Isitatimende somhlangano weKhabhinethi Okhethekile wamhla ziyi-13 Masingana 2016

1. Umnotho

1.1. IKhabhinethi ibambe umhlangano ngenhloso yokubhunga ngesimo somnotho kanye nezindaba ezihlobene nalokhu eziphathelene nesabelomali. IKhabhinethi iphawule izinto ezimbadlwana ezinomthelela emnothweni wakuleli.

Kulezi zinyanga ezedlule zehlile izilinganiso zesimo somnotho emhlabeni jikelele. Ukukhula kancane komnotho womhlaba kukhombisa ikakhulukazi ukungaqhubi kahle kanye nobungozi obuphakeme emazweni asathuthuka amaningi asemqoka, kubandakanya nezwe lase-China.

Ukusimama komnotho okubhekwe ngabomvu kwelaseMelika kungenzeka kuholele ekukhuphukeni kwamazinga enzalo emhlabeni jikelele. Ukwehla komthamo wokuhwebelana kanye nezinkinga zokungaqhubi kahle kwezimakethe zamazwe omhlaba kugcizelela isidingo sokuthi amazwe athathe izinyathelo ezinohlonze, futhi enze izinto ngokucophelela okukhulu kulesi sikhathi esizayo.

IKhabhinethi iphawulile futhi ukuthi kukhona imihlomulo ethile etholakalayo ngenxa yentengo ephansi kawoyela ongahluziwe. Njengelizwe eliyisikhondlakhondla ekuthunyelweni kwemikhiqizo yezimbiwa emazweni angaphandle, iNingizimu Afrika ikhathazekile ngesimo esiqhubekayo samanani aphansi entengo yezimbiwa.

Uhulumeni uyaqhubeka nokwakha uhlaka lwezomnotho olugxile emikhiqizweni ehlukahlukene, futhi imali etholakala ngokuthunyelwa kwempahla zohwebo emazweni angaphandle isancike kakhulu kwimikhiqizo esansimbi kanye nemikhiqizo engakalungiswa ngokuphelele.

Ukwehla kwamanani entengo yezimbiwa akubonakali kuyinto ezophela khona maduze nje. Lokhu kusazowukhahlameza isikhathi eside umnotho waseNingizimu Afrika futhi kukhahlameze namazwe amaningi esihwebelana nawo kwizwekazi lase-Afrika.

Ukwehla kwamandla eRandi kule minyaka embalwa edlule kuhlinzeka ngamathuba angcono kakhulu okukhulisa umthamo wempahla ethunyelwa emazweni angaphandle futhi lokhu kanye nentengo ephansi kawoyela ongahluziwe, kulekelelile ekwehliseni ingcindezi emgodlagodleni wezimali kahulumeni wakuleli. Kepha-ke, ukungakhuli kahle kweminotho yamazwe ahwebelana neNingizimu Afrika sekuholele ekutheni sehle isidingo sokuthengwa kwezimpahla zaseNingizimu Afrika emazweni angaphandle.

Isimo sezomnotho esikhona njengamanje emhlabeni jikelele sithathwa njengesiyinselelo enkulu, ikakhulukazi emazweni asafufusa, ngenxa yenani eliphansi lentengo yezimbiwa kanye nokuqiniswa kwenqubomgomo yezezimali yaseMelika, okuyinto efake ingcindezi kwizilinganiso zokungena nokuphuma kwezimali kanye nokukhula komnotho.  Lokhu sekulunciphise kakhulu uzinzo ezimakethe zezimali.

Kula maviki edlule, iRandi laseNingizimu Afrika, okungolunye lwezinhlobo zemali yamazwe asathuthuka okuhwebelwana ngazo kakhulu, likhahlamezeke kakhulu.

Kulesi simo esinzima esibhekene namazwe omhlaba, iKhabhinethi iphinde yagcizelela ukuthi kunesidingo sokuthi uhulumeni angenelele ngendlela enohlonze ukuze kubuyiswe umgqigqo namandla okukhula komnotho.

1.2. UHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) luyakuhlinzekela lokhu kungenelela kukahulumeni. Futhi uhulumeni uzokwelula isandla kulabo abambisene nabo, ikakhulukazi abamabhizinisi kanye nezinyunyana zabasebenzi, ukuze kube nokuvumelana ngezinyathelo ezizothathwa ngokuhlanganyela zokuletha uzinzo emnothweni wakuleli, nokuqinisekisa ukwethenjwa komnotho, nokukhuphula izinga lokutshalwa kwezimali futhi kubuyiselwe iNingizimu Afrika emgudwini wokuqinisekisa ukukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke. Inkulumo Echaza Ngesimo Sezwe (i-SoNA) ezokwethulwa mhla ziyi-11 kuNhlolanja izochaza kabanzi ngalo msebenzi okumele wenziwe.

1.3. IKhabhinethi ikwamukelile ukuthathwa kwezinyathelo ezinqala zokubuyisela leli lizwe emgudwini wezezimali osimeme, esikhathini lapho isimo sezilinganiso zokukhula komnotho ziphansi kakhulu emhlabeni jikelele kanti futhi lokhu kuyinto enomthelela emnothweni wakuleli. UNgqongqoshe Wezezimali u-Pravin Gordhan uzohlinzeka ngemininingwane ephathelene nalezi zinyathelo ngenkathi ethula isabelomali sezwe mhla zingama-24 Nhlolanja 2016.

2. Ukuxhaswa ngezimali komkhakha wezeMfundo Ephakeme

IKhabhinethi izamukelile izichibiyelo ezenziwe kwizabelomali zikazwelonke ezizoholela ekutheni kuthathwe imali ebeyabelwe imiklamo ethile inikezwe amanyuvesi, ngaphandle kokuthi kwephulwe imikhawulo yokusetshenziswa kwezimali ebimenyezelwe phambilini.

Esikhathini esifushane esedlule uMongameli Jacob Zuma kanye  noNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha u-Blade Nzimande bamemezele ukuthi le mali izonikezwa izikhungo zemfundo ephakeme ngenhloso yokuzinxephezela njengoba kuvunyelwane ngokuthi ingakhushulwa imali yokukhokhela imfundo ephakeme ngalo nyaka wezemfundo, futhi kukhokhwe ngokuphelele sonke isikweleti semali ekweletwa abafundi abangaphansi koHlelo Lukazwelonke Lokuxhaswa Kwabafundi Ngezimali (i-NSFAS) futhi kuvinjelwe nokukhula kwalesi sikweleti esikhathini esimaphakathi.

Lezi zinyathelo zokungenelela ziyimpendulo kahulumeni kwiziphakamiso ezenziwe ezigcawini zokubonisana eziningana eziqale ngoMfumfu 2015 futhi eziqhubekayo. UNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha kanye nethimba lakhe labaphathi babambe imihlangano eminingana nabaholi be-SASCO, nayo yonke iMikhandlu Emele Abafundi (ama-SRC), neNhlangano Yabafundi BeNyuvesi yaseNingizimu Afrika, neNyunyana Yabafundi baseNingizimu Afrika, nabaPhathi Abakhulu (ama-CEO) bama-SETA, neNhlangano Yoguquko Kwezemfundo Ephakeme kanye nekomidi lasePhalamende elengamele ezemfundo ephakeme.

UMongameli uphinde futhi wabamba umhlangano nabaholi babafundi, futhi wamemezela ukuthi kuzosungulwa iKhomishana ezocubungula izindaba eziphathelene neMfundo Ephakeme. Lezi zigcawu zokubonisana ziyaqhubeka njengoba sikholelwa ekutheni njengohulumeni kumele sizabalazele ukuthola isixaluzululo esizoziqeda unomphela lezi nkinga. Izimfuno zabafundi ziyahambelana nezinjongo zohlelo lukahulumeni oluphathelene nezemfundo.

2.1.1. Njengesinyathelo esiphuthumayo sokubhekana nesimo esikhona njengamanje, kubekwe eceleni isamba semali engamarandi ayizigidigidi ezingu-2.33 okuhloswe ngayo ukuvala isikhala sokushoda kwemali yokuqhuba umsebenzi wansukuzonke emanyuvesi ngenxa yesivumelwano sokungakhushulwa kwemali yokufunda ngowezi-2016.

2.1.2. Ngonyaka-mali wezi-2016/17, uhulumeni ubeke eceleni imali yoMbuso engamarandi ayizigidigidi ezingu-2.543 ezokwabelwa i-NSFAS ngenhloso yokuboleka abafundi abahlonziwe abayizi-71 753 abakulungele ukuxhaswa ngezimali ngaphansi kohlelo lwe-NSFAS kodwa kule minyaka emithathu edlule abathole uxhaso lwezimali olungaphelele noma abangalutholanga uxhaso lwezimali. Lokhu kusho ukuthi laba bafundi abakulungele ukuxhaswa ngezimali ngeke basavimbeleka ekutheni bakwazi ukuqhubeka nemfundo yabo ngenxa yemali abayikweletayo.

2.1.3. Kunesinye isamba semali engamarandi ayizigidigidi ezingu-2.039 ezokwabelwa i-NSFAS ngonyaka-mali wezi-2016/17 ngenhloso yokuxhasa labo bafundi abasesemanyuvesi ngowezi-2016 abangalutholi uxhaso lwezimali noma abathola uxhaso lwezimali olungaphansi kwalolo abaludingayo, ukuze bakwazi ukuphothula izifundo zabo. 

Lena yimali ezokwengezwa phezu kwesamba semali engamarandi ayizigidigidi eziyi-10 ezolawulwa futhi yabiwe yi-NSFAS ngonyaka wemfundo wezi-2016.

Uhulumeni uzibophezele ekuhlinzekeni imfundo ephakeme mahhala kubo bonke abafundi abaqhamuka emakhaya adla imbuya ngothi futhi abaqhuba kahle ezifundweni zabo kulezo zikhungo zemfundo abafunda kuzona, ngaphansi kwemikhawulo yezimali ezikhona emgodlagodleni wezimali zikahulumeni.

IKhabhinethi iyabanxusa abafundi, abasebenzi nabafundisi kanye nabaphathi bamanyuvesi ukuthi babambisane nohulumeni ngenhloso yokufezekisa le njongo kahulumeni. Izenzo eziphazamisa ukufunda noma eziletha amathemba okungeke kufinyelelwe kuwona ziyibuyisela emuva inqubekela-phambili enhle eseyenziwe. Azamukelekile nakancane izenzo zodlame nokusabisa.

2.2. IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakwamukele ukuthi esikhathini esizayo sizobhekana nezimo ezinzima. Isimo somnotho emhlabeni sintekenteke kakhulu. Umthelela ongemuhle wamanani aphansi entengo yezimbiwa usuyazwakala eNingizimu Afrika. Ziyaqhubeka izingqinamba esibhekene nazo, ngenkinga yokushoda kwamandla okuphakelwa kukagesi. Isomiso esesabekayo esiqhubekayo njengamanje sesidale ubunzima obukhulu ezifundazweni eziningi zakuleli.

IKhabhinethi inethemba lokuthi abantu baseNingizimu Afrika bayaqhubeka nokuba yisizwe esinohlonze, esikwaziyo ukubaluleka kokusebenza ngokubambisana futhi ngokuthula noxolo. Ukudalulwa kwamagama abantu abanezinkolelo zokucwasana ngokobuhlanga okwenzeke esikhathini esifushane esedlule sekuqinise ukuzibophezela kwethu ngokuhlanganyela ekhwakheni umphakathi ongacwasi ngokobuhlanga nangokobulili futhi osimeme nophumelelayo.

3. Abaqashiwe

IKhabhinethi ikwamukelile ukuqashwa kwalaba abalandelayo:
3.1. UMnu Shonisani Mathews Munzhedzi, oqashwe njengePhini Lomqondisi Jikelele (u-DDG): Ophikweni Lwezemvelo Ehlukahlukene kanye Nokongiwa Kwemvelo, eMnyangweni Wezemvelo.
3.2. UNksz Siphokazi Ndudane oqashwe njengo-DDG: Ophikweni Lokuphathwa Kwezokudoba Nokufuywa Kwezinhlanzi eMnyangweni Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams (Ibambela loMkhulumeli weKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore