ISitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangoLwesithathu, ziyisi-7 Zibandlela 2016

Njengoba unyaka uphela, iKhabhinethi ihlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika ekugubheni isikhumbuzo sesithathu sokudlula emhlabeni kukaNelson Mandela ngomhla zi-5 Zibandlela 2013

“Izenzo zethu zansuku zonke njengabantu baseNingizimu Afrika kumele ziveze iqiniso langempela laseNingizimu Afrika eliyoqinisa inkolelo yabantu kwezobulungisa, ziqinise ukuthembela kwabo ebuhleni bomphefumulo womuntu, futhi zisekele wonke amathemba ethu empilo ekhazimulayo yabo bonke abantu.” – Nelson Mandela

UMadiba wayelandela izimiso zoMthethosisekelo wethu kanye nombono wesizwe esikhululekile, esinobulungiswa futhi esibumbene okusekela umphakathi okumele siwusebenzele ukuthi ube khona. Ukufeza lokhu, abantu baseNingizimu Afrika kudingeka ukuba bahlanganiswe ngumbono owamukelwa yiwo wonke umuntu womphakathi ongcono.

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni

Umnotho waseNingizimu Afrika
1.1. IKhabinethi iyaluncoma ubambiswano oluyimpumelelo lweQembu LaseNingizimu Afrika – elibunjwe nguhulumeni, abamabhizinisi, izinhlangano zabasebenzi kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika – ngokusebenzisana ukugcina iNingizimu Afrika iyizwe elisezingeni elikulungele ukutshalwa kwezimali. Ngokusebenza ngokuzikhandla kanye nangokuhlanganyela, umnotho kanye nokwethenjwa kwezwe ngabatshalimali kuzinzisiwe kulezi zikhathi ezinzima zomnotho.

UMongameli Jacob Zuma wasungula Iqembu LaseNingizimu Afrika ukuhlanganisa imikhakha ehlukahlukene ukuthi isebenze ndawonye ukufukula umnotho wethu, uhuheha utshalomali kanye nokusungula amathuba emisebenzi abantu bakithi. Lezi zindaba ezinhle kufanele zisikhuthaze ukuthi sisebenze ngokuzikhandla kakhulu ukuze siqhubekisele iNingizimu Afrika phambili.

1.2. I-Moody’s Investor Services, i-Fitch Ratings ne-Standard & Poor’s bagcine izinga lamandla eNingizimu Afrika okukhokha izikweletu ngaphezu kwezinga lomnotho ofadalalayo.

Ukukhathazeka okuphakanyiswe yizinhlangano kuphawuliwe futhi ngokuhlanganyela nalabo esibambisene nabo emphakathini sisheshisa ukungenelela ukushintsha umnotho. IKhabhinethi isanethemba lokuthi umgudu obekwe oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye nokuhlanganiswa kwezimali kukahulumeni okuhleliwe, kanye nokuqaliswa kokusetshenziswa koHlelo Lwamaphuzu Ayisishiyagalolunye, kuzosiza iNingizimu Afrika ihlale iyizwe elisezingeni lamazwe akulungele ukutshalwa kwezimali.

1.3. IKhabhinethi iyaphawula ukuthi isamba somkhiqizo waseNingizimu Afrika (i-GDP) sikhule nge-0.2% ekoteni yesithathu. Imikhakha ebe nomthelela omkhulu ekukhuleni kwe-GDP kube umkhakha wezimayini nowomgubane, owezezimali, abathengisi bezakhiwo kanye nemisebenzi ehlinzekwa amabhizinisi, kanye nezinsizakalo zikahulumeni jikelele. Umkhakha wezolimo, amahlathi kanye nokudoba wehle nge- -0,3%; ezokwakha nge- -3,2%; ugesi, igesi namanzi nge- -2,9%; kanti ukuhweba, ukuhlinzekwa kokudla kanye nezindawo zokuhlala nge- -2,1%. Isomiso namanje yiso esinomthelela omkhulu ekwehleni komkhakha wezolimo.

1.4. Ukunikezwa kwamatayitela emiphakathini emihlanu yaseBahurutshe nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba, uMnu Gugile Nkwinti, ngesinye sezicelo ezinkulu zokubuyiselwa umhlaba esiphothuliwe e-Motsane Game Farm ngaphandle kwase-Zeerust, eNyakatho Ntshonalanga.

Angaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amahlanu nane (54 280) amahektha omhlaba, kuhlanganisa ipulazi lezilwane zasendle, obuyiselwe emphakathini.

Ukwethulwa kwephrojekthi yoMhlahlandlela Wenqubomgomo emayelana Nokuqiniswa Kwamalungelo Abantu Abasebenza Emapulazini (Inqubomgomo ye-50/50) yaseNyakatho Ntshonalanga e-Stars Away Farm e-Ottoshoop, e-Zeerust, kulandela ukuphothulwa kwesivumelwano esizokwenza ukuthi abasebenzi basemapulazini babe ngabanikazi bengxenye yebhizinisi lezokulima.

1.5. Ingqalasizinda yamanzi iyingxenye yoHlelo Lukazwelonke Lwengqalasizinda lukahulumeni ukuguqula isimo somnotho wethu ngesikhathi esifanayo kudalwe amathuba amasha emisebenzi kanye nokuqiniswa kokulethwa kwezinsizakalo eziyisisekelo.

Ukwethulwa ngokusemthethweni kwe-Mokolo and Crocodile  River (West) Augmentation Project kubonakalisa ukuzibophezela kukahulumeni ekuphenduleni kuzidingo zezakhamizi.

Ingqalasizinda yokudlulisa amanzi iphakela amanzi kuMasipala Wendawo i-Lephalale, eziteshini zokuphehla ugesi zakwa-Eskom (i-Matimba kanye neMedupi), indawo yokuhlanza amanzi angcolile yaseZeeland kanye naseMayini i-Grootegeluk yenkampani i-Exxaro. Iphinda idlulise amanzi esuka eNtshonalanga yoMfula i-Crocodile eduze kweThabazimbi eyiswa endaweni yaseLephalale.

1.6. Indawo Yokuhlanza Amanzi Angcolile i-Welgedacht eduze kwase-Springs, eGauteng, inwetshiwe ukuze ikwazi ukumelana nokukhula kwesidingo sendawo yokuhlanza amanzi angcolile.
Ukuze kuncishiswe ukungcola eMfuleni i-Vaal, uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle ulungise Indawo Yokuhlanza Amanzi Angcolile i-Oranjeville kuMasipala Wesifunda i-Metsimaholo kanye neNdawo Yokuhlanza Amanzi Angcolile i-Leeuwkuil kuMasipala Wesifunda i-Emfuleni ngemali eyizigidi ezingama-44.4 zamarandi. Kuphinde kwabekwa imali eyizigidi ezingama-300 zamarandi zokulungisa izindawo zokuhlanza amanzi angcolile ezingama-26 ezingasebenzi kahle ezingxenyeni zeGauteng kanye neFreyistata.

