Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi Obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla ziyi-8 kuZibandlela 2021

A.    Ezisematheni

1.    USuku Lomhlaba Lokulwa Nenkohlakalo

1.1.    INingizimu Afrika ihlanganyela nomhlaba wonke ekubungazeni uSuku Lomhlaba Lokulwa Nenkohlakalo ngoLwesine, mhla ziyi-9 kuZibandlela 2021 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ikusasa elingenankohlakalo liqala namuhla, liqala ngami”. Isiqubulo seNhlangano Yezizwe Ezibumbene soSuku Lomhlaba Lokulwa Nenkohlakalo lowezi-2021 sithi: “Ilungelo lakho, indima yakho: Yithi cha enkohlakalweni”.
1.2.    Inkohlakalo, noma ngabe inkulu noma incane, isalokhu ingenye yezinselele ezinkulu ezibhekene nezwe futhi ibuyisela emuva ukukhula komnotho nokuthuthuka kwenhlalo. 
1.3.    IKhabhinethi isalokhu igqugquzelwa ukuthi uhlelo-kusebenza lobulungiswa lusaqhubeka nokuthatha izinyathelo ezingujuqu ukuthi labo abatholakala bebandakanyeka ezenzweni zenkohlakalo babekwa amacala. IKhomishana Ephenya Ngezinsolo Zokuqhwagwa Kwamandla Ombuso, iNkohlakalo kanye Nokukhwabanisa kuMkhakha kaHulumeni, kubandakanya neZinhlaka Zombuso, ihlele ukwethula umbiko wokugcina kuMongameli u-Cyril Ramaphosa ngoMgqibelo, mhla lu-1 kuMasingana 2022.  
1.4.    IKhabhinethi ilindele ukuthi ngaphezu kokuveza obala ababhebhezeli benkohlakalo, lo mbiko uzophinde usihlinzeke ngezethulo zokuqinisa uhlelo-kusebenza lwethu ukuze sizogwema inkohlakalo.
1.5.    Njengengxenye yokulwa kwethu okuqhubekayo nenkohlakalo, uPhiko Oluphenya Amacala Akhethekile (i-SIU) ivule amacala amaningi eNkantolo Ephakeme naseNkantolo Ekhethekile futhi lawa alandelayo asalokhu elindile kusuka mhla zingama-31 kuNdasa 2021: 

  • Amacala angama-56 eNkantolo Ephakeme ahlanganisa izinkontileka zenani eliyizigidigidi ezingama-R62;
  • Amacala angama-64 eNkantolo Ekhethekile ahlanganisa izinkontileka zenani lezigidigidi eziyi-R6.99. La manani ngamanani ezinkontileka ezanikezwa ngokungekho emthethweni nangokungafanele yizikhungo zombuso futhi ziyisihloko samacala aqulwa yi-SIU. 
  • Kunyaka-mali wezi-2021/22, i-SIU ibisimise izinzuzo zempesheni yabakade besebenza kuhulumeni, ama-akhawunti asebhange kanye nezimpahla zabantu kanye namabhizinisi zenani elingaphezu kwezigidigidi ezingama-R43. 
  • UMongameli usesayine iziMemezelo ze-SIU eziyisishiyagalolunye kulo nyaka-mali obuyekezwayo. 

1.6.    IKhabhinethi iphinde yagcizelela ukuthi impumelelo yokulwa kwethu nenkohlakalo ilele ekubandakanyweni kwabo bonke abantu eNingizimu Afrika. Uma ubona okuthile, khuluma; bika ngenkohlakalo ngokushayela iNombolo Ephuthumayo Kazwelonke Yokulwa Nenkohlakalo ku-0800 701 701. 
1.7.    IKhabhinethi iphinde yaqinisekisa ukuvikela izingede, yaphinde yashayela ihlombe isibindi sabasebenzi bakahulumeni abaneqiniso abaveza obala ukukhwabanisa nenkohlakalo, ngezinye izikhathi bebeka ebungozini izindlela zokuziphilisa nempilo yabo. 

2.    Ukukhula ngesivinini kokusuleleka ngeSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) 

2.1.    IKhabhinethi ikuphawulile ukukhula ngesivinini kokusuleleka nge-COVID-19 ezingxenyeni ezehlukene zeNingizimu Afrika futhi inxusa bonke abantu ezweni ukuthi bathathe isinyathelo esinqala ukulwa nesifo kanye nemixhantela yaso. Ukusuleleka nge-COVID-19 okuqoshwe emahoreni angama-24 edlule kume kwizi-19 842, lokho okusho ukuthi izinga lokwesuleleka selingama-26.8%. Siphinde salahlekelwa imiphefumulo yabantu abangama-36 ngenxa yokugula okuhlobene ne-COVID-19 emahoreni angama-24 edlule. 
2.2.    Umgomo awusisizi kuphela nje ukulwa nobhubhane olushabalalisayo ngokunqanda ukugula okunzima, ukulaliswa esibhedlela noma ukufa imbala, kodwa uphinde unciphise ubungozi bempilo obungalethwa imixhantela yegciwane ezayo. 
2.3.    Kumele siqhubeke nokulandela izindlela okungezona imithi zokuzivikela zokugqoka isifonyo esimboza umlomo nekhala; siqhelelane, kanye nokuhlanza izandla zethu ngensipho namanzi noma sisebenzise isibulali-magciwane esine-alcohol engama-70%. 
2.4.    Singaphinde futhi sinqande ukubhebhetheka kwegciwane ngokugwema imicimbi ebhebhethekisa kakhulu igciwane efana nemikhosi kanye namadili. Ngokubambisana singalwa ne-COVID-19 ngokuthi siziphathe ngendlela futhi njalo senze lokho okulungele ukuvikela impilo yalabo esibathandayo kanye nesizwe sethu.  
2.5.    IKhabhinethi ihlanganyele noMongameli uRamaphosa ekushayeleni ihlombe ososayensi bakithi ngokuxwayisa umhlaba ngomxhantela wegciwane i-Omicron obesewubhebhetheke emhlabeni jikelele. IKhabhinethi iyaqhubeka nokweseka izicelo zokwehlisa umthetho ongenaqiniso wokuvimbela ukuvakasha obekwe phezu kweNingizimu Afrika.  

3.    I-Vooma Vaccination Week

3.1.    Sesikhiphe imigomo yenani eliphelele eliyizi-26 781 642 kuze kube manje. Ngesikhathi sokwelulwa komkhankaso we-Vooma Vaccination Week kusuka mhla zi-3 kuya mhla zi-10 kuZibandlela 2021, izinkulungwane zabantu ziyagonywa ezikhungweni zokugoma ezehlukene kulo lonke izwe. IKhabhinethi isinxuse abantu abaneminyaka eyi-12 ubudala nangaphezulu ukuthi bagome ngaphandle kokuchitha isikhathi.  
3.2.    Zigcine wena nalabo obathandayo niphephile kulesi sikhathi samaholide ngokuvele nje uye esikhungweni sokugoma esiseduze nawe, ngisho nangaphandle kokubekisa isikhala, uzobhalisa bese ugoma mahhala.
3.3.    Ukuzuza ngokwempilo ngenxa yokugoma kufaka ukwehla kobungozi bokulaliswa esibhedlela emva kokusuleleka nge-COVID-19. IKhabhinethi igqugquzela bonke abantu eNingizimu Afrika ukuthi basabele kwikhwelo elicace bha lokuthi abantu bagome ngoba izibalo zibonisa ukuthi iningi labantu elingeniswa ezibhedlela aligomile.

4.    UCwaningo Lwangekota Lwezemisebenzi (i-QLFS)

4.1.    Uhulumeni usalokhu engagudluki ekubhekaneni nokuswelakala kwemisebenzi njengenye yezinselele ezinkulu ezibhekene nezwe. Imiphumela ye-QLFS yakamuva yeZezibalo eNingizimu Afrika ebonise ukukhuphuka kwezinga lokuswelakala kwemisebenzi ngephesenti elingu-0.5 kusuka kuma-34.4% kwikota yesibili kuya kuma-34.9% kwikota yesithathu yowezi-2021 iyaphazamisa kakhulu. 
4.2.    Uhulumeni uyaqhubeka nomsebenzi wakhe ophokophele phambili wokubuyisa ukuzethemba kumabhizinisi ngokubhekana ngqo nezithiyo zokwakheka kokukhula komnotho, ukusungulwa kwemisebenzi kanye nokuqeda ububha. Ngezingenelelo ezithize ezifana notshalomali olukhulu kwingqalasizinda, uyasebenza ukweseka uguquko lwezakhiwo, ukukhula komnotho kanye nokusungulwa kwemisebenzi.
4.3.    Ngokusebenzisana noMnyango Wezokuhweba, izimboni kanye Nokuncintisana, uhulumeni uyaqhubeka nokweseka imikhiqizo yalapha ekhaya, kubandakanya nokuvuselelwa kwemboni yezokukhiqiza eNingizimu Afrika. INgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika yaminyaka yonke (i-SAIC) iyaqhubeka nokuheha labo abangahle babe ngabatshalizimali. Kusukela ngengqungquthela yokuqala ngqa ngowezi-2018, i-SAIC kuze kube manje isithole izethembiso zotshalomali ezingaphezu kwezigidigidi ezingama-R770 kwimikhakha yomnotho eyehlukahlukene. 
4.4.    IKhabhinethi isalokhu izinikele ekusebenzisaneni nayo yonke imikhakha ukubhekana nenselele engunxantathu yokuntuleka kwemisebenzi, ububha kanye nokungalingani. Uhulumeni uzokwenza noma yini esemandleni ukusungula isimondawo esilungele utshalomali ezweni. Uzophinde aqhube uguquko lwezomnotho ukuvumela amathuba amakhulu omnotho kubantu abebencishwe amathuba phambilini. 

5.    Uhambo lukaMongameli Lwamazwe Amane Oluya eNtshonalanga ne-Afrika

5.1.    UMongameli uRamaphosa kamuva uhole ithimba loNgqongqoshe nabaholi bamabhizinisi ngombono wokukhulisa ubuhlobo kwezomnotho nokuxoxisana ubuso nobuso nabantu phakathi kweNingizimu Afrika ne-Nigeria, i-Côte d’Ivoire, i-Ghana kanye ne-Senegal. 
5.2.    Lolu hambo lwamazwe amane olwaqala mhla zingama-30 kuLwezi ukuya mhla ziyi-7 kuZibandlela 2021 luqinise ubuhlobo bamazwe amabili beNingizimu Afrika okuzoqinisa ukusebenzisana okuqondiswe ekuthuthukeni kwe-Afrika kanye nokusebenzisana ezinkundleni zamazwe ngamazwe.
5.3.    INingizimu Afrika nemibuso esebenzisana nayo bahlolisise izindlela zokusebenzisa amathuba alethwa iNkundla Yokuhwebelana Ngokukhululekile Kwamazwe ase-Afrika ukuze kuzotholwa inzuzo efanayo, futhi ngokwesekwa okukhulu kwamabhizinisi ahwebe futhi atshale izimali ngaphakathi ezwenikazi i-Afrika.

6.    Umkhankaso we-16 Days of Activism wokulwa noDlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane

6.1.    Njengoba umkhankaso we-16 Days of Activism wokulwa noDlame Olubhekiswe kwabesifazane Nezingane uya ngasekupheleni, kusalokhu kuliqiniso eliphazamisayo ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukuqeda udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF) emphakathini wakithi.
6.2.    Izindaba eziningi ezikhathazayo ezihlobene ne-GBVF, kubandakanya ukulahleka kwezimpilo, bezilokhu zibikwa ngalesi sikhathi nangesikhathi eseluliwe somkhankaso we-365 Days of Activism.
6.3.    Siyehluleka njengesizwe uma isililo salabo ababuthakathaka emphakathini wakithi silokhu singezwakali noma sishaywa indiva. Imikhuba yasemiphakathini eqinisekisa ukuziphatha ngodlame kwamadoda nomkhuba wokuhlukumeza abesifazane abaphumela obala bakhulume kumele uphele. 
6.4.    IKhabhinethi inxuse wonke umuntu, ikakhulukazi amadoda, ukuthi asukume futhi adlale indima ebonakalayo ekuqedeni isihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Amadoda kufanele ahole ngokukhulumela obala ngokulwa ne-GVBF nokubika ngayo kwabomthetho. Kufanele futhi aqwashise, azibandakanye ekufundiseni ontanga nasemizamweni yokugwema i-GBVF.
6.5.    Ukuze kuzokwenziwa ngcono ukubhekana kwethu namacala ezocansi nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, uhulumeni uneZinkantolo Zamacala Ezocansi eziyi-106 futhi manje udlulela ekwethuleni iZinkantolo Zamacala Ezocansi Athinta Izingane. 
6.6.    NgoNhlolanja wezi-2020, isahluko sama-55A soMthetho Wobugebengu (Amacala Ezocansi Nahlobene Nawo) Ochitshiyelwe wasayinwa ukuthi usebenze okusho ukuthi okokuqala ngqa iZinkantolo zamacala Ezocansi zizosungulwa ngokuhambisana nomthetho obhaliwe. ISahluko sama-55A soMthetho sinika amandla uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo ukuqoka, hhayi kuphela inkantolo yesifunda eqokiwe, kodwa futhi noma iyiphi iNkantolo Ephakeme, njengeNkantolo Yamacala Ezocansi.
6.7.    IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha yomphakathi ukuthi isebenzisane nohulumeni ukwakha imiphakathi ephephile nokuvikela izisulu zokuhlukunyezwa. Isimo sizoshintsha uma sonke sisukuma, futhi isikhathi salokho simanje!

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    Ukwelulwa kwesikhathi seSimo Senhlekelele Sikazwelonke 

1.1.    IKhabhinethi igunyaze isincomo esenziwe uMkhandlu Kazwelonke Obhekele Ukulwa Negciwane le-Corona sokuphinde kwelulwe iSimo Senhlekelele Sikazwelonke ukuya mhla ziyi-15 kuMasingana 2022, ngokwesahluko sama-27 (5) (c) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wangowezi-2002 (Umthetho wama-57 wezi-2002).
1.2.    ISimo Senhlekelele Sikazwelonke sihlose ukubhekana nezimo ezinzima ezilethwa ubhubhane lwe-COVID-19.

2.    Ukuphepha Ngesikhathi Samaholide

2.1.    Ngesikhathi iningi lethu lizobe lithatha isikhathi somhlaba-khefu ngamaholidi, kumele sikhumbule ukuthi i-COVID-19 yona ayithathi ikhefu. Isikhathi samaholidi aphephile sakho nalabo obathandayo singaqinisekiswa ngomjovo esikhungweni sokugoma esiseduze nawe. 
2.2.    IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubo bonke abantu ukuthi baqhubeke nokuqaphela futhi bagweme imibuthano yomphakathi emikhulu. Sisonke singasenza isikhathi samaholidi kube ngesinentokozo futhi esiphephile kuwo wonke umuntu ngokuthi singaphuzi bese sishayela. Kufanele sihloniphe yonke imithetho yomgwaqo, kubandakanya nokushayela ngesivinini esifanele. Sonke masizame Ukufika Siphila. 
2.3.    IKhabhinethi linxusa abazali nabanakekeli ukuthi baqaphele kakhulu abantwana abasesandleni sabo, ikakhulukazi ezindaweni zokubhukuda, emabhishi noma eduzane kwamanzi. Ukuqinisekisa isikhathi samaholidi esiphephile, qaphela ngazo zonke izikhathi uma useholidini noma ngezikhathi zokungcebeleka. Bika ngaso leso sikhathi bonke ubugebengu obusolisayo emaphoyiseni ku-10111 noma ubikele izikhulu zezokuvikela eziseduzane. 

C.    Imiyalezo 

1.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi ihalalisela futhi ifisela okuhle laba: 

  • UMongameli uRamaphosa ngokuhlonishwa ngeziqu zobudokotela ze-Honoris Causa zaseNyuvesi yase-Cheikh Anta Diop e-Dakar, e-Senegal, ethathwa njengamanye yamanyuvesi okuqala ase-Afrika nasemhlabeni. Eminyakeni engamashumi amabili nesishiyagalolunye eyedlule, uMongameli waphambilini u-Nelson Mandela wahlonishwa ngeziqu zobudokotela ezifanayo ngesikhathi isizwe sakithi singakakhululeki. Kufanelekile ukuthi uMongameli uRamaphosa ahlonishwe ngalolu hlobo onyakeni lapho sibungaza iminyaka engama-25 uMthethosisekelo wasayinwa waba ngumthetho.
  • Iqembu lebhola lombhoxo i-Blitzboks ngokunqoba kabili kwizimpelasonto ezimbili ngesikhathi semiqhudelwano ehloniphekile yebhola lombhoxo i-Dubai Sevens. 

2.    Amazwi Enduduzo 

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka: 

  • Mnu Ebrahim Ismail Ebrahim (84), iPhini likaNgqongqoshe laphambilini Lezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokusebenzisana. U-Ebie, njengoba wayeteketiswa ngabangani bakhe namaqabane akhe, wanikela impilo yakhe emzabalazweni wentando yeningi labantu nenkululeko, futhi wasebenza ngamandla ukwakha iNingizimu Afrika engcono yawo wonke umuntu.
  • Inxusa uLindiwe Mabuza (83), inxusa elingumakadebona, usonkondlo, olwela abesifazane kanye neqhawe loMzabalazo elasebenza ezikhundleni zamanxuma ezehlukene. Ngowezi-2004 wahlonishwa nge-Order of Ikhamanga yeSiliva “ngegalelo lakhe ekugqugquzeleni ukusetshenziswa kobuciko nokusetshenziswa kobuhlakani kwintando yeningi labantu – okubonisa ukuthi ubushoshovu bamasiko badlala indima ebonakalayo ekuzuzeni intando yeningi labantu”. 

D.    Abaqashiwe 

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe maqondana nezimo zokulandela umthetho.

1.    Dkt Sean Douglas Philips – UMqondisi-Jikelele (u-DG) woMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle.
2.    UMmeli Alison Gay Bengtson – IPhini LoMqondisi-Jikelele (u-DDG) ku-Curriculum Policy Support and Monitoring kuMnyango Wezemfundo Eyisisekelo.
3.    Nks Busisiwe Iris Letompa – u-DDG: Kwezemisebenzi Yesifundazwe kuMnyango Wezolimo, Ukuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya.

4.    Ukwelulwa kwesikhathi samalungu oMkhandlu Wezezibalo eNingizimu Afrika:
a.    Slz David Everatt (uSihlalo);
b.    Mnu Ian Assam (uSekela Sihlalo);
c.    Mnu Faldie Esau 
d.    Nks Reshoketswe Mokobane;
e.    Nks Blanche Motsosi;
f.    Dkt Jacky Galpin;
g.    Dkt Ariane Neethling;
h.    Dkt Thabi Leoka;
i.    Mnu Ettiene le Roux;
j.    Mnu Wandile Sihlobo;
k.    Nks Nompumelelo Nzimande;
l.    Nks Vuyelwa Mantyi (omele iMpumalanga Kapa);
m.    Nks Zeenat Ishamial (omele iNtshonalanga Kapa);
n.    Mnu Kuberin Packirisamy (omele iNyakatho Kapa);
o.    Mnu Thulani Bhengu (omelet iKwaZulu-Natali);
p.    Slz Andries Monyeki (omele iNyakatho Ntshonalanga);
q.    Dkt Nomusa Mlondo (omele iMpumalanga); kanye no-
r.    Dkt Modjadji Malahlela (omele iLimpopo).

5.    Amalungu eBhodi Esikhungo Sokuthuthukiswa Kwezamandla Sikazwelonke eNingizimu Afrika:
a.    Mnu Sicelo Goodwill Xulu (uSihlalo);
b.    Nks Lungile Mtiya (iSekela Sihlalo);
c.    Nks Abegail Boikhutso; 
d.    Nks Mary Tumelo Mashabela;
e.    Mnu Jongikhaya Witi (Ilungu eliphambili loMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nemvelo (i-DFFE);
f.    Nks Olga Chauke (Elinye ilungu – DFFE);
g.    Nks Lize Baron (Ilungu eliphambili loMnyango wezokuhweba, Izimboni Nokuncintisana (i-dtic));
h.    Mnu Gerhard Fourie (Elinye ilungu – le-dtic);
i.    Mnu Mthokozisi Mpofu (Ilungu eliphambili loMnyango Wezokumbiwa phansi Nezamandla (i-DMRE); kanye no-
j.    Nks Nomawethu Qase (Elinye ilungu – le-DMRE).

6.    I-Land Bank
(a)    Nks Khensani Mukhari – UMqondisi Ophezulu we-Land Bank.
IBhodi Labaqondisi Elingebona Abaphathi be-Land Bank:
(b)    Nks Nyane Rethabile Nkosi (uSihlalo);
(c)    Mnu Lehlogonolo Andrew Makenete (iSekela Sihlalo); 
(d)    Mathane Makgatho;
(e)    Nks Dineo Maithufi;
(f)    Dkt Johann Frederick Kirsten;
(g)    Nks Thulisile Njapa Mashanda;
(h)    Nks Nonthuthuzelo Pinkie Motshegoa;
(i)    Nks Egashnee Pillay;
(j)    Dkt Monde Mbovu Tom; kanye no-
(k)    Mnu Dimitri Wilhem van der Westhuizen;

7.    IBhodi Lesikhashana le-Sentech
a.    Nks Sedzani Faith Mudau (uSihlalo);
b.    Nks Veronica Mmakoma Motloutsi;
c.    Nks Mapuleng Moropa;
d.    Nks Tshavhuyo Sesani;
e.    Mnu Themba Phiri;
f.    UMm. Nkhumeleni Anderson Mudunungu; kanye no-
g.    Mnu Metusa Mbasa.

Imibuzo: Nks Phumla Williams – USomlomo weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore