Isitatimende Somhlangano Wekhabhinethi obubanjwe ngobuchwepheshe be-inthanethi ngoLwesithathu, mhla wama-31 kuNcwaba 2022

A.    Ezisematheni
1.    Umnotho 


1.1.    IKhabhinethi lamukele ukwehla kancane kwezinga labantu abangasebenzi kuleli lizwe, okwehle nge-0.6%, kusuka kuma-34.5% kwikota yokuqala kwaya kuma-33.9% kwikota yesibili ngowezi-2022. Amanani ashicilelwe kuCwaningo Lwabasebenzi Lwekota ngabeZezibalo eNingizimu Afrika abonisa ukuthi imisebenzi eminingi ebe khona ibe semkhakheni wezoMphakathi Nezinsiza Zenhlalo (276 000), wezoHwebo (169 000), weZezimali (128 000) kanye nowoKwakha (104 000). 
1.2.    Inani eliphelele labantu abaqashiwe lime kwizigidi eziyi-15.6 kwikota yesibili ngowezi-2022, kwathi inani labantu abangasebenzi lakhula ngezi-132 000 laya ezigidini eziyi-8.0 kwikota yesibili ngowezi-2022 uma kuqhathaniswa nekota eyedlule.
1.3.    Le mpumelelo engatheni kodwa ejabulisayo ibonisa ukuthi inhlanganisela yemizamo kahulumeni ekanye nozakwabo emiphakathini yokukhulisa umnotho nokusungula imisebenzi edingekayo isiqala ukuthela izithelo. 
1.4.    Lokhu kungubufakazi bokuthi uma sonke sisebenza ngokubambisana siphikelele phambili ngamandla ahlangene, singazinqoba izinselele ezibhekene nomnotho wethu. 
1.5.    IKhabhinethi liyakuqonda ukukhungatheka kwabantu baseNingizimu Afrika njengoba bethwele kanzima ukuphila nsuku zonke ngenxa yezindleko eziphezulu zempilo kanye nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi. Njengohulumeni onakekelayo, silokhu sizimisele futhi sizinikele ekusebenzisaneni nozakwethu emiphakathini ukwakha ikusasa elingcono lawo wonke umuntu. Uhulumeni usalokhu ezinikele ekwesekeni amabhizinisi alapha ekhaya ngokuthenga impahla nokusebenzisa izinsiza zalapha ekhaya.

2.    Ingqalasizinda Yomphakathi

2.1.    Ikhabhinethi liyakugxeka kakhulu ukucekelwa phansi kwengqalasizinda ngabahlali basoThongathi KwaZulu Natali ngesikhathi bebhikishela amanzi. IKhabhinethi licela ukuthi kwehliswe amaphaphu futhi kubekezelwe njengoba umsebenzi usuqalile wokulungisa iSizinda Samanzi oThongathi.  
2.2.    IKhabhinethi liyakuqonda ukukhungatheka kwabahlali okufanele basebenzise izimoto zamathangi amanzi isikhathi esengeziwe selokhu kwaba nezikhukhula ekuqaleni kwalo nyaka. Noma kunjalo, udlame nesiphithiphithi akusona isixazululo, futhi ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yomphakathi kulimaza imiphakathi esendaweni kuphela.

3.    ISichibiyelo soMthetho Wezindlela Zokusebenza Zomasipala Bohulumeni Basekhaya sezi-2022

3.1.    IKhabhinethi lamukele ukusayinwa kufakwe emthethweni iSichibiyelo Somthetho Wezindlela Zokusebenza Komasipala Bohulumeni Basekhaya, sezi-2022 (Umthetho wesi-3 wezi-2022) nguMongameli u-Cyril Ramaphosa. Lo Mthetho uhlose ukuthuthukisa ikhono kanye namazinga okuziphatha kohulumeni basekhaya. Lo mthetho uyingxenye yemizamo kahulumeni yokusebenza ngokulandela umthetho Kwezemisebenzi Kahulumeni kanye nokuqinisekisa ukuhlinzekwa okusimeme kwezinsiza kubantu, njengelungelo elihamba phambili elilotshwe kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996.
3.2.    Lo Mthetho ucacisa inqubo okumele ilandelwe uma kuqashwa abantu ezikhundleni zokuphatha. Manje usuvimbela izikhulu eziphethe kuhulumeni ukuthi zibe nezikhundla emahhovisi amaqembu epolitiki. Ngalo Mthetho futhi, izikhundla ezingenabantu zabaphathi bomasipala kulindeleke ukuthi zikhangiswe kuzwelonke ukuze kuzohehwa abantu abaningi abafanelekile abangafaka izicelo zalezi zikhundla. 
3.3.    IKhabhinethi liyazethemba ukuthi lezi zinguquko zizoqinisekisa ukuthi labo abaqashwayo noma abakhethwayo kulezi zikhundla bazokwazi ukugcina izethembiso zabo ukuze sizokwazi ukuba nempilo engcono yawo wonke umuntu.

4.    Ubugebengu 

4.1.    IKhabhinethi lincome izikhulu ezisebenza ngentela eSikhungweni Esiqoqa Intela eNingizimu Afrika ngokushaqa izidakamizwa ze-crystal meth ezingama-785 kg ezingabiza inani eliyizigidi ezingama-R236 esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngeSonto, mhla wama-28 kuNcwaba 2022. Ukushaqwa kwalezi zidakamizwa kuzothumela isexwayiso kuzigelekeqe sokuthi imingcele yethu engenayo nephumayo ivikelwe kakhulu futhi amahhovisi ethu asebenza ngokuzikhandla ukuqeda nya ubugebengu.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    UMbiko Womkhandlu Wezemfundo Ephakeme (i-CHE) Wophenyo lokuKhokhelwa kwamaPhini oShansela Emanyuvesi kanye Nabaphathi Abakhulu eNingizimu Afrika

1.1.    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngemiphumela yophenyo lwe-CHE eyayijutshwe ngowezi-2020 nguNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, Ezesayensi Nokuqamba Kabusha, uDkt u-Blade Nzimande, ukuthi iphenyisise ngezigaba zokukhokhelwa nokuhola kwezikhulu eziphezulu emanyuvesi esikhathini seminyaka eyi-15 kusukela ngowezi-2005 kuya kowezi-2019.
1.2.    Uphenyo lwalusungulelwa ukuthola ukusimama, ukusebenza kahle kanye nokuthuthukiswa komkhakha wamanyuvesi noma wemfundo ephakeme kuleli lizwe. Lo mbiko ucacisa lokho okutholiwe kanye nezincomo ezethuliwe zokulungisa isimo. 
1.3.    Izincomo lezi ziphakamisa, phakathi kokunye, inqubo yokukhokhelwa eqinile nengafihli lutho. Ukusungulwa kwethimba langaphandle futhi elizimele ukuqapha inqubo yokuthathwa kwezinqumo ngamaholo.  Uphinde waphakamisa ukuqiniswa kwezindlela zokuhlola ukwenziwa komsebenzi ezikhungweni. Ucwaningo luphinde labhekisisa ubukhulu balezo nalezo zikhungo futhi wabe sewenza isilinganiso esihambelana nesamazwe ngamazwe.
1.4.    UNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, Ezesayensi Nokuqamba Kabusha ulindeleke ukuthi axoxisane ngalo mbiko nobuholi basemanyuvesi njengesinyathelo sokuqinisa lezi zikhungo zemfundo. Umbiko uzobe emva kwalokho sewuchicilelwa kwiwebhusayithi yoMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa ethi: www.dhet.gov.za.

2.    Uguquko Olusheshisiwe Lwezocwaningo kanye Nekhono Lokufundisa Emkhakheni Wezemfundo Ephakeme

2.1.    IKhabhinethi leseke izincomo zocwaningo olubili obelwenzelwe ukweluleka ngezinyathelo okumele zithathwe ukuze kuzosheshiswa uguquko kwezocwaningo kanye nekhono lokufundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
2.2.    Umbiko wokuqala wenziwa iThimba LikaNgqongqoshe elaliphenya imigoqo evimbe ukuqashwa, ukugcinwa emsebenzini kanye nenqubekelaphambili ezifundisweni zabantu abamnyama eNingizimu Afrika. Umbiko wesibili - owayalelwa nguMnyango Wezesayensi Nokuqamba Kabusha kanye neNhlangano Kazwelonke Yezocwaningo - yenziwa yibhodi i-Universities South Africa, okuyibhodi eliyinhlanganisela elimele amanyuvesi angama-26 kuleli lizwe.
2.3.    Yomibili le mibiko iphakamisa amaqhingasu okungenelela ukuze kuzolethwa ngokushesha uguquko emikhakheni emihlanu ebanzi, okubalwa kuyo umkhakha wasebeneziqu; ukubamba iqhaza kwabasebenzi; usikompilo nemikhuba yesikhungo; inqubomgomo neqhingasu, kanye nezinsiza-kusebenza ezinganele. 
 
3.    ISivumelwano Samazwe Ngamazwe Ngemithombo Yofuzo Lwezitshalo Zokudla Nezolimo (iSivumelwano)

3.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukungeniswa kweSivumelwano ePhalamende. Lokhu kuzovumela iNingizimu Afrika ukuthi ibe ingxenye yamazwe ahambisana nalesi Sivumelwano, esikhomba indlela amazwe angamalungu ekugcineni nasekuqinisekiseni ukusetshenziswa okusimeme kwemithombo yofuzo lwezitshalo ukuze kuzokhiqizwa ukudla nezolimo.
3.2.    Ukungena kulesi Sivumelwano kuzophinde kuqinise ukuzinikela kwaleli lizwe ekugcineni nasekusebenziseni ngokusimeme imithombo yofuzo lwezitshalo, kuphinde kweseke imiphakathi yasemakhaya.

4.    UHlaka Loguquko Lwesimo eNingizimu Afrika

4.1.    IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Loguquko Lwesimo ukuthi luqale ukusebenza. Uhlaka lolu luletha umbono owodwa weNingizimu Afrika elinganayo, nemelana nesimo sezulu. Licacisa izimiso nenqubomgomo ezoholela kulokhu. Uhlaka loguquko luzothinta wonke umuntu eNingizimu Afrika, futhi lunika ithuba lokubhekana nokungalingani kwangesikhathi esedlule futhi lwakha umnotho okuzozuza kuwona wonke umuntu.
4.2.    IKhomishini KaMongameli Eqaphe Isimo Sezulu yaqhuba inqubo ejulile yokuxoxisana nokusetshenzisanwa nabo emphakathini futhi yathola ukwesekwa okukhulu ngalolu hlaka. IKhabhinethi likuqinisekisile ukuthi ukuguqukela emnothweni ongenayo ikhabhoni ngowezi-2050 kumele kweseke izifiso zentuthuko zezwe, kubandakanya imisebenzi engcono yawo wonke umuntu, ukubandakanywa komphakathi kanye nokuqedwa nya kobubha.
4.3.    IKhabhinethi selicele bonke okusetshenziswana nabo emphakathini ukuthi beseke futhi bamukele lolu hlaka. Uhlelo olunemininingo lokuqalisa lolu hlaka luzokwenziwa, futhi luzohlanganiswa nezinhlelo zikahulumeni kanye nesabelomali.

5.    Ikhadi Elisha Lelayisensi Yokushayela eNingizimu Afrika

5.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushintshwa kweKhadi Lelayisensi Yokushayela lamanje kube yileli eliklanywe lafakwa izici zokuphepha. 
5.2.    Indlela yamanje selokhu yasetshenziswa kusukela ngowe-1998. Ubuchwepheshe buyaguquguquka futhi sekuyizindleko ukugcina ingqalasizinda ekhona njengamanje. Ikhadi elisha eliphakanyisiwe lizokwenza ukuthi ilayisensi yokushayela kuleli lizwe ihambisane nobuchwepheshe be-International Information Technology Personal Identification Compliant Driving Licence (i-ISO18013).

6.    INqubomgomo Yohlelo Olweluliwe Lwezemisebenzi Kahulumeni (i-EPWP)

6.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukufakwa kusomqulu kweNqubomgomo ye-EPWP ehlongozwayo ukuze kubonisanwe ngayo emphakathini. I-EPWP ngenye yezinhlelo ezingumongo zikahulumeni okuhloswe ngazo ukuletha usizo ekubhekaneni nobubha kanye nosizo lwemalingena ngokusungula amathuba emisebenzi yesikhashana, ikakhulukazi entsheni nakwabesifazane. 
6.2.    Inqubomgomo entsha ehlongozwayo izoqinisa uhlelo futhi icacise ngodaba lwamaholo, uxhasomali kanye nokuvikeleka komphakathi, futhi luzolinganisa i-EPWP nezindlela zesimanje zokusebenza. Izogqugquzela ubudlelwano phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele ekuqinisekiseni ukuthi i-EPWP inegalelo elikhulu ekwakheni imisebenzi engcono nokuqedwa kobubha. Le nqubomgomo izophinde igqugquzele ukuqamba kabusha ekuqalisweni kwezinhlelo zemisebenzi kahulumeni kulolonke izwe. 

7.    Izichibiyelo zoChungechunge Lwesine Lwezinhlamvu Zemali eNingizimu Afrika

7.1.    IKhabhinethi ligunyaze ububanzi, umklamo kanye nokuhlanganiswa koChungechunge Lwesine Lwezinhlamvu Zemali eNingizimu Afrika Lwangowezi-2023. Ligunyaze uhlelo lokusebenza lokushintshanisa njalo ngonyaka ukusetshenziswa kwezilimi ezisemthethweni kulolu chungechunge lwesine lwezinhlamvu zemali.
7.2.    Igama elithi "iNingizimu Afrika" lizofakwa ngakwelinye icala lohlamvu futhi lizobhalwa ngazo zonke izilimi ezisemthethweni. Izilimi ezintathu zizofakwa kuhlamvu luka-R5; izilimi ezimbili ku-R2; bese kuthi izinhlamvu zika-50c, 20c no-10c kanye no-R1 kufakwe ulimi olulodwa. Zonke lezi zilimi zizosetshenziswa ngokushintshana njalo ngonyaka isikhathi esiyiminyaka eyishumi ezayo.

8.    INqubomgomo Ehlongozwayo Ngokuphathwa Kwezinga Lamanzi (i-IWQM) yangowezi-2022

8.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukufakwa kosomqulu kweNqubomgomo Esahlongozwa ye-IWQM ukuze kuzoxoxisanwa nomphakathi. Inqubomgomo ehlongozwayo izongena esikhundleni seNqubomgomo ye-WQM yowe-1991 ephelelwe isikhathi kanye neqhingasu layo elabekwa ngowezi-2006. 
8.2.    Inqubomgomo icacisa iqoqwana lezimiso ezizokwakha isisekelo sokulawulwa kwezinga lamanzi. Ihlinzeka ukuhambisana kuyoyonke imithetho efanele ehambisana namanzi kanye nokuzinikela emhlabeni kwaleli lizwe ukuhlinzeka nokugcina amanzi njengensiza eyingcosana.

9.    Inqubomgomo Ehlongozwayo Ngokusakaza Ngamagagasi Omoya 

9.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweNqubomgomo ehlongozwayo Ngokusakaza Ngamagagasi Omoya ukuze umphakathi uzobeka imibono. Ukusakaza ngamagagasi omoya kungumthombo wemvelo obaluleke kakhulu ekukhuleni komnotho wedijithali eNingizimu Afrika kanye nengqalasizinda yezokuxhumana.
9.2.    Inqubomgomo ehlongozwayo ihlose ukweseka ukwabiwa kwamagagasi omoya kanye nokukhishwa kwamalayisensi ezimboni zomakhalekhukhwini; zokusakaza; zezindiza nezasolwandle; zocwaningo nokuthuthukisa; ukufinyelela emphakathini, kanye nezinye izimboni ezifanele. Inqubomgomo iphinde igqugquzele ukwabelwa okulinganayo nokuneqiniso ukuze kuzofakwa igalelo ekuguqulweni kwalo mkhakha kanye nokufinyelela ekuxhumaneni ngokwedijithali ngisho ezingxenyeni ezingaphandle kwezwe.

10.    Ukukhethwa Kozomela iNingizimu Afrika kumkhandlu woMfelandawonye Wezokuxhumana Wamazwe Ngamazwe (i-ITU) kanye neBhodi Lokulawulwa Komsakazo. 

10.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukukhethwa komele iNingizimu Afrika uMnu Mandla Samuel Mchunu kwiBhodi Lokulawulwa Komsakazo (iSifunda D). UMnu Mchunu njengamanje usebenza njengelungu lebhodi. Uphakanyiselwe ukuthi aphinde akhethwe kuMkhandlu we-ITU wesikhathi sangowezi-2023 kuya kowezi-2026. 
10.2.    Ukhetho luzokwenzeka ngesikhathi seNkomfa Yamanxusa e-ITU ezobanjwa e-Bucharest, e-Romania kusuka mhla wama-26 kuMandulo kuya mhla ziyi-14 kuMfumfu 2022. INingizimu Afrika isalokhu izinikele ngezinjongo ze-ITU zokuvala igebe kwezedijithali ixhumanise bonke abantu emhlabeni. 

C.    Imicimbi Ezayo
1.    INyanga Yamagugu 


1.1.    INyanga Yamagugu ngoMandulo kulo nyaka izobungazwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Sibungaza Ifa lika-Solomon Linda kanye Nomculo Womdabu waseNingizimu Afrika". IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise iNyanga Yamagugu ukubungaza amasiko ethu anothile kanye nokwehlukana okunamandla okubumba isizwe sethu. Kufanele sonke sizinikele ekusebenzeni ngokubambisana  ukuqeda ukwahlukana kanye nokungabi nabulungiswa kwesikhathi esedlule futhi sigqugquzele umuzwa wokuzigqaja ngokuba ngowaseNingizimu Afrika.

D.    Imiyalezo
1.    Ukuhalalisa


    IKhabhinethi ihalalisela futhi ifisela okuhle laba: 

  • Bonke abadle umhlanganiso, abathole izindondo kanye nalabo abangenele umncintiswano ababe yingxenye yomjaho we-95th Comrades Marathon, owaziwa kakhulu ngokuthi yi-“Ultimate Human Race”, ngeSonto, mhla wama-28 kuNcwaba 2022. U-Tete Dijana wahlabana kumjaho wamadoda (ngamahora ama-5, imizuzu engama-30, imizuzwana engama-38) ongowase-Mahikeng eNyakatho Ntshonalanga kwathi kumjaho wabesifazane owadla umhlanganiso kwaba ngumsubathi waseRashiya u-Alexandra Morozova (amahora ayisi-6, imizuzu eyi-17, imizuzwana engama-47).   
  • 1.    Amazwi enduduzo 
  • IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka: 
  • UMama Rita Alice Ndzanga (88), umakadebona woMzabalazo nomqambi ophambili wemfelandawonye yabasebenzi owaphinde wamukela i-National Order of Luthuli ngowezi-2004 ngomsebenzi wakhe wokuba negalelo emzabalazweni wamalungelo abasebenzi kanye nasekuzuzeni iNingizimu Afrika engacwasi ngokobuhlanga, ngokobulili, ekhululekile futhi enentando yeningi labantu".
  • Amaphoyisa amahlanu angamalungu oPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS) akade engabagibeli kwindiza ephahlazeke e-Rand Airport, e-Germiston ngoLwesibili, mhla wama-30 kuNcwaba 2022. I-SAPS iyaphenya ngaloku kuphahlazeka. IKhabhinethi lifisele umshayeli wendiza olimele kakhulu ukululama okusheshayo.

E.    Abaqashiwe
1.    Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.


a.    Nks Gugulethu Abigail Thimane njengePhini LoMqondisi-Jikelele (i-DDG): Kwezokuqashwa Komkhakha Kahulumeni Nokuthuthukiswa kwamakhono kuMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola. 
b.    Nks Kwena Komape njenge-DDG: KwezokuThuthukiswa Komnotho, Ukuhweba nokuMaketha kuMnyango Wezolimo, Ukuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya. 
c.    Dkt Bongani Elias Sithole njengo-DDG: Esikhungweni Sokulawulwa Kwesimo Senhlekelele Kuzwelonke kuMnyango Wezokubusa Ngokubambisana.

2.    IKhabhinethi livumelane nokuqashwa kwalaba abalandelayo:
a.    Mnu Songezo  Booi njengoMphathi Omkhulu (i-CEO): kuMKhandlu Kazwelonke Wokubhalisa Abakhi Bemizi.
b.    IBhodi le-African Exploration Mining and Finance Corporation:
(i)    Mnu Zacharias Bernardus Swanepoel (uSihlalo);
(ii)    Mnu Mzwandile Zwelinzima Themba Masondo; kanye no
(iii)    Nks Phumzile Mthombeni (uMqondisi Omkhulu).

c.    Mnu Patrick Dlamini njenge-CEO (Kwelulwe isivumelwano somsebenzi) yebhange i-Development Bank of Southern Africa. 

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uSomlomo Wekhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore