Thola umyalelo wesondlo

Isondlo siyisibopho sokuhlinzeka omunye umuntu, isibonelo, ingane, ngendawo yokuhlala, ukudla, izingubo zokugqoka, imfundo kanye nosizo lokwelashwa, noma izindlela ezidingekayo zokuhlinzeka umuntu ngalezi zidingo. Lesi sibopho sangokomthetho sokondla sibizwa ‘ngesibopho sokondla’ noma ‘isibopho sokweseka’.

Ingane kufanele yesekwe noma yondliwe ngabazali noma ngugogo nomkhulu futhi umyalelo wesondlo ungenziwa ngenhloso yokubaphoqa ukuba benze lokho.

Thola kabanzi mayelana nokuthola umyalelo wesondlo noma uxhumane noMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo kule nombolo 012 315 1512.

 

Share this page