Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Wangomhla zingama-20 kuNhlangulana 2018

IKhabhinethi lahlangana ngoLwesithathu, mhla zingama-20 kuNhlangulana 2018, e-Union Buildings, ePitoli.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Umkhandlu Wezokuvikela Wenhlangano Yezizwe (i-UNSC)

1.1 IKhabhinethi lidlulisela ukubonga amalungu eNhlangano Yezizwe (i-UN) ngokweseka iNingizimu Afrika ngendlela emangalisayo ukuze isebenze njengelungu elisebenza ngokungagcwele le-UNSC ehlandleni lowezi-2019 kuze kube ngowezi-2020.

1.2 Lolu khetho lulandele isinqumo esithathwe ngo-elethu sokuthi kubanjwe Ingqungquthela eqondene Nezokuthula Emhlabeni Jikelele kuhlonishwa uMongameli wangaphambilini uNelson Rolihlahla Mandela kuMandulo 2018, njengoba kuwunyaka wekhulu kwazalwa uMongameli wokuqala weNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi labantu. Ubulungu bethu ku-UNSC kunikelwe ekuhlonipheni umlando nemisebenzi kaMadiba.

1.3 INingizimu Afrika izosebenzisa ubulungu bayo ukuthuthukisa okuseqhulwini Ohlelweni lweNhlangano Yamazwe ase-Afrika lowezi-2063, okuwuhlaka olungokweqhingasu kwezenhlalomnotho yezwekazi eminyakeni engama-50 elandelayo.

2. Izingxoxo zokubonisana ngamaholo abasebenzi bakwa-Eskom

2.1 IKhabhinethi lamukela ukungenelela kukaNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni uPravin Gordan empikiswaneni ngezingxoxo zamaholo ebeyiphakathi kwabaphathi be-Eskom nabasebenzi. Ukuphakelwa ngogesi kungolunye lwezinsiza ezisemqoka ekhululisweni komnotho wethu nokudalwa kwamanye amathuba emisebenzi.

2.2 IKhabhinethi linxusa bonke abathintekayo ukuthi baqhamuke nesixazululo empikiswaneni yokunyuswa kwamaholo ngokushesha ukuze kube nozinzo futhi nomnotho wezwe uqhubeke ngokufanele. 

3. Imibhikisho emigwaqweni enguthelawayeka

3.1 IKhabhinethi likugxeka kakhulu ukuvalwa kwemigwaqo ekuthelawayeka eminingana kwakamuva nje okwenziwe ababhikishi ezingxenyeni ezithile zezwe. Imigwaqo ewuthelawayeka iyingqalasizinda yethu yezokuthutha esemqoka kakhulu eyeseka ukuthuthwa kwempahla kanye nemisebenzi yemikhakha eyahlukahlukene yezomnotho. Uhulumeni wethu obuswa ngokwentando yeningi labantu esekelwe kumthethosisekelo uhlinzeka ngenkundla abantu abangaphakamisa kuyo izikhalo ngaphandle kokuphazamisa.

3.2 Izenzo zobugebengu zodlame nokuphazamisa azizukwamukeleka futhi iKhabhinethi linxusa abaphoqeleli bomthetho (amaphoyisa) ukuthi bathathe izinyathelo ezifanele, ezimiswe ngokoMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996, wokuqinisekisa ukuthi ababhebhethekisi balezi zigameko babhekana nengalo yomthetho.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

4. Isonto Lokwaziswa Uhlelo Lokusebenza

4.1 IKhabhinethi linikwe imibiko ekhishwa kabili ngonyaka emayelana nenqubekela phambili yemisebenzi yesikhathi esiqale mhla ka-1 kuMfumfu 2017 kuze kube umhla zingama-30 kuNdasa 2018. IKhabhinethi libonge inqubekela phambili ebonakele emiphumeleni yesikhathi esimaphakathi emigomweni eseqhulwini eyi-14 futhi lagunyaza izindlela zokungelela eziphakanyisiwe kwezinye izindawo okubonakale zishaya ngolonwabu kwinqubekela phambili. Wonke amaqoqwana enziwe yiminyango ehlukahlukene azomema abezindaba ukuze ethule imibiko ngenqubekela phambili eseyibonakele kanye nezindawo okumele kungenelelwe kuzo. 

4.2 Uphiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS) luzohlela imihlangano nabezindaba ukuze amaqoqwana eminyango ehlukahlune akwazi ukwethula imibiko futhi lushicilele uhlelo ku-www.gov.za kungekudala.

5. Umbiko ngemihlangano yokubonisana nabasezimayini

5.1 UNgqongqoshe Wemithombo Yezimbiwa uGwede Mantashe wethulele iKhabhinethi umbiko emhlanganweni wezinsuku ezimbili obanjwe kuNdasa 2018 nababambiqhaza basemphakathini abamelwe amabhizinisi azimele kanye nezinhlangano zabasebenzi. Bonke okubanjisenwe nabo bavumelene ngesidingo sokuvuselela izingxoxo nomphakathi maqondana nomkhakha wezokuvukuza bese kuhlonzwe izindlela zokungenelela ezidingekayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi umkhakha wezokuvukuza ubekwa esigabeni sokudala ukukhula okubandakanyayo nokuqhubekisekayo.

5.2 Ababambiqhaza bakhulume nangokwehla okubonakele ngekota lokugcina ekukhiqizeni kwasezimayini kanye nezinqubo ezinzulu eziqondene notshalomali kwezezimayini, ezokukhiqiza kanye nezemisebenzi. Bavumelene ngesidingo sokubonisana ngombono abazovumelana ngawo emkhakheni wezokuvukuza, futhi kwagunyaza kabusha ukwesekana kanye nokuncikana okukhona phakathi koguquko kanye nezokuncintisana.  

5.3 IKhabhinethi liphinde laziswa ngamathimba amabili ababambiqhaza bemikhakha ehlukahlukene azophothula Usomqulu Wezokuvukuza. Uma seziphele nya izinqubo zokubonisana, usomqulu uzokwethulelwa iKhabhinethi ukuze liwamukele okokugcina.

6. Uhlaka Lohlelo Lwesabelomali Lukazwelonke lowezi-2019 (iPhepha Lokugunyaza)

6.1 IKhabhinethi ligunyaze ukukhishwa koHlelo Lwezinto Ezibekwa Eqhulwini Kusabelomali lweSabelomali sowezi-2019 futhi kwanqunywa izikhathi zokuqedwa koHlelo Lwezinto Ezibekwa Eqhulwini Kusabelomali lweSabelomali sowezi-2020.  

6.2 Lolu hlelo luphakamisa izinhlelo eziseqhulwini zeSabelomali sowezi-2019 ezizokwenza uhulumeni ukwazi ukubhekana nezinselele ezintathu okungububha, ukungabibikho kwemisebenzi kanye nokungabiwa ngokulinganayo kwezinsiza ezikhona. 

7. Ezamandla  

7.1 IKhabhinethi ligunyaze umsebenzi Wokuvalwa Nokususwa Kokunobungozi kwizikhungo zemikhiqizo yenuzi eziyingxenye Yezikhungo Ezibalulekile Zemikhiqizo Yenuzi Ezingasasetshenziswa (Isigaba 1) kanye nezinye izikhungo zenuzi ezisebenzayo manje (Isigaba 2) ezisePhelindaba. Njengamanje lezi zikhungo ziyabonakala emabhukwini Enhlangano Yezamandla Enuzi eNingizimu Afrika (i-South African Nuclear Energy Corporation). IKhabhinethi ligunyaze ukuthi le nqubo kumele iqhutshezelwe phambili ngokubonisana noMgcinimafa Kazwelonke.

C. Imicimbi Ezayo

8. Inkomfa Yesigungu Sezomnotho Somhlaba (i-WEF)

8.1 UMongameli uCyril Ramaphosa uzosingatha iNkomfa ye-WEF ePark Hyatt Hotel eRosebank mhla zingama-28 kuNhlangulana 2018 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ukuhlelemba Ukuvuselelwa Komnotho waseNingizimu Afrika - iqhaza Lezamabhizinisi." Lo mcimbi uzohlanganisa abantu abayi-100 basemkhakheni wezamabhizinisi akuleli nawakwamanye amazwe kanye nezikhulu zikaHulumeni waseNingizimu Afrika ukuze babonisane ngamathuba otshalomali kanye nokwakhiwa kobudlelwano.

8.2 Umhlangano nezinhlangano zezamabhizinisi e-WEF eziyibacabi bendlela eNgqungqutheleni Yotshalomali kahulumeni ehlelelwe isikhathi esimakhathaleni nonyaka, onhloso yayo kuwukunxenxa abatshalimali bezigidigidi ezingu-US$100 eminyakeni emihlanu.

9. Ingqungquthela yeNhlangano Yentela Yokuhwebelana Yamazwe AseNingizimu ne-Afrika (i-SACU)

9.1 UMongameli Ramaphosa uzohola amanxusa azohambela Ingqungquthela ye-SACU ezobanjwa mhla zingama-29 kuNhlangulana 2018 eBotswana. UMongameli uzosebenzisa le nkundla ukuze ahlangane neHhovisi likaNobhala Wenhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe AseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ukuxoxisana ngokuqaliswa kwezinhlelo zesifunda. 

9.2 Njengosihlalo wamanje we-SADC, iNingizimu Afrika ibilokhu yeseka ukudidiyelwa kwesifunda okunzulu nge-SACU ne-SADC, futhi yiyo ehola ukuqhutshwa kwezimboni esifundeni nokudidiyela ngokusebenzisa izindlela zokukhula ezinhlobonhlobo ezingase zibe khona.

10. Ingqungquthela Yesikhungo Sezamanzi ysaseNingizimu Afrika (i-WISA)

10. 1 Ingqungquthela noMbukiso we-WISA 2018 Obanjwa Ngemuva Kweminyaka Emibili uzobanjwa kusukela kumhla zingama-24 kuya kuma-27 kuNhlangulana 2018 eKapa. Isifunda saseNingizimu Afrika sibhekene nokungaqiniseki kanye nokuba buthaka kwezokuhlinzeka ngamanzi, futhi izingxenye eziningi zaseNingizimu Afrika zisanda kubhekana nezimo zesomiso esidonse isikhathi eside.

10.2 Le ngqungquthela kulindeleke ukuthi ihehe amanxusa ayizi-2000 azoxoxisana ngezindlela zokuqinisekisa impumelelo yoMgomo wesithupha Wentuthuko Eqhubekisekayo ye-UN, ogxile ekuhlinzekeni ngamanzi ahlanzekile nokuthuthwa kwendle kwabantu bonke ngonyaka wezi-2030.  

D. Imiyalezo

11. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa ukuzwelana kwalo okukhulu nabalandelayo:

11.1 Umndeni nabangani baMhlonishwa uSibusiso Radebe, obeyilungu le-African National Congress ePhalamende laseMpumalanga, owabulawa ngenkathi bezama ukuduna imoto yakhe eGauteng. UMhlonishwa Radebe uzokhunjulwa ngokuba yisishoshovu sabantu abasha esasebenza kanzima ukuthuthukisa izimpilo zezakhamizi zaseNingizimu Afrika.

11.2 Umndeni nabangani baNksz. Joyce Mashamba, odlule emhlabeni esanguNgqogqoshe Wesifundazwe (u-MEC) Wezolimo eLimpopo. Lesi sishoshovu esasilwela inkululeko sasebenza njengo-MEC eminyangweni ehlukahlukene esifundazweni selokhu kwaqala intando yeningi labantu.

11.3 Umndeni nabangani baMnu. Billy Modise, owayenguMphathi Omkhulu Wophiko Lezeluleko Nemithetho Yenkambiso Elungileyo Emicimbini Yesizwe, owamukeliswa indondo yokuhlonishwa kazwelonke i-Order of Luthuli. Waziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe wokwakha inhlangano eyayilwisana nobandlululo emazweni eseNyakatho neYurophu, isifunda esibizwa ngokuba yi-Nordic ngeminyaka yowe-1960. 

11.4 Imindeni yabavukuzi abathathu abashone emayini yaseSibanye-Stillwater i-Kloof Ikamva Mine eduze kwaseWestonaria eGauteng futhi linxusa ukuthi bonke ababambiqhaza bakulo mkhakha baqhubeke nokubeka eqhulwini ezokuphepha ezimayini zethu.

11.5 Isizwe samaMpondo ngokukhothama kwendlovukazi enguNina Wesilo sesizwe samaMpondo aseNyandeni, uNdlovukazi Fikelephi 'Bongelethu' Ndamase.

11.6 Imindeni nabangani baMnu. Ismail Bassa noMnu. Sayaad Hitig, ababulawe ngokuhlaselwa kwendawo yokukhonzela yamaSulumane, i-mosque, yaseMalmesbury eNtshonalanga Kapa.

12. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lidlulisa umyalezo wokuhalalisela abalandelayo:

12.1 UDkt.Robert Gess, umcwaningi ophuma phambili waseNingizimu Afrika oqhube ucwaningo ngezidalwa zasolwandle ezinganakiwe kanye nezilwane ezinemigogodla noma izinhlanzi zasendulo kanye nama-tetrapods okuqala esikhathi se-Devonian. Uthole into okukholakala ukuthi ngamathambo aneminyaka eyizigidi ezingama-360. Izinhlobo zezilwane ezintsha, eziqanjwe amagama athi i-Tutusius ne-Umzantsia, ziyizilwane zase-Afrika zokuqala ezaziwayo ezinemigogodla ezinemilenze emine ezazikhona ngeminyaka ebalelwa kuzigidi ezingama-70 edlule. Lokhu kutholwa kwalezi zidalwa kuqinisa ukuthi izwe lethu lingumholi ophuma phambili kwezesayensi nocwaningo.

12.2 UBongumusa Mthembu ngokuvikela isicoco sakhe somjaho i-Comrades Marathon kanye no-Ann Ashworth ngokunqoba umjaho wabantu besifazane. IKhabhinethi lihalalisela uXolani Luvuno ngokuzimisela nokubekezela kwakhe ukuqeda lo mjaho esebenzisa imikhoba yakhe.

12.3 UDkt. Siyabonga Cwele, uNgqongqoshe Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, kulandela ukukhethwa kwakhe njengosihlalo wenhlangano i-Telecommunications Satellite Organisation (ITSO). INingizimu Afrika izoba ngusihlalo we-ITSO okokuqala futhi izobamba lesi sihlalo iminyaka emibili. Leli thuba lezwe lokuba usihlalo lizosetshenziselwa ukuqhuba izintshisekelo zezwekazi lase-Afrika kanye namazwe asathuthuka ezinhlanganweni ezakhiwe ngamazwe ahlukahlukene.

Imibuzo:
Nksz. Phumla Williams – Isikhulumi SeKhabhinethi Esiyibamba
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore