Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla ziyi-12 kuNhlaba 2021

A.    Ezisematheni

1.    Ukukhishwa komgomo weSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19)  

1.1.    IKhabhinethi iphinde yakuqinisekisa ukuqaliswa kweSigaba Sesibili sohlelo Lokugoma ngoMsombuluko, mhla ziyi-17 kuNhlaba 2021. Lesi sigaba sizoqala ngokugonywa kwabantu abaneminyaka yobudala engama-60 nangaphezulu futhi iminyango Yezempilo kuzwelonke nasezifundazweni izosabalalisa ulwazi mayelana nendawo yezikhungo zokugoma ezingaphezu kwezinkulungwane ezintathu (izi-3000).  
Ukuqaliswa kweSigaba Sesibili kuzoqhubeka kanyekanye nokugonywa okuqhubekayo kwabasebenzi bezempilo (ama-HCW) ukugonywa kwabo okwaphazanyiswa izinkinga zokulawuleka zomgomo we-Johnson & Johnson e-USA nase-Europe. Uhlelo lokugoma lweSisonke olunwetshelwe ezikhungweni ezingama-95 ezweni lonkana kuze kube manje selugome abasebenzi bezempilo (ama-HCW) abayizi-434 980 futhi luzophela mhla ziyi-14 kuNhlaba 2021. IKhabhinethi iyathokoza ukuthi abasebenzi bezempilo abasele bazogonywa ngomgomo wakwa-Pfizer kuze kube khona esinye isaziso. 
1.2.    IKhabhinethi icela abantu abaneminyaka engama-60 nangaphezulu ukuthi babhalise oHlelweni Lokubhalisela Ukugoma Ngendlela Yobuchwepheshe ku- https://vaccine.enroll.health.gov.za. Labo abangenayo i-inthanethi noma omakhalekhukhwini besimanjemanje bangabhalisa nge-SMS ngokushaya u- *134*832*inombolo yakho kamazisi bese ugcina ngo-#. Uma ungenayo inombolo kamazisi, shaya u-*134*832#. Ukubhalisa kungenziwa futhi ngokusebenzisa inombolo ye-COVID-19 ye-WhatsApp ngokuthumela igama elithi “REGISTER” ku-0600 123 456. Izakhamuzi kumele ziqinisekise ukuthi zifaka inombolo yocingo okuyiyonayona kanye nekheli lokuhlala ukuze zizokwazi ukuthola imininingwane ngohlelo lokugoma, uma kunesidingo. Labo abangakwazi ukufinyelela kubuchwepheshe, bangakwazi ukubhalisa esikhungweni sokugoma esiseduzane noma kubasebenzi bezempilo basemphakathini abazovakashela imiphakathi eyahlukene.
1.3.    Ukubhalisa kubalulekile kubantu ukuze bezoba yingxenye yohlelo lokugoma futhi kuvumela ukulandelelwa komkhondo ngezizathu zokulandelelwa okudinga ukwelashwa uma lokhu kungadingeka esikhathini esizayo. 
1.4.    Awuyidingi idatha noma i-airtime ukuze uthumele i-SMS yamahhala kanye nokubhalisa ku-WhatsApp. Labo abahlangabezana nezinkinga ngesikhathi bebhalisa bangashayela inombolo ephuthumayo ye-COVID-19 ku: 0800 029 999.
1.5.    IKhabhinethi lethulelwa umbiko ngesimo esihlobene nokusuleleka nge-COVID-19 esibheduke e-India futhi liyaseseka isinqumo sokunikela ngemishini yokuphefumula e-India njengengxenye yokuzinikela kweNingizimu Afrika ukuthi impi ebhekene ne-COVID-19 emhlabeni wonkana idinga ubambiswano. 
1.6.    IKhabhinethi futhi iyazi ngokukhathazeka okukhona phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika ngesimo se-COVID-19 sase-India, futhi ifisa ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi uMnyango Wezempilo kanye nososayensi bethu bayaqhubeka nokuqapha okwenzakalayo kuleliya lizwe nokuthi ukuqaphela okudingekayo nokufanele kanye nemithethomgomo iyabekwa ukuze kuvikelwe abantu baseNingizimu Afrika. 
1.7.    Ngaphezu kwalokhu, iKhabhinethi yabikelwa ngokukhula kancane kwezigameko zokusuleleka nge-COVID-19 kuleli lizwe kanye nokubekwa kwezinyathelo ezidingekayo ukunciphisa ukubhebhetheka. 
1.8.    IKhabhinethi ikhumbuza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokulandela izindlela okungezona ezemithi yokwelapha ukuvikela ukubhebhetheka kwe-COVID-19 okungukuqhubeka nokugqoka izifonyo phakathi kwabantu; ukuqhelelana ngegebe okungenani eliyimitha nesigamu; ukuhlanza izandla njalo ngamanzi nensipho noma ukusebenzisa isibulali-magciwane esine-alcohol engama-70%; kanye nokugwema ukuvakasha okungenasidingo bese uhlala ekhaya.

2.    Ukuvikeleka Kwamalungelo Obuhlakani (i-IP) Nokuqamba Kabusha (i-TRIPS) kwimigomo ye-COVID-19 

2.1.    IKhabhinethi ikwamukele ukwesekelwa yi-United States ngokuthi i-WTO ibeke i-TRIPS emigomweni ye-COVID-19. 
2.2.    INingizimu Afrika kanye ne-India bebelokhu behola umzamo weNhlangano Yomhlaba Yezokuhweba (i-WTO) ukuthi kubekwe i-TRIPS. Ukubekwa kwe-TRIPS kuzovumela ukufinyeleleka kubuchwepheshe obuzonikeza umfutho ekukhiqizweni okubanzi kwemigomo ye-COVID-19. Lesi senzo sesenze sabona amazwe angaphezu kwayi-100, kubandakanya i-China, esekela umzamo wokuyekela ezingxenyeni ze-TRIPS ye-WTO.
2.3.    Ukungafinyeleli kahle kumgomo we-COVID-19 sekuvimbele amazwe asathuthuka amaningi ikakhulukazi ezwenikazi lase-Afrika ukuthi abe nenqubekela-phambili ebonakalayo ekulweni ne-COVID-19. Umbono weKhabhinethi ngukuthi ukuvimbela amazwe ukuthi azikhiqizele imigomo yawo kuleli zinga lokufa ngenxa yegciwane le-corona kungukungacabangeli amazwe. 
2.4.    Ngalokhu-ke, iKhabhinethi yamukela umnikelo wezigidigidi ezintathu zamarandi wobuchwepheshe besimanjemanje obuzokhiqiza imigomo kanye nezindlela zokwelapha eNingizimu Afrika omenyezelwe ngu-Dkt Patrick Soon-Shiong, ongusomabhizinisi kwezobuchwepheshe bezokulapha ngezinto eziphilayo waseNingizimu Afrika – osehlala eMelika.
2.5.    IKhabhinethi liyabonga liyanconcoza usizo okubonakalayo luka-Dkt Soon-Shiong kanye nabanye abasebenzi abaletha usizo ekusabalaliseni ngokulingana imigomo ye-COVID-19, ukuhlonzwa kanye nokulashwa kwayo. 
2.6.    IKhabhinethi iphinde yabonga ukubonakala kokuthuthuka kwezesayensi kuka-Dkt Soon-Shiong waseNingizimu Afrika, imali esiza abantu, ikhono kanye nesifiso sokukhiqiza imigomo yesikhathi sesibili ukuze izobhekana namagciwane avela egciwaneni le-corona angahle enze imigomo ekhona njengamanje ingasebenzi kahle.

3.    Ukunikezelwa komhlaba kumphakathi wase-Covie  

3.1.    IKhabhinethi ikwamukele ukunikezelwa kwezincwadi zobunikazi bomhlaba yiPhini likaMongameli uDavid Mabuza – ngokwesikhundla sakhe njengoSihlalo Wekomidi Longqongqoshe Kwizinguquko Zomhlaba (i-IMC) – kumphakathi wase-Covie eNtshonalanga Kapa ngoLwesihlanu, mhla zingama-30 kuMbasa 2021.
3.2.    Ukunikezelwa komhlaba kumphakathi wase-Covie kuyingxenye yomsebenzi osaqhubeka we-IMC kuziNguquko Zomhlaba ukuqhuba ngesivinini ukufinyelela kumhlaba njengengxenye yokwenza izilungiso zokungabikho kobulungiswa esikhathini esedlule Sombuso wobandlululo. 

4.    Usuku Lwabasebenzi  (mhla lu-1 kuNhlaba)

4.1.    IKhabhinethi ligcizelele ukuthi abasebenzi basalokhu bengumgogodla womnotho womphakathi futhi bangukhiye ekwakheni ikusasa elingcono lawo wonke umuntu.
4.2.    IKhabhinethi liwubonile umphumela omubi owenziwe ubhubhane lwe-COVID-19 kubasebenzi, abasebenzi abaningi balahlekelwe imisebenzi, ukuncipha kwemiholo njengoba abaqashi bashintsha izinto babeka phambili izinsiza emizamweni yokusindisa izimpilo.
4.3.    Ngaphandle kobunzima kwezomnotho, uhulumeni usalokhu emile ekuzinikeleni ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokuqhakambisa nokuvikela amalungelo abasebenzi.
 
5.    Usuku Lomhlaba Lwabahlengikazi (mhla we-12 kuNhlaba)

5.1     IKhabhinethi ikuphawulile ukuthi umhlangano wayo wenzeka ngosuku olubekelwe Usuku Lomhlaba Lwabahlengikazi futhi iyawuphinda umyalezo wayo wokubonga abahlengikazi baseNingizimu Afrika, ezwenikazi lase-Afrika kanye nasemhlabeni jikelele ngokuzidela kanye nokuzinikela ekubhekaneni nobhubhane olubulalayo lwe-COVID-19.
5.2    Abahlengikazi, bekanye nabanye abasebenzi bezempilo, basayibambe ekhaleni impi belwa ne-COVID-19 ngokubeka engcupheni izimpilo zabo nokubeka engozini imindeni yabo. Uhulumeni usalokhu engazi uzokubonga ngani ukuqina, ukuzidela nokuphikelela kwabahlengikazi abalwa ne-COVID-19. 

6.    Ukunikela ngegazi

6.1.    IKhabhinethi icela bonke abantu baseNingizimu Afrika abayimiqemane ukuthi banikele ngegazi kwiNhlangano Yokunikela Ngegazi eNingizimu Afrika (i-SANBS), okuyimanje ibhekene nokuswelakala kwegazi. 
6.2.    I-SANBS isilandela izinyathelo ezinzulu zokuqinisekisa ukuphepha kwabanikela ngegazi ngokuhlolisisa bonke abantu abaya emitholampilo yokunikela ngegazi. 
6.3.    Ukuthola imininingwane ethe xaxa, abafuna ukunikela ngegazi bangaxhumana ne-SANBS kunombolo yamahhala ethi: 0800 11 9031 kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu (07:00 – 17:00).

7.    Izwe lase-Palestine

7.1    IKhabhinethi ikugxeka kakhulu ukuhlaselwa kwababhikishi base-Palestine e-Al Aqsa Mosque kanye nase-Dome on the Rock kanye nokukhishwa ngokungemthetho kwabantu base-Palestine emakhaya abo e-Sheikh al Jarrah aphumela eMpumalanga ye-Jerusalema ukwenzela indawo yokuhlala abantu bama-Israeli. Izenzo zabantu bama-Israeli zingukuphula umthetho ngokugcwele komthetho wamazwe ngamazwe, futhi kungukushaya indiva Izinqumo Zomkhandlu Wezokuphepha Zomhlabuhlangene, (i-UNSC) kubandakanya Izinqumo zama-446 (zangowe-1979) kanye nezezi-2334 (zangowezi-2016)  ezibeka ngokusobala ukuqedwa kokuhlala kwabantu bama-Israeli kanye nokugcwaliseka kwamalungelo abantu base-Palestine, kubandakanya nokuzithathela izinqumo nokuzimela.
7.2    IKhabhinethi icela izwe lakwa-Israel ukuthi liyeke ukuhlasela okungubulwane kubantu base-Palestine futhi lizinikele lona emizamweni yamazwe ngamazwe okuhloswe ngayo ukuvuselela ipolitiki, okuzoholela ekusungulweni kombuso wase-Palestine ophilayo, uxolo macala onke nezwe lakwa-Israel phakathi kwemingcele eyaziwayo emhlabeni, okuyilezo ezazikhona mhla we-4 kuNhlangulana 1967, neMpumalanga Jerusalema njengenhloko-dolobha yase-Palestine.  

8.    Izinyathelo ezithathwe i-United Kingdom (i-UK) ukwesekela imizamo yama-ejensi ezomthetho eNingizimu Afrika.

8.1    IKhabhinethi yamukele izinyathelo ezithathwe i-UK ekusizeni iNingizimu Afrika ekulweni nenkohlakalo ngokubhekana nalabo abasolwa ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo ezweni lethu.
8.2    Ngalokhu-ke, iKhabhinethi yamukele ukuboshwa kukaMnu Michael Lomas e-UK ngokuhlobana necala eNingizimu Afrika lenkohlakalo nokukhwabanisa e-Kusile futhi lamukele nokubekwa kwemibandela yebheyili eqinile yizinkantolo e-UK.  
8.3    Ukwengeza kulokhu, iKhabhinethi yamukele ukujeziswa okubekwe i-United Kingdom kwizelamani oMnu Ajay, uMnu Atul kanye noMnu Rajesh Gupta, kanye nozakwabo uMnu Salim Essa ngeqhaza labo “kwinkohlakalo eqhubekayo eNingizimu Afrika eseyenze umonakalo omkhulu” emnothweni nakubantu baseNingizimu Afrika.

9.    Udweshu oluse-Mozambique 

9.1.    IKhabhinethi lisalokhu likhathazekile ngesimo e-Mozambique futhi liyaqhubeka nokuqapha okwenzekayo khona. Ngokufanelekile, iKhabhinethi lidlulisa ukwesekela kwalo okugcwele imizamo yeNhlangano yeNtuthuko YaseNingizimu ne-Afrika yokuletha ukuthula nokuphepha okungapheliyo, kanjalo nokubuyisana kanye nentuthuko e-Mozambique.

10.    Uxhasomali lwenkampani i-ACWA Power lweSiphehlimandla i-Redstone 

10.1    IKhabhinethi lamukele isimemezelo sokuthi inkampani i-ACWA Power isithole uxhasomali oluyizigidigidi eziyi-11.6 zamarandi lwesiphehlimandla i-Redstone esiseNyakatho Kapa. Lesi siphehlimandla siyingxenye yemisebenzi yengqalasizinda emikhulu yaseNingizimu Afrika futhi singesikhulu kakhulu kwezotshalomali lwezamandla ezweni lakithi. 
10.2    Isiphehlimandla i-Redstone sesilungele ukukhiqiza ugesi ongama-100 megawatts okulindeleke ukuthi uhanjiswe ngokuphela kowezi-2023 futhi uzothumela uzinzo ekuhanjisweni kogesi emakhaya angaphezu kwezi-200 000.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    UHlelo Lwesikhumbuzo Sikazwelonke Lokugujwa Kweminyaka engama-25 yoMthethosisekelo waseRiphabhlikhi  yaseNingizimu Afrika wangowe-1996

1.1.    Lo nyaka uphawula ngqo iminyaka engama-25 selokhu iNingizimu Afrika yamukela uMthethosisekelo mhla ziyi-8 kuNhlaba 1996, uMthethosisekelo usathathwa njengomuhle kakhulu emhlabeni. 
1.2.    Ngalokhu-ke, iKhabhinethi igunyaze uHlelo Lwesikhumbuzo Sikazwelonke lonyaka wonke Lokugujwa Kweminyaka engama-25 yoMthethosisekelo waseRiphabhlikhi yaseNingizimu Afrika ukuqaliswa kwawo okuzoholwa nguMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa koMthethosisekelo. 

2.    Ingqungquthela Yesihlanu Yongqongqoshe ngoKuqedwa Kokusetshenziswa Kwezingane

2.1.    IKhabhinethi likwamukele ukuthi iNingizimu Afrika isingathe Ingqungquthela Yamazwe Ngamazwe Yesihlanu Ngokuqedwa Kokusetshenziswa Kwezingane kusuka mhla we-2 kuya mhla we-4 kuNhlaba 2022. Ingqungquthela ibanjwa njalo eminyakeni emithathu ngaphansi kobuholi beNhlangano Yomhlaba Yemisebenzi. Ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19, yahlehliswa ngowezi-2021 ukuya kowezi-2022.
2.2.    Ingqungquthela izoqondiswa emizamweni yomhlaba yokuqeda inkinga yokusetshenziswa kwezingane. Amalungu emibuso azothola ithuba lokubuyekeza izingenelelo zawo zokuqeda ukusetshenziswa kwezingane emazweni awo. INingizimu Afrika inoHlelomsebenzi Olumayelana Nokusetshenziswa Kwezingane, oluzohlinzeka ngomhlahlandlela wezwe ekuqedeni ukusetshenziswa kwezingane. 

3.    Inqubo Yokusebenza nomphakathi ekuqalisweni kwemisebenzi yengqalasizinda

3.1.    IKhabhinethi igunyaze iNqubo Yokusebenza Nomphakathi eyethuliwe, indlela yokusebenza kanye nezinqubo zokuqaliswa kwemisebenzi yengqalasizinda, njengoba yethulwa nguMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi neNgqalasizinda (i-DPWI). Le nqubo yokusebenza izoqinisekisa ukuthi kuxoxiswana nemiphakathi ngemisebenzi yokwakha emiphakathini.  
3.2.    Indlela yokusebenza ihlinzeka ngezinqubo zokusebenza ezijwayelekile okuzothi uma zisetshenziswa zizoqinisa ubudlelwano nokuthembana phakathi kukahulumeni nemiphakathi. 

4.    Ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Kuzwelonke 

4.1.    IKhabhinethi livume ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Kuzwelonke ngenxa ye-COVID-19 ukuya mhla ziyi-15 kuNhlangulana 2021. Ukwelulwa kuhambisana neSahluko 27(5)(c) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wangowezi-2002 (Umthetho wama-57 wezi-2002). Ukwelulwa kubheke isidingo sokuqhubeka nokwengeza umthethonqubo okhona kanye namalungiselelo ezehlakalo enziwe izinhlaka zombuso ukunciphisa imithelela yomonakalo ezimpilweni kanye nasezindleleni zokuziphilisa zabantu. 

5. Ukungenelela kuMasipala Wendawo wase-Lekwa 

5.1. IKhabhinethi lithole umbiko mayelana noMyalelo Wenkantolo oyalela uHulumeni kaZwelonke ukuthi ungenelele ekulawulweni komasipala Wendawo wase-Lekwa, eMpumalanga ngokuhambisana nemibandlela yeSahluko 139 (7) soMthethosisekelo ohlinzeka ngokungenelela okuhlangene kukahulumeni kazwelonke ukubhekana nokuhluleka kokwenganyelwa kanye nezezimali komasipala. 
5.2. Umyalelo Wenkantolo owanikezwa imvume iwona wonke amaqembu ayebiziwe, phakathi kokunye, ukuthi uHulumeni waseNingizimu Afrika uyalelwe ukuthi ungenelele kumasipala wendawo wase-Lekwa ngokwesahluko 139(7) soMthethosisekelo uma ufundwa ngokuhambisana nesahluko 150(1)(b) soMthetho Wokulawulwa Kwezimali Zikamasipala (i-MFMA), wangowezi-2003 kungakapheli izinsuku eziyishumi nane kusuka kwaphuma uMyalelo Wenkantolo.
5.3. IKhabhinethi lanquma emhlanganweni walo wangomhla we-12 kuNhlaba 2021 ukuthi kubekwe uhlelo lokutakula lo masipala kwezezimali, kuhlakazwe uMkhandlu Womasipala wase-Lekwa bese kubekwa uMlawuli ngokwesahluko 139(5)(a) kanye no (b) woMthethosisekelo, uma ufundwa ngokuhambisana nesahluko 146(3)(a) se-MFMA.  
5.4. IKhabhinethi liphinde lesekela ukuhlakazwa koMkhandlu Kamasipala wase-Lekwa. ONgqongqoshe beMinyango Yezezimali noKwengamela Ngokubambisana kanye nowezeNdabuko ngokuhamba kwesikhathi bazomemezela amalungiselelo alesi sikhungo azosetshenziswa ukuletha uzinzo kumasipala kanye nokuqinisekisa ukubuyela ekuhlinzekeni ngezidingo zomphakathi.

C.    IMithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Wezibhamu wangowezi-2021

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Wezibhamu wangowezi-2021 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Umthethosivivinywa wethula ukulawulwa okuqinile kanye nokuphathwa kwezibhamu nokusungulwa kweRejista Likazwelonke Lezibhamu. Izinguquko zizosiza ekunciphiseni inani lezibhamu elikubantu abazimele kanye nokunciphisa izigameko zobugebengu obunodlame. UMthethosivivinywa uphinde wenze kangcono ukukhishwa, ukulawulwa kwezibhamu kanye nendlela yokufaka izicelo.  

2.    UMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Ovikela Intando Yabantu ngokoMthethosisekelo Kubashokobezi Nezinye Izenzo Ezihlobene Nalokhu

2.1.    IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Ovikela Intando Yabantu ngokoMthethosisekelo Kubashokobezi nezinye Izenzo Ezihlobene Nalokhu ukuze umphakathi uphawule ngawo. Ukubuyekezwa kwawo kuhlose ukuthi Uhlaka lomthetho waseNingizimu Afrika luhambisane nemithetho yomhlaba ehlose ukuqeda ubushokobezi. 
2.2.    UMkhandlu Wezokuphepha we-UNSC wamukele izinqumo ezengeziwe eziningi ukuqinisa izinyathelo zokuqeda ubushokobezi emhlabeni jikelele. Imibuso engamalungu inesibopho sokulandela lezi zinyathelo emazweni ayo.  
2.3.    Izichibiyelo zicacisa okunye okuchazwa kuMthetho futhi zengeza amanye amacala, ikakhulukazi kubantu abasuka, abasendleleni noma abafika kunoma yiliphi izwe ngenhloso yokuba yingxenye noma yokweseka amaqembu abashokobezi. Ivimbela ukushicilelwa kolwazi oluhlobene nobushokobezi. Izichibiyelo ziphinde ziphendule kwigebe elalithintwe nguMqondisi Omkhulu Kwezokuqedwa Kobushokobezi kuMhlabuhlangene.

3.    UMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Wamazinga Emikhiqizo yezolimo 

3.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Wamazinga Emikhiqizo Yezolimo ukuthi udingidwe ePhalamende. UMthetho Wamazinga Emikhiqizo Yezolimo, wangowe-1990 (Umthetho we-119 wangowe-1990) uhlinzeka ngokulawulwa kokuthengwa kanye nokuthunyelwa kwamanye amazwe kwemikhiqizo yezolimo ethile nokugqugquzela ukuphepha kokudla.
3.2.    Izingenelelo zihlose ukuvikela abathengi. Izichibiyelo ezethuliwe siqinisa uhlaka lokulawula ukukhiqizwa kwezolimo, impilo kanye nokuphepha kokudla kwemikhiqizo ethile yezolimo. UMthethosivivinywa uqinisa izindlela zokulawula ezindaweni zezimangalo zamalebuli emikhiqizweni edayiswayo, futhi yethula ukuhlola okuhlukahlukene kanye nezindlela zokucwaninga amabhuku, phakathi kokunye. 
3.3.    UMthethosivivinywa usudlule ezingxoxweni ezibanzi zomphakathi nabo bonke ababambiqhaza abathintekayo futhi uzodlula kwenye inqubo enzima yephalamende ngaphambi kokuba uphasiswe ube ngumthetho.

4.    UMthethosivivinywa Wempilo Yezitshalo (i-Phytosanitary) wangowezi-2020

4.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Wempilo Yezitshalo wangowezi-2020 ukuthi ulethwe ePhalamende. UMthethosivivinywa uhlose ukugqugquzela ukuphepha mayelana nokuthuthwa kwemikhiqizo yezitshalo ukuyiswa kwamanye amazwe kanye nelethwa kuleli lizwe. Lo mthetho uchibiyela izinyathelo ezivimbela ukuba khona kwezinambuzane ezibalulekile emnothweni kanye nezifo, nokulawulwa kwezinambuzane ezingadingeki. Lezi zichibiyelo zihambisana nezindlela zomhlaba iNingizimu Afrika eyazisayina.  
4.2.     INingizimu Afrika yasayina iSivumelwano se-WTO sokuSetshenziswa kweSivumelwano Sezinyathelo Zokuphepha Kokudla kanye Nempilo Yezilwane Nezitshalo kanye noMhlangano Womhlaba Ngokuvikelwa Kwezitshalo. 
4.3.    Lo Mthethosivivinywa uzochitha uMthetho Wezinambuzane Zezolimo okhona, wangowe-1983 (Umthetho wama-36 wangowe-1983) ongafaki Isivumelwano kanye noMhlangano Womhlaba Wokuvikelwa Kwezitshalo. Uzogqugquzela ukuhanjiswa ngokuphepha kwamanye amazwe kanye nokulethwa kohwebo lwezolimo eNingizimu Afrika.   

5.    UMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Kazwelonke Wokulawulwa Kwenuzi 

5.1.    IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Kazwelonke Wokulawulwa Kwenuzi ukuze umphakathi uzophawula ngawo. UMthethosivivinywa uhlose ukubhekana nezinkinga ezikhona kuMthetho okhona Kazwelonke Wokulawulwa Kwenuzi, wangowe-1999 (Umthetho wama-47 wangowe-1999). Uqinisa ukuphoqelelwa kokuhlinzekwa kwabahloli kanye nobungozi obukhona emsebenzini kubasebenzi bezindizamshini. Uphinde uhlose nokuzilinganisa nemiyalo nokusebenza kahle kwe-Ejensi Yomhlaba Yezamandla Enuzi i-International Atomic Energy Agency. INingizimu Afrika iyilungu le-International Atomic Energy Agency.

6.    UMthethosivivinywa Osahlongozwa Wezokuthuthukiswa Kwemithombo Ka-Oyela

6.1.    IKhabhinethi igunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Osahlongozwa Wezokuthuthukiswa Kwemithombo ka-Oyela ePhalamende. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngomthetho kanye nohlaka lokulawula ukwenza isimondawo esivumela utshalomali, ukukhula kanye nokusungulwa kwemisebenzi emakethe yemithombo ka-oyela. Uphinde ucacise, phakathi kokunye, uhlelo lokufaka isicelo; izimvume kanye nokukhishwa kwamalungelo; ukudluliselwa kwamalungelo; ukubamba iqhaza kwabantu abamnyama; ukubamba iqhaza koMbuso; okudingekayo ukuze kwenzeke uguquko kanye namasu esitoko esidingekayo ukuze labo abanamalungelo ka-oyela bezothengisela iNkampani Ka-Oyela kaHulumeni ingxenye ka-oyela ngentengo yemakethe enenzuzo.  

D.    Imicimbi Ezayo

1.    Usuku lwe-Afrika

1.1.    INingizimu Afrika izohlanganyela nezwekazi lonke ukubungaza Usuku lwe-Afrika ngoLwesibili, mhla zingama-25 kuNhlaba 2021. Lolu suku luyithuba lokugqugquzela ubumbano lwe-Afrika, lujulise ukuhlangana kwesifunda kanye nokuzinikela futhi kwe-Afrika ukuya kwikusasa elifanayo.
1.2.    Usuku lwe-Afrika kanye neNyanga ye-Afrika iyasisiza ukuthi siziqonde omunye nomunye njengama-Afrika, asezwenikazi kanye nasabalalele kwamanye amazwe. Njengoba sikhumbula uSuku lwe-Afrika, sikwenza lokho ngokwazi ukuthi i-COVID-19 isaqhubeka nokusabisa zonke izizwe kwizwekazi. Kumele sonke sibumbane ekulweni negciwane futhi siqinisekise ukuphepha kwabo bonke abantu ezwenikazi. 

2.    Ingqungquthela Yezempilo Yomhlaba

2.1    Mhla we-12 kuNhlaba 2021, uMongameli uRamaphosa uzoba yingxenye yeNgqungquthela Yezempilo Yomhlaba ezobanjwa nge-inthanethi ezosingathwa ngokubambisana yiKhomishana yase-Europe kanye ne-Italy njengoSihlalo we-G20.
2.2    Le ngqungquthela iyithuba le-G20 kanye nabaholi abamenyiwe, izinhloko zezinhlangano zomhlaba nezezifunda, kanye nabamele izinhlangano zezempilo zomhlaba, ukuthi babelane ngezifundo ezifundwe kubhubhane lwe-COVID-19, bathuthukise futhi bavumele ‘Isivumelwano sase-Rome’ sezimiso. 
2.3    Kulindelekile ukuthi izimiso zizobhekana nokuqhubeka nokusebenzisana okuhlukahlukene kanye nezenzo ezihlangene ukuvikela izinkinga zezempilo zomhlaba zangomuso, kanjalo nokuzinikela okuhlangene ukwakha umhlaba onempilo, ophephile, olungile futhi osimeme kakhulu.  

3.    Ukuvakasha ngokomsebenzi kukaMongameli e-France

3.1    UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzovakasha Ngokomsebenzi e-Paris, e-France, kusuka mhla ziyi-17 kuya mhla ziyi-19 kuNhlaba 2021, ukuze azoba yingxenye yeNgqungquthela Yokuxhaswa Komnotho wase-Afrika ezobe iphethwe uMongameli u-Emmanuel Macron wase-France mhla ziyi-18 kuNhlaba.
 
3.2    Ingqungquthela isuselwe ekuboneni ukuthi ubhubhane lwe-COVID-19 seluholele osizini olungakaze lubonwe lwezempilo kanye nomnotho emhlabeni jikelele. Noma kunjalo, umnotho wase-Afrika, ikakhulukazi e-Afrika ese-Sub-Sahara, ushayeke kakhulu ngokwehla kwamandla omnotho okulokhu kwenzeka ngowezi-2020 emva kweminyaka engama-25 yokukhula okuqhubekayo, kanye nokuvuselelwa okubekiwe ngowezi-2021 kusalokhu kuntekenteke. Ngaso leso sikhathi, izwekazi linamandla amaningi ahamba phambili kanye namathemba okukhula. 

3.3    Ingqungquthela izoqoqa ndawonye abaholi base-Afrika, kubaholi bezikhungo zezimali zomhlaba, ngombono wokusebenzisa izinyathelo ezihlangene ezizosiza zinike amandla ukuvuseleleka okuqinile nokubandakanya wonke umuntu. Lokhu kuvuseleleka kuzoba semkhakheni ozimele kanye nasekukhuthazweni nasekunwetshweni kokusungulwa kwamabhizinisi. Uhlelo lokuvuselela luzophinde luhlose ukukhuthaza ukuchuma kanye nokuqhuba ngesivinini uguquko lwezemvelo nobuchwepheshe bedijithali ngokuhambisana Nezinjongo Zentuthuko Ezisimeme kanye neSivumelwano sase-Paris Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu. 

E.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi ihalalisela laba abalandelayo: 

  • Iqembu laseNingizimu Afrika eligijima linikezelane induku lebanga lamamitha angu-4X100 ngokuhlabana ngendondo yegolide eMincintiswaneni Yomhlaba e-Silesia, e-Poland. 
  • Abakhiqizi bombukiso we-Netflix osihloko sithi, My Octopus Teacher, eyahlabana ngendondo ye-Oscar yoMbukiso Owedlula Zonke i-Best Documentary Feature.
  • Iqembu lebhola Lezinyawo i-Tshakhuma Tsha Madzivhandila, ngokuqopha umlando ngokwehlula i-Chippa United ngelilodwa eqandeni kumdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup eNkundleni Yezemidlalo eFreyistata, e-Bloemfontein ngoMgqibelo, mhla we-8 kuNhlaba 2021, esikhathini sabo sokuqala ku-DStv Premiership. Leli qembu selizomela izwe ku-CAF Confederation Cup kwihlandla lomqhudelwano elilandelayo.

2.    Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba: 

  • Mnu Abderrahmane Benkhalfa (72), Ungcweti kwezezimali kanye noNgqongqoshe Wezezimali waphambilini wase-Algeria. Ngesikhathi eside sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa njengoSihlalo we-AU, wabeka uMnu Benkhalfa njengomunye wabahlanu abayiziThunywa Ezikhethekile ze-COVID-19 ku-AU ukuze bezonxenxa izimali emhlabeni jikelele kanye nolunye usizo ukuze kuzosizakala umzamo wezwekazi lase-Afrika wokulwa nobhubhane lwe-COVID-19.
  • Nks Nadia Goetham (46), umshicileli owaqala umsebenzi wakhe wobuntatheli nokubhala waqhubeka waqala umsebenzi owaba nenzuzo emkhakheni wokushicilela, lapho aba negalelo elibonakalayo. Wayeyiqhawe lezincwadi kanye nokuxoxa izindaba, futhi wayekuthanda kakhulu ukuthuthukisa abanye abantu.
  • Mnu Isaac Mogase (78), owayekhethwe njengeMeya yaseGoli kusuka ngowe-1995 kuya kowezi-2000. Wayeyisishoshovu soMzabalazo kanye nengqalabutho yenhlangano yomphakathi. 
  • INdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu (65), iBambabukhosi lesizwe samaZulu. Wabekwa njengeBambabukhosi Lesizwe samaZulu emva kokukhothama komyeni wakhe, iSilo iNkosi u-Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu (73) kuNdasa 2021.  

F.     Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe maqondana nezimo zokulandela umthetho.

1.    Amalungu oMkhandlu Kazwelonke Wezokumaketha Kwezolimo 
(i)    Mnu Gerhard Schutte;
(ii)    Mnu Angelo Petersen;
(iii)    Slwz Mzukisi Qobo;
(iv)    Mnu André Jooste;
(v)    Nks Thandeka Ntshangase;
(vi)    Mnu Sifiso Julius Mhlaba;
(vii)    Nks Nonie Mokose;
(viii)    Nks Shandini Naidoo;
(ix)    Nks Fezeka Mkile; kanye no
(x)    Dkt Sharon Thembi Xaba.

2.    Nks Susan Clare Middleton njengePhini LikaMqondisi-Jikelele (i-DDG): NjengoMphathi Kwezokudoba eMnyangweni Wezamahlathi Nokudoba kanye Nemvelo. 
3.    Nks Thembisa Futshane njengo-DDG: Kwezemfundo Yomphakathi kanye Nokuqeqeshwa kuMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa.
4.    Mnu Khumbula Ndaba njengo-DDG: Kwezokwesekela Ezemisebenzi kuMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi. 
5.    Nks Sebolelo Mercedes Zwane njengo-DDG: Kwezokuhlela Nokwesekelwa Kwesikhungo kuMnyango Wezesayensi Nokuqamba Kabusha. 
6.    Dkt Kgosientso David Ramokgopa njengoMphathi Omkhulu: weNgqalasizinda eNingizimu Afrika wase-DPWI. 

Imibuzo: Nks Phumla Williams – USomlomo weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore