Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Maqondana nokufaka isicelo sokungenisa noma ukusa kwamanye amazwe imikhiqizo yamafutha
Uma ufuna ukuhambisa noma ukungenisa umkhiqizo wamafutha kuleli laseNingizimu Afrika, kufanele uqale uthole igunya emnyangweni wezokumbiwa phansi (DME) yokuba uthole imvume kwi-Nkomishani Ephethe ezohwebo zomhlaba (ITAC).
Ukungeniswa nokuhanjiswa kwemikhiqizo yamafutha kulawulwa imithetho nemigomo yokuhambisa nokungenisa amafutha kuleli kanti ke inkampani noma umuntu ofuna ukulanda noma ukuhambisa imikhiqizo yamafutha ngaphandle kufanele abe nemvume yokungenisa nokuhambisa impahla ngaphandle.
Ukunikezelwakwemvume yokungenisa noma ukuhambisa umkhiqizo wamafutha ngaphandle kwakuleli kuphethwe uMnyango wezokumbiwe phansi (DME).
Ukuze ubhekelelwe ekutheni uthole igunya, kufanele uthintane ne DME maqondana nemigudu elandelwayo.
Izimpahla ezifana namafutha angahluziwe, amafutha emoto, upharafini, lubricating oils, ugesi wamafutha, petroleum jelly, petroleum bitumen and paraffin wax zingena ngaphansi kwemigomo ethile elawula ukungena nokuphuma kwamafutha kuleli.
Okufanele ukwenze
- Cela ifomu yokufaka isicelo semvume yokungenisa nokuhambisa impahla kwi-ITAC noma uwadonse kwi-website ye-ITAC.
- Gcwalisa lamafomu okufaka isicelo bese uwahambisa kwi-DME ukuze uthole igunya, kanye kanye nekhophi yesitifiketi senkampani yakho sokubhalisela intela.
- Uma ke isicelo sakho sesigunyaziwe, silande kwiDME bese usihambisa ku-ITAC.
- I-ITAC iyophengulula isicelo sakhobese ikunikeza imvume uma isicelo sakho siphumelele.
Qaphela: imvume yokuhambisa impahla ngaphandle ihlala izinyanga ezingu 12 kanti eyokuzingenisa yona uhlala izinyanga eziyisithupha
Isikhathi esinqunyiwe
Isikhathi esimisiwe sokukhishwa kwemvume yokuhambisa impahla ngaphandle iba izinsuku ezintathu sokusebenza.
Kubiza malini
ITAC ayikhokhisi mali ngokusiza kodwa kuyomele ukhokhe intela yosizo kwa SARS. Inani lentela libalwa kusukela esambeni saleyo mikhiqizo noma izimpahla ( ebekiwe ngokwezinhlelo kumakhasimende noma abathengi kanye nomthetho sivivinyo. Imininingwane ngentela ekhokhwayo vakashela I websaythi yakwa SARS.
Amafomu okumele agcwaliswe
Ngokuhambisa impahla ngaphandle:
- Export authorization (Export authorization)
- Application to register as an Exporter or Change of current information IEPS230-b (Isicelo sokubhalisa njengohambisa impahla ngaphandle)
Ngokungenisa impahla kuleli:
- Application to Register as an Importer IE230 (Isicelo sokubhalisa ukuthi ungenise impahla noma ukushintsha imininingwani IE230)
- Application for Import Permit for Commercial purposes IE461 (Isicelo semvume yokungenisa impahla yokuthengiswa IE461)
Imininingwane yokuxhumana
ITAC national office - Import and Export Control
Tel: 0861 834 384, 012 394 3590, 012 394 3591
City/town: Pretora
Province: Gauteng
Physical address: International Trade Administration Commission, 77 Meintjies Street, Block D, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address: Private Bag X753 Pretoria, 0001
Web address: http://www.itac.org.za
Department of Energy
Tel: 012 406 8000
E-mail: info@energy.gov.za
City/town: Pretora
Province: Gauteng
Physical address: 192 Visagie Street, Corner Paul Kruger & Visagie Street, Pretoria, 0001
Postal address: Private Bag X96, Pretoria, 0001
Web address: https://www.energy.gov.za/