Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-23 Mfumfu 2013

24 Oct 2013

IKhabhinethi yabamba umhlangano wayo ojwayelekile eKapa mhla zingama-23 Mfumfu 2013.

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi iyamukele ngezandla ezimhlophe inqubekelaphambili esiyibonayo emkhankasweni wokuqaliswa koHlelo lokwakhiwa  kwengqalasizinda yomphakathi oholwa yiKhomishana KaMongameli Yokuqondisa Ingqalasizinda (i-IPCC). Esikhathini esifushane esedlule uMongameli Jacob Zuma wethula imiklamo eminingana ephothuliwe njengengxenye yoHlelo Lwezokuthuthukiswa Kwengqalasizinda. Lokhu kubandakanya nomsebenzi wokwakhiwa kwemigwaqo u-R81 kanye no-R71 eLimpopo, nesiteshi sesitimela i-Bridge City esizosetshenziswa ngabantu baseMlazi, eDurban, kanye nomcimbi wokuphendulwa kwesoyi eMayini yakwa-De Beers i-Venetia esifundeni saseVhembe, eLimpopo.

Kulindeleke futhi ukuthi uMongameli ethule ezinye izinhlelo zokwakhiwa kwengqalasizinda ezinjengeNdawo Yokuthuthukisa Izimboni (i-IDZ) zase-Saldanha Bay eNtshonalanga Kapa; futhi uzohamba ayohlola isizinda okwakhiwa kusona iDamu i-De Hoop, eLimpopo, bese ethula futhi nezimoto zokuqala ezakhiwe eNingizimu Afrika eMpumalanga Kapa, futhi avule ngokusemthethweni isibhedlela sase-Ladybrand eFreyistata.

IKhabhinethi iyamukele futhi inqubekelaphambili eseyenziwe ezinhlelweni zamaBhasi Athutha Ephindelela (i-BRT) eGoli, eKapa kanye nase-Rustenburg. Lolu hlelo lwengqalasizinda oluthe chithi saka ezweni lonke oluzodla izinkulungwane zezigidigidi zamarandi  luzoguqula isimo somnotho kanye nohlelo lwezokuthutha ezweni lethu.

Umthelela wale miklamo ukuthi ibeka umnotho emgudwini wokusimama kakhulu kunakuqala futhi izoqhubeka nokufaka isandla ekuthuthukisweni komnotho kanye nokuvula amathuba emisebenzi.

1.2 IKhabhinethi iyasamukela iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi esethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali. IKhabhinethi iyazeseka izinyathelo ezihlongozwayo kuhulumeni zokunciphisa izindleko. Lezi zinyathelo zizoba negalelo elikhulu ekunciphiseni ukumoswa kwemali kahulumeni.   Zizoqinisekisa ukuthi uhulumeni usebenzisa izimali zakhe ngendlela efanelekile. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kuyo yonke iminyango kazwelonke neyezifundazwe, nomasipala, nezikhungo zikahulumeni kanye nezikhungo ezisungulwe ngokomthethosisekelo ukuthi ziqalise ukusebenza kwalezi zinyathelo.

1.3 IKhabhinethi ivumelana noMongameli Jacob Zuma kanye nomphakathi waseNingizimu Afrika ekugxekweni kwesihlava sokuxhashazwa nokunganakwa kwezingane kanye nodlame oluqondiswe ezinganeni.  IKhabhinethi yazincoma kakhulu izikhungo eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ngokusukumela kwazo phezulu mayelana namacala abikiwe kulesi sikhathi esifushane esedlule.

Njengoba sizogubha uSuku Lukazwelonke Lwezingane mhla zizi-2 kuLwezi, iKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavikele izingane ngoba zingabaholi bethu bangomuso. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe emiphakathini lokuthi kumele iqhubeke nokusebenzisana nezikhungo eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ekulwiseni ubugebengu emiphakathini.

Kumele futhi sikhumbule ukuthi ukuvikelwa kwezingane kuyisibophezelo kubazali kanye nemiphakathi. Kumele sibalekelele omama abadinga usizo lokukhulisa izingane zabo.

1.4 IKhabhinethi yasamukela isimemezelo esakhishwa Umalusi sokuthi leli lizwe selikulungele ukuhlolwa kukaMatikuletsheni okuzoqala mhla zingama-28 kuMfumfu kuya kumhla zingama-29 Lwezi 2013. IKhabhinethi ibafisela okuhle kodwa bonke abafundi abayizi-707 136 abazobhala ukuhlolwa kwabo, kubandakanya nabafundi abangafundi ngokugcwele abayizi-130 000.

Abazali kanye nabalondolozi bezingane bayanxuswa ukuthi basekele izingane zabo njengoba zilungiselela ukuhlolwa kwazo. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubafundi beKilasi lowezi-2013 ukuthi kumele benze leli lizwe liziqhenye ngabo.

1.5 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa kohlelo lokuqinisekisa ukutholakala kokudla okwanele olubizwa nge-Fetsa Tlala (Qeda Indlala) olwethulwe nguMongameli Jacob Zuma eKuruman eNyakatho Kapa mhla zingama-24 Mfumfu 2013. Lolu hlelo luzolekelela imiphakathi ukuthi ikhiqize ukudla emhlabeni womphakathi kanye nakweminye imihlaba engasetshenziswa ngendlela efanele. Luzosekela abalimi abancane ngengqalasizinda, nokuthuthukiswa komsebenzi wokulungisa imikhiqizo yezolimo nezimakethe ezintsha, kubandakanya nokuthengisela uhulumeni imikhiqizo yabo.

1.6 IKhabhinethi iyamukela ngezandla ezimhlophe Ingqungquthela Yezolwandle Yase-Afrika ezobanjelwa e-Sandton, eGoli, mhla zingama-24 kanye namhla zingama-25 Mfumfu 2013. Le ngqungquthela izosingathwa wuPhiko Lwezokuphepha Olwandle eNingizimu Afrika kanye nabemboni yezolwandle. Ingqungquthela izohlinzeka ababambiqhaza abehlukahlukene ngesigcawu sokucaba umgudu wentuthuko yezimboni zasolwandle e-Afrika futhi kusungulwe noBambiswano Lwamazwe Ase-Afrika lokuthuthukiswa komnotho wase-Afrika osekelwe kwezasolwandle.

1.7 IKhabhinethi yaluphawula uHambo Olusemthethweni lukaMongameli Zuma oluzayo lokuvakashela e-Democratic Republic of Congo (e-DRC) mhla zingama-29 kanye namhla zingama-30 Mfumfu 2013. Lolu hambo luzoqinisa ubudlelwano bezepolitiki nobezomnotho phakathi kwezwe lethu nelase-DRC futhi luzoqinisa ukuzibophezela kwethu emizamweni yokugcina ukuthula kanye noHlelo Lokwakhiwa Kabusha Nokuthuthukiswa Kwelizwe Emva Kwempi (i-PCRD) kuleliya lizwe.

1.8 IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika lokuthi basekele iNyanga Kazwelonke Yamalungelo Abantu Abakhubazekile kusukela mhla zizi-3 kuLwezi kuze kube ngumhla zizi-3 Zibandlela 2013, futhi okuyinyanga yokugujwa koSuku Lwabantu Abakhubazekile Kumazwe Ngamazwe. Le nyanga izogujwa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukususwa kwezithiyo, ukuvulwa kweminyango: ukuze kube nomphakathi obandakanya umuntu wonke”.

1.9 IKhabhinethi yakuphawula ngokukhathazeka okukhulu ukuqubuka kabusha kodlame kanye nempi eRiphabhulikhi yase-Mozambique. IKhabhinethi ithanda ukugcizelela ukuthi izwe lase-Mozambique linohulumeni okhethwe ngabantu ngokusemthethweni futhi nanoma yikuphi ukuvukelwa kombuso kubukela phansi ukuzimela kukahulumeni wase-Mozambique kanye nabantu bakhona. IKhabhinethi iyazigxeka kakhulu izenzo zobushokobezi.

2 Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1 IKhabhinethi yakwamukela ukugunyazwa kweSichibiyelo saseDoha Esichibiyela Isivumelwano sase-Kyoto. Lezi zichibiyelo ziyingxenye yemizamo yowezi-2013-2020 yokunciphisa intuthu engcolisa umoya emhlabeni okuhloswe ngayo ukugwema ukuguquguquka kwesimo sezulu okuyingozi futhi kusenjalo kuvikelwe nezinto zentuthuko ezibekwe eqhulwini emazweni asathuthuka.

2.2 IKhabhinethi yakwamukela ukuthi Imibiko Edidiyelwe Yokuqala kanye Naleyo Ekhishwa Ngezikhathi Ezithile yeNingizimu Afrika ngaphansi kweSivumelwano Samazwe Ngamazwe Samalungelo Omphakathi Nawezepolitiki ithunyelwe kwiNhlangano Yezizwe Ezihlangene. Le mibiko ikhombisa imiphumela yokuhlolwa kwezinto ezifezekisiwe kanye nezinselelo eziphathelene nokusebenza kwamalungelo omphakathi nawezepolitiki aqukethwe eSivumelwaneni kanye nakuMthethosisekelo wethu. Lokhu kugxile ikakhulu kwisithunzi somuntu kanye nelungelo lokulingana kusukela ekuqaleni kwentando yeningi labantu ngowe-1994.

3 IMithethosivivinywa

3.1 IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa koMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokugqugquzelwa Nokuvikelwa Kwezimali Ezitshaliwe, 2013 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka lwezomthetho lokutshalwa kwezimali futhi wenzelwe ukuvikela ngokusemthethweni bonke abatshali-zimali ngokuhambelana nezidingo zoMthethosisekelo. UMthetho ohlongozwayo uzokwenza ukuthi sikwazi ukuheha abatshali-zimali bakwamanye amazwe futhi kukhuliswe nokuthunyelwa kwezimpahla kwamanye amazwe ukuze kugqugquzelwe ukusimama komnotho kanye nentuthuko eNingizimu Afrika. Ngakho-ke lo Mthethosivivinywa uhlose ukuletha ukulingana okuningana phakathi kwamalungelo nezibopho zabo bonke abatshali-zimali eNingizimu Afrika, nesidingo sokuhlinzeka abatshali-zimali bakwamanye amazwe kanye nabakuleli lizwe ngokuvikeleka okwanele futhi okulinganayo.

3.2 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho WokuQashisa Ngezindlu, 2013. Lo Mthethosivivinywa ulungisa izihumusho ezithile kanye nezindaba zokuqaliswa kokusebenza komthetho ezivumbuke emva kokushaywa koMthetho WokuQashisa Ngezindlu, 1999 (uMthetho Nombolo. 50 we-1999) (ngenjoba uchitshiyeliwe ngowezi-2008). UMthetho uhlose ukugqugquzela ukuthi kube nemakethe ezinzile futhi ekhulayo ezoqhubeka nokumelana nesidingo sokuhlinzeka ngezindlu eziqashisayo ezingambi eqolo kubantu ababencishwe amathuba phambilini ngenxa yobandlululo.

3.3 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wezabameli, 2013. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezabameli, 1979 (uMthetho 53 we-1979), njengesinyathelo sesikhashana, kuze kuphasiswe futhi kuqaliswe uMthethosivivinywa Womkhakha Wabasebenzi Bezomthetho. Lo Mthethosivivinywa ulungisa ukungalingani okukhona phakathi kwabameli namathwasa omkhakha wezabameli futhi uqeda imiphakathi yezomthetho eyasungulwa ngokwemingcele yamandla okusebenza kwenkantolo yohlelo lwezabelo ezizimele oselwaqedwa (e-Transkei, e-Bophuthatswana, e-Ciskei kanye naseVenda). Lezi zichibiyelo zizoqinisekisa ukulawulwa ngendlela efanayo komsebenzi wezobumeli ezweni lonke futhi zizoqinisa ukuphathwa komsebenzi wezobumeli ezindaweni ezibalwe lapha ngenhla.

3.4 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wezabameli Bombuso, 2013. Inhloso yoMthethosivivinywa wukuchibiyela uMthetho Wezabameli Bombuso, 1957 (uMthetho 56 we-1957). Izichibiyelo zihlinzeka ngobuholi obufanelekile bokuphatha kanye nokuqapha ukusebenza koPhiko Lombuso Losizo Lwezomthetho. Zihlose ukuhola uhlelo lokuqokwa koMmeli Omkhulu Wombuso ozophatha bonke aBameli Bombuso futhi ahlinzekele izindaba ezihlobene nalokho, njenge sinyathelo sokuqala ekuqalisweni koHlaka Lwenqubomgomo Yoguquko Ophikweni Lombuso Losizo Lwezomthetho.

3.5 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wesilinganiso Senani Lomhlaba, 2013. UMthethosivivinywa uhlose ukusungula  iHhovisi Lomlinganisi Omkhulu Wamanani Omhlaba. Leli hhovisi lizohlinzeka ngomsebenzi wokwenza izilinganiso zamanani omhlaba ohlonziwe ozothathwa kubanikazi bawo futhi ozosetshenziselwa izinhloso zokufezekisa izinguquko kwezomhlaba, kanti futhi lizohlinzeka iminyango kahulumeni ngosizo lokwenziwa kwezilinganiso zamanani omhlaba uma leyo minyango izicelela yona ngokwayo ukuthi kwenziwe lokho, ngaphandle kokuphoqelelwa.

3.6 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende kohlaka olubuyekeziwe loMthethosivivinywa Wezokuthuthukiswa Kwengqalasizinda. Lo Mthethosivivinywa usungula ngokomthetho i-PICC kanye noHlelo Lukazwelonke Lwezengqalasizinda njengezindlela ezisemqoka zokulawula nokuqhuba umsebenzi wokuthuthukiswa kwengqalasizinda eNingizimu Afrika. UMthethosivivinywa Wezokuthuthukiswa Kwengqalasizinda uhlinzeka ngohlaka lwezomthetho lohlelo lwezokwakha futhi uyalekelela ekwenzeni ngcono imiphumela yalo ethuthukisayo kanye nokusebenza kwalo ngendlela efanele.

3.7 IKhabhinethi yamukela ukuthi  uMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wezokufukulwa Kwabesifazane Kwezomnotho kanye Nokulingana Kwezobulili, 2013 wethulwe ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukusungula uhlaka lwezomthetho lwamagugu okungacwasi ngokobuhlanga nangokobulili kanye nokulingana njengoba uMthethosisekelo ulayela ukuthi kube njalo. Uhlose futhi nokugqugquzela ukufukulwa kwabesifazane kwezomnotho, nokumelwa kwabo ngokulinganayo ezinhlakeni zokuthathwa kwezinqumo kanye nokuvikelwa nokuthuthukiswa kwabo njengoba kulindelekile ngokulayela kweSigaba 9 (2) soMthethosisekelo.

3.8 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wezokuphathwa  Kwemisebenzi Kahulumeni, 2013. Lo Mthethosivivinywa wuhlaka  oluhlose ukuhlinzekela ukugqugquzelwa kwamagugu nemigomo eyisisekelo okukhulunywa ngako kwiSigaba 195 (1) soMthethosisekelo mayelana nezokuphathwa kwemisebenzi kahulumeni; uhlinzekele ukuthunyelwa kanye nokuqokwa kwabasebenzi ezikhundleli zomkhakha wokuphathwa kwemisebenzi kahulumeni; ukulawula ukuvinjelwa kwabasebenzi bakahulumeni ukuthi benze ibhizinisi nombuso; ukuhlinzekela izinyathelo zemigomo yokuziphatha ngendlela efanelekile kanye nobuqotho ezibandakanya nokusungulwa koPhiko Lwemigomo Yokuziphatha Ngendlela Efanelekile kanye Nobuqotho Emkhakheni Wezokuphathwa Komsebenzi Kahulumeni futhi Oluzohlinzeka Ngosizo Olufanelekile Oluphathelene Nokuqondiswa Kwezigwegwe. UMthethosivivinywa uqondiswe kubasebenzi bakahulumeni kuwo wonke amazinga kahulumeni.

4 Abaqashiwe

4.1 IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi yoPhiko Lwezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-Seda) isikhathi esiyiminyaka emithathu:

a) Dkt. Ivor Mzwandile Zwane (uSihlalo)
b) Dkt. Tebogo Job Mokgoro (ilungu elingeyona ingxenye yesigungu esiphezulu)
c) Mnu. Thakhani Makhuvha (umqondisi ongelona ilungu lethimba labaphathi abayingxenye yesigungu esiphezulu)

4.2 IKhabhinethi yakwamukela ukwelulwa kwenkontileka yomsebenzi kaNksz. TE Radebe njengoMphathi Oyinhloko yeSizinda Sokusungula Izinhlelo Ezintsha Emkhakheni Womsebenzi Kahulumeni (i-CPSI).

4.3 IKhabhinethi yakuphawula ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza kwamalungu angama-21 oMkhandlu waseNingizimu Afrika Wemisebenzi Yomkhakha Wesayensi Yemvelo isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha:

a) Dkt. CJ Augustyn
b) Mnu. N Baloyi
c) Slz. ELJ Breet
d) Slz. NH Casey
e) Dkt. F Dilika
f) Dkt. MM Dyasi
g) Dkt.JF Eloff
h) Dkt. I Gledhill
i) Mnu. OSD Garegae
j) Mnu. P Govender
k) Mnu. TP Govender
l) Dkt. G Henry
m) Dkt. BH Koch
n) Mnu. BS Maloka
o) Dkt. P Matutu
p) Dkt. S Naidoo
q) Slz. BK Reilly
r) Slz. HJ Siweya
s) Dkt. ME Stalmans
t) Slz. C Van der Westhuizen
u) Dkt. G Botha.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Issued by: Government Communications

Share this page

Similar categories to explore