Ukuguqula ilayisense yakho yokushayela yasemazweni angaphandle

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngokuguqula ilayisense yakho yokushayela emazweni angaphandle

Uma unikezwe ukuhlala konomphelo eNingizimu Afrika, kufanele uguqule ilayisense yakho yokushayela emazweni angaphandle ibe ngeyaseNingizimu Afrika onyakeni othole ngawo iphemithi yokuhlala unomphelo.

Uma uhluleka ukuguqula ilayisense yakho onyakeni owodwa, iyothathwa njengengekho emthethweni

Ungafaka futhi isicelo sokuguqula ilayisense yakho yokushayela ibe ngeyaseNingizimu Afrika uma unephemithi yobunxusa kodwa ungenayo iphemithi yokuhlala unomphelo.

Uma ilayisense yakho ingesilo olulodwa lwezilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika, kufanele uthole incwadi yokuthi ihunyushwe yisiphathimandla esikwaziyo ukuhumusha.

Ilayisense yakho yokushayela emazweni angaphaandle izoguqulwa uma:

  • ilayisense isemthethweni
  • ihunyushelwe kolunye lwezilimi zaseNingizimu Afrika ezisemthethweni
  • ilayisense iphelekezelwa yincwadi esemthethweni etholakale enxuseni elifanele nokuhumusha uma ilayisense ingekho ngolimi lwaseNingizimu Afrika olusemthethweni
  • ilayisense inesithombe nesignesha.

Okufanele ukwenze

  1. Qonda esikhungweni sokuhlolelwa ukushayela (e-DLTC) esifundazweni lapho wanikwa khona imvume yokuba ngumhlali wakuleli ngokuphelele.
  2. Gcwalisa ifomu Lesicelo sokuguqula ilayisensi yokushayela (i-DL1) kunoma yisiphi isikhungo sokuhlolelwa ukushayela.
  3. Gcwalisa ifomu lesaziso sokushintshwa kwekheli noma kwemininingwane yomuntu noma yenhlangano (i-NCP).
  4. Kufanele ukuthi ulethe lokhu kulandelayo:
    • Indlela eyamukelekile ekuvezayo ukuthi wena ungubani njengalokhu kuyisidingo sangokomthetho waseNingizimu Afrika (isib. kungaba umazisi (ID), umazisi wesikhashana, ipasipoti yaseNingizimu Afrika esemthethweni, noma ipasipoti yakwelinye izwe enemvume yokuba ngumhlali ngokuphelele kuleli lizwe)
    • Izithombe ezilingana neze-ID ezine ezingenambala
    • Ilayisensi yokushayela yakho yamanje yasezweni langaphandle
    • Ubufakazi bokuba ngumhlali ngokuphelele kwiRiphabhlikhi yaseNingizimu Afrika
    • Ubufakazi bokuthi wawungesiyena umhlali ohlala ngokuphelele lapha eNingizimu Afrika ngenkathi unikwa ilayisensi yakho yasezweni langaphandle kwakuleli (isibonelo, ungakhipha ipasipoti yakho, imvume yokuba ngumhlali ngokuphelele kuleli lizwe noma i-visa yakho yangaleso sikhathi)
    • Incwadi yokuhunyushwa kwelayisensi evela kwisikhungo sokuhumusha esisemthethweni uma ilayisensi ingabhaliwe ngolunye lwezilimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika
    • Isiqinisekiso esivela kwisikhungo esikhipha izincwadi zokushayela ukuthi wena unelayisensi yokushayela esemthethweni (esiyisho amakhodi kanye nemikhakha efanele yezimoto ovunyelwe ukuzishayela) esebenzayo noma engamisiwe ukuthi ingasebenza
    • Malungana Nemvume Yokushayela Emazweni Ehlukene (i-IDP), kuyofanele ukuthi uhambise ilayisensi yokushayela kuleso sikhungo lapho imvume leyo yakhishwa khona
    • Ubufakazi bekheli leposi kanye nelendawo isib. incwadi ye-akhawunti kamasipala. Uma leyo akhawunti ingabhalisiwe ngawe, umnikazi waleyo akhawunti kufanele ukuthi akwenzele incwadi efungelwe esho ukuthi uhlala kulelo kheli othi uhlala kulo kanti incwadi ye-akhawunti kamasipala kufanele ukuthi nayo ibe khona ihambisane nale ncwadi efungelwe. 
    • Uma uhlala endaweni eyimijondolo, kufanele ukuthi uze nencwadi enesigxivizo esisemthethweni esinosuku evela kwikhansela lewadi ohlala kuyo neyobe iqinisekisa ikheli lakho leposi nelendawo
  5. Isikhungo sokuhlolelwa amalayisensi siyoyikhipha ilayisensi yokushayela sikunike uma sesenelisekile ukuthi:
  6. wena ungumnikazi waleyo layisensi yasezweni langaphandle kwakuleli
  7. Uyobuyisa ilayisensi yakho yasezweni langaphandle noma imvume yokushayela uma uthola ilayisensi yakho yaseNingizimu Afrika.
  8. Angeke kudingeke ukuthi uye kuhlolelwa ukuthi uyakwazi yini ukushayela kodwa kungenzeka uhlolwe ukusebenza kwamehlo khona lapho ngaphambi kokuba kuphothulwe ukuguqulwa kwelayisensi yakho.

Isikhathi esinqunyiwe

Isikhathi esibekiwe sokushintshanisa ilayisense siyehlukahlukana ngesikhungo sokuhlola ngasinye nesinye ngenxa yezinhlelo zokucwaninga amabhuku kwangaphakathi.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi langakini lezokunikezelwa kwamalayisensi ukuze uthole imininingwane ngamanani.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu i-DL1 -Isicelo sokushintshanisa ilayisense yokushayela liyatholakala kunanoma yisiphi isikhungo sokuhlolela ilayisense.

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact your local department of transport

Share this page