Kwabemikhumbi Yamazwe Angaphandle

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo ngokucela isicelo segunya lesikebhe so kudoba kwamanye amazwe

Ukusebenzisa isikebhe sokudoba sangaphandle eningizumu afrika, isikebhe kufane lwesibhaliswe nge flegi lakwelinye ilizwe ngaphandle kwelasemzansi afrika. Kufanele ufake isicelo segunya lesikebhe sokudoba nomnyango wezolimo, amahlathi kanye nezokudoba ekapa.

Ukuze isikebhe sinikezwe igunya, kufanele nisebenze ngokuhlanganyelana nabezokudoba e ningizimu afrika. Ukuze isikebhe sigunyazwe ngokuphelele, kuzofanele ugcwalise ifomu elizokugunyaza ukuthi ukwazi ukubamba izinhlanzi ngaphansi  kwegunya lesikebhe ozobe udobela kusona. Uma unesifiso sesikebhe ukuthi sidobe kulwandle oluphezulu kuzofanele ugcwalise ifomu lesicelo lakhona.  

Abezokudoba eningizimu afrika bangaqasha isikebhe ngaphansi kwezimo ezithile ukuze bakwazi ukudobangaphansi kwe (EEZ). Noma kumanzi omhlaba wonke ngaphansi kwefulegi laseningizimu afrika.

Ngaphambi kokuthi kuqaliswe ukudoba, kufanele uxhumane nomnyango wezolimo, amahlathi kanye nokudoba ekapa imininingwane yabo iyalandela. Ukuze ubone ukuthi ukuqasha isikebhe sokudoba sangaphandle,kuvumelekile ukungena emdibini wezodobo nokuthi iziphi izimfanelo ezidingakalayo ukuze isicelo sakho sivumeleke.

Isikebhe sokudoba kuzofanele iqale kwezokuphepha kwase emtateni kwaseningizimu afrika, ukuthola ukuthi sisesimeni esigculisayo lokhu kuzobe kukhokhelwa nguwena. Zonke izikebhe zokudoba zangaphandle zifanelwe ukusebenzela ngaphansi kwe INMARSAT C VMS ngaphansi kwebhodi elazisa igatsha. Abaphethe ezokudoba ekapa igatsha lezokudoba  VMS kuzofanelelikucwaninge ukuze likugunyaze.

Okufanele ukwenze

  1. Ukuya kumnyango wezolimo,amahlathi kanye nezokudoba ekapa kwi bhilidi eliphansi e foretrust building Martin Hammerschlag Way ekapa ukuze babhalisele isicelo segunya lesikebhe sokudoba sangaphandle.
  2. Gcwalisa ifomu lesicelo ngalemininingwane:
    • igama lesikebhe sokudoba
    • igama lomnikazi wesikebhe kanye nalaba asebenza ngokuhlanyela nabo
    • amandla esikebhe
    • ubude  besikebhe
    • inombolo elibhaliselwe ngayo isikebhe
    • ifulegi lesizwe lalapho isikebhe sabhaliselwa khona, uma behlanganyelene nabaseningizimu afrika
    • isitifiketi sokugunyaza esiphuma ezweni lefulegi
    • indayo yokudoba lapho isikebhe sizobe sisebenzela khona kanye nesikhathi
  3. Faka incwadi ephuma kwezabadobi ezokwazisa ukuthi
    • isikebhe sivumeleke ukudoba emanzini aseningizimu afrika
    • isikebhe asikaze sitholwe sizimbandakanya ngaphansi kwezimo eziphula umthetho
    • abezokudoba eningizimu afrika bazothatha isiqiniseko sokubhekana nesikebhe
    • abezokudoba eningizimu afrika bazothatha isiqiniseko sokwazisa ngokubamba
  4. Uma isikebhe singakhethwanga ngaphansi kociko lwesikebhe ngaphansi kokufanelekile kuzofanele lowo ocele isicelo agcwalise ifomu lokufaka isicelo.
  5. imininingwane lapho ongakhokha khona ebhangini:
    Bank: First National Bank
    Account number: 62123256382
    Account Type: Current
    Account Name: Marine Living Resources Fund
    Branch Name: Corporate Account Services Cape Town
    Branch Code: 204-109
    ungafonela kwinombolo yokusiza komphakathi kunombolo elandelayo (021 402 3911/ 086 000 3474)
  6. Ungathumela kulelikheli isicelo sakho kanye negunya lakho lokudoba: Private Bag X2, Roggebaai, Cape Town, 8012 Ufake igunya lokudoba noma isibophezelo esenzile ngokudoba, Uma ungenayo imvumo yokudoba ungaletha isicelo weana mathupha ku Foretrust Building.

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo sokucela ukusebenzisa isikebhe sangaphandle (kanye nesicelo sokuhambisa isikebhe, sokubamba olwandle oluphezulu) kungathatha izinsuku eziyishumi nane sokusebenza inqoba nje umazonke izimfanelo zigcwaliswe ngokungakho.

Kubiza malini

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu lokubhalisela ukudobs ngesikebhe kwamanye amazwe atholakala kumnyango wezokulima, amahlathi kanye nezokudoba e kapa: Ground Floor, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Cape Town.

Imininingwane yokuxhumana

 

Fisheries Customer Service Centre:
Tel 021 402 3911 / 086 000 3474
Fax 021 402 3362

Physical address: Ground Floor, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Cape Town 8000
Postal address: Department of Agriculture, Forestry, and Fisheries, Private Bag X2, Roggebaai, Cape Town, 8012
Website: https://www.dalrrd.gov.za/

Contact details for SAMSA

Share this page