Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla lu-01 Mandulo 2021

A.    Ezisematheni

1.    Ukukhishwa komgomo weSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19)

1.1.    IKhabhinethi yaziswa ngenqubekela-phambili yoMnyango Wezempilo oHlelweni Lokukhishwa Komgomo, okubandakanye i-epidemiology (okuyisigaba sokwelapha esicubungula izehlakalo, ukusatshalaliswa kanye nokulawulwa kwezifo kanye nokunye okuhlobene nezempilo) kanye nokuqashwa kwalesi sifo. IKhabhinethi ikuphawulile ukwehla kwezinga lokusuleleka okusha, kanjalo nokwehla kwezinga labantu abalaliswa ezibhedlela kanye nezigameko zokufa.  
1.2.    Noma kunjalo iKhabhinethi ikuphawulile ukwenyuka kwamazinga okusuleleka okuphindekayo. UMnyango Wezempilo uqinisekise iKhabhinethi ukuthi umsebenzi omningi uyenziwa ukuqonda nokunqanda ukubheduka osekubikwe ezikoleni, ikakhulukazi eMpumalanga Kapa.  
1.3.    Okwamanje, iKhabhinethi icela abazali, abafundi kanye namabhodi alawula izikole ukuthi baqinisekise ukuthotshelwa komthetho wokugqokwa kwezifonyo, ukungena komoya ezakhiweni, ukuqhelelana kanye nokuhlanjwa kwezandla. Ukuthotshelwa kwezindlela okungezona ezihlanganisa ukusetshenziswa kwemithi kusalokhu kuyisona sikhali esisebenzayo ekulweni nokubhebhetheka kwegciwane.
1.4.    Ngomhla wama-31 kuNcwaba 2021, imithamo yemigomo ye-COVID-19 engaphezu kwezi- 12 568 525 ibisikhishiwe ezweni lonkana. Ukwandiswa kwezikhungo zokugoma, nokwelulwa kwezinsuku zokugoma nokuhlinzekwa kwezithuthi zamahhala yizifundazwe, kuzoholela ekukhuphukeni kwamanani abonakalayo abantu abazogoma ngokuphelele. 
1.5.    IKhabhinethi igqugquzela abantu abangakagomi ezweni lakithi, ikakhulukazi abantu abadala nalabo abasengcupheni yokugula kakhulu, ukuthi bagome ngokuphazima kweso. 
1.6.    Ngemigomo sizozuza okuhle ngempilo yethu njengoba ivimbela ukugula okunzima, ukulaliswa esibhedlela kanye nokufa. Sonke masilwe negciwane ngokubambisana ngokusabalalisa ulwazi oluqinisekisiwe mayelana nemigomo oluhlinzekwe nguMnyango Wezempilo kanye neNhlangano Yomhlaba Yezempilo.

2.    Ucwaningo Lwekota Lwabasebenzi (i-QLFS)

2.1.    Imiphumela ye-QLFS yakamuva ekhishwe eZezibalo eNingizimu Afrika yekota yesibili yangowezi-2021 ibonise ukuthi izinga labantu abangasebenzi likhuphuke ngamaphuzu angamaphesenti angu-1.8 kusuka kuma-32.6% ayeqoshwe ngekota yokuqala yangowezi-2021 kuya kuma-34.4% ngekota yesibili. 
2.2.    Le miphumela engemihle iyaqhubeka nokuphuthumisa yonke imikhakha esebenzisana nohulumeni ukuthi isheshise ukuqaliswa koHlelo Lokwakhiwa Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho (i-ERRP) ukuze kuzobhekanwa nemithelela ekhathazayo ye-COVID-19. I-ERRP ingumongo wemizamo kahulumeni yokuphinde akhe nokuguqula umnotho ukuze kuzosungulwa imisebenzi eminingi, ikakhulukazi entsheni.
2.3.    IKhabhinethi ligqugquzelwa ngeminye imikhakha efana nowokwakha, owohwebo kanye nowokuthutha esungule imisebenzi emisha ngesikhathi salokhu kubuyekezwa. Ukuhlangana komphakathi ukuphinde kwakhiwe futhi kuguqulwe umnotho njengengxenye yesibopho esisodwa kuzoqinisekisa ukuthi sibuyela esimeni sethu ngokushesha njengezwe.

3.    Udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF)

3.1.    IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo kuyo yonke imindeni kanye nabangani babesifazane ababulawe ngesihluku muva nje. Labo ababandakanya uNks Nosicelo Mtebeni; uNks Palesa Maruping, uNks Pheliswa “Dolly” Sawutana kanye nabanye abaningi abesifazane abamsulwa okungenzeka ukuthi ukubulawa kwabo abakubikanga abezindaba. 
3.2.    Lobu bugebengu obusabekayo benziwe ngesikhathi sokubungaza iNyanga Yabesifazane ngoNcwaba, obekuyinyanga yokugubha igxathu esesilithathile ekuvaleni igebe lokungalingani ngokobulili emphakathini wakithi.  
3.3.    Lobu bugebengu busikhumbuza ukuthi i-GBVF isalokhu iyinselele enkulu ebhekene nezwe. Budinga ukuthi sonke sisebenze ngokuzikhandla ukuqinisa ukuvikelwa kwabesifazane. 
3.4.    IKhabhinethi icele abomthetho ukuthi baqinisekise ukuthi ubulungiswa buyenzeka kulaba besifazane nemindeni yabo. 
3.5.    Uhulumeni usebeke okungenani izigidigidi ezingama-R21 ukuqhuba ukuqaliswa kweQhingasu Likazwelonke le-GBVF, okuhloswe ngalo ukuqeda nya ngalesi sihlava. Izingenelelo eziningi sezime ngomumo ukuqinisa uhlelo-kusebenza lwethu lobulungiswa kwezobugebengu. Lokhu kubandakanya ukwenyusa inani lezinkantolo zesifunda ezibekelwe ukubhekana namacala ezocansi, ukuqinisa imithetho yethu yamacala ezocansi kanye nokucija amaphoyisa ngamakhono adingekayo ukubhekana ngempumelelo nala macala. Izakhiwo eziningi zikahulumeni seziguqulwe zaba izikhungo zokukhosela zabesifazane abasosizini.
3.6.    IKhabhinethi icela wonke umuntu ukuthi ahlanganyele ekwakheni isimo-ndawo esiphephile nesivikelekile sabesifazane ezweni. Ukuthola usizo kanye nokwelulekwa mayelana ne-GBVF, thinta iSikhungo Esilawula i-GBV ku-0800 428 428 (0800 GBV GBV). Abashaya ucingo bangacela futhi usonhlalakahle weSikhungo Esilawulayo ukuthi aphinde abathinte ngokushayela ku- *120*7867# (mahhala) kunoma ngumuphi umakhalekhukhwini.

4.    Umkhankaso wokulwa nenkohlakalo 

4.1.    IKhabhinethi ikwamukele ukuboshwa kwabasolwa abayisikhombisa okuhlobene nokubulawa kwamuva kuka-Nks Babita Deokaran, obeyiBamba loMqondisi Omkhulu Wezezimali kumnyango wezempilo e-Gauteng. UNks Deokaran wayengumsebenzi kahulumeni ozinikele owayemelene nenkohlakalo futhi wayengufakazi oqavile ophenyweni loPhiko Lokuphenywa Kwamacala Akhethekile okukhwabanisa ngesikhathi kuthengwa izinsiza-kusebenza zokuzivikela kanye nezinye izenzo ezingekho emthethweni emnyangweni.
4.2.    IKhabhinethi igcizelele ukuthi izingede zingabalondolozi ababalulekile bentando yeningi labantu kanye nohulumeni ongenankohlakalo, futhi inxusa abantu ukuthi baqhubeke nokubeka obala nokubika ngenkohlakalo nokukhwabanisa okwenziwa izikhulu zikahulumeni ngaphandle kokusaba noma ukwenzelela. 

B.    Izinqumo zeKhabhinethi 

1.    Umbiko Wokuhlolwa Wethimba Elibhekele Ukusetshenziswa Kwezimali  (i-FATF)  

1.1.    IKhabhinethi yatshelwa kafushane ngemiphumela yokuhlolwa kweNingizimu Afrika ngezinyathelo zayo zokuPhikisana Nokuhlanjwa kweMali kanye Nokulwa Ngokusiza Ngezimali Ubushokobezi.  
1.2.    Lokhu kuhlolwa kwenziwa i-FATF, okuyinhlangano kahulumeni ohlakeni lwamazwe ngamazwe olwasungulelwa ukuphikisana nokuhlanjwa kwemali nokuxhasa ngezimali ubushokobezi. INingizimu Afrika ibilokhu iyilungu le-FATF kusukela ngowezi-2003.
1.3.    Umbiko ophelele uzokhishwa kuwebhusayithi ye-FATF (www.fatf-gafi.org), futhi isitatimende esiphelele esichaza ukuphendula kukahulumeni lapho kutholakale khona ukuba ntekenteke kulokhu kuhlolwa kanye nezinyathelo ezizoqinisa izinyathelo zeNingizimu Afrika zizohlinzekwa. IKhabhinethi ibongile ukuthola umbiko.

2.    Ukuhlakazwa kweBhodi loMkhandlu Obhalisa Abakhi Bezindlu Kuzwelonke (i-NHBRC)
2.1.    IKhabhinethi ihambisane nesinqumo sikaNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu uMmamoloko Kubayi sokuhlakaza iBhodi lamanje le-NHBRC ngesikhathi uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu usaphothula inqubo yokukhetha iBhodi elakheke ngokuphelele. Isikhathi sokusebenza seBhodi elikhona njengamanje saphela mhla wama-31 kuNtulikazi 2021 sabe sesinwetshwa ngomhla woku-01 kuNcwaba 2021 kuze kube kuqashwa iBhodi elisha.
2.2.    IKhabhinethi iphinde yahambisana nokubekwa kuka-Mnu Mphedziseni Alfred Radzilani njengoMphathi we-NHBRC. 

3.    Ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Sikazwelonke

3.1    IKhabhinethi ikuvumile ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Sikazwelonke ukuya kumhla we-15 kuMfumfu 2021, ngokweSahluko sama-27(5) (c) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wezi-2002 (57 wezi-2002). 

C.    Umcimbi Ozayo

1.    INyanga Yezokuvakasha
1.1.    Izwe lizobungaza iNyanga Yezokuvakasha ngoMandulo kanye noSuku Lomhlaba Lwezokuvakasha ngoMsombuluko, mhla wama-27 kuMandulo 2021 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ezokuvakasha eziholela Ekukhuleni Okubandakanya Wonke Umuntu – Ukululama kwi-COVID-19 – Sakha Kabusha futhi Kangcono.”  
1.2.    Kulo nyaka iNyanga Yezokuvakasha izogqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi badlale indima yabo ekusimamiseni imisebenzi ngokuvakashela izindawo zalapha ekhaya futhi baseke ukuvuselelwa kwezokuvakasha okuhambisana noHlelo Lokuvuselelwa Komkhakha Wezokuvakasha, olubeke izingenelelo zokweseka ukuvuselelwa kwalo mkhakha.
1.3.    IKhabhinethi igqugquzele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagome bese behamba bebona izwe lethu elihle kakhulu ngesikhathi bethobela imithetho yezempilo, okubandakanya ukugqokwa kwesifonyo uma uphakathi kwabantu, ukuhlanjwa kwezandla njalo-nje kanye nokuqhelelana.  

D.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi ihalalisela futhi ifisela okuhle laba: 

  • Iqembu labasubathi laseNingizimu Afrika labangaphansi kweminyaka engama-20, ngendlela abadlale ngayo kumqhudelwano womhlaba we-Under-20 World Athletics Championship obubanjwe e-Nairobi, e-Kenya kusukela mhla ziyi-17 kuya kuma-22 kuNcwaba 2021. Iqembu laseNingizimu Afrika liqoqe izindondo eziyisishiyagalolunye, okufaka nokwephula irekhodi lomhlaba emjahweni wokunikezelana ngenduku wamadoda angaphansi kweminyaka engama-20 webanga elingamamitha ayi-4X100.
  • Iqembu laseNingizimu Afrika ngendlela abadlale ngayo emidlalweni ye-Tokyo Paralympics. UNtando Mahlangu uwine igolide ku-Men’s Long Jump, waqopha irekhodi elisha ngokugxuma amamitha ayi-7.17. U-Anrune Weyers uwine igolide kwabesifazane emjahweni wamamitha angama-400. Umgibeli webhayisikili ophila nokukhubazeka u-Pieter du Preez naye uwine igolide. U-Louzanne Coetzee (eholwa ngu-Erasmus Badenhorst) uwine indondo yesiliva emjahweni Wabesifazane wamamitha ayi-1 500.
  • Umlingisi u-Thuso Mbedu, ngokuwina indondo ye-TV Breakout Star Award ngendawo yakhe ayeyidlala ku-The Underground Railroad emcimbini wokuklonyeliswa ngezindondo i-Hollywood Critics Association TV Awards wangowezi-2021.
  • UMongameli osanda kukhethwa wase-Zambia, uMnu Hakainde Hichilema. Impumelelo yokhetho lukamongameli lwakamuva lulethe isisekelo zozinzo oluqhubekayo e-Zambia, kanjalo nasesifundeni esiseNingizimu ne-Afrika.

2.    Amazwi enduduzo
IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka:

  • Mnu Kebby Maphatsoe (59), iPhini laphambilini likaNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi kanye neLungu lamanje lePhalamende. UbenguSihlalo Kazwelonke weNhlangano yoMakadebona Bezempi boMkhonto weSizwe (i-MK). Wanikela impilo yakhe ekuthuthukisweni kwaleli lizwe.
  • Umculi kanye nelungu leqembu ama-Mahotella Queens uNobesuthu Mbadu. Le ngqalabutho yomculi ishonele e-Thelle Mogoerane Regional Hospital e-Vosloorus, e-Gauteng. Ubeseneminyaka engama-76 ubudala. 

E.    Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1.    Nks Andiswa Oyama Jass njengoMphathi Omkhulu Wezezimali kuMnyango Wezamahlathi, Ukudoba neMvelo (i-DFFE). 
2.    UMmeli Dinkie Portia Dube njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) eHhovisi leKhomishana Yemisebenzi Kahulumeni. 
3.    Nks Devinagie Bendeman njengePhini lika-DG: ku-Regulatory Compliance and Sector Monitoring e-DFFE. 

Imibuzo:
Nks Phumla Williams – USomlomo weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore