Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Wangomhla ziyi-18 kuMfumfu 2017

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla ziyi-18 kuMfumfu 2017, eTuynhuys, eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Usuku Lwenkululeko Yemithombo Yezindaba

1.1. IKhabhinethi, nayo njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika, libungaza uSuku Lwenkululeko Yemithombo Yezindaba, ngoLwesine, mhla ziyi-19 kuMfumfu 2017.

1.2. Imithombo yezindaba yabamba iqhaza elikhulu ekulwisaneni nobandlululo, yavumbulula izigameko ezinyantisayo kanye nesihluku sikahulumeni wobandlululo. Lo nyaka ungunyaka wama-40 selokhu uhulumeni wobandlululo amisa ukusebenza kwamaphephandaba ayenohlonze njenge-The World, i-The Weekend World kanye ne-The Voice.

1.3. Namuhla, inkululeko yemithombo yezindaba iqukethwe kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika futhi iyisakhi esisemqoka ekuthuthukisweni kwezwe lakithi.

1.4. IKhabhinethi liqhubeka nokukhuthaza izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi ziqhubeke nokugqugquzela ukutholakala kolwazi futhi zisebenzise ilungelo lenkululeko yemithombo yezindaba ebandakanya ukwakha iNingizimu Afrika ebumbene, engacwasi ngokwebala nangokobulili, ebuswa ngentando yeningi yabantu futhi enempumelelo.

2. Umnotho Wasolwandle

2.1. IKhabhinethi lincoma uMongameli uJacob Zuma ngokwethulela ababambiqhaza umbiko mayelana nenqubekela phambili ngokuqaliswa kwe-Operation Phakisa: Umnotho Wasolwandle futhi linxusa bonke ababambiqhaza ukuthi baqhubeke nokubambisana nohulumeni ukuze kubonakale amathuba omnotho otholakala olwandle lwakithi.

2.2. Umnotho Wasolwandle sewube negalelo elingu-4.4% kuMkhiqizo WaseNingizimu Afrika Wonyaka Wonke (i-GDP) futhi umbiko kaMongameli oqondiswe kubabambiqhaza ubonakalise ukuzimisela okukhulu kanye nokwesekwa kwabo bonke ababambisene noHulumeni abathathe isinyathelo sokufinyelela emathubeni amakhulu.

2.3. Imiklamo Yomnotho Wasolwandle ikwaze ukuvula amathuba otshalomali oludidiyele oluyizigidi ezingama-24.6 zamarandi ezivela kuhulumeni kanye nasezimbonini ezizimele, futhi idale imisebenzi engaphezu kwezi-6 500.

2.4. Utshalomali olukhulukazi eMnothweni Wasolwandle, olulawulwa ngokoxhaso oluvela kuhulumeni, labelwa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, ikakhulukazi amatheku, ukukhiqiza, ukwakha izikebhe, imvelo ephila olwandle kanye nocwaningo lwezesayensi emkhakheni wezamafutha kanye negesi.

2.5. Uhulumeni uhlele ukusungula isikhungo esisodwa esikhulukazi sokwakha izikebhe eNingizimu ne-Afrika. Ipaki Lokwakhiwa Kwezikebhe KwaZulu-Natali Ethekwini lase-Durban lizovula amathuba otshalomali olusha, izimpahla ezithunyelwa kwamanye amazwe kanye namathuba omsebenzi.

3. Uhambo Olusemthethweni LwaseZambia

3.1. IKhabhinethi lamukela imiphumela evele Ohambweni Olusemthethweni lukaMongameli Zuma eRiphabhulikhi yaseZambia olwaqala mhla ziyi-12 kuya ku-13 kuMfumfu 2017.

3.2. Izingxoxo ezabanjwa phakathi kukaMongameli Zuma nozakwabo waseZambia uMongameli Edgar Lungu ziqinise ubudlelwano obuhle bezombusazwe, ezomnotho kanye nezamasiko phakathi kwala mazwe amabili, obusekelwe ubudlelwano obuqinile bakudala obaqala ngeminyaka yomzabalazo wenkululeko.

3.3. Labo Mongameli Bamazwe bavule ngokusemthweni indawo yamagugu esizwe i-OR Tambo National Heritage Site eChelstone, eLusaka, behlonipha igalelo lika-OR Tambo emzabalazweni wenkululeko weningizimu ne-Afrika.

