Isitatimende soMhlangano WeKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla ziyisi-8 kuNhlangulana 2022

A.    Ezisematheni
1.    Umnotho  


1.1.    IKhabhinethi yamukele izingenelelo zezwe ezinhle zakamuva ezihlose ukufukula ukukhula komnotho. Ngokwezibalo zakamuva zabantu abangasebenzi ezibuya kwabeZezibalo eNingizimu Afrika, izinga labantu abangasebenzi lehle kusuka kumaphesenti angama-35.3 kwikota yesine yangowezi-2021 laya kumaphesenti angama-34.5 kwikota yokuqala yangowezi-2022. Izinga lokungasebenzi lehlile kumakota amabili elandelana. Imiphumela emihle yalo msebenzi ibonakale kwizinsizakalo zomphakathi nezenhlalo, ekukhiqizeni nasekuhwebeni. 
1.2.    Umkhiqizo wonyaka wezwe kwikota yokuqala yangowezi-2022 ukhule ngo-1.9% lokho okubeka isilinganiso somnotho wethu kumazinga ayeyiwo ngaphambi kokufika kobhubhane. Kwikota, umkhakha wezokukhiqiza wawungummongo wezomnotho ngenxa yokukhula ekukhiqizeni uwoyela namakhemikhali, ukudla neziphuzo, kanye nezinsimbi nemishini.
1.3.    Le mpumelelo emaphakathi ibonisa ukuthi umnotho wethu usalokhu uqinile futhi izingenelelo ezifana noHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho zithola umfutho. IKhabhinethi icela wonke umuntu ukuthi aseke amabhizinisi alapha ekhaya kanye nezimboni ngokuthi bathenge imikhiqizo kanye nezinsizakalo zalapha ekhaya.  
1.4.    IKhabhinethi iphinde yamukela isinqumo se-ejensi ehlola isimo sezimali i-S&P Global sokubuyekeza isimo sezikweletu seNingizimu Afrika - kusuka kwesizinzile kuya kwesihle kakhulu. I-ejensi ehlola isimo sezimali iphinde yaqinisekisa ukuthi ukukwazi ukumelana nezikweletu kwesikhathi eside kume ku-BB minus naku-BB ngokulandelana.  

2.    Izindleko zokuphila   

2.1.    Ubhubhane lweSifo Segciwane le-Corona (i-COVID-19) kanye nokungqubuzana emazweni omhlaba okuqhubekayo kube nomthelela omkhulu kakhulu ezindlekweni zokuphila emhlabeni jikelele. Abantu baseNingizimu Afrika nabo badiniwe ukukhuphuka kwamanani ophethiloli, ukudla kanye nemikhiqizo ebalulekile. 
2.2.    Sonke kudingeka ukuthi sibambisane, sisizane futhi sigcine izinsiza zethu kulesi sikhathi esinzima. Uhulumeni wenza konke okusemandleni ukuhlinzeka ngosizo kuwo wonke umuntu, ikakhulukazi labo abadla imbuya ngothi.
2.3.    IBhangengodla lethu laseNingizimu Afrika elisebenza kahle, eliqinile futhi elizimele lisiza ukuba yihawu lomphakathi ukuthi ungacekelwa phansi ukwehla kwamandla emali ngokuthi iyigcine isesilinganisweni esibekiwe; okungaphansi kwalokho okubhekane namanye amazwe amaningi njengamanje.
2.4.    IKhabhinethi yamukele isinqumo somnyango weZamafa kuZwelonke ukwelula isikhathi sokuncishiswa kweNtela Kaphethiloli i-General Fuel Levy (i-GFL). I-GFL yehliswa nge-R1.50 ilitha elilodwa ngoMbasa nangoNhlaba, futhi lizoqhubeka kusuka mhla lu-1 kuNhlangulana kuze kube umhla wesi-6 kuNtulikazi 2022.  
2.5.    IKhabhinethi iphinde yamukela isinqumo seKhomishini Yokuncintisana sokuqapha ngeso lokhozi amanani okudla okusemqoka, ikakhulukazi ukuthi amabhizinisi kumele abe nezizathu ezibonakalayo zokukhuphula amanani.

3.    UMhlangano Wezamabhizinisi phakathi kweJalimani neNingizimu Afrika 

3.1.    IKhabhinethi yamukele imiphumela yoMhlangano Wezamabhizinisi phakathi kweJalimani neNingizimu Afrika, ebivumelana nohlelo lomsebenzi obandakanya ukusebenzisana kwezimboni ezingangcolisi imvelo, ubuchwepheshe bezimoto ezihamba ngogesi kanye nehayidrojini engangcolisi imvelo. 
3.2.    Umhlangano uphinde wavumelana 'ngombukiso' ozokwenziwa ngobuchwepheshe be-inthanethi wokuqhakambisa amathuba eNingizimu Afrika kumabhizinisi amaningi aseJalimani, ukuthuthukiswa kwamakhono embonini eyakha izimoto yalapha ekhaya, izindlela zokusebenza ezehlukene kumathuba okukhiqiza kanye nokwabelana ngamakhono obuchwepheshe.
3.3.    IJalimani ingomunye wabalingani bethu ababaluleke kakhulu kwezohwebo kanye nomtshalizimali ohamba phambili emikhakheni eminingi yaseNingizimu Afrika, kusuka emkhakheni wezimoto kuya emishinini yezimayini ephambili, kusuka kwezolimo kuya emkhakheni wezezimali.
3.4.    IKhabhinethi iphinde yamukela ukusungulwa kweNkundla Yabantu Abamnyama Yokuthunyelwa Kwempahla Kwamanye Amazwe i-Black Exporters Network nguMnyango Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana (i-DTIC), ukwakha ubumbano kumafemu abantu abamnyama njengamanje athumela izimpahla ezenziwe kuleli kwamanye amazwe omhlaba. Le nkundla izovumela ukwabelana ngolwazi, isipiliyoni nendlela yokusebenza, futhi yakhela phezu kwempumelelo yoHlelo Losozimboni Abamnyama. 

4.    Ezamandla 

4.1.    Ukutholakala kwezamandla kwesikhathi eside kukhuthazwe kakhulu kulandela ukuthengiswa kwe-Unit 4 eSiteshini Sikagesi saseKusile eMpumalanga. Lokhu kudluliswa kube ngenye yengqophamlando emizamweni ka-Eskom ukuletha uzinzo ohlelweni logesi futhi luzokwengeza ama-800 megawatt (ama-MW) kwisizinda sikagesi. 
4.2.    IKhabhinethi ikuphawulile ukuthi ukwakhiwa kwezingxenye zeziphehlimandla ezine kweziyisithupha sekuphothuliwe kumklamo weSiteshi Sikagesi eKusile. 
4.3.    IKhabhinethi yamukele ukwengezwa komthamo omusha wesiphehlimandla kwisizinda sogesi, lokhu okwaphunyeleliswa isinqumo sokuvumela abakhiqizi bogesi abazimele ukuthi bakhiqize ugesi. Uhulumeni usanda kusayina isivumelwano sokuthenga ama-150 MW omthamo wogesi kumkhiqizi wogesi ovuselelekayo, okuyi-Scatec ASA.

5.    UMkhandlu Oluleka Ngokuthuthukiswa Komnotho Wabantu Abamnyama (i-B-BBEE)

5.1.    IKhabhinethi yamukele ukuqokwa okwenziwe nguMongameli u-Cyril Ramaphosa koMkhandlu omusha wezwe we-B-BBEE.
5.2.    Lo mkhandlu wakhiwe ngabantu abahlukahlukene abasuka kumabhizinisi, izinyonyana zohwebo, izinhlangano zomphakathi kanye nezifundiswa, umsebenzi wabo okuzoba ukuhlahlela indlela uhulumeni ngokuguqulwa kwesimo somnotho.
5.3.    Ngesikhathi kube nenqubekelaphambili ebonakalayo ekubuyiseleni emuva ukuhlanekezelwa komnotho ngesikhathi sobandlululo, mningi umsebenzi okusamele wenziwe ekwenyuseni ukuphatha kwabantu abamnyama, ukuthuthukisa amakhono kanye nokusabalalisa amathuba okukhishwa kwemisebenzi ukuze kuzonikwa abesifazane abamnyama nentsha amathuba.

6.    Izikhukhula 
6.1.    Imizamo eqhubekayo kahulumeni yokuxhasa izifundazwe ezikhahlanyezwe izikhukhula zakamuva yenza umehluko omkhulu. Uhulumeni ubeke eqhulwini ukuhlinzeka ngokudla, amanzi kanye nezindawo zokufihla ikhanda kubantu abalahlekelwa izindawo zokuhlala nokulungiswa kwengqalasizinda eyonakele. Umsebenzi omkhulu uyaqhubeka ukubuyisela izidingonqangi ezifana namanzi, ugesi, ukuthuthwa kwendle kanye nodoti.
6.2.    Zibalelwa kwizigidi ezingama-R189.217 izimali ezisetshenziswa kuHlelo loKwakha Kabusha Izindawo Zasemijondolo okuhloswe ngalo ukwenza ngcono izinga lempilo kubahlali basemijondolo.  
6.3.    Isamba esengeziwe sezigidi ezingama-R733.086 sibekelwe ukuthi sisize ekusunguleni izindawo zokuhlala zabantu ezisimeme nezihlanganisiwe ngohlelo lweSibonelelo Sokuthuthukiswa Kwezindawo Zokuhlalisa Abantu. 
6.4.    IKhabhinethi yamukele usizo lwesihe oluvela ezweni lase-Qatar lokudla okusemathinini, izingubo zokugqoka, ama-generator, okokuhlanza amanzi, okokungenisa umoya ohlanzekile, amathende kanye nemikhiqizo yokwelapha. Lo mnikelo uzosiza izakhamuzi ezingaphezu kwezi-4 000 ezisahlaliswe okwesikhashana ezikhungweni zomphakathi. IKhabhinethi iphinde yamukela usizo lwesihe oluvela e-United Arab Emirates (e-UAE) lokudla okusemathinini kanye namanzi ukusiza labo abakhahlanyezwe izikhukhula zakamuva.

7.    Ukwethulwa kweSikhwama Sokusungula Imisebenzi Emphakathini
7.1    IKhabhinethi yamukele ukwethulwa kweSikhwama Sokusungula Imisebenzi Emphakathini sivulwa yiNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC) ngokubambisana neHhovisi likaMongameli ne-DTIC. Ukweseka lokhu kuzohlinzeka ngamathuba omsebenzi afinyelela kwizi-50 000 kubantu abasha emsebenzini odingwa umphakathi owenziwa emiphakathini yendawo. 
7.2    Lokhu kweseka kuzobandakanya ukunakekela ngokwezempilo nokomphakathi, usizo lokudla nesondlo olufana nokuphekela labo abaswele, ukugqugquzelwa kokufunda nokubhala, izinhlelo zokunakekelwa kwemvelo kanye nokuqedwa kokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nemizamo yokweseka intsha. ISikhwama sizosiza amabhizinisi omphakathi futhi angabheke nzuzo angama-26.

8.    Ubugebengu nenkohlakalo 
8.1.    IKhabhinethi ikwamukele ukuboshwa kwabantu abaningi okuxhumene nokukhwabanisa, ukushushumbiswa kwemali kanye nenkohlakalo. Lokhu kubandakanya abasebenzi baphambilini bakahulumeni ezikhundleni eziphezulu, abanye ababhekene namacala ahlobene nokuphula uMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni, we-1999 (uMthetho woku-1 we-1999). Lokhu kuboshwa - okubandakanya ukuboshwa kwalowo oyisikhulu soMnyango Wezasekhaya esikhungweni sokwamukela ababaleki i-Desmond Tutu Refugee Reception Centre ePitoli osolwa ngokwamukela intshontsho kowokufika kuleli - kuyisibonelo sokuthi akekho ongaphezu komthetho futhi abasebenzi abangathembekile ngeke babekezelelwe emkhakheni kahulumeni. 
8.2.    IKhabhinethi iphinde yamukela inqubekelaphambili eyenziwe ukubuyisa izelamani zakwa-Gupta, u-Rajesh no-Atul, eNingizimu Afrika. Lokhu kulandela ukuthi kamuva bekhalelwe ngamasongo kaSigonyela e-Dubai e-UAE emva kokuthi Inhlangano Yamazwe Yamaphoyisa (i-Interpol) iwuhlabe yawulawula. Lezi zelamani ziyafuneka eNingizimu Afrika ngezinsolo zokubandakanyeka ekuqhwagweni kwamandla ombuso, okufaka phakathi ukukhwabanisa kanye nokushushumbiswa kwemali. Izingxoxo phakathi kwabomthetho e-UAE naseNingizimu Afrika ngokubuyiswa kwabo ziyaqhubeka. Ukuboshwa kwabo kubonisa ukuzimisela kukahulumeni ukulwa nobugebengu nenkohlakalo ngaphandle kokwesaba ukwenzelela. 
8.3.    Lokhu kuboshwa kubonisa ukuthi inqubo nezindlela-kusebenza zisebenza ngempumelelo ukuthi ababhebhezeli bobugebengu babhekane namacala ezenzo zabo futhi kuqinisekisa ukuthi akekho ongaphezu komthetho. 
8.4.    IKhabhinethi iyawugxeka kakhulu umzamo osobala nje wokudicilela phansi umnotho wethu kanye nezwe lakithi kulandela ukonakaliswa okubi kwentambo kagesi kwi-Unit 1 eSiteshini Sogesi i-Matla sakwa-Eskom eMpumalanga. Lesi bekuyisigameko sesine okusolwa ukuthi ngesokucekela phansi esiteshini sogesi emva kokuthi kube nezigameko ezifanayo ezibikiwe kwezinye iziteshi zogesi ezintathu emavikini ambalwa edlule.
8.5.    Izibalo zakamuva zobugebengu zibonisa ukuthi kumele sisebenze kakhudlwana njengomphakathi ukuze senze ukuthi imiphakathi yethu iphephe. Lokhu kusikhumbuza ukuthi ukunciphisa ubugebengu kungumsebenzi womphakathi wonke kanye nathi sonke - kubandakanya amaphoyisa, abaholi bezepolitiki, imiphakathi, imindeni, osomabhizinisi, abasebenzi nomphakathi - kumele sidlale indima yethu ekulweni nobugebengu. 
8.6.    IKhabhinethi inethemba lokuthi izimali ezengeziwe ezibekwe eqhulwini nguNgqongqoshe Wamaphoyisa ezizoya eziteshini zamaphoyisa ezinamanani aphezulu amacala okubulala, awokudlwengula kanye nobunye ubugebengu obunodlame zizosiza ukuguqula isimo futhi kubuyise nokuphepha emiphakathini kuwo wonke umuntu.

9.    Ezakamuva nge-COVID-19
9.1.    IKhabhinethi ikhumbuze wonke umuntu ukuthi i-COVID-19 ayikapheli futhi ubungozi bokutheleleka okusha buzokhula ngesikhathi sobusika. Kumele siqhubeke nokuqaphela ukuze sizozivikela thina kanye nabanye abantu. Lokhu kufaka phakathi ukuhlanza izandla noma ukusebenzisa isibulali-magciwane njalo nje, ukugqoka isifonyo uma ungaphakathi kwesakhiwo, ukugcina igebe elanele phakathi kwabanye abantu, ukuvula amafasitela ukuze kuzongena umoya ohlanzekile kanye nokugoma.

10.    INgqungquthela YoBumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU) 
10.1.    IKhabhinethi yamukele isimemezelo, izethembiso kanye nezibopho ezithathwe kwiNgqungquthela Eyingqayizivele ye-AU ebimayelana noBuphekula Nezinguquko ezingalandeli Umthethosisekelo e-Afrika ebibanjwe e-Malabo, e-Riphabhulikhi yase-Equatorial Guinea, ngoMgqibelo, mhla wama-28 kuNhlaba 2022.
10.2.    Abaholi base-Afrika bahlolisise izinsongo ezilokhu zibelesele, bahlolisisa izindlela zamanje zokubhekana nalokhu futhi bazinikela ekuqiniseni ukuphepha ngokubambisana kwamazwe angamalungu abhekene nobuphekula namavukela-mbuso.

11.    Isifo se-Monkeypox
11.1.    IKhabhinethi iqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi iziphathimandla zethu zezempilo zimehlo mane ukuqapha ngeso lokhozi nokugwema isifo se-Monkeypox, kulandela ukuqubuka kwaso emazweni amaningi angajwayele ukuhlaselwa izifo. Yize kungakatholakali noma kungakabikwa muntu onalesi sifo eNingizimu Afrika, iziphathimandla zezempilo kuleli lizwe ziyaqhubeka nokubeka iso isimo.

B.    Isinqumo seKhabhinethi
1.    Ukukhulumisana nomphakathi ngezinyathelo zokubhekana nokuthengiswa okungekho emthethweni kwezinsalela zensimbi. 
1.1.    IKhabhinethi ikuvumile ukuthi ukukhulumisana nomphakathi kuqale mayelana nezethulo zokunqanda ukuthengiswa okungekho emthethweni kwezinsalela zensimbi nensimbi uqobo.  Ukwebiwa kwezinsalela zensimbi nezintambo zekhopha kwizingqalasizinda zomphakathi kuthunaza ukusebenza komnotho ngokwengeza izindleko ezinkulu.
1.2.    Okunye kwalokhu kuphazamiseka kubandakanya ukuthunyelwa kogesi kanye nezinsizakalo zezitimela ngenxa yokucekelwa phansi kojantshi. Kwengeza ezindlekweni zokuthutha kubagibeli ngenxa yokucekelwa phansi kwezokuthutha umphakathi. Izintambo zogesi ezicekelwe phansi futhi ezingaphephile ziletha ubungozi emiphakathini, ikakhulukazi ezinganeni. 
1.3.    IKhabhinethi ikhiphe umyalelo othi i-DTIC kumele ihole phambili lezi zinkulumo esikhathini esibekiwe, futhi ithole imibono kubantu basemphakathini nakwimikhakha efanele uhulumeni angayisebenzisa ukuqeda ukucekelwa phansi kwezingqalasizinda ezibalulekile zomnotho. Emva kwalokho, iKhabhinethi izobe seyimemezela izinyathelo ezigunyaziwe. 

C.    Imicimbi ezayo
1.    Ingqungquthela Yomhlaba yeNhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-UN) Yokubambisana ngoBuchwepheshe Ekugcineni Ukuthula (i-PTPS) 
1.1.    INingizimu Afrika izosingatha i-PTPS yesithupha kuMkhandlu Wezesayensi Nocwaningo Lwezimboni ePitoli kusuka ngoLwesibili, mhla wama-21 kuya kuLwesihlanu, mhla wama-24 kuNhlangulana 2022. Kulindeleke ukuthi le ngqungquthela ihanjelwe izithunywa ezingama-300 ezivela emazweni angamalungu angama-50.
1.2.    Ingqungquthela le ihlanganisa bonke abezempi, amaphoyisa, kanye nezakhamuzi ezivela eMazweni Angamalunga e-UN ukuthi babe yimbumba ekusebenziseni ubuchwepheshe besimanjemanje, obuthuthukile kanye neminye imiqondo kulolu hambo oluholwa i-UN. Ingqungquthela izosetshenziswa njengenkundla yokwabelana ngolwazi nokuhlanganisa imiqondo yamazwe angamalungu e-UN ayingxenye yemizamo yokugcina ukuthula ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ekugcineni ukuthula. 

2.    IMiqhudelwano Kazwelonke Yesine Yeminyaka Emibili Yamakhono Omhlaba eNingizimu Afrika (i-WSZA) 
2.1.    IMiqhudelwano Kazwelonke Yesine Yeminyaka Emibili ye-WSZA iyaqhubeka e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre KwaZulu-Natali kusuka mhla wesi-7 kuya mhla we-10 kuNhlangulana 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Senyusa Ukukhiqizwa Kwezingcweti Kwikhuluminyaka lama-21”. 
2.2.    Umcimbi usetshenziswa ukukhuthaza amakhono ezingcweti njengomkhakha womsebenzi ongakhethwa kanjalo nokuvuleleka kulabo okungasetshenziswana nabo nemboni. Uphinde wasetshenziswa ukuhlola amazinga ethu okufundelwa komsebenzi nokuthuthukiswa kwezingcweti ngaphezu kokukhulumela ukwenyusa imisebenzi yezingcweti njengemisebenzi ehamba phambili abafundi abangazikhethela yona.  

D.    Umyalezo
1.    Amazwi enduduzo 

    IKhabhinethi ihlanganyele noMongameli u-Ramaphosa ekudluliseni amazwi enduduzo eMndenini Wasebukhosini nasesizweni soBukhosi bamaMpondo kulandela ukukhothama kweNgonyama iNkosi uZanozuko Tyelovuyo Sigcau (Ah Zanozuko!). 

E.      Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.
1.    Mnu Jacob Ganny Mbele njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) kuMnyango Wezimbiwa Nezamandla. 
2.    Nks Pumeza Nwabisa Nodada njengePhini loMqondisi-Jikelele: Kwezokuphathwa Kwamahlathi eMnyangweni Wezamahlathi, Ezokudoba kanye Nemvelo.
3.    Nks Susan Mafanedza Masapu njengoMeluleki Wombuso Wezomthetho Omkhulu kuMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo. 
4.    Nks Doris Tshepe njengoKhomishana kwiKhomishini Yezokuncintisana. 
5.    Dkt Alex Mahapa njengoMeluleki Okhethekile oqashwe ngokuphelele weBamba likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo. 
6.    Ummeli u-Rams Ramashia njengoMeluleki Okhethekile ongaqashiwe ngokugcwele weBamba likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo.  

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uSomlomo Wekhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore