Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi samhla ziyi-14 kuNdasa 2018

IKhabhinethi lahlangana ngoLwesithathu, mhla ziyi-14 kuNdasa 2018, eTuynhuys, eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni
1. Ukukhula komnotho

1.1. IKhabhinethi lamukela ukukhula komnotho nge-1.3% ngowezi-2017. Lokhu kuwukukhula okusuka ku-0.3% ngowezi-2016. Ukuqhuba kahle komnotho ngaphansi kwezimo ezinzima kubeka ikusasa lempumelelo yezwe kwezomnotho esimweni esihle.
1.2. Izibalo ziveza ukuthi umnotho weli uyakhula, kube uMnyango Wezezimali Kuzwelonke elindele ukuthi umnotho ukhule nge-1.5% kulo nyaka futhi ukhuphukele ku-2.1% ngowezi-2020.
1.3. IKhabhinethi linxusa zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi zakhele phezu kwalo mfutho omuhle wezi-2017, usebenzisane nohulumeni ukuguqula izinhlelo zawo zibe yizinyathelo eziphathekayo ezizoqhubekisa ukhula komnotho futhi kwakheke imisebenzi.

2. Izinguquko Kwezomhlaba  

2.1. IKhabhinethi lamukela isiphakamiso esamukeliwe okuhloswe ukuchibiyela uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ngaso ukuze kube nendlela yokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
2.2. Kusukela ngowe-1994 uhulumeni waseNingizimu Afrika usebenze kanzima ukuguqula umlando wokudliwa komhlaba ngaphansi kokuqonelwa ngabezizwe izwe kanye nobandlululo.  Ngokusebenza ngaphansi komthetho, uhulumeni wenze okuningi ukuqinisekisa ukuthi umhlaba uyaqhubeka nokukhiqizaukudla, ube usheshisa inqubo yokubuyisela umhlaba kulabo abathikanyezwa ukuphucwa umhlaba.
2.3. Lolu daba ludluliselwe eKomidini Lokubuyekeza uMthethosisekelo, okumele libuyisele umbiko ePhalamede ngomhla zingama-30 kuNcwaba 2018. Izincomo zesiGungu sikaZwelonke zizosuselwa kuchunguchunge lwemihlangano yokuthola imibono yomphakathi okuzolandelwa imihlangano yekomidi.
2.4. IKhabhinethi linxusa bonke ababambiqhaza ukuthi baveze izimvo zabo ngenkathi kuqhutshwa le nqubo yokubonisana, okuyizo ezizoba yizinkombandlela zezisombululo ezizoqhubekisa izwe lethu phambili. Njengohulumeni onakekelayo nogxile kubantu, kuzobonisanwa nabo bonke ababambiqhaza ngenkathi kuqhutshwa le nqubo.   
2.5. IKhabhinethi liqhubeka linxusa umphakathi ukuthi ungazitapeli umhlaba ngendlela engemthetho. Siyilizwe elihlonipha umthetho nelinokuthula elinezindlela ezanele zokubhekana nezinkinga, okubandakanya udaba lomhlaba.
2.6. INingizimu Afrika isaqhubeka nomsebenzi wamabhizinisi, utshalomali kwezolimo lusamukelekile. Kuyoyisiza iNingizimu Afrika ukuba nabalimi abaqhuba amabhizinisi ezolimo futhi le nqubo ingaqinisekisa ukuthi sinesibalo esiphezulu sabalimi abaqhuba amabhizinisi ezolimo.

3. Umklamo womphakathi waseNofingxana Wezomnotho Wezilwane Zasendle eDouble Drift Nature Reserve

3.1. IKhabhinethi lamukela ukwethulwa koMklamo womphakathi waseNofingxana Wezomnotho Wezilwane Zasendle eDouble Drift Nature Reserve eMpumalanga Kapa nguNgqongqoshe   Wezemvelo, uDkt. Edna Molewa. Lokhu kubandakanya ukunikezela ngamatayitela eLikhaya Lethu Communal Property Association (i-CPA) egameni likaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba, uNksz. Maite Nkoana-Mashabane.
3.2. Umphakathi waseDouble Drift waphucwa amalungelo awo okuhlala nokuba namadlelo uMthetho Wezomhlaba we-1913. Ngowe-1994, umphakathi wafaka isicelo sokubuyiselwa umhlaba esaphothulwa, okwaholela ekusungulweni kweLikhaya Lethu CPA.
3.3. ILikhaya Lethu CPA inamalungu oMphakathi waseDouble Drift oyizi-1 500 futhi lathola izigidi ezithandathu zamarandi kuMnyango Wezemvelo ukuze uthuthukise ibhizinisi lezomnotho Wezilwane Zasendle epulazini iNaudeshoek (elinamahektha ayizi-1 400). Ukukhokha kuqhutshwe uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba.

4. I-VBS Mutual Bank

4.1. IKhabinethi liyasazi isimemezelo seBhange Lombuso LaseNingizimu Afrika mayelana ne-VBS Mutual Bank. Ukuqokwa komphathelimali kuzokweseka i-VBS Mutual Bank ukuze kubhekanwe nezinselele zalo zokuphelelwa imali futhi kubhekelelwe izintshisekelo zomphakathi kanye nabafakimali ku-VBS. IKhabhinethi isaqhubeka nokuzimisela ngokwenza umkhakha wezimali ubandakanye abantu bezinhlanga ezahlukene futhi ube noguquko ngaphandle kokulimaza abafakimali.

5. Umkhankaso Wezotshalomali

5.1. IKhabhinethi lamuka umkhankaso othi 'CEOs Know' (okusho ukuthi Izikhulu Eziphezulu Ziyazi) oqhutshwa iBrand South Africa, ngokubambisana ne-Business Leadership South Africa (I-BLSA), ukwazisa iNingizimu Afrika njengendawo okungatshalwa imali kuyo.
5.2. Lokhu kwakhaela phezu kwengqalasizinda yethu ekwizinga lomhlaba eyi-InvestSA One-Stop Shop, ucwaningo kanye namakhono okuthuthuka, ukusungula amasu amasha kanye nokukhiqiza osekuzinzile okweseka abatshalimali. Kunezindawo zokukhula ezintsha ezivuliwe emnothweni wasolwandle, amandla avuselelekayo, umnotho ongayilimazi imvelo kanye nokuthungatha i-shale-gas.
5.3. Lo mkhankaso uqukethe iziKhulu eziPhezulu (ama-CEO) avela ezinkampanini eziningi zakumazwe ngamazwe, ezizinze eNingizimu Afrika, athula imibono yawo ngokuqhubeka kotshalomali eNingizimu Afrika.
5.4. IKhabhinethi likhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika emoyeni wokuthi "Thuma Mina" ogcwele ezweni lilonke ukuthi abantu babambe elabo iqhaza ngokuxoxa izindaba zabo ezinhle ukuze kwakheke igama elihle ngezwe lethu futhi ukhulisa indlela utshalomali olubonakala ngayo.

6. Uhlelo Lokuthenga Lwabakhiqizi Bezamandla Abazimele (ama-IPP)

6.1. IKhabhinethi lazisa icala eliseNkantolo Ephakeme elifakwe izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (ama-NGO) ezimbili mayelana nesinqumo sikahulumeni sokusayina izivumelwano zokuthenga ezamandla nama-IPP angama-27. Udaba luzophothulwa eNkantolo Ephakeme mhla zingama-27 kuNdasa 2018. Ngomoya wokuhlonipha umthethosisekelo kanye nengalo yomthetho, ukusayina kuhlehlisiwe.
6.2. IKhabhinethi liqinisekisa ukuzibophelela ekuxazululeni izinkinga eziqondene nalezi zinhlelo. Uhlelo Lokuthola Umkhiqizi Wamandla Avuselelekayo Ozimele luzoqinisekisa ukuthi abathengi ezweni lethu bathola amandla angambi eqolo nahlanzekile, futhi kukhiqizwe utshalomali oludingeka kakhulu eNingizimu Afrika. Le miklamo izohlinzeka ngemisebenzi eyizi-61 600 lapho okuzoqashwa abantu kuyo ngokugcwele, ama-95% ayo azoba ngawezakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abantu abasebasha.  
6.3. IKhabhinethi liphinda liqinisekisa ukuzinikela kwalo ekubambisaneni okukhulu phakathi kukahulumeni nezimboni ezizimele njengoba sibheke ezimpokophelweni zethu zoguquko kwezamandla zakusasa kanye nempilo engcono kubantu bonke. Lokhu kuyadingeka ukuze kuqinisekiswe inqubomgomo nomthethonqubo odingeka kakhulu, futhi kwenziwe iNingizimu Afrika ibe indawo ethandwayo ngabatshalimali bomkhakha wezamandla.

7. Isifo i-Listeriosis

7.1. IKhabhinethi lithi akuhlanga lungehlanga kubangani kanye nemindeni yalabo abadlule emhlabeni ngenxa yokuthola isifo i-Listeriosis, futhi lifisela labo abalashelwa sona ukwelulama okusheshayo. Bangaphezu kwezi-180 abantu abashonile, kwabikwa nokuthi abantu abangama-940 eNingizimu Afrika bahlaselelwe yilesi sifo.
7.2. IKhabhinethi likhuthazekile ngezinyathelo ezinzulu ezithathwe uMnyango wezeMpilo, iSikhungo Sikazwelonke Sezifo Ezithathelanayo (i-NICD) kanye neNhlangano Yezempilo Yomhlaba (i-WHO) ukunqanda ukusabalala kwegciwane le-listeria. Ekuqhubekeni nokuqinisa lezi zinyathelo, uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt. Aaron Motsoaledi, uzoba nomhlangano noMkhandlu Wezabahlengi eNingizimu Afrika (i-SANC) ngoLwesine, mhla ka-15 kuNdasa 2018.
7.3. IKhabhinethi lazisa inqubekela phambili enhle ebonakele ngokuhlonza nokubalula umthombo wokuqubuka kwesifo esibulalayo i-Listeriosis. Ukubuyiselwa emuva kwemikhiqizo yokudla yasezikhungweni ezintathu zase-Enterprise naseRainbow ezikhiqiza imikhiqizo yenyama - lapho kwatholakala khona igciwane - kwaba isinyathelo esikhulu esathathelwa ukunqanda ukuqubuka kwalesi sifo. Lesi sifo esiqubuka ekudleni sahlonzwa okokuqala kuNhlaba 2017.
7.4. Isifo i-Listeriosis siyisifo esibucayi, esingagwemeka, nesingalashwa ngempumelelo ngama-antibiotics. Abasengcupheni enkulu abantu besifazane abakhulelwe, izinsane ezincane kakhulu, abantu abakhulile kanye nabantu abanamasosha omzimba abuthaka. Abantu ababonakalisa izimpawu zomkhuhlane, ubuhlungu bemisipha, ukuphalaza noma ukuhanjiswa isisu kumele babonane nodokotela babo noma baphuthume emtholampilo oseduzane.
7.5. IKhabhinethi linethemba lokuthi iNingizimu Afrika izokunqoba lokhu kuqubuka kwesifo futhi linxusa bonke abantu ukuthi balandele imithetho yokudla emihlanu ngalesi sikhathi:

  • Geza izandla ngensipho namanzi ngaphambi kokuphatha ukudla, nalapho uqeda ukusebenzisa indlu yangasese;
  • Phekisisa ukudla, ungakudli ukudla okungavuthisiswanga njengoba igciwane i-Listeria lifa uma ukudla kuphekisisiwe;
  • Ungakuphathi ukudla okuluhlaza nokuvuthiwe ngesikhathi esisodwa;
  • Gcina ukudla emazingeni okushisa afanele; futhi
  • Qinisekisa ukuthi imikhiqizo yobisi idlulisiwe emlilweni noma okungenani ibilisiwe kancane futhi ugeze ukudla okungaphekwa ngamanzi angahlezi esitsheni ngaphambi kokuthi kudliwe noma okungenani kube amanzi abiliswe kuqala.

7.6. Labo abangenasiqiniseko ngesifo i-Listeriosis bangaxhumana ne-NICD ku: 011 386 6400.

8. Izibonelelo zikahulumeni

8.1. IKhabhinethi laziswe ukuthi Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (i-SASSA) seyikulungele ukuhlinzeka ngohlelo oludidiyele lokwaba izibonelelo zikahulumeni kubahlomuli bazo ngomhla ka-1 kuMbasa 2018. Lokhu kuhambisana nesahlulelo seNkantolo yoMthethosisekelo eyakhipha umyalelo wokwelula inkontileka ekhona ye-Cash Paymaster Services (i-CPS) kuze kube umhla ka-31 kuNdasa 2018.
8.2. IKhabhinethi liphinda liveza ukuzibophelela kwalo ohlelweni lokusiza umphakathi lukahulumeni, okungumongo wezinhlelo zethu zokuqeda ububha futhi ezingumnyombo wokubuyisela isithunzi sabantu bakithi. Lanelisekile ukuthi abahlomuli bezibonelelo zikahulumeni bazokhokhelwa mhla ka-1 kuMbasa 2018.
Amakhadi e-SASSA amanje azoqhubeka nokusebenza kuze kube kuZibandlela 2018. Inqubo yokushintsha amakhadi abahlomuli izokwenziwa ngendlela engenaphutha engezukuphazamisa ukukhokhwa kwezibonelelo. Bonke abahlomuli bazothola izibonelelo ezindaweni abakhokhelwa kuzo okubandakanya amabhange, iPosi laseNingizimu Afrika (i-SAPO) kanye nezinye izitolo.
8.3. IKhabhinethi linxusa labo abangenawo ama-akhawunti asebhange ukuthi baye kovula ama-akhawunti abo emaposini aseduze nabo. IKhabhinethi liyalele i-SASSA, ngokuhlanganyela noPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS), luzokwenza konke okusemandleni ukwazisa bonke abahlomuli nganoma oluphi ushintsho olungase lube khona enqubweni yoguquko kusukwa ku-CPS kuya ohlelweni oludidiyele olusha. IKhabhinethi lisazimisele ngokuqinisekisa ukuthi uhulumeni ulandela isahlulelo seNkantolo yoMthethosisekelo. Amahhovisi e-SASSA azovulwa futhi alungele inqubo entsha yezicelo ezintsha.
8.4. IKhabhinethi linxusa wonke amalungu omphakathi, ikakhulukazi abahlomuli kanye nemindeni yabo, ukuthi baxhumane ne-SASSA ku-0800 60 10 11 noma baye emahhovisi e-SASSA aseduze nabo ukuze bathole ulwazi oluthe xaxa.

9. Ukubhaliswa kwabavoti

9.1. IKhabhinethi lihlanganyela neKhomishana Yokhetho Ezimele (IEC) noMongameli uCyril Ramaphosa ngokubonga abantu baseNingizimu Afrika abalalele isimemezelo sokubhalisela ukuvota nokubhalisa amakheli abo amasha ngempelasonto edlule emkhankasweni wokubhalisela ukuvota. Lokhu kuyisinyathelo sokulungiselela ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe lwesithupha okulindeleke ukuthi lubanjwe ngowezi- 2019.
9.2. Sezizonke izakhamizi eziye ezikhungweni zokuvota ngempelasonto edlule ziyizi-2 767 139.
9.3. Ebantwini abavotayo abangaphezu kwezigidi ezingu-2.76 abaye ezikhungweni zokuvota:

  •  Bangaphezu kwesigidi esi-1.3 ababhalise kabusha esifundeni sokuvota asebehlala kuso;
  •  Abangaphezu kwezi-800 000 bashintshele ezifundeni ezintsha zokuvota;
  •  Cishe bayizi-500 000 abantu ababhalisele ukuvota okokuqala;
  •  Ebantwini ababhalisele ukuvota okokuqala, ama-82% baneminyaka yobudala engaphansi kwengama-30 futhi balinganiselwa kuma-54% abangabantu besifazane;
  •  EGauteng kube nabantu ababhalisele ukuvota okokuqala abangama-23.69%, kwalandela iKwaZulu-Natali ngama-18.78% kanye neLimpopo ngama-17.02%.

9.4. EMpumalanga Kapa ibinabona bantu baningi babhalisele ukuvota abangama-87%, kwalandela iFree State ngokungaphezudlwana kwabantu abangama-82%, neKwaZulu-Natali, iLimpopo neNyakatho Kapa ngokwahlukana kwazo ngama-79%. Isibalo sabantu ababhalisele ukuvota bebonke eGauteng kube ama-67.3%.
9.5. I-IEC ibike ukuthi uhlu lwabavoti manje selunabavoti abayizi-26 250 939, okucishe kulingane nama-75% abantu abalungele ukuvota ngokusemthethweni, ngokususela ezibalweni zesikhungo Sezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA) zabantu abavumelekile ukuvota ngokweminyaka yabo yobudala.
9.6. Cishe izakhamuzi eziyizi-300 000 eziye ezikhungweni zokuvota ziphakathi kwabavoti abacishe babe izigidi ezingu-2.8 i-IEC ebingenawo amakheli wabo ngempelasonto.
9.7. Uhlu lwabavoti olubukeziwe noluyilonalona luqinisekisa ubuqiniso bohlu lwabavoti futhi luqinisa intando yeningi labantu yethu ngokuqinisekisa ukhetho olukhululelekile, olunobulungiswa nolukholakalayo.
9.8. IKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika abangakwazanga ukuya ezikhungweni zokuvota ngempelasonto edlule ukuthi baye emahhovisi e-IEC angakubo ukuyoqinisekisa nokubukeza amakheli abo. Kungenjalo abavoti ababhalisile mabavakashele isizindalwazi se-IEC ku-www.elections.org.za/MyIEC babheke futhi  babukeze imininingwane yabo.

10. Sifisela umsubathi uMhlengi Gwala ukuthi abe ngcono
10.1. IKhabhinethi nalo njengoNgqongqoshe Wezemidlalo Nezokungcebeleka, uNksz. Thokozile Xasa, ligxeka udlame olunyantisayo oluye lwabhekiswa kumsubathi osemncane, uMhlengi Gwala, ohlaselwe ngesaha ebe eqhuba ibhayisikili KwaZulu-Natali.
10.2. IKhabhinethi lifisela lo msubathi ukwelulama ngokushesha futhi lidlulisa ukubonga okukhulu ethimbeni labodokotela laseSibhelela i-St. Augustine ngokumunakekela.
Ubugebengu abavumelekile ezweni lethu futhi iKhabhinethi linxusa umphakathi ukuthi usebenzisane nezikhungo eziphoqelela umthetho ukuze lezi zigebengu zibhekane nengalo yomthetho.

11. Isomiso esimenyezelwe njengenhlekelele ezweni
11.1. Ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe Wokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko uZweli Mkhize, uhulumeni umemezele ukuthi izwe libhekene nenhlekelele ukuze kubhekanwe nesomiso ezweni kanye nenkinga yokutholakala kwamanzi.
11.2. IKhabhinethi lidlulisa ukubonga labo abaseNingizimu Afrika abaqhubeka nokulondoloza amanzi kanye nemizamo enzulu eseyenziwe iKomidi LoNgqongqoshe Elihlanganisile ngeSomiso, ngokuhlanganyela nababambiqhaza kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni nasemphakathini, ekubhekaneni nezimo zesomiso esezishaye izingxenye eziningi zezwe.
11.3. Ngaphandle kokuthi iNingizimu Afrika iyizwe eliswele amanzi, iKhabhinethi linesiqiniseko sokuthi sizoqhubeka nokuba indawo ethandwa izivakashi.

B. Izinqumo zeKhabinethi

1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi Isivumelwano Sokuchibiyela Isithasiselo 1 (Ukubambisana Kwezotshalomali) sesiVumelwano Sezezimali Notshalomali (i-FIP) seNhlangano yokuThuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) sethulwe ePhalamende ukuze silungiswe.
1.1. Inhloso ye-FIP ukwenza izinqubomgomo zezezimali notshalomali zaMazwe Ayimalungu zihambisane, ukuze zihambisane nezimpokophelo ze-SADC. Lokhu kuzoqinisekisa noma oluphi ushintsho kuzinqubomgomo zezimali nezotshalomali kwelinye Lwamazwe Ayimalungu akubizi ukuthi kube nokuchitshiyelwa okungafanalele kwamanye Amazwe Ayimalungu.
1.2. Inhloso yezichibiyelo ukuvikela ilungelo likahulumeni lokulawula intshisekelo yomphakathi, nokulinganisa amalungelo nezibopho zabatshalimali nohulumeni.

2. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende kweMithetho Ewumgomo Okungeqiwe Ngaphansi Kwawo Wokwelashwa Kwezigebengu Ebukeziwe Neqanjwe Kabusha Inhlangano Yezizwe (i-UN) ("Imithetho kaNelson Mandela").
2.1. Ukuqanjwa kabushwa kweMithetho Ewumgomo Okungeqiwe Ngaphansi Kwawo "Imithetho kaNelson Mandela" kuhlonipha imisebenzi nomlando waloyo owayenguMongameli wethu ngaphambilini, owachitha iminyaka engama-27 ejele.
2.2. Kuye kwaba nokwengezelwa okukhulu kohlelo Losuku Lomhlaba Wonke LukaNelson Mandela, oluhlonishwa Amazwe Angamalungu e-UN ngomhla ziyi-18 kuNtulikazi, ukukhuthaza izindlela zokuphathwa ngobuntu ejele, ukuqwashisa ngokuthi iziboshwa ziyimalungu omphakathi futhi kuhlonishwe umsebenzi owenziwa abasebenzi basemajele njengomsebenzi wenhlalakahle yomphakathi.
2.3. Imithetho izosiza iNingizimu Afrika isheshise uguquko olubhekiswe ohlelweni lokuhlomelelisa izimilo oluthuthukisa abantu oluhambisana nemigomo nemihlahlandlela yomhlaba wonke enhlobonhlobo.

C. Imithethosivivinyo
1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinyo Wokuvikela Nokunqanda Amacala Enzondo kanye Nenkulumo Enenzondo wezi-2018 ePhalamende.
UMthethosivivinyo uhlose ukwenza amacala enzondo kanye nenkulumo enenzondo ukuthi kube amacala, futhi kubekwe izindlela zokuvikela nokunqanda lawa macala. Uhlose ukubhekana nodlame oluqondiswe kubantu ngenxa yokucindezelwa. Kuzokwenza izibopho zaseNingizimu Afrika zisebenze ngokwezindlela zamalungelo abantu omhlaba.

2. IKhabhinethi ligunyaze uMthethosivivinyo iKamva e-Skills Institute (i-NeSI) wezi-2018 ozokwethulwa ePhalamende. UMthethosivivinyo uhlinzekela ukusungulwa kwe-NeSI njengebhizinisi elisemthethweni elinomthetho walo wokubhekana nezinselele zamakhono namakhono ezobuchwepheshe ezweni. Ukuthuthukiswa kwamakhono ezobuchwepheshe njengoba kubonakala kuyingxenye kahulumeni ebaluleke kakhulu ekwakheni umnotho obandakanyayo, nokusungula izwe elinamakhono nelithuthukayo.
I-NeSI izosebenza njengombambiqhaza obalulekile kuzwelonke kanye nanjengesikhungo sikahulumeni esihola ushintsho, kwezokuthuthukiswa kwamakhono ezobuchwepheshe nokuba namakhono kwezinhlangano ezweni.

3. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinyo we-Hydrographic wezi-2018 ePhalamende. UMthethosivivinyo uhlose ukwazisa nokugunyaza isimo sezomthetho eHhovisi le-Hydrographer, ebelilokhu likhona ngaphansi koMnyango Wezokuvikela (Umbutho Wezokuvikela Wasolwandle waseNingizimu Afrika) kusukela kwaqaliswa imisebenzi ye-hydrographic eNingizimu Afrika.

Uzosiza i-Hydrographer Yombutho Wezokuvikela Wasolwandle waseNingizimu Afrika yaziswe njenge-Hydrographer Kazwelonke. Izoqinisekisa ukuthi ukuhlinzekwa kwemisebenzi ye-hydrographic yaziswa ngokugcwele futhi yenziwe ibe umthetho. Lokhu kuhambisana neNhlangano Yezasemanzini Yomhlaba Wonke (i-IMO) kanye Nezivumelwano Zomhlaba Wonke Zokuphepha Kokuphilayo Olwandle, okuyisivumelwano sezasolwandle somhlaba uwonke esimisa imigomo yezokuphepha okungeqiwe ngaphansi kwayo kwezokwakha, ezempahla kanye nokusebenza kwemikhumbi yempahla.

D. Imicimbi Ezayo
1. Inyanga/Usuku Lwamalungelo Esintu

Ngowezi-2018 imibungazo yeNyanga/yoSuku LwamaLungelo Esintu izoqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Unyaka kaNelson Rolihlahla Mandela: ukukhuthaza nokugxilisa usiko lwamalungelo esintu emphakathini uwonkana".

Umcimbi kazwelonke uzobanjwa mhla zingama-21 kuNdasa eGeorge Thabe Cricket Pitch, eSharpeville eVereeniging. IKhabinethi linxusa yonke imikhakha ukuthi uluhloniphe lolu suku lukazwelonke, olubungaza usiko lwamalungelo esintu eNingizimu Afrika, kuhlonishwa abantu abanjengoMadiba obahlupheka bazinikela ukuze sikhululeke futhi sithole nenkululeko esiyithokozela namuhla.

2. Isonto Lokugxila Embizweni Kuzwelonke

Isonto Lokugxila Embizweni Kuzwelonke lizoqala ngomhla ziyi-9 kuya ziyi-15 kuMbasa ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili". Kulo nyaka, imibungazo yeMinyaka Eyikhulu kaMandela izoba ingxenye enkulu yaleli sonto, ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Philela ukuqopha umlando". Izikhulu zikahulumeni zizobonisana nemiphakathi ezindaweni ezahlukahlukene ezweni. Izinhlelo ezahlukene zoNgqongqoshe zizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

3.  Ukuqashwa kwabantu abasebasha  

3.1. UMongameli Ramaphosa kulindeleke ukuthi ethule uhlelo lokuzwa amanzi ngobhokwe Lwemisebenzi Yokuqashwa Kwabantu Abasebasha eRiversands Incubation Hub eDiepsloot ngowezi-27 kuNdasa 2018. Lolu hlelo, lothulwe ngokusebenzisana nomkhakha ozimele, luhlose ukuthuthukisa abantu abasebasha abayisigidi eminyakeni emihlanu ezayo ukuze babambe iqhaza kwezomnotho, njengabasebenzi noma ngokuqhuba amabhizinisi abo noma ngokubonakalisa uthando lokuqhubeka nokufunda.

4. Uhambo olusemthethweni oluya eMozambique naseZimbabwe

UMongameli Ramaphosa uzoba nohambo olusemthethweni oluya eRiphabhulikhi yaseMozambique naseRiphabhulikhi yaseZimbabwe ngoMgqibelo, mhla ziyi-17 kuNdasa 2018. Lolu hambo luzogxila ekuqiniseni ubudlelwano nala mazwe abalwe ngenhla.

UMongameli uzobamba izingxoxo ngezokuthula nezokuphepha esifundeni nasezwenikazi, aphinde akhulume ngezindaba zomhlaba jikelele ezithinta la mazwe.

E. Imiyalezo

1. IKhabhinethi lihalalisela uNtsiki Biyela, umuntu wesifazane omnyama wokuqala owakha iwayini eNingizimu Afrika ngokwethula olwakhe uhlobo lewayini. Njengoba eneziqu ze-Veticulture yaseNyuvesi yaseStellenbosch kanye nesipiliyoni somsebenzi seminyaka eyi-13, i-Aslina Wines yakhe izothengisa
ngamabhodlela ayizi-12 000 ngowezi-2018 e-United States of America, eGermany, eTaiwan naseGhana.
2. IKhabinethi lihalalisela uCaster Semenye ngokwephula irekhodi laseNingizimu Afrika lamamitha ayizi-1000 ebeselime iminyaka engama-35 emhlanganweni we-Athletix Grand Prix eTuks ePitoli. Intokazi yethu esiziqhenyayo ngayo idle umhlanganiso emjahweni esikhathini esingu-2:35:44, yaphula irekhodi elidala elamiswa ngowe-1983 ngu-Ilze Wicksell ngesikhathi esilinganiselwa kumizuzwana embili. IKhabhinethi liphinde lancoma uSemenya ngokufinyelela emgomweni wakhe okudala azibekela wona wokuthola iziqu zasenyuvesi ngenkathi eqeda iziqu zakhe ze-Diploma in Sports Science eNyuvesi yaseNyakatho Ntshonalanga ePotchefstroom.
3. IKhabhinethi lidlulise amazwi okuzwelana nabangani kanye nomndeni weLungu Elihloniphekile lePhalamende, uNksz. Loliwe Fazeka, oshone engozini yemoto eMpumalanga Kapa, ngesonto eledlule.
4. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini weNxusa laseNingizimu Afrika ebeliseSweden, uNksz. Faith Radebe, odlule emhlabeni ngoLwesibili, mhla ziyi-13 kuNdasa 2018. Ngaphambilini wayenguMhloli-Jikelele kwezobuNhloli zaseNingizimu Afrika.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile
1. Dkt. Philemon Mjwara njengoMqondisi Jikelele woMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe ngaphansi kwenkontileka yeminyaka emithathu, kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2018.
2. Nksz. Memme Sejosengwe unguNobhala-Jikelele eHhovisi leJaji Eliyinhloko ngaphansi kwenkontileka yeminyaka emithathu engezelwe, kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2018.
3. Nksz. Thuli E. Radebe, njengoMqondisi Omkhulu weSikhungo Sokungulwa Kwamasu Amasha eminyangweni Yemisebenzi Kahulumeni ngaphansi kwenkontileka yezinyanga eziyisithupha engezelwe.
4. Mnu. Thilivhali Archibald Ramawa njengeSikhulu Esiphezulu Kwezemali (i-CFO) se-National Electronic Media Institute of South Africa.
5. IBhodi leSentech SOC Limited:
a. Mnu. Magatho Mello (uqokwe kabusha njengomqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu noSihlalo);
b. Mnu Lumko Mtimde (uqokwe kabusha njengomqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
c. Dkt. Sandile Malinga (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu); kanye
d. noNksz. Elizabeth Malaka (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu).

6. IBhodi leBroadband Infraco:
a. Mnu Mandla Ngcobo (uqokwe kabusha njengomqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu noSihlalo);
b. Nks. Nokuthula Selamolela (uqokwe kabusha njengomqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
c.  Mnu. Gift Mphefu (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu);
d. Nksz. Zandile Matilda Kabini (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu); kanye
e. noNksz. Jennifer Schreiner (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu).

7. Ibhodi le-SAPO:
a. Mnu. Comfort Ngidi (uqokwe kabusha njengoSihlalo);
b. Nksz. Nomahlubi Simamane (uqokwe kabusha njengePhini likaSihlalo);
c. U-Adv Juliana Galetlane Rasethaba (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu); kanye
d. noDkt. Charles Nwaila (umqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu).

Imibuzo:
Nksz Phumla Williams – Ibamba Lesikhulumi SeKhabinethi (GCIS)
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore