Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi Obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zili-10 kuNdasa 2021

A.    Ezisematheni
1.    Ukuhlaselwa nokubulawa kwamaphoyisa kugxekiwe


1.1.    IKhabhinethi igxeke ukuhlaselwa okuqhubekayo nokubulawa kwamaphoyisa hhayi nje njengesenzo esiwubulwane kodwa njengesenzo esisongela ukuphepha kuzwelonke. Amalungu oMbutho Wamaphoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS) neminye imibutho yezokuthotshelwa komthetho, kubandakanya izinkampani zokuvikela ezizimele, babeka izimpilo zabo engcupheni nsuku zonke ukusigcina siphephile; nabo bafanelwe ukuthi sibasekele futhi sibavikele. 
1.2.    IKhabhinethi yamukele uphenyo olusheshayo lwamaphoyisa oluholele ekuboshweni komsolwa ecaleni elihlobene nokubulawa kwamaphoyisa amabili aseNtshonalanga Kapa ngeSonto, mhla wama-28 kuNhlolanja 2021, ababuye bantshontshelwa nezibhamu zabo. Zonke izenzo zobugebengu, okubandakanya nokubulala, ngeke kubekezelelwe, futhi izigilamkhuba zizothungathwa zibhekane nomthetho.   
1.3.    IKhabhinethi iphinde yancoma isenzo se-SAPS sokushaqwa kwezidakamizwa i-cocaine zenani elingaphezu kwezigidi ezingama-R500 esikebheni sokudoba ogwini lwase-Saldanha. Lo msebenzi ubuholwa ngabaseshi abaphuma kuPhiko Oluphenya Ngobugebengu Bezidakamizwa Obuhleliwe i-Organised Crime Narcotics Unit, ngokusebenzisana nabophiko lwe-SAPS. 
1.4.    I-SAPS iphinde yanconywa ngokushaqwa kwezitsha ezingama-400, ezilingana nemithamo eyizi-2 400, zomgomo mbumbulu weSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) endlini yokugcina impahla e-Germiston, e-Gauteng. Amaphoyisa aphinde avumbulula izifonyo mbumbulu abe esebopha abantu abathathu.
1.5.    IKhabhinethi inxusa umphakathi ukuthi ugweme ukuthenga imigomo mbumbulu kubathengisi abangenanembeza ababeka engozini izimpilo zezakhamuzi ezingazi lutho. Ngokusebenzisana noMnyango Wezempilo, uhulumeni useqalile ngohlelo lwamahhala lokugoma oluzofinyelela kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abazikhethele ngokwabo ukugoma. Kuze kube manje, iSigaba soku-1 sohlelo lokugoma ezindaweni zokugoma ezibekiwe ezweni lonke sezigome abantu abangaphezu kwezi-100 000. 

2.    Ishwa lokushona kwendoda e-Braamfontein, eGoli

2.1.    IKhabhinethi idumele ngeshwa lokushona kwendoda ebulawe ngesikhathi sombhikisho wabafundi baseNyuvesi yase-Wits e-Braamfontein eGoli ngoLwesithathu, mhla zili-10 kuNdasa 2021, futhi idlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani bongasekho. 
2.2.    Uphiko Oluzimele Lwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate seluqalile lwenza uphenyo ukuze kuzotholakala okuholele ekushoneni kwale ndoda. 
2.3.    IKhabhinethi inxusa amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzibamba ngesikhathi eqinisekisa ukuthi kukhona ukuthula emphakathini ngezikhathi zemibhikisho futhi angalinge asebenzise izinhlamvu zangempela. 

3.    Umkhuhlane Wezingulube wase-Afrika (i-ASF)

3.1.    Ukuqubuka kwe-ASF sekubikwe emapulazini amabili eMfuleni eNtshonalanga Kapa. UMnyango Wezolimo eNtshonalanga Kapa usumise ukuthengiswa nokuthuthwa kwezingulube eziphilayo ezisuka eMfuleni ukunqanda ukubhebhetheka kwesifo.
3.2.    I-ASF iyisifo esithathelwanayo esihlasela izingulube ezifuywayo nezehlathi, kodwa asibahlaseli abantu. Noma kunjalo, iKhabhinethi icela ukuthi kulandelwe ukucophelela okukhulu ukuze kuzogwenywa ukubhebhetheka kwesifo kwezinye izingxenye zezwe.
3.3.    Abalimi bayalulekwa ukuthi baqale bapheke noma ikuphi ukudla okungenani ihora ngaphambi kokuphakela izingulube, ukuqinisekisa ukubulawa kwegciwane le-ASF nezinye izifo ezikhona.

4.    Amanani eSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) ekota yesine yangowezi-2020

4.1.    IKhabhinethi iwabonile amanani e-GDP ekota yesine yangowezi-2020 akhishwa Ezezibalo eNingizimu Afrika ngoLwesibili, mhla ziyi-9 kuNdasa 2021. I-GDP ikhule ngama-6.3%, ikakhulukazi ngenxa yokunye ukuxegiswa kwemikhawulo yokuvalwa kwezwe ngenxa ye-COVID-19. Umphumela ubonise ukukhula okuqinile kwesamba esisetshenziswe emakhaya kanye nasemikhiqizweni. Ngenxa yalokho, onyakeni wonke wangowezi-2020, i-GDP ikhule ngama-7.0% - umphumela omuhle kunalo obulindelekile.
4.2.    Umkhakha wezokukhiqiza ukhule ngama-21.1% kwikota yesine yangowezi-2020. Imikhakha engaphansi kwalo mkhakha eyisishiyagalolunye kweyishumi iqophe ukukhula (okuholwa ukudla neziphuzo, izimoto kanye nezingxenye zemoto, nemikhiqizo yensimbi), ngesikhathi ukukhula kwezohwebo (ama-9.8%) bekuholwa ukuhweba kwezezitolo, ukuthengiswa kwezimoto, ibhizinisi lokupheka kanye nelendawo yokulala. Ezolimo zibhalise ukukhula konyaka okuphezulu kakhulu (ama-13.1% ngowezi-2020) njengomphumela wezimo ezinhle zezulu nokwenza kahle kwemikhakha ekhiqiza okusanhlamvu, elimayo kanye nefuyayo.
4.3.    Ngasezindlekweni, izindleko zesamba esisetshenziswe ekhaya ngaphandle kosizo zikhuphuke ngama-7.5%, ziholwa izindawo zokudlela namahhotela; ukudla neziphuzo ezingebona utshwala; nemikhakha yezemidlalo namasiko. Ukwakheka kwesamba semikhiqizo engegudluke kukhuphuke ngama-12.1%, kuholwa ukukhuphuka kotshalomali lwezinsizakusebenza kwezokuthutha kanye nakwimisebenzi yokwakha njengoba imisebenzi yezokuthuthwa kwabantu nemithwalo ithuthuke kakhulu nemisebenzi yokwakhiwa kwemigwaqo namabhuloho iphinde yaqala. 
4.4.    IKhabhinethi isalokhu inethemba ukuthi umnotho uzovuseleleka ngezingenelelo zezempilo ezibekwe eqhulwini kanjalo nangemizamo eqhubekayo yokubambisana nohulumeni, amabhizinisi, abasebenzi kanye nemiphakathi ekuqaliseni uHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho.

5.    Ingqungquthela noMbukiso ogqugquzela Ukuthengwa Kwemikhiqizo Yalapha eNingizimu Afrika

5.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa wethula iNkulumo Ebalulekile nge-inthanethi ngoLwesibili, mhla siyi-9 kuNdasa 2021 kwiNgqungquthela noMbukiso ogqugquzela Ukuthengwa Kwemikhiqizo Yalapha eNingizimu Afrika yaminyaka yonke, ebibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Imikhiqizo yalapha ekhaya izoholela eKukhuleni Komnotho”. I-Proudly South African iyi-ejensi yoMnyango Wezokuhweba, Izimboni nokuNcintisana.
5.2.    Ingqungquthela yayibanjwe ngobuxhakaxhaka bobuchwepheshe yasabalala ezinkundleni zokuxhumana ukuvumela abantu abaningi abafuna ukuba yingxenye ezingxoxweni. Umbukiso nge-inthanethi wavumela izinkampani ukuthi zibonise imikhiqizo yazo nezinsiza ngevidiyo emfushane eyayihlinzeka ngendawo yokuhlanganela ku-inthanethi kulabo abafuna ukuhweba. 
5.3.    IKhabhinethi icela abantu baseNingizimu Afrika namabhizinisi ukuthi baxhase imikhiqizo eyenziwe lapha ekhaya kanye nezinsiza, ikakhulukazi ngalesi sikhathi sokuvuselelwa komnotho, ukuze kuzokhuliswa umnotho futhi kusungulwe nemisebenzi.

6.    Ukuvakashelwa kwesikhungo Sokugcina Impahla i-Biovac 

6.1.    IPhini likaMongameli u-David Mabuza uvakashele isikhungo sokugcina imigomo i-Biovac e-Midrand, e-Gauteng ngoLwesibili, mhla zi-2 kuNdasa 2021 njengengxenye yomsebenzi weKomidi LoNgqongqoshe leMigomo ye-COVID-19, obhekele ukukhishwa ngempumelelo kohlelo lokugoma.
6.2.    Isikhungo i-Biovac, inkampani eseKapa yezemithi yokwelapha, iphethwe nguhulumeni kanye nomkhakha ozimele. Yasungulwa ngowezi-2003 ukuze ibhekele izinhlelo zokugoma zaseNingizimu Afrika ekuthuthukisweni komgomo, kanye nokugcinwa nokusatshalaliswa kwemigomo ukuya ezindaweni zokugomela ezehlukahlukene.
6.3.    Eminyakeni eyedlule, i-Biovac seyakhe indawo eyanele yokugcina nokusabalalisa imigomo. IKhabhinethi yagculiseka ngegalelo layo ekuqalisweni kohlelo lokugoma nomsebenzi owenziwayo nezinye izinkampani zemithi yokwelapha ukukhiqiza imigomo ye-COVID-19.
6.4.    IKhabhinethi icela wonke umuntu ukuthi ahlale eqaphile futhi baqhubeke nokulandela imithethomgomo yezempilo yokugqoka isifonyo uma usezindaweni ezinabantu abaningi, ukuhlanza izandla njalo ngensipho namanzi noma ukusebenzisa isibulali-magciwane esine-alcohol engama-70%, ukuqhelelana ngegebe okungenani eliyimitha nesigamu nokugwema imibuthano yabantu abaningi. Ukugwema ihlandla lesithathu elingahle lifike kusezandleni zethu.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Isikimu Sikazwelonke Sokuxhasa Abafundi (i-NSFAS)


1.1.    IKhabhinethi yamukele umbiko ovela kuNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, Ezesayensi Nobuchwepheshe, uDkt u-Blade Nzimande, ngezinselele zokushoda kwemali ezikhona njengamanje ezibhekene ne-NSFAS. Lezi zinselele sezibambezele ukuphothulwa kokubhaliswa kwabafundi bonyaka wokuqala enyuvesi. 
1.2.    Ubhubhane lwe-COVID-19 luzenze zanzima izinselele zalesi sikimu. Ezinye zazo kube ukuqhutshezelwa konyaka wokufunda kanye nabafundi abaningi abafaneleke ukuthola uxhasomali ngenxa yokuthi abazali balahlekelwe imisebenzi yabo. Ukuxazulula le nselele, iKhabhinethi ivume uxhasomali olwengeziwe imininingwane yalo izochazwa nguNgqongqoshe uNzimande manje nje emva kwalo mhlangano. 
1.3.    IKhabhinethi ibeke ukuthi omunye umsebenzi omningi kumele wenziwe ukuthola indlela esimeme yokuxhasa abafundi emfundweni yabo ephakeme. IKhabhinethi isalokhu izinikele ekuqinisekiseni ukuthi bonke abafundi abafanelekile abavaleleki ngaphandle ngenxa yokweswelakala koxhasomali.  

2.    Umthetho Ohlongozwayo Wokuphathwa Komhlaba Nezinguquko Zokubuswa Komhlaba Ezindaweni Zomphakathi

2.1.    IKhabhinethi igunyaze umthetho osahlongozwa Wokuphathwa Komhlaba Nezinguquko Zokubuswa Komhlaba Ezindaweni Zomphakathi ukuthi uqhubeke kuxoxiswane ngawo nababambiqhaza abathintekayo. Izinguquko eziphakamisiwe zihlinzeka uhlaka lomthetho ukuze kuqaliswe inqubo yokudlulisela umhlaba osemphakathini kubantu noma imiphakathi lapho ukubuswa komhlaba kungavikelekile ngokomthetho. 
2.2.    Lezi zinguquko zizophinde zikhulise isisekelo sempahla yomphakathi ukunika amandla imiphakathi ukuzibandakanya kwimisebenzi abayithandayo yamasiko, yezenhlalo kanye neyomnotho. Izingxoxo zizoba uvuthondaba ekungeneni kweNgqungquthela Yezemihlaba Kazwelonke esacatshangwa.

3.    Ukuthengwa komgomo

3.1.    IKhabhinethi yamukele umbiko kaNgqongqoshe Wezempilo uZwelini Mkhize kanye noNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni mayelana nezingxoxo zezivumelwano zokuthengwa komgomo nezinkampani zemithi elaphayo ezehlukene.  IKhabhinethi iyicabangile imibandela enzima ekwizivumelwano engahambisani nalokho okuhlinzekwa nguMthetho Wezokulawulwa Kwezimali Zikahulumeni, wangowe-1999 (Umthetho woku-1 wangowe-1999) futhi iyakwamukela ukuphambuka osekuvele kugunyazwe nguMnyango Wezezimali Kuzwelonke ngokubhekela izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika. 
3.2.    Ukuphambuka kubandakanye ukukhokha kuqala ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayafinyelela emigomweni ngokushesha. IKhabhinethi yesekele imizamo yoMnyango Wezezimali Kuzwelonke kanye noMnyango Kazwelonke Wezempilo ukuthi iqhubeke nezingxoxo futhi iqinisekise ukufinyelela okusheshayo emigomweni kuwo wonke umuntu.

4.    Isimo Senhlekelele Sikazwelonke 

4.1.    IKhabhinethi igunyaze ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Sikazwelonke kuya mhla ziyi-15 kuMbasa 2021. Lokhu kwenziwe ngokweSahluko 27(5) (C) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wangowezi-2002 (Umthetho wama-57 wangowezi-2002). Umphakathi uyanxuswa ukuthi uqhubeke nokuthobela zonke izinyathelo kanye nemikhawulo yezempilo ye-COVID-19 ukuze kuzogwenywa ukubhebhetheka kwegciwane.

C.    Imithethosivivinywa
1.    UMthethosivivinywa Wezempilo Nokuphepha Emsebenzini (i-OHS) wangowezi-2020


1.1.    IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa we-OHS wangowezi-2020 ukuze umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa ubheke ukuchibiyela uMthetho we-OHS, wangowe-1993 (Umthetho wama-85 wangowe-1993) ukuze uhambisane nokwenziwa emhlabeni jikelele. Uphinde ubheke ukuqinisa izinyathelo zokuphepha kwabasebenzi ezindaweni zabo zokusebenza.
1.2.    UMthethosivivinywa wethula ukuhlinzekwa kokunikwa amandla abasebenzi okumisa umsebenzi uma bebona ukuthi indawo abasebenzela kuyo iyingozi futhi ayiphephile, ngaphandle kokuhlukunyezwa ngabaqashi. 

2.    UMthethosivivinywa Ovikela Abathengi Bezindlu 

2.1.    IKhabhinethi igunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Ovikela Abathengi Bezindlu ukuze uzodingidwa ePhalamende. UMthethosivivinywa uchitha uMthetho Ovikela Abathengi Bezindlu, wangowe-1998 (Umthetho wama-95 wangowe-1998). Izichibiyelo ezethuliwe zibandakanya ukwelula ukuvikeleka kwabathengi bezindlu – okubandakanya ukukhanda, ukulungiswa kabusha, ukushintshwa kanye nokwengezela emakhaya asevele ekhona. UMthethosivivinywa uphinde wethule izinhlelo zezinguquko emkhakheni wokwakhiwa kwamakhaya. 
2.2.    Sekutholwe imibono eminingi kubabambiqhaza embonini ngezingxoxo zomphakathi. UMthethosivivinywa uzodluliselwa phambili kuyoxoxiswana ngawo ephalamende ngaphambi kokuba ugunyazwe ukuthi ube ngumthetho.  

D.    Imicimbi Ezayo
1.    Usuku Lomhlaba Lwamanzi


1.1.    INingizimu Afrika izohlanganyela nomphakathi emhlabeni jikelele ekubungazeni uSuku Lomhlaba Lwamanzi ngoMsombuluko, mhla wama-22 kuNdasa 2021. Lolu suku luqwashisa ngosizi lwamanzi emhlabeni jikele futhi lugxile ekufezekiseni ukuThuthukisa Okusimeme Komgomo wesi-6: Wamanzi Ahlanzekile Nokuthuthwa Kwendle kwawo wonke umuntu ngonyaka wezi-2030.
1.2.    UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle sewethule umkhankaso wokugcina amanzi obizwa nge #SaveWater ukuze kuzokhunjuzwa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi iconsi neconsi libalulekile. Yize kube nezimvula ezinhle, izwe eliswele amanzi lisathintekile yizomiso ezibekhona ezidalwe ukuguquka kwesimo sezulu.
1.3.    IKhabhinethi icela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise amanzi ngokuwonga njengoba ukuwasebenzisa budedengu namuhla kungaba nomphumela ezizukulwaneni ezizayo. Masibe isizukulwane esinobuqotho esiphethe ikusasa ezandleni zethu sonke ngokuvala ompompi abamosha amanzi. 

E.    Imiyalezo
1.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi ihalalisela laba:

  • Nks Tshepho Faith Koopa, usosayensi walapha ekhaya kwezokulapha ovela e-Pathology LabOne othole i-antigen yokuhlola i-COVID-19. I-antigen iyingxenye yamathuluzi okuhlola i-COVID-19 elisetshenziswa amalabhorethri ase-LabOne eKhayelitsha, eNtshonalanga Kapa nase-Midstream, e-Gauteng.  I-Pathology LabOne yathenga leli thuluzi lokuhlola ngokusebenzisana no-Prince Amon Moagi wesizwe sama-Bakgatla eNyakatho Ntshonalanga, i-Africapacity Investment Group kanye ne-Brawne Capital.
     

2.    Amazwi enduduzo 
IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani baka: 

  • Nks Karima Brown (54), umakadebona wentatheli kanye nesishoshovu.   
  • Mnu Peter Matlare (61), usomabhizinisi kanye nePhini lika-CEO wase-Absa owaphinde wanezikhundla eziphezulu ezehlukene emabhizinisini amakhulu aseNingizimu Afrika nase-SABC.
  • Mnu Azwifarwi Dick Ralushi (71) umakadebona womzabalazo wenkululeko. U-Ralushi wayeyilungu le-Black Peoples Convention (i-BPC) futhi wasebenza njengoNobhala wayo. Wayeyilungu leKomidi i-Northern Transvaal Action Committee elalilinxusa le-UDF, futhi eyisishoshovu somshoshaphansi sombutho woMkhotho Wesizwe we-African National Congress ngaphansi kwe-Northern Transvaal Rural Machinery. 


F.  Abaqashiwe
 Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe maqondana nezimo zokulandela umthetho.

1. Nks Mamogala Jennifer Musekene – IPhini loMqondisi-Jikelele: Kwezokulawulwa Kwamakhemikhali Nemfucuza, uMnyango Wezemvelo, Amahlathi Nezokudoba. 

Imibuzo:
Nks Phumla Williams – uSomlomo weKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore