Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi mhla zingama-25 kuMbasa 2018

A. Izindaba Ezisematheni

1. Imingcwabo yezingqalabutho zomzabalazo esezimnkantshubomvu

1.1. IKhabhinethi liyababonga impela bonke abantu emhlabeni jikelele, ikakhulukazi abantu baseNingizimu Afrika, ngezenzo zabo ezinobubele kanye nokusukumela phezulu kwabo kulandela ukudlula emhlabeni ‘kwembokodo’ uMama u-Winnie Madikizela-Mandela, nengqalabutho yomzabalazo uDkt Zola Skweyiya kanye nomholi wezinyunyana u-Archie Sibeko.

1.2. Lezi zingqalabutho zethu zanikela ngezimpilo zazo emshikashikeni wokufezekisa iphupho leNingizimu Afrika engcono, futhi abesilisa nabesifazane bakuleli bathola ugqozi nentshisekelo kumangwevu nemizabalazo yabo.

1.3. NjengoMongameli Cyril Ramaphosa, iKhabhinethi nalo limthulela isigqoko usomaqhinga obesemnkantshubomvu osesishiyile emhlabeni, iNxusa u-George Nene, owayisebenzela ngokuzimisela nangobunyoninco obukhulu iNingizimu Afrika ngenkathi esekudingisweni, egqugquzela isifunda sethu kanye nezwekazi lonkana ukuba lifake isandla emzabalazweni wokukhulula iNingizimu Afrika.

2. Imibhikisho eqhubeka esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga

2.1. IKhabhinethi libhungile ngodaba lwezinxushunxushu eziqhubeka esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga, eseziphazamise ukuhlinzekwa kwezidingongqangi zomphakathi eziningana, ikakhulukazi ezempilo. Njengohulumeni onakekelayo, iKhabhinethi ligunyaze izinhlelo zokungenelela ezimbili ezisheshayo okuhloswe ngaso ukubuyisa ukuthula nozinzo endaweni.

2.2. IKhabhinethi likugunyazile ukusetshenziswa kweSigaba 100(1)(b) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ngenhloso yokubhekana nesimo esibucayo esiqhubekayo, ikakhulukazi emkhakheni wezempilo. Injongo-ngqangi yalokhu kungenelela kukahulumeni wukwenza lokhu okulandelayo:

  • ukubuyisa ukwethembana phakathi kwabasebenzi nohulumeni;
  • ukulekelela isifundazwe ukuthi siphucule izinhlelo namandla aso okusebenza ukuze umsebenzi kahulumeni uqale futhi ukusebenza njengenjwayelo;
  • ukuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho nemithethonqubo elawulayo kahulumeni;
  • ukuletha uzinzo kwezabasebenzi, kubuyiswe ukuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi okusimeme, kuqinisekiswe ukuvikeleka kwabasebenzi futhi kwenziwe ngcono nokuphathwa kwezimali.

2.3. Futhi iKhabhinethi selijube ithimba loNgqongqoshe ukuba livakashele esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga ngenhloso yokuyozibonela ngawalo isimo esiqhubekayo futhi lithole namaqiniso mayelana nesimo esiqhubekayo emphakathini. Kulindeleke ukuba bathumele umbiko emavikini amabili ezayo. Umbiko mayelana namaqiniso azotholwa yileli thimba emphakathini uzolekelela ekuhlonzeni ezinye izinhlelo zokungenelela okungenzeka zidingeke esifundazweni.  

2.4. Leli Thimba Elijutshiwe lakhiwe nguNgqongqoshe Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola (Ongumlawuli ozohola futhi ahlanganise ithimba); Owezempilo; Owezezimali; Owokwengamela Ngokubambisana kanye Nezindaba Zendabuko, ngokunjalo noNgqongqoshe Beqoqwana Lezobulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu Nokuvikeleka.

2.5. Nakuba liziphawulile izinkinga ezivezwe yimiphakathi, iKhabhinethi lizigxeka kakhulu izenzo zodlame, nokuphanga, nokucekelwa phansi kwempahla obekuhambisana nale mibhikisho kwezinye izindawo zesifundazwe.

3. Izingxoxo zamaholo emkhakheni wabasebenzi bakahulumeni

3.1 IKhabhinethi lethulelwe umbiko mayelana nezingxoxo zamaholo eziqhubekayo njengamanje emkhakheni wabasebenzi bakahulumeni. IKhabhinethi selinxuse uMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo ngokuhlanganyela nekomidi loNgqongqoshe elijutshiwe, ukuba basebenze ngokushesha emizamweni yabo yokuxazulula lesi simo sikangqingentshe esikhona njengamanje ezingxoxweni zamaholo.

4. Isiteleka samabhasi

4.1. IKhabhinethi liyabanxusa bonke ababambiqhaza emkhakheni wezithuthi zomphakathi ukuba benze imizamo yokuqeda ngokushesha isiteleka samabhasi sikazwelonke. Siyabanxusa bonke abathintekayo ukuba babuyele ezingxoxweni zokubonisana ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni esizovuna bonke abayingxenye yezingxoxo kanye nezwe lonkana.

5. Udlame olubheduke eNkundleni Yezemidlalo i-Moses Mabhida

5.1. IKhabhinethi lilugxeka kakhulu udlame olungenangqondo nokucekelwa phansi kwempahla okwenziwe ngabalandeli bebhola likanobhutshuzwayo kulandela ukungena kwabo ngenkani ebaleni okudlalelwa kulona eNkundleni Yezemidlalo i-Moses Mabhida emva kokuphela komdlalo wenhlangano yebhola likanobhutshuzwayo, i-Premier Soccer League, ngempelasonto edlule.

5.2. Izikhungo Zokuqinisekisa Ukuthotshelwa Komthetho ziyanxuswa ukuba ziqinisekise ukuthi bonke labo ababeyingxenye yezenzo zobuxhwanguxhwangu nodlame kulo mdlalo bayajeziswa ngezenzo zabo ezimbi.

5.3. IKhabhinethi linxusa ukuthi kwenziwe uphenyo olusheshayo, futhi kuqaliswe nezinyathelo zokuphepha nokuvikeleka eziqinile ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwezibukeli nezikhulu zebhola. Liyabanxusa futhi bonke ababambiqhaza ukuba balekelele ophenyweni olwenziwayo lokuvimbela ukuqubuka kodlame olunjengalolu esikhathini esizayo.

6. Iziteshi zomsakazo zomphakathi

6.1. IKhabhinethi liyasamukela isivumelwano okufinyelelwe kusona sokuvumela iziteshi zomsakazo zomphakathi eziyi-15 ukuba ziqhubeke futhi zisakaze emva kokumiswa yi-Sentech ngenxa yokuhluleka kwazo ukukhokha imali yezindleko zokuhlinzekwa ngesiginali yokusakaza ngomoya, njengoba kusaqhutshekwa nemizamo yokuthola isixazululo esisimeme kule nkinga.

6.2. Kufinyelelwe kulesi sivumelwano emva kokuba uhulumeni ebambe umhlangano ne-Sentech, iNhlangano Kazwelonke Yeziteshi Zomsakazo Zomphakathi, uPhiko Lokuthuthukisa Ezokusakaza Nokwahlukana (i-MDDA) kanye Nesikhungo Esizimele Esibhekelele Ezokuxhumana eNingizimu Afrika (i-Icasa).

6.3. Umkhakha wezemisakazo yomphakathi uyinkundla yokuxhumana esemqoka kakhulu ehlinzeka abantu bakuleli ngethuba lokuzitholela ulwazi futhi usebenza njengendlela enhle yokwakha umphakathi ohlonyiswe ngolwazi. Bonke ababambiqhaza bavumile ukuphinda bahlangane khona maduze nje ukuze kutholakale ikhambi lesikhathi eside elizoholela ekusimameni kwalezi ziteshi zomsakazo ukuze ziqhubeke isikhathi eside nomsebenzi wazo.

7. UMhlangano Wezinhloko Zamazwe Angamadlelandawonye eBhrithane

7.1. IKhabhinethi liyakuthokozela ukwamukelwa koHlelo Lokusebenza lwale minyaka emibili ezayo Lwenhlangano Yamazwe Angamadlelandawonye.

7.2. UMongameli Ramaphosa nguyena obehola iThimba Lezithunywa Ebezimele iNingizimu Afrika eMhlanganweni Wezinhloko Zamazwe Angamadlelandawonye (i-CHOGM 2018) ngaphansi kwesihloko esithi: “Siphokophele Kwingomuso Elifanayo” owabanjwa kusukela mhla ziyi-19 kuya kumhla zingama-20 kuMbasa 2018.

7.3. Njengomzamo wokubeka iNingizimu Afrika endaweni enhle njengelinye lamazwe asafufusa aphuma phambili ekuheheni abatshali-zimali bangaphandle, uMongameli Ramaphosa wethula futhi inkulumo eMhlanganweni Wabaholi Base-Afrika weNhlangano Yezebhizinisi Yamazwe Angamadlelandawonye, futhi waxoxisana nabatshali-zimali nabaholi bamabhizinisi abaphakeme bamazwe ngamazwe. Wamema futhi nabatshali-zimali nabaholi bamabhizinisi abahamba phambili emhlabeni ukuthi beze eNingizimu Afrika bazokwethamela iNgqungquthela Yezotshalomali elindelwe ngamehlo abomvu, ezobanjwa makhathaleni ngokuqhubeka kwalo nyaka.

7.4. Ngaphansi kobuholi bukaMongameli Ramaphosa, iThimba laseNingizimu Afrika lasebenzisa futhi nethuba elahlinzekwa yi-CHOGM lokuqhubeka nokunxenxa amanye amazwe ukuba asekele imizamo yeNingizimu Afrika  yokufakwa njengelinye lamazwe azokhethwa ukuthi abe yingxenye yoMkhandlu Wezokuvikela weNhlangano Yezizwe (i-UN) kwihlandla lomkhandlu lowezi-2019 – 2020. Lolu khetho luzobanjwa mhla ziyisi-8 kuNhlangulana 2018 e-New York, kwelase-USA.

8. Utshalomali

8.1. IKhabhinethi liyasamukela isinyathelo sikaMongameli Ramaphosa sokuqoka izithunywa ezikhethekile ezine ezizogqugquzela ukulethwa kotshalomali kuleli ngokuxhumana nabatshali-zimali bakuleli nabakwamanye amazwe zibachazele kabanzi ngamathuba ezomnotho akhona eNingizimu Afrika.

8.2. Lezi zithunywa zethweswe umsebenzi wokuheha utshalomali ngendlela egxilile futhi engambi eqolo. Umkhankaso wokuheha utshalomali uzofinyelela kuvuthondaba ngokubanjwa kwengqungquthela enkulukazi ngasekupheleni kwalo nyaka, okuhloswe ngayo ukuheha utshalomali oluyinkulungwane yezigidigidi (ithriliyoni) zamarandi kule minyaka emihlanu ezayo.

9.  Ukwethulwa kweSikhungo Esinguntozonke se-InvestSA saseGauteng

9.1.  IKhabhinethi liyabakhuthaza kakhulu abatshali-zimali bakuleli nabakwamanye amazwe ukuba basebenzise iziKhungo Zezifundazwe Zotshalomali Ezingontozoke ezethulwayo njengamanje ezweni lonkana – futhi isiKhungo Esinguntozonke sakamuva esethuliwe kuleli ngesaseGauteng.

9.2. Uhlelo lwe-InvestSA LweziKhungo Ezingontozonke wuhlelo lukaMongameli lokugqugquzela nokwenza lula inqubo yokutshalwa kwezimali eNingizimu Afrika. Kuze kube manje, sekusungulwe ngempumelelo iziKhungo ze-InvestSA Ezingontozonke esifundazweni saKwaZulu-Natali kanye naseNtshonalanga Kapa.

9.3. Luyaqhubeka uhlelo lokusungulwa kweziKhungo Zotshalomali Ezingontozonke kuzo zonke izifundazwe zakuleli, futhi lezi zikhungo zizosetshenziselwa ukuhlanganisa nokuhambelanisa umsebenzi wezizinda zomnotho ezikhethekile, izimpiko zotshalomali zezifundazwe, omasipala kanye neminyango kahulumeni efanelekile ebandakanyeka ezindabeni eziphathelene nokulawulwa, ukubhaliswa kanye nokuhlinzekwa kwezimvume namalayisensi kubatshali-zimali.

10. Amakhadi Amasha ePosi, i-SASSA ne-Postbank

10.1. IKhabhinethi liyayamukela inqubo elingwayo yokukhishwa kwamakhadi  amasha eNhlangano Yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni yaseNingizimu Afrika (i-SASSA) emaposini akhethiweyo esifundazweni saseNtshonalanga Kapa ukuze abahlomuli bezibonelelo zikahulumeni bakwazi ukushintshisa amakhadi abo amadala ngamaKhadi Amasha Eposi laseNingizimu Afrika, (i-SAPO), i-SASSA kanye ne-Postbank.

10.2. Abahlomuli kanye nabanikazi bamakhadi ezibonelelo zikahulumeni basazokwazi ukusebenzisa lawo makhadi abawasebenzisayo njengamanje kuze kuphele inyanga kaZibandlela 2018, kodwa-ke iKhabhinethi liyabakhuthaza ukuthi bavakashele emahhovisi e-SASSA noma e-SAPO aseduze nabo bayoshintshisa amakhadi abo amadala kusukela mhla zi-2 kuNhlaba kuyofinyelela ekupheleni kukaMandulo 2018.

11.  Imfundo Ephakeme

11.1.  IKhabhinethi liyayithokozela inqubekelaphambili eyenziwayo ekuqalisweni kohlelo lokuhlinzekwa kwemfundo yamahhala, njengoba uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha esechazile kabanzi ngalokhu. Isimemezelo sokukhushulwa kwesabelo se-NSFAS ngemali ebhekile impela sisuka kwisamba esingamabhiliyoni ayisi-9,849 amarandi ngowezi-2017/18 siyofinyelela kumabhiliyoni angama-35,321 amarandi ngowezi-2020/21 kubonisa ukuzibophezela kukahulumeni ekulekeleleni abafundi abaphuma emakhaya ahlwempu kanye nalawo anabondli abenza imisebenzi eholela amaholo aphansi.

12. Uhlelo Lokwesekwa kwama-SMME

12.1.  IKhabhinethi liyakwamukela ukwethulwa koHlelo Lokugqugquzelwa Kwamathuba Omsebenzi ngokusebenzisa umklamo wokweSekwa Kwamabhizinisi Asafufusa (ama-SMME), okuwuhlelo oluwubambiswano phakathi koMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-DSBD) kanye neNhlangano Yamazwe ase-Yurophu (i-EU).

12.2. Lolu hlelo luzosekela ama-SMME ngokuwahlinzeka ngezinsizakalo zokuthuthukiswa kwebhizinisi, luwalekelele ukuba akwazi ukufinyelela nokuthola izindawo angahweba kuzo kanye nabantu angahwebelana nabo noma abathengisele imikhiqizo yawo, lwenze ngcono ukufinyelela kwawo ezinsizakalweni zokuxhaswa ngezimali futhi luwalekelele ngokunciphisa umthwalo onzima osemahlombe awo ophathelene nokuphathwa nokulawulwa kwamabhizinisi asemancane.
 
13. Ezesayensi Nobuchwepheshe

13.1. IKhabhinethi liyabancoma impela bonke labo ababandakanyekayo emsebenzini wokwakhiwa nokuphothulwa kwe-ZACUBE-2, okuyisiphuphutheki (isathelayithi) esithuthuke kakhulu sokuqala sase-Afrika. Isiphuphutheki i-ZACUBE-2 esinesisindo esingamakhilogramu amane – esathuthukiswa yinyuvesi yezobuchwepheshe i-Cape Peninsula University of Technology (i-CPUT) kanye nesikhungo sezobuchwepheshe i-French South African Institute of Technology, futhi ebesilawulwa yisiKhungo Sikazwelonke Sezomkhathi saseNingizimu Afrika – saxhaswa ngezimali wuMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe. Lesi yisiphuphutheki esincane sesibili esithuthukiswe e-CPUT.

13.2. Lesi siphuphutheki sesithunyelwe kwelase-India lapho sizocitshwa khona siye phezulu emkhathini. Sizosiza ekuqoqeni imininingo ezolekelela ekuvulweni kwamathuba okukhulisa umnotho ngokusebenzisa umkhakha womnotho wasolwandle. Lesi siphuphutheki esincane sizolekelela ekufezekisweni kwezidingo zohlelo loMkhankaso we-Operation Phakisa Womnotho Wasolwandle futhi silekelele ngokuqapha konke okwenzekayo olwandle olusogwini lwaseNingizimu Afrika futhi sizohlinzeka ngezexwayiso nolwazi olusheshayo uma kwenzeka kuqubuka imililo yequbula emahlathini.

14.  INgqungquthela Yezezimayini Ebibanjelwe KwaZulu-Natali

14.1.  IKhabhinethi liyawamukela umphumela weNgqungquthela Yezezimayini edonse izinsuku ezimbili ebibanjelwe KwaZulu-Natali, lapho izithunywa zibhunge khona ngezindaba ezizolekelela ekulethweni koguquko kulo mkhakha futhi kuvulwe namathuba aphathelene nochungechunge lomsebenzi wokumbiwa kanye nokulungiswa kwemikhiqizo yezimbiwa esifundazweni.  
14.2.  Umkhakha wezimayini ngomunye wemikhakha esemqoka kakhulu engalekelela ekuletheni uguquko emnothweni wezwe futhi iKhabhinethi selinxuse izinkampani zezimayini, abasebenzi kanye nemiphakathi ukuba baqinise ubudlelwano phakathi kwabo ukuze usimame futhi uchume umkhakha wezimayini.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lokuqapha Nokuhlola lweNqubomgomo Kazwelonke Yentsha (i-NYP) yowezi-2015-2020. Lolu hlaka luhlinzekela ukuphendula kahle nokusebenza ngobunyoninco ekufezekisweni kwezinjongo ze-NYP zowezi-2020. Le nqubomgomo ihlose ukwenza ngcono indlela okusetshenzwa ngayo kanye nokuphucula ukuhlinzekwa kwezinsizakalo, ikakhulukazi izinhlelo zentsha.

2. IKhabhinethi likugunyazile ukusingathwa koHlelo lwenyanga kaNhlaba 2018 loMgubho Waminyaka Yonke Wenyanga ye-Afrika ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Nelson Mandela – Sakha i-Afrika Engcono kanye Nomhlaba Ongcono”. Ngenyanga kaNhlaba kugujwa imisebenzi eyimpumelelo eyenziwe ekuthuthukisweni kwe-Afrika. Imicimbi ezobanjwa ngale nyanga izofinyelela kuvuthondaba ngoSuku lwe-Afrika mhla zingama-25 kuNhlaba, okuwusuku olwaqokwa futhi lwamenyezelwa ngokusemthethweni yiNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) futhi olugujwa ezwekazini lase-Afrika.

3. IKhabhinethi lihlinzekwe ngolwazi mayelana nombiko kanye nezinhlelo zokungenelela eziqhutshwayo eziphathelene nesimo samacala okuxhaphaza ngokocansi, ukuhlukumeza kanye nokuziphatha kabi, okungamacala abekwe amalungu oMbutho Wezokuvikela waseNingizmu Afrika (i-SANDF) akanise kwelase-Democratic Republic of Congo lapho ejutshwe khona ukuyolekelela  eMkhankasweni Wenhlangano Yezizwe (i-UN) Wokuletha Ukuthula Nozinzo kuleliya lizwe.

3.1. Nakuba iKhabhinethi ligculisekile ngezinhlelo zokungenelela ezisetshenziswayo ukunqanda lesi sihlava sokuhlukumeza, lizigxeka kakhulu izenzo zokuxhaphaza ngokocansi nokungaziphathi kahle kwamalungu ombutho we-SANDF ezindaweni lapho ethunyelwe khona ukuba ayolekelela.

3.2. Sekusungulwe ithimba elijutshwe ukuba liphenye zonke izinsolo ezibikiwe. Nakuba esephothuliwe amanye alawa macala, kunamanye asefinyelele esigabeni sokuqulwa phambi kwesithangama senkantolo yombutho wezokuvikela. Lonke uphenyo olwenziwe luqhutshwe ngokwenqubo yomthetho wokuqulwa kwamacala ombutho wezokuvikela ngendlela esobala, engachemile futhi ehambisana nokuphendula ngendlela efanele.

3.3.  Njengenjwayelo, iNingizimu Afrika izoqhubeka nokuthatha izinyathelo ezisheshayo ukubhekana nezigameko ezinjengalezi. Siyazinyanya kakhulu izenzo zobugebengu nokungaziphathi kahle embuthweni we-SANDF futhi lokhu ngeke kubekezelelwe nakancane. Labo okutholakale ukuthi baphule umthetho kuzobhekwana nabo ngokweMigomo Yokuziphatha Yamalungu Ombutho Wezokuvikela.

3.4. IKhabhinethi likusekelile futhi nokuphothulwa koMthethosivivinywa Wokuziphatha Kwamalungu Ombutho Wezokuvikela, okuhloswe ngawo ukubhekana nokuziphatha kwamasosha embuthweni we-SANDF wonkana, kubandakanya nokuqiniswa kwencazelo yokuxhaphaza ngokocansi nokukhushulwa kwesigwebo esiyisisekelo sibekwe eminyakeni eyi-10.  

C. IMithethosivivinywa

1.  IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokulawulwa Kwemikhiqizo Kagwayi kanye Nezinhlelo Zokubhema Ugwayi Ngamadivayisi Asebenza Ngogesi wezi-2017 kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqeda ukusebenza koMthetho Wokulawulwa Kwemikhiqizo Kagwayi, we-1993 (uMthetho wama-83 we-1993) ukuze kugqugquzelwe ukunakekelwa kwempilo yomphakathi futhi kuqinisekiswe ukuthi umthetho waseNingizimu Afrika wokulawulwa kwemikhiqizo kagwayi uyahambelana noHlaka Lwesivumelwano SeNhlangano Yezempilo Emhlabeni (i-WHO) mayelana Nokulawulwa Kukagwayi. UMthethosivivinywa uzocacisa nodaba oluphathelene nemikhakha ebalulekile, njengezindawo okubhenyelwa kuzona ugwayi ngaphakathi ezakhiweni zomphakathi, ukubekwa obala kwemikhiqizo kagwayi ezitolo, ukusetshenziswa kwamadivayisi okubhema ugwayi asebenza ngogesi kanye nokwethulwa kwamaphakethe kagwayi angabhaliwe lutho ngaphandle futhi angenayo nemifanekiso.

2. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wezinhlaka Ezididiyelwe wezi-2018 kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqinisekisa ukuhlela ngendlela ehambelanayo futhi edidiyelwe kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni, okumele zibe yizinhlaka ezisekelanayo futhi ezisebenza ngokubambisana ekugqugquzeleni ukuqaliswa kahle koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

Ukuhlela okwenziwe kwaba wumgomo nenkambiso yesikhungo kuhambisana ne-NDP futhi kuhlose ukuqalisa ukusebenza kwesibophezelo soHlaka Lokusebenza Lwesikhathi Esimaphakathi lowezi-2014-2019 lokusungula izindlela kanye namandla okusebenza ngaphakathi ezinhlakeni zoMbuso ukuze ziqalise ukuhlela okuthuthukisayo kwesikhathi eside. Kuzogqugquzela uMbuso osebenza ngendlela ehambelanayo futhi osabela kangcono ezidingweni zomphakathi, ozosebenza kangcono ekugqugquzeleni izinguguquko ezinohlonze esimweni sawo, ezidingekayo ukuze kulethwe uguquko olubandakanya umuntu wonke, futhi okuyizinguquko ezizothuthukisa abasebenzi bakuleli kanye noMbuso wentando yeningi labantu onohlonze.

D. Imicimbi Ezayo

1. Usuku Lwenkululeko

IKhabhinethi liyabancoma impela bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nemikhakha ebambe iqhaza ngezindlela ezihlukahlukene emigubhweni eqhubekayo njengamanje yeNyanga Yenkululeko. UMongameli Ramaphosa uzokwethula inkulumo yosuku emcimbini wokugujwa koSuku Lukazwelonke Lwenkululeko mhla zingama-27 enkundleni yezemidlalo i-Dr Petrus Molemela Stadium e-Bloemfontein, esifundazweni saseFreyistata ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Nelson Rolihlahla Mandela: siphokophele ekufezekisweni ngokuphelele kwenkululeko yethu ngokusebenzisa uguquko lwenhlalo-mnotho olunohlonze”.

Lo mcimbi woSuku Lukazwelonke Lwenkululeko uzolandelwa ngumcimbi weziNdondo Zezwe wezi-2018 ozobanjwa ngoMgqibelo mhla zingama-28 kuMbasa 2018 ePitoli, lapho uMongameli Ramaphosa ezoklomelisa khona abantu abavelele ngalezi zindondo ezilandelayo: i-Order of the Baobab, i-Order of Ikhamanga, i-Order of Luthuli kanye ne-Order of the Companions of OR Tambo. IziNdondo Zezwe yizindondo eziphakeme kunazo zonke iNingizimu Afrika, ngokusebenzisa uMongameli, ehlonipha ngazo izakhamuzi zakuleli kanye namalungu omphakathi wamazwe ngamazwe adlale indima enkulu ekwenzeni leli lizwe libe yizwe elikhululekile, elibuswa ngentando yeningi labantu futhi eliphumelelayo; eliyimbumba nakuba linezinhlobo zabantu abahlukahlukene.

2. Imigubho yoSuku Lwabasebenzi

IKhabhinethi liyabanxusa bonke abasebenzi ezweni lonkana ukuthi bazibandakanye emigubhweni yoSuku Lwabasebenzi ngoLwesibili mhla lu-1 kuNhlaba 2018 futhi babheke emuva bakhumbule konke osekuzuziwe kusukela ekufikeni koMbuso wentando yeningi labantu kuze kube manje, mayelana namalungelo abasebenzi.  Lolu wusuku oluyisikhumbuzo sokuthi izizinda okusetshenzelwa kuzona kumele kube ngeziphephile futhi abaqashi kumele babhukule, baqinise imizamo yabo ekuqinisekiseni ukuphepha kwabasebenzi babo, ikakhulukazi emkhakheni wezimayini.  

IKhabhinethi futhi lidlulisa amazwi okuzwelana kakhulu nemindeni, abangani kanye nozakwabo babavukuzi abayisithupha abashiswe wumlilo bangqongqa esigamekweni sokuhlaselwa kwebhasi ebelibathutha libahambisa emsebenzini, elihlaselwe ngebhomu likaphethiloli elijikijelwe ngabahlaseli abangaziwa.

IKhabhinethi liwanxusile amalungu omphakathi ukuthi alekelele amaphoyisa emizamweni yawo yokubamba futhi avalele ngokushesha bonke labo abayingxenye yaleli cala.

E. Imiyalezo

IKhabhinethi lihalalisela:
1. Umdwebi oyingcweti yemifanekiso nemihlobiso yamaNdebele, u-Esther Mahlangu, ohlonishwe yi-University of Johannesburg ngeziqu zobudokotela, ngenxa yegalelo lakhe elikhulukazi kwezobuciko namasiko endabuko eNingizimu Afrika.

2. IQembu LaseNingizimu Afrika eliphakamisele ifulegi lakuleli phezulu eMqhudelwaneni Wemidlalo Yamazwe Angamadlelandawonye obubanjelwe e-Gold Coast kwelase-Australia, lapho liphothule khona lisendaweni yesithupha ohlwini lwamazwe anqobe izindondo, njengoba lizuze izindondo ezingama-37 uma sezizonke (okuyizindondo eziyi-13 zegolide, eziyi-11 zesiliva kaye neziyi-13 zethusi). Le mpumelelo yabo engaka iwumphumela wokuzikhandla, ukuzimisela nokubekezela. Lokhu kuzofaka ugqozi kubadlali nabasubathi bakuleli abasebasha futhi kuyisiqinisekiso esicacile sokuthi ngempela ezemidlalo ziyibhande elisihlanganisa ndawonye sonke njengabantu baseNingizimu Afrika.

2.1. Abanqobe izindondo zegolide yilaba:

  • Caster Semenya – onqobe umjaho wabesifazane webanga elingama-800m kanye nowebanga elingama-1500m;
  • Luvo Manyonga – onqobe umqhudelwano wabesilisa wokugxuma ibanga elide;
  • Ndodomzi Ntutu – onqobe umjaho wabesilisa abangaboni kahle emehlweni webanga eliyi-100m, i-T12 100m;
  • Henri Schoeman – onqobe umqhudelwano wabesilisa we-triathlon (obandakanya imidlalo emithathu, ukubhukuda, amabhayisikili kanye nokugijima ibanga elide);
  • Tatjana Schoenmaker – onqobe umqhudelwano wabesifazane wokubhukuda wohlobo lwe-breaststroke ebangeni elingama-100m kanye nama-200m;
  • Chad le Clos – onqobe umqhudelwano wabesilisa wokubhukuda wohlobo lwe-butterfly ebangeni elingama-50m, 100m kanye nama-200m;
  • Cameron van der Burgh – onqobe umqhudelwano wabesilisa wokubhukuda wohlobo lwe-breaststroke ebangeni elingama-50m;
  • Akani Simbine – onqobe umjaho wabesilisa webanga elingama-100m; kanye no
  • Martin Erasmus – onqobe umqhudelwano wabesilisa wokubambana ngezikhwepha, i-wrestling freestyle, esisindweni esingama-97kg.
     

3. USolwazi Sibongile Muthwa kanye noDkt Geraldine Fraser-Moleketi abagcotshwe esikhathini esifushane esedlule njengePhini LikaShansela noShansela ngokulandelana kwabo e-Nelson Mandela University.

4. IQembu LaseNingizimu Afrika ngokunqoba kwalo izindondo ezintathu eNgqungqutheleni Yeshumi Yomhlaba Yezokusungulwa Nokuqhutshwa Kwamabhizinisi ebibanjelwe e-Istanbul, kwelase-Turkey ngoMbasa 2018, eziwuphawu lokuhlonishwa kokuzibophezela nokuzimisela kwaleli lizwe ekuthuthukiseni ama-SMME. UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane kanye nesikhungo obambisene naso, i-22 on Sloane, okuyisikhungo esikhulu kunazo zonke e-Afrika esilekelela osomabhizinisi abasafufusa ukuze bakwazi ukuphemba amabhizinisi abo, banqoba iNdondo Yelizwe Elivelele Kulo Nyaka KwezokuSungulwa Nokuqhutshwa Kwamabhizinisi Emhlabeni. Iqembu LaseNingizimu Afrika lanqoba futhi nendondo i-Brand Champions Award kanye ne-Research Champions Award, okuyizindondo ezihlonipha igalelo lalawo mazwe emhlabeni jikelele ayingxenye ye-Global Entrepreneurship Network.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.

1. IPhini LikaNgqongqoshe uMondli Gungubele njengoSihlalo Webhodi yophiko lukahulumeni lokuhehwa kwabatshali-zimali, olubizwa nge-Public Investment Corporation SOC Limited.

2. Nkz Thandaza Zenobia Lungile Shandu njengePhini LikaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lokwesekwa Kwesikhungo Nokuhanjelaniswa Kahle Kwemisebenzi Eyenziwayo eMnyangweni Wokwengamela Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Nkz Phumla Williams – Ibamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore