Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-16 kuMfumfu 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla ziyi-16 kuMfumfu 2019 e-Tuynhuys eKapa

A. Izindaba Ezisematheni

1. Inkomba-kuncintisana Yomhlaba Wonke 

1.1. IKhabhinethi liyayithokozela imiphumela ekhishwa minyaka yonke yeNkomba-kuncintisana Yomhlaba Wonke yeSithangami Sezomnotho Emhlabeni ebonisa ukuthi iNingizimu Afrika ikhuphuke ngamaqophelo ayisikhombisa ohlwini lokleliswa kwamazwe; okwenza ukuthi ibe sesimweni esingcono kakhulu sokuheha abatshalimali futhi okuyinto engadala amathuba omsebenzi adingeka kakhulu kuleli.
1.2. Lo mbiko ubalula ukuthi iNingizimu Afrika iqophe “inqubekelaphambili ephawulekayo impela” mayelana nekhwalithi yezikhungo, njengokubuyiswa kozinzo ekusetshenzisweni kwamandla nokuphatha ngendlela efanele ezinkampanini zombuso ezihlukahlukene, nokuphuculwa kolawulo nokuphatha emkhakheni kahulumeni kanye nokuqinisekisa ukuthi izikhungo zikahulumeni ziphathwa ngobunyoninco.
1.3. INingizimu Afrika ithole isibalo-maphuzu esiyi-100 ngenxa “yomkhakha wayo othuthuke kahle kakhulu wezimakethe zezabelo, zomshwalense kanye nezokuhlinzekwa kwezikweletu”, futhi ikleliswe endaweni ye-19 ohlwini lwamazwe omhlaba wonke jikelele njengesizinda sezimali. Lo mbiko unikeze leli lizwe amaphuzu aphakeme impela “njengelinye lamazwe anengqalasizinda yezokuthutha ethuthuke kakhulu esifundeni” (njengoba ikleliswe endaweni yama-45) futhi ithole amaphuzu aphakeme maqondana nobukhulu nobungako bemakethe yayo (njengoba ikleliswe endaweni yama-35). 
1.4. Lokhu kuthuthuka kwendawo elikleliswe kuyona leli lizwe ohlwini lwamazwe kuyisiqinisekiso sokuthi seziqalile ukukhiqiza imiphumela emihle izinhlelo zikahulumeni zokungenelela ekuqiniseni izisekelo zokuvuselela umnotho. IKhabhinethi liyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba bakhele phezu kwalezi zimpumelelo ezimangalisayo futhi ezinhle kakhulu njengoba simatasa Sikhulisa iNingizimu Afrika Ngokubambisana.

2. Utshalomali

2.1. IKhabhinethi liyaluthokozela utshalomali lwenkampani i-Toyota South Africa kwelase-Kenya oluzoholela ekutheni leli lizwe kube yilona elihlanganisa izinsimbi zokwakha imoto yohlobo lwe-Toyota Hilux ezikhiqizwe efemini yokukhiqiza yale nkampani ezinze eThekwini. Lokhu kuhambisana nemizamo yokuthuthukisa ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika futhi kuqiniswe nomkhakha wokwakhiwa nokukhiqizwa kwezimoto kuleli zwekazi.
2.2. Njengengxenye yomzamo wokuheha abatshalimali abathe xaxa, kuleli viki uMongameli Cyril Ramaphosa ubambe futhi izingxoxo nabatshalimali kanye nabaholi bamabhizinisi ngenkathi kuqhubeka iNgqungquthela ye-Financial Times Africa yehlandla lesithupha e-London. Uyena owethule inkulumo yokuvula le ngqungquthela, ebigxile ezindabeni eziphathelene namabhizinisi kanye namathuba atholakalayo emazweni ase-Afrika. 
2.3. INgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika yehlandla lesibili izobanjwa kusukela mhla ziyisi-5 kuya kumhla ziyisi-7 kuLwezi 2019. Le ngqungquthela izophinda futhi izame ukugqugquzela nokunxenxa utshalomali olusha olungu-R1.2 wamathriliyoni kule minyaka emihlanu ezayo futhi izokhangisa leli lizwe njengezwe elingungqaphambili kwezokutshalwa kwezimali.  

3. Ukongiwa kwamanzi

3.1.  Njengoba sesisondela ezinyangeni zasehlobo, iKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzise amanzi ngobuhlakani nokuwonga.  
3.2. IKhabhinethi liyawancoma futhi amalungu omphakathi ngokuqhubeka nokubekezela ngenkathi kuqhubeka ukuvalwa okuhleliwe komklamo wokuphakelwa kwamanzi i-Lesotho Highlands Water Project okuqhutshwa yi-Lesotho Highlands Development Authority kanye ne-Trans-Caledon Tunnel Authority ngoMfumfu kanye noLwezi 2019. Ukuvalwa komklamo wokuphakelwa kwamanzi kuzohlinzeka ngethuba lokuthi kwenziwe umsebenzi ojwayelekile wokulungisa nokuvuselela ingqalasizinda yalo mklamo, okuyinto edingekayo futhi okumele yenziwe njalo emva kweminyaka eyi-10. 
3.3. Kunezinhlelo zokungenelela eziphuthumayo eseziqalisiwe ngenhloso yokulekelela ekunciphiseni umthelela wesomiso esilokhu siqhubeke njalo esifundazweni saseNyakatho Kapa.  Lezi zinhlelo zokungenelela ziyingxenye yoHlelo Lwezinguquko Kwezomhlaba kanye Nosizo Oludidiyelwe Oluqondiswe Kubalimi. Kunemali eyizigidi ezingama-30 zamarandi eyabiwe kabusha ngenhloso yokubeka eqhulwini izinhlelo zokungenelela ngokushesha ekuthengweni nokusatshalaliswa kwefolishi kubalimi njengesinyathelo sesikhathi esifushane sokubalekelela. Uhulumeni uzokhuphula futhi nomthamo wamanzi ahlinzekwayo ngokuthi ambe amapitsi angeziwe ezindaweni ezikhahlemezekile esifundazweni.
3.4. Ngaphezu kwezinhlelo zokubhekana nesimo esiphuthumayo zoMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, iKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu kuleli lizwe ukuthi bawonge amanzi, njengoba iNingizimu Afrika iyizwe elinamanzi ayingcosana. 

4. Ukuhlolwa kwabafundi bebanga likamatikuletsheni (i-NSC)

4.1. IKhabhinethi libafisela okuhle kodwa bonke abafundi njengoba bematasa belungiselela ukuhlolwa kokuphela konyaka. Ukuhlolwa kwe-NSC kwabafundi bebanga likamatikuletsheni bowezi-2019 kuzobhalwa kusukela mhla zingama-23 kuMfumfu kuya kumhla zingama-28 kuLwezi. Bayizi-629 197 abafundi abafunda ngokugcwele ababhalisele lokhu kuhlolwa futhi bayizi-122 471 abafundi abangafundi ngokugcwele abazobhala izivivinyo zabo.
4.2. UMkhandlu Wokuqinisekisa Ikhwalithi Emkhakheni Wezemfundo Wonkana Nakwezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa (Umalusi) usihlolile isimo soMnyango Wezemfundo Eyisisekelo (i-DBE) kanye neminyango yawo ezifundazweni futhi usuqinisekisile ukuthi nembala sebekulungele ukuphatha nokuqhuba umsebenzi wokuhlola abafundi ekuhlolweni kwe-NSC kowezi-2019.
4.3. IKhabhinethi liyabakhuthaza abazali kanye nabalondolozi bezingane ukuthi bazisekele futhi bazilekelele ngakho konke okusemandleni abo izingane zabo njengoba zilungiselela ukuphothula imfundo yabo yasesikoleni nokudlulela phambili emva kohambo lwabo lweminyaka eyi-12. Imiphakathi iyanxuswa kuthi yakhe isimo esikahle futhi esibalungele abafundi ukuze bakwazi ukubhala ukuhlolwa kwabo kokuphela konyaka ngaphandle kokuphazamiseka.

5. Uhlelo Lukazwelonke Lokuxhasa Abafundi Ngemali Yokufunda (i-NSFAS)

5.1. IKhabhinethi liyabanxusa ukuba bafake izicelo zabo bonke abafundi abafanelekile ukuthola uxhaso-mali lwe-NSFAS ngonyaka wokufunda wezi-2020. Sewuvuliwe ngokusemthethweni umjikelezo wesikhathi sokufakwa kwezicelo ze-NSFAS kulabo bafundi abanesifiso sokuqhuba imfundo yabo emanyuvesi kanye nasemakolishi eMfundo Yobuchwepheshe Nemisebenzi Yezandla Nokuqeqeshwa.
5.2. Isuku lokuvalwa kwezicelo zoxhaso-mali lwe-NSFAS yiphakathi kwamabili mhla zingama-30 kuLwezi 2019. Asikho isidingo sokuthi bafake izicelo bonke labo bafundi abahlomulayo njengamanje ohlelweni lwe-NSFAS.

6. Isikhathi Sokuthunyelwa Kwamafomu Entela

6.1. IKhabhinethi liyabancoma impela labo bakhokhi bentela abayizigidi ngezigidi asebewathumelile amafomu abo entela. Ukuqoqwa ngendlela efanele futhi ngobunyoninco kwemali engenayo emgodlagodleni kahulumeni kwenza leli lizwe likwazi ukuzimela ngakwezezimali.  
6.2. Amahhovisi Ophiko Oluqoqa Intela LwaseNingizimu Afrika (i-SARS) azobe evuliwe ngeMigqibelo kusukela ngo-08:00 ekuseni kuze kuyoshaya u-13:00 ntambama ngoMfumfu 2019 ngenhloso yokulekelela abakhokhi bentela bakwazi ukuthumela amafomu abo entela.
6.3. Abakhokhi bentela bayakhunjuzwa ukuthi kumele bazigcine zonke izincwadi eziqukethe izibalo eziphathelene nentela kanye namarisidi ukuze bakwazi ukuhlinzeka ngobufakazi obudingekayo obeseka inqubo yokuthunyelwa kwamafomu abo entela. Abakhokhi bentela bayakhuthazwa kakhulu ukuba basebenzise uhleloxhumano lobuchwepheshe besimanjemanje ukuthumela amafomu entela nge-intanethi, okuyi-SARS eFiling kanye ne-SARS MobiApp, izinhlelo ezihlinzeka ngezinsiza ezenziwe ngcono ezingasetshenziswa ngabasebenzisi bohleloxhumano amahora angama-24 nsukuzonke. 

7. Udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokubulawa kwabantu besifazane (i-GBVF)

7.1. IKhabhinethi liyabancoma impela abaseshi boPhiko Lodlame Lomndeni, Ukuvikelwa Kwezingane kanye Namacala Ezocansi LoMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika KwaZulu-Natali, abasebenze ngokuzikhandla okukhulu ukuqinisekisa ukuthi abenzi bamacala ocansi abalahlwe ngamacala bagixabezwa ngodilika-jele abangama-35 kanye neminyaka engama-621 uma sezihlanganisiwe izigwebo zabo sebebonke, okuyizigwebo ezikhishwe ngenyanga kaMandulo iyodwa nje vo.
7.2. IKhabhinethi lisalokhu lizibophezele ekuqiniseni izikhungo zikahulumeni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abenzi bamacala e-GBVF baboshwa ngokushesha futhi babhekane nengalo yomthetho ngokuphelele. IKhabhinethi liyagcizelela esicelweni salo esibhekiswe emphakathini sokuthi uqhubeke nokusebenzisana nezikhungo eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze kunqandwe udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane eNingizimu Afrika.

B. IziNqumo ZeKhabhinethi

1. Uhlelo Lwezinsiza Ezididiyelwe (i-IRP) lowezi-2019

1.1. IKhabhinethi likugunyazile ukuqala kokusebenza ngokusemthethweni kwe-IRP2019, okuwuhlelo oluhlinzeka umkhombandlela wokusetshenziswa kwemithombo yamandla exubile, ehlongozwayo kuleli, esikhathini esisukela manje kuze kuyofinyelela kowezi-2030.
1.2. NgoNcwaba 2018, iKhabhinethi lagunyaza ukukhishwa kohlaka lwe-IRP2018 ukuze kuboniswane nomphakathi ngalo, futhi izigcawu zokubonisana nomphakathi zabanjwa phakathi kukaMandulo noLwezi 2018. Ku-IRP2019, zifakiwe izimvo neziphakamiso eziningi ezivela kumalungu omphakathi, izifundiswa, ongoti bomkhakha wezamandla kanye nababambiqhaza abathintekayo, njengoMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi (i-NEDLAC) kanye neKomidi LesiGungu Sikazwelonke Eliqaphe Umsebenzi Womnyango Wezamandla.
1.3. Lolu hlelo luphakamisa izinhlelo zokungenelela eziyisishiyagalolunye ukuze kuqinisekiswe ukuthi leli lizwe liyakwazi ukubhekana nezidingo zamandla kule minyaka eyishumi ezayo.
Lezi zinhlelo zokungenelela zisebenzela phezu kwesisekelo esikhona njengamanje semfunosidingo kanye nokutholakala nokuhlinzekwa kwamandla kuleli lizwe ngokunjalo nezibopho ezenziwe yileli lizwe emazweni omhlaba mayelana nomkhawulo ophansi futhi oyisisekelo wokukhiqizwa komoya ongcolisa imvelo nomkhathi.
1.4. Lolu hlelo lusalokhu lungaphansi kohlaka lwenqubomgomo yokuphishekela ukufinyelela ekusetshenzisweni kwemithombo yamandla ehlukahlukene futhi exubile ukuze kuncishiswe ukuthembela kumthombo wamandla oyisisekelo owodwa noma emithonjeni embalwa nje kuphela. Lolu hlelo luzobuyekezwa ngokuhambisana nesimo esiguqukayo somkhakha wezamandla.
1.5. I-IRP2019 egunyaziwe izoshicilelwa kusomqulu kahulumeni futhi izotholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezimbiwa Nezamandla: www.dmr.gov.za.

2. Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS)

2.1. UNgqongqoshe Wezezimali, u-Tito Mboweni, wethulele iKhabhinethi umbiko mayelana ne-MTBPS. Makhathaleni ngokuhamba kwale nyanga, uNgqongqoshe uzokwethula i-MTBPS ePhalamende, ezobonisa izinguquko nokuhlelwa kabusha kwesabelomali sikazwelonke ukuze kuqinisekiswe ukusimama kwezezimali. 
2.2. IKhabhinethi linethemba lokuthi i-MTBPS izobabonisa abantu baseNingizimu Afrika kanye nabatshalimali ukuthi uhulumeni uzibophezele ekuphatheni umnotho ngobuhlakani nangobunconinco.

3. Uhlaka Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlaliswa Kwabantu (i-NSDF)

3.1. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kwe-NSDF ukuze umphakathi uzwakalise izimvo zawo ngayo. Lolu hlaka luphakamisa ukuthi kuqhanyukwe nezinhlelo zokungenelela ukuze kulungiswe isimo sentuthuko esisabonisa ukwahlukahlukana kwabantu ngokobuhlanga, futhi esiqhubekayo nokugqugquzela ukungalingani kwezokuhlaliswa kwabantu kuleli. Luhlonza izindawo lapho kutholakala khona amathuba futhi luphakamisa ukuphathwa ngobuhlakani nangenkuthalo kwemithombo yemvelo kanye nezinto eziphilayo nezingaphiliyo zakuleli lizwe.  
3.2. Lolu hlaka luphakamisa ukuthi kwenziwe imizamo namaqhinga aphokophele ekuhlalisweni kwabantu ngendlela ezoletha ukusimama kwentuthuko yenhlalo-mnotho ezweni, futhi luhlinzeka ngendlela-kusebenza esezingeni eliphakeme yokuhlaliswa kwabantu ngendlela edidiyelwe futhi ehambelanayo.

4. Umbiko Wohlelo Lukazwelonke Oluhlinzeka Ulwazi Oludidiyelwe Lwezibonelelo Zomphakathi (i-NISPIS) 

4.1. IKhabhinethi liyayamukela imiphumela yezemfundo yokuhlaziywa nokubuyekezwa okwenziwe kubo bonke abafundi beBanga le-12 lowezi-2018 abebethola izibonelelo-mali zikahulumeni.  Lolu lwazi lwatholakala ku-NISPIS, okuwuhlelo olulandela umkhondo wenqubekelaphambili yabafundi ngokusebenzisa izinombolo zomazisi babo, futhi lubonisa nohlobo lwesibonelelo sikahulumeni abasitholayo kanye nezikole abafunda kuzona ngokuhlukahlukana kwabo.   
4.2. Ngokwalolu hlelo, kubafundi abayizi-400 761 abaphumelelile ekuhlolweni kwabo kwe-NSC kowezi-2018, abayizi-237 114 babo ngabafundi abebethola izibonelelo-mali zikahulumeni. Futhi bangama-36% abazuze iziqu ze-Bachelor’s, abangama-38% bathole ama-diploma kanti abangama-26% bathole izitifiketi zemfundo ephakeme. 
4.3. Le miphumela iyabonisa futhi iyaqinisekisa ukuthi ngempela zinomthelela omuhle izinhlelo zokungenelela kukahulumeni, ikakhulukazi ekwenzeni ngcono izimpilo zezingane ezivela emakhaya ahlwempu ezidinga ukubhekelelwa kakhudlwana. 

5. IKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) eliqondene neziNguquko Kwezomhlaba

5.1. IKhabhinethi lithulelwe umbiko mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe yi-MIC eqondene neziNguquko Kwezomhlaba ekusheshisweni kwezinguquko kwezomhlaba kanye nokwabiwa kabusha komhlaba ngokuthi kukhishwe futhi kwabiwe umhlaba wombuso ukuze kusungulwe izindawo zokuhlalisa abantu.
5.2. IKhabhinethi lizwakalise ukuyithokozela inqubekelaphambili eyenziwa yi-MIC. Futhi liphinde lagunyaza iziphakamiso eziphathelene nomhlaba wombuso ohlonziwe. Ziyi-167 iziqeshana zomhlaba wombuso ongamahekthare ayizi-14 105 osezandleni zoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda ogunyaziwe ukuba ukhishwe futhi wabelwe ukwakhiwa nokusungulwa kwezindawo zokuhlalisa abantu ngokuthi kukhishwe amaGunya Obumeli anikezwe uPhiko Lokuthuthukiswa Kwezindlu (i-HDA). I-HDA wuphiko lwentuthuko lukazwelonke lomkhakha kahulumeni oluthenga, lulungise futhi luthuthukise umhlaba, futhi luphinde lulawule nemiklamo yokwakhiwa kwezindlu nezindawo kokuhlalisa abantu.
5.3. IKhabhinethi liphinde futhi lagunyaza nomyalelo wokuvimbela nokunqabela zonke izinkampani zombuso kanye nezinye izikhungo zikahulumeni ekukhipheni kanye nokuthengisa noma yimuphi umhlaba wazo.

C. Imithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Wokungcoliseka Kolwandle Ngowoyela (Ukulungela izigameko zalokhu, Ukuthatha Izinyathelo Ezifanele Uma Kwenzeka Izigameko Ezinjalo kanye Nokubambisana) wezi-2019


1.1. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokungcoliseka Kolwandle Ngowoyela (Ukulungela izigameko zalokhu, Ukuthatha Izinyathelo Ezifanele Uma Kwenzeka Izigameko Ezinjalo kanye Nokubambisana) wezi-2019, oqalisa ukusebenza kweSivumelwano Samazwe Ngamazwe sowe-1990 esiphathelene Nokulungela Izigameko Zalokhu, Ukuthatha Izinyathelo Ezifanele kanye Nokubambisana.
1.2. Isivumelwano samazwe ngamazwe sezasolwandle sisungula izinyathelo zokubhekana nezigameko zokungcoliseka kolwandle ngenxa yokuchitheka kukawoyela olwandle lwaleli lizwe kanye nokubambisana namanye amazwe. INingizimu Afrika iyilungu leNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezasolwandle, okuwuphiko lweNhlangano Yezizwe olwethweswe umsebenzi wogqugquzela ukuphepha kwezokuthutha ngemikhumbi kanye nokuvimbela ukungcoliseka kolwandle. 
1.3. Uma usuphasisiwe waba ngumthetho lo Mthethosivivinywa, uzokwenza ukuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukuqalisa izinyathelo ezifanelekile kanye nezinhlelo zokuqeqesha nokuzilolonga, futhi iqalise nokusebenza kwezinqubo-kusebenza ezifanelekile zokwazisa ngezigameko zokuchitheka kukawoyela okumele zilandelwe yimikhumbi edlula ogwini lolwandle lwaseNingizimu Afrika.

D. Imicimbi Ezayo

1. INgqungquthela Yamadolobha Nohulumeni Bezindawo Ababumbene (i-UCLG): Umhlangano Womhlaba Wabaholi Bohulumeni Bezindawo Nabezifunda  

1.1. INgqungquthela ye-UCLG: Umhlangano Womhlaba Wabaholi Bohulumeni Bezindawo Nabezifunda izobanjwa kusukela mhla ziyi-11 kuze kube ngumhla ziyi-15 kuLwezi 2019 esikhungweni semibuthano yamazwe ngamazwe i-Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini. 
1.2. Le ngqungquthela ehlelwe yi-UCLG, iyingqungquthela esemqoka kunazo zonke ezinye lapho kubuthana khona izimeya, amakhansela, ohulumeni bezindawo kanye nezinhlangano okubanjiswene nazo emhlabeni wonke jikelele. Izoba yingqungquthela yokuqala kulandela ukubanjwa kweNgqungquthela i-Habitat III futhi lapha kuzokwethulwa umbiko mayelana nokuqaliswa kokusebenza kweziNjongo Zentuthuko Esimeme kanye nomthelela wazo emazingeni ohulumeni bezindawo.

2. Ukwethulwa Kohlelo Lwentuthuko Yesifunda saseThekwini nguMongameli

2.1. Ukwethulwa kohlelo lwentuthuko yesifunda/yomkhandludolobha eThekwini kuzoba ngoLwesihlanu, mhla ziyisi-18 kuMfumfu enkundleni yezemidlalo i-Princess Magogo Stadium, KwaMashu. 
2.2. Njengengxenye yokwethulwa kwalolu hlelo, uMongameli Ramaphosa uzokwethula ngokusemthethweni umakhalekhukhwini obizwa nge-Mara Phone, okungumakhalekhukhiwni omusha onobuchwepheshe besimanjemanje owakhiwe yisikhondlakhondla senkampani etholakala emazweni ase-Afrika amaningana, i-Mara Group. Lolu tshalomali lobuchwepheshe besimanjemanje obusezingeni eliphakeme luyingxenye yezethembiso ezenziwa eNgqungqutheleni Yotshalomali yaseNingizimu Afrika yokuqala eyabanjwa ngonyaka odlule.
2.3. UMongameli Ramaphosa uzovakashela futhi nesiteshi samaphoyisa saseNanda ngenhloso yokuyohlola nokubheka izinkinga eziphathelene nokuphepha nokuvikeleka, futhi kusenjalo, uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Zweli Mkhize, uzovakashela izikhungo zezempilo. 

3. Isithangami Sezomnotho esiphakathi kwe-Russia Namazwe ase-Afrika

3.1. UMongameli Ramaphosa uzohola ithimba laseNingizimu Afrika elizokwethamela iSithangami Sezomnotho esiphakathi kwe-Russia namazwe ase-Afrika sokuqala ngqa esizobanjelwa e-Sochi, kwelase-Russia kusukela mhla zingama-23 kuze kube ngumhla zingama-24 kuMfumfu 2019.
3.2. Lesi sithangamu sizogxila emikhakheni esemqoka yobambiswano phakathi kwe-Russia namazwe ase-Afrika. Izingxoxo zizogxila ezinsikeni ezintathu eziphathelene nezingqikithi ezihlukahlukene: “Ukwakha Ubambiswano Lwezomnotho”, “Ukwakha Imiklamo Okuzobanjiswana Kuyona” kanye “Nokubambisana Emkhakheni Wokuhlinzeka Ngosizo Lwesisa Kubantu Nemiphakathi Ehluphekile”.

E. Imiyalezo

1. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo:

  • kubantu nohulumeni welizwe lase-Japan kulandela isishingishane esidlule kuleliya lizwe, esithathe imiphefumulo yabantu abaningana impela futhi sacekela phansi nengqalasizinda. 

2. IKhabhinethi lihalalisele:

  • Amabhokobhoko ngokufiyelela kwawo emzuliswaneni wamaqembu ayisishiyagalombili weNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo yowezi-2019 ebanjelwe kwelase-Japan futhi liwafisela okuhle kodwa njengoba eqhubekela phambili kulo mqhudelwano. 
  • UNdunankulu wase-Ethiopia, u-Abiy Ahmed Ali, oklonyeliswe ngendondo i-Nobel Peace Prize yowezi-2019 ukuhlonipha imizamo yakhe yokuletha uxolo nobambiswano lwamazwe ngamazwe, ikakhulukazi, igalelo lakhe ekuqedeni isimo sikangqingetshe nokubhekana neziqu zamehlo obesekuqhubeke isikhathi eside phakathi kwe-Ethiopia ne-Eritrea.
  • Umsubathi wase-Kenya u-Brigid Kosgei ngokuphula kwakhe irekhodi labesifazane lomhlaba emjahweni webanga elide i-Chicago Marathon, ngokunjalo no-Eliud Kipchoge ngokuba ngumsubathi wokuqala womjaho wamabanga amade owenze ezibukwayo ngokuqeda lo mjaho esikhathini esingaphansi kwamahora amabili okuyinto ebingakaze yenzeke ngaphambilini, njengoba ekwazile ukuqeda umjaho wamakhilomitha angama-42 esikhathini esingaphansi kwamahora amabili.
  • Abantu base-Mozambique ngokubamba ukhetho lobuMongameli, lwePhalamende kanye Nolwezifundazwe ngoLwesibili mhla ziyi-15 kuMfumfu 2019. IKhomishana Yamazwe ase-Afrika yathumela izingqapheli nongoti bezokhetho kuleliya lizwe kulandela isimemo esivela kuhulumeni wase-Mozambique.


3.  Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.
3.1. Amalungu eBhodi le-Central Energy Fund:
a. Dkt Monde Mnyande (uSihlalo);
b. Nkz Nolubabalo Sondlo;
c. Mnu Nkululeko Poya; kanye no
d. Adv Priakumari Hassan.

3.2. Amalungu aqokwe njengabaphathiswa be-Brand South Africa Trust: 
a. Nkz Thandi Tobias-Pokolo (uSihlalo)
b. Nkz Loretta Jacobus;
c. Slz Yiva Rodny-Gumede;
d. Nkz Rashel Kalidass;
e. Nkz Muditambi Ravele;
f.  Dkt Stavros Nicolaou;
g. Mnu Mlungisi Lulu Johnson;
h. Mnu Bushang Jacques Modipane;
i. Mnu Johannes George Sebulela;
j. Dkt Keabetswe Modimoeng;
k. Nkz Tebogo Mamorobela;
l. Nkz Sisanda Bukeka-Nkoala; kanye no
m. Mnu Andrew Madella.

3.3. Amalungu eBhodi Labaqondisi be-National Electronic Media Institute of South Africa:
a. Nkz Molebogeng Leshabane (uSihlalo);
b. Nkz Bongekile Filana;
c. Nkz Tobeka Buswana;
d. Slz Christian Adendorff;
e. Mnu Melvyn Lubega;
f. Nkz Nomonde Hlatshaneni; kanye no
g. Mnu Lionel Adendorf.

3.4. Amalungu eBhodi Labaqonisi LePosi laseNingizimu Afrika:
a. Nkz Tshikani Colleen Makhubele (uSihlalo);
b. Mnu Ismail Mamoojee;
c. Nkz Nondumiso Pumela Ngonyama;
d. Mnu Kgamedi Albert Ramoadi;
e. Nkz Catharina van der Sandt;
f. Nkz Nonzukiso Zukie Siyotula;
g. Mnu Zolani Kgosie Matthews (ongummeleli wenyunyana yabasebenzi); kanye no
h. Mnu Thomas Sipho Nkese (ongummeleli wenyunyana yabasebenzi).

3.5. Ukuqashwa kabusha kukaMnu Thobile Lamati njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) eMnyangweni Wezemisebenzi Nezabasebenzi isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

3.6. Nkz Simone Constance Geyer oqashwe njengephini likaMqondisi-Jikelele eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo (i-DBE).

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams –  iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore