Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-18 kuMandulo 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla ziyi-18 kuMandulo 2019 e-Tuynhuys eKapa

A. Izindaba Ezisematheni

1. Uhlelo Lwentuthuko Oluholwa Yizifunda
1.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukwethulwa ngokusemthethweni nguMongameli Cyril Ramaphosa koHlelo Lwentuthuko Oluholwa Yizifunda olusha, kuMasipala Wesifunda i-OR Tambo, eMpumalanga Kapa. Lolu hlelo luhlanganisa imikhakha emithathu kahulumeni ukuze ibambisane, isebenzisane futhi ididiyele imisebenzi yayo, ikakhulukazi ephathelene nezifunda, ngenhloso yokubhekana ngqo nezinselele eziphathelene nentuthuko futhi kugqugquzelwe ukuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi, kuthengwe impahla kanye nezinsizakalo ngaphakathi kuleli nasebantwini bendawo futhi kudalwe namathuba omsebenzi. Lolu hlelo lwagunyazwa yiKhabhinethi, izinhlaka zohulumeni basekhaya, iziphathimandla zendabuko kanye noMkhandlu Oqondisayo Kamongameli (i-PCC).  

1.2. Nakuba iSifunda i-OR Tambo kuyisona esethule lolu hlelo kuqala, uhlelo luzoqaliswa futhi nakuzo zonke ezinye izifunda ezingama-44 kanye nemikhandludolobha eyisishiyagalombili ezweni lonkana. Lolu hlelo lusondeza uhulumeni kubantu ngokubandakanya izakhamuzi kanye nabo bonke abathintekayo ekwakhiweni kohlelo olulodwa okuzohlinzekwa ngalo izinsizakalo eziningana impela futhi kwakhiwe namathuba ezomnotho emazingeni esifunda ayisisekelo.

1.3. UMongameli Ramaphosa wavula ngokusemthethweni umtholampilo endaweni yasemakhaya eLusikisiki, okungumtholampilo osukulungele ukuqaliswa koMshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI), ozoqhuba futhi ugqugquzele ukuhlinzekwa kosizo lwezempilo nokwelashwa kumuntu wonke. Lo mtholampilo ufakelwe imishini kanokusho enobuchwepheshe besimanjemanje, izinsizakalo zesimo esiphuthumayo kanye newodi lokubeletha elisebenza amahora angama-24.

1.4. UMongameli Ramaphosa wabamba futhi nomhlangano wokubonisana nomphakathi weSifunda i-OR Tambo mayelana nodaba loDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile futhi wasibona nesidingo esikhulu impela sokuthi kwakhiwe izizinda ezengeziwe kule ndawo ezihlinzeka ngosizo kwabesifazane abayizisulu zokuhlukunyezwa, ama-Thuthuzela Centres, futhi kusungulwe ngokushesha ilabholethri yolibo-fuzo eMpumalanga Kapa.

2. Ukulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile (i-GBV)

2.1 IKhabhinethi livumelana noMongameli Cyril Ramaphosa esicelweni sakhe sokuthi bonke abantu baseNingizimu Afrikan babambisane futhi basebenzisane ekunqandeni udlame nokubulawa kwabantu besifazane nezingane. Emhlanganweni Wokuhlala Ngokuhlanganyela Kwezindlu Zombili Zephalamende obubanjwe izolo, uMongameli wethule izinyathelo eziphuthumayo zokulwisana nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile futhi kuqinisekiswe ukuqaliswa kwemiphumela nezincomo zengqungquthela kaMongameli yowezi-2018 Yokulwisana ne-GBV.

2.2 Izinyathelo eziphuthumayo ezimenyezelwe nguMongameli ezizoqaliswa kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo zibandakanya izinyathelo zomthetho eziphuthumayo okuhloswe ngazo ukunqanda i-GBV, ukuqeqeshwa okuphuthumayo kwamaphoyisa, abashushisi kanye nezimantshi noma amajaji asebenza ngamacala e-GBV, kuqiniswe ngokushesha uhlelo lwezoBulungiswa, kufakwe ngokushesha imfundiso ephathelene ne-GBV kukharikhulamu yezikole, kusungulwe ngokushesha ama-Thuthuzela Support Centres angeziwe futhi ahlonyiswe ngazo zonke izinsiza-kusebenza azidingayo. Lezi zinyathelo zokungenelela zibandakanya futhi nokugxila ngokukhethekile kwabesilisa njengoba esikhathini esiningi kuyibona abenza izenzo eziphathelene nokudlwengula, ukuhlukumeza kanye nokubulawa kwabesifazane namantombazane.

2.3 Lezi zinyathelo eziphuthumayo zizoqhutshwa yiKomidi Eliqondisayo Lokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile elihlongozwayo, elizokanisa eHhovisi likaMongameli, elibandakanya izinhlaka zikahulumeni nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (ama-NGO) ukuze lengamele ukuqaliswa kwalezi zinyathelo.

2.4 UMongameli umemezele ukuthi ukuhlinzekwa kwezimali kanye nezinsiza-kusebenza, ezizotholakala ngokuthi kuhlelwe kabusha izabelomali zeminyango,  kuzoqinisekisa ukuqaliswa kwalezi zinyathelo zingakapheli izinyanga eziyisithupha ezizayo.  
2.5 IKhabhinethi linxusa yonke imiphakathi ukuthi iqhubeke nokudlala indima ekufundiseni nokukhulisa izingane ezingabafana ngendlela ezozenza zibe nozwelo futhi zibahloniphe abantu besifazane kanye namantombazane.

3 Ukuhlaselwa ngesihluku kwabokufika kuleli kanye nabantu baseNingizimi Afrika

3.1 IKhabhinethi liyaphinda futhi liyalugxeka udlame emphakathini kanye nezinxushunxushu eziphathelene nezenzo zokuphulwa komthetho okuhambisana nanoma yiziphi izikhalo zabantu bakuleli, kungakhathalekile ukuthi yizikhalo ezizwakalayo neziphathekayo noma yizikhalo ezidalwa wukungaqondisisi kahle kanye namahemuhemu. Izwe lethu lisalokhu liyizwe lentando yeningi labantu esekelwe phezu komthethosisekelo elibuswa ngokulandela nokuhlonipha umthetho.

3.2 Nakuba iKhabhinethi liziqonda kahle izinselele zenhlalo-mnotho ebhekene nazo imiphakathi, ukungabekezelelani kanye nodlame olubhekiswe kwabokufika kuleli, nakubantu baseNingizimu Afrika, ngeke neze kuzixazulule lezi zinselele.
3.3 Simamukela ngezandla ezimhlophe noma ngubani ongena kuleli ngokusemthethweni futhi ohlonipha imithetho yezwe lethu. Ngokufanayo, sisalokhu siyizwe elibumbene elinabantu abahlukahlukene futhi abalandela amasiko-mpilo ahlukahlukene, futhi ngeke siyibekezelele nakancane noma nhloboni yenzondo ebhekiswe kubafowethu nodadewethu abavela ezwekazini lethu i-Afrika.

3.4 IKhabhinethi lizimisele ukuthatha izinyathelo ezinohlonze ukubhekana ngqo nezimo eziyimbangela yokuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli nabantu abambadlwana baseNingizimu Afrika. Futhi kusenjalo sizothatha izinyathelo ezinqala ukubhekana nezenzo ezingekho emthethweni ezinjengokuthengiswa kwezidakamizwa, ukuhweba okungekho emthethweni, ukuphangwa kwezitolo zabantu, ngokunjalo futhi nokucekelwa phansi kwempahla kanye nenkohlakalo, futhi lokhu sizokwenza ngaphandle kovalo nokwenzelela, kungakhathalekile ukuthi ubugebengu lobo benziwa ngumuntu waseNingizimu Afrika noma benziwa ngumuntu wokufika kuleli. Siyakugxeka futhi nokuxhashazwa kwabantu bokufika kuleli okwenziwa yizinkampani ezithile. IKhabhinethi linxusa imiphakathi ukuthi ibambisane ngenkuthalo namaQembu Omphakathi Asebenzisana Namaphoyisa (ama-CPF) kanye noMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ukuze kulwiswane nobugebengu kanye nazo zonke izenzo ezingekho emthethweni.  

3.5 Sekuyaphothulwa ukucutshungulwa koMthethosivivinywa Wophiko Lokuphathwa Kwemingcele (i-BMA) njengamanje ophambi koMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke (i-NCOP); futhi lokhu kuzosheshisa ukuqiniswa kokuvikeleka kwemingcele yezwe lethu.

3.6 Ngaphezu kwalokho, uMongameli usethumele ithimba lezithunywa elikhethekile emazweni athile ase-Afrika ngenhloso yokuqinisekisa abantu bezwekazi lethu i-Afrika ukuthi izwe lethu lizibophezele emigomweni yobumbano nobambiswano lwamazwe ase-Afrika, kubandakanya nokuzibophezela kweNingizimu Afrika ekuqinisekiseni ukuthotshelwa nokuhlonishwa komthetho kanye nokuvikelwa kwamalungelo abo bonke abantu abangaphakathi kwemingcele yakuleli.

3.7 UMongameli useqoke futhi nethimba labantu abaqavile futhi abahlonishwayo abazoba yingxenye yekhomishana yokuthola amaqiniso, ababandakanya uMongameli waphambilini wase-Tanzania, uMnu Jakaya Kikwete, kanye noMongameli waphambilini wase-Mozambique, uMnu Joaquim Chissano. Bazofakana imilomo namaqembu ahlukahlukene ezweni lethu ngenhloso yokuthola amaqiniso mayelana nokuhlaselwa ngesihluku kwabantu bokufika kuleli nabantu baseNingizimu Afrika, okuyisenzo abantu abaningi abasibiza ngenzondo ebhekiswe kubantu bokufika kuleli, phezelezi i-xenophobia kanye nenzondo ebhekiswe kubantu abadabuka ezwekazini lase-Afrika, phecelezi i-afrophobia. Imiphumela ezotholakala kuleli khomishana izothunyelwa eNhlanganweni Yamazwe ase-Afrika (i-AU) futhi okubaluleke kakhulu wukuthi le miphumela izosilekelela ekunqandeni ukuqubuka kabusha kwezehlakalo zokuhlaselwa ngesihluku kwabantu bokufika kuleli ngokunjalo nokuhlaselwa kwezakhamuzi zakuleli.

4. Ukuhlaselwa kwezindlu zamaKhansela

4.1 IKhabhinethi likugxeka kakhulu impela ukungqongqiswa ngomlilo kwezindlu zamaKhansela oMkhandludolobha waseMatlosana, endaweni yaseKhuma esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga. Akuvumelekile nakancane ukuziphatha okunje kuleli lizwe lethu eliselisha elibuswa ngentando yeningi labantu. IKhabhinethi linxusa uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuthi wenze konke okusemandleni awo ukuqinisekisa ukuthi bayaboshwa futhi bavalelwe abenzi balawa macala. Izakhamuzi eziwuthobelayo umthetho endaweni yaseKhuma ziyanxuswa ukuthi zisebenzisane nezimpiko zokuqinisa ukuthotshelwa komthetho futhi zilekelele ekubanjweni kwabenzi bobubi.  Izakhamuzi zingalekelela ngokuthi zihlinzeke ngolwazi ngokufonela inombolo yamahhala ethi 086010111 ngaphandle kokuziveza nokudalula amagama azo.

4.2 Njengabantu baseNingizimu Afrika masisukumeni, zisigxeke kakhulu izenzo zokuphulwa komthetho emiphakathini yethu ngokwahlukana kwayo. Izwe lethu elibushwa ngentando yeningi labantu linohlelo lwezomthetho olungasetshenziswa noma ngubani ofuna ukuqoka noma ukususa esikhundleni noma yimuphi ummeleli womphakathi ngaphandle kokusebenzisa udlame. Ngakho-ke kumele sisukume sime ngezinyawo zombili sivikele umbuso wethu wentando yeningi labantu esawuthola kanzima.

4.3 IKhabhinethi lixhusa umphakathi ukuthi usukume ulwisane nalobo bugebengu obunjalo futhi udalule noma yiluphi ulwazi olungalekelela amaphoyisa nezikhungo eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ophenyweni lwazo. INingizimu Afrika iyizwe elibuswa ngentando yeningi labantu, futhi abenzi nababhebhezeli bodlame, lwanoma yiluphi uhlopho, kumele baphendule ngezenzo zabo ngokuthi bazithole bebhekene ngqo, futhi ngokuphelele, nengalo yomthetho.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. Umbiko Wokubuyekeza Weminyaka Engama-25

1.1 IKhabhinethi likugunyazile ukukhishwa koMbiko Wokubuyekeza Weminyaka Engama-25 1994 – 2019. Lo Mbiko uhlola futhi uhlaziye inqubekela phambili eseyenziwe nguhulumeni (ebambisane nezinye izinhlaka asebenzisana nazo emphakathini) ekufezekiseni isithembiso sakhe sempilo engcono kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.  

1.2 Lokhu kuhlola obekwenziwa nguMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola (i-DPME) bekubandakanya nenqubo yokubonisana ngenhloso yokuthola imibono nemicabango yababambiqhaza abahlukahlukene. Lokhu kubandakanya amabhizinisi, abasebenzi, izifundiswa, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kanye neminyango kahulumeni ehlukahlukene. Mayelana nalokhu-ke kwabanjwa futhi nezingqungquthela, ezabe zibandakanya abantu abaqavile futhi abahlonishwayo abavela ezwekazini lethu.

1.3 Lo Mbiko ubonisa imikhakha okwenziwe kuyona inqubekela phambili, njengokuhlinzekwa kwabantu bonke ngemfundo eyisisekelo; ukusatshalaliswa kwemfundo ephakeme, ukufinyelela kwabantu bonke ezinsizakalweni zezempilo mahhala emkhakheni kahulumeni kanye nokuhlinzekwa kwezibonelelo nemixhaso kahulumeni.  Umbiko ubonisa futhi nezinselele eziningana ezithikameza imizamo yethu yokulwisana ngendlela efanele nenkinga yokuntuleka kwamathuba omsebenzi, ukuncishiswa kobubha kanye nokungalingani okukhona phakathi kwabantu bakuleli. Okukhulu kakhulu kulezi zinselele wukuhluleka kwethu ukulungisa isakhiwo sokwakheka nokuhleleka komnotho wezwe kanye nezinkinga ezihlobene nalokho.

1.4 IKhabhinethi likugunyazile futhi ukuthi iminyango kazwelonke kanye neyezifundazwe ngokwahlukahlukana kwayo ikhiphe eyayo imibiko ejulile futhi ebanzi yobuyekezo lweminyaka engama-25.

1.5 Ngokuhamba kwesikhathi, uMongameli Cyril Ramaphosa uzokwethula ngokusemthethweni uMbiko Wokubuyekeza Weminyaka Engama-25 weNingizimu Afrika.

2 Umbiko Wamazwe Wezinjongo Zentuthuko Esimeme (ama-SDG) wezi-2019

2.1 IKhabhinethi likugunyazile ukuthi uthunyelwe kwiNhlangano Yezizwe (i-UN) uMbiko weNingizimu Afrika Ophathelene Nezinjongo Zentuthuko Esimeme wezi-2019. Lo Mbiko uzokwethulwa eNgqungqutheleni yama-SDG ngenkathi kubanjwe isigcawu sama-74 sesiGungu-Jikelele seNhlangano Yezizwe, ngoMandulo 2019.

2.2 Lo Mbiko ungumphumela wokubamba iqhaza okubanzi kweminyango yomkhakha, uPhiko Lwezibalo-manani lwaseNingizimu Afrika (i-Stats SA), izifundiswa kanye nezinhlangano zomphakathi ezihlukahlukene. UMbiko uhlinzeka ngenqubekela phambili eseyenziwe yileli lizwe ekuqaliseni ukusebenza kwama-SDG, okuyizinjongo ezihambelana noHlelo lwethu Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP). Emva kokwethulwa kombiko wezwe phambi kwe-UN, umphakathi uzokwazi ukufinyelela kuwona nokuwuthola kuwebhusayithi yeNhlangano Yezizwe.

2.3 INingizimu Afrika isalokhu izibophezele ekufakeni isandla ohlelweni lwamazwe ngamazwe lowezi-2030, lokulethwa kwentuthuko esimeme emhlabeni. Ama-SDG abandakanya izinjongo eziyi-17 kanye nemigomo eyi-169 okuhloswe ukuthi kufinyelelwe kuyona ebhekisisa izindaba ezibanzi futhi ezihlukahlukene kusukela kwezemfundo nobubha kuyofinyelela ezindabeni eziphathelene nemvelo, ukukhuliswa komnotho kanye nokungalingani ngokobulili okukhona emhlabeni.

3 Inqubo-nkambiso yase-Cartagena Yokuphepha Emagciwaneni Nasezintweni Ezihlobene Nalokho Ezinobugozi

3.1 IKhabhinethi liwugunyazile uMbiko Kazwelonke Wesine weNingizimu Afrika ophathelene Nenqubo-nkambiso yase-Cartagena Yokuphepha Emagciwaneni Nasezintweni Ezihlobene Nalokho Ezinobugozi.  Lo Mbiko uzokwethulwa eHhovisi Lobubhalane Nokulawula Lesivumelwano Sokwahlukahluka Kwezinto Eziphilayo, ngaphambi kokuthi kushaye umhla lu-1 kuMfumfu 2019.

3.2 Inqubo-nkambiso yase-Cartagena ilawula ukuhanjiswa nokuthunyelwa kwezinto eziphilayo eziguquliwe ngokwesimo, futhi ezazizwa ngokuthi yiZinto Eziphilayo Eziguquliwe Ngokolibo-fuzo (ama-GMO), ezithunyelwa futhi zihanjiswe ngaphakathi kuleli kanye nasemazweni angaphandle.

3.3 INingizimu Afrika izithobela ngokuphelele izimiselo zeNqubo-nkambiso yase-Cartagena. Imithetho yezwe ephathelene nokuphepha emagciwaneni nasezintweni ezihlobene nalokho ezinobungozi iyona elawula imikhiqizo engama-GMO engenayo nephumayo kuleli. INingizimu Afrika ifaka futhi isandla nasekuqeqeshweni kwabo bonke abasebenzisi bama-GMO kuleli kanye nasemazweni angomakhelwane.

4 Uhlaka Lokuqaliswa Kwenqubo Yokuqinisekisa Isithunzi Senhlanzeko Nempilo Yabesifazane (i-SDIF)

4.1 IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lokuqaliswa Kwenqubo Yokuqinisekisa Isithunzi Senhlanzeko Nempilo Yabesifazane.  Ukuqaliswa kwalolu hlaka kuqalisa ukusebenza kwelungelo elihlinzekwe ngokomthethosisekelo lokuhlonishwa kwesithunzi sabesifazane namantombazane aphuma emindenini edla imbuya ngothi kanye nokuhlonishwa kwelungelo labo lokuphila.   

4.2 I-SDIF ihlinzeka ngomhlahlandlela wokuthengwa kwemikhiqizo esetshenziswa ngabesifazane uma besesikhathini; ukwabiwa nokusatshalaliswa kwemisubelo; ukulahlwa ngendlela efanele kwemisubelo esisetshenzisiwe kanye nemithethonqubo okumele isetshenziswe yizikhungo ukwengamela ukwabiwa kwemisubelo. I-SDIF ihlinzekela futhi nokuphathwa kokuqeqeshwa kanye nempilo yabahlomuli bemikhiqizo esetshenziswa ngabesifazane uma besesikhathini.

4.3 Ngokulandela inqubo kaMgcinimafa Kazwelonke, sekubekwe eceleni imali ezosetshenziselwa lokhu kulo nyaka-mali esiwuphethe kanye naseminyakeni elandelayo. Inqubo yokungakhokhiswa kwemisubelo intela yentengo iqalile ukusebenza mhla lu-1 kuMbasa 2019.  

5 Ezohwebo

5.1 IKhabhinethi lithole umbiko mayelana nomphumela wezingxoxo ebezibanjwe nezwe laseBhrithane (i-UK) eziphathelene nesivumelwano esizolawula ukuhwebelana uma kwenzeka i-UK iphuma eNhlanganweni Yamazwe aseYurophu (i-EU), phecelezi i-Brexit.

5.2 I-UK iyizwe lesine ngobukhulu bohwebo, emazweni ahwebelana neNingizimu Afrika, njengoba uhwebo phakathi kwalawa mazwe amabili belungamabhiliyoni ayi-142 amarandi ngowezi-2018.

5.3 IKhabinethi likuphawulile ukuthi isivumelwano esihlongozwayo siqukethe imigomo yokuhwebelana efanayo ncamashi nesivumelwano esikhona njengamanje, ebekwe ngokucacile eSivumelwaneni Senhlangano Yamazwe ase-Yurophu Sobambiswano Lwezomnotho (i-EPA) esenziwe namazwe ayisithupha eNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC).  Lesi sivumelwano sizoba yiSivumelwano esisha Sobambiswano Lwezomnotho phakathi kwe-UK neNingizimu Afrika, Namibia, Botswana, Lesotho, Eswatini kanye ne-Mozambique.  Siyoqala ukusebenza uma kwenzeka i-UK iphuma ku-AU ngaphandle kwesivumelwano sokuphuma esifalekile futhi esigculisayo.

5.4 Kulandela ukucutshungulwa kombiko, iKhabhinethi lisigunyazile iSivumelwano Sobambiswano Lwezomnotho. I-EPA entsha izoqhubeka nokusebenzisa izinqubo zokukhokhiswa intela yempahla eziwabhekelelayo futhi eziwacabangelayo amazwe e-SADC, izabelo-silinganiso, amazinga ezempilo nokuphepha kanye neminye imigomo ebalulekile, futhi i-EPA izoqinisekisa ukuthi luqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka uhwebo phakathi kweNingizimu Afrika ne-UK. Lokhu kuzovikela izimfuno-sidingo zeNingizimu Afrika.

5.5 IKhabhinethi lisigunyazile lesi sivumelwano esihlongozwayo, futhi livumile ukuthi uma lesi sivumelwano sesisayinwe yiwona wonke amazwe athintekayo sithunyelwe ePhalamende ukuze siqinisekiswe futhi samukelwe ngokusemthethweni.

6. Amadizayini ezinhlamvu zemali ewuhlweza zeNkampani yaseNingizimu Afrika Egaya futhi Ikhiqize Imali Ewuhlweza

6.1. IKhabhinethi lilugunyazile uchungechunge lowezi-2020 lwezinhlamvu zesikhumbuzo, ezilandelayo, zemali ewuhlweza zeNkampani yaseNingizimu Afrika Egaya futhi Ikhiqize Imali Ewuhlweza – uhlamvu lwe-Krugerrand lwesiliva soqobo lowezi-2020 olungama-R2 (olunesisindo esingama-awunsi amabili); kanye nohlamvu lwe-Natura lwesiliva soqobo lowezi-2020 olungama-R25 (olunesisindo esiyi-awunsi elilodwa). Ingqikithi yalolu chungechunge lwezinhlamvu zemali ithi “Ukudlondlobala kwamadayinoso (dinosaurs) - Archosauria.”  Isimemezelo esisemthethweni sizoshicilelwa kusomqulu kahulumeni ukuze kuqaliswe ukusebenza ngokusemthethweni kwalezi zinhlamvu zesikhumbuzo.

C. Imicimbi Ezayo

1. Inyanga Yezokuthutha

1.1 IKhabhinethi lilugunyazile uHlelo Lokusebenza lukaMfumfu wezi-2019 okuyiNyanga Yezokuthutha kanye noMkhankaso Wezinsuku ezingama-365 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sisonke Ngokuhlanganyela Masiqhubeke Nomfutho Wokuhlinzekwa Kwezinsizakalo futhi Sikhulise Nomnotho”.  Ukuphepha emigwaqeni yethu kudinga ukuxoxisana nokubonisana okuqhubeka izinsuku ezingama-365 kanye nokuqwashiswa ngokuqhubekayo kwabo bonke abasebenzisi bomgwaqo; okusho abashayeli ngokunjalo futhi nabantu abahamba ngezinyawo.

1.2 Lo mkhankaso uzobonisa izinhlelo zokungenelela zikahulumeni okuhloswe ngazo ukwenza ngcono uhlelo lwezokuthutha kuleli, imiklamo yengqalasizinda ehlongozwayo okuzotshalwa kuyona izimali kanye nesibopho somphakathi sokuvikela ingqalasizinda yomphakathi.

D. Imiyalezo

1. Amazwi Enduduzo
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo:

1.1. Emndenini nabangani bePhini likaNgqongqoshe Wezimbiwa, uNkz Bavelile Hlongwa, ngelishwa olahlekelwe yimpilo yakhe engozini yemoto, ngokunjalo futhi nasemindenini yabantu abane abashonele endaweni yesigameko ngenkathi bezama ukusiza abagibeli ababehlelwe yingozi yemoto.

1.2. Kubantu nohulumeni waseZimbabwe kulandela ukudlula emhlabeni kukaMongameli waphambilini u-Robert Gabriel Mugabe. Ngaphansi kobuholi bukaMongameli Mugabe, izwe laseZimbabwe laqhuba umzabalazo wobuqhawe nesibindi wokulwisana nenqubo yobukoloniyali owafaka ugqozi nasemzabalazweni wethu wokulwisana nobandlululo futhi wasinika ithemba lokhu iNingizimu Afrika nayo iyogcina iyitholile inkululeko.

1.3. Emndenini nabangani bomdlali webhola lombhoxo wasophondweni, owabe edlalela amaBhokobhoko phambilini, u-Chester Mornay Williams owazizuzela udumo kuleli nasemhlabeni wonke jikelele ngegalelo lakhe ekunqobeni kweNingizimu Afrika uMqhudelwano Wendebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo we-1995 oyingqophamlando. Impumelelo yakhe enkundleni yafaka ugqozi kwizizukulwane ngezizukulwane zabantu abasha. UMongameli ulihloniphile leli qhawe le bhola lombhoxo eselisishiyile emhlabeni, ngokuthi akhiphe isimemezelo sokuthi lizofihlwa ngoMngcwabo Osemthethweni Okhethekile Wesifundazwe Osesigabeni Sesibili.

1.4. Emndenini nabangani balowo owabe eyisiboshwa ejele lesiqhingi i-Robben Island futhi ongumakadebona waseNtshonalanga Kapa, u-Vincent Diba. UMongameli Ramaphosa umemezele ukuthi uzofihlwa ngoMngcwabo Osemthethweni Okhethekile Wesifundazwe (Osesigabeni Sesibili), okungumngcwabo obandakanya imidanti nezinqubo zokungcwaba ezihlinzekwa nguMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.

1.5. Emndenini nabangani besishoshovu esalwisana nobandlululo u-Adelaine Hain – ongumama kasopolitiki osemnkantshubomvu wezwe laseBhrithane u-Lord Hain – odlule emhlabeni eseneminyaka engama-92. U-Adelaine Hain wayibeka induku ebandla ngokudelela nokungalandeli imiyalelo nezinqubo zobandlululo – futhi okuyinto ayezibophezele kuyona eyaholela ekutheni umbuso wobandlululo umdingise, yena nomyeni wakhe ongasekho emhlabeni, u-Walter, ngaphambi kokubaphoqelela ukuthi baye ekudingisweni kwelase-United Kingdom.

2. Ukuhalalisa

2.1. IKhabhinethi lihlaganyela nesizwe kanye ne-Afrika ekutheni liphinde futhi lihalalisele ikwaya i-Ndlovu Youth Choir, ngokufinyelela kwalo kowamanqamu emncintiswaneni i-America's Got Talent. Ngaso sonke isikhathi sokuqhubeka kwalo mncintiswane leli kwaya lenze ukuthi isizwe kanye nezwekazi liziqhenye ngalo.

2.2. U-Oratilwe AJ Hlongwane odume ngelika-DJ Arch Jnr owadla umhlanganiso emncintiswaneni i-South Africa’s Got Talent ngowe-2015 ngenkathi eseneminyaka emithathu nje kuphela. Inhlangano yamarekhodi omhlaba i-Guinness World Records imumemezele ngokusemthethweni njengo-DJ (umdlali womculo) omncane kunabo bonke emhlabeni wonke jikelele wezi-2017.  Umenyiwe ukuthi ayodlala emazweni amaningi, futhi uyaqhubeka nokundizisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika ngombukiso wakhe omangalisayo emncintiswaneni wezingqwele i-Britain’s Got Talent: The Champions. Simufisela okuhle kodwa.

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams – iBamba Lomqondisi Jikelele weKhabhinethi (GCIS)
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore