Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obanjwe Ngohlelo Lwe-inthanethi ngoLwesithathu, mhla ziyi-10 kuNhlolanja 2021

A. Ezisematheni

1. Inkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA)


1.1. UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzokwethula i-SoNA yowezi-2021 ngoLwesine, mhla ziyi-11 kuNhlolanja 2021 kusukela ngehora lesikhombisa ebusuku. Le SoNA yethulwa ngesikhathi lapho sonke kumele sibambisane ukuze sinqobe umthelela wobhubhane lweSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19), sithuthukise izimpilo zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika futhi sikhulise umnotho wethu. IKhabhinethi likhuthaza yonke imikhakha yasemphakathini ukuba isebenzisane ukuqinisekisa ukuthi kuba nokuhlangana komphakathi okusha okuzosibeka endleleni ezokwenza iNingizimu Afrika ibe yindawo engcono kubantu bonke. 

1.2. Zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zinxuswa ukuba zisebenzise inkulumo kaMongameli njengendlela yokunxenxa ezoletha uguquko emnothweni wethu, iqede udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokubulawa kwabantu besifazane (i-GBVF) futhi iqede izinselele ezintathu okungububha, ukungalingani kanye nokungabibikho kwemisebenzi. Izithangami zabezindaba ezizobanjwa emuva kwe-SoNA zizohlaziya uHlelo Lokusebenza lukahulumeni lowezi-2021/22. 

2. Utshalomali 

2.1. IKhabhinethi lamukele utshalomali lwezigidigidi zamarandi eziyi-16 oluvela ku-Ford Motor Company of South Africa esikhungweni sayo sase-Silverton. Lolu tshalomali luzokhulisa imikhiqizo yezimoto ezothengiselwa amanye amazwe futhi kudale imisebenzi eqondile eyizi-1 200. 

2.2. Luyingxenye ye-Tshwane Automotive Special Economic Zone eyethulwa ngowezi-2019 ukwakha isikhungo sokukhiqiza esikhulu kunazo zonke e-Afrika. Sihehe abahlinzeki bezingxenye zezimoto abayi-12 kanye nokwakhiwa kwamafemu ayo okubiza izigidigidi zamarandi ezingu-4.33 sekuqalile. Lolu tshalomali luqinisekisa ukufaneleka kweNingizimu Afrika ukuba yindawo yotshalomali futhi kuveza ukuthi abakhiqizi bezimoto basemhlabeni jikelele bayalethemba izwe lethu.

3. Ukukhishwa kwemigomo ye-COVID-19 

3.1. Uhulumeni ubeke phambili uhlelo lomgomo lwezwe lokuvikela ukubhebhetheka kwe-COVID-19. IKhabhinethi liqinisekisa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi lolu hlelo lusahamba ngendlela. Sekuzosetshenziswa umgomo we-Johnson & Johnson esikhundleni somgomo we-AstraZeneca.

3.2. Lolu shintsho lulandela ucwaningo olunzulu olwenziwe ososayensi bezokwelapha oluveze ukuthi i-AstraZeneca ayisebenzi ngokwanele ukulwa nolunye uhlobo lwegciwane le-COVID-19 oluyi-501Y.V2.

3.3. IKhabhinethi lincoma umsebenzi wososayensi nabacwaningi abacwaninge bathola imiphumela ngokusebenza kwemigomo ukulwisana nohlobo lwegciwane i-501Y.V2. Lokhu kuqinisekisa amakhono ezwe kwezesayensi ahlonishwa umhlaba wonke. 

3.4.  Ukuthengwa komgomo i-AstraZeneca bekususelwa ekuqinisekisweni kokusebenza kwawo ngaphambi kokuba kutholakale uhlobo lwegciwane i-501Y.V2 ezweni. Imigomo eyafika ivela e-Serum Institute of India mhla lu-1 kuNhlolanja 2021 ayikaphelelwa isikhathi futhi beyisesikhathini sokukhishwa esigabeni sokuqala sohlelo lokugoma. 

3.5. IKhabhinethi liveze ukwethemba uhlelo lokukhishwa kwemigomo okuzoqala ngabasebenzi bezempilo abangaphezu kwesigidi esingu-1.2. UMnyango Wezempilo, usebenzisana noMgcinimafa Kazwelonke, uzoqhubeka nokuthenga eminye imigomo ukuqinisekisa ukuthi izwe lifinyelela esibalweni lapho kungeke kusaba lula ukudluliseka kwegciwane.  

3.6. Ukuqinisekisa ukukhishwa kwemigomo ngendlela, uMnyango Wezempilo wethule Uhlelo Lwemininingo Yokugoma Olusebenza Ngobuchwepheshe olungatholakala ku-https://sacoronavirus.co.za/evds/tscs/. IKhabhinethi likhuthaza labo abafanelekile esigabeni sokuqala ukuba bazibhalise ukuze bagonywe. 

3.7. IKhabhinethi linxusa zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba ziqhubeke nokulandela izindlela zokuphepha ukuvikela ukubhebhetheka kokutheleleka nge-COVID-19 ngokugwema ukuhlanganyela ezindaweni ezinabantu abaningi, ukugeza izandla ngensipho noma ngesibulali-magciwane esine-alcohol engama-70%, ukugqoka isifonyo ezindaweni zomphakathi nokugcina igebe lokuqhelelana elingu-1.5 wamamitha.

4. Isikhwama Sokubhekana ne-GBVF

4.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kokwakhiwa kweSikhwama Sokubhekana ne-GBVF yimikhakha ezimele. Lesi sikhwama sizoqinisa indlela yezwe yokungenelela kwi-GBVF nokuqaliswa kweQhingasu Likazwelonke lwe-GBVF 
4.2. Lesi sikhwama siqalise esinye sezisombululo zeSivumelwano seNgqungquthela ye-GBVF eyabanjwa ngowezi-2018, esibiza bonke okubanjisenwe nabo kwezenhlalakahle ezweni - okubandakanya uhulumeni, izinhlangano zasemphakathini kanye nabanye ababambiqhaza - ukuba basebenzisane ukuthola izindlela zokungenelela zengunaphakade zokuqeda i-GBV
4.3. IKhabhinethi lamukele izigwebo zodilikajele ababili abanikwe uLungile Nxelelwa eNkantolo kaMantshi yase-Palm Ridge ngecala lokudlwengula nokubulala u-Keneilwe Pule wase-Sebokeng owayeneminyaka engama-27 ngowezi-2019.
4.4. IKhabhinethi liphinde lancoma amaphoyisa ngomsebenzi wawo omuhle emuva kokuba iNkantolo yesiFunda yase-Lebowakgomo igwebe insizwa eneminyaka engama-27 yase-Ga-Tamatis e-Limpopo udilikajele emuva kokuba itholakale inecala lokudlwengula intombazane eneminyaka eyi-14 ephila nokukhubazeka. 

4.5.  IKhabhinethi ligcizelele ukuthi lizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuqinisa uhlelo lwezobulungiswa ezweni ukuze kuqiniswe isandla ekubhekaneni nababhebhethekisi be-GBVF, kuqinisekiswe ukushesha kobulungiswa kubagilwa nokwenza imiphakathi iphephe. Liphinde lanxusa yonke imikhakha yomphakathi ukuba ihlanganyele ekulweni nokuqedwa kochungechunge lodlame olubhekiswe ebantwini besifazane nezingane ngokubikela amaphoyisa ngababhebhethekisi.

5.  Ubumbano Lwezizwe zase-Afrika (i-AU)

5.1. Ihlandla leNingizimu Afrika lokuba wuSihlalo we-AU liphelile emuva konyaka obungafani nhlobo neminye selokhu kwathi nhlo ezwenikazi nasemhlabeni. I-COVID-19 ibe nomthelela omkhulu ehlandleni leNingizimu Afrika, okube nomthelela emazweni athintekayo ezwenikazi. Yize kube nezinselele eziningi ezidalwe wubhubhane, INingizimu Afrika iphumelele ekuqhubeni uhlelo lwe-AU phambili, ikakhulukazi ngokwendlela izwekazi elibhekane ngayo nobhubhane lwe-COVID-19.   

5.2. Ngesikhathi iNingizimu Afrika iwusihlalo, kwethulwa Indawo Yokuhweba Mahhala Ezwenikazi lase-Afrika, okwamemezela uhlelo olusha lokuhweba ngaphakathi e-Afrika nokuhlanganisa umnotho. INingizimu Afrika ngokuzimisela ibe negalelo ezinhlelweni ze-AU zokugcina ukuthula e-South Sedan nase-Ethiopia.

5.3. IKhabhinethi lihalalisele uMongameli Ramaphosa ngobuholi bakhe ngesikhathi sakhe esihlalweni kanye nokuqokwa ngo elethu kwakhe njengoShampeni weSikhwama Sokungenelela kwe-AU kwi-COVID-19. Emuva kwehlandla leNingizimu Afrika, iKhabhinethi lizokweseka ukulwela ukukhulisa umnotho wabantu besifazane base-Afrika ngohlelo Lweshumiminyaka Yokubandakanya Abesifazane Base-Afrika Kwezezimali Nezomnotho kuya kowezi-2030 (i-Decade of African Women's Financial and Economic Inclusion to 2030).

6. Isimo sezulu esibucayi 

6.1. IKhabhinethi lithole umbiko wolwazi lwakamuva ngokuqaliswa kohlelo lokulawulwa komonakalo lukazwelonke lokungenelela ngezikhathi ezingalindelekile kanye nokungenelela okudidiyele kwisishingishane esibizwa ngo-Eloise kanye nezimo ezihambisana nemvula. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kubo bonke abashonelwe abathandiweyo babo ezimvuleni ezinamandla zakamuva futhi lifisele labo abalimele ukululama ngokushesha. Uhulumeni uyaqhubeka nokusebenzisana nemiphakathi kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (ama-NGO) ukusiza labo abalahlekelwa amakhaya abo ngesikhathi sezimvula ezinamandla.

6.2. Imvula enamandla idale umonakalo wengqalasizinda ezifundazweni ezehlukene. Uphiko Lwesimo Sezulu Nesibikezelo Sezulu lwaseNingizimu Afrika i-South African Weather Service (i-SAWS) luxwayise ngamanye amathuba ezikhukhula ezingase zibe se-Limpopo, e-Free State naseNyakatho Ntshonalanga ezinsukwini ezizayo. IKhabhinethi linxuse abantu ukuba baqaphele kakhulu ngesikhathi sezimvula ezibucayi. Amalungu omphakathi alulekwa ukuba ahlale ngaphakathi ezindlini ngesikhathi sezimvula ezinkulu nokuduma kwezulu. 

6.3.  I-SAWS izoqhubeka nokuthumela isibikezelo sezulu sansukuzonke nesamasonto onke, futhi izoxwayisa Isikhungo Sezokulawulwa Kwenhlekelele Kuzwelonke (i-NDMC) nganoma iziphi ezinye izimo zezulu ezibucayi. I-NDMC izodlulisa lolu lwazi kubabambiqhaza abafanele ukuxwayisa yonke imiphakathi. 

6.4. Uhulumeni usebenzisana nama-NGO, ithimba loNgqongqoshe, amalungu omkhandlu ophethe kanye nabaholi basendaweni - okubandakanya i-NDMC - ukulawula ukusebenza ngempumelelo kwezimo eziphuthumayo ezifundazweni ezithintekile.  

B.    Izinqumo Zekhabhinethi

1.  Isimo Senhlekelele Sikazwelonke

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwelulelwa kumhla ziyi-15 kuNdasa 2021 kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke, ngokweSigaba 27(5) (c) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wezi-2002 (wama-57 wezi-2002).

C.    Imiyalezo
1.    Umgubho wokuqeda unyaka  
  

1.1 IKhabhinethi libungaze iminyaka engama-24 oMthethosisekelo wentando yeningi labantu weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996, owaqala ukusebenza mhla zizi-4 kuNhlolanja 1997 emuva kokumenyezelwa ngokusemthethweni ngowayenguMongameli u-Nelson Mandela. Lo Mthethosisekelo ohlonishwa wumhlaba wonke waqinisa inkululeko yethu esayilwela kanzima kanye nentando yeningi labantu okumele ibe yigugu kithi.

2.  IKhabhinethi lidlulise ukuhalalisela nokufisela okuhle: 

2.1. UMmeli uDumisa Ntsebeza i-SC ngokukhethwa ukuba abe nguMahluleli eNkantolo yase-Afrika Yamalungelo Oluntu Nabantu.

3. Amazwi enduduzo

Njengoba lo kungumhlangano wokuqala onyakeni wezi-2021, iKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani balaba abalandelayo:

3.1.  UMnu. Jackson Mphikwa Mthembu, owayenguNgqongqoshe Ehhovisini LikaMongameli wesithupha kuleli selokhu kwaba nentando yeningi labantu. Wayeyisishoshovu esizinikele futhi wasebenza ehhovisi likahulumeni ngendlela encomekayo.
3.2. UMnu. Jonas Gwangwa, iqhawe kwezamasiko elalihlonishwa emhlabeni jikelele ngokuba wumqambi, umhleli, umkhiqizi nomdlali wecilongo i-trombone emculweni wejezi.
3.3. UDkt. Sibongile Khumalo, umculi wasemikhakheni ehlukene kanye nomfundisi womculo owaba negalelo ekuthuthukisweni kwezobuciko namasiko eNingizimu Afrika emikhakheni yomculo wejezi no-opera. 
3.4. UNkk. Rebecca Kotane, obaziwa ngo-MmaKotane, owadlala indima esemqoka emzabalazweni wezwe lilwela inkululeko. Ukhunjulwa ngokubamba iqhaza eMbikishweni Wabantu Besifazane we-1956 ababeqonde eziNdlini Zombuso futhi wayengunkosikazi womholi we-South African Communist Party osewadlula, uMnu. Moses Kotane.
3.5.  Ijaji elikhulu uKhayelihle Kenneth Mthiyane, owasebenza njengowayeyiPhini likaMongameli weNkantolo Ephezulu Yokudluliswa Kwamacala.
3.6.  UNksz. Thoko Ndlozi, okunguye kuphela owayesaphila kwabesifazane ababengamalungu eqembu lomculo, i-Joy eyaqopha umlando ngengoma yabo eyabekwa esicongweni, ethi i-Paradise Road.
3.7.  UMnu. Wandi Nzimande, omunye wabasunguli bempahla yokugqoka i-Loxion Kulca yaseNingizimu Afrika, owabeka obala impahla egqokwa ngabantu baseMzansi. 
3.8. UMnu. Knowledge Simelane, owayezinikele ekulondolozeni izilimi zesintu. Ushiye isikhala emkhakheni wezokushicilelwa kwamaphephandaba.
3.9. UMnu. Welcome 'Bhodloza' Nzimande, owaqala ukusebenza ku-Khozi FM ngowe-1978 futhi uthando lwakhe lomculo kaMaskandi lavukuza inqwaba yabaculi bomculo wesintu baseNingizimu Afrika.   
3.10. UMnu. Kabelo 'KB' Molopyane, umsakazi odumile owaqala kulo msebenzi ngowe-1996 futhi waduma kakhulu lapho esesebenza ku-Motsweding FM.
3.11. UDkt. Sam Phillips, odume umhlaba wonke futhi owaklonyeliswa ngendondo kwezokulingisa, ukubhala, ukuqamba umculo kanye nokuba wumqondisi.
3.12. UMnu. Edwin De Lille, umyeni kaNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nezingqalasizinda u-Patricia de Lille. 
3.13. INkosi uThulare Victor Thulare III, Inkosi yesizwe samaPedi, eyanikwa isitifiketi sokuqinisekisa isikhundla sayo njengeNkosi nguMongameli Ramaphosa ngowezi-2020.  

D.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe maqondana nezimo zokulandela umthetho.
1.    UMmeli u-Doctor Mashabane – Umqondisi-Jikelele woMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo. 

Imibuzo:
Nksz. Phumla Williams – USomlomo WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139
 

 

Share this page

Similar categories to explore