Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-11 Nhlaba 2016

1. Ukuqaliswa kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi iwuqaphelile umbiko wokubuyisa impendulo owenziwe nguNgqongqoshe Wezezimali kuMongameli, maqondana nenqubekelaphambili yezingxoxo zikaHulumeni nabomkhakha ozimele kanye nabasebenzi kwezomnotho. UMongameli ugunyaze uNgqongqoshe ukuba ahole izingxoxo nalaba balingani bezokuhlalisana ukuze kuhlahlwe iqhinga futhi kuqhanyukwe nezinyathelo zokukhulisa umnotho kanye nokulondoloza ukukleliswa kwezwe kwezezikweletu.

IKhabhinethi ijabulile ukuthi lo msebenzi uphethwe ngokutholakala kwezinhlelo eziqanjwe kabusha ezibambekayo ezizokwenza ngcono amathuba ezwe ezomnotho. UMongameli umemezele izinhlelo eziqanjwe kabusha ezimbalwa eziseqhulwini ngoMsombuluko, ezibandakanya: (1) isikhwama esihlanganyelwe somkhakha ozimele kanye nokahulumeni Sokuxhasa Amabhizinisi Amancane, (2) ukubhekana nemigoqo evimbela ukukhushulwa kotshalomali ukuze kusheshiswe ngesivinini ukukhula okufaka konke okuphelele, (3) ukutshala izimali ngokuhlanganyela kukahulumeni nomkhakha ozimele engqalasizindeni ngokubukela kwisibonelo sempumelelo yoHlelo Labakhiqizi Abazimele Bakages kanye (4) nokuqinisa Amabhizinisi Kahulumeni ukuqinisekisa ukuqina nokuzinza kwezezimali zawo kanye nokuqinisa indima yawo ekugqugquzeleni intuthuko.

Lezi zimemezelo ziwubufakazi balokho leli lizwe elingakwazi ukukuzuza uma bonke abalingani bezokuhlalisana behlangana ndawonye ukuze basebenzele injongo efanayo.

1.2 IKhabhinethi isalokhu inethemba lokuthi ukuhlanganiswa okunesankahlu kwezimali zezwe nguhulumeni, ingqophamlando yokuqoqwa kwemali eyitriliyoni yamarandi yiSikhungo Sokuqoqwa Kwezimali saseNingizimu Afrika (i-SARS) kanye nemingenelelo yesikhathi esifushane eyisihlanu esanda kumenyezelwa, konke kugcwalisa Uhlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye ukuze kuqinisekiswe ukuguquka kwezinto engcebweni yethu yezomnotho. Ukuqoqwa kwezimali okukhuphukile ngu-SARS kuzophinda kwenze uHulumeni akwazi ukuhambisa izinsizakalo ezizokwenza ngcono izinga lezimpilo zazo zonke izakhamuzi zakhe.

1.3 IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo sesikhungo sezokuklelisa, esibizwa ngokuthi yi-Moody’s Investor Services, esiqinisekise kabusha esontweni eledlule ukukleliswa kwezwe kwezezikweletu ngamaphuzu amabili ngaphezu kwezinga lotshalomali olungaphansi.

Ngokuqinisekisa lokhu kukleliswa, i-Moody’s ikuqaphelile ukuthi iNingizimu Afrika isifinyelela ekuguquleni izinto emva kweminyaka eminingi yokukhula okuntekenteke kwezomnotho kanti-ke nezinyathelo zokuhlanganiswa ezinesankahlu kwisabelomali sowezi-2016 zizozinzisa isikweletu sikahulumeni Kwisamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) onyakeni esikuwona.

Zonke izinhlangothi ziyavumelana ukuthi imizamo ehlanganyelwe kudingeka iqiniswe ukufaka ugqozi ekusimameni komnotho. Siyaqaphela futhi ukuthi umsebenzi kaNgqongqoshe Wezezimali kanye nabalingani bezokuhlalisana ubandakanya ithimba labasebenzi bezokukleliswa kwezezikweletu elizohlonza izinguquko ezinokwenzeka kanye nezinyathelo zokugenelela ukuze kulondolozwe izimakethe zezimali eziqinile kanye nokukleliswa kwezezikweletu kwezinga lotshalomali.

1.4 UMongameli uyazincoma Izinkulumo Zevoti Zezabiwomali ezenziwe ngoNgqongqoshe abahlukene ezibhekana nezidingo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Imibiko yenqubekelaphambili kanye nezinhlelo ezisuselwa Ezinkulumweni Zevoti Zezabiwomali Zeminyango kubonisa ukuthi iNingizimu Afrika iyisizwe esiphezu komsebenzi, nalapho uhulumeni ezihola phambili, ekwakheni impilo engcono yawo wonke umuntu.

Izinyathelo ezibambekayo sezenziwe ukunciphisa umthelela ongemuhle wokuwohloka kwamandla emali emhlabeni wonke kwezomnotho wethu, kanye nokulungiselela ukukhula ngomfutho lapho umjikelezo wezomnotho usushintsha uba muhle. Sisebenza kanzima futhi ukususa izithiyo zokukhula ezikhona lapha ngaphakathi ezweni.

Izinkulumo zevoti zezabiwomali ziphinde zibonise ukuthi uhulumeni, abasebenzi kanye nabamabhizinisi basebenza ndawonye, ukudlula zonke ezinye izikhathi, ukuthola izindlela zokuphemba kabusha ukukhula kanye nokwakha impilo engcono yawo wonke umuntu.

Lokhu kubandakanya ukuqaliswa ukusebenza okunomdlandla koHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye, olwamenyezelwa nguMongameli u-Jacob Zuma Enkulumweni Echaza Isimo Sezwe yowezi-2015 kanjalo ne-Operation Phakisa, eyasungulelwa ukusheshisa ukuqaliswa kokusebenza kwezisombululo ezindaweni ezibucayi zentuthuko. Lezi zinhlelo zibhekana nezinkinga ezibucayi ezivela oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), ezinjengokunciphisa ubuphofu kanye nokusweleka kwamathuba omsebenzi.

1.5 IKhabhinethi iqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi isimo sezwe sokusweleka kwamathuba emisebenzi kuyabhekanwa naso ngokuqaliswa ukusebenza kwe-NDP ngokusebenzisa ukungenelela kwezomnotho koHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye okufuna ukuphemba kabusha ukukhula kanye nokuthuthukisa imisebenzi emikhakheni esemqoka yezomnotho wethu. Ukusebenzisana komkhakha ozimele kusemqoka ukuze kutholakale umphumela onempumelelo.

Uhulumeni usebenzisa zonke izinhlelo eziqanjwe kabusha ezikhona kubandakanya noHlelo lwakhe Lokusebenzisa Inqubomgomo Yezezimboni (i-IPAP) ukusungula imikhiqizo eminingi eqasha abasebenzi ngokugcwele futhi esebenzela imikhakha ukuze ibhekane nokusweleka kwamathuba emisebenzi okubuye kwathelelwa kabi izimo ezinzima zezomnotho zalapha ekhaya nezomhlaba wonke. UNgqongqoshe Wezohwebo Nezezimboni, u-Rob Davies wethule isibuyekezo sesishiyagalombili sonyaka se-IPAP yowezi-2016/17 kuya kowezi-2018-19 ngomhla ziyi-9 Nhlaba 2016 ngo-100% wemikhiqizo ephethwe ngabantu abamnyama kanye nendawo yokubunjwa kwensimbi eGauteng.

Uhulumeni ugcizelela ukubaluleka kokusungula ukusebenzisana ndawonye kanye nezinkampani zezezimboni zangaphakathi ezweni ezinobuchule ezingabandakanyiwe kuphela nje ekuthuthukisweni kwengqalasizinda, kwezokuthutha kanye nokuhanjiswa kwezimpahla, kodwa ezibandakanywe emikhakheni enhlobonhlobo yezobuchwepheshe obuphucukile, yezimpahla ezilungele ukuthengiswa emazweni angaphandle kanye negxile kubasebenzi yezomnotho waseNingizimu Afrika ngobubanzi.

Nakuba Ucwaningo Lwekota Lezabasebenzi lwekota yokuqala yowezi-2016 luqophe ukukhuphuka emathubeni omsebenzi kuya kuma26.7% ekota ngekota, amazinga amathuba emisebenzi ezi-2016 aphezulu ngezi-204 000 zabantu abaqashiwe uma eqhathaniswa nekota yokuqala yowezi-2015.

1.6 IKhabhinethi iyakwamukela ukunikezelwa Kwesilulu Sentsha sase-Beaufort West, eNtshonalanga Kapa nguMongameli uJacob Zuma, esihlinzeka ngesikhungo entsheni, lapho ingakwazi khona ukuzisimamisa. Isilulu sinengxube yezikhungo ezihlinzeka ngokuthuthukiswa okuphelele kwabantu abasha kanye nomphakathi ngobubanzi. Izikhungo ezitholakalayo kulesi silulu sentsha zizohlinzeka abantu abasha abavela emiphakathini ehluphekayo ngamathuba okuthi babambe iqhaza kangcono futhi babe negalelo elihle emiphakathini yabo kanye nasezweni.

Isikhungo Samakhono esinazo zonke izinsiza esisetshenziswa yi-South Cape College sizohlinzeka ngokuqeqeshwa ekuphathweni kwamabhizinisi, ukusebenzisa ikhompuyutha kanye nokuthuthukiswa kwabantwana kusenesikhathi kubabambiqhaza abangama-200 boMbutho Kazwelonke Wemisebenzi Yentsha Yasemakhaya (i-NARYSEC) ngonyaka ngamunye. I-NARYSEC iwuhlelo lwesikhathi eside lapho kuhloswe khona intsha yasemakhaya kuphela, iqashwa khona bese inikwa inkontileka yeminyaka emibili.

Intsha eneminyaka yobudala ephakathi kweyi-18 nama-25 iyaqokwa bese ibhaliselwa ukuqeqeshelwa amakhono anhlobonhlobo azoyihlomisa, ngolwazi olucatshangwayo kanye noluphathekayo, ukuze izisungulele yona amathuba emisebenzi kanye nabanye abantu emiphakathini yabo. Lesi Silulu Sentsha siwumklamo Wokuzwa Amanzi Ngobhoko futhi ongowokuqala walolu hlobo, futhi uzosatshalaliswa kwezinye izifundazwe.

1.7 IKhabhinethi iyawamukela Umhlangano Wesifunda sase-Afrika Wokubambisana Kohulumeni Okuvulekile (i-OGP) wezi-2016 owawusingethwe yiNingizimu Afrika kusukela mhla ziyi-5 kuya ziyi-6 Nhlaba 2016 ngaphansi kwendikimba ethi "Uhulumeni Ovulekile Wentuthuko Eqinile Neqhubekayo e-Afrika".

Lo mbuthano uza emva kwezinyanga eziyisikhombisa emva kokuba iNingizimu Afrika yaba nguSihlalo Oholayo Wokubambisana Kohulumeni Okuvulekile. Imigomo kahulumeni ovulekile isemqoka ekufezekiseni izinjongo zentuthuko eqinile ezibanzi nezihlukehlukene, nezixhumanisa ukuvuleleka ekubuseni ukuze kwenziwe ngcono labo abantekenteke nabahlwempu emhlabeni wonke. Ukubambisana Kohulumeni Okuvulekile kanye Nohulumeni Ovulekile kuphinde kube isivumeli esisemqoka esizosiza umphakathi wasemhlabeni jikelele ukuba ufezekise i-Ajenda yowezi-2030 Yentuthuko Eqinile Neqhubekayo.

Lo Mhlangano Wezifunda ube ngumhlangano Wezifunda omkhulu kunayo yonke Wokubambisana Kohulumeni Okuvulekile (i-OGP) owake wahlelwa yi-OGP obe nemiphumela ebambekayo ebivela kwisiqubu ngasinye somhlangano kwaze kwaba inkomfa iyophela.

Ngokuhambisana nesibophezelo sohulumeni sokubambisana kanye nokuphatha okuhle, lo mhlangano uhehe ababambiqhaza abavela Ezinhlanganweni Zemiphakathi (ama-CSO) ezihlukahlukene emhlabeni wonke ezigxile nezizinze emiphakathini kuyo yonke imikhakha enhlobonhlobo engaphandle kwama-CSO ajwayelekile abehlala njalo eyingxenye yokubambisana.

1.8 IKhabhinethi iyakuqaphela ukugunyazwa kokuhlangana kwezinkampani ezintathu zeziphuzo ezisemabhodleleni ukwakha inkampani yeziphuzo zamabhodlela enkulukazi ezwenikazi, i-Coca-Cola Beverages Africa. IKhabhinethi iyasamukela isivumelwano maqondana nezimo zezimfuno zomphakathi mayelana nokuhlangana phakathi kukahulumeni kanye ne-Coca-Cola Beverages Afrika okuwuhlangana kwezinhlangothi ezinkulu okungeseka imizamo yethu yokuba nezimboni ezinkulu emnothweni waseNingizimu Afrika.

Isivumelwano sivikela amazinga okuqashwa ngokugcwele enkampanini isikhathi esiyiminyaka emithathu, sivikela abasebenzi abasophikweni lwezingxoxo zamaholo ekudilizweni emsebenzini ngezizathu ezihlobene nokuhlangana kwezinkampani, siseka uchungechunge lokuphakelwa kwempahla lwalapha ngaphakathi ezweni futhi siyazibophezela ukuthuthukisa abalimi ababekhishwe inyumbazane ngaphambilini kanye nabaphakeli bempahla enkampanini.

Ngaphezu kwalokho, izigidi ezingama-400 zamarandi seziboshezelwe ukuxhasa ukuthuthukiswa kwamabhizinisi asochungechungeni lokuphakelwa kwempahla yezolimo kanti ezinye izigidi ezingama-400 zamarandi zikhuphule utshalomali ukuze kuthuthukiswe ukusatshalaliswa kwempahla iya emazingeni aphansi kanye namandla amabhizinisi ahlobene nokuthuthukiswa kwamakhono kanye nokuqeqesha. Umkhiqizo oyingqayizivele we-Appletiser uzoqhubeka nokukhiqizwa eNingizimu Afrika.

Isivumelwano sivulela isikhala sokufaka efrijini eziqandisini eziphethwe noma eziphakelwe ngu-Coca-Cola emabhizinisini amancane: i-10% yesikhala sokufaka efrijini sizotholakala ukufaka imikhiqizo eyizimbangi evela kubakhiqizi abancane ezitolo ezinkulu lapho kuneziqandisi eziphakelwe ngu-Coca-Cola kuphela ezitholakalayo. Lokhu kuvulela imakethe kubhizinisi amasha kanye nabakhiqizi abancane beziphuzo ezisemabhodleleni, okusiza ukugwema imisebenzi yebhizinisi enemikhawulo egcina amabhizinisi amancane naphakathi nendawo evaleleke ngaphandle kwemakethe.

Ngaphezu kwalokho, utshalomali lwesikhathi eside lwenkampani ekuthuthukisweni kwezomnotho kanye nenhlalakahle yezwe luzothuthukiswa ngokusungulwa kwamahhovisi akomkhulu enkampani ehlanganisiwe eNingizimu Afrika. Isivumelwano silandela esinye isivumelwano sakamuva esifana naso okungenwe kuso kanye ne-Annhauser Beush InBev esihlobene nokuthengwa kwe-SAB Miller. Ngokukhethekile, ekugcizeleleni kwabo maqondana namathuba omsebenzi, ukuthuthukiswa kwamabhizinisi alapha ngaphakathi ezweni kanye nokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane, lezi zivumelwano zikhomba ukubaluleka kokubhalansisa ukuhlangana kwamabhizinisi kanye nezinkinga zezimfuno zomphakathi bese zibeka izinga okumele ligcinwe yizinkampani ezicabanga ukwenza ukuhlangana okufanayo noma ukuthenga ezinye izinkampani.

1.9 IKhabhinethi ikuqaphelile ukwethulwa kwenkampani yamabhodlela ebiza izigidi ezingama-350 zamarandi yi-Mpact Polymers ngokubambisana no-Coca-Cola. Lolu hlelo luphendula ohlakeni lokusebenza lezomthetho lukaHulumeni olusebenzisa injongo yeQhinga Lokuphathwa Kwemfucuza Kazwelonke Yomnyango Wezemvelo yokukhuthaza amabhizinisi okusebenzisa kabusha izinto esezisetshenzisiwe.

Le nkampani ingeyokuqala ngqa yalolu hlobo ezwenikazi lase-Afrika eguqula amathani ayizi-29 000 (e-polyethylene terephthalate) amabhodlela asesetshenzisiwe e-PET okunesilinganiso esiqaguliwe sokonga amamitha aphindwe kathathu ayizi-186 000 endawo yokulahla udoti futhi kuzoba negalelo ekuncishisweni kwezintuthu zomoya ongcolile (i-CO2) ngamathani abalelwa ezi-53 000 ngonyaka ngamunye.

Inhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC) ihlinzeke ngemalimboleko yezigidi ezingama-210 zamarandi kanjalo nezigidi ezingama-30 zamarandi ngo-21% wayo wezokulingana kanti futhi noMnyango Wezohwebo Nezezimboni unikezele ngesigaba 12(I) somthobanhliziyo wentela. Inkampani esebenzisa kabusha osekulahliwe ihlinzeka ngemisebenzi kubasebenzi abangama-80 kanye nemisebenzi eyi-1 000 kubantu abaqoqa imfucuza.

Ukubambisana okufana nalokhu kuyinjini esemqoka yokukhula komnotho, kusungula izinkulungwane zemisebenzi emnothweni wokusebenzisa kabusha osekulahliwe onengcebo ebalelwa ezigidigidini ezingama-50 zamarandi. Njengamanje, ukusetshenziswa kabusha koplastiki asebelahliwe kukodwa nje kuhlinzeka ngamathuba emali engenayo kubantu ababutha imfucuza abangaphezu kwama-60 000. I-Mpact Polymers, inkampani esebenzisa kabusha osekulahliwe esezingeni lomhlaba iyahambelana nemibandela yezokuphepha kokudla ye-EU njengoba iyifektri yokuqala yalolu hlobo e-Afrika futhi iphinde ihlangabezane nomgomo wokugunyazwa ngokugcwele we-Coca-Cola wamabhodlela e-PET.

1.10 IKhabhinethi iyawamukela umbiko wokuphendula maqondana Nokuphathwa Ngobuqhinga Obudidiyelwe Kobhejane osekukhombisile ukuthi iNingizimu Afrika isinqobile ekugcineni maqondana nokuzingelwa kobhejane ngokungemthetho. Kusukela kuqale lo nyaka nje kuphela abantu abazingela obhejane ngokungemthetho abangama-206 sebeboshiwe.

Indlela Yokusebenza Yokuphathwa Ngobuqhinga Obudidiyelwe yamukelwa yiKhabhinethi ngoNcwaba wezi-2014 neyabonisa Umkhakha Wezokuvikela uqalisa ukusebenza ukungenelela okumfundiso-ningi nokumkhakha-ningi ukuvikela obhejane eNingizimu Afrika.

1.11 IKhabhinethi ihalalisele izwe ngokusingatha ngempumelelo i-Tourism Indaba yowezi-2016 e-Durban KwaZulu-Natali, ephethwe ngoMsombuluko, mhla ziyi-9 Nhlaba 2016 ebe nezingxoxo ezimbalwa eziyimpumelelo phakathi kwababukisi abayi-1 047 abavela emazweni ase-Afrika ayi-18 kanye nabathengi abayi-1 856 abavela emhlabeni wonke.  Kulo nyaka, INDABA isingathe imihlangano eyizi-3 000 ngaphezu konyaka odlule. Sekukonke imihlangano yamabhizinisi eyizi-14 000 ebanjiwe ezinsukwini ezintathu ze-INDABA, eveze ithuba eliyingqayizivele lomhlomulo wezomnotho. Lo mcimbi ubuhanjelwe yizintatheli ezingama-575 zalapha ekhaya kanye nezangaphandle.

INDABA ibigxile ekutheni osomabhizinisi bemboni abancane, abaphakathi nendawo nabakhulu (ama-SMME) babukise ngemikhiqizo yabo kanye nezinsizakalo kosomabhizinisi abancane bezokuvakasha abathembisayo. Amabhizinisi angama-70 ahlomulile emihlanganweni yokucobelelana ngolwazi maqondana nokuthi ungayifinyelela kanjani imakethe – bese uyakhula. Ama-SMME anamathuba okuba ngamabhizinisi amakhulu. INDABA iqinise indima ama-SMME ayidlalayo ekuthuthukisweni komnotho wamazwe asethuthukile kanye nasathuthuka, ekukhuliseni umkhakha wezokuvakasha. Ukuthukulula amathuba ama-SMME kungomunye wemibhidlango esemqoka yemisebenzi oHlelweni Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye oluzokhulisa futhi luguqule umnotho bese lusungula amathuba emisebenzi.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi idingide ukuqaliswa ukusebenza kwezincomo zeKhomishana Yamaqiniso Nokubuyisana (i-TRC) futhi yahlongoza nezindlela zokuqaliswa ukusebenza Kwemiklamo Yokuhlunyeleliswa Komphakathi.

Ukufezekiswa Kwemiklamo Yokuhlunyeleliswa Komphakathi kuzolungisa ukungalingani kwasemandulo ngokuhlunyeleliswa kwemiphakathi eyi-128 eyayivuleleke ezenzweni zodlame kanye nokubhidlizwa ngesikhathi sokungqubuzana (1 Ndasa 1960 -10 Nhlaba 1994).

UMnyango Wezobulungiswa kanye Nokuthuthukiswa koMthethosisekelo uzocela izinkokhelo kubabambiqhaza abafanelekile (abakuhulumeni nabazimele) ukuze uzothola izinsiza ezanele zokuza nemingenelelo ephelele kule miphakathi eyi-128, ehlonzwe yi-TRC ngamunye ngamunye nokungenzeka izimo zayo zihluke ngokwenani kodwa lifinyelele enanini eliyizigidi ezingama-30 zamarandi isilinganiso esiphezulu. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi Imiklamo iyenzeka futhi iqinile ukuze kufezekiswe amaphupho omphakathi.

Lokhu kunegalelo ekufezekisweni koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe ngokukhulisa ubumbano lomphakathi kanye nobunye, kulungise ukungalingani kwasemandulo kanye nokufezekiswa kombuso othuthukisayo, onamandla futhi onenkambiso enhle ophatha izakhamuzi zawo ngesithunzi nobuqotho.

2.2 IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana nemiphumela yeNgqungquthela Yokuxhumana Ngomsakazo Emhlabeni (i-WRC-15) eyayibanjwe kusukela mhla zi-2 kuya mhla zingama-27 kuLwezi 2015 e-Geneva, e-Switzerland. INingizimu Afrika yahola izingxoxo zeQembu lase-Afrika ezaholela ekutheni isifunda sithole umunxa owengeziwe wemisebe yezokuxhumana kamakhelekhukhwini kanti futhi i-Afrika yakwazi ukuvikela umunxa ophansi we-UHF kamabonakude osebenza ngobuxhakaxhaka bukagesi. Izabelo ezithe xaxa zomunxa zenzelwa izinto zasolwandle, ezasemoyeni kanye nezinsizakalo zasemkhathini.

Uhlelo Lokuphindaphindwa Komsakazo Lukazwelonke (i-NRFP) luzovuselelwa ukukhombisa izinqumo ze-WRC-15, oluzoqala ukusebenza mhla lulu-1 Masingana 2017. Ukwabiwa komunxa ngaphakathi kwi-NRFP kuzogqugquzela izinhlelo zokujutshwa kwemisebenzi yezinsizakalo ezihlukene ezisemqoka ekuzuzeni imihlomulo yezomnotho, yamasiko kanye nezenhlalo ngokusebenzisa umunxa njengensiza yezemvelo. Ngokweseka izinjongo ze-NDP, umunxa uzosetshenziselwa ukusatshalaliswa kwemisebe yokuxhumana kazwelonke, umabonakude osebenza ngobuxhakaxhaka bukagesi, ukuxhumana ngesiqoqelilwazimkhathi kanye nokuvikelwa komphakathi kanye nokutakulwa ezinhlekeleleni, kanjalo nezinye izinsizakalo.

2.3 IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana Nezinqumo ezathathwa nguMkhandlu Wezinhloko Zemibuso Yenhlangano Yobumbano lwase-Afrika (i-AU) kanye noHulumeni eGoli ngoNhlangulana wezi-2015 ukubuyekeza izinkokhelo ezihloliwe zonyaka ezenziwe yiMibuso Engamalungu kusukela ngowezi-2016, ukuze uqinise amandla awo okuqhubeka nezinhlelo zawo.

IKhabhinethi igunyaze ukuqaliswa ukusebenza kwenkokhelo entsha ehloliwe yeNingizimu Afrika kwi-AU ngokuhambisana Nesinqumo Somkhandlu Sesilinganiso esisha Sokuhlola. Lokhu kugxiliswe emgomweni wobumbano, inkokhelo elinganayo kanjalo namandla okukwazi ukukhokha, ngendlela eqinisekisa ukuthi akukho nezwe elilodwa elinesabelo esingalingani sesabiwomali.

3. Imicimbi ezayo

3.1. UMongameli u-Jacob Zuma uzothatha Uhambo Lokuhambela Kombuso e-Doha, e-Qatar ngomhla ziyi-19 Nhlaba 2016 ukuqinisa ubudlelwano bezepolitiki nezomnotho phakathi kwalamazwe womabili.

3.2. IPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa, njengeNxusa Elikhethekile likaMongameli u-Jacob Zuma e-South Sudan, lizohambela e-Juba mhla ziyi-16 Nhlaba 2016. Lolu suku lubaluleke kakhulu kubantu base-South Sudan njengoba lusho uSuku Lombutho Wenkululeko Wabantu base-Sudan.

Ngesikhathi sokuhambela kwakhe iPhini likaMongameli lizoqapha ukuqaliswa ukusebenza kwesivumelwano soxolo. Izwe lase-South Sudan lifinyelele impumelelo enkulu ekupheleni kukaMbasa wezi-2016 ngokufungiswa kukahulumeni wesikhashana wobumbano lukazwelonke.

3.3. UMongameli uJacob Zuma uzohola umgubho kazwelonke kanye Nowenhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) Weminyaka Eyikhulu yeNyuvesi yase-Fort Hare ngomhla zingama-20 Nhlaba 2016. Igalelo lalenyuvesi ekukhiqizeni izingqalabutho zabafundi bangaphambilini ezweni naseNingizimu ne-Afrika leseka imigubho yeNyanga ye-Afrika.

3.4. IKhabhinethi igqugquzela abantu ukuba babambe iqhaza ezinhlelweni ezahlukene zeNyanga ye-Afrika ezibandakanya izizukulwane ezihlukene kanye nezinhlobo zemicimbi ehlukene ngaphansi kwendikimba ethi “Sakha i-Afrika Engcono noMhlaba Ongcono”.

Yonke imisebenzi igcizelela ukubekwa enkabeni kwemiphakathi yalapha ezweni ngaphakathi futhi ifaka phakathi imikhakha enhlobonhlobo kubandakanya: umculo, izinkondlo, umdanso, ibhayisikobho, ukudla, imfashini, ubuciko bezandla kanye nokuqopha, izingxoxo zokuxukuza umqondo kanye nomsebenzi ohlanganyelwe owenziwe ngamaciko aseNingizimu Afrika kanye nabalingani bawo ezwenikazi le-Afrika kanye nalabo sebafudukela kwamanye amazwekazi.

3.5. USuku Lomhlaba Wonke Lwemindeni luzogujwa mhla ziyi-15 Nhlaba 2016 ngaphansi kwendikimba yomhlaba wonke ethi “Imindeni, izimpilo ezinempilo kanye Nekusasa Eliqinile” ehlobene ne-Ajenda yowezi-2030 Yentuthuko Eqinile (eyamukelwa ngowezi-2015). USuku Lomhlaba Wonke Lwemindeni lwamenyezelwa nguMkhandlu Jikelele Wezizwe Ezihlangene futhi lugxile Emindenini: impilo yezingane kanye neyentsha kanjalo nokuphila kahle; ukunika isikhathi esilinganayo umsebenzi nomndeni kanye nemiphumela yezempilo; kanye nezinga elingcono lempilo kubantu abadala.

3.6. Kusukela mhla ziyi-16 kuya kuma-20 kuNhlaba 2016 uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwemfucuza uzohola iSonto Lokuthuthwa Kwemfucuza kanye Nenhlanzeko ngaphansi kwendikimba ethi: “Akukho mayelana nokushaya indlu yangasese”. Umkhankaso uzoqwashisa abantu maqondana nokubaluleka kokuthuthwa kwemfucuza nendle kanye nokukhuthaza izindlela ezingungqaphambili zokuthuthwa kwemfucuza nendle.

Uhlelo olusemqoka kakhulu Uhlelo Lokuqedwa Kwamabhakede; inqubekelaphambili ibandakanya ukuqedwa kwezindlu zangasese ezingamabhakede ezindaweni eziyimijondolo KwaZulu-Natali, eNyakatho Ntshonalanga, eMpumalanga naseGauteng. INtshonalanga Kapa isifinyelele ama-99.8% okuqeda lolu hlelo. Inqubekelaphambili kwezinye izifundazwe ibandakanya ukuqedwa kwezindlu zangasese ezingamabhakede eziyizi-20 560: eFreyistatha (4 056), Mpumalanga Kapa (2 672); Nyakatho Kapa (2 421) naseNyakatho Ntshonalanga (398).

UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwemfucuza, uNomvula Mokonyane uzobamba iqhaza eKomidini Lamazwe Omhlaba maqondana Namadamu Amakhulu (i-ICOLD) lama-84 eSandton Convention Centre kusukela mhla ziyi-15 kuya kuma-20 kuNhlaba 2016. Isithangami sizokwabelana ngolwazi maqondana nedizayini, ukwakhiwa, ukulondolozwa kanye nomthelela wamadamu amakhulu. Sizobandakanya nokuhanjelwa kwamadamu amakhulu eNingizimu ne-Afrika futhi sizokuba negalelo emizamweni yethu yokonga amanzi.

3.7. Njengengxenye yeQhinga Likazwelonke Elididiyelwe Lokukwazi Ukufunda Nokubala, uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uzosinga umcintiswano wokupela wezi-2016, i-Spelling Bee ukwenza ngcono ukusebenza kwabafundi ezilimini.

IKhabhinethi imema zonke izikole, othisha kanye nabazali ukuba bagqugquzele abafundi basezikoleni zamabanga aphansi ukuba bangenele umncintiswano  wokupela wezi-2016, i-Spelling Bee, ngaphambi kokuba kuvalwe ukungenela mhla zingama-31 Nhlaba 2016. Ngolwazi oluthe xaxa vakashela ku-www.education.gov.za.

4. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

4.1. IKhabhinethi ikukhahlela ngezinyawo zombili ukucwasana ngokobuhlanga okucace bha okukhonjiswe ngabanye abantu ezweni lethu, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana zomphakathi. Ukuziphatha okunjalo akuhambisani nezinkambiso zoMthethosisekelo wethu, izibophezelo ezivezwe kuwona kanye nobugugu, futhi kuphazamisa amalungelo abantu bakithi. Lokhu akunayo indawo emphakathini obuswa ngentando yeningi labantu. Ngokukhethekile iKhabhinethi iyigxekile imibono enokucwasa ngokobuhlanga ebibhekiswe elungwini eliphakeme Lophiko Lezobulungiswa, iJaji leNkantolo Ephakeme u-Mabel Jansen.

Amazwi ikakhulukazi ashiwo yilungu elihloniphekile lophiko lezobulungiswa awahambisani nalokho umphakathi okulindele emalungwini ophiko lezobulungiswa. Uphiko lezobulungiswa kumele njalo lungathathi nhlangothi futhi lukwenze lokho ngendlela engenakugxekwa nakancane.

Ukubekezelelana kanye nehlonipho kwakulokhu kuwumgogodla womzabalazo wethu wenkululeko futhi kusalokhu kuyingxenye esemqoka yesisekelo sezwe lethu iNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi labantu. Asibumbaneni futhi ukuze sinqobe ngokuhlanganyela ukuhlukaniswa ukucwasana ngokobuhlanga emiphakathini yethu.

UMnyango Wezobulungiswa kanye Nokuthuthukiswa koMthethosisekelo uhlela ukubhekana nezindaba ezinjalo ngokwethula umthetho ozobhekana nokucwasa ngokobuhlanga ikakhulukazi inkulumo enenzondo. IKhabhinethi iphinde yanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bahloniphane njengoba kuveziwe eMqulwini Wamalungelo Esintu.

4.2. IKhabhinethi igcizelela ukukhahlela ngezinyawo zombili kukaMongameli u-Jacob Zuma ukucekelwa phansi kwezikole ezingama-24 ngabantu abathathwa njengabahlali basesifundeni saseVhembe eLimpopo. Lokhu kucekelwa phansi kwengqalasizinda yezemfundo kubeka izingane zethu engcupheni futhi kubukela phansi imizamo yezwe yokuhlinzeka ngemfundo esezingeni eliphakeme.

IKhabhinethi iyawamukela umhlangano phakathi kukaMongameli uJacob Zuma neSilo Samabandla sesizwe sabaVenda, iNgonyama uThovhele Toni Mphephu Ramabulana obucelwe yiyona inkosi ehloniphekile ngomhla ziyi-8 Nhlaba 2016 ukuxazulula izinkinga eVuwani.

UMongameli u-Jacob Zuma usejube ithimba lokwenziwa komsebenzi eliholwa nguMnyango Wokwengamela Ngokubambisana kanye Nezendabuko ukuba lihole uhlelo lokusungula ingxube yemiklamo yengqalasizinda yezenhlalo kaMasipala Wasekhaya waseMakhado. IKhabhinethi iyalibonga Ithimba Lokwenziwa Komsebenzi eliholwa nguNgqongqoshe u-Desmond van Rooyen ngenqubekelaphambili esiyenziwe ukuxazulula lolu daba futhi iyayincoma indima edlalwe yiHhovisi likaNdunankulu u-Stanley Mathabatha, akanye noSolobha Omkhulu waseVhembe, uTshitereke Matibe; uSodolobha Omkhulu waseThulamela, u-Grace Mahosi kanye noSodolobha Omkhulu waseMakhado, u-David Mutavhatsindi.

Ngesikhathi semihlangano yeThimba Lokwenziwa Komsebenzi, abaholi bendabuko abebehambele benze izibophezelo zokusebenzisana nohulumeni ukuxazulula lesi simo esimazonzo futhi bakugxeka ukucekelwa phansi kwempahla kanye nodlame babe sebecela ukuba kube nesisombululo esisheshayo kulesi simo. Kule mihlangano abaholi bendabuko kanye neThimba Lokwenziwa Komsebenzi bayiqinisekisile imiphumela yomhlangano kanye noMongameli futhi bavumelana ngokuthi bazobika ngenqubekelaphambili kuMongameli.

Njengoba sikhuluma nje iThimba Lokwenziwa Komsebenzi longqongqoshe lixoxisana nabo bonke ababambiqhaza njengomzamo oqhubekayo kahulumeni wokubuyisela isimo kwesejwayelekile eVuwani nasezigodini ezakhelene nayo.

IKhabhinethi ibonga lawo malungu omphakathi kanye nabaholi bendabuko abangenelelile ukuvikela lezo zikole ezisele kanye nokudala isimo esihle sokubamba inkulumo-mpendulwano eqhubekayo.

Asikho isizathu esizwakalayo esingasekela ukucekelwa phansi okungenangqondo kwengqalasizinda yomphakathi esemqoka enjengezikole. Labo bahlali abatholwe benecala lokushisa izikhungo zemiphakathi bazobhekana nengalo yomthetho.

IKhabhinethi ikhumbuza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi umbuso wentando yeningi labantu unikeza zonke izakhamuzi izinkundla ezihlukahlukene ukuze zizwakalise izinkinga zazo futhi zingenele izingxoxo ezakhayo ukuze kutholakale isisombululo esivuna zonke izinhlangothi. Abahlali bakulesi sifunda bayagqugquzelwa ukuba bakhiphe inyumbazane noma yibaphi abantu abahola nabacekela phansi ikusasa lezingane zethu futhi bababike ezikhungweni zokugcinwa komthetho.

Esigamekweni esihlukile kodwa esihlobene nalesi iKhabhinethi iluqaphelile ngokukhathazeka okukhulu udlame oluqhubekayo, ukuphazanyiswa kokufunda kanye nokushiswa kwezikhungo zomnyango wezemigwaqo endaweni yase-Grabouw yaseNtshonalanga Kapa. IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi ingalo yomthetho izothatha indawo yayo kulabo abazotholwa benecala lezenzo zobugebengu.

4.3. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo nokudabuka kwayo emndenini nakubangani balabo abalahlekelwe izimpilo zabo ngenxa yezikhukhula ezindaweni zaKwaZulu-Natali. Uhulumeni uhinzeka ngezinsizakalo zokuphathwa kwezinhlekelele kanye notakulo ezisulwini.

4.4. IKhabhinethi ikhumbuza abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokusebenzisa amanzi ngokucophelela ukuze bagcine ukuphakelwa kwamanzi okwanele okusetshenziswa esikhathini esizayo, njengoba kusenezindawo ezweni ezisabhekene nezimo zesomiso.

Uxhaso lukahulumeni luyaqhubeka nokwehlisa imiphumela ebhubhisayo yesomiso ngokusebenzisa izabelo zasabiwomali zesikhathi esifushane, esiphakathi nendawo neside ukuxhasa izinhlelo zeminyango ehlukahlukene eziphendula ezidingweni ezikhethekile zezindawo ezikhahlanyezwe yisomiso kanye nesidingo sokubhekana nokulahleka kwamanzi kumanethiwekhi okuphakela amanzi asemqoka.

Uhulumeni usesungule iThimba Lokwenziwa Komsebenzi loNgqonqoshe Abahlukehlukene maqondana Nokuhanjiswa Kwezidingo-ngqangi, elinabantu abamele imikhakha ehlukene. Njengengxenye yezinyathelo zokunciphisa ezithathiwe ukuqeda imiphumela yesomiso, imithetho yokusetshenziswa kwamadamu isetshenzisiwe emadamini angama-35 kanye nezinhlelo ezi-4 lapho imikhawulo isasetshenziswa khona njengamanje maqondana nomthombo wamanzi (imikhawulo eyimpoqo ekusetshenzisweni kwamanzi kwasemakhaya nakwezolimo).

Ukunciphisa imiphumela yesomiso kubantu abasebenzisa amanzi, uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwemfucuza ususebenzise ngaphezu kwezigidi ezingama-500 zamarandi emingenelelweni ephuthumayo neyesikhathi esifushane KwaZulu-Natali, eFreyistata, eNyakatho Ntshonalanga, eMpumalanga Kapa, eMpumalanga, eLimpopo, eNtshonalanga Kapa kanye naNyakatho Kapa.

Izinyathelo zokungenelela zesikhathi esiphakathi nendawo kuya esikhathini eside zihloselwe ukuqinisekisa ukuthi sinawo amandla okumelana nokuguquka kwesimo sezulu, okunciphisa izingcuphe zokuncishiswa kwesomiso esikhathini esizayo.

Indlela yokusebenza ethathwe nguhulumeni ekubhekaneni nesomiso kanye nenkinga yokonakala komhlaba, igqugquzela izimpendulo ezibumbene nezididiyelwe zohulumeni abahlukene, singabala kuzona, uhlelo Lokunakekela umhlaba, Ukusebenzela Amanzi, Ukusebenzela Umlilo kanye Nokusebenzela Amaxhaphozi, eziholela ekusungulweni kwamathuba omsebenzi, ukudla okwanele, ukuthuthukiswa kwamakhono, ukulondolozwa kwemvelo, ukuhlunyeleliswa komhlaba kanye nokuvuselelwa kabusha kanjalo nokuthuthukiswa kwezindawo ezisemakhaya.

Ukuqala kwesomiso samanje kwenza kube nesidingo sokusetshenziswa kwezobuchwepheshe obuthuthukisa ukukwazi ukumelana naso. Ngenxa yalokhu ngowezi-2015 iNingizimu Afrika yagunyaza ukusetshenziswa kommbila okwazi ukumelana nesomiso oguqulwe ngokofuzo ukubhekana nenkinga yokuba khona kokudla okwanele. Sisathuthukisa amadizayini aqanjwe kabusha futhi kanye nobuchwepheshe obudingekayo ekuvuselelweni kwezindawo ezikhahlamezekile ukubamba ukonakala komhlabathi kanye nokugcina umkhiqizo womhlaba.

Njengengxenye yale ndlela yokusebenza edidiyelwe iNingizimu Afrika isizibophezele ukubambisana nokuba ngumhlomuli wenjongo yeNkomfa Yezizwe Ezihlangene Yokuqedwa Kobugwadule (i-UNCCD) yohlelo lokweseka ukumiswa kwenjongo Yomhlaba wonke. Ngokusebenzisa lezi zinyathelo zokungenelela, siyahlanganyela ekuqalisweni ukusebenza emhlabeni wonke kwezinjongo zikazwelonke zokuzithandela njengengxenye yokufezekisa Izinjongo Zentuthuko Eqinile.

Umgomo osemqoka Wokungathathi Hlangothi Kokonakala Komhlaba uqinisa indima yabantu basendaweni ekuqoshweni kanye nasekuqalisweni ukusebenza kwezinyathelo zokumisa nokuphindisela emuva ukonakala komhlaba. Iqhinga Lokuguqulwa Kokushintsha Kwesimo Sezulu elisanda kuphothulwa lihlonza imingenelelo eseqhulwini futhi libumbanisa izinhlelo zokuguqula zemikhakha ezisemqoka Yamanzi, Ezolimo, Ukuxubana kwezinto, Ezempilo, Ukuhlaliswa Kwabantu, kanye Nokuncishiswa Kwengcuphe Yenhlekelele zibe Uhlelo Lokuguqula Lukazwelonke oluphelele.

Ukususwa Kwezinhlobo Zezilwanyana Zokuhamba ngokusebenzisa uhlelo Lokusebenzela Amanzi emithonjeni egcwele lezilwanyana kanye nemithombo yamanzi kunegalelo ezingeni lamanzi elenziwe ngcono kanye nasenanini lamanzi.

4.5. IKhabhinethi isiqaphelile ngokukhathazeka isiteleka Eposini laseNingizimu Afrika (i-SAPO), imiphumela yaso eba nomthelela esimweni salo sokuzibeka esikhundleni sokusebenzela kangcono abantu baseNingizimu Afrika.

Uhulumeni esebenzisa uMnyango Wezongqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi umatasatasa ukubhekana nezinkinga ezisePosini ukuletha uzinzo nokuguqula isimo sibe sihle. NgoNcwaba odlule, uMnyango waqoka ibhodi entsha, uMphathi Omkhulu omusha futhi waqinisa abaphathi ukuze ukhombe indlela imisebenzi futhi ulethe uzinzo e-SAPO. Uzinzo lwezezimali zase-SAPO lusaqhubeka nokuba seqhulwini.

IPosi laseNingizimu Afrika lisalokhu liyisikhungo sobuqhinga sokusabalalisa izinsizakalo zikahulumeni, zezokuhwebo ngohleloxhumano kanye nezezimali kubantu baseNingizimu Afrika ngokusebenzisa izikhungo zalo ezibalelwa ezi-2 448. Siyakhuthazeka ukuthi abaphathi kanye nabaholi bazinyunyana zabasebenzi bazibophezele ezingxoxweni njengendlela yokuxazulula ukuhlukana kwemibono yabo.

4.6. IKhabhinethi ihalalisele ithimba labafundi baseNingizimu Afrika (u-Liam Baker, u-Dylan Nelson, u-SangEun Lee, u-Ralph McDougall, u-Timothy Schlesinger, u-Hannah Clayton, u-Rauseenah Upadhey, noMpho Nkwana) ngokunqoba Umncintiswano Wezibalo  wama-24, i-Pan African Mathematics Olympiad e-Senegal. U-Lee, oneminyaka eli-17, waphinda wathweswa umqhele wokuba yiNdlovukazi Yezibalo yase-Afrika kulo mncintiswano wamantombazane unyaka wesibili kulandelana.

Imibuzo:
Donald Liphoko
Inombolo kamakhalekhukhwini: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore