ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla wama-24 kuNhlaba 2023 

A.    Ezisematheni

1.    Ezamandla

1.1.    IKhabhinethi liyiphawulile inqubekelaphambili esiyenziwe ekuqalisweni koHlelo Lwezamandla, kanti liyazibona izingqinamba ezilokhu zikhona eziphazamisa isizinda sikagesi sikazwelonke.  
1.2.    Njengoba izwe lingena esikhathini saseBusika, iKhabhinethi lamukele ukuphothulwa kweNkontileka yama-400 megawatts (MW) kagesi owengeziwe ngohlelo lwe-Standard Offer Programme oluzotholakala ngobuchwepheshe ngaphambi kokuphela kukaNhlaba wezi-2023.  
1.3.    Ngaphezu kwalokhu, uMnyango Wezempilo usukhombe izibhedlela ezingama-213 okufanele zingacinyelwa ugesi ngenhloso yokuwonga, ezingama-76 zazo esezivele zingacinyelwa nosekuzokwengezwa ezinye izibhedlela ezingama-46 ngokuqhubeka kwesikhathi.  
1.4.    IKhabhinethi liphinde lamukela ukwethulwa osekusemome kwe-Energy One-Stop Shop mhla wama-31 kuNhlaba 2023 ye-Invest SA okuhloswe ngako ukusheshisa izinqubo zokulawula ezizosiza izinkampani ezintsha eziphehla ugesi ukuthi nazo zibe yingxenye. 
1.5.    Liphawule inqubekelaphambili esiyenziwe eSiteshini Sikagesi iKusile yokubuyisa ugesi oyizi-3 200 MW, kumayunithi 1, 2, 3 no-5 kwisizinda sikazwelonke uma kuphela owezi-2023.
1.6.    IKhabhinethi likhathazekile ngezindaba ezingamampunge ezilokhu ziqhubeka zizungeza ezinkundleni zokuxhumana zokuthi maduze-nje isizinda sikagesi sikazwelonke sizowa lokho okuzoholela ebumnyameni ezweni lonke.  U-Eskom uqinisekise uhulumeni ngezinhlelo ezibekiwe zokuvikela uhlelo lokusebenza lokugwema ubumnyama kuleli lizwe.
1.7.    IKhabhinethi liyaphinda licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokonga ugesi. Okuhlosiwe ukonga okungenani i-1 000 MW nsuku zonke, okulingana nokonga isigaba esisodwa sokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga usuku ngalunye.
1.8.    UNgqongqoshe Wezogesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uzokwazisa izwe ngokuqaliswa koHlelo Lwezamandla ngoLwesihlanu, mhla wama-26 kuNhlaba 2023, esithangamini sabezindaba. 

2.    Ezempilo

2.1.    Uhulumeni usesungule ikomidi lezobuchwepheshe, eliholwa nguMnyango Kazwelonke Wezempilo, njengendlela yokubhekana nokubheduka kwesifo sohudo e-Hammanskraal eDolobheni lase-Tshwane, esesithathe impilo yabantu abayi-15 ngomhla wama-24 kuNhlaba 2023. 
2.2.    Umsebenzi omkhulu uyaqhubeka wokuhlolisisa yonke imisuka yokungcola, okungaba imithombo yamanzi, izimoto ezihambisa amanzi, izimpompi kanye nesihlanzimanzi i-Rooiwal Wastewater Treatment Works (i-WWTW). Kuze kube yimanje, abukho ubufakazi begciwane lesifo sohudo osebutholakele kule mithombo yamanzi, lokho okuqinisa ukuthi kungenzeka ukubheduka kwesifo sohudo kwasuka esigamekweni esisodwa sokungcola kwamanzi, njengoba izigameko zamanje zingenxa yokungcola okusuka kumuntu kuye komunye.
2.3.    Njengoba kuqaliswa izindlela zokungenelela, abahlali base-Hammanskraal bayagqugquzelwa ukuthi babilise amanzi empompi futhi bafake ingcosana kasawoti ngaphambi kokuwaphuza.  Ngaphezu kwalokhu, noma ngubani ohanjiswa yisisu, ukucanuzela kwenhliziyo noma izimpawu zokuphathwa isisu kufanele avakashele udokotela wakhe ngokushesha noma umtholampilo wendawo. 
2.4.    UNgqongqoshe Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle, uMnu Senzo Mchunu, uzohlangana noSodolobha weDolobha lase-Tshwane u-Cllr Cilliers Brink, ngoLwesihlanu mhla wama-26 kuNhlaba 2023 emzamweni wokuqhamuka nesu elihlanganyelwe lokulungiswa osekudlulelwe isikhathi kwe-Rooiwal WWTW. 
2.5.    Ngemininingwane ethe xaxa ungashayela inombolo ephuthumayo esebenza ubusuku nemini yeSikhungo Sikazwelonke Sezifo Ezithelelanayo (i-NICD) ku-082 883 9920. Imihlahlandlela yokwelashwa kwesifo sohudo itholakala ngobuchwepheshe ku-www.nicd.ac.za.

3.    UCwaningo Lwekota Lwabasebenzi (i-QLFS)

3.1.    IKhabhinethi ligqugquzelwa ukuthi i-QLFS yokuqala yangowezi-2023 ibonise ukukhula ngekota okulandelanayo kwenani lemisebenzi kanye nokuqashwa kwabantu abayizigidi eziyi-16.2 kusondela kancane kwinani eliyizigidi eziyi-16.4 labantu abaqashwa ngaphambi kwezinsuku zokuhlasela kwegciwane le-Corona (i-COVID-19). Lokhu kucacisa bha ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika ululama ngokuqinile kwimiphumela yalolu bhubhane.  
3.2.    Izibalo zemisebenzi zekota yokuqala zibonisa imisebenzi eyizi-209 000 eyasungulwa kumkhakha ohlelekile kanye nemisebenzi eyizi-107 000 kumkhakha ongahlelekile ngesikhathi sekota yokuqala yonyaka. 

4.    Ubudlelwano beNingizimu Afrika ne-United States (i-US)  
4.1.    IKhabhinethi likuqinisekisile ukuthi ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-US busalokhu bubuhle, buqinile futhi womabili amazwe ayazuza kubona kulandela umhlangano phakathi kukaNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana, uDkt Naledi Pandor kanye neNxusa lase-US eliseNingizimu Afrika, uMnu Reuben E Brigety, emva kwezinsolo zakhe zokuthi iNingizimu Afrika inikeze i-Russia izikhali. 
4.2.    IKhabhinethi liphinde lagcizelela ukuthi izindlela ezisunguliwe zokuxhumana zamanxusa azo zonke izizwe zikhona, kubandakanya i-US, ukuzwakalisa izinkinga uma ziqubuka ekuphathweni kobudlelwano phakathi kwala mazwe womabili. 
4.3.    IKhabhinethi lamukele isimemezelo sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa sokusungulwa kophenyo oluzimele oluzohlolisisa izinsolo zokuthi kwahanjiswa izikhali zisuka eNingizimu Afrika ziya e-Russia. Imininingwane yalolu phenyo izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi. 

5.    Ubudlelwano beNingizimu Afrika ne-Singapore

5.1.    UMongameli u-Ramaphosa usingathe uNgqongqoshe Wezwe u-Lee Hsien Loong weRiphabhulikhi yase-Singapore ngoLwesibili, mhla we-16 kuNhlaba 2023.
5.2.    Izwe lase-Singapore lingabatshalizimali abakhulu eNingizimu Afrika, nasebetshale izimali zenani eliphelele elingaphezu kwezigidigidi ezi-R5 emikhakheni efana neyokukhiqiza, izinsizakalo zezimali kanye nokuthengiswa kwezindlu. Izivumelwano ezisayiniwe phakathi kwamazwe womabili zihlose ukuqinisa uhwebo, utshalomali, ezemfundo kanye nokubambisana kwezokuvikeleka.  

6.    IMbizo kaMongameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) eNtshonalanga Kapa

6.1.    UMongameli u-Ramaphosa ubambe iMbizo kaMongameli ye-DDM yesithupha eNtshonalanga Kapa, kuMasipala Wendawo i-Drakenstein, kwiSifunda sase-Cape Winelands, ngoLwesihlanu ziyi-19 kuNhlaba 2023.
6.2.    UMongameli uhole ithimba eliphuma kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Asishiyi Muntu Ngemuva”. IMbizo yandulelwa uhambo lukaMongameli lokuvakashela lapho kwakhiwa khona indawo yokuhlalisa abantu eseduze i-Vlakkeland Catalytic Human Settlement Development, okuluhlelo olukhulu lokwakhiwa kwezindlu zomphakathi olwake lwaba khona kuze kube manje kuMasipala Wendawo i-Drakenstein. Ukwakhiwa okwaqala ngowezi-2017 kuzothi kungaphothulwa bese kuhlinzeka ngezindlu eziyi-2 556 kulabo abafanelekile.   
6.3.    Ukwakhiwa kwezindlu ezingama-942 kweSigaba Sokuqala kuyaqhubeka, okuyizindlu ezingama-454 eseziphothuliwe kanye nezingama-301 ezisakhiwa. Ukubaluleka kwalo mklamo ukuthi ubhekelela izinhlelo zezindlu ezehlukahlukene kusuka kulabo abahola i-R0 kuya kwizi-R3 500 (ngaphansi KoHlelo Oludidiyelwe Lokuhlaliswa Kwabantu), kuya kulabo abasoHlelweni Lokuxhaswa Ngezimali Zokuthenga Indlu, labo abahola phakathi kwezi-R3 501 kuya kwizi-R22 000 ngenyanga. Womabili amathuba Ezindlu Zomphakathi kanjalo namathuba ezindlu Zomakadebona Bezempi akhona kulo mklamo. 

7.    UHambo Lokuyohlola Umsebenzi kuMasipala Wedolobha laseThekwini kanye noMasipala Wesifunda saseMgungundlovu mhla we-18 nomhla we-19 kuNhlaba 2023

7.1.    IPhini likaMongameli u-Paul Mashatile uxoxisane nababambiqhaza kwezemfundo nokuqeqeshwa, ezolimo, ezentengiselwano kanye nezimboni ngesikhathi sohambo lokuyohlola umsebenzi kuMasipala Wedolobha laseThekwini kanye noMasipala Wesifunda saseMgungundlovu njengengxenye yokuhambela ukuhlola imisebenzi ye-DDM.
7.2.    Enye yemiklamo ehamba phambili evakashelwe kube yindawo okwakhiwa kuyona i-Ntshongweni Catalytic Project, lapho okwakhiwa khona iDolobha Lesimanjemanje phakathi kweTheku noMgungundlovu. Lo mklamo uzovuselela imisebenzi efukula umnotho endaweni, nokufaka igalelo lotshalomali olubiza izigidigidi ezi-R15 eminyakeni eyi-10 kuya kweyi-15 ezayo. 

8.    Ingqalasizinda yamanzi

8.1.    UMongameli U-Ramaphosa uvakashele umklamo i-Lesotho Highlands Water Project ngoLwesibili, mhla wama-23 kuNhlaba 2023 lapho abe yingxenye womcimbi wokuphendulwa kwesoyi leSigaba Sesibili somklamo. Lo mklamo owasayinwa eminyakeni eminingi eyadlula futhi wabambezeleka, lo mcimbi ubonisa ukubaluleka kokusheshiswa kwalo msebenzi obalulekile wala mazwe womabili. Umklamo i-Lesotho Highlands Water Project ubaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukutholakala kwamanzi e-Gauteng, eFreyistata, eMpumalanga, eNyakatho Ntshonalanga naseNyakatho Kapa. 
8.2.    Ukutshalwa kwezimali kwingqalasizinda yamanzi ukuze kuzothuthukiswa izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika kuyaqhubeka njengoba kwatshelwe omasipala imali engaphezu kwezigidigidi ezi-R14 ukuthi babhekana nenkinga yokusilela emuva kwingqalasizinda yamanzi, ngokusebenzisa iSibonelelo Sengqalasizinda Yezifunda (i-RBIG) kanye neSibonelelo Sengqalasizinda Yezinsizakalo Zamanzi (i-WSIG). I-RBIG izosetshenziswa kwimiklamo eyi-130 bese kuthi i-WSIG yona izofakwa kwimiklamo engama-400 kulolonke izwe. 
8.3.    IKhabhinethi liphinde lathokozela ukuthi uMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS) uthatha amagxathu ekulweni nenkohlakalo njengoba usuthole cishe izigidi ezingama-R600 ezikhokhwe yizinkampani ezazuza ngokuthola amathenda ngokungekho emthethweni.  IKhabhinethi liphinde laziphawula izinyathelo zokulawula ezibekwe ngumnyango zokuqeda ukusetshenziswa kwezimali okungahambisani nomthetho, okungenasidingo nokumoshayo.

9.    Indondo Yezokuvikeleka Komphakathi

9.1.    INingizimu Afrika ithole iNdondo Yomsebenzi Omuhle kwezoKuvikeleka Komphakathi e-Afrika ngowezi-2023 yeNhlangano Yamazwe Ngamazwe Kwezokuvikeleka Komphakathi (i-ISSA), ebonisa ukubonga ukuzinikela kukahulumeni ezimpilweni zabantwana bethu, ikakhulukazi labo abaphuma emakhaya adla imbuya ngothi futhi abuthakathaka. 
9.2.    Isicelo sokungenela ukuthola le ndondo seNingizimu Afrika sasinesihloko esithi: “Ukwandiswa kancane kancane kokuvikeleka kwenhlalo yabantwana ababuthakathaka: Udaba lweSibonelelo Sabantwana, eNingizimu Afrika”. Inani eliphelele lezicelo zokungenela ezamukelwa zazisuka ezikhungweni ezingamalungu ezingama-48 emazweni angaphezu kwama-30 e-Afrika. 
9.3.    Izibonelelo zethu zomphakathi zingummongo wohlelo lukahulumeni lokuqeda ububha futhi zingumnyombo wokubuyisa isithunzi sabantu bakithi.  Uhlelo lweNingizimu Afrika lokuvikela umphakathi luphakathi kwezinhlelo ezinkulukazi emhlabeni, njengoba lunabantu abangaphezu kwezigidi eziyi-18 abahlomula kulona.  

10.    Amavoti Ezabelomali

10.1.    IKhabhinethi liyathokoza ukuthi amaVoti Ezabelomali eminyango kahulumeni aqhubeka kahle. Uhlelo lwamaVoti Ezabelomali azayo kanye nezithangami zabezindaba: 
10.1.1.    NgoLwesihlanu mhla wama-26 kuNhlaba 2023 ngehora le-13:00, uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko (i-CoGTA), uNks Thembi Nkadimeng, uzobamba isithangami sabezindaba mayelana neVoti leSabelomali elizocacisa izinyathelo okuhloswe ngazo ukuqinisa ukusebenza komasipala.  
10.1.2.    NgoLwesibili, mhla wama-30 kuNhlaba 2023, uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uNks Lindiwe Zulu, kanye noNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uMnu Ronald Lamola, bazoba namaVoti Ezabelomali kanti imininingwane yezithangami zabezindaba izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi. 
10.1.3.    IVoti Lesabelomali leHhovisi likaMongameli lizokwethulwa ngoLwesithathu, mhla wama-31 kuNhlaba 2023 kanti isithangami sabezindaba ngeNqubekelaphambili Yezinguquko Zezakhiwo kanye Nemizamo Yokusungula Imisebenzi ehlanganiswa ngohlelo lwe-Operation Vulindlela sizoba ngoLwesibili, mhla wama-30 kuNhlaba 2023.

11.    USuku Lwe-Afrika kanye nokubungaza iminyaka engama-20 yeNdlela Yokuhlolana Kwamazwe ase-Afrika (i-APRM)

11.1.    IKhabhinethi nabobonke abantu baseNingizimu Afrika bahlanganyele nezwekazi lase-Afrika nomhlaba wonke ukubungaza uSuku lwe-Afrika ngoLwesine, mhla wama-25 kuNhlaba. Lo nyaka ubalulekile ikakhulukazi njengoba uluphawu lokuphela kweminyaka engama-60 kwasayinwa isisekelo somqulu weNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika, eyandulela uBumbano Lwamazwe Ase-Afrika.  Isiqubulo semibungazo yangowezi-2023 esithi - “Ukusheshisa Ukuqaliswa Kokuhwebelana Ngaphandle Kokukhokha Intela Kwamazwe Asezwenikazini i-Afrika” – sibonisa amagxathu athathwayo ekuqaliseni ukusebenza kwale nkundla yokuhweba enkulukazi emhlabeni. 
11.2.    Umbungazo weNyanga ye-Afrika wakulo nyaka uqondane nokuphela kweminyaka engama-20 ye-APRM, okuhloswe ngako ukuqinisa ukubusa kahle ezwenikazini ngokulandela izindlela zokuthi izwe lifunde kwelinye izwe futhi aphinde ahlolane wona.  

B. Izinqumo zeKhabhinethi 

1.    INdawo Yomnotho Okhethekile (i-SEZ) e-Namakwa

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukubekwa kwe-SEZ e-Namakwa e-Aggeneys eNyakatho Kapa. Lesi sethulo sokubekwa senziwe ngokwemigomo yoMthetho Wezindawo Zomnotho Okhethekile, wezi-2014 (uMthetho we-16 wezi-2014) futhi i-SEZ eyethuliwe iyingxenye yoMkhankaso KaMongameli Wotshalomali.
1.2.    I-SEZ yase-Namakwa izovula amathuba okuhlomula ezimayini, ukukhiqizwa kwehayidrojini ehlanzekile, ukuthuthukiswa kwezingqalasizinda, ugesi ovuselelekayo kanye nokwenziwa kwemikhiqizo yezolimo. Le mikhakha ibaluleke kakhulu ekusungulweni kwemisebenzi kanye nokuthuthukiswa komnotho waseNyakatho Kapa nowezwe.  
1.3.    Lungaphezu kwezigidigidi ezingama-R29 utshalomali oseluvele luthenjisiwe esigabeni sokuqala se-SEZ. Lokhu kubandakanya izithembiso eziphuma ku-Vedanta Zinc (izigidigidi eziyi-R16), e-Frontier Rare Earth (izigidigidi eziyi-R13), e-Hive Energy (izigidi ezingama-R200) kanye nase-RRS Trade and Investment (izigidi eziyi-R100). 

2.    UShicilelo Lwesithathu Lweqhingasu Likazwelonke Lwezinsiza Zamanzi (i-NWRS-3) lwangowezi-2023

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze i-NWRS-3 yangowezi-2023 ukuthi iqaliswe futhi leli qhingasu liphoqa zonke iziphathimandla kanye nezikhungo ezisebenzisa uMthetho Kazwelonke Wamanzi, we-1998 (uMthetho wama-36 we-1998). 
2.2.    Leli qhingasu lakhiwe ngokubuyekezwa kweminyaka emithathu ye-NWRS-2, okuveze izindawo lapho kube nempumelelo khona kanye nezindawo ezisanenselele.  
2.3.    I-NWRS-3 iqukethe izinhlosonqangi ezintathu, zokuthi ezamanzi nokuthuthwa kwendle kufanele zeseke ukuthuthukiswa, ukuqedwa kobubha nokungalingani, zifake igalelo emnothweni nasekusungulweni kwemisebenzi, futhi amanzi kufanele avikelwe, asetshenziswe, athuthukiswe, aphathwe futhi alawulwe ngokusimeme nangokulingana. 
2.4.    Leli qhingasu lenza izethulo ezibambekayo zokukhushulwa kokuthunyelwa kwamanzi, ukunciphisa ukudingeka kwamanzi, ukuphathwa ngendlela kwamanzi nokuthuthwa kwendle, ukubekwa kwezinqubomgomo emkhakheni wezamanzi nokuthuthwa kwendle, ukuphakwa kwamanzi ukuze kuzokwenzeka izinguquko, ukugqugquzela ukubambisana kwamazwe ngamazwe, kanye nokuphathwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle ngaphansi kwesimo sezulu esiguquguqukayo.  
2.5.    I-NWRS-3 ishicilelwe kwiwebhusayithi yase-DWS ethi: www.dws.gov.za. 

3.    Umbiko ngezinyathelo eziqaliswe nguMnyango Wezokuvikeleka (i-DoD) ukubhekana nendlela yokuziphatha kwamalungu oMbutho Wezokuvikeleka Kuzwelonke eNingizimu Afrika (i-SANDF) atshalwe kwimisebenzi yokuletha ukuthula.  

3.1.    IKhabhinethi lithole umbiko ngenqubekelaphambili eyenziwa iNingizimu Afrika ekubhekaneni nendlela yokuziphatha kwamanye amalungu e-SANDF atshalwe kwimisebenzi yokugcina ukuthula kulolonke izwekazi.
3.2.    I-SANDF ibilokhu ingumthombo wokuzigqaja kwesizwe njengoba iyingxenye yemisebenzi yokugcina ukuthula ezwenikazini eletha uzinzo nokuthula ezizweni zase-Afrika ezibambene ngempi ngosizo lweZizwe Ezibumbene (i-UN). 
3.3.    Mayelana nezinsolo zamacala ezocansi abandakanya abagcini bokuthula bombutho wezokuvikeleka ezaqubuka ngowezi-2015, iThimba loNgqongqoshe lasungulwa ngowezi-2019 ukuze lizophenyisisa amacala okuxhashazwa nokuhlukunyezwa ngokocansi (i-SEA) ngaphakathi e-DoD.  
3.4.    IKhabhinethi lithokozile ngeqoqo lezinyathelo ezibekiwe ukubhekana nezehlakalo ze-SEA kwimisebenzi ye-SANDF yokugcina ukuthula.  I-UN iyayibonga iNingizimu Afrika ngokwenza kahle futhi yancoma leli lizwe ngenqubekelaphambili eliyenzile ngokuqeda i-SEA kwi-SANDF. 
3.5.    IKhabhinethi ligcizelele ukuthi izenzo ze-SEA ngeke zimukeleke ukudicilela phansi umlando omuhle we-SANDF ezwenikazini.  

4.    INyanga Yentsha yangowezi-2023 

4.1.    IKhabhinethi ligunyaze uHlelo Lwenyanga Yentsha lwangowezi-2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukusheshisa Ukukhululwa Komnotho Wentsha Ukuze Izoba Nekusasa Elisimeme”.   
4.2.    IPhini likaMongameli u-Mashatile uzokwethula inkulumo yoSuku Lukazwelonke kulo nyaka oluzobe lugujwa ngezinsuku ezimbili kusuka mhla we-16 kuya mhla we-17 kuNhlangulana 2023 e-Mangaung Outdoor Sport Centre, e-Mangaung, e-Bloemfontein, eFreyistata.  Kulezi zinsuku ezimbili, kuzoba nethuba lokuthi intsha ibe yingxenye yenkulumo-mpendulwano noNgqongqoshe kanye nabanye ababambiqhaza mayelana nokuqeqeshwa okwehlukahlukene, amathuba amabhizinisi nawokuzithuthukisa akhona kuhulumeni nakulabo okubanjisenwe nabo emphakathini.  
4.3.    INyanga Yentsha izokwethulwa ngoLwesine, mhla lu-1 kuNhlangulana nguNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli laBesifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka, uDkt Nkosazane Dlamini Zuma kwisigcinamagugu i-Hector Pieterson Memorial and Museum e-Soweto. 
4.4.    IKhabhinethi linxusa umphakathi ukuthi uqinise imizamo yokuqinisekisa ukuthi abantu abasha bayafinyelela emathubeni azobavumela ukuthi babe yingxenye yomnotho. 
4.5.    Uhulumeni, njengomqashi omkhulu, usephendulile kwisidingo sokuthuthukiswa kwamakhono nokuqashwa kwentsha ngokuvulela labo abaneziqu kodwa abangasebenzi ukuthi bathole ulwazi lomsebenzi ngohlelo lwe-Public Service Graduate Internship and Learnership Programme. Uhulumeni uphinde waqalisa isikhwama i-Social Employment Fund (i-SEF) wabuye wavuselela imizamo ye-National Youth Service (i-NYS) yokusungula imisebenzi edonsele izinkulungwane zabantu abasha emnothweni.   
4.6.    UHlelo lukaMongameli Lokusungulela Intsha Imisebenzi seluvele luphumelele ukuthola amathuba emisebenzi yesikhashana ekhokhelayo eyizigidi ezi-1.5, abayisigidi abafakwe emisebenzini, amathuba ayizi-250 000 okufunda usebenza, amathuba ayizi-250 000 emisebenzi ekhokhelayo kanye nabantu abasha abayizi-500 000 abasemathubeni okuhola okusimeme. Njengoba siqala iNyanga Yentsha, uhulumeni ukhumbuza abantu abasha ukuthi babhalise kwinkundla i-SAYouth.mobi njengoba ozakwabo abayizigidi ezine benzile, lapho amathuba emisebenzi etholakala khona. 

5.    Ukusingathwa kanyekanye kweNgqungquthela Yesi-8 Yamabhizinisi Ezolimo e-Afrika kanye neViki Lesayensi leForamu Yezocwaningo Lwezolimo e-Afrika (-FARA) noMhlangano Omkhulu wesi-9.

5.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNingizimu Afrika isingathe kanyekanye iNgqungquthela yesi-8 Yamabhizinisi Ezolimo e-Afrika kanye neViki Lesayensi ye-FARA noMhlangano Omkhulu wesi-9 eThekwini kusuka mhla wesi-5 kuya mhla wesi-9 kuNhlangulana 2023. 
5.2.    I-FARA iyinhlangano yezwekazi esesiqongweni elawula futhi ihlanganise ucwaningo lwezolimo nokuthuthukisa ukusungulwa kwemikhiqizo emisha ezwenikazini.   
5.3.    Ngokusingatha lo mcimbi, iNingizimu Afrika izozuza ngokubambisana nangokusebenzisana nezikhungo zezwekazi zezolimo nocwaningo ngokwabelana imisebenzi emihle yesayensi yezolimo nocwaningo. INingizimu Afrika ilwazisa kakhulu ucwaningo lwezolimo kwezentuthuko, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nezinye izimo ezikhinyabeza ikhono lezwe lokuthi kube nokudla, ukuthuthukiswa komnotho kanye namathuba emisebenzi.  Ingqungquthela kulindeleke ukuthi ihehele izihambeli ezingama-800 KwaZulu-Natali nase-Gauteng, futhi lokhu kuzofaka igalelo emnothweni.  

6.    Izindaba zohwebo

6.1.    IKhabhinethi lithole umbiko okhombisa inqubekelaphambili kuhwebo lezwe kanye nohlelo lokuthunyelwa kwempahla kwamanye amazwe. Lo mbiko ubonise ukuthi iNingizimu Afrika ithumele emazweni ayi-12 impahla yenani eliyizigidigidi ezingama-R300 ngowezi-2022, lokho okudale amathuba emisebenzi abalelwa kwizi-57 300. 

C.  Abaqashiwe 

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.    Mnu Bernard Scelo Duma njengePhini loMqondisi-Jikelele: Kwezemisebenzi Yohulumeni Basekhaya kuMnyango Wezokubusa Ngokubambisana.  

2.    IBhodi Labaqondisi loMkhandlu Wezobuchwepheshe Bezimbiwa
(a)    Nks Ntombifuthi Zikalala-Mvelase (iPhini likaSihlalo nophinde wabekwa); 
(b)    Nks Pontsho Maruping (ophinde wabekwa);
(c)    Mnu Rudolf Heydenrich (ophinde wabekwa);
(d)    Dkt Siyabonga Simayi;
(e)    Dkt Takalani Madzivhandila;
(f)    Nks Azwinndini Mavis Thomani;
(g)    Mnu Livhu Nengovhela; kanye
(h)    noNks Faith Ntokozo Ngcwabe (omele uMnyango Wezimbiwa Namandla). 

3.    IBhodi laBaqondisi loMkhandlu we-Geoscience 
(a)    Mnu Kelepile Dintwe (uSihlalo);
(b)    Mnu Xolisa Mvinjelwa (iPhini likaSihlalo);
(c)    Ummeli Ntika Maake;
(d)    Dkt Mayshree Singh;
(e)    Dkt Siyanda Mngadi;
(f)    Dkt Ntombifuthi Nxumalo;
(g)    Nks Thobeka Njozela;
(h)    Mnu Andries Moatshe;
(i)    Dkt Moloko Matlala;
(j)    Mnu Mandla Malindisa; 
(k)    Dkt Mmboneni Muofhe; kanye
(l)    noMnu Mosa Mabuza (i-CEO). 

D.    IMithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ohlongozwayo woPhiko Oluzimele Oluphenya Amaphoyisa (i-IPID) wangowezi-2023. 
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze uMthethosivivinywa Wokuchibiyela ohlongozwayo we-IPID wezi-2023 ukuthi ulethwe ePhalamende.  
1.2.    Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho we-IPID, wezi-2011 (uMthetho woku-1 wezi-2011), futhi unezethulo ezihlose ukuqinisa isikhungo kanye nokusebenza ngokuzimela kwe-IPID, lokho okuzofezekisa “isahlulelo sika-McBride”.
1.3.    Izichibiyelo ziphinde zibheke izinkinga ezaphakanyiswa eNkantolo yoMthethosisekelo ezamemezela izigaba ezithile zoMthetho we-IPID wezi-2011 njengezingekho emthethweni, ezinika uNgqongqoshe Wezamaphoyisa igunya lokumisa emsebenzini uMqondisi Omkhulu, ukuthatha izinyathelo zokuqondisa uMqondisi Omkhulu izigwegwe kulandela ukumiswa emsebenzini, kanye nokukhipha uMqondisi Omkhulu ehhovisi.  
1.4.    UMthethosivivinywa uhlongoza inqubo engafihli lutho futhi esobala yokuqashwa koMqondisi Omkhulu kanye nenqubo ecacile nephelele yokuhlolwa kokwethembeka kwabasebenzi be-IPID. Lo Mthethosivivinywa uphinde uhlinzeke ngezichibiyelo zezinye izigaba zoMthetho Omkhulu, ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi i-IPID yenza umsebenzi owunikiwe ngendlela efanele nangempumelelo. UMthethosivivinywa ohlongozwayo ungatholakala ku: www.policesecretariat.gov.za.

2.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ohlongozwayo Wemithetho-Jikelele Yezobunhloli (i-GILAB) wezi-2023 

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze i-GILAB yezi-2023 ohlongozwayo ukuthi ulethwe ePhalamende. I-GILAB ihlongoza izichibiyelo zoMthetho Kazwelonke Wamasu Ezobunhloli, we-1994 (uMthetho wama-39 we-1994). UMthethosivivinywa ungumphumela wezincomo zePhaneli LikaMongameli Lokuhlola Kwezinga Eliphezulu kwi-Ejensi Yezokuvikeleka Kombuso (i-SSA) kanye nohlelo lokuqaliswa kwezincomo seKhomishani Ephenya Ngezinsolo Zokuthunjwa Kwamandla Ombuso, Inkohlakalo kanye Nokukhwabanisa kuMkhakha Kahulumeni kubandakanya neZinhlaka Zikahulumeni.   
2.2.    Phakathi kokunye lo Mthethosivivinywa uhlose: (a) ukwakha kabusha izinsizakalo zobunhloli ukwakha isikhungo esivumela ukusebenza kahle nangempumelelo ngokusungula i-ejensi yezobunhloli balapha ekhaya kanye nezinsizakalo zobunhloli bamanye amazwe; (b) ukulungisa amaphutha okusebenza kwaMandla Ezimpawu Zobunhloli njengoba kuqinisekiswe yiNkantolo yoMthethosisekelo; (c) ukubhekana nobuntekenteke obutholakale ngenqubo yeThimba Lomsebenzi Obhekele Ezezimali, kubandakanya izinyathelo zokulwa nokuhlanzwa kwemali kanye nokuxhasa ngezimali imisebenzi yobuphekula ngokucijisa izinhlaka zokuvikeleka kuzwelonke ukuthi ziphenye futhi zihlolisise ezokuvikeleka uma umuntu noma isikhungo kungesikazwelonke; (d) Ukuqinisa izinyathelo zokulawula nokuhlanganisa imboni ezimele yezokuvikela njengengxenye yendlela yokusabalalisa ezokuvikeleka kuzwelonke; kanye (e) nokubeka ngononina izindlela zokulawula indlela yokuziphatha kwamalungu aphambilini ophiko kanye nabanye abakwaziyo ukufinyelela kulwazi lwezobunhloli. 
2.3.    Lo Mthethosivivinywa uzophinde uqinisekise ukuthi izinsizakalo ze-SSA azisetshenziswa ngendlela engalungile ukufeza izinhloso noma izidingo zabantu abathile.   
2.4.    Izichibiyelo zizoqinisa ukwenganyelwa kwama-ejensi ezobunhloli yizinhlangano ezifana noMhloli-Jikelele Wezobunhloli, iKomidi Elihlanganyele Lezobunhloli kanye noMcwaningi-mabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika. UMthethosivivinywa uyatholakala ku: www.gov.za. 

3.    UMthethosivivinywa Osahlongozwa weKhomishana Yezemisebenzi Kahulumeni (i-PSC) wezi-2023 

3.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa osahlongozwa we-PSC wezi-2023 ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchitha uMthetho we-PSC, wangowe-1997 (uMthetho wama-46 we-1997) woMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996.  
3.2.    UMthethosivivinywa uhlinzeka ngokusungulwa kwesikhundla sikanobhala ozimele ukuze i-PSC izoqinisa ukuzimela geqe kanye nokungathathi hlangothi kwenhlangano.  Uma uMthethosivivinywa usuwenziwe waba umthetho, igunya le-PSC lizosatshalaliselwa komasipala nezinhlangano zikahulumeni.  
3.3.    Isichibiyelo sizonikeza i-PSC indlela egxile kakhulu ekufakeni igalelo ekwakheni uhulumeni ophendulayo, oqotho noholwa ubugugu.  UMthethosivivinywa uyatholakala ku: www.dpsa.gov.za 

4.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ohlongozwayo Wokulawulwa Kwenuzi Kuzwelonke wezi-2023

4.1.    IKhabhinethi ligunyaze uMthethosivivinywa Wokuchibiyela ohlongozwayo Wokulawulwa Kwenuzi Kuzwelonke ukuthi ulethwe ePhalamende.  UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokulawulwa Kwenuzi Kuzwelonke (i-NNR), wangowe-1999 (uMthetho wama-47 we-1999).   
4.2.    UMthethosivivinywa uhlose ukuvala izikhala ezikhona kuMthetho wamanje we-NNR wangowe-1999. UMthetho njengoba unjalo awuhambisani nezindlela ezilungile zomhlaba wonke kumkhakha wemithethonqubo yokuphepha kwenuzi ngoba awusho lutho ngokuvuleleka obala kwabasebenzi bezezindiza emisebeni yomhlaba.  
4.3.    UMthethosivivinywa uphinde waklanywa ukuthi uMthetho we-NNR wangowe-1999 uhambisane nemiyalelo ye-International Atomic Energy Agency (i-IAEA) kanye nezindlela zayo ezinhle zokusebenza.  INingizimu Afrika iyilungu le-IAEA.
E.     Imicimbi Ezayo

1.    Ukugcotshwa kukaMongameli weRiphabhulikhi yase-Nigeria
1.1.    NgoMsombuluko, mhla wama-29 kuNhlaba 2023, uMongameli u-Ramaphosa uzohlonipha isimemo sokuhambela uKugcotshwa kukaMongameli Okhethiwe uMnu Bola Ahmed Tinubu weRiphabhulikhi yase-Nigeria.
1.2.     Ukubakhona kukaMongameli kuzobonisa ukuqhubeka kobudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Nigeria. 
1.3.     I-Nigeria iyizwe elikhulu elihwebelana neNingizimu Afrika eNtshonalanga ye-Afrika. Uchungechunge lwamafemu aseNingizimu Afrika atshale izimali e-Nigeria, ngesikhathi izinkampani zase-Nigeria nazo ziqala ukuzenzela igama eNingizimu Afrika. 

2.    IViki Lokuvikelwa Kwabantwana 

2.1    INingizimu Afrika izobungaza iViki Lokuvikelwa Kwabantwana kusuka mhla wama-28 kuNhlaba kuya mhla we-4 kuNhlangulana 2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Masivikele Abantwana ngesikhathi se-COVID-19 Nangale”. Lo mkhankaso unxenxa yonke imikhakha nemiphakathi ukuthi ithuthukise, inakekele, futhi ivikele abantwana. 
2.2    Kulo nyaka umkhankaso uzogxila kwi-RISIHA, okuluhlelo lomphakathi lokugwema nokungenelela kusenesikhathi, okuhloswe ngalo ukusiza abantwana ukuthi bangabi buthakathaka kodwa baqine. 

3.    Uhambo Lokuyobona Umsebenzi we-DDM eMpumalanga Kapa

3.1    IPhini likaMongameli, uMnu Paul Mashatile ngomhla wama-26 nomhla wama-27 kuNhlaba 2023 uzoba noHambo Lokuyobona Umsebenzi we-DDM oluya kwiSifunda sase-OR Tambo kanye naseDolobheni Likamasipala i-Buffalo, eMpumalanga Kapa. 
3.2    Lolu hambo luyingxenye yomzamo kahulumeni wokuqinisekisa ukuthi ukuthuthukiswa kwemiphakathi kwenzeka ngendlela ephelelisiwe negcizelelwa indlela yokusebenza ye-DDM. 

4.    Ukungena kwePhalamende Lase-Afrika (i-PAP) okweSithupha

4.1    Abaholi abaphuma kulolonke izwekazi bahlangane kusuka ngoMsombuluko, mhla we-15 kuNhlaba 2023 e-Midrand, eNingizimu Afrika kuMhlangano wePhalamende weSithupha we-PAP.  Lo mhlangano uzophela mhla wesi-02 kuNhlangulana 2023.
4.2    I-PAP ihlose ukuxazulula izinselele ezejwayelekile kulolonke izwekazi futhi imelwe ngabaholi base-Afrika abaphuma kulolonke izwekazi. 

5.    IKhomishini Yohulumeni Yezilwandle (i-IOC)

5.1    INingizimu Afrika izoba yingxenye yeseshini yama-56 yesigungu esiphezulu ezobanjelwa e-Paris, e-France kusuka mhla we-16 kuya mhla wama-30 kuNhlangulana 2023. 
5.2    I-IOC yeNhlangano Yezemfundo, Isayensi kanye Namasiko ye-UN (i-IOC-UNESCO) iyinhlangano ye-UN ebhekelele ukweseka imisebenzi emayelana nesayensi yolwandle nezinsizakalo zakhona. 
5.3    INingizimu Afrika iyakubona ukubaluleka kocwaningo nokuphathwa kolwandle nemvelo yasogwini ukuze kuzothuthukiswa ngokusimeme.  Ucwaningo lwasolwandle luphinde lusize ngokunikeza ngezexwayiso ezisheshayo ngezinhlekelele zasolwandle futhi lusiza ohulumeni ukuthi bathathe izinqumo eziphusile. 

6.    INingizimu Afrika izosingatha imiqhudelwano emikhulu yezemidlalo

6.1    Abathandi bezemidlalo abasuka emhlabeni jikelele bangalindela ukwamukelwa ngemfudumalo yoBuntu kanye nokuphathwa kahle okusezingeni lomhlaba ngesikhathi bethamele iNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano kanye neMiqhudelwano Yomhlaba Yomkhalambazo ye-Kimura Shukokai International (i-KSI) eNingizimu Afrika.  INingizimu Afrika inomlando wayo owaziwayo ekusingatheni imicimbi emikhulu ngempumelelo. 
6.2    Intokozo isalokhu ichichima njengoba kusele izinsuku ezingamashumi ayisithupha (ama-60) kuphela ukuthi kuqale imidlalo yeNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano eKapa kusuka mhla wama-28 kuNtulikazi kuya mhla wesi-6 kuNcwaba 2023.  Kungokokuqala ngqa ukuthi le midlalo ehlonishwayo isingathwe kuleli lengabadi yase-Afrika.
6.3    IKhabhinethi licela wonke umuntu ukuthi eseke umkhankaso we-Netball Friday, ngokuqgoka izimpahla zabalandeli noma ezinemibala yezwe ukubonisa ukuthi siyaleseka iqembu Lesizwe laseNingizimu Afrika Lebhola Lomnqakiswano. 
6.4     I-KSI yaseNingizimu Afrika nayo izosingatha iMiqhudelwano Yomhlaba ye-KSI yama-20 eKapa kusuka mhla we-10 kuya mhla we-15 kuNtulikazi 2023, sifisela okuhle kodwa iQembu laseNingizimu Afrika njengoba lilungiselela lo mcimbi ohloniphekile womhlaba. 
6.5    INingizimu Afrika isingathe iMiqhudelwano Yamanqamu yeBhola loMphebezo yama-2023 e-Durban International Convention Centre. Babalelwa kuma-600 abadlali abaphuma emazweni ahlukene emhlabeni jikelele ababambe iqhaza kule midlalo kanti le miqhudelwano inika abadlali bethu ithuba lokuqhakambisa ngethalente labo.  Imiqhudelwano iqale mhla wama-20 kuNhlaba 2023 kanti iyoze iphele mhla wama-28 kuNhlaba 2023. 

F.      Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa 

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • UNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Enoch Godongwana, oklonyeliswe ngendondo i-African Banker 2023 Finance Minister of the Year Award e-Sharm El Sheikh, e-Egypt ngoLwesithathu, mhla wama-24 kuNhlaba 2023 ngemizamo yakhe onyakeni owedlule wokuphatha umnotho waseNingizimu Afrika kwisimo esimazombezombe somhlaba nesalapha ekhaya. Lo mklomelo ubonga ukuthi uNgqongqoshe wasebenzisa inqubomgomo yezimali ukusheshisa utshalomali kumkhakha wezamandla avuselelekayo.
  • U-Hana Gammon, umbhali waseNingizimu Afrika oneminyaka engama-20 ubudala ngokuhlomula umklomelo we-2023 Commonwealth Short Story Prize, esifundeni sase-Afrika nobe ngomncane kunabobonke emlandweni ukuhlomula lo mklomelo. 
  • Iqembu Lebhola Lombhoxo ama-Stormers ngokufinyelela kowamanqamu kwimidlalo ye-United Rugby Championship. Ama-Stormers azotholana phezulu neqembu i-Irish Musters enkundleni i-Cape Town Stadium ngoMgqibelo, mhla wama-27 kuNhlaba 2023. 
  • UMnu Zakes Mda, umbhali wamanoveli waseNingizimu Afrika kanye noSlz Tshilidzi Marwala, owayeyiPhini likaShansela noThishanhloko waphambilini weNyuvesi yase-Johannesburg, bobabili abakhethwe kuma-2023 African Genius Awards. UMnu Mda noSlz Marwala bakhethwe kanye nabanye abahamba phambili e-Afrika abayi-19 abenze ezibukwayo emikhakheni eyehlukahlukene. 

2.    Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • INxusa leRiphabhulikhi yase-Algeria, uMnu Billy Masetlha, osebenzele iNingizimu Afrika emisebenzini eyehlukahlukene kuhulumeni, kubandakanya nokuba nguMqondisi-Jikelele wezemisebenzi yobunhloli. Wayezibandakanye kakhulu kumzabalazo weNingizimu Afrika wenkululeko, kufaka phakathi nokuba yilungu loMkhonto weSizwe.  
  • U-Murthi Naidoo, owanikela impilo yakhe kumzabalazo wenkululeko yezwe. Waboshwa ngamaphoyisa kusuka ngoLwezi 1965 kuya kuMbasa 1966 ngaphandle kokubekwa amacala futhi wadlala indima ebonakalayo ngesikhathi sobunzima besimo esiphuthumayo ngeminyaka yokuphela ko-1980.
  • U-Barry Dwolatzky, ivulandlela kumkhakha wezobuchwepheshe bolwazi nokuxhumana. UbenguSolwazi (i-Emeritus) kuPhiko Lwezobunjiniyela Bogesi Nolwazi kuMkhakha Wezobunjiniyela Nokwakha eNyuvesi yase-Wits. 
  • Abantu abayi-15 abalahlekelwe izimpilo zabo ngenxa yokuqubuka kwesifo sohudo e-Hammanskraal eDolobheni lase-Tshwane.

Imibuzo: Mnu Michael Currin
iBamba likaSomlono Kahulumeni
Umakhalekhukhwini: 082 462 7896

Share this page

Similar categories to explore