IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla zingama-21 kuNcwaba 2019 e-Tuynhuys eKapa

Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zingama-21 kuNcwaba 2019

A. Izindaba Ezisematheni

1. Umshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI)

1.1 IKhabhinethi linxusa amalungu omphakathi ukuthi azame ukuthola ulwazi nokuqonda lokho okuqukethwe nguMthethosivivinywa we-NHI, osezithebeni zePhalamende njengamanje. Inqubo yephalamende izonikeza umphakathi elinye ithuba lokuthi ubambe iqhaza kulo Mthethosivivinywa.

1.2 Uma usuphasisiwe waba ngumthetho, lo Mthethosivivinywa uzovumela zonke izakhamuzi zakuleli ukuthi zithole usizo lwezempilo nokwelashwa okusezingeni elifanelekile, kungakhathalekile ukuthi ziphuma ngaphansi kwesimo senhlalo noma sezomnotho esinjani. Leli lungelo livikelwe nguMthethosisekelo WeRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996.

1.3 IKhabhinethi lisalokhu liqinisekile futhi linethemba lokuthi i-NHI izoqaliswa ngokwezigaba ngezigaba, ngokucophelela nobuhlakani obukhulu. Kuzokwenziwa uhlelo lokuqalisa lo mshwalense, bese lushicilelwa uma usuphasisiwe uMthethosivivinywa waba ngumthetho. 

2. Uhambo lukaMongameli Olusemthwethweni lokuvakashela e-Tanzania kanye nokuhambela iNgqungquthela ye-SADC

2.1 IKhabhinethi lithulelwe umbiko mayelana nohambo lukaMongameli olusemthethweni lokuvakashela e-United Republic of Tanzania, okuwuhambo obelubandakanya futhi nethimba losomabhizinisi ngenhloso yokukhuthaza nokugqugquzela ukuhwebelana kanye notshalomali phakathi kwamazwe ase-Afrika. Njengengxenye yohlelo lokwelula isandla emphakathini, uMongameli uvakashele futhi nendawo yase-Morogoro, okuyindawo lapho okwakukhoseliswe khona izishoshovu zaseNingizimu Afrika ezabe zilwela inkululeko. Ufike lapho wabeka igoda lezimbali e-Mazimbu Tower njengophawu lokuhlonipha nokukhumbula bonke abantu baseNingizimu Afrika abashonela emazweni angaphandle ngenkathi besekudingisweni.  

2.2 UMongameli Ramaphosa wahola futhi nethimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika elathamela iNgqungquthela Ejwayelekile Yezinhloko Zemibuso yama-39 yeNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC), lapho uzakwabo wase-Tanzania, uMongameli John Pombe Magufuli, ethathe khona izintambo njengoSihlalo we-SADC.

2.3 Ngokwesikhundla sakhe njengomlawuli ojutshwe yi-SADC ukuthi ahole izingxoxo zokuletha uxolo nokubuyisana e-Kingdom of Lesotho, uMongameli Ramaphosa wethula umbiko mayelana nemizamo esiyenziwe ngaphansi kwenqubo yokuletha uxolo nokubuyisana, ngenkathi kubanjwe iNgqungquthela Ye-Troika ye-SADC Yophiko Lobambiswano Kwezepolitiki Nezokuvikela, ngoLwesihlanu mhla ziyi-16 kuNcwaba 2019.

3. Umhlangano wama-28 wombimbi lwe-BASIC

3.1 IKhabhinethi likwamukelile ukubanjwa komhlangano wama-28 wombimbi lwamazwe i-Brazil, iNingizimu Afrika, India kanye ne-China (i-BASIC) weSimo Sezulu obubanjelwe kwelase-Brazil kusukela mhla ziyi-14 kuya kumhla ziyi-16 kuNcwaba 2019.

3.2 IKhabhinethi izamukelile futhi nezinyathelo ezinohlonze ezibonisa ukuzimisela okukhulu ekunqobeni inkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu ezithathwe ngamazwe ombimbi lwe-BASIC njengomzamo wokweseka izivumelwano zamazwe ngamazwe eziqondene nesikhathi esandulela owezi-2020 kanye neminyaka ezolandela emva kowezi-2020, nakuba lawa mazwe ebhekene nezinkinga zenhlalo-mnotho eziningana impela.

3.3 IKhabhinethi liyaleseka ikhwelo lamazwe e-BASIC lokuthi amazwe asethuthukile ahlinzeke ngoxhaso-mali olwanele, ubuchwepheshe kanye nezinsiza-kusebenza namakhono ukuze kuqaliswe ngempumelelo ukusebenza koHlaka Lwesivumelwano seNhlangano Yezizwe (i-UN) Esiqondene Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCC), neSivumelwano sase-Kyoto kanye neSivumelwano sase-Paris, futhi ukuze lokhu kwenziwe ngendlela engeke ikhuphule umthwalo wezikweletu wamazwe asathuthuka.

B. IziNqumo ZeKhabhinethi

1. Uhlelo Lokuhlinzekwa Kwezidingongqangi Oluholwa Yizifunda

1.1 IKhabhinethi lilugunyazile uHlelo olusha Lokuhlinzekwa Kwezidingongqangi Oluholwa Yizifunda, njengenqubo-kusebenza entsha futhi esemqoka kakhulu yokuqaliswa kwezinhlelo zokuhlinzekwa kwezidingongqangi. Lolu hlelo, njengamanje oluholwa yizifunda ezingama-44 kanye nemikhandludolobha eyisishiyagalombili, luzoqinisekisa ukuhanjelaniswa nokudidiyelwa kwenqubo yokuhlela, ukwabiwa kwemali kanye nokuqaliswa kwemiklamo yokuhlinzekwa kwezidingongqangi kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni – okunguhulumeni kazwelonke, ohulumeni bezifundazwe kanye nohulumeni basekhaya.

1.2  Lolu hlelo lusekelwe phezu koMthetho Wohlaka Lobudlelwano phakathi Kohulumeni, wezi-2005 (uMthetho we-13 wezi-2005), ohlinzekela uhlaka lokuhanjelaniswa nokudidiyelwa kwezinhlelo zentuthuko ezibekwe eqhulwini, oluzogxila ngokucacile ekuqalisweni kohlelo olulodwa esifundeni ngasinye kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni. 

1.3  UMongameli nguyena ozohola futhi agqugquzele lolu hlelo, ngokwesekwa yiPhini likaMongameli, u-David Mabuza kanye nesigungu seziphathimandla sonkana. ONdunankulu bezifundazwe kanye neziGungu Zeziphathimandla zabo, neziMeya zomasipala bezifunda nabendawo, kanye namaKomidi abo Eziphathimandla (ama-EXCO), nabo bazoba yingxenye yokuqaliswa koHlelo Lokuhlinzekwa Kwezidingongqangi Oluholwa Yizifunda. 

2. UMkhandlu Oqondisayo KaMongameli (i-PCC)

2.1 UMongameli Ramaphosa ubize umhlangano we-PCC, ongowokuqala ngqa kulo Mbuso okhethwe ngoNhlaba kulo nyaka, obanjwe ngoLwesibili mhla zingama-20 kuNcwaba. Uhlelo Lokuhlinzekwa Kwezidingongqangi Oluholwa Yizifunda lwethulwe phambi kwe-PCC futhi lwamukelwa yibo bonke oNdunankulu beziFundazwe.

2.2 Lo mhlangano uvumelene futhi nangemiklamo eholwa yizifunda ezovakashelwa nguMongameli. Le miklamo izobandakanya umklamo okwisiFunda sase-OR Tambo, eMpumalanga Kapa; okwisiFunda sase-Waterberg, eLimpopo kanye nokuMkhandludolobha waseThekwini, esifundazweni saKwaZulu-Natali.

2.3 Le miklamo emithathu eholwa yizifunda ezovakashelwa ibandakanya umklamo osesifundeni esisendaweni yasemakhaya, osesifundeni esisendaweni enezimayini kanye nosesifundeni esingumkhandludolobha. Njengoba le miklamo izoba yisiqalo sohlelo lokuhlinzekwa kwezidingongqangi oluholwa yizifunda, nalezi ezinye izifunda ezingama-42 kanye nemikhandludolobha eyisikhombisa nayo izovakashelwa nguMongameli kanye nohulumeni wakhe, ngokuhlanganyela nobuholi bohulumeni bezifundazwe, singakapheli isikhathi esibekelwe lo mbuso ophethe izintambo njengamanje.

2.4 Kulo mhlangano kwethulwe futhi kwaxoxiswana ngodaba lokuhanjelaniswa kwamaqhingasu ayisishiyagalolunye okuThuthukisa Ukukhula Kwezifundazwe zakuleli noHlaka Lokusebenza Lwesigaba Esimaphakathi (i-MTSF) lowezi-2019 – 2024.

3. Isivumelwano Sesikhwama se-India, Brazil neNingizimu Afrika (i-IBSA)

3.1 IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende kwesivumelwano sesiKhwama se-IBSA esiqondene Nokuqedwa Kobubha Nendlala (iSivumelwano sesiKhwama se-IBSA) ukuze siqinisekiswe futhi samukelwe ngokusemthethweni. Lesi sivumelwano siphakathi kukahulumeni wase-India, owase-Brazil kanye nowaseNingizimu Afrika. 

3.2 Isikhwama se-IBSA sasungulwa ngowezi-2004 ukuze kuqaliswe imizamo emisha ezoba nomthelela omkhulu, futhi egxile kubantu, yokugqugquzela uBambiswano Lwamazwe aseNingizimu Asathuthuka, phecelezi i-South-South Cooperation.

3.3 Lesi sikhwama sesinikeze iNingizimu Afrika ithuba lokuthi ifake isandla esibonakalayo impela futhi idlale indima enkulu emizamweni yamazwe ngamazwe yokunciphisa ububha kanye nendlala exakile ebhuqabhuqa abantu emazweni asathuthuka. Sikwazile futhi nokulekelela ngempumelelo ekugqugquzeleni zonke izinjongo zentuthuko esimeme (ama-SDG) eziyi-17 emazweni abalelwa kuma-21 okubanjiswene nawo.

4. Umhlangano Wongqongqoshe wesi-4 ophathelene noMbutho wase-Afrika Wokuthatha Izinyathelo Ezisheshayo Uma Kwenzeka Kuqubuka Izinxushunxushu (i-ACIRC)

4.1 IKhabhinethi ikugunyazile ukuthi leli lizwe lisingathe umhlangano wongoti wokulungiselela uMhlangano Wongqongqoshe wesi-4 Wamazwe Angamalungu e-ACIRC Ngokuzithandela ozobanjwa kusukela mhla zingama-30 kuNcwaba kuze kube ngumhla zi-3 kuMandulo 2019.

4.2 Lokhu kweseka futhi kufake isandla emizamweni kahulumeni ebekwe eqhulwini yokugqugquzela ukuthula nozinzo ezwekazini kanye nasesifundeni, futhi kuqinisekiswe ukuthi ziyafezekiswa izinqumo zeNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) ezihlobene nokuhanjelaniswa kwemisebenzi yoMbutho we-ACIRC neyombutho i-African Standby Force (i-ASF). Lokhu kuzophinde futhi kuqinisekise ukuthi imisebenzi yoHlaka Lwezikhungo, Nemithetho kanye Nezinqubo Zokugqugquzela Ukuthula Nokuvikelela e-Afrika olubizwa nge-African Peace and Security Architecture (i-APSA) iyahanjelaniswa futhi iqaliswe.

4.3 INingizimu Afrika, kanye namanye Amazwe ayi-12 angamaVolontiya, ayingxenye ye-ACIRC eyasungulwa ngowezi-2013 njengombutho wesikhashana kuze kufike isikhathi lapho uzoqala khona ukusebenza umbutho we-ASF.

C. Imithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Wokuvikelwa Kwabathengi Bezindlu wezi-2019

1.1 IKhabhinethi likugunyazile ukuthi uMthethosivivinywa Wokuvikelwa Kwabathengi Bezindlu wezi-2019 ushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo.

1.2 Lo Mthethosivivinywa uchitha uMthetho Wezinyathelo Zokuvikela Abathengi Bezindlu, we-1998 (uMthetho wama-95 we-1998). Lolu hlaka lomthetho olusha luzolawula abakhi nabathuthukisi bezindlu; lukhulise ukuvikelwa kwabathengi bezindlu; lwethule izindlela-kusebenza ezisebenza kahle zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho nezinqubo futhi ubeke izinhlawulo/izijeziso ezifanelekile zokunqanda nokuvimbela ukungathotshelwa komthetho ngabakhi bezindlu.

1.3 Lo Mthethosivivinywa wakha futhi nesimo esikahle esivumela abakhi bezindlu abasha ukuthi nabo bakwazi ukungena embonini yokwakhiwa kwezindlu ngokuthi wethule izimiselo zezinkontileka zokuqinisekisa ukusimama kwabo kulo mkhakha wokwakhiwa kwezindlu.

1.4 Imiklamo yemixhaso kanye nezindlu zomphakathi manje seyingaphansi kolawulo lwalo Mthethosivivinywa, ngenhloso yokuqinisekisa ukuvikelwa kwabathengi nabanikazi bezindlu zomxhaso.

D. Imicimbi Ezayo

1. INgqungquthela ye-TICAD yesi-VII

1.1 UMongameli Ramaphosa uzohambela iNgqungquthela yesi-VII yeNkomfa Yamazwe Ngamazwe yase-Tokyo eqondene Nokuthuthukiswa kwe-Afrika (i-TICAD VII) ezobanjelwa kwelase-Japan mhla zingama-29 nangomhla zingama-30 kuNcwaba 2019. Isiqubulo sale ngqungquthela esithi, “Siqhubekisela Phambili Ukuthuthukiswa kwe-Afrika Ngokusebenzisa Ubuchwepheshe, Ukuqanjwa Kwezinto Ezintsha kanye Nabantu”, sihambelana noHlelo lwe-AU lwama-2063 kanye nezinhlelo ezibekwe eqhulwini zokudidiyelwa kwezwekazi.

1.2 INgqungquthela ye-TICAD yesi-VII yalo nyaka izoxoxisana, phakathi kokunye, ngezinhlelo ezibekwe eqhulwini ezibanzi futhi ezigamanxe emikhakheni ehlukahlukene: (i) okuwukusheshiswa koguquko lwezomnotho kanye nokuthuthukiswa kwesimo samabhizinisi ngokuthi kuqhanyukwe nezinhlelo ezintsha futhi kusetshenziswane nabomkhakha ozimele; (ii) kuqiniswe imizamo yokwakha umphakathi osimeme futhi okwaziyo ukumelana nezimo ezinzima; futhi (iii) kuqiniswe ukuthula nozinzo.

1.3 Ukubambisana ne-Japan ezindabeni eziphathelene nesifunda kanye namazwe ngamazwe kusemqoka ekuqhubekiseleni phambili uHlelo lwe-Afrika kanye nokufezekisa imigomo yoBambiswano Lwamazwe aseNingizimu.

2. INgqungquthela Yombimbi Lwamazwe Ayisikhombisa (i-G7)

2.1 UMongameli Ramaphosa uzohola ithimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika elizokwethamela iNgqungquthela ye-G7 ezobanjelwa kwelase-France kusukela mhla zingama-24 kuze kube ngumhla zingama-26 kuNcwaba 2019, kulandela ukumenywa kweNingizimu Afrika ukuthi ibe yingxenye yale ngqungquthela njengoba ingelinye lamazwe asemqoka kakhulu okubanjiswene nawo.

2.2 INgqungquthela ye-G7 iyisithangami samazwe ayisikhombisa anezimboni eziningi futhi athuthuke kakhulu emhlabeni wonke jikelele – okuyi-France, Germany, Italy, Japan, United States, United Kingdom kanye ne-Canada – futhi abaholi bohulumeni balawa mazwe bayahlangana minyaka yonke ngenhloso yokuxoxisana ngezindaba ezisemqoka kakhulu zomhlaba wonkana eziphathelene nomnotho, isimo sezepolitiki, ezenhlalo kanye nokuvikeleka emhlabeni. INgqungquthela ye-G7 ezayo izogxila emizamweni yokulwisana nokungalingani, ukugqugquzela ukulingana ngokobulili, ukutholakala kwemfundo kanye nezinsizakalo zezempilo eziseqophelweni eliphezulu.

2.3 Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kule Ngqunguqthela ye-G7 yowezi-2019 kusekelwe phezu kwezinsika ezine zamaqhingasu enqubomgomo yezangaphandle, (i) okuwukuqhubekisela phambili izimfuno nezidingo zaleli lizwe ukuze kufezekiswe izinjongo zangaphakathi kuleli; (ii) ukuthuthukiswa koHlelo lwe-Afrika kanye nokugqugquzela ukwesekwa kwentuthuko ye-Afrika esimeme; (iii) ukufaka isandla esibonakalayo ezinhlelweni nezinkambiso zamazwe ngamazwe ezakhiwe kabusha; kanye (iv) nokuqhubekisela phambili uhlelo lwamazwe aseNingizimu ngokuqinisa uBambiswano phakathi Kwamazwe aseNingizimu kanye neNkulumo-mpendulwano phakathi Kwamazwe aseNyakatho nawaseNingizimu.

3. ISithangami Sezomnotho Emhlabeni (i-WEF) esiqondene ne-Afrika

3.1 ISithangami Sezomnotho Emhlabeni (i-WEF) esiqondene ne-Afrika sama-28 sizobanjelwa edolobheni laseKapa kusukela mhla zizi-4 kuze kube ngumhla ziyisi-6 kuMandulo 2019 ngaphansi kwesiqubulo esithi: Sibumba Ukukhula Okubandakanyayo kanye Nengomuso Elifanayo ngaphansi Koguquko Olunohlonze Lwezimboni Lwesine Olugxile Kubuchwepheshe Besimanjemanje”. Lesi sithangamu sihlose ukubumba izinhlelo zesifunda kanye nezinhlelo zemboni zalo nyaka esiwuphethe.

3.2 Uhlelo lwale ngqungquthela luzogxila ekutheni lungakhuliswa kanjani uguquko lwezinqubo nezinkambiso kanye nesimo sokwakheka kwesifunda okuphathelene nezikhungo ezisebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje, utshalomali, ukudidiyelwa, imboni kanye nezinhlelo ezintsha, ukuze kuqhutshekiselwe phambili uGuquko Olunohlonze Lwezimboni Lwesine Olugxile Kubuchwepheshe Besimanjemanje (i-4IR).

3.3 Ukuba khona kwaBaholi Bezomnotho Bamazwe Ngamazwe kanye neziNhloko Zemibuso ezweni lethu kuhlinzeka ngethuba eliyivelakancane lokuthi iNingizimu Afrika izikhangise futhi iqhubekisele phambili inhloso-ngqangi yayo yokukhulisa umnotho wezwe.

4. Isigungu-jikelele se-ISO sama-42

4.1 UPhiko lwaseNingizimu Afrika Oluqinisekisa Amazinga Afanelekile (i-SABS) oluzinze edolobheni laseKapa luzosingatha isiGungu-jikelele sama-42 seNhlangano Yamazwe Ngamazwe Eqinisekisa Amazinga Afanelekile (i-ISO) kusukela mhla ziyi-16 kuze kube ngumhla zingama-20 kuMandulo 2019.

4.2 I-ISO izoqoqela ndawonye ongoti ukuze babelane ngolwazi lwabo futhi kwakhiwe amazinga omhlaba wonke, ngokuvumelana kwababambiqhaza, futhi okungamazinga ahlobene nezimakethe asekela ukwenziwa kwezinhlelo-kusebenza ezintsha kanye nemikhiqizo, futhi kuhlinzekwe ngezixazululo maqondana nezinkinga ahlangabezana nazo amazwe omhlaba.

Uhlelo lwe-ISO lowezi-2019 luzosungula amaqhingasu okubhekana nezinselelo zokuguquguquka kwesimo sezulu, umnotho ogxile kubuchwepheshe besimanjemanje, ukukhuliswa komnotho kanye nokuhwebelana kwamazwe ngamazwe.

5. Inyanga Yezinsizakalo Ezididiyelwe Zikahulumeni (i-PSM) ngoMandulo

5.1 Uhlelo oluzayo lwe-PSM oluzokwenzeka ngoMandulo wuhlelo lokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingongqangi oluyingxenye yoHlelo Lokuvuselelwa Kabusha kwe-Batho Pele olugqugquzela usikompilo lokuhlinzekwa kwemisebenzi kahulumeni ngobunyoninco oluhlose ukuphucula ngokuqhubekayo kanye nokukhulisa izinga losizo oluhlinzekwayo kuyo yonke imikhakha yokuhlinzekwa kwezidingongqangi.

5.2 UHlelo lwe-PSM lowezi-2019 luzobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Khawuleza”: Sihambisa Izinsiza Kubantu: Batho Pele “Nathi siyingxenye yomphakathi, Siyanakekela, Sizebenzela umphakathi”. Lokhu kufaka umfutho kwikhwelo likaMongameli Ramaphosa alenza eNkulumeni yakhe Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yowezi-2019 lokuthi abasebenzi bakahulumeni kumele balandele izimo-mpilo kanye nemigomo ye-Batho Pele ngokubeka abantu phambili kukho konke abakwenzayo okuphathelene nomsebenzi wabo.

5.3 Imibungazo ezobanjwa ngaphansi koHlelo lwe-PSM lowezi-2019 ibandakanya:

  • Inyanga Yezokuvakasha – ezobungazwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ezokuvakasha kanye Nemisebenzi – ikusasa elingcono kumuntu wonke”. Ezokuvakasha ngomunye wemikhakha elokhu iqhubekile nokwakha amathuba omsebenzi. IKhabhinethi liyabakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavakashele izindawo zokuphola nokungcebeleka kuleli, ngolimi lwaselokishini okubizwa ngokuthatha i-Sho’t Left, futhi bagqugquzele ezokuvakasha ezweni lethu, ngokuthi basebenzise ithuba elihlinzekwa yiViki Lenhlangano Yeziqiwu Zikazwelonke (i-SANParks) elibanjwa minyaka yonke kusukela mhla ziyisi-8 kuze kube ngumhla ziyi-15 kuMandulo 2019, lapho abantu baseNingizimu Afrika bezobe bengena mahhala eziqiwini zakuleli. INingizimu Afrika iyikhaya leziZinda Ezingamagugu Omhlaba eziyi-10 futhi iyizwe elihlinzeka ngezokuvakasha eziqondaniswe nezidingo zabavakashi ezikhethekile futhi ezihlukahlukene.
  • Inyanga Yamagugu – Amagugu avula amathuba angeziwe okuthola umsebenzi kanye namakhono, ahlinzeka ngesigcawu kubanandisi, abenzi bobuciko bezandla kanye nezimboni ezingaphansi kwalo mkhakha, sokuthi babonise ngamakhono nobuciko babo. Kunesidingo futhi sokuthi siqhubeke nemizamo yethu yokulondoloza, ukuvuselela kanye nokugqugquzela izilimi zendabuko, njengengxenye yokuvikela amagugu ethu.
  • Inyanga Yokuphepha Kwamaphoyisa – le nyanga iqala ngoSuku Lwesikhumbuzo Samaphoyisa Lukazwelonke mhla lu-1 kuMandulo, ngenhloso yokukhumbula amaqhawe namaqhawekazi ethu ashonela emsebenzini.

Lolu hlelo oludidiyelwe luqalisa ukusebenza koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) olugcizelela isidingo sokuthi kube nezikhungo zikahulumeni eziphethwe ngobunyoninco futhi ezisebenza ngendlela ehambelana kahle kakhulu, ezinabasebenzi abazibophezele ekusebenzeleni umphakathi futhi abanekhono lokuhlinzeka ngezinsizakalo eziseqophelweni eliphezulu ngaso sonke isikhathi, futhi kusenjalo babeke eqhulwini izinjongo zezwe zokuthuthukisa abantu.

E. Imiyalezo

1. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo:

  • kuhulumeni nabantu base-Tanzania emva kwengozi ebuhlungu yokuqhuma kweloli elithwala uphethiloli edlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kwama-90, futhi libafisela ukwelulama okusheshayo bonke abalimele.
  • emndenini nabangani beciko, umdwebi nosomabhizinisi waseNingizimu Afrika, uNkz Carrol Boyes (obeneminyaka engama-65), odlule emhlabeni ngoLwesithathu mhla ziyi-14 kuNcwaba 2019.


2. Ukuhalalisa kanye Nezilokotho Ezinhle

IKhabhinethi:

  • lifisela iJaji u-Edwin Cameron okuhle kodwa kulandela ukuthatha kwakhe umhlalaphansi emva kweminyaka engama-25 esebenza njengejaji. Ijaji u-Cameron, owaqokwa ngowezi-2008 ukuthi abe yijaji leNkantolo yoMthethosisekelo, usebenze njengommeli wamalungelo abantu ngezikhathi zobandlululo, wamela labo ababelwisana nobandlululo futhi wazabalazela nokuhlinzekwa kwamalungelo alinganayo kubantu bobulili obufanayo abathandanayo. IKhabhinethi likushayela ihlombe ukushabasheka kwakhe impilo yakhe yonke eshabashekela amalungelo abantu, kanye negalelo lakhe empini yokuhlinzekwa kwemishanguzo yokudodobalisa igciwane lengculazi (ama-ARV) kuwo wonke umuntu oyidingayo.
  • lifisela isihlabani nengqalabutho yomculi, uMnu Caiphus Semenya, usuku lokuzalwa olunezibusiso njengoba ehlanganisa iminyaka engama-80 edla anhlavana. UMnu Semenya ufake isandla esibonakalayo impela kwiqoqo lezingoma zaseNingizimu Afrika ezidumile futhi ezingasoze zabuna, ngamanoni akhe anjengalawa: Matswale, Angelina, Ziphi’nkomo, kanye nezingoma ezihlabahlosile azenza ngokubambisana nezinye izingqungqulu zabaculi njengaleyo esihloko sithi Ndiphendule ayenza nowakwakhe uMama u-Letta Mbulu. Usebenze nabadidiyeli bomculo bamazwe ngamazwe, futhi umsebenzi wakhe waqokwa amahlandla angama-37 kuma-Primetime Emmy Awards lapho anqoba khona izindondo eziyisishiyagalolunye. Wahlonishwa futhi nangendondo i-Emmy Award ngeqhaza lakhe ekwakhiweni kweqoqo lezingoma zomdlalo wefilimu osihloko sithi Roots. Wafaka isandla futhi nasemculweni wefilimu labakwa-Disney elisihloko sithi: The Lion King.
  • lifisela iPhini Likamqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi, u-Advocate Silas Ramaite (SC) okuhle kodwa, kulandela ukugunyaza kukaMongameli isicelo sokuthi athathe umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi esinqunyiwe futhi ashiye isikhundla sakhe ngokwemigomo yeSigaba 12 (8)(a) soMthetho Wophiko Lukazwelonke Lokushushiswa Komphakathi (i-NPA), we-1998 (uMthetho wama-32 we-1998). IKhabhinethi liyabonga liyanconcoza ku-Advocate Ramaite ngegalelo lakhe ku-NPA kanye nawo wonke umsebenzi wakhe omuhle wokuqinisekisa ubulungiswa awenzile eminyakeni eminingi ezikhundleni ezihlukahlukene abeziphethe emkhakheni wezobulungiswa.
  • lihalalisela uNkz Sasha Maria Schwendenwein wohlelo lukamabonakude oluwuchungechunge olwenza umsebenzi wobuntatheli wokuphenya izigameko ezihlukahlukene, olusihloko sithi, Carte Blanche, ngomngenelo wakhe emncintiswaneni wabezindaba i-SADC Media Awards, onqobe umklomelo wesibili ngaphansi komkhakha kamabonakude. Indaba edle umhlanganiso, esihloko sithi, “Follow the Guns”, wuhlelo oludidiyelwe ngokuhlanganyela obeluphenya isihlava sokuzingelwa kobhejane okungekho emthethweni.
  • lihalalisela amaBhokobhoko (i-Springboks) kanye neBanyana Banyana ngokundizisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika. AmaBhokobhoko adle umhlanganiso emqhudelwaneni we-Rugby Championship yona iBanyana Banyana inqobe i-COSAFA Women’s Championship.. Isizwe siziqhenya kakhulu ngabo futhi impumelelo yabo ifaka ugqozi nofuqufuqu kubadlali abasebasha futhi abathembisayo ezweni lonkana. 
  • lihalalisela uNkz Zozibini Tunzi, onqobe isicoco sokuba nguZime waseNingizimu Afrika wezi-2019, phecelezi u-Miss South Africa 2019, futhi limfisela okuhle kodwa esikhathini sakhe sokuphatha isicoco njengozime wakuleli. Uzomela leli lizwe emqhudelwaneni ka-Miss Universe noka-Miss World.
     

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

1. UMnu Fundisile Goodman Mketeni oqashwe kabusha njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) we-SANParks.

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore