1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje
1.1. IKhabhinethi ikhumbuza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi
Umthethosisekelo wethu uqinisekisa ilungelo lokuteleka nokuzabalaza ngokuvumelana nomthetho. IKhabhinethi ikhathazekile lapho iphawula ukuthi kunodlame kanye neziteleka ezingavikelekile ezingase zibe usongo ekubuseni kwethu ngentando yeningi labantu. Ukwedelela kwamuva nje phakathi nomzabalazo we-South African Democratic Teachers Union (i-Sadtu) okwakubhekiswe kuNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo kanye nokubukiswa kwezingubo zangaphansi zabesifazane ngesikhathi kutoyitoywa kubonisa ukungabazi nokuthi bayini abantu besifazane futhi akwamukeleki. Abantu baseNingizimu Afrika balwa isikhathi eside futhi balwa kanzima belwela ukubusa ngentando yeningi labantu, ngakho kufanele siziqhelelanise nokuziphatha okuyichilo okufana nokungabi nabubusi.
Maduze nje iNingizimu Afrika izongena enkathini yezingxoxo zamaholo futhi iKhabhinethi ifisa ukunxusa yonke imiphakathi, abasebenzi kanye nezinyunyana zabasebenzi ukuba bagweme nanoma yiziphi izenzo ezibukela phansi ukubusa ngentando yeningi labantu. IKhabhinethi iyaphinda iyagcizelela ukuthi ukulwela kwethu inkululeko nokubusa ngentando yeningi labantu kwaqinisekisa ukuthi imithetho yezwe lethu iyakuvumela ukuba khona kweziteleka ezivikelekile nezinokuthula. IKhabhinethi iyaphinda inxusa abasebenzi ukuba basebenzise imigudu ekhona, elawulwayo yokuzwakalisa izikhalo zabo neyezingxoxo zamaholo ngomoya omuhle wokubusa ngentando yeningi labantu esikulwele kanzima.
1.2. IKhabhinethi yakutusa ukuphumelela kwezinqubo-mgomo kanye nezinhlelo ezazihloselwe ukugxilisa isimo seNingizimu Afrika njengendawo eyinhloko yezokuvakasha neyokuqhuba izenzakalo zamabhizinisi zamazwe ngamazwe. Lokhu kuqinisekiswe Izibalo Zezokuvakasha Zonyaka, ezaqaliswa uMongameli u-Jacob Zuma. Lezi Zibalo zibonisa ukuthi ngowezi-2012, ingqikithi yezivakashi ezivela kwamanye amazwe eziyizigidi eziyisi-9.2 zavakashela iNingizimu Afrika, zisuka ezigidini eziyisi-8.3 ngowezi-2011. Amanani ezivakashi eziza eNingizimu Afrika anda ngamaphesenti ayi-10,2 ngowezi-2012 – okwaba ngaphezu kokuphindwa kabili kwesilinganiso somhlaba esingu-4%.
Lokhu kukhula okuphawulekayo kwezokuvakasha kuwubufakazi besimo sabantu baseNingizimu Afrika semfudumalo nokwamukela abanye kanye nezinto ezihlukahlukene leli zwe elizinikeza izivakashi. I-2013 Tourism Indaba ezobanjelwa eThekwini ezoba mhla ziyi-11 kuya ziyi-14 kuNhlaba inikeza ithuba lokuba siphinde sikhangise ngeNingizimu Afrika nabantu bayo.
1.3. INingizimu Afrika njengendawo yokutshala imali iphinde yafukuleka ngokuwina uMklomelo Wendawo Yonyaka Okulethwa Kuyo Imisebenzi Yebhizinisi Ngowezi-2013 we-European Outsourcing Association (EOA). Lokhu kwenzeka ngokutshalwa kwemali okuqhubekayo okuvela kubatshali bomhlaba. Lo Mklomelo uqaphela izindawo nabatshali abaye benza kahle kakhulu ekunikezeni izinsizakalo emakethe yokuyisa imisebenzi kwenye indawo eYurophu. Lo Mklomelo ungase ulethe inkindlane yotshalo-mali olusha ngowezi-2013 nangale kwawo.
1.4. IKhabhinethi yatusa impumelelo yoHlelo Lokutholakala Komkhiqizi Kagesi Wemvelo Ozimele ENingizimu Afrika (i-REIPPP) olwaqashelwa lapho luwina uMklomelo Wephrojekthi Yonyaka Yengqalasizinda Yemvelo weSithangami Sobuholi Bengqalasizinda Yomhlaba.
1.5. IKhabhinethi iyayazisa kakhulu indima edlalwe yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika ekusizeni izwe longe u-3 586 Mega Watts (MW) wamandla kusukela ngowezi-2005, okulingana nomkhiqizo wesiteshi esisodwa sikagesi.
Ngalo moya, iKhabhinethi inxusa umzamo wezwe lonke kulobu busika ekutheni kuphinde kuncishiswe ukusetshenziswa kukagesi njengoba ukuphakela ugesi kuzophinde kube ngaphansi kwengcindezi kule nkathi. Ngokubambisana, masonge ugesi ngokucisha izinto zikagesi ezingesona isidingo. Bonke abantu baseNingizimu Afrika banamandla okugcina izibani zikhanya.
IKhabhinethi iqokomisa ukuthi njengamanje azikho izinhlelo zokucisha ugesi ngenhloso yokuwonga. Abantu baseNingizimu Afrika bazotshelwa kusengaphambili uma kuvela isidingo sokwenza lokho, ukuze sonke sikwazi ukuhlela izinto zethu kahle.
IKhabhinethi iyasho futhi ukuthi isimo sikagesi esingazinzile sibangelwa ukulungiswa kwawo okusemqoka kanye nezinkinga ezingahlosiwe eziwuphazamisayo njengokuntshontshwa kwezintambo zikagesi.
IKhabhinethi iqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi kukhona izinhlelo ezihlukahlukene zokuqinisekisa ukuthi kuhlangatshezwana nokudingeka kukagesi nokuthi kulondolozwa ukwethenjelwa kohlelo lukagesi ngazo zonke izikhathi. Uhlelo lokwakha ingqalasizinda luhlose ukuqinisekisa ukuthi umnotho uyasekelwa ngengqalasizinda edingekayo eminyakeni eminingi ezayo.
1.6. IKhabhinethi ihalalisela bonke abathole iMiklomelo Yokuhlonishwa Yesizwe futhi ibonga iqhaza labo ekuthuthukisweni kokubusa ngentando Yeningi labantu kanye nokuthuthukisa ukuphila kwabantu baseNingizimu Afrika.
1.7. IKhabhinethi inxusa bonke abazali nabanakekeli baseNingizimu Afrika abanezingane ezinezinyanga eziyisishiyagalolunye kuya eminyakeni emihlanu ukuba baqinisekise impilo yezingane zabo ngokusebenzisa umkhankaso kazwelonke wokugonyelwa kwezingane uvendle nesimungumungwane.
UMnyango Wezempilo uqale lo mkhankaso wokugoma mhla zingama-29 kuMbasa 2013, unikeza umthamo wokufukula amasosha omzimba kuzo zonke izingane ezifanelekayo, ngaphezu kokugoma okuvamile.
1.8. IKhabhinethi iyalisekela Iviki Lezokuphepha Emgwaqweni Lenhlangano Yezizwe (UN) eliqala mhla ziyisithupha kuya mhla ziyi-12 kuNhlaba 2013 ngaphansi kwengqikithi ethi “Ukuphepha Kwabahamba Ngezinyawo Emgwaqweni”.
IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abashayeli bezimoto kanye nabahamba ngezinyawo, ukuba banakekele, baphaphame futhi baqaphe kakhudlwana emigwaqweni yethu. IKhabhinethi yaqokomisa ukuthi abahamba ngezinyawo bakha ingxenye enkulu yabantu abashona emigwaqweni eNingizimu Afrika.
IKhabhinethi iphinde inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqaphe phakathi nale nkathi futhi balandele yonke imithetho yomgwaqo.
1.9. Ngemva kokuvakasha ngokomsebenzi kukaMongameli u-Jacob Zuma okube yimpumelelo e-Federal Republic of Nigeria phakathi noMbasa wezi-2013, uMongameli wase-Nigeria u-Goodluck Jonathan uzoVakashela eNingizimu Afrika emenywe nguMongameli wakuleli mhla ziyisi-6 kuya mhla ziyisi-7 kuNhlaba wezi-2013. Phakathi naloku kuvakasha, kuzothuthukiswa ubudlelwane bala mazwe futhi budingidwe ngaphansi kokusekelwa kwe-South Africa-Nigeria Bi-National Commission.
IKhabhinethi iphinde iqinisekise ukuzibophezela kukahulumeni waseNingizimu Afrika ekuqiniseni ubudlelwane bakhe ne-Nigeria ukuze kwandiswe ukuhweba nokubambisana nhlangothi zombili ukuze kuthuthukiswe i-Afrika.
1.10. IKhabhinethi ikwamukele ngokusemthethweni ukuxolisa kukaNdunankulu wase-Central African Republic, uMnu. Nicholas Tiangaye, ngeshwa elaholela ekufeni kwamalungu oMbutho Wezempi WaseNingizimu Afrika (i-SANDF).
IKhabhinethi iyaphinda iyasho ukuthi izibophezele ekutheni kube ne-Afrika enokuthula, echumayo nezinzile ngemikhankaso nezinhlelo ezihlukahlukene, kuhlanganise nemikhankaso yokugcina ukuthula.
1.11. IKhabhinethi, egameni likaHulumeni nabantu baseNingizimu Afrika, ithi akwehlanga lungehliyo e-People's Republic of China ngemva kokuzamazama komhlaba okwabulala abantu kuleli zwe esifundazweni sase-Sichuan mhla zingama-20 kuMbasa wezi-2013. IKhabhinethi iphinde yadlulisela amazwi enduduzo kubantu base-Bangladesh abathinteka engozini yasefekthri.
1.12. IKhabhinethi ikwamukele ukuvakasha kweqembu elibusayo livakashela uMongameli wangaphambilini u-Nelson Mandela. Loku kuvakasha bekuhambisana noBuntu nendlela esiwazisa ngayo amalungu omphakathi asekhulile. Labo abayile babonakalisa isasasa lesizwe esimweni sikaMongameli wangaphambilini futhi basebenzisa leli thuba ukutshela isizwe, izwekazi kanye nomhlaba wonke ngesimo sikatata esimthandayo.
2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile
2.1. IKhabhinethi ilitusile iqhaza nezinto eziseqhulwini eNingizimu Afrika ku-World Economic Forum (i-WEF) Africa 2013 ezoba seKapa kusukela mhla ziyisi-8 kuya mhla ziyi-10 kuNhlaba wezi-2013, ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukuletha Izinto Ngokuvumelana Nesithembiso se-Afrika”.
I-WEF-Africa iyisithangamu sezomnotho esigxile esifundeni esinikeza ithuba emabhizinisini endawo nawesifunda kanye nabatshali-zimali abanesasasa kuleso sifunda ukuba bashintshisane noma babheke ngisho namathuba okwenza ubumbano nohulumeni.
Ukusingatha lesi senzakalo kuzonikeza iNingizimu Afrika ithuba elengeziwe lokuxoxisana nokuthonya izinqumo zabaholi base-Afrika kanye namabhizinisi amazwe ngamazwe nawesifunda emikhankasweni engase ibe khona yokuhlanganisa nokuthuthukisa ukukhula kweNingizimu Afrika nesifunda.
2.2. IKhabhinethi ivumile ukuba kushicilelwe incwajana yeZikhombisi Zentuthuko (2012) yesithupha. IZikhombisi Zentuthuko sekuyincwajana yaminyaka yonke futhi uhlelo lowezi-2012 lufingqa ulwazi olumayelana nezimo ngokuyinhloko zenkathi eholela phakathi nonyaka wezi-2012. Lezi zikhombisi zisiza ekuqondeni umthelela wezinqubo-mgomo ezihlukahlukene zikahulumeni kanye nemikhankaso yokuhlinzeka ngezinsizakalo.
Loku kuhlaziywa kwezimo okufakiwe esikhombisini ngasinye kuqinisekisa ukuqonda kwethu ukuqhubeka kwentuthuko yomuntu esikwenzayo njengesizwe ezindaweni eziyinhloko zenqubomgomo bese ziphinde zikhombe izindawo okudingeka sifake kuzo umzamo othe xaxa. Kuzohlelwa umhlangano omfushane wokuthi fahla fahla kwabezindaba ukuze kuqaqwe lo mbiko.
2.3. IKhabhinethi yamemezela umhla zingama-31 kuNcwaba 2013 njengosuku lokugcina lwe-Riphabhliki yaseNingizimu Afrika ukwamukela abase-Angola abathintekile njengababaleki. Lokhu kuvumelana nokuyeka ukwamukela abantu njengababaleki okwamenyezelwa yi-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR) ngoMfumfu wezi-2009, futhi kuqalisa imizamo yokuthuthukisa ukuhlanganiswa kwesifunda.
Kunezinguquko eziyinhloko eziye zenzeka kusukela ekupheleni kwempi yombango e-Angola. Kucatshangelwa ukuthi ababaleki base-Angola kufanele bakwazi ukubuye bacele ubuzwe bezwe labo lendabuko, ngoba izimo eziqaphela umuntu njengombaleki azisekho.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika uzoqinisekisa ukuthi zonke izakhamizi zase-Angola ziyazi ngenqubo yokuyekwa kokwamukelwa kwababaleki emiphakathini ethintekile kanye nokugqugquzela abase-Angola abathintekile ukuba bazilethe ukuze babuyiselwe ezweni lakubo.
2.4. IKhabhinethi iphawulile ukuthi i-Union Buildings izoqeda iminyaka eyikhulu ngoZibandlela. Iphinde yavuma ukuba le minyaka eyikhulu iphawulwe ngamaphrojekthi ahlukahlukene njengemigubho yoSuku Lokubuyisana, umhla ziyi-16 kuZibandlela 2013, ngaphansi kwengqikithi yokuthuthukisa ukubumbana komphakathi, ubunye besizwe, ukuhlanganiswa kwabo bonke nokubuyisana.
2.5. IKhabhinethi ivumile ukuthi umbiko Wokusebenza Kwe-Sector Education and Training Authorities (ama-SETA) ovela kwiThimba Lomsebenzi LikaNgqongqoshe le-SETA ukhululiwe ukuze umphakathi uphawule. Lo mbiko unikeza izincomo mayelana nokuthi ukusebenza kwama-SETA kungathuthukiswa kanjani ngokuhlaziywa okugxilile kwezindawo eziyinhloko ezihlukahlukene, njengokuHlela Nokuletha Izinsizakalo, Ukuhambisana Nomthetho Nokulawula, Nokulawulwa Koxhaso Nezimali.
2.6. IKhabhinethi ilivumile iBalazwe Lolwazi Lwezobuchwepheshe Kwezokuxhumana (i-ICT), uCwaningo, Intuthuko Nokusungula Izinto (-RDI) njengokutshala imali kwesikhathi eside kanye nepulani lokuqalisa i-ICT RDI eNingizimu Afrika ukuze kusekelwe intuthuko yezenhlalo nezomnotho.
I-RDI embonini ye-ICT ibalulekile ekufukuleni ukuncintisana kweminotho. Njengoba kuqokonyisiwe kwiPulani Yokuthuthukisa Isizwe Yowezi-2012, iNingizimu Afrika isilahlile isimo sayo njengomholi wezwekazi kwezokuxhumana nge-Inthanethi.
Leli Balazwe liyindlela efanele yokuqaliswa kwesu, elineqoqo lezinyathelo nokuqaliswa kwezinhlaka, zokuqondisa nokulawula utshalo-mali lwaseNingizimu Afrika ku-ICT RDI eminyakeni eyishumi ezayo.
ISu Le-ICT RDI seliqalile kakade ukufinyelela izinto eziphathekayo ezisemqoka njengephrojekthi yokubonisa ubuchwepheshe be-wireless mesh, okusekela ukuhlinzekwa kokuxhumana kwe-broadband okungabizi ezikoleni zasezindaweni zasemakhaya ezingaphezu kwama-200 eMpumalanga nase-Limpopo.
2.7. IKhabhinethi yaphawula ukusingathwa kweNgqungquthela Yomhlaba Ye-2014 International Union of Architects (i-UIA) eThekwini yi-South African Institute of Architects (i-SAIA).
I-SAIA yawina lapho ibhida ukusingatha iNgqungquthela Yomhlaba Ye-2008 UIA eyayise-Turin, eNtaliyane. INgqungquthela Yowezi-2014 izoba nendima esemqoka ekuthuthukiseni ezemiklamo yezakhiwo kuleli zwekazi futhi ichaye umphakathi womhlaba wezemiklamo yezakhiwo esimweni semiklamo esishintshayo nesihlukahlukene.
3. Abaqashiwe
3.1. IKhabhinethi ivume ukuqashwa kwalaba abalandelayo:
a) UMnu Coceko Bambihlelo Johan Pakade esikhundleni sokuba uMqondisi-Jikelele eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi.
b) UMnu Fhumulani Peter Netshipale esikhundleni sokuba iPhini LoMqondisi-Jikelele: Intuthuko Ehlanganisiwe eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi.
c) UMnu Harold Maloka esikhundleni sokuba iPhini LoMphathi Oyinhloko: Ukucutshungulwa Nokusatshalaliswa Kolwazi kuPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi.
d) UNksz Mogogodi Doris Dioka esikhundleni sokuba uMphathi Jikelele (iPhini LoMqondisi-Jikelele) eMisebenzini KaHulumeni Yezokunyathelisa.
e) UNksz Constance Glerah Nxumalo esikhundleni sokuba iPhini LoMqondisi-Jikelele: Izinsizakalo Zezenhlalakahle eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi.
3.2. IKhabhinethi yakuphawula ukuqashwa kukaMnu. Asogan Moodley esikhundleni sokuba uMphathi Oyinhloko we-National Regulator for Compulsory Specifications (i-NRCS) kusukela mhla lulu-01 kuNhlangulana 2013 kuze kuphele ihlandla elisele lokubusa eliphela mhla zingama-31 kuZibandlela 2014.
3.3. IKhabhinethi yakuphawula ukuqashwa kwala malungu alandelayo ukuba akhonze kwiBhodi ye-NRCS kusukela mhla lulu-01 kuNhlangulana 2013 kuze kuphela ihlandla lokubusa eliphela mhla zingama-23 kuNdasa 2014.
a) UMnu Jeff Molobela (USihlalo)
b) UMnu Paul Kabelo Kgothatso Serote
3.4. IKhabhinethi iye yavumelana nokubekwa kweBhodi Yamanzi Yase-Sedibeng entsha, yenkathi eyiminyaka emine kusukela mhla zingama-30 kuMbasa wezi-2013.
a) U-Adv Shami Kholong
b) U-Derick Mboweni
c) U-Maemili J Ramataboe (USihlalo)
d) U-Goitse Griessel Ramakarane
e) U-Eric Atlholang Gaborone
f) U-Kgalalelo Gloria Sereko
g) U-Pulane Elsie Molokwane
h) U-Moses Mphahlele Mthombeni
i) U-Matshedisho David Dikoko (IPhini LikaSihlalo)
j) U-Deon Daniel Madyo
3.5. IKhabhinethi yaphawula ukuthi i-African Development Bank izoba nokhetho oluvamile lwabaQondisi Abaphethe eMhlanganweni Waminyaka Yonke Wezi-2013 e-Marrakech, e-Morocco mhla zingama-31 kuNhlaba 2013.
a) IKhabhinethi iyakusekela ukuqokwa kukaMnu Shahid Khan ukuba akhonze kwihlandla lesibili njengoMqondisi Ophethe omele iNingizimu Afrika, i-Lesotho neSwazini.
3.6. IKhabhinethi yavumelana nokubekwa kweBhodi entsha ye-Technology Innovation Agency enkathini yeminyaka emine kusukela mhla lulu-01 kuNhlaba 2013.
a) UNksz Khungeka Njobe (USihlalo)
b) UNksz Rosetta Xaba
c) UDkt. Bonakele Mehlomakulu
d) UMnu Mohamed Moolla
e) UNksz Helen Brown (uphinde wabekwa)
f) USolwazi David Ellis Kaplan
g) U-Adv Motlatjo Josephine Ralefatane
h) UDkt. Petro Terblanche
i) UMnu Fadl Hendricks
j) UDkt. Steve Lennon
3.7. IKhabhinethi ivumelene nokubekwa kwala malungu alandelayo kwihlandla elisele le-South African National Space Agency Board, eliphela mhla zingama-31 kuNhlaba 2014.
a) UNkk. Esther Khambule
b) UMnu. Marius Rezelman
c) USolwazi ADM Walker
d) UDkt. Daphney Mayindi
e) UDkt. Jonas Mphepya
Isitatimende Sishicilelwe ngabezokuXhumana kukaHulumeni (GCIS)
Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela loKhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139