Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zi-3 Mandulo 2014

1. Ukuqaliswa Kwezinhlelo ZikaHulumeni Eziqavile

1.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukuvulwa ngokusemthethweni kweSibhedlela i-Dr Harry Surtie e-Upington, eNyakatho Kapa nguMongameli Zuma, mhla zi-2 Mandulo 2014. Lokhu kwenzeke ngemva kwezinsuku ezine kuvulwe esinye isibhedlela esisha nguNgqongqoshe Wezempilo uDkt. Aaron Motsoaledi e-Natalspruit, eGauteng. Lesi ngesinye sezinyathelo ezibalulekile zohlelo lukahulumeni lwengqalasizinda kazwelonke esizoqinisekisa ukuthi kwakhiwa izibhedlela ezingama-43 nemitholampilo engama-213 eminyakeni emihlanu ezayo ukuhlangabezana nezidingo zohlelo Lomshuwalense Wezempilo Kazwelonke.

1.2. Ikhabhinethi iyakuncoma ukuboshwa nokubanjwa kweqembu lemigulukudu esolwa ngokuduna amaloli ngaphansi komklamo we-Project Darling. I-Project Darling iholele ekutholakaleni kwamadayimane atholakale ngokungemthetho nezimpahla zenani lezigidi ezingama-R50, imizi eyi-15 kanye nemali yamanye amazwe engaba yizigidi ezingamaR-43. 

Ngasekupheleni kwale nyanga amaphoyisa azokhipha izibalo zonyaka zamazinga obugebengu. Lezi zibalo zisuselwe esibalweni samacala abikiwe emaphoyiseni, futhi zizotshengisa okube yimpumelelo nokube yizinselelo.

Ukushicilelwa kwalezi zibalo kusinikeza imininingwane eyiyo uma sixoxa ngalokhu kanye nokuthi singaqinisa kanjani ubudlelwano nomphakathi kusetshenziswa icebo likahulumeni elididiyelwe lokungenelela ukulwa nobugebengu. Ukuze izwe liphumelele ekulweni nobugebengu, iKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuthi idlale indima yayo ibike ubugebengu futhi yeseke izithangamu zokuphepha emphakathini njengoba ukulwa nobugebengu kudinga imizamo yomphakathi wonkana.

UHulumeni uyakuhlaba kakhulu ukuhlaselwa ngesihluku esikubona kwenziwa kumalungu oMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngenkathi esemsebenzini.  NgeSonto, mhla ziyi-7 Mandulo 2014 uhulumeni uzohlonipha futhi akhumbule amaphoyisa ashona esemsebenzini. IKhabhinethi imema isizwe ukuthi sihloniphe la maphoyisa ashona ezama ukuqinisa ukuthotshelwa komthetho.

1.3. IKhabhinethi iyasemukela isimemezelo sendawo yokufuya izinhlanzi ebiza izigidigidi  ezi-R2 eSizindeni Sokuthuthukiswa Kwezimboni sase-Coega eMpumalanga Kapa ezofinyelela kumahektha angama-80 okufuya izimbaza uma kufika unyaka wezi-2020 iphinde ivule amathuba omsebenzi azoqasha ngokugcwele abantu ababalelwa ezi-2 080. Lo mklamo uyingxenye yohlelo i-Operation Phakisa ehlose ukuthukulula amandla omnotho wezilwandle zaseNingizimu Afrika. Umklamo ungangenisa izigidigidi eziyi-R177 uphinde uvule imisebenzi engafinyelela esigidini esisodwa uma kushaya unyaka wezi-2033. IKhabhinethi igqugquzela abanye abatshalizimali ukuthi bahlanganyele noHulumeni kula mathuba amasha okukhulisa umnotho.

1.4. IKhabhinethi iyakuncoma ukuba khona kwethimba longoti baseNingizimu Afrika bezokwelapha Emazweni we-Afrika aseNtshonalanga i-Guinea, e-Sierra Leone, nase-Liberia abalekelela ukulwa nokusabalala kwegciwane le-Ebola. Leli thimba longcweti abaqeqeshwe ngokusezingeni eliphezulu lihlome ngegumbi lokucwaninga elingumahambanendlwana futhi eselibe kuleya ndawo amasonto amabili edlule lisiza ukuhlola isifo kuso sonke lesiya Sizinda.   

1.5. IKhabhinethi iyakwemukela ukwethulwa kwesigaba 1A somklamo Wokuphakelwa Amanzi Ngobuningi obizwa nge-Pongolapoort. Lo mklamo okulinganiselwa ukuthi ungadla izigidigidi ezingu-R1,5 uzosiza ukuthi kuphakelwe amanzi okuphuza kanye nohleloxhumano olukhulukazi lwamapayipi amanzi kubantu abayizi-134 864 emakhaya ayizi-16 200. Umklamo uzoletha amanzi emphakathini wakuMasipala Wendawo yaseJozini, KwaZulu-Natali.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi ikwamukele ukukhishwa Kohlaka oluhlongozwayo Lwentuthuko Edidiyelwe Yasemadolobheni ukuze ludingidwe nababambiqhaza abaqavile kanye nabasebenzisana nohulumeni. Lokhu kuzodinga kuvunyelwane ngohlelo lokuguqulwa kwezindawo zasemadolobheni eNingizimu Afrika. Uhlaka lolu luphendula isicelo sikaMongameli Jacob Zuma sokuba nohlaka lokusebenza lwentuthuko edidiyelwe yasedolobheni ukuze kuqedwe igebe kwezokuhlala eladalwa yisikhathi sobandlululo kanye nokwelekelela omasipala ukuthi bakwazi ukumelana nokulawula ukukhula ngamandla kwezindawo zasemadolobheni. Umbono walolu hlaka ukukhuthaza ukuba amadolobhakazi namadolobhana abe yindawo ehlalekayo, ehlanganise abantu bonke nenokuzinza. Luzobhekana nenkinga yegebe elikhona phakathi kwabobuhlanga nezinga lomnotho okwehlukene bese lwakha amadolobhakazi namadolobhana adidiyelwe nahlangene.

2.2. IKhabhinethi yamukele Umbiko Kazwelonke waseNingizimu Afrika Wezezindlu  Nokuthuthukiswa Kwamadolobha ozokwethulwa Kunkomfa Yenhlangano Yezizwe Ezihlangene (i-Habitat III) ngonyaka wezi-2016. Inkomfa yokuqala YeNhlangano Yezizwe Ezihlangene yokulungiselela izobanjwa mhla ziyi-17 nezi-18 Mandulo 2014. Lo mbiko kulindeleke ukuthi ugqugquzele ‘Uhlelo Olusha Lwezindawo Zasemadolobheni’ lweKhuluminyaka lama-21 ukuze lubhekane nezinselelo zamazwe asathuthuka nalawo asethuthukile, ukuqinisekisa ukukhula ngamandla kwendima edlalwa ngamadolobha ezinkingeni ezifana nokuguquguquka kwesimo sezulu, izibhicongo, ukuthuthuka komnotho kanye namalungelo abantu. Amalungiselelo e-Habitat III afike ngenkathi iNingizimu Afrika isungula Inqubomgomo Yohlaka Oludidiyelwe Lokusebenza Ezindaweni Zasemadolobheni nangenkathi iqala amalungiselelo Ohlaka Lomthetho Wezokuhlaliswa Kwabantu kanye nokuqaliswa koHlaka Lomthetho Ohlongozwayo  Kwezokuhlaliswa Kwabantu.

2.3. IKhabhinethi ikwamukele ukusungulwa kweNhlangano Yokwengamela Impahla Yombuso ezobhekela ukwenganyelwa kwempahla kahulumeni. Lokhu kuzoba Yingxenye Yesikhungo  Sikahulumeni ngaphansi kweso likaNgqongqoshe woMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi. UNgqongqoshe uNxesi uzonaba kabanzi kulolu daba.

2.4. IKhabhinethi iyamukele Inqubomgobo echitshiyelwe Yokuqashwa Kwabasebenzi ababhekene Nabamenyezelwe yinkantolo njengabahlulekile ukukhokhela izikweletu zabo nezoshicilelwa njengesaziso kuSomqulu kaHulumeni. Inqubomgomo igxile ekugqugquzeleni ukungachemi, ubulungiswa, ukusebenza ngendlela esobala kanye nokulingana kubantu abebencisheke amathuba ngenxa yokucwasana. Ushintsho olukhulu olulethwe yilokhu kuchitshiyelwa ukususwa kohlelo olwaziwa ngokufaka isicelo sokusebenzisa umhlaba noma impahla ngenhloso yokuletha ushintsho. Inqubomgomo izosebenza kuphela kubantu abaqashwe ngokoMthetho wabantu abamenyezelwe yinkantolo njengabahlulekile ukukhokhela izikweletu zabo, Umthetho Wezinkampani kanye Nomthetho Wamabhizinisi Amancane.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi ikuphasisile ukuthi UMthethosivivinywa Wokwemukwa umhlaba nguhulumeni, yowezi-2014 wethulwe ePhalamende. Umthetho Wokwemukwa umhlaba nguhulumeni, we-1975 wenziwa ngaphambi KoMthethosisekelo, we-1996 okwenza kubaluleke ukuqiniseka ukuhambisana komthetho olawula ukuthathwa komhlaba nemigomo ehlinzekelwa kuMthethosisekelo. Ungqongqoshe uNxesi uzonaba kabanzi kulolu daba.

4. Isimo seKhabhinethi ezindabeni zamanje 

4.1. IKhabhinethi ikhuthazekile ngokusimama komnotho okuqoshe kule kota yesibili yonyaka phezu kokuba umnotho ubhekene nezimo ezinzima ezweni nasemazweni aphesheya.  Isivinini sokukhula komnotho siselokhu sihamba kancane kakhulu ukuba singakwazi ukubhekana nezinselelo zethu zobubha, ukungalingani nokuntuleka kwemisebenzi. UHulumeni uzama ukuphangisa uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe ukubhekana nezinselelo zethu ezakhiweni zethu, ukuze kusimamiswe ngokuphelele amandla omnotho wethu ukuze kuvulwe abantu bethu imisebenzi. Kulokhu-ke, utshalomali kungqalasizinda – ugesi, ezokuthutha, amanzi, imigwaqo, izikole kanye nezibhedlela – kwakha inkundla yokukhula komnotho obandakanya umuntu wonke.

Umthamo wonyaka wotshalomali olwenziwe ngamabhizinisi ahulumeni ukhule ngama-260% angaphezulu ngokubonakalayo eminyakeni eyishumi edlule. Ukusebenzisa izimali zonyaka kohulumeni basekhaya kungqalasizinda sekuphindeke kabili ngokubonakalayo kusukela ngasekupheleni konyaka we-1990. Imboni yahulumeni isitshale imali engaphezulu kwethriliyoni elilodwa lamarandi  kungqalasizinda kusukela ngonyakamali wezi-2009/10. Silindele ukuba ukukhula esigabeni sesibili sonyaka kuzoqina kakhulu njengoba imboni yezimayini neyezokukhiqiza zisimama. Futhi uhulumeni uzoqhubeka nokusebenzisana namabhizinisi nabasebenzi ukudala indawo ekhuthaza utshalomali nokusimama komnotho.

4.2. IKhabinethi iyazihlaba izenzo nezitatimende zakamuva ezibhebhezela udlame futhi eziphambene nemigomo yomthethosisekelo wethu kuphinde kubeke engcupheni esesikuzuzile njengezwe. Lesi sigameko esisanda kwenzeka sokucekelwa phansi kwamabhasi eNtshonalanga Kapa siyahlaba kakhulu.

IKhabhinethi iyabancoma abazali abakubeke ezandleni zabo ukuqinisekisa ukuthi izingane zibuyela ezikoleni eNyakatho Kapa. IKhabinethi ibonga abazali ngokungenelela ekusaseni lezingane zabo futhi linxenxa ukuthi ikusasa lezingane akufanele liphinde libekwe engcupheni noma lisetshenziswe ukufeza izimfuno zomphakathi. IKhabhinethi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavikele isithunzi sezwe bathembe ukuthi liyakwazi ukuvula izinkundla zezingxonxo ezakhayo nokuxazulula izindaba kungakhathalekile ukuthi ubani obandakanyekayo ukuze kuqhubekiselwe iNingizimu Afrika Phambili.

4.3. IKhabhinethi iyazemukela izinqumo ezithathwe Inhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) mayelana Nezoxolo Nokuphepha enkingeni yakamuva kwezepolitiki e-Lesotho futhi igcizelela ukweseka kwayo i-SADC ngaphandle kongabazane ngokuchitha yonke imizamo yoshintsho lukahulumeni olungahambisani nomthethosisekelo. Ngalokho-ke iKhabhinethi imema bonke ababandakanyekayo ukuthi basebenzisane ukuze kubuyiselwe ukuthula kwentando yabantu e-Lesotho kuphinde kuqaliswe ukusebenza koMhlahlandlela  okwavunyelwana ngawo nophiko lwe-SADC.

4.4. IKhabhinethi ikuqaphelile ukwesula kukaSihlalo WeKhomishana Yokhetho Ezimele, u-Advocate Pansy Tlakula. Ukwesula kwakhe kwenzeke emva koKhetho lowezi-2014 abelengamele olube yimpumelelo. Ube negalelo elikhulu ekuqinisekiseni ukuthi intando yeningi labantu ihlala izinzile. IKhabhinethi idlulisa ukubonga igalelo elenziwe u-Advocate Tlakula, idlulisa ukubonga kwayo ekuzinikeleni kwakhe kuntando yeningi labantu futhi imfisela okuhle kodwa.

4.5. IKhabhinethi iyasemukela isehlulelo esikhishwe Yinkantolo Yomthethosisekelo nesiqinisekisa ukuthi inqubomgomo kahulumeni yokwenza ngokuyikho ilungile. Uhulumeni akaguquki ohlelweni lwakhe lokulungisa ukungalingani emphakathini ikakhulukazi ezindaweni zokusebenzela. Lesi sahlulelo siphinde siqinisekise ukuthi ngempela ukusebenza kukahulumeni ngokuyikho kanye neminye imithetho yokulingana emsebenzini kugquqguzela ushintsho kuphinde kuhlomise labo ababencishwe amathuba ngaphambilini.

5. Imicimbi ezayo

5.1. UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uzokwenza okwesine Ukuhlola Konyaka kweSizwe sonke  (i-ANA) kusukela mhla ziyi-16 kuya ziyi-19 Mandulo 2014 ukubheka inqubekela phambili yemiphumela yokufunda phakathi kweBanga loku-1 kuya kwelesi-6 kanye neBanga lesi-9 njengengxenye yomzamo wokwenza ngcono iqophelo lezemfundo. Nonyaka, (wezi-2014) uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uzophinda wenze uhlolovivinyo lokuhlola ngokusebenzisa abafundi okuzohlolwa ngabo ukusebenza kwalolu hlelo beBanga lesi-7 nelesi-8 kanti isinqumo ngalokhu kuhlola siyobe sesenziwa ngowezi-2015. 

I-ANA inikeza ubufakazi obusetshenziswayo ukuqaphela impumelelo yemizamo yokungenelela kukahulumeni ehlukene ukuze kwenziwe ukufunda nokubhala kanye nokufunda izibalo kubafundi futhi iphinde yenze othisha bakwazi ukuhlonza izindawo lapho abafundi bedinga kuzo ukwelekelelwa okwengeziwe. IKhabhinethi ikhuthaza ababazali nabanakekeli bezingane ukuthi beseke izingane zabo futhi baqinisekise ukuthi imiphumela isetshenziswa ukubhekana nanoma yiziphi izindawo okusafanele zithuthukiswe. Uhla lwezikhathi zokubhala i-ANA nezinsiza zonyaka wezi-2014 zitholakala ku: www.education.gov.za

5.2. UNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba uGugile Nkwinti uzokwethula Ingqungquthela Yemithetho yokusetshenziswa komhlaba yowezi-2014 ehhotela i-Birchwood kanye Nasesikhungweni sokubambela izinkomfa i-OR Tambo, eBoksburg kusukela mhla zizi-4 kuya mhla zi-6 Mandulo 2014. Ingqungquthela izogxila ezinyathelweni ezingenziwa ukulungisa okwenzeka ngesikhathi sobandlululo ezweni lethu nokwabangela ukuthi abantu abamnyama abangaphezulu kwama-75% basale bengenamhlaba, bengenazindlu, bengenamakhono futhi bengenamithetho ebekiwe yamalungelo omhlaba. IKhabhinethi ikhuthaza ababambiqhaza ukuthi basebenzisane noHulumeni ukuqalisa ukwenza lokho abazibophezele kukhona  ngendaba yokuvikela amalungelo okukhishwa kwabantu abaningi ezindaweni ngokungemthetho.

5.3. Uhlelo lweNyanga Yezemisebenzi Kahulumeni kusuka mhla lu-1 kuya zingama-30 Mandulo 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi “Ukwakha kabusha Indlela Abasebenzi Bakahulumeni Abasebenza ngayo: i-Batho Pele ‘Ukubeka Abantu Phambili’”, luzogxila ekuqiniseni ikakhulu ukuhlinzekwa kwezidingo. IKhabhinethi imema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahloniphe abasebenzi bahulumeni abenza ngokuvelele noma izikhungo zikaHulumeni ngokuthi baziqokele ukuhlomula Umklomelo Kazwelonke we-Batho Pele Wokusebenzela Umphakathi Kahle ngaphambi kosuku olungumnqamulajuqu mhla zingama-30 Mandulo 2014.

5.4. Inyanga yamagugu igujwa kusukela mhla lu-1 kuya zingama-30 kuMandulo 2014 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sigubha Iminyaka engama-20 Yentando yeningi Labantu: “Xoxa Udaba Lwakho Oluqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili”. IKhabhinethi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathokozele amagugu ethu anothile kanye nemvelo, izinkolelo ezahlukene, namasiko njengabantu ababumbene nabaphokophele ukuba munye. INyanga yamagugu nonyaka, yenzeka njengoba sigubha Iminyaka engama-20 Yenkululeko nakho okuqinisa esiyokukhumbula sonke ngempokophelo yethu ekhuthaza  ukuba munye njengezwe.

IKhabhinethi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi intsha ukuthi ibungaze amagugu ezinhlanga zonke zaseNingizimu Afrika nokuthi isebenzise amagugu amasiko ahlukene ukukukhuthaza ukwakha isizwe, umphakathi obahlangene kanye nobumbano. Abantu baseNingizimu Afrika baphinde bayanxuswa ukuthi bahambele izindawo zamagugu ethu emvelo ngokuvakashela amapaki kazwelonke nokungenwa mahhala kuwo kusukela mhla ziyisi-8 kuya mhla ziyi-12 Mandulo 2014 njengengxenye Yokugubha unyaka wesiShiyagalolunye waminyaka yonke WeSonto Lamapaki AseNingizimu Afrika Kuzwelonke, i-SANParks. IKhabinethi iyaleseka futhi ikhwelo elishaywe yiPhalamende lokuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika mabavikele amagugu emvelo yethu kuzwelonke.

5.5. IKhabhinethi ifisela iBafana Bafana okuhle kodwa ngaphambi kwemidlalo emibili esemqoka ezoyidlala ne-Sudan mhla zi-5 kuMandulo e-Khartoum nokuwumdlalo ozobadlulisela esigabeni esilandelayo emidlalweni yonyaka ozayo yendebe yezwekazi kanye ne-Nigeria mhla ziyi-10 Mandulo 2014 eKapa.  IKhabhinethi ihalalisele iBanyana Banyana naMajita futhi ibafisela okuhle  kumiqhudelwano emikhulu ezayo. IBanyana Banyana izobe idlala  kuMqhudelwano wesiShiyagalolunye Wabesifazane e-Afrika ozodlalelwa e-Namibia ngenyanga kaMfumfu, futhi sekuseduze bangene esigabeni esilandelayo seNdebe Yomhlaba Ye-FIFA Yabesifazane ngowezi-2015  e-Canada. Ngenkathi Amajita, iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwama-20, engenile kumiqhudelwano yowezi-2015 yase-Afrika e-Senegal. IKhabhinethi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke la maqembu njengoba ekule ndlela yokuzifunela udumo.

IKhabinethi iyabamukela ababambiqhaza abavela kuwo wonke amazwe omhlaba abazobe beyingxenye yomqhudelwano Wesine Wendebe Yomhlaba Kwezekarati i-Kyokushin ozokuba mhla ziyi-6 Mandulo 2014  eLuthuli International Convention Centre, eThekwini. Umqhudelwano uzovulwa ngokusemthethweni nguMongameli Jacob Zuma kanti uhlose ukukhuthaza umdlalo wekarati entsheni ikakhulukazi ngenxa yezinzuzo lo mdlalo ozitshalayo njengokuziphatha kahle, ukuzivikela, ukugxila entweni nokukhuthaza ukulwa nobugebengu emphakathini.

5.6. IKhomishana Yezokuncintisana izoqala Inkomfa Yesishiyagalombili Yaminyaka yonke kanye Nokugujwa Kweminyaka Eyishumi Nanhlanu kusukela mhla zizi-4 kuya mhla zi-5 Mandulo 2014. Inkomfa izovulwa ngokusemthethweni nguNgqongqoshe u-Ebrahim Patel lapho emukela izithunywa, kubandakanya nalabo abavela kwizinhlangano zomncintiswano wase-Afrika kanye nenhlangano eyodwa yokuncintisana esizindeni, Imakethe Yekhomishana Yezokuncintisana e-Afrika eseMpumalanga naseNingizimu.

6. Abaqashiwe

6.1. IKhabhinethi ivumelene nokuqokwa kukaMnu Attwell Sibusiso Makhanya njengoMphathi Oyinhloko eMhlathuze Water.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokukhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Issued by: Government Communications

Share this page

Similar categories to explore