Isicelo sokungenisa izilwane nemikhiqizo ezilwane

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lookungeniswa kwezilwane kanye nemikhiqizo yazo eNingizimu Afrika

Uma ufuna ukuletha izilwane eziphilayo, imikhiqizo yazo, izinto ezithelelekayo noma ezithathelanayo eNingizimu Afrika, umthetho onqunyiwe uthi kumele ufaka isicelo bese uthola imvume evela kumqondisi wempilo yezilwane. Kumele uthole le mvume ngaphambi kokuba umkhiqizo noma isilwane kungene emkhunjini ukusuka kulelozwe.

Uma ngabe uletha izilwane zasepulazini eziphilayo njenge zinkomo, izimvu, izimbuzi, amahhashi, izingulube, izintshe, izinkukhu (hhayi izinja namakati) noma isizukulwano salezizilwane, kumele uthole igunya ku Mbhalisi obhekele ukwenza ngcono impilo yezilwane ngaphambi kokuba kukhishwe imvume. Mayelana nemibuzo ephathelene negunya lokuthuthukiswa kwezilwane sicela ushayele kulenombolo yocingo: 012 319 7434 noma 012 319 7424.

Kunemithetho ebekiwe okumele ilandelwe yokulethwa kwezilwane nemikhiqizo yazo zisuka emazweni angaphandle. Imigomo yezokuphepha inokushintsha manje namanje, Sicele uthintane nethimba lemigomo yokulethwa nokuthuthwa kwezinto ziya emazweni angaphandle yomqondisi wezokuphepha kwezilwane ukuthola izidingo zakamuva, kulesisikhahlamezi: 012 329 6892. Kungaba nezinye izinqubo mgomo ezibekiwe ngemikhiqizo ngaminye kumele wenze isiqinisekiso sokuthi uyayilandela yoke imigomo ngokusemthethweni.

Okufanele ukwenze

  1. Gwalisa lamafomu alandelayo:
    1. isicelo sokungenisa izilwane kanye nemikhiqizo yezilwane Eningizimu Afrika (okuqondne nokwahlukanisa izilwane).    
    2. isicelo sokungenisa izilwane kanye nemikhiqizo yezilwane Eningizimu Afrika (okuqondene nokubhekelela okuqhbekayo)   
    3. isicelo sokungenisa izilwane kanye nemikhiqizo yezilwane Eningizimu Afrika (okundaqondne nokwahlukaniswa kwezilwane). 
  2. Xhumana no Mqondisi obhekele ezempilo zezilwane uma ungazikahle ukuthi kufanele ugcwalise liphi ifomu.
  3. Kufanele ukhokhele iphemithi yokungeniswa kokuhlolwa kwezilwane. (Ishintshwa njalo ngonyaka bese ibhalwa kwkiphephandaka lika Hulumeini)
    Deposit the permit fee into the Department’s bank account:
    Igama lebhange: Standard Bank of South AfricaUmnikazi wesikhwama sasebhange: National Department of AgricultureInombolo yasebhange: 011219556 International Band
    Igatsha: 010845
    Uhlobo lwe IB 0001982 Ikhodi
    Ikhodi emfushane: SBZA-ZAJJ
    Igama legatsha: Arcadia
    Thumela ifomu eligcwalisiwe kanye nesiqinisekiso esibonisa ukuthi ukhokhile ku:
    Umqondisi: Obhekele Ezezempilo zezilwane
    Ithimba lokungenisa nokuthumela kwamanye amazwe.
    Private Bag X138
    Epitoli
    0001
    Eningizimu Afrika
    noma inombolo yesikhahlamezi ku 012 329 8292
  4. Sicela ucacise ukuthi iphemithi uzoyilanda noma izothunyelwa kuwena.
  5. Umangabe izilwane kufanele zihlukaniswe, kufanele uxhumane no Dokotela ka Hulumeni echwebeni lokungenisa: 
  6. Inombolo yase Goli: 011 973 2827 noma isikhahlamezi: 011 973 2828
  7. Inombolo yocingo Ekapa: 021 551 2050 noma isikhahlamezi: 021 551 1378
  8. Isikhungo sokwahlukanisa e Thekwini asisebenzi njengamanje, imininingwano iyathilakala ehhovisi kunayi inombolo yocingo: 031 368 6011 noma isikhahlaamezi: 031 337 7469
  9. Udokotela wezilwane osebenzela u Hulumeni uzobeka indawo yokuhlala endaweni okuhlukwaniswa kuyo izilwane futhi kufanele agcwalise ingxenye okuyiyona efomini. Bese kuthunyelwa ngesikhahlamezi ehhovisi le mvumo, kuthnyelwa u-dokotela wezilwane.
  10. Gcwalisa ibufakazi bokuphepha (mayelana nezilwane kanye namajuba adlula endaweni yokuhlukanisa izilwane) bese uhlanganisa ubufakazi bokuphepha efomini lokufaka isicelo. Ungathola ifomu lokuphepha ehhovisi lephemithi lika Mqondisi obhekele impilo yezilwane.
  11. Okulandela ukutholakala kwefomu lesicelo kanye nesiqinisekiso esibonisa ukuba kukhokhiwe, Iphemithi yokungenisa ngokuhlolwa kwezilwane izokhishwa bese uthunyelwa kuwena nqo.
  12. Ukubhalwa kwesitifiketi sezempilo ngokuhlolwa kwezilwane sizothunyelwa kuwena nqo.
  13. Isitifiketi kufanele sigcwaliswe ngesingisi sigcwaliswa u Dokotela wezilwane kunginyazwe igunya lokuhlolwa kwezilwane wasezweni elithumela kuleli ngaphambi kwezinsuku eziyishumi zisuke kulelozwe.
  14. Uma udinga ulwazi ekutheni uluphi ulwazi olidingayo ezilwaneni nakumkhiqizo wezilwane, ungathola umzekeliso wamakhophi ephemithi yokungenisa kanye nesitifiketi esitholakala ehhovisi okutholakala lulo imvumo.
  15. Khombisa lokhu okulandelayo kosebenzela ekuqondisweni kokungeniswa kokuhlolwa kezilwane echwebeni:
    1. Iphemithi yokungenisa yokuhlola izilwane ekuyiyona.
    2. Isitifiketi sokuhlolwa kwezilwane okuyisona.
    3. Amanye amaphepha ekhomba, njenge ubufakazi bokukhuseleka, isicitiketi sokugomela amarabi, amaphemthi abalulekile, njalo njalo.
  16. Uma ungenisa izikhumba ezomile, izinkomishi, udokotela osebenzela u Hulumeni kuleyondawo ovume indawo kufane asayine njengofakazi bese efaka isitembu esicelweni bese eluthumela  ngsikhahlamezi ehhovisi lamaphemithi ku Mqondisi obhekele ezezempilo zezilwane. Uma okungenhla sekulethiwe, ihhovisi lamaphemithi liyobe selikhipha iphemithi.
  17. Uma ungenisa imfuyo ephilayo njengesinkomo, izimvu, izimbuzi, amahhashi, izingulube, intshe, izinkukhu (hhayi amakati nezinja) noma izinto eziwufuzo lwalezilwane, kufanele uthole imvumo ku Mbhalisi obhekele ukwenza ngcono izilwane ngaphambi kokuba iphemithi yokungenisa ikhishwe. Uma unemibuzo noma or 012 319 7424.
  18. Amaphemithi womabili kufanele abekhona kosebenzela ukuhlolwa kwezilwane echwebeni lokungenisa, kanye nesitifiketi okuyisona esikhishwe izwe elithumela izilwane.

Okubalulekile:

  • Iminingwano yomuntu okhokhile kufanele kube igama besibongo sikamngenisi.
  • Izindleko zasebhange kanye ne zasebhange lakwamanye amazwe kuzoba ezakho. Umnyango angeke ukhiphe iphemithi ungakatholi imali eyikhulu namashumi amabili. (Ishintshwa njalo ngonyaka bese ibhalwa ephephandabeni lika Hulumeni). 
  • Ungakhokha nangeshekeu ukhokhela u Mnyango wezolimo, amahlathi kanye nezinhlanzi bese uhlanganisa ifomu lokubhalisa uliposele ekhelini elingenzansi
  • Ungakhokha naku Mnyango wezolimo, amahlathi kanye nezinhlanzi kubhaliwe ohlwini lokuxhumana.
  • Uma ubhalisela omunye umuntu, sicela uqunisekise ukuthi ubhala igama  nesibongo sakhe noma igama lenkampani.

Azikho izicelo eziphasiswayo ngaphandle kwesiqiniseko sokuthi kukhokhiwe. Thumela isiqinisekiso sokuthi ukhokhile ngesikhahlamezi ku: 012 329 8292 uqondise ku: Ina Labuschagne.

Isikhathi esinqunyiwe

Uma u dokotela kahulumeni osebenzela ehhovisi likazwelonke esephumelelise imvumo sokungenisa, kuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu ukuphumelelisa isicelo kanye nokuthola iphemithi

Kubiza malini

Imali ekhokhwayo yowezi-2023/24

Amafomu okumele agcwaliswe

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact list: Import and export of animals and animal products

Share this page