Ukufaka isicelo sokukhiqiza uphalafini

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo faka isicelo sokuthola ilayisense yokukhiqiza uwoyela ongahluziwe

Ilayisense yokukhiqiza uphalafini ikuvumela ukuthi  ukhiqize imikhiqizo kaphalafini uyidayise ezitolo ezidayisa ngesamba nabathengisi abanamalayisense, ngaphandle kokukhiphela izimpahla ngaphandle kwalelizwe.

Uyacelwa ukuba uqaphele: uma ukwazi ukwenza imikhiqizo kaphalafini ngaphandle kwelayisense.

Uyothathwa njengonelayisense, kodwa kumele ufake isicelo selayisense yokukhiqiza esikhathini esiyizinyanga eziyisi-6 kusukela esikhathini sokuqala ukusebenza koMthetho, uma kungukuthi wawusebenza njengomkhiqizi ngaphambi kokuqala ukusebenza koMthetho, ziyi-17 Mashi 2006.

Okufanele ukwenze

  1. Kumele ugcwalise ifomu lokuFaka isicelo sokuthola ilayisense yokukhiqiza: i-DE 40.
  2. Thumela ifomu lakho lokufaka isicelo ehhovisi lesifunda loMnyango Wezamandla.
  3. Umnyango uzokuthumela incwadi echaza ukuthi kumele ushicilele isaziso sokufaka isicelo kumaphephandaba amane.
  4. Kumele uhlinzeke uMnyango ngobufakazi obukhombayo ukuthi isaziso sakho sokufaka isicelo simenyezelwe kumaphephandaba.
  5. Lapho usuyitholile ilayisense, kumele uthumele imininingwane ngolwazi lwebhizinisi yakho ngonyaka ngokusebenzisa ifomu elinikezela ngolwazi mayelana nelayisense yonyaka yokuKhiqiza (Ifomu Lokuthumela Ulwazi), i-DE 33.

Isikhathi esinqunyiwe

Isinqumo kumele sithathwe ezinsukwini ezingama-90 kusukela osukwini lapho uMnyango wamukele khona ubufakazi obukhombayo ukuthi isaziso sakho sokufaka isicelo simenyezelwe kumaphephandaba.

Kubiza malini

  • Ungakhokha i-R1 000 uma ngabe wawukade sewuqalile ukuyisebenzisa ngaphambi kokuthi Umthetho Wokuchibiyela Imikhiqizo kaWoyela Ongahluziwe (Umthetho 58 wezi-2003) uqala ukusebenza,.
  • Ungakhokha izi-R10 000 uma ngabe wawungakaqali ukuyisebenzisa ngaphambi kokuthi Umthetho Wokuchibiyela Imikhiqizo kaWoyela Ongahluziwe (Umthetho 58 wezi-2003) uqala ukusebenza.
  • Ungakhokha izi-R5 000 zenkokhelo yelayisense yonyaka yokukhiqiza ngokubhekisisa imikhiqizo kawoyela ongahluziwe ekhiqizwe kwenye i- hydrocarbon okubandakanya uwoyela ongahluziwe, uwoyela ongahluziwe, igesi yemvelo, igesi yemvelo ewuketshezi, noma amalahle okanye okunye okuhlanganisiwe.
  • Ungakhokha ama-R500 wenkokhelo yelayisense yonyaka yokukhiqiza ngokubhekisisa imikhiqizo kawoyela ongahluziwe ekhiqizwe kususelwa kweminye imikhiqizo yemvelo.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page