Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zingama-31 Ncwaba 2016

1. Ukuqaliswa kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1. UMongameli uJacob Zuma uhole ithimba lezithunywa zikaHulumeni waseNingizimu Afrika ebelihambele Inkomfa yama-36 Ejwayelekile Yezinhloko Zemibuso Yenhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ebanjwe kusukela mhla zingama-30 kuya mhla zingama-31 kuNcwaba ngaphansi kwendikimba ethi: “Ukunxenxwa Kwezinsiza ukuze Kutshalwe Izimali Kwingqalasizinda Eqinile Yezamandla ukuze Kwenziwe i-SADC Engosozimboni Ngokuphelele kanye Nokuqhakaza Kwesifunda”.

Inkomfa igxile esidingweni sokwenza ngcono kokubili ukuthuthukiswa kwezimboni kanye nengqalasizinda ukuze kuthuthukiswe ukuhlanganiswa kanye nokuqiniswa kwezohwebo ngaphakathi esifundeni ukuze kubhekanwe nohlelo lwe-SADC lokuthuthukiswa okuqinile.

Maqondana nesimo sezepolitiki nezovikeleka esifundeni, ukugxila kubekwe ezinguqukweni zomthethosisekelo, nasemkhakheni kahulumeni kanye nokuvikeleka ezweni laseLesotho, ukubuyisana kuzwelonke, ukuqaliswa kokusebenza Komkhombandlela we-SADC maqondana neMadagascar kanye nenkulumo-mpendulwano kazwelonke maqondana namalungiselelo okhetho lukazwelonke oluzoba se-Democratic Republic of the Congo.

IKhabhinethi ihlanganyela kanye noMongameli uJacob Zuma ngokudlulisa amazwi okubonga Emazweni Angamalungu e-SADC ngeqholo lokuqoka iNingizimu Afrika njengoSihlalo ozothatha izintambo we-SADC ngoNcwaba 2017.

1.2. IKhabhinethi iyamukele ingqophamlando Yotshalomali lwezigidigidi eziyi-11 zamarandi olwenziwe ngabe-Beijing Automobile International Corporation (i-BAIC) ukuze kusungulwe inkampani ezokhiqiza izimoto Esizindeni Sokuthuthukiswa Kwezimboni saseCoega.

Lesi sivumelwano siwutshalomali olukhulukazi lwezezimoto e-Afrika eminyakeni engama-40 futhi siqinisekisa izwe njengendawo ehamba phambili yokutshalwa kwezimali yabakhiqizi bezezimoto emhlabeni wonke jikelele.Lokhu kuvunyelwe ukwenzeka ngenxa yezinqubomgomo zaseNingizimu Afrika ezeseka imiklamo yotshalomali, ikakhulukazi Uhlelo Lokukhiqizwa kanye Nokuthuthukiswa Kwezezimoto oseluhehe abakhiqizi bezezimoto abavela emhlabeni wonkana.

Utshalomali lwe-BAIC lungumphumela weSigcawu Sokubambisana phakathi kweChina ne-Afrika (i-FOCAC) esasibanjelwe eGoli ngoZibandlela 2015, lapho uMongameli uJacob Zuma kanye noNdunankulu waseChina u-Xi Jinping bacikica khona izivumelwano phakathi kwala mazwe mabili ezingekho ngaphansi kwama-26 ezibiza inani elilinganiselwa ezigidigidini eziyi-100 zamarandi.

Lo mklamo ubeka isifundazwe saseMpumalanga Kapa njengesilulu sokukhiqizwa kwezezimoto futhi unamandla okujulisa uchungechunge lokuphakelwa kwazo, ukusungulwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuthuthukiswa komnotho. Kulindeleke ukuba usungule imisebenzi eyizi-2 500 ngaphakathi kule nkampani yokukhiqiza izimoto kanye nemisebenzi engaphezu kwezi-10 600 kwezinye izinkampani ezisebenzisana nayo.

Phambilini kulo nyaka uToyota wamemezela ukuthi uzokhiqiza uhlobo olusha lezimoto ze-Toyota Hilux ne-Fortuner njengengxenye yotshalomali lwezigidigidi eziyi-6.1 zamarandi ngenkathi u-BMW uzokwakha isitolo esisezingeni lomhlaba sokukhandwa komzimba wemoto.

Lolu tshalozimali luyasiza ukuthuthukisa izinto zethu zikazwelonke eziseqhulwini zokuphemba kabusha ukukhula komnotho, ukolondoloza imisebenzi ekhona kanye nokusungula eminye ethe xaxa kwezomnotho.
1.3. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa Kwesikhungo sokuqala Sezezimali Somfelandawonye Wabantu Besifazane Basemakhaya Kwezobuciko Nokubaza okwenziwe nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Ezisemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba, uGugile Nkwinti.

Isikhungo Sezezimali Semifelandawonye esaziwa ngokuthi i-Mzansi Rural Arts and Craft Financial Institution Cooperative, esabhaliswa phambilini kulo nyaka, sizosebenza njengesithangami sokubhanga sababazi basemakhaya abangamalungu emifelandawonye eyasungulwa KwaZulu-Natali, eMpumalanga Kapa, eLimpopo naseMpumalanga.

Isikhungo sivumela laba bantu besifazane ukuba bakwazi ukufinyelela Uhlelo Lokukhokhelwa Lukazwelonke, imisebenzi ezenzekela yona, ukubika okushaya emhloleni nokunobuhlakani futhi sizovumela amalungu ukuba akwazi ukukhipha imali ezisefweni lapho ethenga ezitolo, kuma-ATM kanye nezinye izikhungo zezezimali zemifelandawonye eNingizimu Afrika yonkana.

Eminye yemiphumela esemqoka yokwesekwa okuhlinzekiwe ibandakanya ukutholwa kwezitifiketi zokubhalisa ezisemthethweni, ama-akhawunti asebhange, izitifiketi zentela kanye nokuxhumekeka ezimakethe ezintsha zalapha ezweni ngaphakathi kanye nasezimakethe zasemazweni angaphandle. Lolu hlelo luwumzamo obumbene wokufukula abantu besifazane abasezindaweni ezisemakhaya abanamakhono kanye nolwazi lokusungula amabhizinisi ayimpumelelo.

1.4. Ukwethulwa kwenqubomgomo ka-50/50 nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Ezisemakhaya kanye Nezinguquko Kwezomhlaba, sekubonise ipulazi lokuqala lingena esigabeni sokuhlongozwa Kohlaka Lokusebenza Lenqubomgomo maqondana Nokulwela Amalungelo Athile Abantu Abasebenza Umhlaba, KwaZulu-Natali.

Ipulazi iWestcliffe elinamahekthare angama-514 lakhiwe ngamahekthare angama-270 omoba, amahekthare ayi-140 emithi yokwenza amapulangwe kanye namahekthare ayi-10 emisebenzi yokuniselwa kweklabishi. Lesi sivumelwano sizobonisa abasebenzi kanye nabanikazi bamapulazi beba ngabanikazi ngokuhlanganyela bamabhizinisi okulima kumasipala wendawo yaseMshwathi, eduze naseGreytown.

Phakathi kwezinye izinto, inqubomgomo ihlose ukuvikela ubude besikhathi sokusebenza sabasebenzi basemapulazini ngenkathi ifuna ukuguqula ukhondolo lobunikazi bomhlaba ezweni kanye nokunikeza abasebenzi amandla ukuze bakwazi ukuzitholela izabelo emabhizinisini okulima. Uhlaka lokusebenza lenqubomgomo ka-50/50 luhlose futhi ukwenza ngcono ukuguqulwa kwezomnotho womkhakha wezolimo.

1.5. Ingqungquthela yowezi-2016 maqondana Nokuguqulwa Kwabezindaba Bamaphepha ebisingethwe nguMnyango Wezokuxhumana ukudingida ngokuguquko kanye nobungxubevange kwabezindaba bakuleli nakuba kuhlinzekwe ngenkundla kubabambiqhaza abanhlobonhlobo emkhakheni wabezindaba ukudingida izindaba eziseqhulwini zokuguqulwa kwabemithombo yezindaba baleli lizwe, ukuziphendulela kanye nobungxubevange.

Ingqungquthela, ebigxile kubo bonke ababambiqhaza emkhakheni wabemithombo yezindaba bamaphepha, kusukela kubanikazi kuya ekugayweni kwamaphepha, ukusatshalaliswa kwawo, ucwaningo kanye nokukhangisa, izokuba yisisekelo sesihloko socwaningo oluhlobene nokuguqulwa kanye nokushintshwa kwabemithombo yezindaba bakudala kanye nabasha eNingizimu Afrika.

1.6. INingizimu Afrika iqopha Inyanga Yezokuvakasha ngoMandulo ngaphansi kwendikimba ethi: “Ezokuvakasha Zawo Wonke Umuntu” ukugqugquzela izinto ezinikezelwa yizindawo ezinothile zokuvakasha zaleli lizwe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

IKhabhinethi ikhuthaza bonke abantu ukuba basebenzisane ndawonye ukuqinisekisa ukuthi imigoqwane evimbela ukufinyeleleka iyasuswa futhi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayanikezwa ithuba, futhi kuvuselelwa intshisekelo yabo yokuhambela izwe lethu elihlwabusayo nelihle kakhulu.

1.7. Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bagubhe amasiko ahlukahlukene esizwe sethu njengoba izwe liqopha Inyanga Yamagugu ngoMandulo ngaphansi kwendikimba ethi: “Amagugu Angabantu kanye Nezingqalabutho: Amagugu ethu Aphilayo”.

Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuba bazigqaje ngamagugu ethu aphilayo futhi badlale indima ebonakalayo ukuwahlonipha, ukuwakhuthaza kanye nokuwalondoloza. Kubalulekile ukuthi njengesizwe sigubhe Amagugu ethu Angabantu Abasaphila kuzo zonke izingxenye zemiphakathi yethu.

Isikhumbuzo semigubo yalo nyaka siqopha iminyaka engama-20 kusukela Usuku Lwamagugu lwamenyezelwa ngowe-1996 futhi kufanele sisebenzise lolu suku ukusingatha amagugu ethu ahlanganyelwe ukwakhela phezu kwenqubekelaphambili yethu esiyenziwe kusukela ngowe-1994 ekusunguleni iNingizimu Afrika ebumbene.

1.8. IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana neNyanga Yemisebenzi Kahulumeni yowezi-2016 ngenyanga kaMandulo ngaphansi kwendikimba ethi “Udaba Lwemisebenzi Kahulumeni Lokukhula Okuphelele Lubalulekile: Ukubeka i-Batho Pele kwelinye izinga ukuqhubekisela Imisebenzi Kahulumeni Phambili”.

Inyanga Yemisebenzi Kahulumeni yalo nyaka iphinde yenzeke phakathi naphakathi nehlandla likahulumeni owathatha izintambo zokubusa ngowezi-2014 kanye nangemuva kwenyanga eyodwa nje kudlule ukhetho lohulumeni bezindawo. Lolu hlelo oludonsa inyanga yonke luyingxenye esemqoka Yobuqhinga Bokuvuselela i-Batho Pele obuhlose ukwakha kabusha imigomo yokuziphatha kahle, ukuzethemba, ukuzigqaja kanye nobungoti bezisebenzi zikahulumeni ekuhlinzekweni kwezimpahla kanye nezinsizakalo zikahulumeni.

Abasebenzi Bemisebenzi Kahulumeni kuhulumeni wonkana bazosebenzisa le nyanga ukuxoxisana kanye nokubonisana nezakhamuzi kanye nabanye ababambiqhaza bakahulumeni mayelana nesidingo sokuhanjiswa ngendlela egculisayo kwezidingongqangi. Lokhu kuyingxenye yokuqinisa ukuqaliswa kokusebenza koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe ngokuba negalelo maqondana nokwakha isizwe esinamandla esidlala indima ethuthukisayo kanye nenoguquko.

1.9. Isonto Lonyaka Lama-Thusong Service Centre kusukela mhla ziyi-19 kuya mhla zingama-23 Mandulo 2016 lizobanjwa ngaphansi kwendikimba ethi: “Ama-Thusong Service Centre – Ukuqhubezela Imisebenzi Kahulumeni phambili: Sindawonye, Siyanakekela, Siyasebenza”. Leli sonto liqhakambisa ulwazi lukahulumeni, izinsizakalo kanye namathuba atholakalayo ema-Thusong Service Centre ezweni lonkana. Imicimbi isihleliwe ukugubha leli sonto kanye nokudweba isithombe sezinto esezizuzwe yilezi zikhungo kusukela zasungulwa ngowe-1999.

1.10. Uhulumeni wethule uphawu Lohlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye neqhinga lokuxhumana. Izimpawu ezibonakalayo ze-NDP zizohlanganisa futhi zidwebe isithombe semizamo kahulumeni maqondana nenqubekelaphambili esiyenziwe ekuqalisweni kokusebenza kwe-NDP ngokusebenzisa uphawu olubonakalayo.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi igunyaze indlela yokusebenza efaka konke yeNingizimu Afrika yokubamba iqhaza kwayo kwi-G20 yalo nyaka engaphansi kweHhovisi likaMongameli waseChina, yamukele indikimba efaka konke yokusebenza “Maqondana Nomnotho Womhlaba Wonke Oqanjwe Kabusha, Onomdlandla, Obumbene futhi Obanzi”.

Ukugxila okukhulu kwe-G20 kumaqondana nokukhuphula ukubambisana phakathi kwamazwe amaningi ukwenzela ukusimama komnotho womhlaba wonke, ukuletha uzinzo ohlelweni lwezezimali lomhlaba wonke, ukukhuthaza ukukhula okuqinile komnotho kwesikhathi eside kanye nokuqinisa ukulawulwa kwezomnotho womhlaba wonke.

UMongameli uJacob Zuma uzohambela Inkomfa ye-G20 eHangzhou, eChina mhla zizi-4 nangamhla zi-5 kuMandulo 2016. Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kwi-G20 kwenzelwa ukuhlinzeka ngomcabango onobuqhinga ekusunguleni isithangami sezinqubomgomo zezomnotho kanye nezamazwe omhlaba esizogqugquzela futhi sixoxisane ngemiphumela engungqaphambili yeNingizimu Afrika, iAfrika kanye namazwe asathuthukayo. Inkomfa ye-G20, okokuqala emlandweni, izokwephula irekhodi ngokuhanjelwa yinqwaba yamazwe asathuthukayo.

2.2. Ukukhishwa Kwezibalo Zonyaka Zobugebengu zowezi-2015/16, eziqokelelwe enqolobaneni yolwazi bobugebengu obubikwe emazingeni eziteshi zamaphoyisa futhi bagunyazwa buzoshicilelwa mhla zi-2 kuMandulo 2016.

Ukukhishwa kwezibalo kunegalelo maqondana nomphumela onobuqhinga othi ‘Bonke abantu eNingizimu Afrika baphephile futhi bazizwa bephephile’.

Izibalo zobugebengu ziyinkomba ebalulekile yempi kahulumeni yokulwisana nobugebengu ngokubambisana nemiphakathi, abasebenzi kanye nabamabhizinisi. Izibalo kumele zibhekwe ngaphakathi kwengqikithi yokukhula kwabantu kanye nesimo sezomnotho.
 
2.3. IKhabhinethi yamukele umbiko maqondana Nemiphumela Yomhlangano Weshumi Nambili Wengqungquthela Yamazwe Angamalunga  Esivumelwano Sezizwe Ezihlangene Sokunqanda Ukuba Ugwadule Komhlaba (i-UNCCD COP12) owawubanjelwe e-Ankara, eTurkey kusukela mhla ziyi-12 kuya mhla zingama-23 Mfumfu 2015.

INingizimu Afrika yahlonzwa njengomunye wabahlomuli bohlelo lokweseka ukumiswa kwezinjongo ze-UNCCD, oluzosiza amazwe ukuba azakhele ezawo izinjongo zikazwelonke zokuzithandela ngokuhambelana nezimo zikazwelonke kanye nezinto eziseqhulwini zentuthuko.

INingizimu Afrika iyakwamukela ukufaka umhlaba wonke kweSivumelwano kanye nesidingo sokusiza wonke amazwe ahlukunyezwe ukuba ugwadule komhlaba, ukuguguleka komhlaba kanye nesomiso nokuzoba nembuyiselo ngokuqinisekisa ukuthi izinkinga ezinjengalezi zizobhekelelwa noma yikuphi lapho ezenzeka khona emazingeni alapha ezweni ngaphakathi kanye nasemazweni omhlaba. Lokhu kuzoqinisekisa ukubandakanywa okuphelele futhi kwenze ngcono ubudlelwano phakathi kwamazwe aseNyakatho naseNingizimu ne-Ikhweyitha kanye nokubambisana.

2.4. IKhabhinethi igunyaze ukusingatha ngokubambisana kweNgqungquthela yesibili Yomhlaba Yokuncelisa Ibele okuzokwenziwa nguMnyango Wezempilo kanye nenhlangano i-International Baby Food Action Network, kusukela mhla ziyi-11 kuya mhla ziyi-14 Zibandlela 2016, ngaphansi kwendikimba ethi “Asibe negalelo ekusunguleni indawo eyamukelekile yomama kanye nabantwana”.

Lokhu kuwuphawu lokuzinikela kweNingizimu Afrika ukujulisa ikhwela elihlatshiwe lokuvikela, ukukhuthaza kanye nokweseka ukuncelisa ibele kanye nokuthuthukisa futhi uhlelo lokondliwa kwezinsana kanye nezingane ezisencane.

Lokhu kunegalelo ekufezekiseni eyodwa yezinjongo eziyisishiyagalolunye zesikhathi eside zezempilo ezivezwe oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe; okuwukunciphisa ukushona komama abazithwele, izinsana kanye nezingane ezincane.

Izinjongo Zentuthuko Eqinile nazo zifaka isigcizelelo ekuphuculweni kokudla okunomsoco. Uhlelo Olubanzi Lokuqaliswa Kokusebenza maqondana Nokudla Okunomsoco Komama Abazithwele, Izinsana kanye Nezingane Ezisencane, lunenye yezinjongo eziyisithupha zomhlaba wonke zokudla okunomsoco ukukhuphula isibalo salabo bancelisa ibele kuphela ezinyangeni eziyisithupha zokuqala siye okungenani ku-50% ngonyaka wezi-2025.

Ukuncelisa ibele kungenye yamagalelo angungqaphambili okuphila komntwana. Imikhuba yokuncelisa okungenele iholela ekushoneni kwezingane eziyizi-800 000 njalo ngonyaka (u-13% wabo bonke abashonayo) phakathi kwezingane ezineminyaka engaphansi kweyisihlanu emazweni asathuthukayo kanjalo nobheduka okuphezulu kwesimo sezingane ezingondlekile, okuyinselele enkulu yezempilo yomphakathi e-Afrika.

2.5. IKhabhinethi igunyaze ukuba Umnyango Wezempilo usingathe Ingqungquthela Yamazwe Omhlaba ye-17 Yeziphathimandla Zokulawulwa Kwamakhambi, kusukela mhla zingama-27 kuLwezi kuya mhla zi-2 kuZibandlela 2016, ngokubambisana neNhlangano Yezempilo Yomhlaba Wonke (i-WHO).

Lokhu kukhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ekubhekaneni nezinselele zezempilo zomhlaba wonke maqondana nokuhlanganiswa ndawonye kwezimiso kanye nokwenziwa ngcono kokuphepha, ukusebenza ngempumelelo kanye nekhwalithi yemithi kanye namadivayisi ezokwelapha.

Lesi sigcawu sokubonisana seziphathimandla zokulawulwa kwemithi zamazwe angamalungu e-WHO ayi-194 sihlose ukubhekana nokulawulwa kwemithi kanye namadivayisi ezokwelapha kanye nokuhlanganiswa ndawonye kwemigomo yokulawula.

Ukusingatha kuzoqinisa isiphathimandla sokulawula kwemithi sikazwelonke, uMkhandlu Wokulawulwa Kwemithi, kanye nezinhlelo zemikhiqizo yezokwelapha. Izingxoxo zizophinda zibe negalelo maqondana nokwenza isisekelo sokuhlanganiswa ndawonye nokufukulwa amazinga okulawula e-Afrika kanye nakwisifundakazi se-SADC.

Kuphinde kunikeze ukwamukeleka kweNingizimu Afrika njengombambi-qhaza emhlabeni wonke ekuqaphelweni kokulawulwa kwemithi kanye nemikhiqizo ehlobene nalokho. Izwe lizothola ithuba lokubamba iqhaza ekubunjweni kwezinqubomigomo zamakhambi zamazwe omhlaba okungenzeka zibe impoqo emazweni angamalungu e-WHO.

2.6. IKhabhinethi iphinde yathiwa fahla fahla maqondana nenqubekelaphambili esiyenziwe maqondana nokuqaliswa kokusebenza koMthetho Wokuphathwa Kokwenziwa Komsebenzi Kahulumeni, onguNombolo 11 wezi-2014. Lo Mthetho usungula uhlelo olufanayo lokwenziwa kwemisebenzi kahulumeni kuzona zontathu izinhlaka zikahulumeni ukukhuthaza kanye nokugxilisa amagugu kanye nemigomo elawula ukwenziwa komsebenzi kahulumeni njengasesigabeni 195 (1) soMthethosisekelo.

UMthetho uhlinzekela ukusungulwa kwezinhlaka ezimbili ezaziwa ngokuthi: (i) Ihhovisi Lamazinga kanye Nokuthotshelwa Kwemithetho kanye (ii) Nophiko Losizo Lwezobuchwepheshe. Indlela yokuqalisa ukusebenza eqinile isiyamukelwe ukuze kusungulwe lezi zinhlaka.

Umnyango Wemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo (i-DPSA) uhlanganise iqoqo lokuqala lezimiso ezifakwe kumqulu kahulumeni ukuze kutholakale imibono yomphakathi mhla ziyi-15 Ntulikazi 2016.

Ukusebenzisana kuyaqhubeka ne-South African Bureau of Standards kanye neminye imigwamanqa yokumiswa kwezinjongo kazwelonke ukuze kusungulwe ithuluzi lezomthetho elizoholela ekusetshenzisweni kanye nasekusungulweni kweHhovisi Lamazinga kanye Nokuthotshelwa Kwemithetho.

I-DPSA isezinhlelweni futhi zokuphenya kanye nokusungula uhlaka lokusebenza lemigomo nemibandela, kubandakanya nokusungulwa kohlaka lezinhlelo zokuphatha oluzovumela ukuqaliswa kokusebenza kwemibandela esebenzayo.

2.7. IKhabhinethi yathiwa fahla fahla maqondana nombiko wezibalo zabantu abafuna ukukhosela wesikhathi esiphakathi kukaMasingana noZibandlela 2015. IKhabinethi ikwesekile ukusungulwa kwethimba lokusebenza elibunjwe yiminyango ehlukahlukanene ukudingida inqubo maqondana nokuphathwa kwabantu abafuna ukukhosela asebenqatshwe okokugcina.

Umbiko unegalelo ekuphathweni okunzulu kwabantu bangaphandle abangena kuleli ukuze kwenziwe ngcono ukuphathwa kwabantu abafuna ukukhosela kanye nababaleki.

Ngokolwazi olufunyanwe Ohlelweni Lukazwelonke Lolwazi Lwabantu Bokufika, abantu abafuna ukukhosela abayizi-62 159 abasha ababhalisiwe uma kuqhathaniswa nabayizi-71 914 ababhaliswa ngowezi-2014 kanye nabayizi-70 010 ngowezi-2013.

Izicelo zabantu abafuna ukukhosela  eziyizi-60 640 zibhalisiwe zahlulelwa futhi zaphothulwa esikhungweni Sokunqunywa Kwesimo Sababaleki phakathi kukaMasingana kanye noZibandlela 2015. Kulezi zicelo zahlulelwe: izicelo eziyizi-2 499 zokufuna ukukhosela zagunyazwa, izicelo eziyizi-4 093 zokufuna ukukhosela zachithwa njengezingenaso isisekelo kanye nezicelo eziyizi-44 048 zokufuna ukukhosela zachithwa njengezingenabo nhlobo ubuqiniso, anokuhlukumeza futhi anokukhwabanisa.

2.8. IKhabhinethi yathiwa fahla fahla ngenqubekelaphambili esiyenziwe mayelana noMthethosivivinywa Weziphathimandla Zokuphathwa Kwemingcele (i-BMA), wezi-2016 owagunyazelwa ukuhanjiswa ePhalamende mhla zingama-23 Mandulo 2015. Lo Mthethosivivinywa wahanjiswa okokuqala ngqa ePhalamende mhla ziyi-8 Mfumfu 2015.

Imithelela yesimo senhlalo nesomnotho, yeZiphathimandla Zokuphathwa Kwemingcele okubhekeke ukuba zisungulwe, yadinga ukuba uhaniswe futhi nakwi-NEDLAC, lokho kwenziwa mhla ziyi-13 Mfumfu 2015.

Kwaba nohlelo lwezingxoxo ezijulile ze-NEDLAC maqondana noMthethosivivinywa phakathi kukaLwezi 2015 kanye noNhlaba 2016. Ngomhla ziyi-12 kuNhlaba 2016 umbiko wokugcina we-NEDLAC maqondana noMthethosivivinywa we-BMA, wezi-2016 wagunyazwa yiKomidi Lokuphathwa kwe-NEDLAC.

UMthethosivivinywa wafakazelwa ukuba semthethweni mhla ziyi-18 Nhlaba 2016 yiHhovisi Likameluleki Wezomthetho Kahulumeni. IKhabhinethi iqaphelile ukuthi uMthethosivivinywa we-BMA, wezi-2016 wethulwa emva kwalokho ePhalamende mhla zingama-25 kuNhlaba 2016 kanti nezingxoxo zokuqala maqondana noMthethosivivinywa zabanjwa ePhalamende mhla ziyi-6 kuNcwaba 2016.

IKhabhinethi igunyaze ukuthi Umnyango Wezasekhaya (i-DHA) kanye Nesikhungo Sokuqoqwa Kwezimali saseNingizimu Afrika (u-SARS) basheshise ukuphothulwa Kwesivumelwano Sokusebenzisana esihlobene nokuqokelwa kwabasebenzi bakwa-SARS abafanelekile ukuba basebenze ne-DHA ukweseka abaphathi bamanje bemingcele kanye nemizamo edidiyelwe emkhakheni wemingcele.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezinhlangano Zempahla Yomphakathi, wezi-2016 ePhalamende. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezinhlangano Zempahla Yomphakathi, we-1996 (uMthetho onguNombolo 28 we-1996), ngokuwuhambelanisa negunya elibanzi lokuguqulwa komhlaba laleli lizwe.

Ukhuthaza ukuphathwa ngentando yeningi labantu kanye nokusetshenziswa ngokuqinile komhlaba womphakathi ophethwe yizinhlangano zempahla yomphakathi egameni lemiphakathi. Uqinisa ukulawulwa kwezikhungo zokuphatha futhi uthuthukise ukwesekelwa kwazo nguhulumeni. UMthethosivivinywa ufuna ukusungula Ihhovisi Lezinhlangano Zempahla Yomphakathi inhloko yalo okuzokuba nguNobhala Wezinhlangano Zempahla Yomphakathi.

Imiphakathi izokwazi kangcono ukuthola, ukugcina kanye nokuphatha izimpahla ngokusebenzisa izikhungo ezisebenza ngempumelelo ezisungulwe ngokusemthethweni zezinsiza zomphakathi kanye nokuphathwa kokwabelwa kwazo imiphakathi, zisekelwa nguhulumeni.

3.2. Ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezindaba Zezinqumo Zezinkantolo, wezi-2016 ePhalamende ofuna ukuchibiyela imithetho eminingi enesivimbelo maqondana nokuphathwa kwezobulungiswa ukuze kubhekanwe nezindaba ezibambekayo kanye nezobuchwepheshe, ukuqinisekisa ukuphathwa okungenazihibe kobulungiswa nawo ugunyaziwe.

Izichibiyelo zenziwe ngendlela yokuthi akwenzeki ukuthi ukwazi ukukhuthaza iMithetho Yokuchibiyela ngayodwana ukuqalisa ukusebenza kwalezi zichibiyelo emithethweni okukhulunywa ngayo.

Izichibiyelo ziyingxubevange ngokwazo futhi zingaxhunywa nezinjongo ezilandelayo ezisemqoka zoHlelo Lentuthuko Kazwelonke, okuwukuqinisekisa ukuthi bonke abantu baphephile futhi bazizwa bephephile ngokusekelwe ohlelweni lezobulungiswa bobugebengu elizimele nolungacwasi; ukubumbana komphakathi; ukufezekisa isizwe esithuthukayo, esinamandla futhi esinenkambiso enhle esiphatha izakhamizi zaso ngobuqotho; kanye nokubandakanywa kwezomnotho.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli uJacob Zuma uzohola ithimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika elizohambela Umhlangano Omkhulu wama-71 Wezizwe Ezihlangene (i-UNGA 71) phakathi komhla ziyi-13 kanye nomhla zingama-26 kuMandulo eNew York ngaphansi kwendikimba ethi: "Izinjongo Zentuthuko Eqinile: ukuphushwa ngumhlaba wonke ukuze siguqule umhlaba wethu."

Lokhu kunikeza ithuba lokuthi amazwe angamalungu aqondisise ukusebenza ngempumelelo Kwezizwe Ezihlangene, ikakhulukazi njengoba le nhlangano isanda kugubha iminyaka yayo engama-70 yaba khona. Izingxoxo zilindelekile maqondana nokuguqulwa kwe-UN, kubandakanya nokuvuselelwa kwe-UNGA; ukwenziwa ngcono komsebenzi woMkhandlu Wezomnotho kanye Nezenhlalo (i-ECOSOC); kanye nokuguqulwa koMkhandlu Wezokuvikeleka kwe-UN (i-UNSC) ukuze ukhulise inani lamazwe angamalungu ngokugcwele kanye nalawo angamalungu angagcwele. 

Lesi kuzokuba yisikhathi sokugcina lapho uBan Ki-moon ezokhuluma noMhlangano Omkhulu we-UN njengoNobhala-Jikelele wayo.

4.2. Umbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) uzosingatha Usuku Lesikhumbuzo Sikazwelonke laminyaka yonke mhla zi-4 Mandulo 2016, ukukhumbula wonke amalungu e-SAPS alahlekelwa yizimpilo zawo phakathi komhla lu-1 Mbasa 2015 kuya mhla zingama-31 Ndasa 2016, ngenkathi enza imisebenzi yawo ngokuphokophelela ukuqinisekisa ukuphepha kanye nokuvikeleka eNingizimu Afrika.

5. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

5.1. IKhabhinethi izwakalise ukukhathazeka kwayo ngokuqhubeka kokuqhubukushana ngamazwi ayiziswana emphakathini phakathi kwamaqembu nabantu abahlukene maqondana nodaba oluhlobene nophenyo loKlebe ngezindaba ezihlobene no-SARS. IKhabhinethi inxuse bonke labo abathintekayo, kubandakanya namalungu eKhabhinethi asezikhundleni ezahlukene, ukuba babambe amatomu futhi bayeke ukwenza izitatimende emphakathini eziqondiswe kunoma yimuphi othintekayo kulolu daba.

IKhabhinethi inxusa bonke labo abathintekayo ukuba baziphathe ngesithunzi nangobuqotho futhi bakhulumisane kahle esikhundleni sokugxumela ezinkundleni zomphakathi.

5.2. IKhabhinethi ihlanganyela kanye noMongameli uZuma ekuzwakaliseni ukwethemba ngokugcwele uNgqongqoshe Wezezimali, yena kanye namanye amalungu eKhabhinethi, abamabhizinisi, Abasebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi, bebelokhu benza umsebenzi oncomekayo ekwakheni ukuzigqaja ngomnotho wethu phakathi kwabatshalizimali balapha ngaphakathi ezweni kanye nabavela emazweni angaphandle.

IKhabhinethi iphinde yanxusa wonke amaqembu ukuba ahloniphe futhi asebenzisane nezinhlaka zikahulumeni ezithweswe umsebenzi wokuqinisa ingalo yomthetho.

5.3. IKhabhinethi iyaqhubeka nokwenza konke okusemandleni aso ukuvikela umnotho, kanye nokwenza umsebenzi osemqoka wokuthuthukisa izikhungo ezingaphansi kukahulumeni ezinejoka lokuwenza. Zonke izikhungo zikahulumeni zinomthwalo wokuqhubezela phambili igunya lazo ngendlela engakhubazi umsebenzi kahulumeni noma engathikamezi kabi umnotho.

5.4. UMongameli uJacob Zuma uhambele Ingqungquthela Yesithupha Yamazwe Ngamazwe yaseTokyo maqondana Nokuthuthukiswa kwe-Afrika (i-TICAD VI) ebibanjelwe eNairobi, eKenya kusukela mhla zingama-27 kuya mhla zingama-28 kuNcwaba 2016. Lesi bekungokokuqala ukuthi i-TICAD ibanjelwe e-Afrika kusukela selokhu yasungulwa ngowe-1993.

I-TICAD-VI inikeze Izinhloko Zemibuso kanye Nohulumeni abavela e-Afrika ithuba elisemqoka ukuba baqaphe inqubekelaphambili kanye nokuqaliswa kokusebenza kwezivumelwano ze-TICAD zangaphambilini ezihlose ukusheshisa ukukhula kanye nokuthuthuka kwe-Afrika.

I-TICAD-VI iphinde yabanjwa onyakeni wokuqala wokuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zokuthuthukiswa komhlaba wonke kanye nezifunda, okuwuHlelo lowezi-2030 Lokuthuthuka Okuqinile kanye Nohlelo lowezi-2063 kanye Nohlelo lwalo Leminyaka Eyishumi Yokuqala Lokuqalisa Ukusebenza.

Ngokuhambelana ngokugcwele nalezi zinhlelo zentuthuko, i-TICAD-VI idingide izinkinga ezihlobene nendikimba yonyaka iAfrika ebilokhu ibhekene nazo kusukela kwi-TICAD-V yokugcina eyayibanjelwe eYokohama, eJapan ngowezi-2013. Lokhu kubandakanya ukuvuselelwa kwezimboni, ezempilo, kanye nozinzo emphakathini.

IKhabhinethi iyasamukela isethembiso sikaNdunankulu uShinzo Abe sokuthi iJapan izoqokelela isamba sezigidigidi ezingama-$30 ezikhwameni zezimali zemikhakha ezimele kanye nekahulumeni ukuba sitshalwe e-Afrika eminyakeni emithathu ezayo ukuze kufukulwe ukwakhiwa kwengqalasizinda e-Afrika.

Lo mhlangano ube nezingxoxo ezinzulu nezijulile maqondana nokutshalwa kwezimali emkhakheni ozimele, ukwenziwa kweminotho yase-Afrika osozimboni, ukusungula izinhlaka zezomnotho eziqinile, ezempilo kanye nokuvikelwa ezifweni ezibhedulayo ezinjenge-Ebola kanye ne-Zika, ukulwisana nabashokobezi, ukufundisa kanye nokufukula intsha ehlaselwe ubuphofu ukuze ivinjelwe ukuba ingaluthwa amaqembu amavukelambuso nabashokobezi.

Izinhloko zemibuso kanye nohulumeni bakugcizelele ukuzibophezela kwabo ukuqhubeka nokuqinisa inqubo ye-TICAD ngemigomo eyimikhombandlela yesigcawu esivulelekile nesiphelele, ukuxoxisana nababambiqhaza abahlukahlukene, ukuhanjelaniswa nezinhlelo zangaphambilini zase-Afrika, ukugcizelela intuthuko ebhekiswe ngqo ebantwini, kanye nokuqaliswa ukusebenza okuyimpumelelo okuhambisana nezindlela zokulandelela ezididiyelwe.

5.5. Izehlakalo zokucwasana ngokobuhlanga ezibhekiswe esikoleni samantombazane iPretoria High School for Girls ziyakhathaza. IKhabhinethi iyasincoma isibindi sabafundi sokuveza obala ukucwasa ngokobuhlanga kanye nokuphambana nomthetho okuqhubekayo kulesi sikole.

Bayizishoshovu zangempela zoshintsho lomphakathi, ezidingekayo ukususa izwe lethu emlandweni walo wakudala wokuhlukaniswa kwabantu lisondezwe eduzane nokufezekisa izinjongo zeNingizimu Afrika ebumbene.

Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bahloniphane futhi babumbane balwisane nokuhlukaniswa ngenxa yokucwasana ngokobuhlanga emphakathini wethu. Izwe lethu elibuswa ngentando yeningi labantu lwakhelwe phezu kokubekezelelana kanye nenhlonipho.

5.6. Sihlanganyela futhi kanye nezigidi zabantu baseNingizimu Afrika ekuhalaliseleni Ithimba laseNingizimu Afrika ngomsebenzi oncomekayo eliwenze Emidlalweni yama-Olimpiki yowezi-2016 ebibanjelwe eRio. Ithimba lenze izwe laziqhenya ngabo ngokunqoba izindondo eziyishumi emikhakheni enhlobonhlobo yemidlalo, kubandakanya nezindondo ezimbili zegolide. Umsebenzi ohlabahlosile owenziwe nguWayde Van Niekerk ngokunqoba indondo yegolide emjahweni ka-400m kanye nokwephula irekhodi lomhlaba, kanye nokugijima okuhle kakhulu kwentombazanyana yethu eyigugu uCaster Semenya emjahweni ka-800m kuzohlala isikhathi eside ezingqondweni zethu.
5.7. IKhabhinethi ihalalisela abantu baseNingizimu Afrika kanye ne-IEC ngengxenye yabo abayidlalile ukuqinisekisa ukuthi siba nolunye Ukhetho Lohulumeni Basekhaya oluyimpumelelo. Ezweni lonkana, imikhandlu isihlanganile yaqoka osodolobha, osomlomo kanye nosotswebhu abakhulu. Lokhu buwufakazi bokuthi uhlelo lokubusa ngentando yeningi labantu luyasebenza ngempela kuleli lizwe.

IKhabhinethi ikhuthaza izakhamuzi ukuba ziqhubeke nokubamba iqhaza ngokusebenzisa Amakomidi Ezigceme kanye nezinye izindlela ezibandakanya imiphakathi kohulumeni basekhaya.

5.8. Ukumenyezelwa kwenhlawulo yezigidigidi eziwu-1, 5 zamarandi okumele ikhokhwe yi-ArcelorMittal, okungabakhiqizi bensimbi abakhulukazi kuleli lizwe, ngokuphekwa kwamanani kanye nokwakha umbimbi embonini yensimbi kuyinhlawulo enkulukazi enikezwe inkampani eyodwa yiziphathimandla zomncintiswano.

Inkampani iphinde yanquma, njengengxenye yokukhokha isikweletu neziphathimandla, ukutshala izigidigidi eziwu-4, 6 zamarandi ezindlekweni ezintsha ukuze ivuselele kabusha imishini yayo yokusebenza kanye nokwenza ngcono izinga lokuncintisana. Ukukhokhwa kwesikweletu kuphinde kuhlinzekele indlela yokubizwa kwamanani ezovala umngcele wenkampani emikhiqizweni yensimbi eyisicaba isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

Lokhu kuyingxenye yesijeziso sokulwisana nokuxhashazwa kwamandla okuba sezimakethe kanye nokuphekwa kwamanani okubukela phansi ukusebenza komnotho, kufake izindleko ezingenasidingo emafemini amancane futhi kudicilela phansi imisebenzi yalapha ekhaya.

Uhulumeni usalokhu ezibophezele ukukhuthaza ukukhula komnotho okuholwa utshalomali, hhayi ukumfimfa komnotho okubangelwa umbimbi.

5.9. Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzise amanzi ngokugculisayo futhi bawalondoloze; ngokusebenzisana ndawonye singaqinisekisa ukuthi kukhona amanzi awanele futhi sivikele ingqalasizinda yethu esemqoka yamanzi.

Kunezimo ezinenkani zesomiso ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe nalapho iGauteng isiqala khona ukutheleleka ngenxa yokuthi Uhlelo Oludidiyelwe Lomfula iVaal selungaphansi kwengcindezi enkulu. 

Ukubhekana nesimo samanje, Umnyango Wezamanzi kanye Nokuthuthwa Kwemfucuza usebenzisana neNhlangano Yohulumeni Basekhaya yaseNingizimu Afrika (i-SALGA), uMnyango Wokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko (i-CoGTA) kanye nomasipala uzofaka imikhawulo ekusetshenzisweni kwamanzi Ekurhuleni, eGoli, eTshwane kanye naseMogale City.

Amanzi aphakelwa izindawo zasemadolobheni azoncishiswa nge--15% kanti amanzi okuchelela azoncishiswa ngama--20&. Imikhawulo ayinakugwemeka futhi izohlala ikhona ukuvikela ukuphakelwa kwamanzi kuze kube isimo siyabohla. 

5.10. Imiphumela Yezibalo Zabantu Eziqaguliwe Zaphakathi Nonyaka ezenziwe yinhlangano Yezezibalo ENingizimu Afrika (i-Statistics SA) zibonisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakhule bafinyelela kubantu abayizigidi ezingama-55.9 abaneminyaka yokuphila emhlabeni engama-62 ubudala kanye nokushona kwezinsana okuqagulelwe ku-33.7 ngezinsana eziyi-1 000 ezizelwe.

IKhabhinethi ibikhathazekile ngokwenyuka kwesilinganiso sokubhebhetheka kwegciwane lesandulelangculazi (i-HIV) sisuka ku-11.2% ngonyaka odlule siya ku-12.7% ngowezi-2016 nokuhumushekela esibalweni esiqaguliwe sabantu abayizigidi eziwu-7.03 abaphila ne-HIV.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzisana nohulumeni ukuvimbela ukutheleleka okusha ngokuthi bahlolwe okungenani kanye ngonyaka, basebenzise ikhondomu uma besiya ocansini kanye nokuthi amadoda kanye nabafana basabele ekhweleni elihlatshwayo futhi bacabangele ukuyosokwa ezikhungweni zezempilo.

5.11. IKhabhinethi isiqaphelile isinqumo Senkantolo yoMthethosisekelo maqondana noMthetho Wokuchitshiyelwa Kwezinxephezelo Zamalungelo Omhlaba, owashaywa ngowezi-2014, ukuze kuvulwe kabusha uhlelo laleli lizwe lokubuyiselwa umhlaba.

Inkantolo inikeze iPhalamende iminyaka emibili ukuba lishaye kabusha lo mthetho noma liphasise uMthetho omusha. Lesi nqumo sichaza ukuthi azikho izicelo ezintsha ezingafakwa kuze kube uMthetho omusha ozovula kabusha ukufakwa kwezicelo uyaphasiswa.

Ikhomishana Yokunxeshezelwa Kwamalungelo Omhlaba uzobamba udliwanondlebe nabemithombo yezindaba ukukhomba indlela eya phambili kulandela lesi sinqumo.
5.12. INingizimu Afrika izosingatha Umbuthano wama-35 Wongoti Bomumo Womhlaba Bamazwe Ngamazwe eCape Town International Convention Centre kusukela mhla zingama-27 kuNcwaba kuya mhla zi-4 kuMandulo 2016.

Lo Mbuthano uhlose ukuba negalelo ekuthuthukisweni kocwaningo oluyisisekelo kanye noluthuthukile kwezesayensi yomumo womhlaba. Lo mcimbi uzobonisa isayensi yomumo womhlaba edume umhlaba wonke kanye nesayensi yamagugu kuhlangene nezizinda zayo zemimo yamatshe nezibukekayo kakhulu. Izingqinamba zomumo womhlaba ezikhona kulo mkhakha nazo zizohlaziywa.

5.13. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nakubangani bakaNgqongqoshe weKhabhinethi waphambilini kanye noNdunankulu Wesifundazwe saseMpumalanga Kapa, uMfundisi u-Arnold Makhenkesi Stofile. UMfundisi uStofile ubeyisishoshovu esimkantshubovu sezepolitiki esabamba iqhaza kuzona zonke izinsika zomzabalazo waseNingizimu Afrika, kusukela kwizigagayi zomshoshaphansi kuya emibhidlangweni yokunxenxa izingqumbi zabantu, kuya obumbanweni namazwe angaphandle kanye nokwakhiwa ngokusemthethweni kwezinhlaka zikahulumeni.

IKhabhinethi iphinde yazwakalisa amazwi ayo enduduzo emindenini yamalungu Ombutho Wezempi waseNingizimu Afrika alahlekelwe yizimpilo zawo engozini yebhasi eyehle eClarens eFreyistata.

IKhabhinethi ihlanganyela kanye noMongameli uJacob Zuma ekuthumeleni amazwi enduduzo koHloniphekile uMongameli uSergio Mattarella, uHulumeni kanye nabantu base-Italy kulandela ukuzamazama komhlaba okwenzeke enkabeni ye-Italy, okuholele ekufeni kwezakhamuzi kanye nomonakalo omkhulu emadolobheni ahlukahlukene. Sifisela nalabo abalimele ukululama okusheshayo.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.
6.1. IKhabhinethi idingide ngokuqashwa kweBhodi lakwa-South African Airways (SAA) yase igunyaza ukuqashwa kwalaba abalandelayo:
a) Nksz Duduzile Cynthia Myeni (uqashwe kabusha njengoSihlalo);
b) Nksz Mmakeaya Magoro Tryphosa Ramano (Iphini likaSihlalo futhi ngumqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
c) Nksz Bajabulile Swazi Tshabalala (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
d) Nksz Thandeka Nozipho Mgoduso (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
e) Nksz Nazmeera Moola (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
f) Mnu Akhter Hoosen Moosa (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
g) Nksz Gugu Sepamla (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
h) Mnu Siphile Buthelezi (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
i) Mnu Peter Holmes Maluleka (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
j) Mnu Mzimkulu Malunga (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
k) Dkt Martha Mbatha (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu); kanye no
l) Mnu Peter Tshisevhe (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu).

UNgqongqoshe Wezezimali uzohlangana neBhodi eliqokwe kabusha ukuze ahlinzeke ngomkhombandlela ovela ohlangothini lababambiqhaza.

Imibuzo:
Donald Liphoko
Umakhalekhikhini
Cell: 082 901 0766

Share this page

Similar categories to explore