3.4. IZambia isangelinye lamazwe abekwa eqhulwini kwezokuhwebelana neNingizimu Afrika esifundeni kanye nasezwenikazi. Ukubambisana kwezomnotho phakathi kweNingizimu Afrika kanye neZambia kuyaqhubeka nokukhula, njengoba umkhiqizo iNingizimu Afrika ehwebela iZambia ngawo ulinganiselwa emalini eyizigidigidi ezingama-30 zamarandi ngowezi-2016. La mazwe amabili asebenzisana emikhakheni enhlobonhlobo, okubandakanya ezohwebo notshalomali, ezesayensi nobuchwepheshe, ezokuvikela, ezolimo, ezemvelo, ezamandla kanye nezempilo.

4.  Uhambo Olusemthethweni LwaseNigeria

4.1. IKhabhinethi lihalalisela uMongameli Zuma ngokuhlonishwa ngesichuse kanye nokuqanjwa komgwaqo ngegama lakhe eNigeria, ngesikhathi kunohambo olusemthethweni lokuqinisa ubudlelwano bezenhlalomnotho kanye nezinye izindlela zokusebenzisana.

4.2. UNdunankulu Wesifundazwe i-Imo, uRochas Okoracha, uhloniphe uMongameli Zuma nge-Imo Merit Award, okuyindondo esezingeni eliphezulu kakhulu kulesi Sifundazwe, enikwa labo ababe negalelo elilethe uguquko ekuthuthukisweni kwemiphakathi yangakubo.

5. UMhlangano WoMkhandlu WoNgqongqoshe be-Indian Ocean Rim Association (IORA) we-17

5.1. INingizimu Afrika ithathe isikhundla sokuba uSihlalo we-IORA emhlanganweni we-17 obanjelwe eDurban kusukela mhla ziyi-14 kuya kweziyi-18 kuMfumfu 2017.

5.2. Isiqubulo seNingizimu Afrika ngehlandla layo sithi "Ukubumba Abantu Base-Afrika, e-Asia, e-Australasia kanye naseMiddle East Ngokuthuthukisa Ukusebenzisana Ngenhloso Yokuletha Ukuthula, Uzinzo kanye Nentuthuko Esimeme".

5.3. IKhabhinethi ligcizelele ukuzibophelela kwalo ngokusebenzisa lesi sihlalo ukuze kuqhutshezelwe ukusebenzisana kwezifunda emikhakheni okungabalwa kuyo umnotho wasolwandle; ukufukulwa kwabantu besifazane kwezomnotho; ukukhuthazwa kwamabhizinisi amancane nasafufusa; ukufukulwa kwabantu abasebasha, kanye nokusebenzisana kwezemfundo, ezesayensi kanye nezobuchwepheshe.

6.  Imihlangano yaminyaka yonke yeSikhwama Sezimali Somhlaba Wonke (i-IMF) kanye neBhange Lomhlaba

6.1. UNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Malusi Gigaba, utshele iKhabhinethi emuva kokubamba iqhaza kweNingizimu Afrika emihlanganweni yaminyaka yonke ye-IMF neBhange Lomhlaba, eyabanjwa kusukela ngomhla ziyi-13 kuya kumhla ziyi-15 kuMfumfu 2017.

6.2. Imihlangano ihlinzeke ngethuba lokuhlola okuqhubekayo emhlabeni jikelele kwezentuthuko nokwendlalela izinhlelo zeNingizimu Afrika ngokwayo ukuze kuthuthukiswe ezenhlalomnotho, ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, ukudalwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuqedwa kobubha.

6.3. IKhabhinethi liphinde laziswa ngomhlangano obanjwe uNgqongqoshe uGigaba  nezinhlangano ezenza izilinganiso zeminotho yamazwe omhlaba kanye nabatshalimali ukugcizelela izinqubomgomo ezikhona eNingizimu Afrika kanye nendlela esetshenziselwa ukulungisa isimo sezezimali.

6.4. IKhabhinethi lanelisekile ngokuqinisekiswa kwabatshalimali ngezinhlelo zikahulumeni zokukhulisa umnotho kanye nokuzibophelela kukahulumeni ekudingideni izindaba zokuphatha ezinkampanini ezingaphansi kukahulumeni.

6.5. Isitatimende seNqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS) sizokwethulwa ePhalamende, eKapa, mhla zingama-25 kuMfumfu futhi sizocacisa izinhlelo zikahulumeni zokusebenzisa imali eminyakeni emithathu ezayo.

7.  Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda

7.1. IKhabhinethi lishayele ihlombe uxhaso olukhulu lokuthuthukiswa kwengqalasizinda kahulumeni, ngokuvula kukaMongameli uZuma ngokusemthethweni amabhuloho amathathu eBotlokwa eLimpopo ngomhla ziyi-17 kuMfumfu 2017.

7.2. Inhlangano Yemigwaqo kaHulumeni eNingizimu Afrika (i-Sanral) yakhe amabhuloho aseBotlokwa, okubalwa kuwo elinye lamabhuloho asemgwaqweni kanye namabhuloho amabili abantu abahamba ngezinyawo ku-N1 phakathi kwePolokwane neMakhado.

7.3. IKhabhinethi ayingabazi ukuthi lo mklamo uzozithuthukisa kakhulu izimo zezokuthutha kanye nezokuphepha kubo bonke abantu abasebenzisa umgwaqo kuleya ndawo.

8.  Amabhizinisi Amancane Nasafufusa

8.1. IKhabhinethi lincoma ukuthi uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane ngokuhlanganyela ekusingatheni umbukiso iChina International Small and Medium Enterprises (SME) Fair wakulo nyaka, njengoba uba negalelo ekuvuleleni amabhizinisi asafufusa kanye nemifelandawonye yaseNingizimu Afrika amathuba okuthi athengise imikhiqizo yawo ezweni lase-China.  Umbukiso we-SME uzoba seGuangzhou, eChina kusukela ngomhla ziyi-10 kuya kumhla zingama-27 kuMfumfu 2017.

8.2. Amabhizinisi amancane awumongo womnotho wethu futhi awumnyombo wokukhula komnotho kanye nokudalwa kwamathuba omsebenzi eNingizimu Afrika, futhi ukuzibandakanya kwethu embukisweni wohwebo kusinike amathuba okuthengisa imikhiqizo yethu kwamanye amazwe kanye nawokukhulisa amabhizinisi.

8.3. IKhabhinethi linesiqiniseko sokuthi lokhu kuveza ukuzibophelela kukahulumeni emgomweni wokukhuthaza nokuqhubekisa ukuqalwa kwamabhizinisi amasha. Utshalomali emabhizinisini amancane luzosiza izwe lithole isisombululo ezingqinambeni ezikhona kwezenhlalomnotho.

9.  Ezokuvakasha
9.1. IKhabhinethi lamukela ukwethulwa koHlelo Lwabaqaphi Ababhekele Ezokuvakasha Kuzwelonke eSoweto, ngoLwesibili mhla zingama-17 kuMfumfu 2017, okuhloswe ngalo ukukhuthaza ukuthi izivakashi ziphathwe ngezandla ezifudumele kanye nokuphucula ukuphepha kwezivakashi.

9.2. UMnyango Wezokuvakasha, ngokubambisana noPhiko Oluphethe Ezokuvakasha eGauteng, wethule lolu hlelo Emgwaqweni uVilakazi, okuwuwo kuphela umgwaqo emhlabeni ozigqaja ngokuthi kwahlala kuwo izigayigayi ezimbili ezaklonyeliswa ngama-Nobel Peace Prize - owayenguMongameli uNelson Mandela kanye noMbhishophi Omkhulu Osele Esidla Umhlalaphansi uDesmond Tutu. 

9.3. Lolu hlelo luhambisana nemigomo yoHlelo Lwentuthukiswa Kwezwe (i-NDP) futhi luhlose ukudala amathuba omsebenzi abantu abasha abangama-200, abazoqeqeshelwa ukuba abaqaphi ezindaweni zokuvakasha isikhathi sezinyanga ezingama-36.

9.4. IKhabhinethi ikhuthaza abanikazi bamabhizinisi kanye nemiphakathi eseGauteng ukuthi isebenzisane nabaqaphi ababhekele ezokuvakasha ukuze kuthuthukiswe ukuphepha kwezivakashi futhi kusetshenziswe amathuba ezomnotho angatholakala kule mboni.

10. Ezesayensi Nobuchwepheshe

10.1. IKhabinethi lamukela futhi lihalalisela ososayensi ababambe iqhaza emsebenzini wokusinga obekwenziwa ngesibonisikude (itheleskophu) Esikhungweni saseNingizimu Afrika Esicwaninga Ngomkhathi (i-SAAO) kanye neSibonisikude Esikhulukazi SaseNingizimu Ne-Afrika (i-SALT).   Lokhu kuholele ekubambisaneni kwamazwe ahlukene okokuqala ngqa ngenhloso yokwenza ucwaningo ngemvelaphi yamagagasi okunqubuzana adalwa izinkanyezi ezincinyana ezimbili ezinqubuzanayo. Ukunqubuzana kwadala ukuthi kube nokuqhuma kokukhanya okubizwa ngokuthi i-kilanova. I-kilanova iwukuqhuma okwenzeka lapho izinkanyezi ezincinyana ezimbili zijikelezana noma inkanyezi encinyane ilumbana ne-black hole.

10.2. Le miphumela ivule amasango amasha kwisayensi yezezinkanyezi, ngesigameko sokuqala sezinkanyezi esibonakele emagagasini okunqubuzana kanye nokukhanya. I-SALT kanye nezinye izibonisikude ze-SAAO ezihlinzeke ngeminye yemininingo yokuqala yalokho osekuthathwa ngokuthi isigameko sesayensi yezezinkanyezi esesicwaningwe kakhulu kunangaphambilini.

10.3. I-SALT ne-SAAO ngezinye zezikhungo ezingama-70 ezinezibosikude ezisemhlabeni nezisemkhathini ezabona lesi sibhicongo sokunqubuzana kwezinkanyezi ezincinyane ezimbili, okwenzeke emuva kokuba amagagasi okunqubuzana ebonakala esikhungweni esicwaninga ngomkhathi sase-United States, i-Laser Interfermeter Gravitational-Wave Observatory, kanye ne-Virgo ese-Europe.

11. Umbukiso Womhlaba Wentsha kanye Nabafundi

11.1. IRussia isingethe uMbukiso Womhlaba Wentsha kanye Nabafundi wezi-2017 oqale ngomhla ziyi-14 kuya kwezingama-22 kuMfumfu 2017, ohanjelwe abantu abasha abangaphezu kwezi-20 000 basemazweni ayi-150.

11.2. Inhloso yombukiso ukuhlanganisa abantu abasha basemhlabeni ngaphansi kombono wezobulungiswa, ukuqiniswa kobudlelwano bakumazwe ngamazwe, kanye nokuthuthukisa ubudlelwano kubantu bezinhlanga kanye namasiko ahlukene.

12. Ukuvikelwa kwabantwana

12.1. IKhabinethi liveze ukukhathazeka kwalo kulandela imibiko ephazamisayo ngobugebengu obubhekiswe ezinganeni, njengoba kamuva nje kube nezinsolo zokunukubezwa ngokocansi kwabafundi abangaphezu kwama-80 basesikoleni samabanga aphansi i-AB Xuma e-Orlando, eSoweto wunogada wesikole. Umnyango wasesifundazweni uncome ukusukuma ngokushesha okubonakele kususwa abaphathi besikole ngokuphazima kweso, ukuletha osonhlalakahle kanye nokuqalisa uphenyo oluqhutshwa uphiko oluzimele.

12.2. IKhabhinethi linxusa yonke imiphakathi yaseNingizimu Afrika ukuthi ibambane ngezandla kuvikelwe izingane kunoma oluphi uhlobo lobugebengu nokuhlukunyezwa, futhi kubanjiswane namaphoyisa endawo ukuze kugcinwe imiphakathi yethu iphephile.

13. Ukuhlolwa Kwabafundi

13.1. IKhabinethi likholwa ukuthi ukuhlolwa kokuphela konyaka kwezikole kuzoqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka kulandela umbhikisho omkhulu kuleli sonto obowuholwa inyunyana yothisha, i-South African Democratic Teacher's Union (i-SADTU).

13.2. I-SADTU idlulisele uhlu lwezikhalo kuNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo, uNkk. Angie Motshekga, ozibophelele ekuxazululeni izinkinga ngokushesha. Kubalulekile ukuthi bonke ababambiqhaza basebenzisane ukuze kube nesimo esifanele abafundi ukuze bakwazi ukugxila ekufundeni nasekuhlolweni kokuphela konyaka.

14. Izimvula ezinamandla

14.1. IKhabhinethi idlulisa ukuzwelana kakhulu nalabo abashiywe izihlobo zabo ngesikhathi kunezimvula ezinamandla zakamuva kwezinye izindawo zezwe.

14.2. IKhabhinethi liphinda libonga bonke abazinikele, izinhlangano zomphakathi, imiphakathi, abasebenzi abasiza ezimweni zomonakalo kanye namathimba Alawula Umonakalo ngokusiza labo abathintekile.

14.3. UNgqongqoshe Wokwengamelo Ngokubambisana Nezendabuko, uMnu. Des van Rooyen, esikhundleni sakhe njengenhloko yeSikhungo Sokulawulwa Komonakalo Kuzwelonke eNingizimu Afrika, uhambele izindawo ezikhahlamezwe izimvula ezinamandla kuMasipala Omkhulu waseThekwini KwaZulu-Natali ngomhla ziyi-13 kuMfumfu 2017 kanye nakuMasipala Wendawo iMogale City eGauteng mhla zingama-16 kuMfumfu 2017. 
Lezi zimvula ezinamandla ezikhahlameze izindawo eziningi zezwe, zidlule nemiphefumulo yabantu abayi-19 futhi kwalimala abangama-20.  UNgqongqoshe van Rooyen uphinde wahambela izindawo zasePhilippi eNtshonalanga Kapa ezivelelwe umonakalo kamuva lapho amalungu omndeni ayisithupha okubandakanya izingane ezintathu, eshonile ngenxa yomlilo oqothule izindlu eziyimijondolo ezintathu kanye nesitolo esincane.

15. I-Life Esidimeni

15.1. IKhabhinethi lazisa ukuqala kwenqubo yokuxazulula izimpikiswano ngokunye okwakungenzeka eLife Esidimeni njengalokho okungase kube ukuqala kokuphenduleka kwemibuzo emindenini eyashonelwa iziguli.

15.2. IKhabhinethi idlulisa ukumethemba ngaphandle kokunqikaza owayeyiPhini Lejaji Eliyinhloko LaseNkantolo YoMthethosisekelo uDikgang Moseneke, ongumehluleli kulolu daba futhi lifisela amalungu omndeni amandla njengoba ebuka kudingidwa lesi sehlo.

15.3. Uphenyo kumele lusize ekuphenduleni imibuzo kule mindeni ethintekayo kodwa luphinde lufundise uhulumeni jikelele izifundo. Uhulumeni uzimisele ngokuhlinzeka ngezidingo eziseqophelweni eliphezulu eNingizimu Afrika.

16. Umkhuhlane Wezinkhukhu Nezinyoni, i-Avian Influenze

16.1. IKhabhinethi liqinisekisiwe ukuthi uMnyango Wezolimo, Amahlathi kanye Nezokudoba (i-DAFF) wenza ucwaningo oluhambisanayo emapulazini asezweni lilonke ngenhloso yokugwema ukusabalala kokuqubuka komkhuhlane wezinkukhu nezinyoni, i-Avian Influenza (HPAI) H5N8.

16.2. Lo mkhuhlane ubonakele ezinyonini. IKhabhinethi inxusa umphakathi ukuthi ugweme ukubamba izinkukhu nezinyoni ezigulayo noma ezifile futhi ungazami ukupha izinyoni zasendle ukudla kepha ubikele abaphethe uma kunezinkukhu nezinyoni osola ukuthi ziyagula.

17. Ukuhlaselwa kwamaphoyisa

17.1. IKhabhinethi ligxeka ukuhlaselwa kwamaphoyisa ayisithupha angamalungu Ombutho Wamaphoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS) eVanderbijlpark eGauteng ngomhla ziyi-10 kuMfumfu 2017 ebulawa amalungu omphakathi.

17.2. Izinhlangano eziphoqelela umthetho zijutshelwe ukuvikela umphakathi kunoma eziphi izenzo zobugebengu. Ngakho, alukho uhlobo lobungozi olunosetshenziswa njengesizathu sokuhlasela izinhlangano eziphoqelela umthetho. 

17.3. IKhabhinethi linxusa amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa ukubamba izigebengu nokusiza ekwenzeni iNingizimu Afrika ibe ngephephile elungele bonke abantu.

B. Izinqumo zeKhabinethi

18. Uhlelo Lokubonelela Umphakathi Ngezindlu

18.1. IKhabhinethi lachazelwa ngokutholakele kanye nezincomo eziqondene Nomthelela kanye Nokuhlolwa Kokuqaliswa Kohlelo Lokubonelela Umphakathi Ngezindlu kanye nohlelo lokuthuthukisa, ngenhloso yokuqeda ukuhlaliswa kwabantu ngokuqhelelana okwadalwa uhulumeni wobandlululo ngokuthuthukisa kokugqagqana kwezindawo kanye nokusondezwa ezindaweni ezisemadolobheni emiklamweni yokwakhiwa kwezindlu.

18.2. Uhlelo luhlinzeka ngendawo yokuhlala okuqashwa kuyo engambi eqolo yemindeni ehola kancane kanye nehola imali emaphakathi ezindaweni ebeyingase icwaseke kuyo ngenxa yezimo zokumba eqolo kwaleyo ndawo noma yabelwe izindlu ezingalungile.

18.3. Yilolu kuphela uhlelo olusebenzisa uxhaso oluyisikweletu; lucubungule amaphrojekthi aqhubekisekayo ngokwezimali isikhathi eside; futhi ludale ukungena nokuphuma kwemali okunozinzo njengoba iziqashi zizokhokha imali yokuqasha futhi izikhungo zokubonelela umphakathi ngezindlu zikhokhele izinsiza, intela kanye nezidingo-ngqangi zikamasipala.

18.4. Lo mbiko usiza iminyango efanele ukuthi iqhubeke nokuthuthukisa izinhlelo zayo zokusebenza ngokwahlukana kwayo. Umbiko ogcwele uzofakwa kuwebhusayithi yoMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola (i-www.dpme.gov.za).

19. Imisebenzi Yentsha Yakuzwelonke (i-NYS)

19.1. IKhabhinethi ligunyaze Uhlaka Lohlelo lwe-NYS olubukeziwe noluthuthukisiwe njengengxenye yokuthuthukisa abantu abasha babe izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezishabashekayo.

19.2. I-NYS ivulela abantu abasha baseNingizimu Afrika ithuba lokuba amalungu asebenzayo ezweni futhi babe negalelo elihle ekuthuthukisweni kwezwe khona manjalo bezithuthukisa bona siqu nangokomsebenzi. Lokhu kuzobandakanya ukuthi abantu abasha bazibandakanye emisebenzini ezohlomulisa imiphakathi yasendaweni ibe ithuthukisa amakhono abo ngemisebenzi kanye nokufunda ukuze kwande amathuba abo okuthola imisebenzi nokuba abaqali bamabhizinisi ngempumelelo.

20. ISonto lesi-3 Lesithangami Se-Afrika Lokwengezela Imisebenzi Yokwelulelwa Kwezolimo

20.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kweSonto lesi-3 Lesithangami Se-Afrika Lokwengezela Imisebenzi Yokwelulekwa Kwezolimo, esizobanjwa KwaZulu-Natali kusukela ngomhla zingama-30 kuMfumfu kuya kumhlaka 3 kuLwezi 2017.

20.2. Lo mbuthano uhambisana ne-NDP futhi uhlonza ukukhiqizwa kokudla okwanele njengendlela yokubhekana nenselele ehlukaniseke kathathu: ukusweleka kwamathuba omsebenzi, ububha kanye nokungalingani.

20.3. Isiqubulo sithi: "Ukukhuphula ezolimo ezihambisana nesimo sezulu: ukudidiyela intsha, abantu besifazane, kanye nokushintsa kwezobuchwepheshe", futhi umcimbi uzobanjwa ngaphansi kobuholi be-DAFF, ngokuhlanganyela noNhlangano yaseNingizimu Afrika Yowelulwa Kwezolimo kanye neSigungu Se-Afrika Somisebenzi Yokwelulekwa Kwezolimo.

20.4. Lezi zigungu zezwekazi zoKwandisa Ezolimo kanye Nemisebenzi Yokweluleka (i-AEAS) e-Afrika zivula inkundla yokufundisana kanye nokusungulwa kwamasu amasha phakathi kwabahlinzekeli be-AEAS kulo lonke lase-Afrika nasemhlabeni.

20.5. I-NDP iphinde ilwele ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nokuqeqesha emkhakheni wezolimo, okubandakanya ukuqeqesha abasebenzi abasha bezokwengezela abazophumelela ekubhekaneni nezidingo zabalimi abasebenzela ukuziphilisa.

21. Iqoqo Lamazwe Ahweba Ngewayini Emhlabeni

21.1. Njengoba kususwe izithiyo kwezohwebo, iKhabhinethi laziswe ngesimo seNingizimu Afrika ekubeni uSihlalo weQoqo Lamazwe Ahweba Ngewayini Emhlabeni (i-WWTG) kusukela kuMbasa 2017 kuya kuNhlaba 2018. Njengosihlalo, iNingizimu Afrika izosingatha umhlangano wonyaka we-WWTG eKapa kusukela ngomhla lu-1 kuya kumhla zi-3 kuLwezi 2017.

21.2. Iqoqo lihlose ukulawula ukuhwebelana kwamazwe ngamazwe ngewayini ngokusebenzisa ukwabelana ngolwazi, ukudingidwa kwezinkinga ngemithetho elawula emazweni akhiqiza nahweba ngewayini kanye nezindlela ezihlanganisiwe zokususwa kwezithiyo kwezohwebo. Abakhiqizi abasafufusa kanye nezinkampani zaseNingizimu Afrika ezithengisela amazwe angaphandle iwayini bayahlomula ngokuzibandakanya kweNingizimu Afrika 

21.3. Lokhu kunegalelo Ohlelweni Olunaphuzu Ayisishiyagalolunye kanye ne-NDP, ehlose ukuvuselela ezolimo kanye nohlelo lokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo. Emkhakheni wezewayini, inhloso ukwandisa indawo ngokukhiqizwa kwewayini, ukwesekela abakhiqizi abasafufusa kanye namazwe ekungagxilwa kuwo ukuze kukhuliswe isamba somkhiqizo wewayini othunyelwa ngaphandle.

22. UMhlangano Waminyaka Yonke wesi-5 Wenhlangano i-ID4AFRICA

22.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusingatha kweNingizimu Afrika uMhlangano Waminyaka Yonke Wesi-5 we-ID4Africa ngowezi-2019.

22.2. I-ID4Africa uyinhlangano ehlanganisa inqwaba yababambiqhaza ekhuthaza ukulandelwa kwendlela yezobuchwepheshe yokuhola ukuthuthukiswa kwenhlalomnotho yase-Afrika ngokusobala nangendlela ebonakalisa ukukhathala.

22.3. Inhloso ngezingxoxo ukuthuthukisa indlela okubhaliswa ngayo abantu kanye nendlela imininingo yezibalo eqoqwa, ididiyelwe futhi icutshungulwe ngayo, okwenza ababhali bemithetho bakwazi ukuthola ulwazi olungathenjwa.

22.4. Ukusingatha lo mhlangano kuzosiza iNingizimu Afrika ukuze ibone ezinye izimpokophelo ze-NDP futhi ziqwashise ngokubaluleka kweqhingasu lezindlela zokuhlonza iNingizimu Afrika njengezindlela zokuqopha zobuchwepheshe ezisetshenziselwa izincwadi zokuvakashela kwamanye amazwe (amaphasiphothi) kanye namakhadi awumazisi akhiwe ngendlela yobuchwepheshe. Kuzophinde kube negalelo elihle ekubizeleni amanye amazwe asesifundeni ukuthi abone okuzuzwayo ngamakhadi awumazisi akhiwe ngendlela yobuchwepheshe.

23. Izibalo zobugebengu zikazwelonke

23.1. IKhabhinethi laziswe ngezibalo zobugebengu kuzwelonke zesikhathi esisukela kumhla lu-1 kuMbasa kuya kumhla zingama-31 kuNdasa 2017.

23.2. Izibalo zobugebengu zaminyaka yonke zisiza uhulumeni akwazi ukuqapha imigomo esemqoka yokulwa nobugebengu, njengoba imiswe kuHlaka Lokusebenza Kwesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) lowezi-2014-2019. Izibalo zobugebengu zisetshenziswa njengendlela yokuqwashisa kusanesikhathi ukuze kuqiniswe izinhlelo zokuvikela ubugebengu kanye namaqhingasu eminyango eyahlukene.
23.3. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi uNgqongqoshe uFikile Mbalula akhiphe umbiko.
 

C. Imicimbi Ezayo

24. Umgubho Weminyaka Eyikhulu kwazalwa u-OR Tambo

24.1. IKhabhinethi liyakujabulela ukubona ukuthi izinhlelo zomgubho weminyaka eyikhulu kwazalwa u-OR Tambo seyisesigabeni esiphambili futhi imema zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi ziqhubeke nokuzifundisa ngomlando oyifa walesi sigagayi Somzabalazo wethu, iqhaza alidlala enkululekweni yethu, kanye nalokho okwakuyigugu kuye okusawumhlahlandlela wethu nanamuhla.

24.2. UMongameli uZuma wamemezela unyaka wezi-2017 njengonyaka ka-OR Tambo ngaphansi kwesiqubulo esithi "Impilo Nomlando Oyifa ka-OR Tambo" futhi ngoLwesine, mhla ziyi-19 kuMfumfu 2017, uzokwembula isichuse esikhulukazi sika-OR Tambo Esikhumulweni Sezindiza i-OR Tambo International Airport, Ekurhuleni, eGauteng.

24.3. Izakhamizi zaseNingizimu Afrika zikhuthazwa ukuthi zihlanganyele ekubungazeni iminyaka eyikhulu, okuzophela mhla zingama-27 kuMfumfu eMbizana, eMpumalanga Kapa, okuyindawo lesi Sigagayi Somzabalazo esazalelwa kuyo eminyakeni eyi-100 eyadlula.

24.4. Uhulumeni uyaqhubeka nokwakhela phezu kwemisebenzi ka-OR Tambo kusukela ngowe-1994, futhi okuningi esesikuzuzile njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika kumele kubungazwe futhi kuvikelwe. 

24.5. IKomidi loNgqongqoshe Abahlukene elinomsebenzi wokulungiselela imibungazo yeminyaka eyikhulu, osihlalo walo kunguNgqongqoshe uJeff Radebe, lizokwazisa imithombo yezindaba ngoLwesihlanu zingama-20 kuMfumfu ngokuthi uhulumeni usewulungele kangakanani lo mbungazo.

D. Imiyalezo

25. Ukuhlaselwa kwaseSomalia
25.1. IKhabhinethi likugxeka kakhulu ukuhlaselwa ngebhomu kwakamuva ngaphandle kwehhotela laseMogadishu, eSomalia.  Kubikwe ukuthi kushone abantu abangama-300 futhi kwalimala amakhulu. IKhabhinethi lidlulisa ukuzwelana okukhulu nalabo abalahlekelwe izihlobo zabo kulokhu kuhlaselwa kwabantu abamsulwa okunyantisayo.

26. Ukuzwelana nomndeni wakwaLubisi

26.1. IKhabhinethi ithi alwehlanga lungehlanga kuoMqondisi-Jikelele oseHhovisi LikaMongameli, uDkt. Cassius Lubisi, kulandela ukudlula emhlabeni komkakhe, uNkk. Lumka Lubisi, ekuqaleni kwale nyanga. IKhabhinethi lithi sengathi umndeni mawulale ngenxeba kulesi sikhathi sefu elimnyama.

E. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile
(a) Iphini LikaMqondisi Jikelele (i-DDG): Kwezokuphatha Ukuqeqesha Nokuhanjiswa Komsebenzi, Esikoleni Sikahulumeni Kuzwelonke (i-NSG), uMnu S Manana;
(b) Isikhulu Esiphethe Ezezimali (i-CFO), UMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi (i-DPW), uNksz R Sadiki;
(c) Inhloko Yophiko: Lwezokuphathwa Kwezokwakha e-DPW, uMnu B Mokhothu;
(d) I-DDG: Kwezezimali Zikahulumeni Emnyangweni Wezezimali Kuzwelonke, uDkt MP Modise;
(e) I-DDG: Ezemisebenzi Yasesibhedlela Esezingeni Lesithathu Kwezempilo kanye Nokuthuthukiswa Kwabasebenzi, KuMnyango Wezempilo, Dkt WW Chitha;
(f) UMqondisi Omkhulu Wesikhungo i-Centre for Public Service Innovation, Nksz TE Rabebe;
(g) Ibhodi Lesikhashana le-Passenger Rail Agency of South Africa:

  • UMmeli Wasemajajini Tintswalo Annah Nana Makhubele (SC) – (USihlalo);
  • Dkt Natalie Skeepers;
  • Solz John Maluleke; kanye
  • noNksz Magdelene Cheryl Reddy.

(h) Ibhodi LeSouth African Airways:

  • Mnu JB Magwaza – (USihlalo);
  • Nksz Nolitha Fakude – (Iphini Likasihlalo);
  • Mnu Geoff Rothschild;
  • Nksz Tinyiko Mhlari;
  • Mnu Ahmed Bassa; kanye
  • noMnu Martin Kingston.

Imibuzo: Nksz Phumla Williams – Ibamba LikaMqondisi Jikelele (GCIS)
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore