Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-21 Mfumfu 2015

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi yeseka imizamo emenyezelwe uNgqongqoshe Wezezimali uNhlanhla Nene Esitatimendeni Samaphakathi Nesikhathi Sesabelozimali.  Le mizamo izolawula umnotho ngezikhathi zokwehla kwamandla okukhula komnotho kanye nokuba ntekenteke.

INingizimu Afrika yenze inqubekela phambili ekuguqukeni komphakathi kanye nasekubhekaneni nezinto eziyizithiyo zokukhula komnotho. UNgqongqoshe Nene wethule uhlaka lwezindleko zezwe lweminyaka emithathu ezayo. Uhlaka lwezindleko luzoqinisekisa ukuthi uhulumeni uhlala esemgqeni lapho enza izinhlelo zakhe njengoba zibaluliwe Kuhlelo Lukazwelonke Lwentuthuko (i-NDP). Izinto eziqavile eziseqhulwini zizohlala zibe umongo wezinhlelo zezindleko zaphakathi nesabelo saphakathi nonyaka.

IKhabhinethi iphinde yeseka izinyathelo zokubopha amaxhama kukahulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinto eziseqhulwini kuhulumeni azithikamezeki nhlobo.

IKhabhinethi yemukele uhambo lukaMongameli lomsebenzi e-Democratic Republic of Congo (DRC) kusukela ngomhla ziyi-16 kuya kumhla ziyi-17 Mfumfu 2015. Esikhathini seminyaka eyishumi ezayo Ikhomishini Yamazwe Amabili izoqinisa ukuqaliswa kokusebenza kwemiklamo ehlanganyelwe, ikakhulukazi i-Grand Inga Hydropower Project. Umklamo uzoholela komunye umthombo owengeziwe wezamndla agesi ukwengeza emandleni kagesi ezwe kanye Nasesizindeni SaseNingizimu ne-Afrika yonkana.

1.2. IKhabhinethi yamukela ukuphethwa ngempumelelo kohambo lomsebenzi lwePhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa elibangise e-Stockholm, eSweden kusukela mhla ziyi-18 kuya kumhla zingama-20 Mfumfu 2015, lapho ebengusihlalo ngokuhlanganyela esiwombeni sesishiyagalolunye Sekhomishini Yamazwe Amabili, i-Ningizimu Afrika ne-Sweden, lapho kwethulwe kuyona ikomidi lezemvelo, amandla kagesi nezamanzi.

2. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

2.1. IKhabhinethi ivumele ukugunyazwa Kwemigomo Yezinga Eliphezulu Yokusebenza Ngokungafihli Lutho Kwamalungu amazwe e-G20.  Imigomo ibeka ngokusobala izinyathelo izwe ngalinye eliyilungu okufanele ilithathe ukuze livikele ukuxhashazwa nokusetshenziswa ngokungeyikho kwabantu bomthetho nezivumelwano zobunikazi.

IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukusungulwa kweKomidi leminyango eyahlukene elizobhekelela ukuqaliswa kokusebenza koHlelo Lwezwe Lokusebenza.  Ikomidi lizoqalwa uMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo. 

Imigomo yezinga eliphezulu izokwenza ngcono ukusebenza ngokusobala kwabantu bomthetho kanye nezinhlelo okubalulekile ukuvikela isimilo esihle nokuvuleleka kohlelo lwezimali lomhlaba.

Ukuvikela ukuxhashazwa nokusetshenziswa ngokungeyikho kwalezi zinhlaka nokusebenzisela inhloso engekho emthethweni okufana nenkohlakalo, ukubalekela ukukhokha intela kanye nokukhwabanisa kweseka izimpokophelo ze-G20 zokunyusa ukukhula ngotshalomali embonini ezimele.

2.2. IKhabhinethi ikwamukele ukuthatha kweNingizimu Afrika isikhundla sokuba uSihlalo weKomidi Elishayela Ukusebenza Kukahulumeni Ngokuvulelekile (i-OGP) ngowezi-2015-2016. IKhabhinethi iphinde yamukela Uhlaka LweNingizimu Afrika Lohlelo Lokusebenza Lukazwelonke Lwesithathu.

I-OGP umzamo womhlaba owenziwe inhlanganisela yohulumeni abaphambili nezinhlangano zomphakathi ezisebenza ukwandisa ukusebenza okungafihli lutho nokuphendula ngokwenziwe kuhulumeni – ngezinjongo zokukhuphula ukuphendula kukahulumeni ezidingweni zezakhamuzi, ukulwa nenkohlakalo, ukukhuthaza ulwazi kwezomnotho, ukucijisa amakhono okwenza izinto ezintsha, kanye kokuthuthukiswa ukulethwa kwezinsiza. Kusukela isungulwa i-OGP, iNingizimu Afrika ibe yilungu eliqavile leKomidi Elishayelayo, nokuyinhlangano ephezulu kakhulu eyenza izinqumo.

2.3. IKhabhinethi igunyaze ukuba Isivumelwano Somhlaba Sokubhekana Kwabantu Nezindleko Ezidalwa Umonakalo Wawoyela, sowezi-2001 silethwe phambi kwePhalamende ukuze isivume.

Isivumelwano, i-Bunkers Oil Convention, siqinisekisa ukuthi bonke abayingxenye bayahlomula ekuchitshiyelweni komonakalo owenzeke ngenxa yengozi eyenzeke kwingxenye yabo yolwandle. Lesi sivumelwano sizoqondana kuphela nezingozi zemikhumbi yawoyela ezingeyona ingxenye yezinye izivumelwano zomhlaba. 

INingizimu Afrika ngeke ithwale ukulahlekelwa ngokomnotho noma izindleko zokucoca ezidalwe ukukhishwa komkhumbi wawoyela ngaphakathi emingceleni, endaweni kanye nasesizindeni sezomnotho kepha kuyoba umnikazimkhumbi noma umhlinzeki ngomshuwalensi.

Isivumelwano siphinde saqinisekise ukuthi ukunxephezela okwenele, okusheshayo, kanye nokuyimpumelelo kuyatholakala kubantu abathola ukulimala okudalwe ukuchitheka kukawoyela, lapho uthwelwe njenge-fuel emkhumbini.

2.4. IKhabhinethi igunyaze imiklamo yezinhlamvu zemali zeNkampani Ekhiqiza Izinhlamvu Zemali eNingizimu Afrika zangowezi-2015 nowezi-2016 zezinhlamvu zemali eziyizikhumbuzo kanye nezizosetshenziswa. Lesi siqubulo siveza umlando wamagugu eNingizimu Afrika (odlule nowamanje), izilwane nezitshalo zakhona kanjalo nezimpumelelo ezifeziwe emphakathini kanjalo nokuhambisana nokwenzekayo emhlabeni-jikelele mayelana nezinhlamvu zemali.

a) Ukubungazwa kochungechunge lohlamvu lwemali kowezi-2015 – Umgubho Wonyaka We-200 Coinage of Griqua Town
b) Ukubungazwa Kohlamvu Lwemali yaseNingizimu Afrika kowezi-2015 – Intinginono      
c) Uchungechunge lwe-Protea lwangowezi-2016 – Impilo Yesithwalandwe: NR Mandela
d) Uchungechunge lwe-Natura lwangowezi-2016 – Izilwane Ezizingela Ebusuku(Impisi)

e) Uchungechunge lwe-Izilwane ezihubuluzayo zaseNingizimu Afrika lwangowezi-2016 (Unwabu Oluncane LwaseKapa)
f) Uchungechunge lwe-Biosphere Reserve lwangowezi-2016 (Cape West Coast Biosphere)
g) Uchungechunge lwe-Silver lwangowezi-2016 – South Africa’s Marine Protected Areas.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi igunyaze uMthethosivivinywa Webhange Lentuthuko Elisha ukuba wethulwe phambi kwePhalamende. Lokhu kuzokwenza ukuba iNingizimu Afrika ikwazi ukukhokha isitolimende sayo sokuqala sekhephithali yezigidigidi zamarandi ezimbili eBhange Lentuthuko Entsha eliholwa yi-BRICS ngonyakamali wezi-2015/2016.

IBhange Lentuthuko Entsha yibhange lentuthuko lezinhlaka ezahlukene elilawulwa ngamazwe e-BRICS (i-Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika) ukuze kukhuthazwe ukusebenzisana nentuthuko evelele kulezi zinhlaka ezifufusayo ezinhlanu.

3.2. IKhabhinethi yamukele ukushicilelwa Kokuchitshiyelwa koMthethosivivinywa Welabhorethri Kazwelonke Yosizo Lwezempilo, wezi-2015 kuSomqulu Kahulumeni, ukuze umphakathi uphawule ngayo. Izichibiyelo ziqinisa ukuphathwa kanye nezindlela zokuxhaswa ngezimali Kwelabhorethri Kazwelonke Yosizo Lwezempilo ukuze kuphuculwe ukufinyeleleka kosizo lwezempilo.

UMthethosivivinywa uqinisekisa ukuthi umongo osemqoka Welabhorethri Kazwelonke Yezempilo ukuhlinzeka ngosizo lokuxilonga kwezempilo emphakathini.

3.3. IKhabhinethi yamukele ukwethulwa koMthethosivivinywa Wezimali, wezi-2015 phambi kwePhalamende.

UMthethosivivinywa uhlinzekela ukugunyazwa kukahulumeni kazwelonke kwezindleko ezingagunyaziwe njengecala elibhekiswe Esikhwameni Sikazwelonke Sezimali Zezwe. Ulandela isigaba 34 soMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zezwe, sowezi-1999, futhi uvumela ukuqaliswa kokusebenza kwezincomo zeKomidi LesiShayamthetho sikaZwelonke mayelana Nezimali Zomphakathi. UMthethosivivinywa uqinisekisa ukungamela okuhle nokuzinzile kwezindaba zezimali zikahulumeni kanye nokuthi imali egunyazwe ukusetshenziswa igunyazwa ngokuhambisana nohlaka lwezomthetho olusebenzayo.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli Jacob Zuma uzothamela Ingqungquthela yesiThathu Yesithangami se-India ne-Afrika phakathi komhla zingama-26 kuya kuma-29 Mfumfu 2015 e-New Delhi, eIndia. Ingqungquthela yowezi-2015 yelulelwe ukuba ibandakanye zonke izizwe zase-Afrika ezingama-54 kanti futhi izokhuthaza uhwebo iphinde ibhekane nezinselele ezivamile.

4.2. UMongameli Jacob Zuma wamukele uMongameli waseMozambique u-Filipe Nyusi ezindlini zombuso, i-Union Buildings eTshwane izolo. Womabili amazwe anobuhlobo obuqinile kwezomnotho lokhu kubonakale ezivumelwaneni zokusebenzisana azisayinile ezingama-60 ezimbonini ezahlukahlukene.

4.3. Uhambo lomsebenzi lwePhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa elibhekise e-Havana, e-Cuba kusukela ngomhla zingama-22 kuya kumhla zingama-26 Mfumfu 2015, luzophinde luqinise ubudlelwano bezepolitiki nezomnotho obukhona phakathi kwala mazwe womabili.

4.4. I-African Union iqhuba i-AMANI AFRICA (Peace in Africa) II Field Training Exercise e-South African Army Combat Training Centre e-Lohatla eNyakatho Kapa kusukela ngomhla ziyi-19 kuMfumfu kuya kumhla ziyisi-7 kuLwezi 2015. Abalelwa kwayizi-5 400 amasosha, amaphoyisa kanye nezinhlaka nezakhamuzi ezimele zonhlanu Izinhlaka Zezinda Zomnotho ze-AU ezizoba yingxenye yalo mnyakazo.
Injongo ukuhlolisisa isimo sokuma ngomumo koMbutho Wezempi Wase-Afrika kanye Namandla ayo Okuphangisa Ukukhipha Amabutho okugcina ukuthula ukuze kufinyelele esimweni Sokusebenza Ngokugcwele uma kufika uZibandlela wezi-2015.

4.5. IKhabhinethi ifisela bonke abafundi ikakhulukazi baMatikuletsheni wezi-2015 konke okuhle kulokhu kuhlolwa kwabo Kwesitifiketi Esiphakeme Sikazwelonke kowezi-2015 (i-NSC), okuzoqala mhla zingama-26 Mfumfu 2015 kuqhubeke kuze kube ngama-27 Lwezi 2015. Kulo nyaka bayizi-801 688 abantu ababhalisele ukubhala ukuhlolwa kanti abayizi-674 232 babo bafunda ngokugcwele bese abayizi-127 456 bafunda ngokungagcwele. Okunye okube yimpumelelo kube yinani elinyukile labafundi abaphothule ukufunda kwabo.

Bonke abazali nabanakekeli bezingane bayakhuthazwa ukuba beseke izingane zabo emalungiselweni azo okubhala.

4.6. UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzogubha Inyanga Kazwelonke Yokuqwashisa Ngamalungelo Abakhubazekile kusukela mhla zi-3 kuLwezi kuya kumhla zi-3 kuZibandlela 2015 nokuphinde kube Usuku Lomhlaba Lwabantu Abaphila Nokukhubazeka.

Le nyanga ihlinzeka ngenkundla yokuba uhulumeni, umphakathi, abamabhizinisi kanye nabasebenzi babheke inqubekela phambili asebeyenzile ekugqugquzeleni nasekuvikeleni amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka. IKhabhinethi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokuqeda izithiyo, ezivimbela abantu abaphila nokukhubazeka ukuba bahlanganyele ngokugcwele emphakathini nasemnothweni.

4.7. Isikhungo Solwazi Nobuchwepheshe Bombuso (i-SITA) kuzothi ngalo nyaka baphathe Inkomfa Yeshumi Yezobuchwepheshe Kuhulumeni, ezogxila ekulethweni kwezinsiza embonini Yezobuchwepheshe Bokuxhumana kuhulumeni. I-GovTech 2015 izoba ngomhla zingama-25 kuya kumhla zingama-28 kuMfumfu 2015 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ukubambisana Ukuze Kulethwe Izinsiza", ngaphansi kwesihlokwana esithi 'Sixhumanisa Imiphakathi Ukuze Kube Nentuthuko Nokudlondlobala'.

Izophinde yethule ama-ICT Public Service Delivery Awards. Yeseka i-‘South Africa Connect’, njengoba yethulwa uMongameli Jacob Zuma Enkulumweni Yakhe Echaza Isimo Sezwe yowezi-2014, ngokuhlinzeka ngenkundla yokuthola izisombululo ezisebenzisekayo neziletha inqubekela phambili esizweni esisakhula kusetshenziswa amathuluzi e-ICT.

4.8. IKhabhinethi igunyaze ukuba khona Kweviki Lokugxila Ezimbizweni Likazwelonke kusukela ngomhla zingama-30 kuLwezi kuya kumhla ziyisi-6 kuZibandlela 2015 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Sisonke Siqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili". Lesi sikhathi sokuxhumana okuqondile sizoveza inqubekela phambili eseyenziwe kufezwa izinjongo Zohlelo Lwamaphuzu Ayisishiyagalolunye okukhulisa umnotho waseNingizimu Afrika.

Siphinde sihlinzeke ngenkundla yokuzibandakanya komphakathi ezingxoxweni eziphusile zokusimamisa umnotho. Amalungu Esigungu Esiphezulu ayanxuswa ukuba anikele ngesikhathi sawo alekelele lapho kwelulwa zindlela zokuba lo mkhankaso ufinyelele ezindaweni ezingaphandle kwaleli. Kumele kugxilwe ekwelulweni kobudlelwane kanye nezindaba zobufakazi obuvela kubahlomuli. Uphiko Lohlelo LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS) lunomsebenzi wokuxhumanisa umkhankaso futhi luzosabalalisa isu eliphelele lokusebenza, kubandakanya nemiyalezo eqavile kanye nohlelo lwabomthombo wezindaba.

5. Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Esisematheni

5.1. Amazinga okushisa alokhu ephezulu ezingxenyeni zezwe eziningi agqamisa ukubaluleka kokusetshenziswa kwamanzi ngokucophelela kubo bonke abantu. IKhabhinethi igqugquzela ukuba bonke abantu baseNingizimu Afrika basebenzise amanzi ngokuqikelela futhi bayonge le ngcebo eyigugu.

Abantu abahlala KwaZulu-Natali bayanxuswa ukuba balandele imigomo abayibekelwe yamanzi njengoba isifundazwe sibhekene nesomiso esikhulukazi esingakaze sibonakale emva kweminyaka eminingi. Abantu baseNingizimu Afrika kufanele bonge amanzi ngokuba bangasebenzisi amapayipi lapho begeza izimoto, bechelela izingadi kusihlwa, bagade amamitha amanzi lapho eveza ukusetshenziswa kwamanzi okuphakeme baphinde balungise ompompi abaconsayo.

5.2. IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balabo abalahlekelwe yizimpilo zabo ngenkathi kudilika isibhaxa sebhuloho lesikhashana i-Great Walk Bridge ku-Grayston Drive e-Sandton.
IKhabhinethi iphinde ifisela labo abalimala ukululama okusheshayo. IKhabhinethi ishayela ihlombe bonke abosizo oluphuthumayo, iDolobha laseGoli kanye noHulumeni Wesifundazwe saseGauteng ngendlela abaphangisa ngayo kanjalo nabezokuthutha baseGauteng abangenelela ukusiza abagibeli.

IKhabhinethi idlulisa ukubonga kubagibeli ngokubekezela kwabo ngenkathi kucocwa indawo yenhlekelele. IKhabhinethi inxusa ukuba uphenyo oluqhubekayo lwenziwe ngendlela futhi nangokushesha ukuze kufinyelelwe kumbangela yalesi sehlakalo kuphindwe kugwenywe ukuba kuphinde kwehle into efanayo. IKhabhinethi inxusa ukuba kube nokubekezela ngenkathi uphenyo lusaqhubeka.

5.3. IKhabhinethi yamukela imiphumela yowezi-2015/16 ye-World Economic Forum's annual Global Competitiveness Index, lapho iNingizimu Afrika ikhuphuke izindawo eziyisikhombisa isuka kuma-56 yaya kuma-49 emazweni ayi-140.

Izindawo iNingizimu Afrika ebe nentuthuko kakhulu kuzona kubalwa: ezempilo kanye nezemfundo eyisisekelo (ikhuphuke ngezindawo eziyisithupha), ukusebenza ngendlela embonini yezabasebenzi (ikhuphuke ngezindawo eziyisithupha), ukufaneleka kwezobuchwepheshe (ikhuphuke ngezindawo eziyi-16), kanye nobuciko bokusungula izinto ezintsha (ikhuphuke ngezindawo eziyisi-5).

Lokhu kukhombisa ukuthi ndawonye singenza okuningi. IKhabhinethi ibiza abamabhizinisi nabezinhlangano zomphakathi ukuba baqhubeke nokuhlanganyela nohulumeni ekufukuleni umnotho uye ezingeni eliphezulu

5.4. IKhabhinethi ihalalisela i-Industrial Development Corporation (IDC) egubha iminyaka engama-75 yasungulwa kule nyanga. I-IDZ iyinsiza yazwelonke futhi eminyakeni engama-21 edlule yentando yeningi labantu, ibe negalelo kakhulu ekwenyukeni komnotho, amathuba okwakhiwa kwezimboni kanye nokulethwa koshintsho emnothweni.

Kusukela ngowe-1994, i-IDZ itshale izigidigidi zamarandi ezingama-150 eNingizimu Afrika kanye nase-Afrika yonkana. Kulezi zigidigidi zamarandi ezingama-60 ezitshalwe ezinkampanini lapho abantu baseNingizimu Afrika abamnyama benamasheya okungenani angama-25%.

Izigidigidi zamarandi angama-20 zitshalwe kulesi sikhathi e-Afrika yonkana, ukusiza ukuqinisa ukukhula e-Afrika kanye nentuthuko kanjalo nokuba negalelo ekwakhiweni kwamathuba emnothweni waseNingizimu Afrika. 

Eminyakeni emihlanu edlule, isize ukuletha izigidigidi zamarandi eziyi-103 zivela kophathina abangabatshalizimali embonini ezimele nokwenze umthelela kwezokutshalwa kwezimali kwafinyelela ezigidigidni zamarandi ezingama-163.

Esikhathini lapho umnotho ubhekene nezingqinamba ezintsha kanye neziphepho, i-IDC kuzokulindeleka ukuba ikhulise igalelo layo emnothweni kanye nasekukhuliseni umthelela oguqukweni, kugxilwe ekuqhakambiseni osozimboni kanye nokuhlonyiswa kwentsha.

5.5. IKhabhinethi ihalalisela Amabhokobhoko ngokuba akwazi ukudlulela emzuliswaneni wemidlalo yangaphambi kowamanqamu Wendebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo futhi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba beseke iqembu lethu lesizwe njengoba lisempini yokuletha iNdebe Yomhlaba ekhaya okwesithathu.

IKhabhinethi ifisela Amajimbosi okuhle njengoba esemqhudelwaneni Wendebe Yomhlaba we-FIFA yabaneminyaka engaphansi kweli-17 e-Chile kusukela mhla ziyi-17 kuMfumfu kuya kumhla ziyi-8 kuLwezi 2015.

IKhabhinethi ihalalisela i-Orlando Pirates ngokufinyelela kowamanqamu weNdebe i-2015 Orange CAF Confederation neBanyana Banyana ngokuphumelela ukungena emiDlalweni Yama-Olimpiki yowezi-2016.

5.6  IKhabhinethi iphinde idlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani bowayeyisiKhulu Esiphezulu seKomiditi Elalihlela i-2013 African Cup of Nations (i-Afcon) kanye ne-African Nations Championship (i-Chan) aphinde abe Yisikhulu Esiphezulu sakwa-SABC‚ uMvuzo Mbebe odlule emhlabeni ngoMsombuluko ebusuku.

5.7 IKhabhinethi idangele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaMlungisi Sisulu, indodana yesibili ya-Walter no-Albertina Sisulu, ngakho ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani.
UMnumzane Sisulu wadlala indima eqavile kakhulu ezinhlakeni zikaKhongolose zomshoshaphansi ngeminyaka yawo-1980, evikela amabutho Omkhonto Wesizwe esitodlwaneni sakhe esincane eSoweto, esasaziwa nge-Shop 7, ezibeka yena uqobo lwakhe engcupheni.

IKhabhinethi isho ngazwilinye noMongameli Jacob Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo emndenini nakubangani bomunye wabalingisi bekhethelo eNingizimu Afrika, uSammy Moeti odlule emhlabeni ngoMsombuluko, ngomhlaka 13 kuMfumfu 2015, emva kokugula isikhathi eside.

5.8 IKhabinethi idingide ngokujulile izibhelu zakamuva zabafundi lapho bebetelekela ukuba kunganyuswa imali yokufunda yangowezi-2016 emanyuvesi. IKhabhinethi ikhalisana kanye nabafundi ezikhalweni zokuthi izindleko zemfundo yezikhungo eziphakeme zimba eqolo futhi azifinyeleleki kubafundi abavela emindenini empofu.

Imfundo ingenye yezakhi eziwumongo wokunciphisa izingqinamba izwe elibhekene nazo njengamanje zobubha ukungalingani kanye nokuntuleka kwemisebenzi. UMthethosisekelo wethu uhlinzeka ukuthi wonke umuntu unelungelo lemfundo eyisisekelo kanye nemfundo ephakeme, okufanele Umbuso, ngezinyathelo ezifanele, uyenze itholakale futhi ifinyeleleke. 

Uhulumeni wamanje kusukela ngowe-1994, wenze ukufinyeleleka kwezemfundo kube seqhulwini nokugxilwe kukhona.  Isikimu Sikazwelonke Sesikhwama Sosizo Lwabafundi (i-NSFAS) esibe negalelo kubafundi abampofu sidlondlobele ngokuhamba kweminyaka kusukela ezigidini zamarandi ezingama-300 kuya ezigidigidini zamarandi ezi-9,5. Kulo nyaka wezemfundo, uhulumeni weseka abafundi abayizi-45 000 abafanelekile ngokwemiphumela yabo.

IKhabhinethi yathola umbiko omfushane ovela kuNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha ngezingxoxo aphezu kwazo nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile ukuze kutholakale isixazululo kulokhu kwenyuswa kwezimali zokufunda. IKhabhinethi iphinde yathola omunye umbiko ngomsebenzi owenziwayo ukuthuthukisa ukunganyelwa kwe-NSFAS. Izincomo zizolethwa phambi kweKhabhinethi ngomjikelezo olandelayo.

IKhabhinethi iphinde yaphawula Ngethimba Lokusebenza LikaMongameli elisanda kusungulwa eljutshwe ukuba licubungule udaba lokunyuka kwezindleko zokufunda ngezinga elesabekayo. Leli thimba lihlanganise abamele abafundi, Izigcawu Zamanyuvesi kanye noMnyango. Ithimba kulindeleke ukuba liphothule umsebenzi walo nombiko ngokushesha emva kokuba liqede umsebenzi walo.

IKhabhinethi ikholwa ukuthi imizamo eholwa nguMongameli noNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha bazame futhi bazoqhubeka nasesikhathi esizayo ukubhekana nezikhalazo zabafundi.

Ubucayi uhulumeni athathe ngabo izikhalazo zabafundi, buholele ekutheni uMongameli abize abaholi babafundi namanyuvesi namuhla ukuze kufinyelelwe ekujuleni kwezinkinga lezo ngenhloso yokuthola isisombululo.

UMongameli uzokhuluma kafushane nesizwe njengoba lolu daba lusemqoka esizweni.

5.9 IKhabhinethi ibikelwe malungana nenqubekela phambili eyenziwe Yikomidi Longqongqoshe Beminyango Ehlukene (i-IMC) Lezimiso Zezivakashi Zangaphandle Kwaleli elaliholwa yiPhini likaMongameli.

UMongameli useqoke i-IMC ukuze iphenye mayelana nemiphumela ebingahlosiwe eyadalwa ngababambiqhaza embonini yezokuvakasha.

Njengoba-ke bephenyile bacubungula izindawo okungenziwa kuzo izinguquko ukuze kubhekanwe nezindaba zokuphepha kanjalo nemiphumela ebingahlosiwe i-IMC yenze iziphakamiso ezilandelayo.

Ukufaka Isicelo Somuntu Mathupha:

Izimvume ezizokwenziwa ezinyangeni ezilandelayo ezintathu.

  • Emazweni lapho iNingizimu Afrika ingenazithunywa khona, uMnyango WezaseKhaya (i-DHA) uzokwamukela izicelo ngeposi. 

Emva kwalokho, imininingo yabantu nezithombe zalabo bavakashi zizoqoqwa uma befika emingceleni yokungena ezweni.  Lezi zimvume zizosebenza kuphela kubavakashi/ kuma-Visa ezokwelapha. 

  • Abe-DHA bazoqalisa ukusebenza kwemininingo (kubandakanya iminyatheliso yezandla nezithombe) emingceleni yokungena ezweni. Izikhungo okuzohlolwa ngazo ukusebenza kwalolu hlelo kuzoba Yizikhumulo Zezindiza i-O R Tambo, King Shaka, ne-Cape Town International.
  • Abe-DHA bazokwethula Uhlelo lweNkampani Yezokuvakasha Egunyaziwe (i-ATC) e-China, e-India nase-Russia nokungenzeka lwelulelwe nakwamanye amazwe adinga ama-visa.
  • Abe-DHA bazoqhubeka bashicilele ama-Multiple Entry Visa esikhathi eside kulabo bavakashi abasihambela njalo. Lokhu kuzosebenza isikhathi esevile ezinyangeni ezintathu kodwa kungeqi eminyakeni emithathu.

Izimvume ezizosebenza esikhathini sezinyanga ezintathu kuya onyakeni owodwa.

  • Abe-DHA bazonyusa inani leziKhungo Ezikhiqiza Ama-Visa (VFC) e-China, India, United Kingdom, Nigeria, Democratic Republic of Congo, Angola, Ghana, Kenya nase-Uganda. Abe-DHA bazophongisa ukuvulwa kwe-VFC eZimbabwe, UAE naseBotswana.

Izimvume ezizosebenza ngaphezu konyaka owodwa.

  • Abe-DHA bazofakela izinhlelo zokuhlola kwangaphambi kokungena ebhanoyinini (kubandakanya izikhungo zokusebenzela) ezikhumulweni zezindiza ezihambela amazwe omhlaba.
  • Abe-DHA bazophucula izinhlelo ezibizwa phecelezi nge-Upgrade Passenger Processing (i-APP) bese beqalisa ukusebenza kwe-Passenger Name Record (i-PNR) ukuze kuphuculwe izindlela zokuhlola okungase kube yingcuphe.
  • Abe-DHA bazophothula ukusebenza kwevisa kanye nezinhlelo zokunikeza izimvume.
     

Izidingo zokuhamba kwezingane: Izingane zaseNingizimu Afrika
Malungana nezingane zaseNingizimu Afrika (ezihambela ngaphandle) i-IMC yamukele izidingo zamanje zokuhamba kwezingane, kubandakanya ukufakazisela kwabazali ngama-afidavithi njengoba lokhu kuzama ukuvikela izingane.

Izimvume ezizoqala ukusebenza ezinyangeni ezintathu ezizayo.

  • Othishanhloko bezikole bazokhipha izincwadi eziqinisekisa imvume yokuhamba kwezingane lapho izingane zihamba nezikole. Leli gunya lizokwelulwa libandakanye izinhlangano zezemidlalo ezibhalisiwe.
  • Isikhathi sokusebenza Kwama-Afidavithi Okunikeza Imvume Yabazali sizokwelulwa siye esikhathini esingevile ezinyangeni eziyisithupha.

Izimvume ezizoqala ukusebenza ezinyangeni ezintathu ezizayo kuya onyakeni.

  • Igama elithi "Isitifiketi Sokuzalwa Esingafingqiwe" lizoshintshwa lithi "Isitifiketi Sokuzalwa Esiqukethe Imininingwane yabazali"
  • Imininingwane yabazali izoshicilelwa kumaphasiphothi, ukuze abazali imininingwane yabo evelayo khona kungadingeki baphathe izitifiketi zokuzalwa.

Izidingo zokuhamba kwezingane: izingane zangaphandle kwaleli.

Malungana nabahambeli abangena kuleli, i-IMC ithathe isinqumo sokuthi lapho kudingeka ama-visa, ukulethwa kwezitifiketi zokuzalwa noma amakhophi afungelwe amaphepha adingekayo kufanele kuqhubeke ngesikhathi sokufakwa kwezicelo njengoba lokhu kuhambisana nezinqubo zamanye amazwe.

Malungana nezingane zamazwe angenawo ama-visa, i-IMC income izindlela zokufakazela lapho:

  • Abavakashi bezokhuthazwa kakhulu ukuba baphathe ubufakazi bobuhlobo kanye nemvume evela kumzali/abazali abangekho noma umnakekeli/abanakekeli.

Zonke ezinye izinto zokungamela uhlelo ezithinta iminyango ethile zizosonjululwa ngokusebenzisana kweminyango eyahlukene.

IKhabhinethi izivumile izincomo futhi ikholwa ukuthi zizobhekana nemiphumela engahlosiwe eyavela kanti nokuphepha kwezingane ngeke kube sengcupheni.

IKhabhinethi iphakamise ukuthi abe-DHA basebenzise umthetho ukuze baqalise ukusebenza kwezincomo.  Iphinde yagunyaza yonke iminyango ukuba ixoxisane nababambiqhaza bayo ukuba baqhakambise lezi zincomo esezamukelwe.

IKhabhinethi yelule isikhathi sokusebenza kwe-IMC ukuze ikwazi ukubhekana nazo zonke izinto ezingaqhamuka ngenkathi kusaqalwa ukusebenza kwezinqumo zeKhabhinethi.

Imibuzo ingabhekiswa ku:
Nksz Phumla Williams (Ibambela Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Kungashayelwa: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore