Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wama-30 kuLwezi 2022

A. Ezisematheni
1. INhlolovo Yabasebenzi Yekota (i-QLFS)
1.1. IKhabhinethi yamukele imiphumela ye-QLFS yeZezibalo eNingizimu Afrika yekota yesithathu yangowezi-2022, ebonisa ukuthi kube nemisebenzi eyizi-204 000 etholakele phakathi kwekota yesibili neyesithathu kowezi-2022. 

1.2. I-QLFS iphinde yaveza ukuthi inani eliphelele labantu abaqashiwe kwikota yesithathu yezi-2022 laliyi-15.8 lezigidi. 

1.3. Lokhu kusho ukuthi izinga labantu abangasebenzi lehle ngephesenti eli-1.0 lisuka kuma-33.9% kwikota yesibili laya kuma-32.9% kwikota yesithathu kowezi-2022. Izinga labantu abangasebenzi ngokwencazelo ebanzi yokungasebenzi nalo lehle ngephesenti elingu-1.0 laya kuma-43.1% kwikota yesithathu kowezi-2022 uma kuqhathaniswa nekota yesibili yowezi-2022. Ngesikhathi lokhu kukhula kungabukeka njengento engatheni, kuyabonisa ukuthi amaqhinga okukhulisa amathuba emisebenzi aqala ukuthela izithelo ezinhle. 

1.4. Imisebenzi eminingi yatholakala emkhakheni wokukhiqiza (123 000), kwalandela owezohwebo (82 000), owezokwakha (46 000), owezokuthutha (33 000), kanye nowezinsizakalo zomphakathi nezenhlalo (27 000). IKhabhinethi icele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokweseka uHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho (i-ERRP) wezwe ukuqinisekisa ukuthi njengezwe sigcina umfutho wokukhulisa umnotho kanye nokusungula imisebenzi edingekayo.  

1.5. IKhabhinethi iyakubona ukuthi izwe lisenendlela ende okumele ilihambe kanye nomsebenzi omningi okusamele wenziwe ukubhekana nenselele yokuswelakala kwemisebenzi kuleli lizwe. 

2. Uhambo lokuvakashela e-United Kingdom of Great Britain nase-Northern Ireland (e-UK)

2.1. IKhabhinethi yamukele uHambo Oluyingqophamlando lukaMongameli oluya e-UK olwenzeke mhla zingama-22 kuya mhla zingama-23 kuLwezi 2022. UMhlonishwa uMongameli u-Cyril Ramaphosa ube yiNhloko Yombuso yokuqala ukusingathwa ubukhosi baseBhrithani, uBayede iNkosi u-Charles III, selokhu agcotshwa esihlalweni ngoMandulo wezi-2022. 

2.2. UHambo Lwakomkhulu kungukubonisa inhlonipho enkulu ebekwa phezu kwezwe yizwe lase-UK ukuqhubeka nokugqugquzela ubudlelwano phakathi kwamazwe amabili futhi kuluphawu i-UK echaza ngalo ukubaluleka kobudlelwano bayo nezwe elithile.

2.3. UHambo lukaMongameli, olube luphawu lokuqhubela phambili ukuqiniswa kwamaxhama phakathi kweNingizimu Afrika ne-UK, luholele ekwethulweni kwesigaba esilandelayo soBudlelwano Bengqalasizinda Phakathi kwe-UK neNingizimu Afrika. Lobu budlelwano beseka ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika ngokuthuthukiswa kwezingqalasizinda ezinkulu neminikelo yandise ukufinyelela ezinkampanini zase-UK kwimiklamo ebiza ukufika kwizigidigidi ezi-£5.37 eminyakeni emithathu ezayo. 

2.4. Lolu hambo lugxile ekuthuthukiseni amazinga ezohwebo nawotshalomali phakathi kwala mazwe amabili, kanye nasekusunguleleni impahla nemikhiqizo yaseNingizimu Afrika amathuba amaningi ezimakethe zaseBhrithani. Ngesikhathi seNgqungquthela Yamabhizinisi Ye-UK ne-SA, amathuba amabhizinisi amaningi okwakuxoxisanwa ngawo ethulwa kubatshalizimali base-UK abethembisa ukuqhubeka nokuxoxisana neNingizimu Afrika.

2.5. INingizimu Afrika ne-UK baphinde basayina iZivumelwano Zokusebenzisana Kwezesayensi Nokuqamba Kabusha kanjalo Nokusebenzisana Kwezempilo ezizogxila ekukhiqizweni komgomo, ucwaningo ngokulandelana kofuzo kanye nokuguquguquka kwesimo sezulu. 

2.6. Eminye imiphumela yohambo ibandakanye ukuthola ukusebenzisana kwingqalasizinda, ubuchwepheshe obunganukubezi imvelo kanye nemithombo yezamandla avuselelekayo. La mathuba anamandla okuvula uhwebo lapha ekhaya, utshalomali kanye nokusungulwa kwemisebenzi. 

3. UMklamo Wokukhiqizwa Kwezimoto we-Tshwane Automotive Special Economic Zone (i-TASEZ)

3.1. IKhabhinethi yamukele ukukhiqizwa kohlobo lwemoto i-next generation Ford Ranger olukhiqizwa yinkampani yezimoto i-Ford Motor Company of South Africa (i-FMCSA), oludle utshalomali lwezigidigidi eziyi-R15.8 zokuqala lo mkhiqizo. 

3.2. Lokhu kuholele ukuthi zonke izinkampani ezilishumi ezikhiqiza izingxenye zokwakha izimoto ezisendaweni ye-TASEZ ziqalise ngokusemthethweni ukusebenza ngokuphelele. Utshalomali lwabakhiqizi bezingxenye zokwakha izimoto lubize izigidigidi ezi-R3.62 futhi lwavula imisebenzi engunomphela eyi-1 259 yentsha (engama-76%) kanye nabesifazane (engama-32%). 

3.3. I-TASEZ yasungulwa njengohlelo lwenhloso ekhethekile yokukhiqiza izimoto olujutshwe ukusungula amathuba emisebenzi kanye nokugqugquzela ukubandakanywa kwezomnotho kwamabhizinisi amancane, aphakathi namancanyana esifundeni. Isigaba salo sokuqala sokuthuthukisa sasihlose ukusungula ingqalasizinda eyengeziwe kanye namandla ngaphakathi enkampanini i-FMCSA okweseka iNingizimu Afrika ukuthi ibe ngenye yezizinda ezintathu kuphela emhlabeni ezikhiqiza uhlobo lwe-next-generation Ford Ranger.

4. INgqungquthela Kazwelonke Yezedijithali Namakhono Akusasa

4.1. IKhabhinethi yamukele imiphumela yeNgqungquthela Kazwelonke Yezedijithali Namakhono Akusasa ebibanjwe eMhlanga, esifundazweni saKwaZulu-Natali kusuka mhla wama-22 kuya mhla wama-23 kuLwezi 2022, ukuqinisa ukuthuthukisa isizwe sethu emkhakheni wezedijithali kanye namakhono akusasa eNingizimu Afrika.  

4.2. Ngokusingathwa nguMnyango Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali (i-DCDT) ngokubambisana ne-Deutsche Gesellschaft für Internationale Zusammenarbeit (i-GIZ), le ngqungquthela ibihlose, phakathi kwezinye izinto, ukuqinisa ubudlelwano emkhakheni wedijithali kanye namakhono akusasa eNingizimu Afrika, ukusungula nokuvusa intshisekelo kwezedijithali namakhono akusasa, kanye nokuhlolisisa amathuba okuqeqesha intsha ngamakhono edijithali akhona kwi-Fourth Industrial Revolution.

4.3. Ingqungquthela iqinise ubudlelwano phakathi kukahulumeni, amabhizinisi, umphakathi, izinhlangano zamazwe zokuthuthukisa kanye nezinhlangano zentsha ukuthi kuqhutshelwe phambili isizwe sakithi sibekwe esikhathini sedijithali.  

5. ISikhungo Sokunakekela Esisha i-Thuthuzela Care Centre e-Limpopo 

5.1. IKhabhinethi yamukele ukuvulwa kwesikhungo sokunakekela i-Thuthuzela Care Centre esibhedlela i-Dilokong Hospital esigodini sase-Dilokong e-Driekop, e-Limpopo ngoLwesibili, mhla wama-22 kuLwezi 2022. Lesi sikhungo sihlinzeka ngezinsizakalo zokweseka izisulu zodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF) kanye nobugebengu obeyamene nocansi. 

5.2. Lesi sikhungo singesama-62 esivulwayo kulolonke izwe futhi sigcina ukuzibophezela uhulumeni akwenza kwiNgqungquthela Kamongameli Yokulwa ne-GBVF yangowezi-2018 ukwakha izikhungo eziningi ezifana nalezi.

6. UMbiko Jikelele Ohlanganisiwe woMcwaningi-mabhuku Jikelele (i-AG) wangowezi-2021/22

6.1. IKhabhinethi yamukele imiphumela yocwaningo loMthetho Wokulawulwa Kwezimali Zikahulumeni wangowezi-2021/22 kuhulumeni kazwelonke nowezifundazwe, ekhishwe ngu-AG u-Tsakani Maluleke ngoLwesithathu, mhla wama-23 kuLwezi 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Usiko lokuziphendulela luzokwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi”.

6.2. IKhabhinethi ikuphawulile ukukhula kancane kancane kwemiphumela yocwaningo-mabhuku lohulumeni kazwelonke nowezifundazwe kodwa yadlulisa ukukhathazeka ngokuthi imisebenzi ehamba phambili ekulethweni kwezidingonqangi iyaqhubeka nokuthola imiphumela engemihle.

6.3. Ngokubuka ucwaningo-mabhuku oseluphothuliwe lweminyango eyi-160, iminyango engama-47 yenze kangcono kwathi eyi-12 yabuyela emuva. Ngokufanayo, ezinhlanganweni zikahulumeni ezingama-238 okuphothulwe kuzona ucwaningo-mabhuku, ezingama-67 zenze kangcono kwathi ezingama-34 zahlehlela emuva.

6.4. IKhabhinethi iqinisekise ukuzinikela kukahulumeni ekuthatheni izinyathelo zokulungisa ukuze kuzobhekanwa nomnyombo oholele emiphumeleni engemihle yocwaningo-mabhuku kanye nokuqeda ngokuba ntekenteke ukuze kuzotholwa imiphumela emihle kucwaningo-mabhuku.

7. UMkhankaso Wesikhathi Samaholidi Aphephile

7.1. Uhulumeni usanda kwethula umkhankaso wangowezi-2022 Wesikhathi Samaholide Aphephile ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Amaphoyisa amaningi emiphakathini ukuze amaphoyisa ezobonakala.”

7.2. Ukuqinisekisa inhlalakahle nokuphepha kwazo zonke izakhamuzi kanye nabavakashi ezweni lethu ngesikhathi samaholide nangale kwawo, ukuqiniswa kokubonakala kwamaphoyisa kuzobandakanya imikhankaso eqinile nehlanganisile yokugwema nokulwa nobugebengu ezokwenziwa nguPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika kanye namanye ama-ejensi okugcinwa komthetho. IKhabhinethi icela wonke umuntu ukuthi asebenzisane neziphathimandla zomthetho ukugcina imiphakathi yakithi iphephile.  

7.3. Njengoba umthamo wezimoto emigwaqeni yethu kazwelonke ulokhu ukhula, bonke abasebenzisa imigwaqo bayanxuswa ukuthi baqaphele, futhi bathobele imithetho yomgwaqo kanye nemithetho efana nemikhawulo yesivinini. Ungashayeli uphuze utshwala, bopha ibhande lesihlalo, gcina igebe elanele emotweni oyilandelayo futhi ume endaweni ephephile ukuze uphumule okungenani njalo emva kwamahora amathathu okushayela. Qaphela abanye abantu abasebenzisa umgwaqo ukuze sonke sizofika lapho siya khona siphephile. 

7.4. IKhabhinethi inxusa wonke umuntu ukuthi acophelele kula maholide ukuqinisekisa ukuphepha kwabo nokwabanye, ikakhulukazi izingane, okumele zihlale zibekwe iso ngaso sonke isikhathi. Ngokucophelisisa nangokuziphatha kahle, singaqinisekisa isikhathi esinenjabulo sokubungaza nomndeni nabangani. 

8. INgqungquthela Yehayidrojini Ehlanzekile eNingizimu Afrika (i-SAGHS)

8.1. IKhabhinethi yamukela ukuphothulwa okuyimpumelelo kwe-SAGHS yangowezi-2022 yokuqala ebibanjwe eKapa kusuka ngowama-28 kuya kowama-30 kuLwezi 2022, nebonise ukuzinikela kwesizwe sakithi njengesizinda esisezingeni lomhlaba sokukhiqiza ihayidrojini ehlanzekile.  

8.2. Ukusungula isimondawo sokuthi umkhakha wehayidrojini ehlanzekile uqhakaze, uhulumeni usesungule neQhingasu Lehayidrojini laseNingizimu Afrika elithinta ikhono lesizwe sethu lezamandla avuselelekayo kanye neplathinamu, okuyisikhuthazi kwinqubo yokuhlukanisa ihayidrojini, lokho okubeka iNingizimu Afrika ukuthi ihambe phambili emhlabeni kule makethe entsha.  

8.3. Umnotho wehayidrojini ehlanzekile uyingxenye yomsebenzi wethu ngaphansi koHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho (i-ERRP) wokuhlolisisa imithombo emisha yokukhula komnotho ezokwazi ukuguqula isimo somnotho wethu futhi usungule namathuba amasha emisebenzi. 

9. Ukwethulwa kwesikhungo i-Artificial Intelligence (i-AI) Institute of South Africa

9.1. IKhabhinethi yamukele ukusebenzisana phakathi kwe-DCDT, i-Tshwane University of Technology kanye ne-University of Johannesburg okuholele ekwethulweni kwesikhungo i-AI Institute of South Africa e-Johannesburg Business School ngoLwesithathu, mhla wama-30 kuLwezi 2022. 

9.2. Isikhungo okungesokuqala ngqa salolu hlobo sibonisa isikhathi esisha kwimizamo yeNingizimu Afrika yokuguqukela kwidijithali. Lokhu kuzovuselela amandla okukhula komnotho, kubhekane nezinkinga zokuswelakala kwemisebenzi kuphinde kube nomthelela omuhle kwezenhlalakahle. I-AI Institute izokhulisa izifundo ze-robotics kanye ne-coding okuyimanje zifundiswa ezikoleni zikahulumeni.

9.3. Lesi sikhungo siklanywe ngendlela yokuqinisekisa ukuthi ezemfundo kuhulumeni kanye nemboni basebenzisana ngendlela yokubambisana eyehlukile yokusebenzisa ulwazi oluhlangene, ubungcweti kanye nesipiliyoni ukuqalisa ukusebenza kwezisombululo zezinye zezinselele ezinzulu nesezithathe isikhathi eside zeNingizimu Afrika nezezwekazi i-Afrika, kanye nokuqhubela phambili izwekazi.

9.4. Ukugxila kukahulumeni kumakhono edijithali kubandakanya ukusungula izinkundla ezeseka nezigqugquzela ikhono lentsha, kanye namabhizinisi amancane, ikakhulukazi asaqala, ukusungula imisebenzi yedijithali.

B. Izinqumo Zekhabhinethi

1. UMbiko Wocwaningo ngezindleko zezomnotho zokukhubazeka kubantwana abaphila nokukhubazeka kanye nabantu abakhubazeke ngokomzimba eNingizimu Afrika

1.1. IKhabhinethi icubungule yaphinde yagunyaza uMbiko Wocwaningo owawuyalelwe nguMnyango Wabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka (i-DWYPD), ngokubambisana noHlelo Lwentuthuko Lwenhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-UNDP). Umbiko uhlinzeka ngemininingwane yezindleko ezihlobene nokukhubazeka emakhaya anabantwana abaphila nokukhubazeka kanye nabantu abadala abakhubazeke ngokomzimba.  

1.2. Okuqukethwe ngulolu cwaningo kubonisa ubufakazi bezilinganiso zezindleko, phakathi kokunye, ukubalwa kwezinzuzo zoxhaso lwesibonelelo sezenhlalakahle sabantu abaphila nokukhubazeka. Lo mbiko uphelelisa ucwaningo nalo olwenziwa yi-UNDP phakathi kowezi-2013 nowezi-2015 mayelana nezinto ezenza izindleko zezomnotho nezezimali zamakhaya abantu abaphila nokukhubazeka eNingizimu Afrika. Umbiko uzoshicilelwa emva kokuba usufakwe kusomqulu.

2. Ukuhlola Okusheshayo kokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo kahulumeni ekukhethweni kwalabo abazonikezela ngezinsiza kuhulumeni kwabesifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka.

2.1. IKhabhinethi ithole umbiko wokuhlola obukade uhlolisisa izinga lokuthobela imithetho kweminyango kazwelonke neyezifundazwe uma amabhizinisi aphethwe ngabesifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka efaka izicelo zokuhlinzeka ngezinsiza. Lokhu kuhlola kungokwesikhathi sangowezi-2018 kuya kowezi-2021. 

2.2. Imininingwane iqoqwe kwi-Central Supplier Database (i-CSD) yoMnyango Wezamafa Kuzwelonke kanye nalabo abaphendula imibuzo ethunyelwe kubona abavela kwiminyango. Noma kunjalo, le mininingwane ayizange iqoqe yonke imininingwane kuyoyonke iminyango, kodwa ibiyanele ukubonisa iKhabhinethi izingxenye ezidinga ukuqiniswa ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi imithetho iyathotshelwa.  

2.3. IKhabhinethi igunyaze zonke izincomo zezingenelelo ezizoqinisekisa ukuthi uhulumeni uthobela imithetho yokunikeza imisebenzi yokuhlinzeka ngezinsiza engama-40% kumabhizinisi abesifazane ikakhulukazi. Ezinye zezincomo zibandakanya ukwenziwa ngcono kwe-software ye-CSD, nokuqeqesha nokuqwashisa izikhulu kwezezimali kanye nabasebenzi Abaphethe Nabahlinzeka Ngemisebenzi eminyangweni. Umbiko ophelele uzofakwa kwiwebhusayithi ye-DWYPD ethi: www.dwypd.gov.za.

3. UHlelo LweNyakashumi Lwezesayensi, Ubuchwepheshe Nokuqamba Kabusha (i-STI) lwangowezi-2022

3.1. IKhabhinethi igunyaze UHlelo Lwenyakashumi lwe-STI lwangowezi-2022, oluhlose ukuba ngumhlahlandlela wokuqaliswa kokusebenza koMthetho Odingidwayo we-STI wezi-2019. IKhabhinethi yagunyaza uhlelo olusahlongozwa ngoNdasa wezi-2021 lwabe seluthasiselwa ngokuxoxisana nababambiqhaza abafanelekile. 

3.2.    Lolu hlelo lugxile emikhakheni emihlanu: (1) Ukwenziwa kwemikhakha yezolimo, owokukhiqiza nowezimayini ibe ngeyesimanjemanje; (2) ukusetshenziswa kwemithombo emisha yokukhula, ikakhulukazi kumnotho wedijithali nozungelezayo;  (3) izinhlelo ezinkulu zocwaningo nokuqamba kabusha emkhakheni wezempilo nowezamandla; (4) ukusebenzisa i-STI ukweseka umbuso onekhono kanye (5) nokubhekana nezinselele ezinkulu ezibhekene nomphakathi, okungukuguquguquka kwesimo sezulu nokusimama kwezemvelo, ikusasa lemfundo, ukuthuthukiswa kwamakhono nomsebenzi, kanye nekusasa lomphakathi.

3.3. UHlelo Lwenyakashumi lokuqala lowezi-2008-2018, luhlangene neQhingasu Likazwelonke Locwaningo Nokuthuthukisa langowezi-2022, kuhloswe ngalo ukuthi lube yisisekelo soHlelo Lwenyakashumi lwamanje. Lezi zinhlelo zibeka phambili indlela kahulumeni yokuqamba kabusha eNingizimu Afrika. Lo mqulu uzokhishwa emphakathini ngokuthi ufakwe kwiwebhusayithi yomnyango Wezesayensi Nokuqamba Kabusha (i-DSI) ethi: www.dst.gov.za.

4. IQhingasu Likazwelonke Nokuhlola Ubungozi Ekulwisaneni Nokuhlanzwa Kwemali, Ukuxhasa Ubuphekula Ngezimali kanye Nokuxhasa Ngezimali Ukwakhiwa Kwezikhali Zembubhiso (i-AML/CFT/CPF)

4.1. IKhabhinethi igunyaze iQhingasu Likazwelonke le-AML/CFT/CPF, kanye nokuHlolwa Kobungozi Kuzwelonke. Leli qhingasu lasungulwa ukuze lizoba indlela yokuhlolwa kobungozi eqhamuke nama-ejensi ezokuvikela nawezezimali afanelekile. 

4.2. Ukusebenza kwaleli qhingasu – elinezinhlosonqangi ezintathu nezinjongo ezili-13 – kuzofaka phakathi ama-ejensi ezokuthotshelwa komthetho, ama-ejensi ezobunhloli, izikhungo zezimali nalezo okungezona ezemali, nalabo abamele umkhakha ozimele, phakathi kwabanye.

4.3. Ukuqaliswa kokusebenza kwaleli qhingasu kuzoqinisekisa ukuthi izwe liqinisa izindlela zalo zezimali ukuze lizoseka izingenelelo zokukhulisa umnotho ngokunciphisa amazinga obugebengu obuhlobene nezezimali. Iqhingasu liphinde liphendule ezinye zezincomo ezingama-40 ezenziwa emva kokuthi iNingizimu Afrika ihlolisiswe yi-Financial Action Task Force, okuyinhlangano yangaphakathi kuhulumeni yokwenziwa kwezinqubomgomo elwisana nokuxhasa ngezimali ubuphekula kanye nokuhlanzwa kwemali emhlabeni jikelele. Imibiko emibili efinqiwe izoshicilelwa kwiwebhusayithi yoMnyango Wezamafa Kuzwelonke ethi: www.treasury.gov.za.

5. IQhingasu Lokuhweba Ngehayidrojini Ehlanzekile (i-GHCS)

5.1. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kwe-GHCS ukuze umphakathi uzophawula ngayo. Leli qhingasu kuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi izwe lisebenzisa amathuba alethwa imboni yezokuhlanzeka kwemvelo. 

5.2. I-GHCS izoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iba ngumkhiqizi nomhlinzeki omkhulu wehayidrojini ehlanzekile. Lifaka igalelo ekukhuleni komnotho futhi leseka izwe kwizingenelelo zokuguqukela kwezamandla anganukubezi imvelo ngokunciphisa ukukhishwa kwekhabhoni. 

5.3. INingizimu Afrika seyivele ineQhingasu Lehayidrojini kanye Nomhlahlandlela Womphakathi Wehayidrojini okwamukelwa yiKhabhinethi ngowezi-2021. Imakethe yehayidrojini ehlanzekile ekhula ngokushesha iletha amathuba amakhulu eNingizimu Afrika.   

6. IQhingasu Lokuqulwa Kwamacala Ombuso lowezi-2021 – 2026 

6.1. IKhabhinethi igunyaze iQhingasu Lokuqulwa Kwamacala Ombuso lowezi-2021 – 2026. Leli qhingasu lihlose ukuqhuba ukuguqulwa komkhakha wezomthetho ngendlela yokusebenza. Lubonisa ukuthi uMbuso uzowuhlukanisa kanjani umsebenzi womthetho kubasebenzi bezomthetho; ulawule izindleko zokuqulwa kwamacala; ubheke ukuphathwa kwababambiqhaza; uhlinzeke ngokusetshenziswa ngokuphelele kobuchwepheshe nezindlela-kusebenza.   

6.2. Iqhingasu liphinde libhekane nokwenza ngcono ukuphathwa nokuthuthukiswa kwamandla omuntu. Lizosetshenziswa ekuqulweni kwamacala oMbuso kuzozonke izinhlaka zikahulumeni.

6.3. IKhabhinethi iphinde yagunyaza ezinye izinqubomgomo ezimbili ukweseka ukuqalisa ukusebenza kwaleli qhingasu. INqubomgomo mayelana Nokujuba Nokukhishwa Komsebenzi Womthetho Wombuso izoletha ukuba neqiniso futhi izokhipha umsebenzi wokuqulwa kwamacala ongeke wenzeke ngaphakathi. Inqubomgomo Yokuqalisa, Ukulwela, Nokulwisana namacala izocacisa ngezinqubo okumele zilandelwe yiminyango kanye neHhovisi loMmeli-Jikelele.

6.4. Izinqubomgomo ezimbili – kanye nezinye izinqubomgomo ezagunyazwa yiKhabhinethi ngoLwezi wezi-2021 kanye nomthetho i-Legal Sector Code – kuzokweseka ukuqaliswa kokusebenza kwaleli qhingasu. Le miqulu izoqinisekisa uguquko lokungenelela kumkhakha wezomthetho kanye nokuqinisekisa ukulinganisa izindleko zokuqulwa kwamacala abandakanya uMbuso. 

7. INqubomgomo Yokulawula Ukukhokhelwa Kwamacala Ombuso  

7.1. IKhabhinethi igunyaze iNqubomgomo Yokukhokhelwa Kwamacala Ombuso, enikeza ngezindlela zokulawula ukukhokhelwa kokuthethwa kwamacala abekwe umbuso. Ihlinzeka ngokusungulwa kwesizinda esiqoqela ulwazi ndawonye kanye nokubika ngezindlela zokulandelela kumacala afakwe kulesi sizinda.

7.2. Le nqubomgomo ihlinzeka ngezindlela zokuvala amadokodo amacala angayi ndawo ayeholela kumanani okungewona ezindleko zokuthethwa kwecala uma kubhekwa ngasohlangothini lokuziphendulela. 

C. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa wezi-2022 Wokuchibiyela Ezemidlalo Nezokuzijabulisa Kuzwelonke 

1.1. IKhabhinethi igunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa wezi-2022 Wokuchibiyela Ezemidlalo Nezokuzijabulisa Kuzwelonke ePhalamende ukuze uzocutshungulwa. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Kazwelonke Wezemidlalo Nezokuzijabulisa, wangowe-1998 (Umthetho we-110 we-1998). UMthethosivivinywa usuvele ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngawo. 

1.2. UMthethosivivinywa uphinde uchibiyele ezinye izincazelo futhi phakathi kwezinye izingenelelo, uhlongoza ukusungulwa kweNkantolo Yokulamula Amacala Ahlobene Nezemidlalo ukuze izoxazulula izingxabano phakathi kwezinhlangano zezemidlalo noma zezokuzijabulisa. Ucacisa izindlela okumele zilandelwe ukuze ungenele ukuba ingxenye yemicimbi yomhlaba. Izichibiyelo ezethuliwe ziphinde zinike amandla uNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko ukuthi enze imithethonqubo ezokwenza ukuthi abantu ababuthakathaka bakwazi ukubamba iqhaza kwezemidlalo futhi bavikelwe kunoma yikuphi ukuhlukunyezwa ngokocansi noma ukuxhashazwa.

2. UMthethosivivinywa wezi-2022 Wenhlangano Yezokusakaza eNingizimu Afrika (i-SABC) 

2.1. IKhabhinethi igunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa wezi-2022 we-SABC ukuze uzocutshungulwa. Lo Mthethosivivinywa washicilelwa ngoNhlangulana wezi-2021 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Uma uMthethosivivinywa usugunyaziwe waba ngumthetho ePhalamende, uMthetho Wezokusakaza, wangowe-1999 (Umthetho we-4 we-1999) okhona njengamanje uzobe sewuchithwa. 

2.2. Lo Mthethosivivinywa phakathi kokunye uhlongoza ukunciphisa inani lamalungu eBhodi angebona abaphathi lisuke ku-12 liye ku-11 kanye namalungu esigungu esiphezulu kusuke kwamathathu kuye kwamabili. Ubuyekeza ukwakheka kohlaka lokuphatha kanye nendlela yokuxhaswa ngezimali kwe-SABC. 

3. UMthethosivivinywa wezi-2022 Wokuchitha uMthetho Wokujezisa wase-Transkei

3.1. IKhabhinethi igunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa wezi-2022 Wokuchitha Umthetho Wokujezisa wase-Transkei ukuze uzocutshungulwa. Lo Mthethosivivinywa uchitha uMthetho Wokujezisa wase-Transkei, wangowe-1983 (Umthetho we-9 wangowe-1983) owawuchaza umthetho wezobugebengu e-Transkei (manje osekuseMpumalanga Kapa). 

3.2. UMthethosivivinywa ohlongozwayo welula ukusetshenziswa kwamanje kwemithetho ejwayelekile kwiRiphabhulikhi yase-Transkei yakudala ngokuhambisana nohlelo lwethu olulodwa lwendlela yezwe yokwahlulela.  

3.3. UMthetho wokujezisa wase-Transkei ushayisana nomthetho owejwayelekile wezobugebengu wamanje olawula udaba olufanayo ezingxenyeni ezehlukene zezwe. Lokhu kuchithwa kwalo mthetho kuzosusa ukubakhona komthetho wesikhathi sobandlululo ezindaweni ebezaziwa ngokwedlule ngokuthi yiRiphabhulikhi yase-Transkei bese kuhlinzeka ngezinhlelo zesikhashana kumacala okwasetshenziswa lo mthetho kuwona. 

4. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela wezi-2022 woMthethosisekelo Weshumi Nesishiyagalombili 

4.1. IKhabhinethi igunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela wezi-2022 woMthethosisekelo Weshumi Nesishiyagalombili ePhalamende ukuze uzocutshungulwa. UMthethosivivinywa uchibiyela isahluko se-6 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996 ukuze uzothatha uLwimi Lwezimpawu lwaseNingizimu Afrika njengolunye lwezilwimi ezisemthethweni. 

4.2. NgoMbasa wezi-2022, iKhabhinethi yagunyaza ukushicilelwa nokukhipha isimemezelo saloMthethosivivinywa, okwathi kanye nesimemezelo kwashicilelwa ngokulandelana ngoNtulikazi wezi-2022. 

5. UMthethosivivinya Wokuchibiyela  Umthetho Wobugebengu (Amacala Ezocansi kanye Namacala Ahlobene Nawo) wezi-2022

5.1. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kwalo Mthethosivivinywa ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Uchitha uMthetho Wezamacala Ocansi (obuwaziwa ngoMthetho Wokuziphatha Kabi), wangowezi-1957 (Umthetho wama-23 wangowe-1957). Uphinde uchithe iSahluko se-11 soMthetho Wobugebengu Wokuchibiyela (Amacala Ezocansi kanye Namacala Ahlobene Nawo), wangowezi-2007 (Umthetho wama-32 wangowezi-2007) ukususa ukuba icala ukuthengisa nokuthenga ucansi kubantu abadala.

5.2. Iziphakamiso zalo Mthethosivivinywa ziphendula uhlu lwezingenelelo ezaphakanyiswa kwiSahluko sesi-3 (Ukuvikeleka, Ukuphepha noBulungiswa) koHlelo lweQhingasu Lukazwelonke ku-GBVF, oluyala uhlelo lobulungiswa kwezobugebengu ukuthi luhlinzeke ukuvikeleka, ukuphepha kanye nobulungiswa kulabo abasinde ku-GBVF, kanye nokujezisa izigilamkhuba ngezenzo zazo. Uma usugunyaziwe waba ngumthetho, phakathi kweminye imithetho uzovikela abasebenzi abathengisa ngocansi ukuthi bangahlukunyezwa futhi bangaxhashazwa.

6. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela iHHovisi Lezamaposi eNingizimu Afrika (i-SAPO)   

6.1. IKhabhinethi igunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela i-SAPO ePhalamende ukuze uzocutshungulwa. Lo Mthethosivivinywa, owagunyazwa ukuthi umphakathi uphawule ngawo ekuqaleni kwalo nyaka, uchibiyela uMthetho we-SAPO, wangowezi-2011 (Umthetho wama-22 wezi-2011). 

6.2. Izichibiyelo eziphakanyisiwe zihlose ukuvumela i-SAPO ukuthi iguquke ihambisane nentuthuko yobuchwepheshe emkhakheni wezokuthunyelwa kwempahla futhi ikhulise umsebenzi wayo. Izinguquko zihambisana noMthetho Odingidwayo Wenqubomgomo Yolwazi Oluhlanganisiwe Nobuchwepheshe Bezokuxhumana Kuzwelonke wezi-2016. 

D. Imicimbi Ezayo

1. INgqungquthela Yomhlaba Yezesayensi yowezi-2022 (i-WSF) 

1.1. INingizimu Afrika ngokusebenzisana noMnyango Wezesayensi Nokuqamba Kabusha (i-DSI), izosingatha i-WSF e-Cape Town International Convention Centre kusuka mhla wesi-6 kuya mhla wesi-9 kuZibandlela 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sisebenzisa Isayensi Ukuthola Ubulungiswa Bezenhlalakahle”. 

1.2. Le ngqungquthela ingezinye yezinkundla zomhlaba ezihamba phambili ezigqugquzela izingxoxo ngendima okufanele idlalwe yisayensi emiphakathini. Iyigxathu elithathwe yizinhlangano zesayensi emhlabeni okubandakanya iNhlangano Yezemfundo, Isayensi Namasiko ye-UN. 

1.3. Izinjulabuchopho zabaholi zizobe zidingida izihloko ezehlukene ezibandakanya ukusebenzisa isayensi ukubuyisa isithunzi somuntu; isayensi ukubuyisa ubulungiswa besimo sezulu, ukusebenzisana kwezesayensi namanye amazwe amaningi, kanye nezesayensi kuleli lizwekazi lase-Afrika nasemhlabeni.    

1.4. Iningi lemicimbi eseceleni nezoba sezindaweni eziningi izokwenzeka kanye kanye, futhi eminye yayo izosingathwa kwiSigungu-Jikelele se-African Academy of Sciences, okuyinhlangano yase-Afrika enenjongo yokuguqula izimpilo zabantu basezwenikazi lase-Afrika ngesayensi. 

2. Usuku Lomhlaba Lwesifo Sengculazi 

2.1. INingizimu Afrika izohlanganyela nomhlaba wonke ekukhumbuleni nasekuzibandakanyeni emicimbini yonyaka yoSuku Lomhlaba Lwesifo Sengculazi mhla lu-1 kuZibandlela 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Masilingane futhi Sihlangane Ukuqeda i-AIDS”. Umcimbi kazwelonke wokukhumbula lolu suku ozobanjwa enkundleni yezemidlalo i-Dr Petrus Molemela Stadium e-Bloemfontein eFreyistata uzosetshenziswa ukukhumbuza wonke umuntu ukuthi azigade yena ngokuthi azi isimo sakhe sempilo ukuze ezothatha izinqumo eziphusile ngempilo yakhe.  

2.2. Lesi sikhumbuzo sifika ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika ilungiselela ukuqala ukuhlola ukusebenza kwe-pre-exposure prophylaxis (i-PrEP) engumjovo uma kuqala unyaka ozayo, enconywe kakhulu iNhlangano Yezempilo Emhlabeni. Umjovo we-PrEP, othathwa njalo ngenyanga, ungavikela ukusuleleka nge-HIV okusha okuyizi-52 000. 

3. USuku Lokubuyisana  

3.1. NgoLwesihlanu, mhla we-16 kuZibandlela 2022, isizwe sizobungaza uSuku Lokubuyisana ukuqinisekisa ukuzinikela kwethu kubunye nokwakha isizwe. Unyaka nonyaka siba nethuba lokwelula isandla komunye nomunye ukuze sizobhekana nemuva lethu, sibuyisane futhi sakhe isizwe esisha siphokophele phambili.

3.2. Uhambo lwethu selokhu sathola inkululeko nentando yeningi labantu ngowe-1994 lubonise ukuthi sinamandla njengesizwe uma sibumbene. Injongo yethu njengabantu baseNingizimu Afrika kufanele kube ngukugqugquzela ukwakhiwa kwesizwe okubandakanya wonke umuntu kanye nokubumbana komphakathi.  

3.3. Ngokubambisana singakha ikusasa elingcono kuwowonke umuntu ngokulwela ukuqinisekisa ukuthi siyisizwe esigqugquzela inkulumo-mpendulwano, esigqugquzela ukubumbana komphakathi, esamukela ukwakhiwa kwesizwe futhi esibungaza ukwahlukana ngokwamasiko. 

3.4. IKhabhinethi icela bonke abantu ukuthi basebenze ngokubambisana njengesizwe, sibheke phambili ngamandla ethu ngokuhlangana ukuze sizokwakha iNingizimu Afrika ebumbene nephumelelayo. 

4. UHlelo Lukazwelonke Lwezemidlalo Yabantu Abadala 

4.1. UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzosingatha uHlelo Lukazwelonke Lwezemidlalo Yabantu Abadala e-Germiston, e-Gauteng kusuka mhla wesi-5 kuya kowesi-7 kuZibandlela 2022. Lolu hlelo luhlanganisa zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye futhi luhlose ukugqugquzela indlela yokuphila ezimele nenempilo kubantu abadala ukuqinisekisa ukuthi babamba iqhaza emiphakathini yabo.   

4.2. UHlelo Lukazwelonke Lwezemidlalo Yabantu Abadala luzovulwa ngezingxoxo kuzwelonke ukuvumela abantu abadala ukuthi babe yingxenye yezingxoxo ezimayelana nezindaba ezithinta bona. Lokhu kuzolandelwa Yimidlalo Ekhethekile lapho abantu abadala bazobe bebonisa amakhono abo kwezemidlalo.  

4.3. UMthetho Wabantu Abadala, wangowezi-2006 (Umthetho we-13 wezi-2006) ugcizelela ukubaluleka kokuvikelwa nokugqugquzelwa kwamalungelo, isithunzi, isimo, ubuqotho, ukuphepha, ukuvikeleka kanye nenhlalakahle yabantu abadala. Ngalokhu-ke, iKhabhinethi icela yonke imiphakathi ukuthi inakekele, ihloniphe futhi yeseke abantu abadala, ikakhulukazi ekuhlukunyezweni, ekuphathweni kabi, ukunganakwa kanye ne-GBV. 

E. Imiyalezo
Ukuhalalisa 
1.    IKhabhinethi ihalalisela futhi ifisela okuhle laba: 

  • Abahlabene ngemiklomelo ye-2022 SADC Media Awards.  U-Mnu. Sandile Stevenson Ndlovu osuka kwiphendandaba i-Sunday Times ngomklomeleo wokuqala esigabeni sezithombe, u-Nks. Zinhle Makhosazane Mugabe osuka e-SABC ngomklomelo wesibili esigabeni se-TV kanye no-Nks Melinda Shaw osuka kwi-Poultry Bulletin Magazine ngomklomelo wesithathu kwisigaba sezindaba ezishicilelwe phansi.

Amazwi enduduzo
2.    IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo kubangani nomndeni ka:

  • Mnu. John Henry Ernstzen (82), umakadebona oyisishoshovu somfelandawonye nepolitiki ophinde wasebenza kuHulumeni njengomeluleki kaNgqongqoshe Wezemisebenzi kaHulumeni Nokuphatha wangaleso sikhathi, u-Dkt. Zola Skweyiya. Wabe eseqhubeka esebenza kuKhomishini Yezemisebenzi Kahulumeni njengePhini likaSihlalo nakwiKhomishini Yezemisebenzi Yokwahlulela.
  • Vho-Rashaka Frank Ratshitanga (89), isishoshovu esilwisana nobandlululo esabekezelela ukuhlukunyezwa okuningi kwe-Security Branch. Njengombhali onezincwadi esezishicilelwe, ezinye zezincwadi zakhe eziningi zezinkondlo bezifundwa emabangeni aphezulu ezikoleni. Emva kowe-1994, wasebenza kwiSishayamthetho sase-Limpopo. Wathweswa indondo yokuhlonishwa i-Order of the Baobab yeThusi “ngomsebenzi wakhe wokuzinikela ekulweni nokungabi nabulungiswa kanye nokuzinikela kwakhe ekuthuthukisweni kweNingizimu Afrika”.

F. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1. Nks. Funani Josephine Malatsi njengoMphathi Omkhulu Wezimali kuMnyango Wezokubusa Ngokubambisana. 
2. Dkt. Marcia Mabel Socikwa njengePhini loMqondisi-Jikelele (i-DDG): Kwezemfundo Yasenyuvesi kuMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha. 
3. Dkt. Lisolomzi Assaph Fikizolo njengo-DDG: Wezaselwandle Nasogwini kuMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nemvelo. 
4. Nks. Boipuso Mmasediba Modise njengo-DDG: KwezeNqubomgomo Yezomnotho kuMnyango Wezamafa Kuzwelonke.  
5. Dkt. Kefiloe Doris Masiteng njengoNobhala wezokuHlela kuMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola. 
6. Nks. Jodi-Lynne Scholtz njengoKhomishana weKhomishini Kazwelonke ye-Lotto. 
7. Dkt. Phakamani Buthelezi njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) yeBhodi le-Overberg Water (Ukuvuselelwa kwekontileka). 
8. Dkt. Bongani Andy Mabaso njenge-CEO ye-State Information Technology Agency.
9. Dkt. Gibson Mashilo Simon Boloka njenge-CEO yeBhodi Lezamafilimu Nokushicilela.
10. Mnu. Mandisi Nkuhlu njenge-CEO ye-Export Credit Insurance Corporation. 

IKhabhinethi lihambisana nokuqashwa kwalaba abalandelayo:
1. Iziphathimandla Ezilawula Izindlu Zomphakathi:
a.  Mnu. Sandile Luthuli (iSiphathimandla Esiphezulu).

2. IBhodi ye-Ejensi Yezemigwaqo Kazwelonke eNingizimu Afrika: 
a. Mnu. Themba Barrange Mhambi (uSihlalo – uphinde wabekwa);
b. Mnu. Robert Alderman Haswell (uphinde wabekwa);
c. Mnu. Thamsanqa Piet Matosa (uphinde wabekwa);
d. Nks. Refilwe Buthelezi; kanye no
e. Nks. Noluphumzo Leonora Noxaka.

3. Abaqondisi Abangebona Abaphathi: ku-Air Traffic and Navigation Services:
a. Mnu. Zola Majavu (uSihlalo);
b. Mnu. Khulile Sympathy Boqwana;
c. Nks. Nomathemba Kubheka (uphinde wabekwa);
d. UJenene Omkhulu uNhlanhla Lucky Ngema (uphinde wabekwa);
e. Mnu. Christiaan Rudolph Burger (uphinde wabekwa);
f. Dkt. Malindi Joy Neluheni;
g. Mnu. Muhammed Ameen Ebrahim Amod;
h. Mnu. Siyabonga Gcina Kudumela;
i. Nks. Precious Nompumelelo Sibiya; kanye no
j. Nks. Princess Mngoma.

4. IBhodi yeNhlangano Yezamandla eNuzi eNingizimu Afrika: 
a. Mnu. David Nicholls (uSihlalo – uphinde wabekwa);
b. Mnu. Leshoene Joseph Shayi (uphinde wabekwa);
c. Nks. Senamile Masango (uphinde wabekwa);
d. Nks. Elsie Monale (uphinde wabekwa);
e. Mnu. Charles Leornad Mavuso;
f. Mnu. Hilton Darryl Lazarus;
g. Mnu. Ashley Latchu;
h. Dkt. Mosidi Makgae;
i. Mnu. Suren Maharaj; kanye no
j. Nks. Bessie Makgopa (Elinye ilungu – uphinde wabekwa).

5. IBhodi ye-Strategic Fuel Fund:
a. Mnu. Sipho Mkhize (uSihlalo);
b. Mnu. Mmete Petrus Fusi;
c. Nks. Nosizwe Nokwe-Macamo;
d. Nks. Mary-Jane Morifi;
e. Nks. Samela Titus-Nabe (uphinde wabekwa); kanye no
f. Mnu. Sechaba Thole (uphinde wabekwa).

6. IBhodi ye-Isimangaliso Wetland Park Authority: 
a. Mnu. Israel Mabhudu Tembe (uSihlalo – uphinde wabekwa);
b. Nks. Thulile Memory Sosibo (iPhini likaSihlalo);
c. Mnu. Peter Christopher Small (uphinde wabekwa);
d. Mnu. Gonesagren Ganesh Nair (uphinde wabekwa);
e. Nks. Maureen Sibusisiwe Ngcobo;
f. Nks. Nombuso Mlambo;
g. Mnu. Boy Daniel Ngobeni; kanye no
h. Mnu. Bongani Mzwakhe Mhlongo.

7. Amalungu oMkhandlu we-Built Environment:
a. Nks. Holovisa Amelia Mtshali (uSihlalo – uphinde wabekwa)
b. Nks. Vangile Petronella Nene;
c. Mnu. Anele Mahlawe;
d. Nks. Elizabeth Faith Nyaka;
e. Nks. Tinyiko Laurel Palesa Shipalana;
f. Nks. Mandisa Princess Pepeta-Daki;
g. Dkt. Sitsabo Dlamini (uphinde wabekwa);
h. Mnu. Thembinkosi Cedric Madikane;
i. Nks. Molefi Kubuzie;
j. Mnu. Christopher Kobla Gavor;
k. Mnu. Ngwako Edward Hutamo (uphinde wabekwa);
l. Mnu. Chris Steynberg;
m. Mnu. Ashley Latchu (uphinde wabekwa);
n. Nks. Ditaba Maraka (uphinde wabekwa);
o. Nks. Sinehlanhla Mthembu (uphinde wabekwa);
p. Nks. Salome Mabilane;
q. Nks. Snowy Makhudu;
r. Dkt. Khangwelo Desmond Musetsho;
s. Nks. Modiehi Elisa Molebatsi;
t. Mnu. Craig Silva;
u. Mnu. Tshepo Albia Monakedi; kanye no
v. Nks. Seemole Angela Mohopo.

8. IBhodi ye-Magalies Water: 
a. Dkt. Keneilwe Sebego (uSihlalo – uphinde wabekwa);
b. Nks. Yvonne Malebo Motolong (iPhini likaSihlalo);
c. Mnu. Stanley Ngobeni;
d. Nks. Yongama Pamla;
e. Nks. Priscilla Nomsa Mashaba;
f. Dkt. Mosidi Makgae;
g. Mnu. Muzuvukile Wiseman Mkhize;
h. Nks. Tebogo Magogodi Elizabeth Malaka (uphinde wabekwa);
i. Mnu. Rudolph Martin Le Roux; kanye no
j. Mnu. Itumeleng Mosala.

9. OKhomishana beKhomishini Yezokulawulwa Kwamanzi:
a. Nks. Davishinee Padayachee;
b. Nks. Mampiti Matsabu;
c. Nks. Nolubabalo Sondlo;
d. Nks. Karen van der Merwe;
e. Mnu. Rolfe Eberhard;
f. Dkt. Binganidzo Muchara;
g. Mnu. John Alexander Conolly;
h. Nks. Karen Breytenbach;
i. Mnu. Junior Potloane;
j. Mnu. Itumeleng Brian Modiba; kanye no
k. Nks. Ntombokuqala Nokulunga Mnqeta.

10. Abaqondisi abangebona abaphathi abaphezulu beBhodi le-Development Bank of Southern Africa:
a. Nks. Martie Jansen van Rensburg (uphinde wabekwa);
b. Nks. Dinao Lerutla;
c. Nks. Tasneem Essop;
d. Mnu. Kenneth Brown; kanye no
e. Mnu. Ebrahim Rasool.

11. IBhodi ye-South African Maritime Safety Authority:
a. Mnu. Tau Morwe (iPhini likaSihlalo).

12. Amalungu eBhodi le-Passenger Rail Agency of South Africa:
a. Nks. Sibongile Luthuli; kanye no
b. Mmeli u-Johnny Motlogelwa.

13. IBhodi ye-Petroleum Agency South Africa: 
a. Mnu. Satish Roopa (uSihlalo);
b. Nks. Carmen Mpelwane;
c. Dkt. Salome Chiloane-Nwabueze; kanye no
d. Mnu. Xolile Sizani.


14. IBhodi ye-Trans-Caledon Tunnel Authority: 
a. Nks. Precious Nompumelelo Sibiya (uSihlalo);
b. Mnu. Gerald Dumas (iPhini likaSihlalo); 
c. Mnu. Gregory Nigel Joseph White; 
d. Nks. Zelda Ncedekile-Tshabalala;
e. Nks. Vidhu Nardev Vedalankar;
f. Mnu. Neo Mooketsi Tladinyane;
g. Nks. Mmanare Evelyn Mamabolo;
h. Mnu. Patrick Roy Mnisi; kanye no
i. Mnu. Pule Johannes Mofokeng.

Imibuzo:
Nks. Phumla Williams – uSomlomo Wekhabhinethi 
UMakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore