Isicelo sokuhambisa amakhemikhali emazweni angaphandle

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo isicelo sokuhambisa amakhemikhali emazweni angaphandle

Uma ufuna ukuthumela amakhemikhali akuleli emazweni angaphandle, udinga imvume enikezwe yi-Khomishini Yezohwebo lomhlaba (ITAC).

AMakhemikhali alawulwa ukuze akwazi ukuhambisana nemigomo yesivumelano sase Montreal kanye no Mbuthano Wezizwe ezihlangene wonyaka ka 1988 wokungahambisani nokushuahumbiswa kwezidakamizwa. Lokhu kuyimizamo yomhlaba yokuvikela isibhakabhaka kanye nokulwa nokukhiqizwa kwezidakamizwa nokusentshenziswa kwazo emhlabeni wonke

Uma ufaka isicelo sokuthola lemvume yokuhambisa amakhemikhali,  kufanele uthole incwadi yezincomo emaphoyiseni akuleli (SAPS) noma emnyangweni wezokongiwa kwemvelo- (DEA), nokuqagulwa uhlobo lwekhemikhali ofuna ukuyihambisa ngaphandle.

Okufanele ukwenze

  1. Iya e-ITAC noma udonse amafomu owadingayo ekhomputheni.
  2. Gcwalisa lawomafomu
  3. Ulethe lokhu okulandelayo:
    • ikhophi yesitifiketi sakho sentela (Vat certificate).
    • ikhophi enesigxivizo sombuso kamazisi wakho uma ungenaso isitifiketo sokukhokha intela.
    • incwadi ekuncomayo ebuya kwi SAPS noma
    • incwadi ekuncomayo ebuya ku DEA uma lawomakhemikhali ebhaliswe ngaphansi kwesibophezelo sase Montreal.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha isinsuku eziyisihlanu ukuphengulula isicelo sakho semvume yokuhambisa amakhemikhali emazweni angaphandle.

Kubiza malini

Kumahala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ukufaka isicelo semvume yokuhambisa izimpahla ezijwayelekile emazweni angaphandle (Application for export permit: general goods)

Imininingwane yokuxhumana

 

ITAC
Tel 0861 843 384
City/town Pretoria
Province Gauteng
Physical address International Trade Administration Commission, 77 Meintjies Street, Block D, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address Private Bag X753 Pretoria, 0001

 

Share this page