodwa.

D.         Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele bahlolwe maqondana nezimo zokulandela umthetho futhi kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

8.1.      Uphiko Lwezamaphoyisa eNingizimu Afrika
a.    U-Brigadier Ebrahim Ahmed Kadwa – Inhloko Yesifundazwe saseGauteng: UPhiko Lwezophenyo Lezobugebengu Obuseqhulwini (i-DPCI); kanye
b.    no-Brigadier Moiki Obed Ngwenya – Inhloko Yesifundazwe SaseMpumalanga Kapa: i-DPCI.
8.2.     Mnu. Collins Letsoalo – Isikhulu Esiphezulu (i-CEO) se-Road Accident  
 Fund.  
8.3.    Amalungu angezona iziphathimandla e-Ejensi ye-Road Traffic Infringement:
a.    Nksz. Bongekile Zulu (USihlalo);
b.    Mnu. Tshikane Owen Mtsetweni;
c.    Dkt. Prittish Dala;
d.    Nksz. Dorcas Khosa-Shikwambana; kanye
e.    noMnu. Bonolo Molemo Ramokhele.
8.4.    Abaqondisi abangasizo iziphathimandla zeBhodi le-Airports Company South Africa:
a.    Nksz. Dudu Hlatshwayo; kanye
b.    noDkt. Kgabo Badimo.
8.5.    Amalungu angezona iziphathimandla eBhodi le-Railway Safety Regulator:
a.    Mnu. Boy Johannes Nobunga; (USihlalo);
b.    Nksz. Yongama Pamla (Iphini LikaSihlalo);
c.    Mnu. Sisa Lunga Mtwa;
d.    Adv Nokuzola Gloria Khumalo;
e.    Nksz. Nompumelelo Ekeke;
f.    Nksz. Dineo Mathibedi;
g.    Nksz. Salome Chiloane-Nwabueze;
h.    Adv Frans Johannes van der Westhuizen; kanye
i.    no-Adv Johannes Collen Weapond.
8.6.    Mnu. Khathutshelo Ramukumba – Isikhulu Esiphezulu Sezimali se-South African Post Office.
8.7.     Mnu. Mlamli Booi – U-CEO we-SENTECH SOC Limited (Oqokwe Kabusha).  
8.8.    Dkt. Mzubanzi Bismark Tyobeka – U-CEO we-National Nuclear Regulator (Oqokwe Kabusha).
8.9.    IBhodi le-National Nuclear Regulator:
a.    Dkt. Thapelo Motshudi (USihlalo);
b.    Nksz. Dineo Peta (Iphini LikaSihlalo);
c.    Mnu. Protas Phili;
d.    Nksz. Devinagie Bendeman;
e.    Dkt. Nomusa Qunta;
f.    Mnu. Bernard Pelei Petlane;
g.    Mnu. David Mamphitha; kanye
h.    noNksz. Lindelwa Dlamini.
8.10.    IBhodi Labaqondisi le-National Radioactive Waste Disposal Institute:
a.    Nksz. Thandeka Zungu (USihlalo);
b.    Mnu. Mogwera Khoathane (Iphini LikaSihlalo);
c.    Dkt. Kgaugelo Chiloane;
d.    Dkt. Cornelius Ruiters;
e.    Nksz. Leandra Vilakazi;
f.    Nksz. Lerato Makgae (UMnyango Wezengcebo Embiwayo Nezamandla); kanye
g.    Mnu. Trevor Mark Gordon (Mnyango Wezemvelo, Ezamahlathi Nezokudoba).
8.11.    Ukwelula: Isikhathi Sokusebenza seBhodi Labaqondisi Besikhashana be-Enjensi ye-Small Enterprise Finance:
a.    Mnu. AM Mahosi (USihlalo);
b.    Mnu. M Radebe (Iphini LikaSihlalo);
c.    Mnu. J Kganyago;
d.    Mnu. N Dlamini;
e.    Nksz. NR Mlonzi;
f.    Nksz. DL Mabuza;
g.    Nksz. M Makara; kanye
h.    nomele i-Industrial Development Corporation.
8.12.    Mnu. Mlindi Mashologu – IPhini LikaMqondisi-Jikelele (i-DDG):  Information Society Development and Research, uMnyango Wezokuxhumana Nezobuchwepheshe Bedijithali.   
8.13.    Nksz. Thabitha Constance Mametja – i-DDG: Imisebenzi Yenkampani, UMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo.

Imibuzo: Nkz Phumla Williams - USomlomo weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore