Bhalisa njengomklamiwomhlaba

Bonke abaklami bomhlaba abaQeqeshiwe, Abaklami bomhlaba abangamaTheknolojisti, abangamaTheknishiyeni  kanye nama-GISc Practitioners kufanele babhalise ngaphansi koMkhandlu wabaKlami bomHlaba abangoNgcweti noChwepheshe baseNingizimu Afrika  (i-PLATO). Abaklami bomhlaba abangoNgcweti, abangamaTheknolojisti, abangamaTheknishiyeni abasaqeqeshwa nabo bangabhalisa ngaphansi kwe-PLATO.

Ungabhalisa kulemikhakha elandelayo:

  • I-Professional Land Surveyor
  • I-Professional Engineering Surveyor
  • I-Professional Mining Surveyor
  • I-Professional Photogrammetric Surveyor
  • I-Professional GISc Practitioner
  • I-Professional Hydrographic Surveyor

Ukuze ube umklami womhlaba obhaliswe ngaphansi kwe-PLATO kufanele uphumelele ukuhlolwa okwahlukene, ukhokhe imali yomkhandlu uphinde futhi ube ngumuntu owenze imisebenzi yokuthola isipiliyoni.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nenqubo yokubhalisa, amafomu okubhalisa nemali ekhokhwayo kusizindalwazi se-PLATO  noma thintana noMkhandlu kule nombolo: 011 626 1040 noma nge-imeyili ku: office@plato.org.za.

 

Share this page