Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyisi-8 Nhlangulana 2016

1.1. Sikuphawulile ukubuyekezwa kwezilinganiso zomnotho wakuleli okwenziwe yizinhlangano zamazwe ngamazwe ezibuyekeza futhi ziklelise iminotho yamazwe omhlaba okuyi-Fitch, Standard & Poor’s kanye ne-Moody’s, eziphinde futhi zaqinisekisa ukuthi umnotho wakuleli usezingeni elifanelekile futhi elikuvumelayo ukuba kutshalwe izimali kuwona futhi lezi zinhlangano ziwugcinile umbono wazo wokuthi umnotho wakuleli uzoqhubeka nokubonisa uzinzo esikhathini esizayo. Lezi zilinganiso zokubuyekezwa komnotho wakuleli ziwuphawu olubonisa futhi luqinisekise umsebenzi omuhle owenziwa nguhulumeni ngenhloso yokuguqula isimo somnotho futhi zinikeza izwe ithuba lokuqhubeka nomsebenzi wokuqalisa ukusebenza kwezinhlelo zokungenelela emnothweni.

1.2. Umdlandla nokusebenza ngokuzimisela okuboniswa yiThimba laseNingizimu Afrika, elakhiwe nguhulumeni, umkhakha wezamabhizinisi kanye nabasebenzi kuyalekelela ekutheni iNingizimu Afrika igweme ukwehliswa kwezilinganiso zomnotho wakuleli, okungaholela ekutheni unikezwe isilinganiso somnotho othathwa njengongazinzile neze futhi onobungozi obukhulu kubatshali-zimali. INingizimu Afrika imatasatasa iqalisa izinhlelo ezithathwe oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), ezizoqinisekisa ukuthi leli lizwe liyaqhubeka nokuba yizwe eliyintandokazi kubatshali-zimali. Lokhu kuyakhombisa ukuthi uma sisebenza ngokubambisana singawuvuselela futhi siwusimamise umnotho wethu, sihehe utshalo-mali futhi sivulele abantu baseNingizimu Afrika amathuba omsebenzi abawadinga kakhulu.

1.3.  Nakuba iSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) sinciphe ngama-1.2% kwikota yokuqala yowezi-2016, ngokwezibalo ezikhishwe wuPhiko Lwezibalo lwaseNingizimu Afrika (i-Stats SA), uhulumeni useqalile ukuqalisa izinhlelo zokungenelela ezisemqoka kuleyo mikhakha ekhahlamezeke kakhulu njengowezolimo, owezokuthutha, okagesi kanye nowezezimayini, ngokusebenzisa umkhankaso we-Operation Phakisa, ukuze kugudluzwe izithiyo ezivimbela ukukhula komnotho.

1.4. Umsebenzi wokwenza izilinganiso ze-GDP usubekwe endaweni eyodwa ngaphansi kwe-Stats SA. Esikhathini esedlule, ngokuya komsebenzi wokuhlanganiswa nokusatshalaliswa kohlelo lweNingizimu Afrika lwama-akhawunti kazwelonke, i-Stats SA beyithweswe umsebenzi wokwenza izilinganiso ze-GDP zonyaka kanye nezamakota onyaka eziphathelene nemikhiqizo, bese kuthi iBhange Lombuso laseNingizimu Afrika lona lishicilele izilinganiso ze-GDP ezikhishwa njalo ngekota yonyaka eziphathelene nemali esetshenzisiwe.

1.5. Njengohulumeni siyazanelisa izidingo zezakhamuzi zakuleli futhi ngokusebenzisana siyaziguqula izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika. Isikhungo sokuhlanza nokukhuculula amanzi esakhiwe ngemali eyizigidi eziyi-116 zamarandi endaweni yase-Steytlerville, ngaphandle kwase-Port Elizabeth eMpumalanga Kapa, sizolekelela ekunciphiseni ukuntuleka kwamanzi. Lesi sikhungo sethulwa nguMnyango Wezohwebo Nezezimboni (i-dti), ngaphansi koHlelo lwayo Lwengqalasizinda Esemqoka, ngokubambisana noMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle kanye noMasipala Wendawo wase-Baviaans.

Ezweni lethu elinamanzi ayingcosana kakhulu, lesi sikhungo esisha sokuhlanza amanzi sizokwenza ukuba umphakathi kanye namabhizinisi bathole amanzi ngesivinini samalitha angama-24 ngesekhondi, kusukela emalitheni ayisishiyagalombili kuya kwayi-10, okuwumthamo owanele ozokwazi ukubhekana nesidingo samanzi endaweni yase-Steytlerville kule minyaka eyi-15 ezayo.

Lesi sikhungo esisha siyingxenye yemiklamo yokuthuthukiswa komnotho kuleli dolobha njengoba sizoletha uzinzo kubalimi, amabhizinisi amancane kanye nabatshali-zimali. Uxhaso-mali lwengqalasizinda oluvela kwi-dti olunikezwe uMasipala Wendawe wase-Baviaans luholele ekutheni lo mklamo uvule amathuba omsebenzi alinganiselwa kuma-238 kule ndawo, emkhakheni wezokwakha. Lo mklamo usemqoka kakhulu ekukhuthazeni ukukhula nokusimama komnotho kanye nokuvula amathuba omsebenzi adingeka kakhulu.

1.6. Njengengxenye yohlelo lukahulumeni lokuvuselelwa komkhakha wezitimela, iKhabhinethi ikwamukele ngezandla ezimhlophe ukuhlolwa nokuvivinywa kwezitimela ezintsha, ama-X’Trapolis Mega, zoPhiko lwaseNingizimu Afrika Lwezitimela Ezithwala Abagibeli (i-Prasa).

Lezi zitimela zikanokusho okulindeleke ukuba ziqale ukusebenza ngoNcwaba kulo nyaka zineminyango ezivulekelayo, nemihubhe evulekile esitimeleni sonke, imishini yomoya obandayo noshisayo kanye namakhamera okuphucula ukuphepha kwabagibeli.

Lezi zitimela zixhumanisa abantu baseNingizimu Afrika futhi zidlala indima ebalulekile ekusekeleni uhlelo lwezokuthuthwa komphakathi kanye nokukhuthaza ukukhula komnotho.

1.7. Ngenhloso  yokusekela amabhizinisi amancane Umnyango Wezezimali Kuzwelonke kanye noMkhandlu Wosomabhizinisi Abamnyama (i-BBC) basungule isikhungo esizovakashelwa ngosomabhizinisi abancane uma bedinga usizo mayelana nokubhalisa kwiSizindalwazi Sikazwelonke Sabahlinzeki Bempahla Nezinsizakalo (i-CSD), noma uma benemibuzo mayelana nokufakwa kwamathenda nge-inthanethi kanye nezinye izinsizakalo ezihlinzekwa nguMnyango Wezezimali Kuzwelonke.

Lokhu kuzolekelela kakhulu ekunciphiseni izingqinamba nokubambezeleka okuba khona futhi kuzokwenza kube lula ukuba amabhizinisi, ikakhulukazi amancane, asebenzise amathuba ezomnotho avelayo futhi afake isandla ekuthuthukisweni komnotho wethu nezwe lethu.

1.8. Siyabakhuthaza labo abanesifiso sokuba ngabahlinzeki bempahla nezinsizakalo kanye nalabo abahlinzeka impahla nezinsizakalo kuhulumeni njengamanje ukuba babhalise kwi-CSD, okuyisizindalwazi esingumthombo wolwazi wabo bonke abahlinzeki bempahla nezinsizakalo kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni. Injongo yokubeka endaweni eyodwa isizindalwazi sabahlinzeki bempahla nezinsizakalo wukunciphisa ukuphindaphindeka komsebenzi owenziwayo futhi kuncishiswe nezindleko abangena kuzona abahlinzeki bempahla nezinsizakalo kanye nohulumeni, futhi kusenjalo lokhu kuzovumela ukutshenziswa kwezinqubo zokuthenga impahla kusetshenziswa ubuxhakaxhaka besimanjemanje bekhompuyutha ne-inthanethi.

1.9. Olunye uhlelo oludlala indima ekuvulweni kwemisebenzi eseqophelweni elikahle, ngokusebenzisa ukukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke, wuMbukiso Kazwelonke Wezemisebenzi obanjwe esikhathini esifushane esedlule ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ingqungquthela Yezemisebenzi kanye Nombukiso Wezemisebenzi – umsebenzi wami, ikusasa lami”. Lo Mbukiso uhlinzeka abantu abangasebenzi ngamakhono okuxhumana nokusebenzisana kahle nabanye abantu, futhi ubahlinzeke ngolwazi kanye namathuba okuhamba beyozifunela bona mathupha umsebenzi, ikakhulukazi mayelana nokuqhubeka nemfundo nokuqeqeshwa, ukusungula amabhizinisi okungawabo, imifelandawonye kanye nezinhlelo zomphakathi zamatoho.

1.10. Ukuphasisa kwePhalamende uMthethosivivinywa Wezokudliwa Komhlaba kuzohlinzeka uMbuso ngesiqiniseko somthetho ukuze ukwazi ukuqhubeka nokuqaliswa kohlelo lwezwe lethu lokuletha unguquko olunohlonze kwezenhlalo-mnotho, ngenhloso yokwenza udaba lomhlaba lube ngumongo we-ajenda yoMbuso futhi kutholwe nezixazululo ezifanelekile. Lo Mthethosivivinywa uchaza “inqubo yokuphatha enobulungiswa futhi engacemile” okumele ilandelwe yisiphathimandla esidla umhlaba. UMthethosivivinywa Wezokudliwa Komhlaba kanye noMthetho ohlosiwe uhlinzekela ukulandelwa kwenqubo efanelekile nokuqedwa kongabazane kanye nohlelo lokudliwa komhlaba olusheshayo oluzohlomulisa umphakathi, futhi lokhu kubandakanya nokubuyiselwa komhlaba kubanikazi bawo. Umuntu noma umphakathi owasuswa ngoshova emhlabeni wawo eminyakeni engamakhulukhulu edlule unelungelo, ngaphansi kwalo Mthethosivivinywa, lokubuyiselwa lowo mhlaba noma uhlinzekwe ngesinxephezelo esilingana nalowo mhlaba owadliwa.

Lo Mthethosivivinywa ubeka futhi nemithetho engasetshenziswa nguhulumeni ukudla umhlaba uma lokho “kuzohlomulisa umphakathi futhi “kufezekise izinhloso zomphakathi”. Lo Mthethosivivinywa ulandela imigomo yoMqulu Wamalungelo kanye neSigatshana Esiphathelene Nomhlaba, okumele kufakelwe izibuko uma kukhishwa isinxephezelo somhlaba odliwe. UMthethosivivinywa uzovumela futhi nokuthi abanikazi bomhlaba banxeshezelwe ngendlela eqotho, engachemile futhi elingene.

Uma ususayindiwe waba ngumthetho, lo Mthethosivivinywa uzoqeda uMthetho Wokudliwa Komhlaba, we-1975 (uMthetho wama-63 we-1975).

1.11.  Ukukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke kuyinto ogxile kuyona uMkhandlu Oweluleka uMongameli Mayelana Nokufukulwa Kwabamnyama Kwezomnotho (i-B-BBEE), obambe umhlangano esikhathini esifushane esedlule. Lo Mkhandlu uzosebenzisana kakhulu neThimba likaMongameli Elibhekene Nezezifundiswa, okuyithimba elisungulwe nguMongameli Jacob Zuma ukuqinisekisa ukuthi zifakelwa izibuko izindaba ezithinta abantu abamnyama abayizingcweti emikhakheni yabo.

Lo mhlangano uyinkomba ebonisa umoya wobunye kanye nobumbano emizamweni yokuvuselela nokukhuthaza ukukhula komnotho, futhi kanjalo siqinisekise nokufezekiswa kwenjongo ye-BEE ukuze sikwazi ukuqhubekela phambili noguquko futhi siqinisekise ukuba khona komnotho ongakhethi iphela emasini ngokobuhlanga.

1.12.  INingizimu Afrika izobamba iqhaza eMhlanganweni Wamazwe Ngamazwe Wesishiyagalombili Wezobuchwepheshe Bolwazi (i-IT) ozodonsa izinsuku ezimbili e-Khanty-Mansiysk, kwelase-Russia, lapho izomelwa khona nguNgqongqoshe u-Faith Muthambi. Lo mhlangano uzobanjwa kusukela mhla ziyisi-8 kuya kumhla ziyisi-9 kuNhlangulana 2016, futhi uzosebenzisa ezesayensi nobuchwepheshe ukuxazulula ezinye zezinselelo ezinkulukazi ezibhekene nohlelo lwethu lwezemfundo kanye nolwezempilo. Izithunywa ezizokwethamela lo mhlangano zibandakanya abamele amabhizinisi, izinhlangano zongcweti, ochwepheshe bezocwaningo, ezemfundo kanye nabe-IT abavela emazweni angamalungu e-BRICS (okuyi-Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika).

1.13.  INgqungquthela Yesihlanu Yezokuphathwa Nokulawulwa Kwemfucuza, ebizwa i-Khoro, eholwa nguNgqongqoshe Wezemvelo ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sigqugquzela Ukuqanjwa Kwezinto Ezintsha futhi Sikhuphula Nokuthuthukiswa Kwamabhizinisi” ihlose ukwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingongqangi, futhi kuqinisekiswe ukuqaliswa ngokushesha kwezinhlelo zokuphathwa nokulawulwa kwemfucuza ukuze kukhuthazwe umnotho wokusetshenziswa kabusha kwemfucuza, futhi kusenjalo kukhuliswe inani lemiphakathi efakwa emnothweni wakuleli, ngokuthi kusheshiswe ukufinyelela kwabantu emathubeni omsebenzi emkhakheni wezemfucuza.

1.14. Ukukhishwa kwemiphumela yokucwaningwa kwamabhuku ohulumeni basekhaya yowezi-2014/15 kukhombisa ukuphucuka kwemiphumela yokucwaningwa kwamabhuku omasipala kusukela ngowezi-2010/11 kuya kowezi-2014/15.

Inani lomasipala abathole imiphumela yokucwaningwa kwamabhuku ezimali emihle futhi engenazo izingxenye ezithile okumele zifakelwe izibuko likhuphukile lisuka kwabayi-13 lafinyelela kwabangama-54. Ngaphezu kwalokhu, kunabanye omasipala abayi-18 abathole umphumela wokucwaningwa kwamabhuku ongenasici, okuholele ekutheni isibalo semiphumela yokucwaningwa kwamabhuku engenasici ifinyelele kuma-72 esikhathini samanje esibuyekezwayo. Lehle kakhulu inani lomasipala abathole imiphumela yokucwaningwa kwamabhuku emibi, njengoba ngowezi-2010/11 bebengama-30%, kepha kulesi sikhathi samanje esibuyekezwayo sebengama-11%.

Lokhu kuphucuka kwemiphumela yokucwaningwa kwamabhuku omasipala kuwumphumela woHlelo LweMasibuyele Emasisweni, nomkhankaso we-Operation Clean Audit, ubuholi obuphusile, ubungcono bokuphathwa kwezimali kanye nobungcono bendlela okusetshenzwa ngayo kanye nokuphuculwa kokugcinwa kwamabhuku.

1.15. IKhabhinethi isiphawulile isinqumo esikhishwe yiNkantolo Ephakeme Yokudluliswa Kwamacala sokuthi iNqubomgomo Yokufudukela Ekusakazeni Ngedijithali ngowezi-2015 ayikho emthethweni futhi kumele ithathwe njengento eyize leze futhi engasebenzi. IHhovisi LikaMongameli, uMnyango Wezokuxhumana, Owezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, Owezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo kanye nowezoHwebo Nezezimboni izokweluleka uhulumeni mayelana nemithelela ephelele yalesi sinqumo.

1.16. Njengoba kuhlelwe ukuba uKhetho Lohulumeni Bezindawo lubanjwe ngoLwesithathu, mhla zi-3 Ncwaba 2016, wonke amaqembu ezepolitiki kumele athobele imigomo yokuziphatha okhethweni, esayindwe yiwona wonke amaqembu. Lokhu kuyawabophezela wonke amaqembu abambe iqhaza okhethweni ukuba adlale indima yawo ekuqinisekiseni ukubanjwa kokhetho olukhululekile futhi olungachemile. Amaqembu ezepolitiki kanye nabalandeli bawo kumele bawuthobele uMthethosisekelo futhi labo abatholakale benecala lokuzibandakanya ezenzweni zobugebengu bazobhekana nengalo yomthetho. Ngenxa yezigameko zokungabekezelelani kwezepolitiki ezibhedukile kamuva nje, uNgqongqoshe Wezamaphoyisa usesungule ithimba elakhiwe yizinhlaka ezahlukahlukene elibandakanya uPhiko Lezobunhloli Bobugebengu LoMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), uPhiko Lwabaseshi, uPhiko Lwamacala Abekwe Eqhulwini, (oKlebe) kanye noPhiko Lokucwaningwa Kobufakazi Ngezindlela Zesayensi, ngenhloso yokusekela inhlosombono yoMphumela Wesithathu Wohlaka Lokusebenza Kwesikhathi Esimaphakathi, othi “Bonke abantu baseNingizimu Afrika kumele bahlale ngokuphepha”.

1.17. Mayelana nesixwayiso sobushokobezi esikhishwe yiNdlu leNxusa lase-United States ePitoli, iKhabhinethi ithanda ukugcizelela esitatimendeni esikhishwe yiHhovisi LikaMongameli sokuthi iQoqwana Lezokuvikeleka lihlanganile izolo ukuze kuqhutshekwe nokufakana imilomo, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bayaqhubeka nokuhlala ngokuphepha bonke abantu bakuleli.

Ngaphezu kwalokhu, uHulumeni waseNingizimu Afrika uzoqhubeka nokuxoxisana noHulumeni wase-United States ngalolu daba njengengxenye yobambiswano oluqhubekayo phakathi kwalawa mazwe amabili mayelana nezindaba eziphathelene nezokuvikeleka. INingizimu Afrika kanye ne-United States ngamazwe aqhubekayo nokuba nobudlelwano obuhle futhi obuqinile emikhakheni ehlukahlukene okubanjiswene kuyona kubandakanya ezepolitiki, ezomnotho, ezenhlalo yomphakathi kanye nezokuvikeleka.

1.18. Lo nyaka uqopha isikhumbuzo seminyaka engama-40 semibhikisho yamhla ziyi-16 kuNhlangulana 1976, eyasiguqula kakhulu isimo senhlalo yabantu nesezepolitiki eNingizimu Afrika.

UMongameli Zuma uzohola umcimbi womgubho woSuku Lwentsha Lukazwelonke ozobanjelwa e-Orlando Stadium eSoweto mhla ziyi-16 Nhlangulana 2016 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Intsha Iqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili”.

Uvuthondaba lwalo mgubho lubandakanya iNkulumo Yosuku ezokwethulwa nguMongameli kanye nokubekwa kwezimbali kwiSikhungo Sesikhumbuzo sika-Hector Pieterson.

Kuzobanjwa isithangamu sabezindaba esikhethekile ngoLwesibili mhla ziyi-14 Nhlangulana 2016 ngenhloso yokuhlinzeka ngemininingwane ethe xaxa mayelana nohlelo loSuku Lwentsha. Kule nyanga oNgqongqoshe kanye namaPhini abo bayaqhubeka nokuxhumana nokuxoxisana nabantu bakuleli, ikakhulukazi abantu abasha, ngenhloso yokubakhuthaza ukuba bawabambe ngazo zombili amathuba akhona emikhakheni ehlukahlukene ukuze benze ngcono izimpilo zabo futhi bakwazi nokudlala indima ebonakalayo ekuthuthukisweni komnotho kanye nezwe. Imininingwane yezinhlelo zoNgqongqoshe abayingxenye yoHlelo Lwenyanga Yentsha izoshicilelwa kuzizindalwazi zikahulumeni kanye nezinkundla zokuxhumana.

1.19. Njengoba sesifikile isikhathi sokuya kwabafana entabeni beyosoka, njengamanje abantu abasha abaningi balungiselela leli siko eliwumgudu osemqoka kakhulu wokungena esigabeni sobudoda.

Uhulumeni, eholwa nguMnyango Wokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko (i-CoGTA), usebenzisana neziKhungo Zabaholi Bendabuko kanye nabo bonke abathintekayo ukuqinisekisa ukuthi isikhathi sokusoka sowezi-2016 silandela umgomo wokuthi “Makungabi Khona Ngisho Noyedwa Umfana Olahlekelwa Umphefumulo Wakhe”  ozoqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi – “Siyalithanda Isiko lethu, Siyayazisa Impilo Yentsha Yethu”.

Imindeni, abazali kanye nabalondolozi bezingane kumele baqinisekise ukuthi abafana bakhetha izikole zokusoka ezisemthethweni, lapho bezothola khona ukuxilongwa okunzulu ngaphambi kokusoka, futhi lapho abantu abenza umsebenzi wokusoka kungabantu abayizingcweti kulo msebenzi  futhi abazanayo nabazali. 

Imiphakathi iyanxuswa ukuba ibike nanoma iziphi izenzo ezingekho emthethweni ngokushayela le nombolo yocingo: 0800 111 166, noma ngokuthumela umyalezo ku-#zero tolerance on initiation deaths.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. UMongameli waseNingizimu Afrika u-Jacob Zuma, uqokwe njengelungu lePhaneli Esezingeni Eliphezulu Yezinhloko Zemibuso Yezamanzi; kanti futhi uMqondisi-Jikelele woMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uqokwe njenge-Sherpa (isikhulu sikahulumeni noma inxusa elithweswe umsebenzi wokwenza amalungiselelo ngaphambi kokubanjwa kwengqungquthela) kaMongameli waseNingizimu Afrika, njengeLungu Lephaneli Esezingeni Eliphezulu Yezamanzi.

IBhodi Yokweluleka Kwezamanzi Nokuthuthwa Kwendle YeNhlangano Yezizwe (i-UNSG) ikuncomile ukusungulwa kwePhaneli Esezingeni Eliphezulu Yezinhloko Zemibuso ezikhethiweyo Yezamanzi ezohola uhlelo lokugqugquzela ezamanzi kanye nemizamo yokumelana nezimo eziphathelene namanzi, kulandela ukwamukelwa ngokusemthethweni kwe-Ajenda Yentuthuko yowezi-2030 yi-UNSG ngoMandulo 2015.

Le phaneli izosheshisa ukuqaliswa kweNjongo Yentuthuko Esimeme yesi-6 (amanzi ahlanzekile kanye nokuthuthwa kwendle), egxile kabusha kumthelela ongemuhle neze obangelwa ukuguquka kwesimo sezulu ochungechungeni lokutholakala nokusetshenziswa kwamanzi. Yilokhu-ke kanye nesomiso esibelesele ezweni lonkana, okwenza ukuba kukhuthazwe abantu baseNingizimu Afrika ukuba libambe iqhaza ekukhucululeni imifula, imifudlana kanye namaxhaphozi mhla ziyi-18 kuNtulikazi, njengengxenye yemisebenzi eyenziwa minyaka yonke eNingizimu Afrika ngoSuku lukaMandela.

2.2. Isu Lezokuxhumana leNhlosombono ye-NDP yowezi-2030 lihlinzeka ngemininingwane esemqoka yokuqaliswa kwe-NDP futhi lizokwazisa abantu baseNingizimu Afrika ngomthelela we-NDP. Kuzobanjwa isithangamu sabezindaba esikhethekile lapho kuzochazwa khona kabanzi ngesu lezokuxhumana, ukusetshenziswa kophawu, i-logo, imihlahlandlela yokuphawulwa kwempahla kahulumeni ukuze ibonakale kalula kanye nokusetshenziswa kwakho konke lokhu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kulandelwa indlela yezokuxhumana efanayo kuyo yonke iminyango kahulumeni kanye nasezimpikweni eziqalisa ukusebenza kwezinhlelo zikahulumeni.   

2.3. Umbiko mayelana Nobungako Bokuguquka Kwezingxenye zaseNingizimu Afrika zibe Wugwadule kanye nomthelela walokhu emnothweni wezindawo zasemakhaya kanye namasu nezinhlelo eziphathelene nalokhu eziqaliswayo ngenhloso yokubhekana nalezi zinselelo.

Umthelela ongemuhle wokuGuquka Kwezindawo Ezithile Zakuleli Zibe Wugwadule, Ukucekeleka Phansi Komhlaba kanye Nesomiso kukhinyabeza imizamo okuhloswe ngayo ukuqeda ububha, ukuqinisekisa ukutholakala kokudla okwanele, ukuphuculwa kwezinga nomthamo wamanzi, ukumelana nokuguquka kwesimo sezulu kanye nokufezekiswa kwentuthuko esimeme.

Mayelana nalokhu-ke, iNingizimu Afrika seyethule imithetho, izinqubomgomo, amasu kanye nezinhlelo eziphathekayo eziningana okuhloswe ngazo ukubhekana nenselelo yokuguquka kwezindawo ziphenduke ugwadule kanye nokucekeleka phansi komhlaba emazingeni wonke. Lezi zinhlelo zokungenelela zifaka isandla ekongiweni kwemvelo kanye nasekuphakanyisweni kwenhlalo nomnotho yabantu futhi kusenjalo kuvulwe amathuba omsebenzi, kuthuthukiswe amakhono futhi kwenziwe ngcono izindlela abaziphilisa ngazo abantu.

2.4. Ukukhishwa kwalo mbiko kufake isandla ekwamukelweni komhla ziyi-17 kuNhlangulana njengoSuku Lomhlaba Lokulwisana Nokuguquka Kwezindawo Ezithile Zibe Wugwadule kanye Nesomiso, olumenyezelwe yiSigungu Sawo Wonke Amazwe Angamalungu e-UN. USuku Lomhlaba Lokulwisana Nokuguquka Kwezindawo Ezithile Zibe Wugwadule kanye Nesomiso lwalo nyaka lugqugquzela ukubaluleka kobambiswano olubandakanya umuntu wonke ukuze kuvuselelwe umhlaba ocekeleke phansi futhi kufakwe isandla ekufezekisweni kweziNjongo Zentuthuko Esimeme zonkana. Ngokwenza lokhu, iNingizimu Afrika ifezekisa isibopho sayo esenze ngaphansi KweSivumelwano se-UN Sokulwisana Nokuguquka Kwezindawo Ezithile Ziphenduke Ugwadule.

2.5. Wamukelwe ngokusemthethweni umbiko wokusabela nokuphendula ezindabeni nasezinkingeni ezivezwe yiKomidi Le-UN Lamalungelo Engane. Lokhu kumayelana nombiko wesibili ophathelene nokuqaliswa kokusebenza kweSivumelwano Samalungelo Engane kanye Nesivumelwano Esingaphoqelekile Sokuvimbela Ukuthengiswa Kwezingane, Ukusetshenziswa Kwezingane Ezenzweni Zokuthengisa Ngocansi kanye Nemifanekiso Yezocansi Ebandakanya Izingane.

Lezi Zivumelwano zizocutshungulwa kwiNgqungquthela yama-73 ezobanjelwa e-Geneva kusukela mhla ziyi-13 kuze kube ngumhla zingama-30 kuMandulo 2016. IKhabhinethi ikuphawulile futhi nokuqaliswa kwenqubo yokuqoqa idatha noma imininingo yemibiko ekhishwa ngezikhathi ezithile yesivumelwano esilandelayo soMqulu wase-Afrika Wamalungelo Nenhlalakahle Yengane kanye neSivumelwano Samalungelo Engane se-UN, okumele kwethulwe ngaphambi komhla ziyisi-7 Masingana 2017 kanye nomhla ziyi-15 Ntulikazi 2017, ngokulandelana.

2.6. Zamukeliwe izincomo kanye neziphakamiso zoMbiko Obanzi Wokubuyekezwa kokuqaliswa koMthetho Odingidwayo Wezenhlalakahle Yomphakathi we-1997. Lokhu kuzosheshisa uMthetho Odingidwayo Wezenhlalakahle Yomphakathi obuyekeziwe, ohambelana nohlelo lukahulumeni olubekwe eqhulwini lokwakha imiphakathi ebumbene, enakekelayo, esimeme futhi ephephile.

Lezi zincomo zigxile kulokho okubekwe eqhulwini ohlelweni lwe-NDP, okuwuhlelo oluhlonza ukuvikelwa komphakathi kanye nenhlalakahle yomphakathi ethuthukayo njengemigudu yokufezekisa ukukhuliswa kwentuthuko yomphakathi. Ukuqaliswa kwalezi zincomo kuzoba nomthelela omuhle kubantu abasengcupheni, abadinga ukubhekelelwa kakhulu futhi abahlala ngaphansi kobubha obuxakile, ikakhululazi abesifazane, izingane kanye nabantu abanokukhubazeka. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi abantu abanjalo bayafinyelela kwizinsizakalo zokuthuthukiswa komphakathi ezisemqoka abazidingayo ukuze bakwazi ukwenza ngcono izinga lempilo abayiphilayo futhi baphucule nenhlalakahle yabo.

2.7. INingizimu Afrika neBotswana bazosayina iSichibiyelo Sesivumelwano Sokuthunyelwa Kwabantu Ababekwe Amacala Obugebengu, ngokwesigatshana sama-231(1) soMthethosisekelo.

Inhloso yalokhu ukuqinisa ubambiswano phakathi kweNingizimu Afrika neBotswana ukuze kulawulwe ngendlela efanelekile izicelo zokuthunyelwa kwabantu ababekwe amacala obugebengu ezivela kwelaseBotswana lapho kusekhona isigwebo sentambo.

Lokhu kuyaqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ngeke neze ibe yisidleke sezigebengu esiphephile ngokuthi kuhlinzekelwe ukuthunyelwa nokubuyiselwa emuva kwababaleki futhi kuqinisekiswe nokusebenza kahle kwezimpiko zokugcina umthetho, ekuvimbeleni, ekuphenyeni kanye nasekushushiseni izenzo zobugebengu.

2.8. Esikhathini esifushane esizayo uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) uzokhipha umbiko wobugebengu owodwa ophelele kanye ngonyaka bese futhi njalo ngekota yonyaka ukhiphe izibalo zobugebengu. Umbiko ophelele wonyaka uzobhekelela izinguquko kwizibalo zobugebengu okungenzeka zibonakale emva kokuhlaziywa nokuqinisekiswa kwezibalo zobugebengu futhi uzobhekelela noguquko oluphathelene nokuguquka kwesimo samacala, okuwuguquko olwenzeke ngokuhamba ngonyaka ocutshungulwayo.

Isidingo sezibalo zobugebengu ezikhishwa njalo futhi ngokuqhubekayo sizokwenza ukuba uhulumeni akwazi ukuthatha izinqumo eziphusile ngokubheka isimo nemininingwane yobugebengu obenzekayo, nokuthi benzeka kuphi, nini futhi benziwa ngubani. Lokhu kuzofaka isandla kwinsika ye-NDP, ekubeka ngokucacile ukuthi abantu eNingizimu Afrika kumele balekelele ekwakhiweni kwemiphakathi ephephile.

3. Imithethosivivinywa

3.1. Isichibiyelo Somthetho Wamalungelo Abaqambi kanye Nesichibiyelo Somthetho Wokuvikelwa Kwabanandisi zizokwethulwa ePhalamende. UMthetho Wamalungelo Abaqambi, we-1978 (uMthetho wama-98 we-1978) kanye noMthetho Wokuvikelwa Kwabanandisi, we-1967 (uMthetho we-11 we-1967) seyishiywe yisikhathi futhi ayizibhekeleli izinguquko nenqubekelaphambili eseyenziwe emazingeni ahlukahlukene futhi ayizibhekeleli izinto eziphathelene nokusetshenziswa kobuxhakaxhaka bedijithali obusetshenziswa esikhathini samanje.

Lokhu kuhambelana nezinjongo ze-NDP zokugquguzela ukuqamba nokusungula izinto ezintsha, imikhiqizo esezingeni elingcono kunakuqala, ukuphishekela umnotho wolwazi ngendlela enohlonze kakhulu kunakuqala kanye nokubeka ababambiqhaza balo mkhakha esimweni sokuwasebenzisa kangcono kunezimbangi zabo amathuba avelayo.

Ukubuyekezwa kwale mithetho ekhona njengamanje kusekelwe phezu kwesidingo sokuqinisekisa ukuhambelana phakathi kwemithetho yaMalungelo Abaqambi Nabasunguli kanye nesikhathi samanje lapho kusetshenjiswa khona ubuxhakaxhaka be-intanethi kanye nezinguquko ezenzekile emazingeni ahlukahlukene. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi uhulumeni usebenzisa inqubomgomo eyodwa kuleli lizwe kanye nasemazweni angaphandle. Lokhu kubuyekezwa kwemithetho kubandakanya futhi nokuguquguquka okudingekayo okusemqoka kakhulu emkhakheni wamalungelo abaqambi kanye nowokuvikelwa kwabanandisi ngenhloso yokuhambisana nezimo eziguqukayo.

4. Imicimbi ezayo

4.1. Akusensuku zatshwala iKomidi Longqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) liwaphothule amalungiselelo okusingatha iNgqungquthela Yezengculazi (i-AIDS) Yamazwe Ngamazwe yama-21, ezobanjelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre e-Durban kusukela mhla ziyi-18 kuya kumhla zingama-22 kuNtulikazi 2016, ezosingathwa ngokuhlanganyela nguhulumeni wakuleli kanye neNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezengculazi.

INingizimu Afrika isimi ngomumo ukusingatha le ngqungquthela, ezokhuthaza futhi isimamise imboni yezokuvakasha, amabhizinisi asafufusa kanye nomkhakha wabahwebi abasafufusa.

Ingqungquthela izohlinzeka leli lizwe ngethuba eliyingqayizivele lokubonisa impumelelo yalo enkulukazi eliyizuzile ekuxazululeni izinkinga eziphathelene nesandulelangculazi (i-HIV) ne-AIDS. Le ngqungquthela isemqoka kakhulu emhlabeni njengoba izoheha ababambiqhaza abaphakathi kwezi-18 000 nezi-20 000 abavela emazweni ayi-180. Abaholi abavela kohulumeni bamazwe ngamazwe, abaholi bezepolitiki,   abaphathi bezimboni, izinhlangano zomphakathi, izinhlangano kanye nabantu ababambisene kwezentuthuko kanye nabezikhungo zezemfundo, bazobamba iqhaza kule ngqungquthela.

Umhlangano olandelayo we-IMC uzobanjelwa e-Durban futhi uzobandakanya ukuhlolwa nokuvivinywa kwezikhungo ezizosetshenziswa ngenkathi kubanjwe ingqungquthela. Kuzobanjwa isithangamu sabezindaba esikhethekile ngoMsombuluko, mhla ziyi-13 Nhlangulana 2016.

4.2. NgoLwesihlanu mhla ziyi-10 Nhlangulana 2016, uMongameli Zuma uzovakashela e-Kwaggafontein esifundazweni saseMpumalanga ngaphansi kohlelo lokuQapha lukaMongameli, iSiyahlola.

Lolu hambo lukaMongameli lulandela ezithendeni zokuxoxisana nokuxhumana okube khona phakathi kukaMongameli nabantu baseNingizimu Afrika ngoNhlolanja 2016 e-Marabastad ePitoli lapho abagibeli bazwakalisa khona izinselelo ababhekene nazo mayelana nezinselelo zokuhlinzekwa kwezidingongqangi endaweni yase-Kwaggafontein.

Uhlelo Lokuqapha lukaMongameli, iSiyahlola, luzohlinzeka uMongameli Zuma nabaholi bakahulumeni ngethuba lokuzibonela ngawabo impumelelo kanye nezinselelo ezikhona kuleya ndawo. UMongameli uzophinde asebenzise lolu hambo ukuphendula nokusabela kwizinselelo ezibhekene nabahlali boMasipala Wendawo iThembisile Hani.

5. Isimo seKhabhinethi ezindabeni eziqavile ezisematheni

5.1. Sithanda ukuhalalisela nokudlulisa izilokotho ezinhle kulaba abalandelayo:

a. U-David Gatebe kanye no-Charné Bosman ngokunqoba kwabo emjahweni webanga elide i-Comrades Marathon yowezi-2016. U-Gatebe unqobe umkhakha wabesilisa yena u-Bosman wanqoba owabesifazane. UGatebe uqophe futhi nerekhodi elisha emkhakheni womjaho wabesilisa osuka e-Pietermaritzburg uya e-Durban, ngokugijima isikhathi esingamahora amahlanu nemizuzu eyi-18.
b. Isikhungo senkampani yakwa-Volkswagen Group South Africa's (i-VWSA) esise-Uitenhage eMpumalanga Kapa, njengoba sihlonishwe njengesikhungo sokukhiqiza esidle umhlanganiso kwizikhungo zokukhiqiza zenkampani yakwa-VW emhlabeni jikelele ngowezi-2015. I-VWSA izuze amaphuzu enkomba yomsebenzi amaningi kunawo wonke ezinye izikhungo njengoba ithole amaphuzu angama-113.2% ezikhungweni eziyi-13 emhlabeni jikelele.
c. Abacimi-mlilo baseNingizimu Afrika abangama-301 bohlelo loMnyango Wezemvelo iSisebenza Ngomlilo, abaphuthume kwelase-Canada, ukuyolekelela iziphathimandla zakuleya lizwe ukucima umlilo wequbula osushe ubuhanguhangu isikhathi esingangenyanga. IKhabhinethi ibafisela okuhle kodwa futhi ibafisela ukuthi babuye kuleli bephephile.
d. UNgqongqoshe u-Derek Hanekom oklonyeliswe ngendondo ye-Order of Merit, okuwuphawu olukhulu kunazo zonke olukhishwa yizwe lase-Germany lokuhlonipha abantu ngegalelo labo kwezepolitiki, ezomnotho, ezenhlalo kanye nokukhombisa umqondo ophusile futhi ohluzekile. UNgqongqoshe u-Hanekom uhlonishwe ngale ndondo ngenxa yegalelo lakhe ekuletheni ubambiswano phakathi kwezwe lase-Germany kanye neNingizimu Afrika ngenkathi esenguNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe.
e.  Sithanda futhi nokufisela wonke amaSulumane inyanga ye-Ramadan egcwele izibusiso.

5.2.  Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kulaba abalandelayo:

a. Abantu bezwe lase-Saharawi ngokudlula emhlabeni kukaMongameli Mohamed Abdelaziz.
b. Umndeni wakwa-Browde ngokudlula emhlabeni kuka-Advocate Jules Browde SC owamela izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu ababebhekene nengwadla yokususwa ngoshova emakhaya abo ngaphansi koMthetho Wokuhlaliswa Kwezinhlanga Zakuleli Ngokwehlukana ngenkathi isavutha bhe ingcindezelo yezepolitiki kuleli ngesikhathi sobandlululo. U-Advocate Browde wamela izishoshovu ezabe zilwisana nobandlululo eziningana impela, kubandakanya noMongameli bakaKhongolose, i-African National Congress, baphambilini u-Nelson Mandela kanye no-Oliver Tambo. Ungomunye wamalungu asungula iNhlangano Yabameli Bamalungelo Esintu.
c. Umndeni, abangani kanye nomphakathi wezenkolo ngokudlula emhlabeni kukaMfundisi uDkt Simon Gqubule. Ubengomunye wabaholi bezenkolo, izifundiswa kanye nezishoshovu zomzabalazo wenkululeko ezihamba phambili kuleli. UDkt Gqubule waklonyeliswa nguMongameli ngendondo ye-Order of Luthuli yeThusi mhla zingama-28 Mbasa 2016, njengophawu lokuhlonipha igalelo lakhe elikhulukazi emzabalazweni wenkululeko kanye nasemkhakheni wezemfundo nowezenkolo.
d. Umndeni nabangani bomlingisi nomqondisi ongumakadebona uNyembezi Kunene, odlule emhlabeni emva kokugula isikhathi eside. UKunene usebenze ngempumelelo kwezikaqedisizungu isikhathi eside lapho ebonise khona amangwevu akhe futhi udlale indima enkulu ekuqhubekiseleni phambili imboni yezamafilimu namabhayisikobho yakuleli.
e. Umndeni kanye nabangani bomqeqeshi weBafana Bafana waphambilini, u-Ted Dumitru, owazuza impumelelo enkulu ngenkathi eqeqesha i-Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns kanye ne-Orlando Pirates. Futhi waqeqesha neBafana Bafana eMqhudelwaneni Wendebe Yamazwe ase-Afrika yowezi-2006.
f. Umndeni, abangani kanye nabantu baseNigeria ngokushiywa ngumakadebona futhi owabe eyinkakha kwezikanobhutshuzwayo kwelase-Nigeria, u-Stephen Keshi. Wanqoba uMqhudelwano Wendebe Yamazwe ase-Afrika njengomdlali, waphinda futhi wayinqoba njengomqeqeshi, futhi udlale indima enkulu kwezikanobhutshuzwayo e-Afrika nasemhlabeni jikelele.
g. Sithanda futhi nokuhlanganyela nomphakathi wamazwe ngamazwe ekuhlonipheni ingqwele yaphambilini yesisindo sosondonzima kanye neqhawe lezemidlalo emhlabeni jikelele u-Muhammad Ali. U-Ali ubewumthombo wogqozi kubantu abaningi emhlabeni wonkana futhi usebenzise isikhundla sakhe ukugqugquzela nokuhola impi yokulwela amalungelo abantu, ubulungiswa kanye nokulingana.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. IsiKhwama Sikazwelonke Sokufukulwa Nokuhlonyiswa Kwabantu (i-NEF):
Nksz Philisiwe Mthethwa, oqashwe kabusha njengoMphathi Omkhulu (u-CEO).
6.2. Uphiko Lwezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-SEDA):
Nksz Nondumiso Mandisa Tshikwatamba, oqashwe njengo-CEO.
6.3. Uphiko Lwezimpesheni Nezibonelelo lwaseNingizimu Afrika (i-SASSA):
Mnu Thokozani William Magwaza, oqashwe njengo-CEO.
6.4. Umnyango Wezolimo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba:
Mnu Michael Mlengana, oqashwe njengoMqondisi-Jikelele (i-DG).

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Nebo Legoabe (Ibamba lika-DG we-GCIS)
Umakhalekhikhini: 082 453 2874

Share this page

Similar categories to explore