Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi samhla ziyi-9 kuNhlaba 2018

IKhabhinethi lahlangana ngoLwesithathu, mhla ziyi-9 kuNhlaba 2018, eTuynhuys, eKapa

A. Izindaba Ezisematheni

1. Udlame Oluqondiswe Kubantu Bobulili Obuthile (i-GBV)

1.1.  IKhabhinethi lilugxeka liphindelela udlame oluqondiswe kubantu besifazane nezingane, lisimema sonke ezindaweni ezihlukene esikuzo ukuthi sithathe isinyathelo sokuqeda udlame olubhekiswe kubantu besifazane, ngezingane kanye nabantu besifazane abathandanayo, abantu besilisa abathandanayo, abantu abathandana nabantu besifazane kanjalo nabesilisa kanye nabantu abashintsha ubulili babo.  

1.2. Kuwumsebenzi wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukufundisana ngamalungelo abantu besifazane nezingane, nangezinye izindlela ezinhlobonhlobo zokuxazulula le nkinga ezikhona ezingasiza izisulu zodlame.

1.3. IKhabhinethi lamukela isinqumo seNkantolo Ephakeme yaseNingizimu neGauteng sokugweba uSandile Mantsoe, ongumbulali, ogwetshwe iminyaka engama-32 ebhadla ejele ngokubulala uKarabo Mokoena owayeyintombi yakhe. Amanye amacala anjengokutholakala kwesidumbu sikaKatlego Joja owayeneminyaka eyi-10 eMamelodi West, eMpumalanga nePitoli kanjalo nokubulawa kukaZolile Khumalo, ngomunye owayengumfundi waseMangosuthu University of Technology eDurban, awubufakazi bokuqhubeka kwezinselele esibhekene nazo njengezwe. IKhabhinethi lidlulisa ukuzwelana kwalo nomndeni wakwaJoja kanye nowakaKhumalo.

1.4. Njengoba izinkantolo nezinhlaka zomthetho zibhekene nomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi baqondana nengalo yomthetho, kunendima okumele siyidlale ekuqedeni lobu bugebengu njengomphakathi. Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zikhuthazwa ukuthi zizibandakanye ezinhlanganweni zokuqwashisa imiphakathi emisebenzini kanye nasezindaweni ezihlala kuzo.

1.5. IKhabhinethi liphinde likhuthaze izisulu ukuthi zibike ngalobu bugebengu ezinhlakeni zomthetho, okumele zenze uphenyo ngezinsolo ze-GBV futhi zisebenzisana nomthetho ukuze lziqiniseke ukwenzeka kobulungiswa.

1.6. Kolunye udaba oluseceleni kodwa olungaqhelile kakhulu kulolu, Umhlangano Owujikelele weNhlangano Yezizwe (i-UN) wamemezela ukuthi usuku lomhla ziyi-13 kuNhlangulana wuSuku Lwamazwe Ngamazwe Lokuqwashisa Ngokuba Nebala Elimhlophe (i-Albinism). Lo mkhankaso uhlose ukuqwashisa ngabantu abaphila nebala elimhlophe abavikelwe uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ngokugcwele. Kuwumsebenzi wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuzifundisa bona uqobo kanye nabanye abantu ngebala elimhlophe ukuze kuqedwe izinkolo-ze kanye nokudukisa okukhona. Lokhu kuzonciphisa ukuhlukumezeka abantu abaphila nebala elimhlophe kanye nemindeni yabo ababhekana nabo.

2. Isinqumo Senhlangano Yemidlalo Yama-Athlethiksi Emhlabeni Jikelele (i-IAAF)

2.1 IKhabhinethi liveze ukukhathazeka kwalo ngemithethonqubo emisha yeNhlangano Yemidlalo Yama-Athlethiksi Emhlabeni Jikelele (i-IAAF).

2.2 IKhabhinethi lamukela umsebenzi owenziwa uMnyango Wezemidlalo Nokungcebeleka eNingizimu Afrika (i-SRSA) kanye, nokuthi ithimba lochwepheshe abasezingeni eliphezulu emikhakheni yezokwelapha nowezomthetho bahlanganiswa i-SRSA. Leli thimba lizofundisisa le mithethonqubo, licubungule ubufakazi bezobuchwepheshe i-IAAF eyethembele kubo. Lizohlola lonke ucwaningo oselwenziwe kanye nobufakazi bezobuchwepheshe kanjalo nezimo zezokulandelwa kwezinkambisonhle bese lisebenzise umphumela ukuze kuphikisanwe nale mithethonqubo ezinkundleni ezifanele.

2.3 IKhabhinethi limema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke abadlali nabasubathi okungenzeka bathintwe ile mithethonqubo lapha ekhaya nakwezinye izindawo emhlabeni.

3. Isimo saseNyakatho Ntshonalanga

3.1. IKhabhinethi lathola umbiko ovela kuThimba loNgqongqoshe (i-IMTT) mayelana nesimo saseNyakatho Ntshonalanga. Lo mbiko ubuqukethe umsebenzi oyisisekelo owenziwe emasontweni amabili adlule. IKhabhinethi laneliseka ngenqubekela phambili eyenziwe i-IMTT emizamweni yayo yokuletha uzinzo kulesi Sifundazwe.

3.2. I-IMTT, eholwa uNgqongqoshe oseHhovisi LikaMongameli, uDkt. Nkosazana Dlamini-Zuma, izoqhubeka nokudingida izinkinga zaseNyakatho Ntshonalanga. Ngesonto elizayo kuzobanjwa umhlangano wokwethulela abemithombo yezindaba imiphumela yomsebenzi owenziwe i-IMTT eNyakatho Ntshonalanga.
 
4. Isigcawu Sezomnotho Kahulumeni Nowezimboni Ezizimele seJapan ne-Afrika

4.1. UMongameli Cyril Ramaphosa wethule inkulumo yosuku lapho kuvulwa umhlangano weSigcawu Sezomnotho Kahulumeni Nowezimboni Ezizimele seJapan ne-Afrika obewubanjelwe eSandton Convention Centre kusukela mhla zi-3 kuya kumhla zi-4 kuNhlaba 2018. Isigcawu besesingethwe iNingizimu Afrika ngokubambisana nohulumeni waseJapan kanye ne-Japan External Trade Organization.

IKhabhinethi lamukela ukuzibophezela okuqhubekayo okwenzeka kuNkomfa Yamazwe Ngamazwe aseTokyo Ngokuthuthukiswa Kwe-Afrika ebibanjelwe eNairobi, eKenya ngowezi-2016, lapho izwe laseJapan lathembisa ukutshala izigidigidi ezingu-US $30 phakathi kowezi-2016 nowezi-2019 e-Afrika. Zingaphezu kwama-100 izinkampani zaseJapan ezikhona e-Afrika.

5.  Ukwenyuswa Kwentela Yokuhwebelana Yensimbi Ne-aliminiyamu i-United States (US)

5.1.  IKhabhinethi lidlulisa ukudumala kwalo ngesinqumo esithathwe i-US sokufaka iNingizimu Afrika emazweni akhokhiswa intela yokuhwebelana yensimbi ne-aliminiyamu.

5.2. Uhulumeni waseNingizimu Afrika uzoqhubeka nokubonisana nezikhulu zase-US ukuze kutholakale umphumela owanelisa la mazwe womabili. IKhabhinethi liphinda likhuthaza abahwebi bakuleli abadayisela amanye amazwe imikhiqizo yensimbi ne-aliminiyamu ukuthi baqhubeke nokunxenxa abathengi bale mikhiqizo base-US ukuthi bafake isicelo sokuthi lemikhiqizo ingakhokhiswa intela yokuhwebelana, njengoba kuyimikhiqizo etholakala eNingizimu Afrika kuphela futhi iyimikhiqizo eluhlaza nengalungiswanga yaqedwa  nezakulungiswa iqedelelwe e-US kwakhiwe neminye imikhiqizo ngayo.

6. Ukuvuselelwa Kwezikhungo Zezimboni

6.1. IKhabhinethi lamukela ukuqedwa kwesigaba sokuqala sokuvuselelwa Kwesikhungo iPhuthaditjhaba Industrial Park eFreyistata njengesinyathelo esibaluleke kakhulu esesithathiwe ukuze kuqaliswe uHlelo Lokuvuselela Izikhungo Zezimboni.

6.2. Ukuthuthukisa okudle izigidi zamarandi ezingama-50 kuzoheha abanye osomabhizinisi basendaweni abazokwakha amabhizinisi abo endaweni ngenxa yokuthuthukiswa kwengqalasizinda nezokuvikela.  

7. Utshalomali

7.1. IKhabhinethi lihalalisela ubudlelwano obuphakathi koMnyango Wezohwebo Nezezimboni (i-dti) nekhemese i-Aspen Pharmacare, obuholele esimemezelweni sotshalomali lwesigidigidi samarandi esisodwa esikhungweni sokwakha amaphilisi nemithi ngokwasekhemese eBhayi, eMpumalanga Kapa. Le nkampani yokwakhiwa kwamaphilisi nemithi ihlomule Esibonelelweni Sentela se-dti i-12l ngesikweletu sentela esilinganiselwa kuzigidi zamarandi ezingama-209.

7.2. Ukuvulwa kwalesi sikhungo kuzodala imisebenzi emisha engama-500. Lokhu kuwutshalomali olukhulu olubeka iNingizimu Afrika kwelinye izinga lezokukhiqiza nokudala imisebenzi emisha edingekayo ezweni.

8. Amanani Aphansi Edatha

8.1. IKhabhinethi lamukela imithetho emisha, ehlongozwe Isikhungo Esizimele Esibhekelele Ezokuxhumana eNingizimu Afrika (i-Icasa), yokuthi kuthuthukiswe imithethonqubo mayelana nezinhlinzeko zedatha, i-SMS ne-voicemail.

8.2. Ushintsho ezinyathelweni ezithathwayo ukuqinisekisa ukuthi ibhizinisi liqhutshwa ngokulungile ekuklamweni kwamanani edatha nokuqinisekisa ukuthi abathengi abalahlekelwa idatha eningi bengayisebenzisanga. Uphenyo Lwezimakethe oluqhutshwe iKhomishana Yezokuncintisana luzogqamisa futhi lugxile kwezinye izindlela, zokuqinisekisa ukuthi amanani edatha aseNingizimu Afrika eseka ukutholakala kobuchwepheshe besimanje okubanzi, isilungiselele amathuba adalwe yilesi sikhathi sokwenziwa komsebenzi ngobuxhaka-xhaka nobuchwepheshe besimanjemanje.

9. Imboni Yezimayini

9.1. IKhabhinethi, njengoMongameli Ramaphosa, nalo lidlulisa ukudabuka kulandela ukudlula emhlabeni kwabasebenzi basemayini eMayini iSibanye Stillwater eseDriefontein ngaseCarltonville eWest Rand, futhi lithi dudu emindenini nakubangani balabo abashonile. UNgqongqoshe Wemithombo Yezimbiwa, uMnu. Gwede Mantashe, kulindeleke ukuthi amele uhulumeni enkonzweni yesikhumbuzo ezobanjwa kuleli sonto.

9.2. IKhabhinethi linxusa umkhakha wezokuvukuza ukuthi usheshise ucwaningo lwawo oluzosisiza sikwazi ukubona masisha izimo zokuzamazama komhlaba ezimayini, kuhlengwe izimpilo.

10. ISikhwama Sezingane seNhlangano Yezizwe (i-UNICEF)

10.1. IKhabhinethi, njengoMongameli uRamaphosa, nayo idlulisa ukubonga ukwesekwa i-UNICEF nokubambisana ekusimamiseni abantu abasha baseNingizimu Afrika.

10.2. Umqondisi Omkhulu we-UNICEF, uNksz. Henrieta Fore, ubambe umhlangano noMongameli Ramaphosa ngoMsombuluko, mhla ziyi-7 kuNhlaba 2018. Kulo mhlangano ukhulume ngombiko we-UNICEF ngezinhlelo zaseNingizimu Afrika emikhakheni enjengowezemfundo, ukuthuthukisa amakhono okusebenza      kanye namathuba ezomnotho abantu abasha, ikakhulukazi labo abaphakathi kweminyaka eyi-10 kuya kweyi-18. I-UNICEF income imizamo yeNingizimu Afrika yokudala amathuba omsebenzi abantu abasha ukuze bazibandakanye emnothweni ngokunzulu, futhi yathi izimisele ngokusiza izikole zasezweni lethu ngokuhlinzeka ngamanzi nezindlela zokuthuthwa kwendle.

10.3. I-UNICEF imeme iNingizimu Afrika ukuthi ize kokwethula inkulumo ngempumelelo yayo ekuthuthukisweni kwabantu abasha njengengxenye yomkhankaso womhlaba jikelele wokuthuthukisa amathuba abantu abasha - okuwuphawu olungengatshazwe oluqinisa ubudlelwane bezwe neNhlangano Yezizwe (i-UN).

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

1. IKhabhinethi ligunyaze Uhlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni (i-IPAP) 2018/19 – 2020/21. Lokhu kungukumenyezelwa kweshumi kokuqaliswa kohlelo lwaminyaka yonke oluhambisana nomjikelezo weminyaka emithathu elandelanayo woHlaka Lokusetshenziswa Kwezimali Kwesikhathi Esimaphakathi Nonyaka.

I-IPAP ebukeziwe iqukethe imininingwane efingqiwe yenqubomgomo yezimboni yeminyaka eyisishiyagalolunye edlule. Iqukethe ukucutshungulwa ngokwezomnotho komnotho womhlaba jikelele nowezwe oqondene nenqubomgomo yezimboni, ifingqa izinselele nezingqinamba ngokuqaliswa kwenqubomgomo yezimboni ngokugcwele, kanye nenqwaba yezinhlelo ezinqunyelwe isikhathi ezinhlobonhlobo nezingezalo mkhakha ezimiselwe iminyango kahulumeni enhlobonhlobo.

2. IKhabhinethi ligunyaze Isivumelwano Sesizinda Sokuhwebelana Mahhala esibandakanya Izinhlangano Zezifunda Ezintathu esithulwe ePhalamende ukuze sigunyazwe ngokusemthethweni. Lesi sivumelwano sisungula Isizinda Sokuhwebelana Mahhala esibandakanya iNhlangano Eyodwa Yamazwe aseMpumalanga nawaseNingizimu ne-Afrika (i-COMESA), iNhlangano Yamazwe aseMpumalanga ne-Afrika (i-EAC) kanye neNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe AseNingizimu ne-Afrika (i-SADC).

Le-TFTA iwumklamo osemqoka oholwa i-Afrika oyisibonakaliso sesinyathelo esithathwe ngobuhlakani sokunqoba umlando wezwekazi, elalibuswa amaqonela, wezimakethe ezincane ezithe gqwa gqwa, ngokukhuthaza utshalomali lwangaphakathi e-Afrika oluhehela abatshalimali bakwamanye amazwe angaphandle endaweni yokuhweba mahhala.

Ngenxa yemizamo yokudidiyela ngokwezifunda kanye neminotho enozinzo, kube nokukhula okukhulu kutshalomali lwangaphakathi e-Afrika.

3. IKhabhinethi ligunyaze uMbiko Wezokuxhumana Kuzwelonke Wesithathu weNingizimu Afrika kuSivumelwano se-UN Soguquguquko Lwesimo Sezulu (i-UNFCCC).  

Impokophelo eyisisekelo ye-UNFCCC ukuzinzisa ukuminyana kwezisi zemvelo emoyeni zifinyelele ezingeni eliyovikela ubungozi obudalwa okungcolisa umoya obenziwa ngabantu ukuze zingaluphazamisi uhlelo lwemvelo.

Umbiko waseNingizimu Afrika uqukethe ukucutshungulwa kwenqubekela phambili ebe khona embikweni Wezokuxhumana Kuzwelonke wokuqala kuya embikweni Wezokuxhumana Kuzwelonke Wesibili kwalandela uMbiko Wezokuxhumana Kuzwelonke Wesithathu, njengoba ubukezwe ngamazwe omhlaba kanye nababambiqhaza basezweni.   
 
C. Imithethosivivinyo

1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinyo Wokuthuthukiswa Kokufuywa Kokuphila Olwandle wezi-2018 ePhalamende. UMthethosivivinyo uvele ngenxa yokubonisana ngokugcwele nababambiqhaza abathintekayo emkhakheni wezokufuywa kokuphila olwandle, uhlose ukukhuthaza ukuthuthukiswa komkhakha wezokufuywa kokuphila olwandle njengengxenye yomnotho otholakala olwandle. Ihlinzekela, phakathi kokunye, izinhlelo ezisemthethweni eziqondene nomkhakha; imisa amalayisense futhi igunyaze ukufuywa kokuphila olwandle kanye nokusungulwa kwezindawo zokuthuthukisa okuphila olwandle.

2. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinyo Wezempilo Nezokuphepha Emsebenzini wezi-2018 ePhalamende. Lo Mthethosivivinyo uchibiyela uMthetho Wezempilo Nezokuphepha Emsebenzini, we-1993 (uMthetho 85 we-1993). Uma sewamukelwe, lo Mthethosivivinyo uzoqinisekisa ukuvikeleka kangcono kwabasebenzi maqondana nokulimala kanye nezifo emsebenzini.  

Lo Mthethosivivinyo usungula uHlelo Lokuphathwa Kwezempilo Nezokuphepha oluchazwe ngokucacile noluhambisana nezinqubo eziphuma phambili emazweni ngamazwe. Uphinde uhlinzekele ukuhlolwa okuyimpoqo kobungozi okwenziwa umqashi kanye nohlelo lokulawula ubungozi obuqondene nomsebenzi olusungulwe futhi lwaqaliswa ukuze kuncishiswe amathuba okuthi abasebenzi babhekane nobungozi.

D. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

1.1. IKhabhinethi lihalalisela uMongameli Ramaphosa, omenywe Uphiko Olulawula Inkomfa Yezabasebenzi Emhlabeni Jikelele ukuze abe usihlalo ngokuhlanganyela kuKhomishana Yomhlaba Uwonkana omayelana Nekusasa Lemisebenzi.  

1.2. Umongameli uphinde wamenywa ukuthi aye kokhuluma kuleyo nkomfa, ebungaza umhlangano wayo wehlandla le-100. Uma esefike khona uzohlonipha Iminyaka Eyikhulu yowayenguMongameli wakuleli uNelson Mandela. IKhabhinethi libonga Inhlangano Yase-Afrika ekuphiko olulawulayo lweNhlangano Yezabasebenzi Emhlabeni Jikelele (i-ILO) ngokuhola izingxoxo eGeneva futhi libonga izingxoxo ezibanjwe iqembu elibusayo ezindaweni ezijutshelwe kuzo.

2. Amazwi Enduduzo

2.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emdenini nakubangani bowayenguNgqongqoshe Wezimali wokuqala eNingizimu Afrika yentando yeningi labantu, uMnu. Derek Keys, owabamba iqhaza elisemqoka ekudluliselweni kweHhovisi likaMgcinimafa kuhulumeni okhethwe ngokwentando yeningi labantu ngowe-1994.   

3. IRamadan

3.1. IKhabhinethi ifisela wonke amaSulumane izilokotho ezinhle njengoba eqala ukuzila njengoba kuqala inyanga yeRamadan ngesonto elizayo. Ngesikhathi seRamadan, amaSulumane azila ukudla kusukela lapho kuvela inhlamvu yelanga ize iye kosithela, ebe esebenzisa leso sikhathi ukuze bazijulise okholweni lwabo ngokomoya.

E. Imicimbi Ezayo

1. Namuhla, mhla ziyi-10 kuNhlaba 2018, uMongameli Ramaphosa, uvakashela kuMnyango Wezokuvikela kanye noMnyango Wezokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko (i-CoGTA), njengengxenye yezinhlelo zakhe zokubonisana nabaphathi abakhulu ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi kahulumeni uhambisana ngendlela egculisayo. Lokhu kuhambela le minyango kuyingxenye yokuzibophezela kukaMongameli Enkulumweni Echaza IsimoSezwe (i-SoNA) yakhe yokuqala kuNhlolanja 2018 lapho athi uzohambela yonke iminyango maqondana nalokhu.

2. Namuhla, mhla ziyi-10 kuNhlaba 2018, iPhini likaMongameli uDavid Mabuza lizokwethula inkulumo eNgqungqutheleni Yesithathu yoMkhandlu Wokuthuthukisa Abasebenzi eNingizimu Afrika e-Emperors Palace eGoli ngaphansi kwesihloko esithi: 'Ubudlelwano obuvuselela ukusebenza nokufunda'. Le ngqungquthela yezinsuku ezimbili izohlanganisa abaholi basezimbonini abasemqoka, ochwepheshe bezindaba zemisebenzi nezifundiswa bezothula izinkulumo ngezihloko ezinhlobonhlobo, okubandakanya iziphakamiso zokubhekana nokungasebenzi kwabantu abasha, kanye nokuthuthukiselwa ezingeni eliphezulu kanye Nokuguquka Kwezimboni Kwesine.

3. IKhabhinethi liphinda limema izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi zihlanganyele emibungazweni Yeminyaka Eyikhulu kaTata Nelson Mandela noMama Albertina Sisulu abasiza ukwakha isisekelo sentando yeningi labantu yaseNingizimu Afrika esiyithokozelayo namuhla, ezodonsa unyaka wonke. IKomidi Elihlanganise oNgqongqoshe elinomsebenzi wokuhlela imibungazo Yeminyaka Eyikhulu kaNelson Mandela neMinyaka Eyikhulu ka-Albertina Sisulu lethule Uhlelo Lukazwelonke kuleli sonto. Imininingwane ngemibungazo ingatholakala kuwebhusayithi kahulumeni (www.gov.za), lapho kutholakala khona izinkulumo/izinhlelo zikahulumeni ezizayo.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

1. Nksz. Lerato Mataboge njengomele i-dti eBhodini i-Board of Export Credit Insurance Corporation of South Africa SOC Limited.
2. Nksz. RS Mogaladi njengePhini Likamqondisi Jikelele we-Institutional Support and Co-ordination, ku-CoGTA.

Imibuzo: Nksz. Phumla Williams – Isikhulumi SeKhabhinethi Esiyibamba
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore