MEC addressing non-governmental organisations (NGOs), community based organisations (CBOs) and non-profit organisations (NPO), Ulundi

Mphathi wohlelo, iNhloko yoMnyango
wokuThuthukiswa koMphakathi uMnu Bheki Nkosi
abasebenzi bomnyango kubandakanya
nabezokuphepha, nanki nonke eniqhamuka kuma non-governmental organisations (NGOs), ngiyanibingelela

Mphathi wohlelo angisho ukuthi sekuyisikhathi eside ngifisa ukuhlangana nama NGO’s alapha Olundi njengoba sengike ngahlangana nawese-Pitermaritzburg Region.
Angisho Mphathi wohlelo ukuthi njengoba ngibize lo mhlangano ziningi izinto engifisa ukuba ngizicacise nani niziqonde kahle. Lokhu sikwenza ngenxa yokuthi
abanye benu kuyabonakala ukuthi sebeyilibele noma kabayiqondi kahle indima okumele idlalwe nguMnyango kulawo ma-NGO,s axhaswe yiwo.

Mphathi wohlelo okokuqala nje ngizoqala nginitshele nge-vision yami ngama-NPO’s. I-vision yami ukuthi ngibone ama-NPO’s ngelinye ilanga ezimela engasadingi ukusizwa uMnyango. Ngifisa ukuwabona eqhuba ngendlela eshiwo yi-Act ngama-NPO futhi egcina yonke imigomo eshiwo yile-act. Okunye ngithanda ukucacisa ukuthi kungumsebenzi woMnyango wami ukuba usize ngokubhalisa noma yiphi i- non-governmental organisations (NGOs), efisa ukubhalisa. Kodwa ukuyibhalisa
kwethu akusibophezeli noma kubophezele leyo NGO ukuthi uxhaso lwezimali ingaluthola eMnyangweni wami kuphela. Uxhaso ungalufuna noma kuphi.

Kodwa-ke uma kuwukuthi kuyenzeka inhlangano ithola uxhaso kwenye indawo sibe nathi siyinika uxhaso mayiwazise phela uMnyango, ukusazisa kwayo akusho ukuthi sizbe sesiyiphuca uxhaso esiyinikeza lona.

Ngifisa ukuphinde ngicacise ukuthi njengoba sininikeza uxhaso nje kumele nazi ukuthi Nathi sibhekiwe ngokuphathwa kwezimali, kumele sichaze ngokuthi ziphatheke kanjani nazo lezi esininika zona ngakho abantu mabanga-rejisti Ngiyathanda futhi ukunikhumbuza ukuthi saziseni phela ngama-Audit report enu ukuze sibone ukuthi izimali esininika zona nizisebenzisa ngendlela. Ngeke
ngikufihle ukuthi sizoqhubeka nokuxhasa lawo ma non-profit organisations (NPO), asivezeleyo ama-audit report awo.

Ngizosho nje ngingahlonizi ukuthi abanye benu benza imikhonyovu emangalisayo ngaphansi kwegama lama-NPO’s angisho ukuthi lokho siyakwazi futhi kuzoboshwa abantu ngakho. Ngiyanicela ukuthi nisebenze ngokubambisana noMnyango nenze lokho
okuthiwa kwenzeni ngesikhathi esifanele. Sengiphetha ngizothinta udaba lwamaholo lapho kunezikhalo zokuthi abasebenzi abangaphansi kwamaNPO’s abatholi imiholo efanayo nalabo abangaphansi koMnyango. Angisho ukuthi Siyazama ngayo yonke indlela ukubhekana nalesi simo kodwa angisho ukuthi kungaphezu kwamandla ethu ngendla yebhajethi esinayo, kodwa angisho ukuthi asithulile nje sengathi asiboni.

Ngiyabonga.

Issued by: Department of Social Development, KwaZulu-Natal Provincial Government
27 August 2009
Source: Department of Social Development, KwaZulu-Natal Provincial Government
(http://www.kznsocdev.gov.za/)

Province

Share this page

Similar categories to explore