1.7. IKhomishana Yomfula i-Orange-Senqu iyaqhubeka njengamanje kusukela zi-5 zize zibe yisi-9 Zibandlela 2016 e-Emperors Palace eKempton Park. INingizimu Afrika, iLesotho, iBotswana kanye neNamibia ngamazwe angamalungu ale khomishana. Ikhomishana ibhekelele ukusetshenziswa kohlaka lokuphathwa kwemithombo yamanzi ebalulekile phakathi kwemigcele futhi osebenzela ukufeza izinhloso zesikhathi eside zentuthuko kulo mfula.

1.8. Umhlangano we-Afrika yonkana, Isonto LaseAfrika Lezohwebo lowe-2016 isingathwe kusukela mhla zingama-28 Lwezi zaze zaba zi-2 Zibandlela ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ukuthuthukisa Inguquko Kuhlaka Lwenhlalo-mnotho ngokusebenzisa Uhwebo Phakathi Kwamazwe Ase-Afrika". Lokhu kuhlinzeke inkundla ephelele, edidiyelwe futhi efaka uwonkewonke ukuthi kuxoxiswane ngenqubomgomo phakathi kwamaziko ahlukahlukene aphathelene nezohwebo.

UNgqongqoshe Wezohwebo Nezezimboni, uDkt. Rob Davies, ubambe iqhaza kuzingxoxo zeSifunda Sezwekazi Esingakhokhisani Intela  Yokuhweba (i-CFTA), eyathulwa ngokusemthethweni Emhlanganweni Wenhlangano Yamazwe Ase-Afrika (i-AU) owawubanjelwe eNingizimu Afrika mhla zi-15 Nhlangulana 2015. I-CFTA ihlose ukufukula uhwebo phakathi kwamazwe ase-Afrika kanye nokwakha i-Afrika enabantu  abayisigidigidi esisodwa kanye ne-GDP elinganiselwa kwithriliyoni eziyi-2.6 zamadola ase-US.

1.9. Inkudla Yesayensi YaseNingizimmu Afrika yehlandla lesibili iyaqhubeka ngaphansi kwesiqubulo esithi "Ukuqala izingxoxo eziphathelene nesayensi" kusukela ngomhla zi-8 kuya ziyi-9 kuZibandlela e-CSIR International Convention Centre. Ososayensi, abashayizinqubomgomo, abafundi, izifundiswa kanye nomphakathi baxoxisana ngezindaba ezibalulekile ezimayelana nesayensi, ezobuchwepheshe kanye nokusungula.

Kugxilwe kakhulu kuyasensi yezenhlalo, kanti izinkulumompikiswano zibandakanya iholo eliphansi okumele liholwe, kanye nokuyeka kwabafundi abangama-60% emanyuvesi aseNingizimu Afrika okubikiwe. Ezinye izihloko zibandakanya ukufuduka okubangelwa yisimo sezulu, imibono yomphkathi mayelana nokudla okutshalwe ngezikhuthazi, ukudla okwanele, nanokuthi isayensi yezenhlalo yomphakathi ingaliguqula kanjani ingomuso le-Afrika.

UHulumeni wendawo

1.10. Inkomfa esanda kusingathwa Kazwelonke Yenhlangano Yohulumeni Basekhaya YaseNingizimu Afrika (i-SALGA) kusukela mhla zingama-28 Lwezi zaze zaba lu-1 Zibandlela 2016 iphethe ngokuzibophezela okusha ohlelweni olubizwa ngokuthi Azibuyele Emasisweni kanye nokukhuthaza ukuhlala okufaka wonke umuntu ngokuqalisa ukusebenzisa Uhlaka Lwentuthuko Yasemadolobheni Edidiyelwe (i-IUDF). I-IUDF ikhuthaza umbono wokwakha amadolobha namadolobhana “okuhlalekayo kuwo, aphephile, asebenzisa izinsiza ngendlela efanele, adidiyelwe emphakathini, afaka uwonkewonke kwezomnotho, akwazi ukuncintisana namanye emhlabeni, lapho izakhamuzi ezibamba khona iqhaza ngendlela ebonakalayo empilweni yasemadolobheni”.

Umkhankaso Wokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane

1.11. Umkhankaso oqhubekayo njengamanje weZinsuku eziyi-16 Zokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane wezi-2016 ngaphansi kwesiqibulo esithi: "Nami ngibale: Ngokusebenzisana Siqhubekisela iNingizimu Afrika Engenadlame Phambili" owathulwa ngokusemthethweni nguMongameli Zuma, uqalise umkhankaso we-#365 days of Activism. Njengengxenye yokusabalalisa ukufinyelela kuzinsizakalo zikahulumeni kubo bonke abantu, kakhulukazi labo abantulayo, ukwethulwa ngokusemthethweni kwethuluzi lokusizwa kwabantu abanokukhubazeka Lesizinda Esivulwa imini nobusuku Sokulawula Udlame Lwezobulili sizokwenza abantu abangezwa kahle bakwazi ukuthola ukwelulekwa ngongoti kulesi sizinda.

1.12. IKhabhinethi igcizelela ukugxeka kwayo zonke izinhlobo zodlame ezikhuthazwa ubandlululo. Uhulumeni uyaqhubeka ukubhekana nezindaba zokuphepha kwezitabani zesifazane, izitabani ezingamadoda, abanobulili obubili, kanye nalabo abanobulilimbili. Umthethosivivinywa Wokuvimbela Nokulwa Nobugebengu Benzondo Nezinkulumo Zenzondo, kusaxoxiswana ngawo, uzoqinisa ukuthotshelwa komthetho kanye nokushushisa.

Ezempilo

1.13. Isikhumbuzo soSuku Lomhlaba Lwengculazi ngomhla lu-1 Zibandlela 2016, ngaphansi kwengqikithi ethi "Kusezandleni zethu ukuqeda Igciwane Lesandulelangculazi (i-HIV)  nesifo sofuba (i-TB)", oluholwa yiPhini LikaMongameli u-Cyril Ramaphosa, kwafukulwa ngukuthulwa ngokusemthethweni kokuhlolwa kwasemtholampilo komgomo we-HIV kanye ne-AIDS owaziwa ngokuthi yi-HVTN 702.

IKhabinethi ihalalisela ososayensi baseNingizimu Afrika abahola lolu cwaningo olubalulekile. Lokhu kuhlolwa kungokunye kokukhulu emhlabeni futhi kungubufakazi bekhono lomkhakha wesayensi nezokwelapha.

1.14. Uhulumeni uyaqhubeka nokubambisana kwakhe nabo bonke ababambiqhaza – kubandakanya i-PHILA kanye noMkhandlu Kazwelonke Wengculazi waseNingizimu Afrika – ukufeza isizukulwane esingenayo i-AIDS, ukuqeda ukutheleleka okusha nge-HIV, ukuqeda isifo se-TB kanye nokukhuthaza zonke izakhamuzi zethu ukuthi zikhethe ukuphila kahle.

INingizimu Afrika iyifezile imikhawulo yayo yokulapha ngesidambisi sesandulelangculazi (ama-ARV) futhi manje sinohlelo lwama-ARV olukhulu kunazo zonke emhlabeni, ngabantu abayizigidi ezi-3.4 abasohlelweni lokwelashwa ngowe-2015. Umkhawulo wokuvinjelwa kokudlulela kwegciwane enganeni lisuka kumama wafezwa, nokwehla okubonakalayo kusukela ngaphezu kwama-3.5% ngowe-2010 kuya kuma-1.8% ngowe-2014. Ukuthelelana nge-HIV okwenzeka ngocansi entsheni ephakathi kweminyaka eyi-15 kuya kwengama-24 ubudala kwehlile kusukela kuzi-410 000 ngowe-2011 kuya kuzi-330 000 ngowe-2014. Ukutheleleka ngesifo sofuba okusha kanye nokufa okudalwa yisifo sofuba kwehlile, kodwa umkhawulo obubekiwe kokunciphisa ngama-50% ekufeni okudalwa yisifo sofuba awufezekanga.

Amakhondomu abesilisa angaphezu kwezigidi ezingama-800 kanye namakhondomu abesifazane abangaphezu kwezigidi ezingama-20 asatshalaliswa kunyaka wezimali odlule. Umkhankaso wokuhlolelwa i-HIV waholela ekuhlolelweni kwabantu abangaphezu kwezigidi ezingama-35 esikhathini esiyiminyaka emihlanu. INingizimu Afrika inemishini ye-GeneXpert engaphezu kwama-300 esatshalaliswe izwe lonke futhi sekhlolwe abantu abangaphezu kwezigidi ezi-2.1 nge-GeneXpert. Ngonyaka wezi-2016 iNingizimu Afrika iqalise ukusebenzisa uhlelo lomhlaba lokuhlola nokwelapha lapho wonke umuntu one-HIV efakwa ngaphansi kohlelo lokwelashwa akukhathalekile ukuthi isilinganiso se-CD4 singakanani.

Ukusingathwa kwezinhlekelele

1.15. Umhlangano woNgqongqoshe beNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ababhekene nokusingathwa kobungozi bezinhlekelele wabanjwa mhla zingama-26 Lwezi 2016 e-Mauritius ulawulwa ngusihlalo uNgqongqoshe Wokwengamela Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko uMnu. Des Van Rooyen.

Lo mhlangano waphasisa Isu Lokuphendula Nokulungela Izinhlekelele Lesifunda futhi wasungula neThimba Elikhethekile ukuthi liphothule isiphakamiso sesikhwama sokuphendula nokulungela izinhlekelele. Unobhala we-SADC uzobiza umhlangano wokuhlanganyela woNgqongqoshe Bokusingathwa Kwezinhlekelele Nabezezimali ukucubungula isikhwama esiphakanyisiwe sokuphendula nokulungela izinhlekelele.

INtsha

1.16. Njengengxenye yohlelo lokuthuthukisa abantu abasha, Ikhempu Kazwelonke Yentsha Yesihlanu ebanjelwe e-3 South African Infantry Battalion, yavulwa eduze neKimberley eNyakatho Kapa yiminyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi noMnyango Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi, ngaphansi kwesiqubulo esithi #40YearsOn -  Intsha isaqhubezela iNingizimu Afrika phambili.

Lolu hlelo luhlanganisa ndawonye abantu abasha abayi-1 000 abavela kuzo zonke izinhlanga, ubuzwe, ubulili, isigaba kanye nolimi bevela kuzo zonke izifundazwe ngenhloso yokukhuthaza ubuzwe, ubumbano lwesizwe, ubumbano lomphakathi, ukuthanda izwe kanye nezakhamuzi ezibamba iqhaza phakathi kwabantu abasha eNingizimu Afrika. Izingxoxo zizobanjwa mayelana nezinselele eziningi ababhekene nazo njengentsha.

Kusukela ngeKhempu Kazwelonke Yokuqala Yentsha ngowezi-2012, abantu abasha ababamba iqhaza baqale amaphrojekthi amaningi emphakathini yabo okuhloswe ngawo ukuletha intuthuko. Ikhempu Yentsha ihlinzeka ithuba labantu abasha, abangabaholi ngokwabo manje emiphakathini yabo, ukuthi babelane ngesipiliyoni nenye intsha.

Uhlelo lokuthuthukiswa kwezwe

1.17. I-NDP ngumbono neqhinga lesikhathi eside elisebenza njengomhlahlandlela womsebenzi okudingeka ukuthi wenziwe ukufeza umphakathi onempumelelo waseNingizimu Afrika ngowe-2030. Imisebenzi eseqhulwini ye-NDP wukunciphisa ububha, ukuswelakala kwamathuba emisebenzi kanye nokungalingani.

1.18. IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha yomphakathi, amabhizinisi, abasebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi ukuthi badlale indima yabo ukuqhubeza ukubonakala kwe-NDP ngokuveza ukuqaliswa kokusetshenziswa kwe-NDP ngezinhlelo zokubeka izimpawu nezintshicelo ze-NDP kanye nezale mikhakha ibalulekile ohlelweni lokuqalisa ukusetshenziswa kwe-NDP.

1.19. IKhabhinethi ithwebule isithombe ukukhombisa ukuthi makusetshenzwe nokuveza yonke imikhakha yomphakathi isebenzisa uphawu nezintshicilelo ze-NDP.

2. Izinqumo zeKhabhinethi

2.1. IKhabinethi isekela uNgqongqoshe Wezokuthutha, uNksz Dipuo Peters, ekuqondiseni iTransnet National Authority, ngokuhambisana neSigaba sama-79, isigatshana (1) soMthetho Kazwelonke Wezamachweba, wezi-2005 (Umthetho we-12 wezi-2005) ukuchibiyela Isivumelwano Somlawuli Wamachweba ukuvumela inkampani i-Strategic Fuel Fund ukuthi ikhone ukugcina uphethilomu eChwebeni lase-Saldanha Bay. Isivumelwano sokuqashiselana kanye nelayisensi ye-Strategic Fuel Fund izophinde ilulwe okungenani iminyaka engama-25 ukuhlinzeka isiqiniseko kwezokuhweba nokulawula ukuze kube notshalomali oluzinzile emkhakheni kawoyela negesi.

Lokhu kuhambisana nezinto eziseqhulwini kuhulumeni ezimayelana ne-Operation Phakisa ekukhuliseni Umnotho Wasolwandle kanye nezinhloso ezisabalele ezibekwe ku-NDP, ukukhuthaza ukukhula komnotho kanye nokufukula ukukhula kwamathuba emisebenzi.

2.2. IKhabhinethi yabikelwa ngesimo sokuChithekela Kwe-esidi Yasezimayini Emanzini iphrojekthi "Yemisebenzi Ephuthumayo" eyaqalwa njengesixazululo sesikhathi esifushane sokunqanda Ukuchithekela Kwe-esidi Yasezimayini emanzini kuzimayini zaseWitwatersrand. Isixazululo sesikhathi eside sizoqala ukusetshenziswa ngokuhambisana nezincomo ezibekwe yiKomiti Labongqongqoshe Abahlukahlukene (i-IMC).

Njengezwe eliswele amanzi, iphrojekthi yokunqanda Ukuchithekela Kwe-esidi Yasezimayini Emanzini ihlomulisa ekulondolozweni nasekusetshenzisweni kabusha kwamanzi, kuqinisekiswe ukuhlinzekwa kwamanzi ahlanzwe ngokwanele okuphuza kanye nokugudluka ekuthembeleni emanzini ahlanzekile ekusebenzeni kwezimboni. Phezu kwalokhu, le phrojekthi inqanda ukungcola kanye nemithelela emibi.

2.3. IKhabhinethi yamukele Inqubomgomo Yokuthuthwa Kwendle, yowezi-2016 ukuthi iqale ukusetshenziswa. Lokhu kulandela inkathi ebanzi yokubonisana ukuthi kuphawulwe. Le nqubomgomo ibeka izimpilo zabantu phambili entuthukweni futhi ibheke phambili mayelana namazinga okuhlinzekwa kwezinsizakalo ezenziwe ngcono, ukusungula, kanye nobuchwepheshe obufanele ukuqinisekisa ukuzinza ukwenza ngcono izimpilo zabantu abampofu.

2.4. IKhabhinethi ikwamukele ukukhishwa kombiko Wezibalo Zobugebengu Kuzwelonke zamakota okuqala amabili zowe-2016/17, nguNgqongqoshe Wezamaphoyisa, uMnu. Nkosinathi Nhleko. Ukukhitshwa kombiko ngamakota onyaka kusiza uhulumeni ukuthi akwazi ukuqaphela imikhawulo azibekele yona, kakhulukazi ukuncishiswa kwamacala abucayi abikiwe, njengoba kubekiwe ku-MTSF futhi kungasetshenziswa njengezinkomba zokuqala zokuxwayisa ukuqinisa imikhankaso yokuvimba ubugebengu kanye namasu eminyango kahulumeni ehlukahlukene. UNgqongqoshe Nhleko uyokhipha izibalo zobugebengu ngaphambi komhla zingama-31 Masingana 2017.

2.5. IKhabhinethi ivume Umbiko Wesibili Wezwe omayelana nokuqaliswa Kokusetshenziswa koMqulu Wase-Afrika Wamalungelo Nenhlalonhle Yabantwana (Umqulu Wabantwana) ukuthi udingidwe yiNhlangano Yamazwe Ase-Afrika (i-AU) ngoMasingana 2017.

Umqulu Wabantwana wamukelwa yi-AU ngowe-1990 futhi yithuluzi eliphelele elibeka amalungelo futhi lichaze imigomo yomhlaba kanye nezinkambiso zesimo sabantwana. Umbiko Wesibili Wezwe uveza inqubekela phambili esiyenziwe ekuqaliseni ukusebenzisa izinqubomgomo zikahulumeni kanye nemithetho ukukhuthaza, ukuvikela kanye nokufeza amalungelo abantwana. Umbiko uphinda uveze imizamo eqhubekayo ukuqinisa ukuqaliswa kwezinhlelo namaphrojekthi akhuthaza amalungelo ezingane.

2.6. IKhabhinethi yaziswe, ngemiphumela yoMhlangano we-17 weMkomfa Yamazwe Angamalunga (CoP17) eSivumelwano Sokuhwebelana Kwamazwe Omhlaba Ngezilwane Nezihlahla Zasendle Ezisengcupheni Yokushabala (i-CITES), owawusingethwe yiNingizimu Afrika kusukela mhla zingama-24 Mandulo zaze zaba yi-5 Mfumfu 2016.

Amazwe avumelene ngezinyathelo okumele zithathwe ngokulandela igunya leSivumelwano ukuqinisekisa ukuthi ukuhweba komhlaba okusemthethweni kuhlala kuzinzile kuthi ukuhweba okungekho emthethweni kuyaqedwa. Amazwe aphinde avumelana ukuthi abantu kumele bahlomule ekusetshenzisweni ngokuzinzile kwemithombo yendalo, kubandakanya ekuhwebeni komhlaba okusemthethweni.

2.7. IKhabhinethi yawamukela amaphuzu iNingizimu Afrika ezokukhulumela phezu kwawo eMhlanganweni we-13 we-CoP weSivumelwano ngeziNhlobo Ezahlukahlukene Zemvelo (i-CBD COP13) kanye nezivumelwano zayo ozobanjelwa eCancun, eMexico kusukela zi-4 kuze kube ngumhla ziyi-17 Zibandlela 2016.

I-CBD COP13 izodingida lezi zindaba ezilandelayo ezibalulekile: Ukuvukuzwa Kwezinsizakusebenza; Ukugqugquzela kanye nokuhlanganiswa kweZinhlobo Ezihlukahlukene Zemvelo ngaphakathi futhi kuyo yonke imikhakha; kanye nezinhlobo ezihlukahlukene zemvelo zasolwandle nezasogwini.

2.8. IKhabhinethi yaziswe ngenqubekelaphambili eyenziwe nguhulumeni ekuphenduleni ekuhlaselweni kwabantu bokufika kanye nokubhekana nomnyombo walokhu.

Elawulwa yi-IMC kweZokufuduka, uhulumeni uqalise umkhankaso i-Operation Fiela, okwazile ukuthi ulawule udlame. Kusukela mhla lu-1 Ntulikazi kuze kube mhla zingama-30 Mandulo 2015, kuqhutshwe imikhankaso engama-702, eholele ekubopheni abantu abayizi-9 741 kulaba abayizi-3 158 ngabantu bamazwe angaphandle.

Umsebenzi owenziwe mayenala nomnyombo uthole ukuthi kunokuncintisana okukhulu emathubeni ezomnotho, izinsizakalo, izidingo ezihlinzekwa nguhulumeni phakathi kwabantu bamazwe angaphandle kanye nabampofu abangasebenzi baseNingizimu Afrika abahlala emalokishini nakwizindawo eziyimijondolo.

Ukuphasiswa kokungcina koMthetho Ohlongozwayo Omayelana Nokufuduka Komhlaba kuhlelelwe uNdasa 2017, futhi kuzobandakanya umgomo “Wezwe Lokuqala Eliphephile” okuzosiza ekulawuleni abantu bokufika nabafuna ukubhaciswa. IKhabhinethi iphinde yagunyaza Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Wababhaci ngoMandulo 2015 ukuthi ubekwe ezithebeni zePhalamende futhi Umnyango Wezasekhaya uthule ubhalo kuNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) imema izingxoxo ukuthi kungabhekwana kanjani nofuduko kusifunda. Kuphinde kwathengwa umhlaba eLebombo, eMpumalanga ngowe-2015 ukuze kwakhiwe izindawo zokubhalisa ababhaci eduze nomngcele.

2.9. IKhabhinethi yabikelwa ngokusentshenziswa koHlelo Lokuhlola Lukazwelonke olubekwe kuMbiko Wonyaka omayelana Nokuhlola wezi-2016 kuya kowezi-2017 futhi iphinde yagunyaza Uhlelo Lokuhlola Lukazwelonke Lwesithupha lonyaka wezi-2017 kuya kowezi-2018.

UHlelo Lokuhlola Lukazwelonke lufakwa ezikhungweni kuhulumeni wonkana futhi lwakha iqoqo lobufakazi kulandela ukuhlolwa komnotho okuyi-16, ukuhlolwa kwezolimo/izindawo zasemakhaya okuyisithupha; ukuhlolwa kokuhlaliswa kwabantu okuyisikhombisa kanye nebalazwe lobufakazi; ukuhlolwa kwezingane okuyisihlanu kanye nokuhlolwa kokuphepha okune (nokunye ukuhlolwa kwezokuphepha okubili okuqalayo).

IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi iminyango kufanele yabe imali efanele ekuhloleni nasekuqapheleni ngempumelelo ukuqinisekisa ukusebenza kahle nangempumelelo kwezinhlelo.
2.10. IKhabhinethi yaziswe ngokutholakele kanye nezincomo ezivela kucwaningo olwenziwe nguMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo (i-DPSA) ngokufinyeleleka kwama-Thusong Service Centre, izizinda zikahulumeni ezihlinzeka ulwazi kanye nezinsizakalo emiphakathini.

Ucwaningo luphakamisa ukusatshalaliswa ngokulinganayo kweZizinda kanye nokuhlanganiswa kwezindawo ezihlinzeka izinsizakalo ezikhona njengamanje zeminyango ebalulekile ukuze kukhuliswe izinga labantu abakwazi ukufinyelela kuzinsizakalo, ukunciphisa ibanga kanye nezindleko zohambo; ukunciphisa isidingo sokuba kutshalwe imali kwenye ingqalasizinda. Phezu kwama-Thusong Service Centre ayi-197 akhona njengamanje, ucwaningo luhlonza luphinda luphakamise ukuthi kumele kwakhiwe amanye ama-Thusong Service Centre  angama-67 lapho izinsizakalo zizotholakala kalula ukuhlangabezana nezidingo zabantu kanye nokunciphisa ibanga elihanjwa kuyiwa ema-Thusong Service Centre.

2.11. IKhabhinethi yaziswe ngezinhlinzeko zomyalelo wokuthuthukiswa kwamakhono okuphoqelekile, izinsuku zoqeqesho eziphoqelekile kanye nemibandela ephezulu yokungena kuZikhundla Zokuphatha Eziphezulu (i-SMS). Lokhu kuzokwenza ngcono iqophelo labasebenzi, nokuyinto ebalulekile emandleni kahulumeni ukufeza umsebenzi wakhe kanye nokuba nomthelela ekugxileni kwe-NDP ekwakheni izwe eliphumelelayo futhi elithuthukayo.

2.12. IKhabhinethi igunyaze ukunyuswa nge-2.5% kwamaholo amalungu Ekhomishana Yamalungelo Esintu YaseNingizimu Afrika, kusukela mhla lu-1 Mbasa 2016.

3. Imithethosivivinywa

IKhabhinethi igunyaze ukuthulwa ePhalamende kwale Mithethosivivinywa elandelayo:

3.1. Umthethosivivinywa Wobugebengu Be-inthanethi Nezokuphepha ku-Inthanethi wezi-2016 oqinisa uhlelo lwezobulungiswa njengoba kubekiwe ku-NDP, ngokulwa namacala enziwa nge-inthanethi, kanye nokwakha amandla okubhekana nokuphepha ku-inthatheni kanye nokuvikela ingqalasizinda yezolwazi olubalulekile.
Unomthelela ekwakheni imiphakathi ephephile njengoba kuhlongoziwe ku-NDP. Mayelana nalokhu, uhulumeni uzibophezele ekubekeni izindlela zokwakha ukuzethemba ekusebenziseni ngokuphepha Ulwazi Lwezobuchwepheshe Kwezokuxhumana.

3.2. Umthethosivivinywa Wezinkantolo Zendabuko wezi-2016, unomthelela ekufezeni izwe elithuthukayo, elikwaziyo ukuhlinzeka izinsiza futhi elinemigomo ngokulawula indima nemisebenzi yezikhungo zobuholi bendabuko ekuxazululeni izingxabano, ngokuhambisana noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika.

Lokhu kuzokwenza ngcono ukufinyelela kuzinsizakalo zezobulungiswa yibo bonke abantu ngenhloso yokukhuthaza ukubumbana komphakathi.

3.3. UMthethosivivinywa Ochibiyela Inqubo Yamacala Obugebengu, ochibiyela Umthetho Wenqubo Yamacala Obugebengu, we-1977 (Umthetho wama-51 we-1977).

Izichibiyelo zihlinzeka izinkantolo ngamandla athe xaxa ekukhipheni imiyalelo yenkantolo mayelana namaqembu abuthaka, okungabantu abaphila nokukhubazeka kwengqondo. Izinkantolo zizophinda zisizwe ekuthatheni izinyathelo ezisemethethweni futhi ezilandela inqubo okuyiyonayona ngokubheka imibiko yamathimba ongoti abunjwe ngokusemthethweni.

4. Imicimbi Ezayo

4.1. UMongameli waseZambia u-Edgar Lungu usohambweni oluSemthethweni lokuVakashela Umbuso WaseNingizimu Afrika kusukela zi-8 zize zibe yisi-9 Zibandlela 2016. Kulindeleke ukuthi kwethulwe Ikhomishani Yokubambisana Esemthethweni phakathi kwamazwe amabili, ezobhekelela isivumelwano jikelele sowe-1996 kanye neSimemezelo sezinhloso sowe-1999 esenza kuqale ukusebenza kwezivumelwano zamazwe amabili.

Amazwe amabili anobuhlobo obuhle bezokusebenzisana nezomnotho, njengoba iZambia isalokhu ingenye yamazwe amathathhu aphezulu iNingizimu Afrika ehwebelana nawo ezwenikazi lase-Afrika.

Impahla ethunyelwe iNingizimu Afrika eZambia ngowe-2014 kube ngeyezigidigidi ezingama-29.5 zamarandi, kanti iZambia ithumele eNingizimu Afrika impahla yezigidigidi ezi-3.6 zamarandi.

4.2. IKhabhinethi ivumile ukuba iNingizimu Afrika isingathe Umhlangano Wezobuchwepheshe Bezolwazi Nokuxhumana we-Afrika 2017 ngokubambisana ne-AfricanBrains ngoNtulikazi 2017.  Lo mhlangano uzoholwa nguMnyango Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo  Zeposi.

4.3. Mhla zi-9 Zibandlela 2016, uhulumeni wethu ngokubambisana neHhovisi Lokulwa Nezidakamizwa Nobugebengu leNhlangano Yezizwe (i-UN) neNyuvesi YaseNingizimu Afrika, bazophinda bagubhe Usuku Lomhlaba Lokulwa  Nenkohlakalo ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Sibumbene Ekulweni Nenkohlakalo". Nokuhambisana nomyalelo woHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe ukuqinisekisa izakhamuzi ezibamba iqhaza ezizosebenzisana nohulumeni ekulweni nenkohlakalo.

Kusukela ngonyaka wezi-2014 siqinisekise ukugwetshwa kwabantu nezinhlangano ezingamashumi ayisishiyagalolunye (90) ngamacala enkohlakalo nezinye izindaba ezihlobene nenkohlakalo. Amacala angamashumi amathathu nambili kube ngamacala lapho kubandakanyeka khona isamba semali eyizigidi ezi-5 zamarandi icala ngalinye nokwenza izigidigidi ezi-3.8 zamarandi.  Abantu abasele abashushiswa abangamashumi amahlanu nesishiyagalombili (58) kwakungamacala esamba esingaphansi kwezigidi ezi-5 zamarandi icala ngalinye, isamba sesisonke semali ebandakanyekayo yizigidi ezi-188 zamarandi.

Esikhathini esifanayo sikwazile ukuthola imiyalelo yokugodlwa kwempahla engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisikhombisa nanye (871) ebalelwa kuzigidigidi ezi-7.65 zamarandi kanye nemiyalelo yokushaqwa kwempahla eyinkulungwane namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye (1089) abalelwa kuzigidigidi ezi- 2.86 zamarandi.

Inkohlakalo kubhekwana nayo ngokusebenzisa izindlela eziningi, kubandakanya Imigomo Yokuziphatha Yabasebenzi Bakahulumeni; ukusungulwa kwamayunithi akhethekile alwa nenkohlakalo njengoPhiko Lokulwa Nobugebengu Obuhleliwe Lombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS); Uphiko Oluphenya Ngamacala Abucayi; Uphiko Lwamacala Akhethekile Ezokuhweba  Lophiko Lwezokushushisa Lukazwelonke, Iyunithi Yokudliwa Kwempahla kanye neSizinda Sezobunhloli Ngezimali. Le mizamo esekelwa yiZinkantolo Zamacala Ezokuhweba Akhethekile kanye nokuvulwa kwezinombolo zikazwelonke nezemikhakha zokubika inkohlakalo.

4.4. Ngonyaka wezi-2016 kuphela iminyaka engama-20 kwasayindwa uMthethosisekelo weRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika yowe-1996 ukuthi ube ngumthetho nguMongameli wangaphambilini uNelson Mandela eSharpeville mhla zi-10 Zibandlela 1996.

UMthethosisekelo wabeka isisekelo somphakathi obuswa ngentando yeningi labantu futhi okhululekile lapho uhulumeni egxile entandweni yabantu. Ungumphumela wohlelo olude lomzabalazo kanye nokuxoxisana phakathi kwamaqembu ezombusazwe amaningi lapho abezombusazwe, abameli kanye nabamele izinhlangano zemiphakathi badlala indima. Uthathwa njengeminye yemithethosisekelo eletha izinguquko futhi eqhubezela izwe phambili emhlabeni.

Ukugubha iminyaka engama-20 yoMthethosisekelo ngaphansi kwesihloko esithi: "Sigubha iminyaka engama-20 yoMthethosisekelo – ukuguqulwa komphakathi kanye nokubumba isizwe", uhulumeni uzosingatha uchungechunge lwemihlangano yokuxoxisana nomphakathi kanye nezinhlelo zokuqwashisa kanye nolwazi ngoMthethosisekelo, imigomo yayo kanye namalungelo abantu. Umcimbi kazwelonke uzobanjelwa eNkundleni Yezemidlalo i-George Thabe eSharpeville ngoMgqibelo, ziyi-10 Zibandlela 2016.

4.5. Umcimbi kazwelonke wokugujwa koSuku Lokubuyisana ngoLwesihlanu, 16 Zibandlela 2016 ngaphansi kwengqikithi ethi "Ukuvala Ukwahlukana ekubujweni koMphakathi Ongenabuhlanga", uzosingathwa eGopane Black Aces Ground, e-Zeerust eNyakatho Ntshonalanga.

4.6. IKhabhinethi idlulisa izilokotho zayo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika kulamaholidi kaKhisimusi azayo. Sinxusa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi zisize abantu kanye nemindeni emiphakathini yabo, ikakhulukazi izingane, abantu abadala kanye nabantu abakhubazekile.

4.7. Isimemezelo esenziwe yi-SAPS ukuthi izinxanxathela zezitolo zizoba seqhulwini ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi ukwenza isiqnisekiso ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baphephile futhi bazizwa bephephile. Ukusatshalaliswa kwamalungu amaphoyisa kanye namaphoyisa asaqeqeshwa kuzinxanxathela zezitolo ezweni lonke kuyingxenye yendlela yokuthi azibuye emasisweni ye-SAPS ukwenza ngcono ukubonakala kwamaphoyisa, ukwenza ngcono ukuqapha kanye nokunciphisa izinhlobo ezihlukahlukene zezobugebengu ezanda kakhulu ngamaholidi kaKhisimusi.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika, ngokuhambisana nemithwalo echazwe ku-NDP yethu, ukuthi babe yingxenye yesixazululo kanye nokuqinisekisa amaholidi kaKhisimusi aphephile najabulisayo awo wonke umuntu.

Njengoba abantu baseNingizimu Afrika bengena emigwaqeni bevakashela abangani nemindeni yabo, sicela niqaphele futhi niqinisekise ukuthi izimoto zikufanele ukuba semgwaqeni. Ukuthobela umkhawulo wejubane, ukufasa ibhande lokuphepha kanye nokungashayeli udakiwe akuxoxiswana ngakho ukuqinisekisa ukuphepha kwakho kanye nalabo abaseduze nawe.
Njengoba sithokozela isikhathi samaholide kaKhisimusi esizayo, sicela niqhubeke nokusebenzisa amanzi ngobuhlakani nangokucophelela njengoba amanzi esalokhu emancane.

5. Unyaka Odlule

Ngonyaka odlule kube nokukhula kwenani lezinhelo zotshalomali ezimenyezelwe ezweni, okukhombisa ukwenyuka kwezinga owethenjwa ngalo umnotho waseNingizimu Afrika  ngabatshalizimali. Kuphinde kubonise ukuthi izwe lethu liyasimama futhi liyaqhubeka nokuba yizwe okungatshalwa kulo izimali. Ukuqaliswa kokusetshenziswa koHlelo Lwamaphuzu Ayisishiyagalolunye, Uhlaka Lokusebenza Kwesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) kanye nokungenelela okufana ne-Operation Phakisa kusibeke endaweni efanele yokufeza Umbono we-2030 we-NDP.

Sidale amathuba ezohwebo amasha okuhloswe ngawo ukuvula ukufinyelela ezimakethe kanye nokuqinisa ubudlelwano bezomnotho obukhona njengamanje. Lokhu kwaqala ukusetshenziswa ngemihlangano ephakathi kwamazwe amabili ebihlose oNgqongqoshe bakaHulumeni, imihlangano nalabo okungaba ngabatshalizimali, ukuxoxisana neZinhlangano Zezokuhweba ezihlukahlukene kanye nokubamba iqhaza kuzithangami zikazwelonke kanye nemicimbi yokukhuthaza ezokuvakasha.

Lezi zinyathelo zikhuphule ukudayiswa kwempahla ethunyelwa ngaphandle ngezigidigidi ezi-1.2 zamarandi nokwenza isamba esikhulayo sezigidigidi ezi-3.8 zamarandi kulo nyaka. Olunye Utshalomali Oluqhamuka Ngaphandle (i-FDI) olungenayo lumele i-FDI eyizigidigidi ezi-13.1 zamarandi kakhulukazi emkhakheni wezamandla namakhemikhali. Lokhu kwenza isamba se-FDI sibe yizigidigidi ezingama-30 zamarandi.

Ezokuvakasha kwabamazwe ngamazwe ziyaqhubeka nokuba yingxenye ebalulekile yemizamo yethu yokusebenzisa ezomnotho ukufeza izinhloso zezwe, zibe nomthelela ekwakhiweni kwamathuba emisebenzi kanye nokukhula komnotho. Izibalo zabavakashi abafikayo zenyuke nge-14,8% ngowezi-2016 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngowezi-2015. Isamba sezigidigidi ezingama-39.3 zamarandi semali yangaphandle echithwe kuleli satholwa ngezinyanga zokuqala zowezi-2016, nokunomthelela ekwakhiweni kwamathuba emisebenzi futhi kuzinzise umnotho wezwe. Lolu lwazi luqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika isalokhu ithandwa kakhulu yizivakashi eziqhamuka kumazwe ngamazwe.

Njengengxenye yoHlelo Lukazwelonke Lwengqalasizinda sibone utshalomali kungqalasizinda yezemfundo, ezempilo, ezamanzi, ezamandla kanye nezokuthutha. Konke lokhu kudale amathuba emisebenzi futhi kwenza ngcono izimpilo zabantu bakithi. Ukuzinziswa kukagesi kuqinise ukuphakelwa kukagesi eNingizimu Afrika.

Imihlangano eyahlukahlukene yokuxoxisana ngezinhlelo zomhlaba iholelele ekusayinweni kwezivumelwano zokusebenzisana kanye nezinye izivumelwano. Lezisivumelwano zisebenza njengesisekelo sezinhlelo zentuthuko zomnotho kanye nokuhlangabezana nezinhloso zethu ze-NDP.

Sibambe ngempumelelo Ukhetho Lohulumeni Basekhaya futhi saphinda sasingatha, ngomoya wobuntu, imicimbi emikhulu. Lemicimbi ibandakanya: i-AfricaCom; Isithangami Sokubuswa Kwe-inthanethi e-Afrika; i-COP17) ngeSivumelwano Sohwebo Lomhlaba Ngezilwana Nezihlahla Zasendle Ezisengozini Yokushabalala (i-CITES); Umhlangano wama-35 We-Geology; Umhlangano Womhlaba we-AIDS kanye neminye eminingi. INingizimu Afrika isibe yindawo ethandwa kakhulu ukuthi kuyiwe kuyo emhlabeni.

IKhabhinethi iyajabula ngokuthi abafundi abaningi ezikhungweni zemfundo ephakeme ezweni lonke baye balinanela ikhwelo lokutakula uhlelo lokufunda lonyaka wezi-2016 futhi incoma izinkulungwane zabafundi ababhale ukuhlolwa kwabo kokuphela konyaka.

Amaqembu ezemidlalo ezwe kanye nabagijimi baphakamise ifulegi lethu phezulu ngokudlala kwabo kanye nomoya kuma-Olimpiki ase-Rio awezi-2016 kanye nakweminye imicimbi yezemidlalo. Abantu baseNingizimu Afrika emikhakheni ehlukahlukene basikhuthazile ngamakhono nangethalente labo futhi bathola izindondo zikazwelonke nezomhlaba. INingizimu Afrika yisizwe esinqobayo.

6. Amazwi enduduzo nemiyalezo yokuhalalisela:

IKhabhinethi ihalalisela:

6.1. Iqembu le-Springbok Sevens ngokundizisela phezulu ifulegi lezwe ngokunqoba i-HSBC World Rugby Sevens Series e-Dubai.

6.2. Umqeqeshi wezokugwedla waseNingizimu Afrika osenqobe amahlandla amabili kuma-Olimpiki, uRoger Barrow, omenyezelwe njengoMqeqeshi Wezokugwedla Wonyaka yiNhlangano Yezokugwedla Yomhlaba.

6.3. Osanda kukhethelwa ukuba nguMongameli u-Adama Barrow, okhethelwe ukuba ngumongameli omusha waseGambia futhi siyathemba ukuthi ukusebenzisana kwangomuso kuzohlomulisa amazwe amabili.

Amazwi enduduzo:

6.4. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo kubantu baseCuba ngokudlula emhlabeni kowayenguMongameli wabo wangaphambili futhi iqhawe lamavukelambuso El Commandante Jefe Fidel Castro Alejandro Ruz, owanikela impilo yakhe enkululekweni nakumazibuse. UMongameli Zuma wayengomunye weZinhloko Zombuso Nohulumeni ezamenyelwa ukuthi zikhulume kwinkonzo ekhethekile eyayibanjelwe e-Cuba. U-Castro wamelana nokuthathwa kwezwekazi lase-Afrika futhi wadlala indima ebalulekile ekuqhubezeni umzabalazo wenkululeko weNingizimu Afrika.

6.5. Bonke abantu baseNingizimu Afrika bayamenywa ukuba babonise ubumbano nabantu baseCuba ngokusayina izincwadi zamazwi enduduzo ezibekwe e-Union Buildings ePitoli, e-Tuynhuys eKapa kanye nasemahhovisini oNdunankulu kuzo zonke izifundazwe.

6.6. IKhabhinethi idlulisela amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu be-Federative Republic of Brazil, ikakhulukazi imindeni, abangane kanye nozakwabo bazo zonke izisulu zendiza ebiqashiwe ephahlazeke esifundeni esinezintaba saseColombia. IKhabinethi ifisela labo abasindile ukwelulama okusheshayo.

6.7. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwesishoshovu somzabalazo esidumile uRiot Makhomanisi Mkhwanazi, futhi owaklonyeliswa nge-Order of Mendi for Bravery ngegalelo lakhe emzabalazweni wenkululeko yezwe.

6.8. IKhabhinethi idlulisele amazwi enduduzo emndenini nakubangani bomculi wokholo owine izindondo eziningi uSifiso Ncwane, obengomunye wabaculi bomculo wokholo abaphambili abakhiqizwe yiNingizimu Afrika.

IKhabhinethi ibonga:

6.9. amalungu emithombo yezindaba ngendima abayidlalile ekuqinisekiseni ukuthi izinqumo zeKhabhinethi zidluliselwa kubantu baseNingizimu Afrika ukuze bakwazi ukubamba iqhaza benolwazi ezindabeni zomphakathi.

6.10. amavolontiya kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni ngokuzinikela ekusizeni abanye kuwo wonke amazinga empilo, ngomoya wobuntu.

6.11. abamabhizinisi kanye nezinhlangano zabasebenzi ngendima abaqhubeka nokuyidlala ekuqinisekiseni ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele ukukhula komnotho okulinganayo.

6.12. bonke abantu baseNingizimu Afrika ekuphileni kwabo kwansuku zonke abadlala indima ebalulekile ebumbeni iNingizimu Afrika yabantu bonke.

7. Abaqashiwe:

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

7.1. Mnu. Alvin P Rapea njengoNobhala Wamaphoyisa.

7.2. Nkz. MS. Bronkhorst njengeSikhulu Esiphethe Esiphezulu eMnyangweni Wezabasebenzi.

7.3. Mnu. D Mashitisho njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) woMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle.

7.4. Nkz. L Shange njengePhini lika-DG: Ezokulawula e-DPSA.

7.5. Nkz. TA Fosi njengeMenenja Jikelele: Ukuphatha Okubalulekile e-Government Printing Works.

7.6. Dkt. Valanthan Munsami njengoMphathi Oyisikhulu Esiphezulu (i-CEO) kuNhlangano Kazwelonke Yezomkhathi YaseNingizimu Afrika.

7.7. Abaqondisi Abangesiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla kuBhodi ye-SENTECH:
a) Nkz. Ntombizodwa Petunia Mbele (oqokwe kabusha);
b) Nkz. Reitumetse Jacqueline Huntley (oqokwe kabusha); kanye
c) noNkz. Lungile Myrtle Ndlovu.

7.8. Nkz. NJ Dewar njengoMphathi Omkhulu Wezimali Eposini LaseNingizimu Afrika.

7.9. Amalungu Angesiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla kuBhodi yeNhlangano Yezobuchwepheshe Kahulumeni:
a) Mnu. Zukile Nomvete (oqokwe kabusha futhi onguSihlalo);
b) Nkz. Seadimo Hessie Chaba (oqokwe kabusha);
c) Mnu. Graeme Alvan Victor (oqokwe kabusha);
d) Nkz. Nokuzola Nelly Ehrens;
e) Mnu. Mahomed Talib Sadik;
f) Nkz. Phuti Matlala;
g) Nkz. Nelisiwe Magubane;
h) Adv Ndumiso Mahlangu;
i) Dkt. Vuyokazi Felicity Mahlati;
j) Mnu. Nkhangweleni Walter Mudau (omelet i-DPSA);
k) noMnu. Job Stadi Mngomezulu (omele uMnyango Wezezimali Kazwelonke).

7.10. Amalungu Angesiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla kuBhodi ye-Universal Service and Access Agency of South Africa:
a) Nkz. Mawethu Cawe (Usihlalo);
b) Mnu. Xola Gladman Stock;
c) Nkz. Jabulile Nkosi;
d) noMnu. Linda Cecil Nene.

7.11. I-Central Energy Fund (SOC) LTD:
a) Mnu. Luvo Lincoln Makasi (Usihlalo);
b) Mnu. Mosimaneotsile Jim Besnaar; kanye
c) noMnu. Neville Israel Mompati.

7.12. Abalawuli Bakazwelonke Bakagesi eNingizimu Afrika:
a) Mnu. Christopher Forlee (njengo-CEO nelungu elisebenza ngokugcwele elilawulayo).

7.13. Inhlangano Yezamandla Enuzi YaseNingizimu Afrika:
a) Mnu. Phumzile Tshelane (oqokwe kabusha njengo-CEO);
b) Dkt. Gregory Jerome Davids; kanye
c) noMnu. Samuel Matlobela Sekgota.

7.14. Amalungu Esigungu Sesikhungo Sikazwelonke Sokulahlwa Kwemfucuza ene-Radioactive:
a) Mnu. Tshepo Mofokeng (Usihlalo);
b) Mnu. Luvuyo Mkontwana (Iphini Likasihlalo);
c) Mnu. Trevor Mark Gordan;
d) Dkt. Barry Kistnasamy;
e) Nkz. Mbali Ndlovu;
f) Mnu. Lebohang Sam Moleko;
g) Nkz. Lerato Makgae; kanyr
h) No-Adv Mothusi Lucas Tsineng.

7.15. Amalungu eBhodi Kazwelonke Yokulawulwa Kwenuzi:
a) Dkt. Thapelo Motshudi (Usihlalo futhi oqokwe kabusha);
b) Dkt. Pamela Zibuyile Dube (Iphini Likasihlalo);
c) Inxusa Mochubeloa Jacob Seekoe;
d) Mnu. Abraham Pieter Le Roux;
e) Nkz. Phoibe Elsie Monale;
f) Mnu. Protas ThaNkz.anqa Phili;
g) Nkz. Bridgette Motshidisi Mokoetle;
h) Mnu. Jeffrey Leaver (oqokwe kabusha);
i) Dkt. Bethuel Sehlapelo (oqokwe kabusha);
j) Mnu. Kabelo Samuel Kakoma (oqokwe kabusha); kanye
k) noNkz. D Bendeman (omele Umnyango Wezemvelo).

7.16. Mnu. Siyabulela Tsengiwe njengoKhomishana Omkhulu weKhomishani Yokuphatha Uhwebo Lomhlaba.

7.17. Amalungu Angesiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla kuBhodi Yenhlangano Yokusingatha Izithuthi Zomgwaqo:
a) Mnu. Zola Malvern Percival Majavu (oqokwe kabusha futhi njengoSihlalo);
b) Nkz. Thembeka Mdlulwa (oqokwe kabusha);
c) Nkz. Pinkie Mathabathe (oqokwe kabusha);
d) Nkz. Daphline Harridene Charlotte-Ann Ewertse (oqokwe kabusha);
e) Mnu. Thulani Matiki Norman Kgomo (oqokwe kabusha);
f) Prof Maredi Ivan Mphahlele;
g) Nkz. Thandi Clarah Thankge; kanye
h) noDkt. Eddie Mogalefi Thebe.

7.18. Inkantolo Yokudlulisa Amacala Yebhodi Ymafilimu Nokushicilela:
a) Nkz. Nonkoliso Isabela Sigcau;
b) Nkz. Nonduduzo Samukelisiwe Kheswa;
c) Adv Thembelihle Pretty Mapipa-Ndlovu;
d) Nkz. Manko Talitha Tsoehlisi;
e) Mnu. Sizwe Lindelo Snail;
f) Mnu. Lutendo Joy Malada;
g) Slz Adelaide Simangele Verah Magwaza;
h) Mnu. Christopher Mamathuntsha; kanye
i) noDkt. Mbulaheni Mulaudzi.

7.19. Mnu. PK Legodi njengoCEO we-Lepelle Northern Water.

7.20. Amalungu Omkhandlu weSigungu Esilawula Imboni Ezimele Yonogada:
a) Mnu. Humphrey Nhlanhla Ngubane;
b) Mnu. Zwile Zulu;
c) Mnu. Methews Thembinkosi Oliphant; Kanye no-
d) Maj Gen Cynthia Lindiwe Pilison.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Mnu. Donald Liphoko
Inombolo yocingo: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore