Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeNqubekela-phambili Esiyenziwe Emizamweni Kazwelonke Yokunqanda Ubhubhane Lwegciwane Le-corona, i-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Sekuphele izinyanga eziyi-15 ncamashi kusukela samemezela iSimo Senhlekelele Sikazwelonke njengesinyathelo sokubhekana ngqo nobhubhane lwegciwane le-corona.

Asikaze neze ngaphambilini sihlangabezane nenhlekelele enkulu kangaka yezempilo, futhi eqhubeke isikhathi eside kangaka.

Kuyinto eqondakalayo nokho ukuthi abantu baseNingizimu Afrika manje bazizwe sebekhathele futhi bekhandlekile.

Siyalila ngokulahlekelwa ngabantu abaningi asebesishiyile emhlabeni, futhi sikuthola kunzima ukubhekana nomthelela omkhulukazi walolu bhubhane oselukhahlameze izindlela zokuziphilisa zabantu abayizigidi ngezigidi.

Ngiyazi ukuthi sesiqala ukuphelelwa yisineke sokubekezelela imikhawulo ebekiwe phezu kwezimpilo zethu.

Ngikuqonda ngokuphelele ukuthi nikhathazekile ngemikhawulo ebekiwe evimbela inkululeko yenu yokuzihambela ngokukhululeka, ukubuthana, ukuhlangana nabanye abantu, ukukhonza futhi kwenziye izimo evimbela ngisho nezindlela zenu zokuziphilisa imbala.

Kepha-ke nakuba kunjalo siyazi futhi ukuthi le mikhawulo isebenza kahle kakhulu ukunqanda ukusabalala kwegciwane.

Sesidlule emahlandleni amabili okutheleleka kwabantu ngegciwane asedale umonakalo omkhulu impela.

Kodwa-ke ngokusebenza kwethu ngokubambisana sikwazile ukwehlisa izinga lokutheleleka kwabantu futhi ngalokho sakuvimbela nokulahleka kwemiphefumulo eminingi.

Siyazi ukuthi nakuba lezi zinyanga eziyi-15 ezidlule bezinzima kakhulu, sesiqalile futhi ukusimama nokwakha kabusha.

Nakuba uhlelo lwethu lokugoma abantu ngobuningi luhlangabezane nezingqinamba eziningana, seluqalile futhi ukuqhubeka ngomfutho, futhi ekugcineni sesingenile endleleni ephokophele ekunqandeni lesi sifo.

Kodwa-ke nakuba sinesizathu sokuba nenhlansi yethemba, sisahlalelwe ngumqansa omkhulu.

Selitheleke ngezinkani phezu kwethu ihlandla lesithathu lokutheleleka kwabantu ngegciwane. Kumele silinqande leli hlandla elisha lokutheleleka kwabantu.

Kusukela ngenkathi ngigcina ukukhuluma nani esikhathini esingaphezudlwana nje kwamaviki amabili adlule, sesiphindaphindeke kabili isilinganiso-nani sezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu.

Ngaleso sikhathi, sabe siqopha izigameko ezibalelwa kubantu abayizi-3 700 abathelelekayo nsuku zonke.

Kulezi zinsuku eziyisikhombisa ezidlule, siqophe isilinganiso-nani sabantu abayizi-7 500 abathelelekayo nsuku zonke.

Inani labantu abalaliswe ezibhedlela ngenxa ye-COVID-19 selikhule ngama-59% kulezi zinsuku eziyi-14 ezidlule, uma kuqhathaniswa nezinsuku eziyi-14 ezandulela lokho.

Isilinganiso-nani sabantu abashonayo nsuku zonke ngenxa ye-COVID-19 sesikhuphuke ngama-48% sisuka kuma-535 emavikini amabili adlule safinyelela kuma-791 kulezi zinsuku eziyisikhombisa ezidlule.
Ngaphandle kwesifundazwe saseNyakatho Kapa, zonke ezinye izifundazwe zakuleli zibonisa ukukhula nokudlondlobala kwezibalo zabantu abathelelekayo.

Izifundazwe ezine – okuyi-Gauteng, i-Freyistata, iNyakatho Ntshonalanga kanye neNyakatho Kapa – sezithathwa ngokusemthethweni njengezifundazwe esezingenile ehlandleni lesithathu, futhi ngalokunye uhlangothi lezi ezinye nazo seziyasondela kulelo qophelo.

Isilinganiso sabantu abahlolelwa i-COVID-19 okutholakala ukuthi bathelelekile – esibizwa ngezinga-silinganiso lokutheleleka kwabantu, phecelezi i-positivity rate – silokhu siqhubeke njalo nokukhula e-Gauteng, e-Limpopo, eNtshonalanga Kapa, e-Freyistata kanye naKwaZulu-Natali.

Kulezi zifundazwe, i-Gauteng iyona ekhahlamezeke kakhulu. 
Futhi cishe ingxenye yokubili yokuthathu yezigameko ezintsha ezikalwe kuleli viki eledlule zikulesi sifundazwe.

Ukudlondlobala kwezigameko zokutheleleka kwabantu e-Gauteng manje sekuhamba ngesivinini esikhulu futhi kukhula ngamandla amakhulu uma kuqhathaniswa nalokho okwabe kuyikhona esikhathini esifanayo emahlandleni adlulile.

Ezinsukwini ezimbalwa nje ezizayo kungenzeka ukuthi inani lezigameko ezintsha e-Gauteng lidlule inani eliphakeme kunawo wonke lezigameko ezabonakala ngehlandla lesibili.

Izibhedlela ezizimele zase-Gauteng sezibike ukuthi seziqala ukugcwala futhi sezisalelwe yimibhede embadlwana nje kuphela yokulalisa iziguli.
Kumele sithathe izinyathelo ezinqala futhi lokho sikwenze ngokushesha ukuze sisindise izimpilo zabantu.

Futhi ukuze sikwazi ukwenza lokhu kumele siqikelele izinto eziyisisekelo futhi sizenze ngendlela efanele.

Kumele sizikhumbuze ukuthi lisabalala kanjani igciwane ukuze omunye nomunye wethu aqinisekise ukuthi uziphatha ngendlela ezonciphisa ukudluliseka kwegciwane nokutheleleka kwabantu.

Akufanele neze sizishaye indiva izindlela zokuzivikela eziyisisekelo esaziyo kahle kamhlophe ukuthi zisemqoka kakhulu. Ososayensi bethu bayasitshela ukuthi igciwane lisabalala ngenxa yezenzo zethu kanye nendlela esiziphatha ngayo.

Kumele sikhumbule ukuthi abantu abaningi abahaqwe yi-COVID-19 abanazo nezincane izimpawu ezibonisa ukuthi bahaqekile.

Lowo muntu ohleli eceleni kwakho etekisini, kumbe umuntu osebenza naye noma umngani wakho, ngisho nelungu lomndeni wakho imbala ohlangana nalo emcimbini othile, kungenzeka ukuthi bathelelekile.

Kungenzeka utheleleke ngenkathi ugibele itekisi elingenalo ngisho nelilodwa ifasitela elivuliwe.

Kungenzeka akuthelele ngegciwane uzakwenu noma lowo muntu osebenza naye ongasigqoki isifonyo ngendlela emboza ikhala lakhe nomlomo.

Umngani wakho noma ilungu lomndeni kungenzeka ukuthi alizigezanga izandla zalo noma alizisulanga ngesibulali-magciwane ngaphambi kokuthi lidlulisele isiphuzo noma ipuleti lokudla kuwena, futhi kungenzeka utheleleke ngenxa yalokho.

Kungenzeka uhambe uyovakashela abazali bakho asebekhulile ngokweminyaka noma uvakashele ugogo nomkhulu wakho, wena ungazi ukuthi usuhaqekile ufike ubathelele ngegciwane.

Kungenzeka uvakashele isihlobo sakho esinesifo sikashukela noma esinomfutho wegazi ophakeme noma esinesinye nje isifo esiyimbelesela, ufike usithelele ngegciwane, nakuba wena uzizwa ungumqemane futhi ungenazo izimpawu zegciwane.

Kungenzeka uye enkonzweni noma uhambe uyokhonza esontweni lamaSulumane, noma uye endaweni yokudlela egcwele abantu abaningi noma isizinda esinenxanxathela yezitolo esiphithizelayo futhi ngaso sonke isikhathi lapho uhamba khona ube ulokhu udlulisela igciwane kwabanye abantu futhi ngalokho ubeke impilo yabantu kanye nemiphefumulo yabo engcupheni.

Ngelishwa-ke, kulula kanjalo ukusabalalisa lesi sifo.

Uma sazi ukuthi sike sasondelana nomuntu otheleleke nge-COVID-19, kumele silandele imigomo ebekiwe yokugonqa izinsuku eziyishumi noma ngabe lokho kusiphatha kabi kangakanani futhi kuyiphazamisa kangakanani impilo yethu.

Lena ngenye yezindlela ezisebenza kahle kakhulu zokunqanda igciwane lingaqhubeki lisabalale.

Izinguquko ezincane nje esingazenza kwindlela esiziphatha ngayo zingenza omkhulu umehluko.

Sekukaningi sikhuluma ngalokhu kodwa kuyadingeka ukuthi sikuphindaphinde ngoba phela esikhathini esiningi siyakhohlwa, siyeke ukucophelela nokuziphatha ngendlela efanele.
Kumele senze izinto ngobuhlakani obukhulu, futhi siqikelele ngaso sonke isikhathi ukuthi lokho esikwenzayo kuyinto efanelekile.

Uma sicophelela futhi senza izinto ngobuhlakani singakunqanda ukusabalala kwegciwane futhi silinciphise nezinga lokutheleleka kwabantu.

Uma beyingcosana abantu abathelelekayo noma nini, kusho ukuthi bazoba yingcosana abantu abagulayo, babe yingcosana abantu okudingeka ukuthi balaliswe esibhedlela, babe mbalwa nabadinga ukulaliswa egunjini labantu abagula kakhulu (i-ICU) futhi babe mbalwa nalabo abazodinga imishini yokuphefumula.

Esikwaziyo nesikubonile emahlandleni okutheleleka kwabantu amabili adlule kanye nalokho esikubone kwenzeka emhlabeni wonke jikelele wukuthi uma izikhungo zezempilo zizithola zibhekene nomsebenzi ongaphezu kwamandla azo ziningi izimpilo zabantu ezilahlekayo.

Into eseqhulwini kithina njengamanje wukuqinisekisa ukuthi kunemibhede eyanele ezibhedlela, nabasebenzi bezempilo abanele, nemishini yokuphefumula eyanele ngokunjalo futhi ne-oksijini eyanele ukuze wonke umuntu odinga ukunakekelwa athole usizo nokunakekelwa okuseqophelweni eliphezulu.

Ukukhula ngamandla kwezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu kusho ukuthi kumele siphinde futhi siyiqinise imikhawulo evimbela ukuhamba kwabantu ngokukhululeka kanye nokubanjwa kwemibuthano.

Kumele sisiqinise kakhulu isandla ukuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithethonqubo ebekiwe futhi sibathathele izinyathelo eziqinile labo abangayithobeli.

Ngokubheka inani elikhulayo lezigameko zokutheleleka kwabantu, sesinqume ukufaka izwe ngaphansi kweSigaba Sokuqapha Sesithathu.

Lesi sigaba sizoqala ukusebenza ngokuhamba kwesikhathi khona kusihlwa nje uma imithethonqubo seyishicileliwe kusomqulu kahulumeni.
Lokhu kusho ukuthi:

- Amahora omthetho wesikhathi sewashi azoqala ukusebenza ngehora le-10 kusihlwa aze ayophela ngehora lesine entathakusa.
- Izikhungo ezithathwa njengezingenzi imisebenzi engumongo ezinjengezindawo zokudlela, izindawo zokucima ukoma kanye nezindawo zokuzivocavoca kuzodingeka ukuthi zivale ngehora lesi-9 kusihlwa ukuze abasebenzi bazo namakhasimende bakwazi ukuhamba kusenesikhathi bafinyelele emakhaya ngaphambi kokuqala komthetho wesikhathi sewashi.

- Yonke imibuthano izobekelwa umkhawulo wabantu abangama-50 uma umbuthano lowo ubanjelwe ngaphakathi esakhiweni, kanti uma ubanjelwe ngaphandle kwesakhiwo umkhawulo uzoba ngabantu abayi-100.

Lapho indawo okubanjelwe kuyona umbuthano incane kakhulu ukuthi ingamumatha lawa manani ashiwo ngenhla ngenhloso yokuqinisekisa ukuqhelelana kwabantu ngendlela efanele, lokho kusho ukuthi abantu abethamele umbuthano lowo kumele bangabi ngaphezu kwamaphesenti angama-50 omthamo ophelele wabantu ongathwalwa yindawo leyo okubuthenwe kuyona.

Lokhu kubandakanya izinkonzo nemibuthano yezenkolo, imicimbi yezepolitiki kanye nemibuthano yomphakathi ngokunjalo futhi nezindawo zokudlela, izindawo zokucima ukoma, amathaveni kanye nezinye izindawo ezifanayo.

- Inani labantu abethamele imingcwabo nemicimbi yokulothiswa kwesidumbu akumele neze libe ngaphezu kwabantu abangama-50 futhi kumele kuthotshelwe yonke imigomo ebekiwe yokuqhelelana kwabantu nokuqikelela ezempilo.

Ayivumelekile imilindelo, imibuthano ebanjwa emva komngcwabo kanye nama-‘after-tears’.

- Ukudayiswa kotshwala ezitolo lapho umuntu ebuthenga ahambe nabo ayobuphuzela kwenye indawo kuzovunyelwa kuphela phakathi kwehora le-10 ekuseni nehora lesi-6 kusihlwa kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesine.

Lokhu akufaki phakathi amaholide omphakathi.
Ukudayiswa kotshwala ezizindeni obuthengwa kuzona futhi buphuzelwe khona lapho kuzovumeleka ngokuhambisana nemibandela yelayisensi yesizinda, kuze kuyoshaya ihora lesi-9 kusihlwa.

Kuzo zonke izindawo zomphakathi, ezinjengamabhishi namapaki, akuvumelekile nakancane ukuphuzwa kotshwala.

Kuwo wonke umsebenzi esesiwenzile ukubhekana nalolu bhubhane, sizamile ukuthatha izinyathelo ezifanelekile futhi ezihambelana nobukhulu bengcuphe yokutheleleka kwabantu.

Uma sithatha izinyathelo ngokuxhamazela, noma uma sibeka izinyathelo eziqine ngokweqile, uzokhahlamezeka umnotho.

Futhi kusenjalo uma sisindwa zinyawo sithatha izinyathelo emva kwesikhathi, noma uma izinyathelo zethu zintekenteke kakhulu, zingaqinile ngendlela efanele, sizozifaka engcupheni yokuhluleka ukulawula igciwane.

Ngakho-ke besiyiqaphe ngamehlo okhozi imininingo futhi sizilalelile nezeluleko zongoti nososayensi bethu.

Lezi zinyathelo esiziqalisayo njengamanje zingezifanelekile futhi eziqondene ngqo nezinga lobungozi esibhekene nabo futhi ezidingekayo ukusindisa izimpilo zabantu.

Ngaphezu kwalokho, izinyathelo eziningana ezibalulekile zisazoqhubeka zisebenze njengoba bezisebenza ngaphambilini.

Kusalokhu kuyinto ephoqelekile ukuthi wonke umuntu agqoke isifonyo esimboza ikhala nomlomo wakhe ngaso sonke isikhathi uma esendaweni yomphakathi.

Kuyicala elibomvu ukungakwenzi lokhu.

Abanikazi nabaphathi bezakhiwo zomphakathi, izizinda, izitolo, izindawo zokudlela, amatekisi kanye namabhasi bonke banesibopho sokuqinisekisa ukuthi abantu abasemagcekeni abo noma abasezimotweni zabo bagqoka izifonyo.

Kumele baqinisekise ukuthi kunezinyathelo ezifanelekile ezibekiwe zokuqinisekisa ukuqhelelana kwabantu ngendlela efanele.

Kusemqoka ukuthi sikhumbule ukuthi kuyicala elibomvu uma inani labantu kulezi zakhiwo namagceke selingaphezu kwenani lomkhawulo ophelele wamakhasimende noma abasebenzi ovumelekile ukuze kube nokuqhelelana kwabantu ngendlela efanele.

Ukukhushulelwa kwezwe eSigabeni Sokuqapha Sesithathu kuzoba nomthelela emikhakheni eminingana yezimpilo zethu futhi kungenzeka kudingeke ukuthi senze izinguquko emisebenzini ebesesiyihlelile.

Lokhu kubandakanya, isibonelo, amalungiselelo omcimbi wokubungazwa koSuku Lwentsha, okuhlelwe ukuthi ubanjelwe eMgungundlovu kusasa.

Manje lo mcimbi sewuzoba ngumcimbi oxubile, okusho ukuthi ingxenye ethile yabantu izoba sendaweni okuzobanjelwa kuyona umcimbi bese kuthi enye iwuthamele nge-inthanethi, futhi lizokwehliswa kakhulu inani labantu abazobe besendaweni yomcimbi futhi uMongameli uzokwethula inkulumo yakhe kulo mcimbi ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi.

Omunye nomunye wethu unesibopho sokuthatha izinyathelo ezidingekayo zokuzivikela futhi avikele nabanye abantu.

Kusemahlombe omunye nomunye wethu ukunciphisa ubungozi kithina nakwabanye abantu.

Sonke siyazi ukuthi uhlelo lwethu lokugoma luhlangabezane nezinkinga eziningana ezidale ukubambezeleka kwalo.

Ingqinamba yokuqala esahlangabezana nayo wukuthi emva kokufika kuleli komthwalo wethu wokuqala wemigomo, ososayensi bethu bathola ukuthi umgomo i-AstraZeneca esawuthenga kwisikhungo i-Serum Institute sase-India awuhlinzeki ngokuvikeleka okwanele kulolu hlobo lwegciwane oludlange kakhulu eNingizimu Afrika.

Siphinde futhi sakhahlamezeka kakhulu ngenxa yokushoda kwemigomo emhlabeni wonke jikelele, okuyinto eziphazamisile izinhlelo zokugoma ezwekazini lonkana lase-Afrika kanye nakwamanye amazwe amaningi okungamazwe anengeniso-mali ephansi kanye nalawo anengeniso-mali emaphakathi ngobukhulu.

Emva kwembibizane ye-AstraZeneca, umgomo wakwa-Johnson & Johnson kwabonakala sengathi yiwona olilungele kakhulu izwe lethu njengoba ubavikela abantu kulolu hlobo lwegciwane oludlange kakhulu kuleli, futhi ngoba wona udinga ukuthi umuntu ajovwe ngomjovo owodwa kuphela futhi kulula ukuwugcina kanye nokuwuthutha.

Kodwa ukuhlinzekwa kwemigomo yakwa-Johnson & Johnson kubanjezelwe wuphenyo obelwenziwa mayelana nokunukubezeka kwezithako zomgomo efemini engumhlinzeki womgomo ezinze e-Baltimore kwelaseMelika.

Ngakho-ke, kuze kube manje, kudingeke ukuthi uhlelo lwethu lokugoma abantu ngobuningi luthembele kumgomo wakwa-Pfizer, okungumgomo odinga ukuthi abantu bathole imithamo yomjovo emibili.

Kodwa nakuba kunjalo, kuze kube manje bayizi-480 000 abasebenzi bezempilo asebewutholile umgomo wakwa-Johnson & Johnson njengengxenye yohlelo lokugoma ngaphansi kweSigaba Sokuqala.

Njengengxenye yeSigaba Sesibili, abanye futhi abasebenzi bezempilo nabantu abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala abayisigidi esisodwa nesigamu sebewutholile umthamo wokuqala womgomo wakwa-Pfizer.
Lokhu kwenza inani eliphelele labantu asebewutholile umgomo lifinyelele cishe kwizigidi ezimbili.

Sesiqala ukuphakama impela isivinini sokugonywa kwabantu, futhi manje sesigoma abantu ababalelwa kwizi-80 000 ngosuku ezizindeni zokugoma ezingaphezu kwama-570 ezingaphansi komkhakha kahulumeni kanye nomkhakha ozimele.
Leli nani lizokhula ngokushesha emavikini ezayo, njengoba sihlose ukuvikela abantu abaningi ngangokunokwenzeka abasengcupheni.

Manje sezixazululiwe izinkinga zomgomo wakwa-Johnson & Johnson.

Ngenxa yalezi zinkinga ebezikhona ngeke isebenziseke imithamo yomgomo eyizigidi ezimbili ebisikhiqiziwe kakade.

Ifemu yakwa-Aspen eseGqeberha eMpumalanga Kapa manje seyizokwazi ukuqhubekela phambili ikhiqize imithamo yomgomo emisha.

Le nkampani seyizibophezele ekutheni izowukhuphula futhi iwusheshise umsebenzi wokukhiqiza umgomo futhi izoqala ukuphakela izwe ngomgomo kula maviki ambalwa ezayo.

Kuze kube manje sesithole imithamo yomgomo wakwa-Pfizer cishe eyizigidi ezingu-2.4.

Uma kuphela uNhlangulana, silindele ukuthi sibe sesithole imithamo yomgomo wakwa-Pfizer eyizigidi ezingu-3.1.

Abakwa-Johnson & Johnson sebesazisile ukuthi balindele ukuthi babe sesimweni sokuthumela imigomo ebalelwa ezigidini ezimbili eNingizimu Afrika ngaphambi kokuphela kwenyanga.

Imithamo yokuqala yomgomo esizoyithola evela kwa-Johnson & Johnson izosetshenziselwa ukugoma othisha ezikoleni zethu bese emva kwalokho kugonywa abasebenzi bezokuphepha abasekhaleni lempi yokulwisana negciwane.

Manje ikakhulukazi njengoba sekuxazululiwe ukubambezeleka kohlelo lokuhlinzekwa kwemigomo, umsebenzi wethu okumele siwenze ngokushesha wukuphothula uhlelo lokugonywa kwabo bonke labo bantu abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala.

Kulinganiselwa ekutheni njengamanje sinamandla okugoma okungenani abantu abayizi-150,000 ngosuku, futhi sihlela ukuthi ngokushesha leli nani silikhuphule lifinyelele kubantu abayizi-250 000 ngosuku.

Ngakho-ke nginxusa wonke umuntu kuleli oneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala ukuthi abhalisele ukugonywa – kungakhathalekile ukuthi lokho ukwenza nge-inthanethi, nge-SMS, ngocingo noma ngokuthi azihambele yena mathupha ayobhalisa esikhungweni okugonyelwa kusona – futhi emva kwalokho aqinisekise ukuthi uthola umgomo ngokushesha okukhulu.

Ngiyanxusa kubo bonke abanye abantu ukuthi uma kunomuntu abamaziyo oneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala ongakagonywa, bamlekelele abhalisele ukugonywa futhi athole umgomo.

Njengoba sibona izinga lokutheleleka kwabantu likhula ezweni lonkana, kunesibalo-nani esisodwa esihlinzeka ngesizathu esicacileyo sokuthi abantu babe nethemba.

Esikhathini esifanayo ngenkathi likhula ngamandla izinga lokutheleleka kwabantu ngehlandla lesibili ngasekuqaleni kukaZibandlela ngonyaka odlule babengama-640 abasebenzi bezempilo ababetheleleke nge-COVID-19 esikhathini esiyizinsuku eziyisikhombisa.

Kulezi zinsuku eziyisikhombisa ezedlule, bangama-64 kuphela abasebenzi bezempilo abese behaqekile.
Nakuba kumele kube yisibopho sethu esingeke neze sichezuke kusona ukuqinisekisa ukuthi asikho nesisodwa isisebenzi sezempilo esihaqekayo, leli nani elingenhla libonisa ukwehla okukhulu kwabasebenzi bezempilo abathelelekayo, futhi lokhu kungumphumela wempumelelo yesigaba sokuqala sohlelo lwethu lokugoma.

Lokhu kuwubufakazi bokuthi ngempela imigomo iyasebenza.

Kumele lokhu kusikhuthaze ukuthi sisheshise ukukhishwa kwemigomo futhi siqinisekise ukuthi bonke abantu abafanelekile ukubhalisela umgomo bayabhaliswa futhi bathole umgomo.

Ezinyangeni eziyi-15 ezedlule ngenkathi ngethula inkulumo esizweni ngiseziNdlini Zombuso ngathi:
“Luzodlula lolu bhubhane.

“Kodwa-ke kusemahlombe ethu ukuthi ubhubhane luzoqhubeka isikhathi esingakanani, luzodala umonakalo ongakanani futhi kuzothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi uphinde usimame umnotho wethu futhi lisimame nezwe lethu.

“Kuyiqiniso ukuthi sibhekene nesimo esiphuthumayo esibucayi kakhulu.

“Kodwa-ke uma sithatha izinyathelo ngokubambisana, uma sithatha izinyathelo khona manje, futhi uma sithatha izinyathelo ezinqala, sizolunqoba lolu bhubhane.”

Emva kwaso sonke lesi sikhathi esesidlulile, emva kwakho konke esihlangabezane nakho nesidlule kukhona, emva kwakho konke esikwenzile futhi esikuzuzile njengezwe, lawa mazwi angenhla azwakala eyiqiniso.

Sihlangabezane nezimo ezinzima kakhulu njengesizwe sabekezela futhi sinqobile.

Ngeke neze sikuvumele ukugajwa wungabazane, itwetwe noma ukuphelelwa yithemba.

Ngeke neze siphele amandla ngenxa yobukhulu nobunzima bomsebenzi osihlalele.

Manje sesiyayibona indlela ephokophele ekunqobeni lolu bhubhane.

Kodwa-ke kusekuningi okumele sikwenze.
Sibonisile ukuthi sinawo amaqhinga kanye nokuzimisela okudingekayo ukulwisana naleli gciwane.

Futhi senginethemba elikhulu kunakuqala ukuthi sizophumelela.

UNkulunkulu ayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore