Isitatimende somhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, 10 Nhlangulana 2020

1.    Ezakamuva ngegciwane le-Corona (i-COVID-19)

1.1.  Emhlanganweni wayo obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla we- 10 Nhlangulana 2020, iKhabhinethi ithole umbiko obuyekeziwe oqhamuka kuMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona (i-NCCC). I-NCCC yethule izincomo eziningi mayelana neSigaba Sokuqapha sesi-3 sokuvalwa kwezwelonke esingenabungozi obukhulu.
Izincomo zenziwe phezu kwezethulo ezenziwe yimikhakha ehlukahlukene nezinqumo zeNhlangano yoHlaka Lwezobunhloli Nemisebenzi Yokubambisana Kuzwelonke.  

1.2.  Noma kunjalo, iKhabhinethi linqume ukuhlehlisa ukuphasiswa kwezincomo kusalindwe umbiko ogcwele wokuhlola kwezempilo ozovela kwiKomidi Eleluleka oNgqongqoshe nge-COVID-19. I-NCCC ilindeleke ukuthola isethulo esigcwele makuqala iviki elilandelayo.

1.3.  IKhabhinethi iphinde iyancenga futhi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi balandele futhi bahloniphe ngokungaphoqelekile izinyathelo ezibekelwe ukulwisana nokubhebhetheka kwe-COVID-19. Izinyathelo zibandakanya ukuhlanza izandla ngaso sonke isikhathi, ukuziqhelelanisa kubantu kanye nokugqokwa kwezimfonyo uma uphakathi kwabantu.

2.  Inkampani Kazwelonke Kawoyela

2.1.  IKhabhinethi yachazelwa ngomsebenzi oqhubekayo ukuhlelela zonke izinkampani (zikawoyela negesi) ezingaphansi kwenkampani kahulumeni yezamandla ahlukahlukene, i-Central Energy Fund (i-CEF).

2.2.  Ukuhlelela kuzobangela ukuthi izinkampani ezintathu ezingaphansi kwe-CEF (i-PetroSA, i-Strategic Fuel Fund kanye ne-iGas) zihlangane zibe inkampani eyodwa i-National Petruleum Company. Lokhu kugcwalisela isimemezelo esenziwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa eNkulumweni Yakhe Ngesimo Sikazwelonke mhla we-13 Nhlolanja 2020, ukunikeza inhloso entsha nokuhlelela izinkampani eziningi eziphethwe nguhulumeni ukusekela ukukhula nokuthuthukiswa.

2.3.  Ikhabhinethi isivumile isiphakamiso sokuqashwa kwenkampani esebenza ngokuhlela kabusha kwezinkampani esebenza ngokubheka izinkampani ezihlanganisiwe ukuthi ihlole indlela esebenzayo yale nkampani eyodwa i-National Petroleum Company.

3.  Uhlaka Lomthetho Wodlame Olubhekiswe Kubulili Obuthile (i-GBV) Ohlelweni Lwemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa

3.1.  IKhabhinethi iluvumile Uhlaka Lomthetho Wodlame Olubhekiswe Kubulili Obuthile i-(GBV) Ohlelweni Lwemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa. Uhlaka lomthetho luzobhekana nokukhula kwezehlakalo ezihlobene noDlame Olubhekiswe Kubulili Obuthile ezikhungweni zemfundo ephakeme.     

3.2.  Uhlaka lomthetho lunikeza imihlahlandlela ngezinhlangano, izindlela kanye nezinqubo okumele izikhungo zemfundo ephakeme zizilungise ukuze zigweme izehlakalo zoDlame Olubhekiswe Kubulili Obuthile emagcekeni azo. Ukwengeza ekuhlinzekeni ngezinhlangano ezengamele, luphinde luphoqelele izikhungo lezi ukuthi ziqwashise ngemithetho yazo ye-GBV.

4.  Umbiko Ngokusebenza kweSigcinamagugu Somzabalazo neNkululeko i-Resistance and Liberation Movement Museum (i-RLMM)

4.1.  Ikhabhinethi iwuvumile Umbiko Ngokusebenza kokusungulwa kwe-RLMM. Isigcinamagugu sizoba negalelo ekulondolozweni komlando womzabalazo nowokulwela inkululeko eNingizimu Afrika.

4.2.  Ucwaningo, olwavunywa yiKhabhinethi ngowezi-2015, lwalusekwe yingqikithi yomsebenzi woMgudu Wamagugu oMzabalazo neNkululeko (i-RLHR). I-RLHR inegalelo ekuthuthukiseni nasekuguquleni izindawo zamagugu eNingizimu Afrika.

4.3.  Uma sesiqediwe, isigcinamagugu sizolondoloza uchungechunge lwezinto zamagugu (ezibonakalayo nezingabonakali) futhi sihlinzeke ngokulandisa, isikhumbuzo kanye nalokho okwadlulwa kukhona okuhlobene nomzabalazo wenkululeko eNingizimu Afrika.

5.  Ukulondolozwa kwamagugu abaThwa Kuzwelonke

5.1.  IKhabhinethi ikuvumile ukuqaliswa kokusebenza Kokulondolozwa Kwamagugu abaThwa, okuyiphrojekthi eyifa lesizwe. Le phrojekthi izokhomba, iqhakambise, ilondoloze futhi ithuthukise amagugu ama-Khoi, ama-Nama, ama-Griekwa, ama-Khorana kanye nama-San. Le phrojekthi ifaka igalelo ekwamukeleni umlando waseNingizimu Afrika obunganakiwe futhi ubekwe eceleni.

5.2.  Iphinde iqinisekise ukusebenza koMthetho Wendabuko Nobuholi babaThwa, wangowezi-2019 (Umthetho 3 wezi-2019), ogunyaza ukwamukelwa kwabaholi bendabuko babaThwa.

6.   Imidwebo yezinhlamvu zemali zesikhumbuzo zangowezi-2021 nangowezi-2022

6.1.  IKhabhinethi iyivumile imidwebo yezinhlamvu zemali zesikhumbuzo zangowezi-2021 nangowezi-2022 ezikhishwa  iBhange Lombuso laseNingizimu Afrika (i-SARB) kanye nenkampani ekhiqiza izinhlamvu zemali i-South African Mint Company.

6.2.  Uhlamvu lwesikhumbuzo olujikelezayo luka-R5 kanye nohlamvu luka-R5 lwesiliva olucwebezelayo, nohlamvu olubunjwe ngegolide zizokhishwa ngowezi-2021 ukubungaza iKhulu Leminyaka le-SARB. Uchungechunge Lwezinhlamvu Zemali zaseNingizimu Afrika lwesine, oluzokhishwa ngowezi-2022 luzoba nezinhlamvu zika-10 senti, i-20 senti, i-50 senti, i-R1, i-R2 kanye no-R5.   

Imithethosivivinywa

1.  UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Emkhakheni Wezezimali wangowezi-2020

1.1.  Ikhabhinethi ikuvumile ukuhanjiswa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Emkhakheni Wezezimali wangowezi-2020 ePhalamende. Umthethosivivinywa uhlongoza ukuqoka i-SARB njengeSiphathimandla Sezixazululo, futhi uthuthukisa amathuluzi okulawula e-SARB ukuze ikwazi ukukhipha igunya layo lomthetho lokuqinisekisa uzinzo ohlelweni lwezimali.

1.2.  Umthethosivivinywa uhlongoza uhlaka olusha oluzoba isixazululo ezikhungweni zezimali, ikakhulukazi amabhange, uma eficwa isimo esinzima sezimali. Uphinde futhi wethule isikimu somshwalense wokufaka imali esicacile sokuqala ngqa saseNingizimu Afrika esizoqinisekisa ukuthi abafakimali bayakhokhelwa imali yabo uma ibhange lihluleka.

1.3.  Isikimu esifana nalesi sizovikela abafakimali abasengozini futhi siqinisekise ukuphazamiseka okuncane ohlelweni lwezezimali nasemnothweni ngobubanzi uma lezi zikhungo zificwa isimo esinzima sezimali.

Abaqashiwe

  • Nks Sekgothadi Kabelo njengoMqondisi ongasiyo ingxenye yabaphathi weBhodi Elilawula amaChweba eNingizimu Afrika.
     

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

 

Share this page

Similar categories to explore