Isicelo sokungenisa amakhemikhali

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokufaka isicelo sokungenisa amakhemikhali kuleli

Ukungenisa amakhemikhali athile kuleli laseNingizimu Afrika, udinga imvume egunyazwe yi Nkomishani yezokuhwebelana kwamazwe omhlabe (ITAC). I-ITAC iyothatha isinqumo sokuthi ingabe lokhu kulandwa kwalawo makhemikhali kuyoba wusizo oluthile emphakathini wakuleli.

Amakhemikhali alawulwa ukuze ahambisane nesivumelano sase kanye Nombuthano ka 1998 Wezizwe ezihlangene oxwayisa  ngokushushumbiswa kwezidakamizwa. Lokhu kuyimizamo yomhlaba yokuvikela isibhaka-bhaka kanye nokulwa nokukhiqizwa kwezidakamizwa nokusentshenziswa kwazo emhlabeni wonke

Uma ufaka isicelo sokuthola lemvume yokungenisa amakhemikhali, kufanele uthole incwadi yezincomo emaphoyiseni akuleli (SAPS) noma emnyangweni wezokongiwa kwemvelo (DEAT), nokuqagulwa uhlobo lwekhemikhali ofuna ukuyingenisa kuleli.

Okufanele ukwenze

1. Gcwalisa lamafomu alandelayo:

2. Letha lokhu okulandelayo:

  • ikhophi yesitifiketi sakho sokukhokha intela
  • ikhophi egxivizwe umbuso kamazisi wakho uma ungenasi isitifiketi sentela
  • izincomo zombutho wokuvikela wakuleli SAPS uma lawomakhemikhali ebhaliswe ohlwini lwe 1988 Convention Against Illicit Traffic in Narcotic Drugs and Psychotropic substances
  • izincomo zomnyango we DEA uma lawomakhemikhali ebhaliswe ngaphansi kwe Montreal Protocol.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha izinsuku ezintathu ukuba unikezelwe ngemvume yokungenisa impahla kuleli.

Kubiza malini

ITAC ayikhokhisi mali ngokusiza kodwa kuyomele ukhokhe intela yosizo kwa SARS. Inani lentela libalwa kusukela esambeni saleyo mikhiqizo noma izimpahla ( ebekiwe ngokwezinhlelo kumakhasimende noma abathengi kanye nomthetho sivivinyo. Imininingwane ngentela ekhokhwayo vakashela I websaythi  yakwa SARS.

Amafomu okumele agcwaliswe

Imininingwane yokuxhumana

 

ITAC national office - Import and Export Control

Tel: 0861 834 384, 012 394 3590, 012 394 3591
City/town: Pretora
Province: Gauteng
Physical address: International Trade Administration Commission, 77 Meintjies Street, Block D, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address: Private Bag X753 Pretoria, 0001
Web address: http://www.itac.org.za

Share this page