Ukubhalisa njengonjiniyela oqeqeshiwe

Ukubhalisa njengonjiniyela oqeqeshiwe ngaphansi koMkhandlu woNjiniyela WaseNingizimu Afrika (i-ECSA) kuyisidingo ngokomthetho uma:

  • Wenza umsebenzi wokweluleka ngobunjiniyela
  • Kunguwe obhekelele ukwenziwa komsebenzi wobunjiniyela
  • Wenza imisebenzi njengoba kuqoshiwe emithethweni (isib. iziMiso zokwakha zikazwelonke)
  • Ufisa ukuba yilungu eligcwele lezinye zezikhungo ezaziwayo.

Ungafaka isicelo sokubhalisa njengonjiniyela oyikhandidethi uma usuphothule iziqu zemfundo ezaziwayo njenge B.Sc (Eng), B.Eng, noma i-National Diploma in Engineering. Uma uneziqu zezwe langaphandle, kufanele uthole ikhophi yesitifiketi salezo ziqu kanjalo nerekhodi lemiphumela yakho eliveza zonke izifundo owazifunda waziphumelela ngesikhathi ufunda.

Emva kokuthola iziqu kanye nesipiliyoni seminyaka engengaphansi kwemithathu ungabhalisa njengonjiniyela emikhakheni yokubhalisa elandelayo:

  • I-Professional Engineer (Pr Eng)
  • I-Professional Engineering Technologist (Pr Tech Eng)
  • I-Professional Certificated Engineer (Pr Cert Eng)
  • I-Professional Engineering Technician (Pr Eng Techni)

Ungathola amafomu okubhalisa kanye neminye imininingwane emahhovisi akwa-ECSA, kusizindalwazi sakhona ku: www.ecsa.co.za nomaungafaka isicelo  nge-imeyili  ku: engineer@ecsa.co.za.

 

Share this page