Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-17 Nhlolanja 2016

1. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi iyamukele Inkulumo Echaza Isimo Sezwe kaMongameli Jacob Zuma ethulwe ngoLwesine, ziyi-11 kuNhlolanja. Le nkulumo ithula umgudu wamaqhinga wokuqalisa ukusebenza kohlelo lokusebenza lukahulumeni. UMongameli unxuse uhulumeni, abasebenzi kanye nabamabhizinisi ukuba basebenzisane ukuthola izixazululo zokukhula komnotho okusimeme. IKhabinethi isekela izinyathelo zokunciphisa izindleko ezimenyezelwe nguMongameli, ezizochazwa kabanzi nguNgqongqoshe Wezezimali mhla zingama-24 kuNhlolanja.

INkulumo Yesabelomali yonyaka wezi-2016/17 izophinda iveze ukwabiwa kwezinsizakusebenza kuzinhlelo zeminyango ezihlukahlukene njengoba kugcizelelwe nguMongameli.

1.2. IKhabhinethi ikwamukele ukubanjwa ngempumelelo kweNgqungquthela Yezimayini, ebibanjelwe eDolobheni LaseKapa kusukela ziyi-8 kwaze kwaba mhla ziyi-11 kuNhlolanja. Izikhulu eziqhamuka kumkhakha wezokuvukuza kanye nakohulumeni abaningana base-Afrika zabelane ngemibono yazo ukuthi lo mkhakha ungalunxenxa kanjani utshalomali uphinde usebenzise ngempumelelo amathuba akhona e-Afrika. IKhabhinethi ikuthokozele ukuzibophezela okwenziwe nguhulumeni wase-Japan kokwandisa utshalomali lwakhe eNingizimu Afrika.

IKhabhinethi ikuqinisekisile ukuzibophezela kwayo kumkhakha wezokuvukuza ozinzile futhi okhulayo. UMhlahlandlela Wesivumelwano Semboni Yezokuvukuza Ezinzile usekela imboni yezokuvukuza esimweni samanje esinzima. Uhulumeni uyaqhubeka nokucacisa imithetho eza kusetyenziswa futhi uzoqinisekisa ukuthi uMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Kwezimbiwaphansi Nopethroli, osezithebeni zePhalamende, uyaphothulwa.
 
2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi iphasise Inqubomgomo Kazwelonke Yezokugembula yokugcina, exazulula izinselele ezithiya ukusebenza ngempumelelo koMthetho Kazwelonke Wezokugembula, wezi-2004 (uMthetho we-7 wezi-2004). Le nqubomgomo isidlulile ohlelweni lokudingidwa kwayo nomphakathi. Le nqubomgomo iphakamisa izichibiyelo kumhlahlandlela wokulawula wezigungu zokugembula futhi iqinisa izindlela zokulawula ngenhloso yokunciphisa ukugembula budedengu. Ufaka amakhasino, amabhingo, imishini ekhona izamba ezithile, kanye nokubhejela amahhashi. Le nqubomgomo izoqeda Isigungu Sikazwelonke Sokugembula kungene Umlawuli Kazwelonke Wezokugembula esikhundleni saso nozokuba ngaphansi koMnyango Wezokuhweba Nezezimboni.

2.2. IKhabhinethi ikwamukele ukulethwa ePhalamende koMbiko Wokubuyekezwa Kweminyaka Ephansi Yokuphila Kwengqondo Ukuze Utholakale unecala lobelelesi, nokudingekayo ngokoMthetho Wezobulungiswa Bezingane, wezi-2008 (uMthetho wama-75 wezi-2008). Lo mbiko uphakamisa ukuthi izwe lisebenzise izibopho zomhlaba nesifunda mayelana neminyaka ephansi yokuphila kwengqondo ukuze utholakale unecala lobelelesi lezingane eziphula umthetho.

2.3. IKhabhinethi igunyaze ukumenyezelwa kweZindawo Zokuphehlwa Kwamandla Asebenziseka Kabusha (i-REDZ). Lokhu kuzoqondisa izinhlelo zokulawula, kuhlonze izindawo zebalazwe lapho ubuchwepheshe be-Photovoltaic obusebenzisa umonya nelanga kungasetshenziswa khona futhi lapho kungandiswa khona kakhulu ukuphehlwa kukagesi ongena ezintanjeni zikagesi zikazwelonke.
 
Lawa ma-REDZ azoqinisekisa ukuguqukela kumnotho ongcolisa kancane, ukusheshiswa kokuthuthukiswa kwengqalasizinda, kanye nokufaka isandla kumhlahlandlela ocacile noqagulekayo onciphisa izithiyo ezihlobene nezindleko zokuthobela umthetho

2.4. IKhabhinethi yazisiwe ngemiphumela Yombiko Wezinkomba ZaseNingizimu Afrika Zesayensi, Ezobuchwepheshe Nokusungula zonyaka we-2014 woMkhandlu Kazwelonke Olulekayo Wezokusungula. Umbiko uhlinzeka lokho okuvamise ukwenzeka ekusebenzeni koHlelo Lukazwelonke Lwezokusungula.  (i-NSI). Luhlola ukusebenza kanye nomthelela we-NSI emisebenzini kazwelonke eseqhulwini njengoba ivezwe kuHlelo Lokuthuthukiswa Kweze (i-NDP).

2.5. IKhabhinethi igunyaze ukusetshenziswa kwabafundisi bezikhungo zemfundo ephakeme esebethathe umhlalaphansi kanye nabasebenzi bakahulumeni njengabafundisi baseSikoleni Sikahulumeni Sikazwelonke (i-NSG).

I-NSG yathulwa ngokusemthethweni ngonyaka we-2013, esikhundleni seSikhungo Sikahulumeni Sokuphatha Nobuholi (i-PALAMA), futhi sinegunya lokukhuthaza ukufezwa kwemigomo ebusa ukulawula kuhulumeni kanye nokwenza ngcono izinga, ubukhulu kanye nomthelela wokuthuthukiswa kwamandla ezokuphathwa kwezabasebenzi ezikhungweni.

Lesi sinyathelo sizohlolwa ngokuqaliswa kokusetshenziswa koHlelo Oluphoqelekile Lokwamukelwa Kwabasebenzi bakahulumeni.

Le ndlela yenza ukuthi abasebenzi bakahulumeni bakwazi ukwengeza ukubaluleka emsebenzini kahulumeni. Bazokhipha isipiliyoni, amakhono kanye nolwazi lwabo ukuqeqesha abasebenzi bakahulumeni. Lolu hlelo luzophinda lwenze ngcono ngendlela eyimpumelelo futhi engabizi izinga lezinsizakalo esizihlinzeka umphakathi.

2.6. IKhabhinethi ivume Umbiko Wezwe LaseNingizimu Afrika Wesigaba Sokugcina sesi-3 omayelana nokuqala koKusebenza Kwenhlangano Yezentuthuko Nokubambisana Kwezomnotho (i-OECD) (Isivumelwano Sokulwa Nokufumbathisa). Umbiko uzonikezwa Iqembu Elisebenza Ngokufumbathisa le-OECD.

Lo mbiko uveza inqubekela phambili eyenziwe nguhulumeni ekungeneleleni kwakhe ukuqeda ukufumbathisa okwenziwa ngabantu abavela emazweni angaphandle ngokubona, ukuphenya kanye nokushushisa amacala amayelana nakho. Lo mbiko uphinda uveze izinyathelo ezithathiwe ukuqwashisa ngalobu bugebengu.

2.7 IKhabhinethi ivume ukuthi uMnyango Wezasekhaya (i-DHA) ufakwe kabusha Eqoqwaneni Lezobulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu Nezokuphepha.

Igunya loMnyango Wezasekhaya wukugcina irejista ephephile, enolwazi okuyilonalona lomazisi kanye nesimo sawo wonke umuntu ongaphakathi kwemigcele yethu, nekwenza kwenzeke yonke eminye imisebenzi yombuso. Uphinde wanikezwa igunya lokusingatha uhlelo lokufuduka, olunomthelela ngqo ekuphepheni kwezwe, ukubumbana komphakathi kanye nokufezwa kwezinhloso zentuthuko.

Ngaphambili i-DHA ibifakwe ngaphansi kweqoqwana likaHulumeni Nokulawulwa komsebenzi ojwayelekile wokusekela ukulawula.

3. Imithethosivivinywa

3.1 IKhabhinethi ikuphasisile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuvikela, Ukukhuthaza, Ukuthuthukiswa Nokusingathwa Kolwazi Lwendabuko.

Lo Mthethosivivinywa ukuvikela, ugqugquzele intuthuko nokulawula Kwezinhlelo Zolwazi lwendabuko.

Uhlinzeka ukusungulwa kanye nemisebenzi yehhovisi Likazwelonke Lezinhlelo Zolwazi Lwendabuko, ukuphathwa kwamalungelo abanikazi bolwazi lwendabuko, ukusungulwa kanye nemisebenzi yephaneli yokweLuleka ngezinhlelo zolwazi lwendabuko.

Uphinda uvumele ukufinyelela kanye nemibandela yokufinyelela olwazini lwemiphakathi yendabuko neyendawo, ukusungulwa kohlelo lokuqopha lwezinhlelo zolwazi lwendabuko, ukubhaliswa, ukugunyazwa kanye nokunikezwa izitifiketi kongoti bolwazi lwendabuko, ukulawulwa nokuqondiswa kokusungula okuncike olwazini lwendabuko. Lo mthethosivivinywa uzosekela Umthetho Oyisichibiyelo Wemithetho Yobunikazi Bolwazi, wezi-2013 (uMthetho wa-28 wezi-2013).

IKhabhinethi ivume ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Iregistra Yamatayitela yonyaka wezi-2015 ukuthi umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Weregistra Yamatayitela, we-1937 (uMthetho wama-47 we-1937). Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela uMthetho Wamaregistra Amatayitela, we-1937 (uMthetho wa-47 we-1937) ukuze kufudukwe kusukwa ekusebenzeni ngephepha kuyiwe kulezo ezisebenza ngobuchwepheshe ehhovisi lamatayitela. Uxazulula izindaba zezokuphepha ngokuhlinzeka ukubhalisa kwabadlulisi bezakhiwo njengabasebenzisi abasemthethweni bohlelo lwezobuchwepheshe lokubhaliswa kwamatayitela.

3.2 IKhabhinethi ikuvuphasisile ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa wezi-2015 Wempilo Yezihlahla. Lo mthethosivivinywa wenza umthetho waseNingizimu Afrika uhambisane nezibopho kanye namazinga ukwenza lula futhi kube nobulungiswa ukuhweba komhlaba ukuphephisa ukuhweba komhlaba nokwaleli lizwe ngezihlahla kanye nemikhiqizo yezihlahla. Uma lo Mthethosivivinywa usuphasile, iNingizimu Afrika izokwazi ukuvimbela ukwethulwa kwezindlela zokuhlukanisa zangaphandle zezinambuzane nezifo ezingasabalalisa izinambuzane eziyingozi kanye nezifo zezitshalo kuleli lizwe.

3.3 IKhabhinethi ikuvumile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa wezi-2015 Ochibiyela Umthetho Wezinkantolo.

Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezinkantolo Zezimantshi, we-1944 (uMthetho wa-32 we-1944) noMthetho Wokuchibiyela Izinkantolo Eziphakeme, wezi-2013 (uMthetho we-10 wezi-2013).

Izichibiyelo zihlose ukuphungula usizi lwabakweletayo abazithola behlukunyezwa ohlelweni lokuqoqa izikweletu ezinkantolo zezimantshi kanye nokufaka uhlelo loMnyango Wezohwebo Nezimboni lokususa ulwazi lwezikweletu zabathengi olungeluhle. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela izingxenye zoMthetho Wezinkantolo Zezimantshi, we-1994 (uMthetho wa-32 we-1994) (i-MCA), ukubhekana nokusetshenziswa budedengu koMyalelo Wokuchibiyela Izinkokhelo (i-EAO).

Lo Mthethosivivinywa uhlose ukubhekana futhi uqede izahlulelo ezikhishwa ngokungemthetho, kakhulukazi ngonobhala bezinkantolo ngaphandle kokubheka umthetho, izikhathi eziningi ngenxa yokungazi noma ukuhlangana nabakweletwayo, nabameli babo noma nabaqoqi bezikweletu. Lo Mthethosivivinywa uzoqinisekisa ukuthi abakweletwayo banikezwa izahlulelo ezihambisana nomyalelo wokukhokha ngamancozuncozu noma Umyalelo Wokuthathwa Kwezinkokhelo ohambisana nemali esemthethweni ebekelwe ukuthi ikhokhwe.

4. Imicimbi ezayo

4.1 Impelaviki yokuqala yokubhalisa abavoti bebhalisela Ukhetho Lukahulumeni Wasekhaya lonyaka we-2016 kuzoqhutshwa mhla zi-5 zize zibe yi-6 Ndasa 2016. IKhabhinethi inxusa zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi zisebenzise leli thuba futhi zihloniphe le ntando yeningi labantu eyatholakala kanzima ngokuthi ziye ukuyosebenzisa ilungelo lazo lentando yeningi labantu ngokubhalisa kanye nokuvota okhethweni oluzayo.

4.2 UMongameli Zuma uzothatha Uhambo Olusemthethweni Lombuso Lokuvakashela i-Islamic Republic of Iran kusukela zi-28 zize zibe ngama-29 Nhlolanja 2016.

Lokhu kuvakasha kuzoqinisa ukuxosisana kwethu okuqhubekayo ngezepolitiki nangezomnotho ne-Iran nokwenza ngcono ubudlelwano phakathi kwalawa mazwe.

NjengoMkhuzi Omkhulu Wombutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF), uMongameli Zuma uzophatha imibhiyozo Yosuku Lwamasosha yehlandla lesihlanu eBhayi, eMpumalanga Kapa, mhla zingama-21 Nhlolanja 2016. Le mibhiyozo eyenziwa minyaka yonke ikhombisa ukusekela nokubonga amalungu esilisa nawesifazane e-SANDF.

4.3 UMongameli Zuma uzokwethula inkulumo ekuvulweni Kwendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko ePhalamende, eKapa mhla zingama-26 Nhlolanja 2016. Ubuhlobo phakathi kukahulumeni kanye nabaholi bendabuko busemqoka njengoba besebenzela ukwenza ngcono izimpilo zabantu.

4.4 NgoMgqibelo, mhla zingama-20 Nhlolanja 2016, iPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa uzohola ithimba loNgqongqoshe kuMbukiso Wokuthuthukiswa Kwentsha oqhutshwa nguMongameli e-Grace Bible Church ePimville, eSoweto. Lo mbukiso usekelwa nguMnyango Wezasekhaya, Umnyango Wezabasebenzi, Umnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi noMnyango Wezokuvikela.

IKhabinethi inxusa intsha yakule ndawo ukuthi ithamele lo mbukiso, ozohlinzeka ulwazi mayelana nokuthi ingaziqhuba kanjani izifundo zayo, iqale amabhizinisi kanye nokuhlomula kuzinhlelo zokusekelwa nguhulumeni.

4.5 IKhabhinethi ivume ukusingathwa koMhlangano Wase-Afrika omayelana noKuvikelwa Kwabantu kuncike Ekuzikhetheleni Ubulili, Ukuveza Ubulili kanye Nenkulumo, yiKhomishani Yamalungelo Esintu YaseNingizimu Afrika, kusukela mhla zi-3 zize zibe yi-5 Ndasa 2016.

Lo mhlangano uzokwenza lula ukuxoxisana ukuze kube nokuqonda kwezimbangela eziyimisuka kanye nokuvela kwalezi zinselele ukuze kutholakale izisombululo ezisebenzayo ezikhona kuMbuso ukubhekana nalokhu kwephulwa komthetho.

4.6 IKhabinethi ifisela impumelelo bonke abafundi ababhala ukuhlolwa kokuChibiyela Isitifiketi Sikamatikuletsheni. Abafundi bayakhuthazwa ukuthi bamukele ngezandla zombili uhlelo lwethuba lesibili lokubhala umatikuletsheni olusanda kuthulwa ngokusemthethweni olutholakala kuzo zonke izifundazwe futhi olusiza abafundi ngezifundo zabo ngokusebenzisa izinsiza ezihlukahlukene. Inhloso yoHlelo Lwethuba Lesibili Lokubhala Umatikuletsheni ukunikeza abantu abasha ithuba lokuphasa umatikuletsheni ngaleyo ndlela benze ngcono isimo sezimpilo zabo.

Ukuhlolwa kokuchibiyela kuyingxenye yoHlelo Lomnyango Lwethuba Lesibili Lokubhala Umatikuletshenzi kanye nokuhlinzeka abafundi abangakwazanga ukuhlangabezana nemibandela yokukhushulwa neyokunikezwa isitifiketi, kodwa abadinga ukuphasa izifundo ezimbili kuphela ukuze bathole i-NSC ithuba lokwenza njalo.

IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo esithulwe nguMongameli samagama amalungu Ekhomishini Yophenyo Ngemfundo Ephakeme. Inxusa bonke abantu abanentshisekelo Emfundweni Ephakeme ukuthi babambe iqhaza emsebenzini wekhomishani ukuze kutholakale ikhambi lesikhathi eside kuzinselele ezibhekene neMfundo Ephakeme.

5. Isimo seKhabhinethi ezindabeni eziqavile kwezemvelo

5.1 UNgqongqoshe Wezezimbiwaphansi uMosebenzi Zwane, Ungqongqoshe Ehhovisini Likamongameli uSusan Shabangu kanye noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uBathabile Dlamini – abaqokwe nguMongameli Zuma ukuthi basekele uhulumeni wesifundazwe, abaphathi bemayini nemindeni ethintekile kulandela isigameko sase-Lily Gold Mine eBarberton - bazise iKhabhinethi ngezakamumva. IKhabhinethi njengoMongameli icela isizwe ukuthi sigcine emithandazwe nasemicabangweni abavukuzi abathathu abasavaleleke emathunjini omhlaba kanye nemindeni yabo.

5.2 IKhabhinethi isakhathazekile ngesomiso esisalokhu siqhubekile nokuhlasela izingxenye ezithile zezwe. Iiphinde yazwakalisa ukubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, abasekela imizamo yokusiza ezindaweni ezihlaselwe yisomiso.

IKhabhinethi idlulisa ukubonga kubo bonke abananele ikwelo lokubika ukuvuza kwamazi ukusekela Umkhankaso Wokulwa Nokuvuza Kwamanzi oholwa Ungqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uNomvula Mokonyane. IKhabhinethi iyabonga ngomoya wobuntu okhonjiswe yisinyathelo esiholwa yi-Operation Hydrate owenze umehluko emiphakathini ekhahlamezekile.

5.3 IKhabhinethi idingide yaphinda yabheka imiphumela ephelele yokuqala kokusebenza koMthetho Ochibiyela Imithetho Yentela, wezi-2014. Ngokwalo Mthetho, ukushintshwa kwesikhwama seprovidenti imali yaso ikhokelwe ngamancozuncozu ngenyanga kuzoqala mhla lu-1 Ndasa 2016. Lokho kusho ukuthi kusukela ngalolu suku imihlomulo yesikhwama seprovidenti kanye nemihlomulo yesikhwama sezimpesheni kuzolawulwa ngendlela efanayo ngokuthi uma amalungu esikhwama seprovidenti ethatha umhlalaphansi ayovunyelwa ukuthatha ingxenye yokukodwa kokuthathu njengemali eyisamba futhi ingxenye yokubili kokuthathu yemihlomulo yawo kuyomele ikhokhwe ngamancozuncozu nyangazonke. Njengamanje, lesi simiso siyasebenza kumalungu esikhwama sempesheni sikahulumeni.

Izinguquko kulo mthetho zithinta abantu abahola kakhulu kanye nabo bonke abantu abangaphansi kwezikhwama zeprovidenti.

Izinhlangano kanye nabantu abaningi bazwakalise ukukhathazeka mayelana nokuqaliswa kokusetshenziswa kwezinguquko ezintsha futhi benza izethulo kuhulumeni mayelana nokuqaliswa kokusetshenziswa kwalezi zinguquko. Kusobala ukuthi, phezu kwezinhlelo zokuxoxisana ezenziwa ngaphambi kokuphasiswa kwalo mthetho, kusekhona ukukhathazeka futhi lokho kukhathazeka kumele kuxazululwe ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi ngesikhathi umthetho uqala, izinguquko kumihlomulo yesikhwama seprovidenti ziqale ngaphandle kwezihibe futhi ngempumelelo.

Ngalesi sizathu, iKhabhinethi inqume ukuthula umthetho wokuchibiyela uMthetho Ochibiyela Imithetho Yentela ngokushesha ukuhlehlisa ukuqala kosuku lokusebenza kwezinguquko lusuka mhla lu-1 Ndasa 2016 luye mhla lu-1 Ndasa 2018 ukuze kuqhutshekwe nokuxoxisana nabo bonke abathintekayo. Lokho kuxoxisana kungaholela kokunye ukuchitshiyelwa kwemithetho. Umthethosivivinywa Wokuchibiyela uzobekwa ezithebeni zePhalamende ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

6. Amazwi enduduzo

6.1 IKhabhinethi lithanda ukudlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni koNgcwele uBhishobhi Glayton Modise we-International Pentecostal Holiness Church. UBhishobhi Modise uhole leli sonto elinamalungu angaphezu kwezigidi ezintathu kuyo yonke iningizimu ne-Afrika, emva kokushona kukababa wakhe futhi ongumsunguli wesonto, Ongcwele u-Comforter Frederick Modise ngonyaka we-1996.

6.2 IKhabhinethi lithanda ukudlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwaloyo owayenguNobhala-Jikelele Wenhlangano Yezizwe (i-UN) u-Boutros Boutros-Ghali.  Waqala ukusebenza njenjoNobhala-Jikelele we-UN ngonyaka we-1992 ngesikhathi sokukhula kwamandla e-UN kulandela indima yayo empini yase-Gulf, esebenza ihlandla lokuphatha leminyaka emihlanu elilodwa. Ushonele esibhedlela sase-Cairo ngoLwesibili eneminyaka engama-93. Uyohlale ekhumbuleka ngendima yakhe kwezoxolo nentando yeningi labantu.   

7. Ukuhalalisela

7.1 Ikhabhinethi lihalalisela uMnu. Kevin Govender weHhovisi elizinze eKapa le-Astronomy for Development and the International Astronomical Union ozoklonyeliswa nabanye ngeNdodo i-Edinburgh yonyaka we-2016 ngokusungula iHhovisi le-Astronomy for Development eDolobheni LaseKapa. U-Govender yisakhamuzi sokuqala saseNingizimu Afrika ukuthola lo mklomelo ohloniphekile wempumelelo kwezesayensi nezobuchwepheshe okunomthelela ekuqondeni nakunhlalonhle yabantu.

IKhabhinethi lihalalisela umdansi we-ballet oneminyaka eyi-16 ubudala u-Leroy Mokgatle owine i-Audience Favourite award nomfundaze e-Prix de Lausanne International Ballet Competition e-Switzerland. Uyisakhamuzi sokuqala saseNingizimu Afrika ukuwina lo mfundaze eminyakeni enga-28 futhi ungowesibili emlandweni waleli lizwe.

Ikhabhinethi lijoyina uMongameli Zuma ngokuhalalisela abawinde Izindondo zo-Ubuntu Zesibili ezibanjwa minyaka yonke. Lezi zindondo zihlonipha abaholi bezimboni eNingizimu Afrika kanye nabantu abadumile ngendima yabo ekwaziseni ngezintshisekelo zethu zezwe kanye namagugu emhlabeni jikelele.

IKhabhinethi lihalalisela umdlali womtshingo u-Wouter Kellerman, iqembu lesicathaminya iLadysmith Black Mambazo nomculi womculo wokholo uNeville D ngokuqokelwa izindondo zama-Grammy zonyaka we-2016. Laba baculi bayakhuthaza futhi bandizisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika.

8. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

8.1 I-Lepelle Northern Water Board:
a) Ingonyama uThovhele Tshivhase (Usihlalo);
b) Mnu Matsebe Ivor Phasha (Iphini Likasihlalo);
c) Mnu Thandeka Thembekile Celiwe Hlongwa (Ilunga);
d) Mnu Boxing Phillemon Sebola (Ilunga);
e) Mnu Ntale Herold Matsepe (Ilunga);
f) Nksz Mankone Mabataung Ntsaba (Ilunga);
g) Nksz L Malamba (Ilunga);
h) Nksz Josephine Mampheri Letsoalo (Ilunga); no
i) Nksz Makgetsi Annabelle Mphahlele (Ilunga).
 
8.2 Ummeli u-JB Skosana uqashwe njengePhini Likamqondisi-Jikelele (u-DDG): Imisebenzi Yenkantolo Emnyangweni Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo (i-DoJ&CD).

8.3 UNksz GB La Foy uqashwe njenge-DDG: Ukuthuthukiswa koMthethosisekelo Emnyangweni Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo (i-DoJ&CD).

Imibuzo:
Nksz Phumla Williams
(Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo kamakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore