Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-18 Ndasa 2015

1. Ukudlula emhlabeni kukaNgqongqoshe u-Ohm Collins Chabane

1.1. IKhabhinethi izwakalisa ubuhlungu nokudabuka ngokudlula emhlabeni kungaNgqongqoshe uChabane kanye nabaqaphi bakhe, oSayitsheni Lesiba Samuel Sekele kanye noMareme Lawrence Lentsoane, abadlule emhlabeni kabuhlungu engozini yemoto enyantisayo ngeSonto mhla ziyi-15 Ndasa 2015. UHulumeni kanye nabantu baseNingizimu  Afrika bonkana bazosala bezikhotha amanxeba becabanga ngemisebenzi yalesi sibenzi sabantu ebesizibophezele ngaso sonke isikhathi ukwakha iNingizimu Afrika engcono kwaze kuba kufika usuku lwaso lokwedlula emhlabeni.

NjengeLungu Lekhabhinethi, umufi ongasekho uNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo uzofihlwa Ngokohlelo Lomngcwabo Kahulumeni Osemthethweni Olungumkhakha 1. Inkonzo yomngcwabo iyoba ngoMgqibelo mhla zingama-21 Ndasa 2015 esigodini saseXikundu eMalamulele, esifundazweni saseLimpopo. IKhabhinethi yedlulisa ukudabuka kwayo kwimindeni nakubangani bakaNgqongqoshe ongasekho kanye nakweyabaqaphi bakhe ababili.

2. Ukuqaliswa kokusebenza Kwezinhlelo  Zikahulumeni Ezisemqoka

2.1. UMongameli uJacob Zuma uzohola imigubho yama-50 yokuthokozela ucwaningo lwesiphehli senuzi okuyi-SAFARI-1 nesingaphansi Komlawuli Wamandla Kazwelonke waseNingizimu Afrika (i-NERSA) ePelindaba eduze kwasePitoli. Kusukela selokhu sanikwa ilungelo lokusebenza ngomhla ziyi-18 Ndasa 1965, lesi siphehli, nesingumkhiqizi omkhulu wama-isotopes asetshenziswa kwezokwelapha kanye nasezimbonini kuleli ngisho nasemazweni aphesheya, sesithole ukunconywa okukhulu kanye nokuchonywa uphaphe lwegwalagwala yizinhlaka zamazwe omhlaba. Lesi siphehli sesidlale indima ebaluleke kakhulu ocwaningweni lwenuzi, ekuthuthukisweni kanye nasekufundiseni ngayo futhi sesibeke iNingizimu Afrika ekhaleni lokuqhuba umkhankaso wezesayensi.

2.2. IKhabhinethi imema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqoke abantu abafanele ukuthi babamele Kwikhomishani Yokuklama yeLizwe Lonkengaphambi kosuku lokuvala okungumhla ziyi-10 Mbasa 2015. Le khomishani entsha izogxila kakhulu ekwelulekeni uhulumeni ukuthi angakwazi kanjani ukwenza ukuthi Uhlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) lusebenze. Ngaphezu kwalokho, le khomishani izophinda futhi isize ekuthuthukiseni izinhlelo ezinqala emikhakheni ekhethekile edinga ukunakwa ukuze kukhuliswe umnotho, kube noshintsho olubambekayo kwezomnotho kanye nentuthuko eqhubekayo. Ukuthola ulwazi olwengeziwe mayelana nohlelo lokuqoka abantu ungangena kulesi sizindalwazi: www.thepresidency.gov.za

3. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

3.1. IKhabhinethi iye yaphasisa ukulethwa Kwezichibiyelo kuMthetho Wase-Rome Wenkantolo Yobugebengu Yamazwe Omhlaba (i-ICC) ukuze zigunyazwe. Lezi zichibiyelo zifaka phakathi ukuchazwa kwamacala obudlova kanye nezenzo ezingabizwa ngokuthi zingamacala empi kuMthetho Wase-Rome nowemukelwe Yisigungu Samaqembu Ombuso (e-Kampala, ezweni lase-Uganda mhla ziyi-11 Nhlangulana 2010).

Ukugunyazwa kwalezi zichibiyelo kuMthetho Wase-Rome kwenziwa yiNingizimu Afrika kubonisa ukuzibophezela kukahulumeni wakuleli ukulwisana namacala abucayi enziwe kubantu kanye namacala obudlova uma enziwe ngaphakathi kwezwe lethu noma ngaphandle kwalo. 

4. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

4.1. IKhabhinethi iziqaphele izingxoxo ezikhona mayelana nesigamu sakamuva semingcele ehlongozwaywo futhi iyakwazisa ukuthi izingxoxo eziphusile ziyinto esenhliziyweni yentando yethu yeningi. Njengoba kukhona omasipala abatabalasayo ukuletha izidingo kubantu futhi uthole ukuthi bayantengantenga ngenxa yezimali ezingenele kanye nokungabuswa ngendlela, imingcele yomasipala iyaye ihlale ihlale ibuye ibuyekezwe.

Lezi zinguquko ezihlongozwaywo ziyaye ziqale zibukisiswe kahle Yibhodi Eliklama Imingcele Yomasipala (i-MDB), nokuyisikhungo esethweswe umsebenzi wokwenza imingcele yomasipala ngokusho Kukahulumeni Wendawo: uMthetho Wokukalwa Kwemingcele Yomasipala, 1998 (uMthetho 27 we-1998) kanye noMthethosisekelo WaseRiphabhlikhi YaseNingizimu Afrika we-1996. 

Njengesikhungo esizimele, zonke izinhlelo ze-MDB zenziwa obala futhi kuyaboniswana nangazo. IKhabhinethi, ikhuthaza imiphakathi ukuthi ibambe iqhaza elibonakalayo kulezi zinhlelo. IKhabhinethi iyasigxeka isenzo sokusetshenziswa kwezimashi ezinodlame njengendlela yokusombulula ukungaboni ngasolinye ngodaba lwemingcele. Umsebenzi we-MDB uyingxenye ebalulekile yomsebenzi kahulumeni wokuthi Azibuyele Emasisweni ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi inikwa izidingo ezingcono neziwufanele.

4.2. IKhabhinethi ihalalisela abantu baseLesotho ngokuba nokhetho olunokuthula nolungenazihibe futhi ibakhuthazile ukuthi basebenzisane ukuze kube nokuthula okungapheli kanye nokuthuthuka kwezomnotho. IKhabhinethi futhi ihalalisela uNdunankulu omusha wezwe laseLesotho, uMhlonishwa uPakalitha Mosisili ngokuqokwa kwakhe kanye nangokubekwa kwakhe esihlalweni ngempumelelo okwenzeka ngoLwesibili mhla ziyi-17 Ndasa 2015, kanti lowo mcimbi wawuhanjelwe nanguMhlonishwa uMongameli uJacob Zuma kanye nePhini LikaMongameli uCyril Ramaphosa.

IKhabhinethi ibuye yahalalisela iPhini LikaMongameli ngendima elayidlala neyaholela ekutheni kube nokhetho oluyimpumelelo eLesotho.  IKhabhinethi yaphinda futhi yancoma indima eyadlalwa yiNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ekwenzeni ukuthi kube nokuthula nozinzo kanye nokukhethwa kohulumeni omusha kuleliya lizwe. IKhabhinethi yaphinda yakubeka kwacaca ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ukuqhubeka nokusebenzisana nezwe laseLesotho ukuqhubeka nokukhulisa amaxhama okuxhumana ngokugxila kakhulu ekuqiniseni ezomnotho kanye nokubambisana kwezenhlalo nokuyoholela ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu.

5. Imicimbi ezayo

5.1. IPhini likaMongameli uRamaphosa uzohambela Usuku Lokugujwa Kwenkululeko Yama-25 e-Namibia, kuhlanganisa nokubekwa ngokusemthethweni kukaMongameli u-Hage Geingob e-Windhoek ngomhla zingama-21 Ndasa 2015. IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela izwe lase-Namibia ngokugubha lolu suku osekuyi-Silver Jubilee futhi iphinde ihalalisele noMongameli Geingob ngokuqokwa kwakhe ukuthi abe nguMongameli wesithathu kuleliya lizwe. 

5.2. UMongameli uZuma uzovakashelwa nguMongameli waseZimbabwe uMongameli uRobert Mugabe kusukela ngomhla ziyisi-8 kuya kumhla ziyisi-9 Mbasa 2015 ePitoli. Lokhu kuvakasha kuyoholela ekutheni kube Nesithangami Sabamabhizinisi Phakathi KweNingizimu Afrika NeZimbabwe okuhlelwe ukuthi sibe ngomhla ziyisi-9 Mbasa 2015, nokuhloswe ngaso ukukhulisa amaxhama okuxhumana kwezohwebo kanye nezokutshalwa kwezimali phakathi kwalawa mazwe womabili.

5.3. UMongameli uZuma kuzothi ngomhla ziyi-19 Ndasa 2015 ethule izitimela ezingama-95 ePitoli nezakhiwe njengengxenye yohlelo lweTransnet lokutshala imali eyizigidigii zamarandi ezingama-300 ukulungisa kabusha ingqalasizinda kwimboni yezokuthwala impahla kuleli. Kulesi sikhathi sokutshalwa kwemali kuzokwakhiwa inqwaba yamathuba emisebenzi emisha kanti namabhizinisi endawo azozuza ngokuthi kwenziwe imisebenzi endaweni, kube nokuthuthukiswa kwamakhono kanye nokwedluliselwa kwezobuchwepheshe.

Lezi zitimela ezintsha zizosiza ukulwa nokusalela emuva embonini yezitimela futhi zizokwenza ukuthi ukukhiqiza kube ngcono kulo mkhakha futhi kwenze nokuthi izitimela zethu zisebenze ngendlela. Lokhu kwethulwa futhi kuzobonisa ukushintshwa Kwezobunjiniyela KwaTransnet ukuze ibe ngumsunguli ophelele ngokugcwele ngoba izitimela ezingama-85 kulezi zakhiqizwa kwisikhungo esise-Koedoespoort, eduze kwasePitoli.
                                                                                                                                                    
5.4. UMongameli uZuma uzovula Umhlangano Wabaphathi Bokwenza Impahla Abamnyama nozokwenzeka kusukela mhla zingama-25 kuya kumhla zingama-26 Ndasa 2015 e-Gallagher Convention Centre, e-Midrand, njengengxenye yokuzibophezela kukahulumeni ekuthuthukiseni abaphathi bokwenza impahla abamnyama kuleli lizwe. Lo mhlangano uzokwenza ukuthi kube nezinkulumo-ngxoxo phakathi komkhakha kahulumeni kanye nomkhakha ozimele ukuthuthukisa abaphathi bokwenza impahla abamnyama, kanye nokuhlela umnotho ngesivinini nangamandla ukuze kungabibikho oshiywa ngaphandle uma kukhuliswa umnotho.

5.5. UMongameli uZuma uzokwethula inkulumo Kumalungu Endlu YesiShayamthetho Kazwelonke (i-NMA) Yenhlangano Yohulumeni Basekhaya YaseNingizimu Afrika, kanti lokhu kuyokwenzeka e-Gallagher Convention Centre, e-Midrand kusukela ngomhla zingama-24 kuya kumhla zingama-26 Ndasa 2015. I-NMA izoveza isithombe ngohulumeni bezindawo ngemuva kweminyaka eyi-15 bese kukhulunywa nangamacebo okubhekana ngqo nokulethwa kwezidingo kubantu, ukufukula omasipala, ukulwa nenkohlakalo kanye nezindaba ezithinta imingcele yomasipala. Lo mbuthano uzobanjwa ngaphansi kwesihloko esithi: Iminyaka eyi-15 Yohulumeni Bezindawo Abanentando Yeningi – Ukuqinisa kanye Nokuzinzisa Intando Yeningi Enomfutho, Ethuthukisayo Nesondelene Nabantu”.

5.6. Abantu baseNingizimu Afrika bazogubha Usuku Lukazwelonke Lwamalungelo Oluntu ngomhla zingama-21 Ndasa 2015 e-Uitenhage, eMpumalanga Kapa ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukugubha Umqulu Wenkululeko, Ukuthokozela Amalungelo Oluntu Alinganayo Kuwonkewonke”. Le mibhiyozo izohlinzeka ngendawo kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakwazi ukukhumbula ukuzinikela okwakuphelezela umzabalazo ukuqhubekisela phambili amalungelo oluntu njengalokhu ebalulwe kuMthethosisekelo.

IKhabhinethi imema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baluthokozele lolu suku olubaluleke kangaka ngokuthi babe nokubambana njengomphakathi futhi kwakhiwe isizwe. Njengengxenye Yenyanga Yamalungelo Oluntu, kuyoba nezinkulumo-mpikiswano emiphakathini kuzona zonke izifundazwe ukukhuthaza ukuxhumana phakathi kwemiphakathi ephila nekhule ezindaweni ezahlukene. Lokhu kuyobe sekuholela ekutheni kube Nomhlangano Kazwelonke Wokuzobika kanye Nokubheka Ukuxhumana Komphakathi noyobanjwa mhla zingama-30 Ndasa 2015 eBhayi.

5.7. UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzobamba Ingqungquthela Kazwelonke Yosonhlalakahle kusukela mhla zingama-24 kuya kumhla zingama-26 Ndasa 2015 e-International Convention Centre e-Durban ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukunika amandla umsebenzi wokuba ngusonhlalakahle eNingizimu Afrika”.

Le ngqungquthela iyosungula izincomo kanye nezinhlaka zokungenelela ukubhekana nezindaba ezithikameza umsebenzi wokuba ngusonhlalakahle bese wenza ukuthi ukuthuthukiswa kwalo msebenzi kuhambisane namandla anikwe lomsebenzi okuwukweseka izinhlelo zikahulumeni zokushintsha izimpio zabantu ngokwenhlalo kanye nangokomnotho. Ukuze kuphunyeleliswe lokhu, lo Mnyango usuvele unohlelo lwemifundaze wokuxhasa abafundi abenza izifundo zokuba ngosonhlalakahle emanyunivesi.

5.8. UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzobamba Ingqunguthela Yawo Yesibili Yokulwa Nenkohlakalo kanye Nokukhwabanisa kusukela mhla zingama-30 kuya kumhla zingama-31 Ndasa 2015 e-St George’s Hotel, e-Centurion ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukuqinisekisa amalungelo awo wonke umuntu ngohlelo lwesibonelelo sikahulumeni esingenayo inkohlakalo”. Le ngqungquthela izobheka izindlela ezikhona njengamanje ezisetshenziswayo ukuqeda inkohlakalo ohlelweni lwezimali zesibonelelo sikahulumeni. 

5.9. IKhabhinethi iyakwemukela ukuzobanjwa komqhudelwano wokuqala ngqa we-basketball Wezizwe Ezine ozobanjelwa Enkundleni yase-Wembley, eGoli kusukela ngomhla ziyi-19 kuya kumhla zingama-22 Ndasa 2015. Lokhu kuzoletha amaqembu amakhulu abesilisa aseNingizimu Afrika, elase-Nigeria, elase-Mozambique kanye nelase-Kenya ndawonye kulo mqhudelwano esibona sengathi uzoba umcimbi wonyaka.

5.10. IKhabhinethi ihalalisela iqembu lethu lekhilikithi, eseledlulele emzuliswaneni olandelayo ngokuwina ngamawikhethi ayisishiyagalolunye kwi-Sri Lanka Kwindebe Yomhlaba. Sifisela iqembu kanye nomqeqeshi walo okuhle kodwa njengoba bezobe beqhubeka nomqhudelwano.

6. Abaqashiwe

Bonke laba abaqashiwe ukuqashwa kwabo kuyoqinisekiswa mhla izicucu zokuqashwa kwabo kanye noqinisekiswa kokufaneleka kwabo okufanele lezi zikhundla kwavunywa.

6.1. Isigungu Sezamanzi:
a. Adv Tintswalo Annah Nana Makhubele (uSihlalo);
b. Nksz Lindelwa Mbanjwa (iPhini likaSihlalo);
c. Mnu Pumezo Malik Mpumelelo Jonas;
d. Nksz Maleho Margaret Nkomo;
e. Slz Tumai Murombo, kanye no
f. Mnu Ferdinand Zondagh

6.2. Isigungu Sokulawulwa Kwezinhlalo Nezindlu
a. Ahmed Essop Vawda (uSihlalo futhi oqashwe kabusha);
b. Shadrack Kabelo Ganda;
c. Itumeleng William Kotsoane;
d. Kelikile Elva Kwinana;
e. Maphuti Justine Lamola (oqashwe kabusha);
f. Nontutuzelo Nomtandazo Mbiza (oqashwe kabusha);
g. Mandla Mdludlu;
h. Rose Sessie Molokoane;
i. Manye Richard Moroka;
j. Zolile Thando Ngcakani;
k. Zikiswa Zandile Ntlangula, kanye no
l. Phakamile Worrel Weekes Ximiya

6.3. Isikhungo Sikazwelonke Sezokuxhumana Nge-elekhronikhi eNingizimu Afrika (i-NEMISA)
Ukuqokwa kabusha Kwabaqondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu  KwiBhodi ye-NEMISA:
a. Mnu Thami ka Plaatjie
b. Dkt Molatelo Maloka

6.4. Ikomidi laseNingizimu Afrika Eleleluka Ngezezimali
a. UMahluleli Frank Kroon (uSihlalo);
b. Adv Selby Mfanelo Mbenenge (iPhini likaSihlalo);
c. Adv Roedolf Mastenbroek;
d. UMnu Lazarus Docter Mokoena, kanye no
e. Nksz Mmakgolo Meta Maponya

6.5. Isikhungo SikaHulumeni Semfundo Nokuqeqeshwa
Nksz Gugu Dlamini njengoMphathi Omkhulu (i-CEO)

6.6. Isikhungo Sikazwelonke Sezokuxhumana Nge-elekhronikhi eNingizimu Afrika (i-NEMISA)
Dkt Ndivhoniswani Aaron Tshidzumba njengoMphathi Omkhulu (i-CEO).

6.7. Isikhungo Sikahulumeni Solwazi Kwezobuchwepheshe (i-SITA)
Dkt Setumo Mohapi njengoMphathi Omkhulu (i-CEO)

6.8. UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe
Nksz Mohlago Flora Mokgohloa NjengePhini loMqondisi-Jikelele: Ukuhlela Kwesikhungo kanye Nokweseka

6.9. Isigungu Sikazwelonke Ngomsebenzi Wezomthetho:
a) Mnu Max Boqwana;
b) Mnu Krish Govender;
c) Mnu Jan Maree;
d) Nksz Martha Mbhele;
e) Nksz Janine Myburgh;
f) Mnu Richard Scott;
g) Mnu Lutendo Sigogo;
h) Mnu Jan Stemmett;
i) Adv Willem van der Linde SC;
j) Adv Ismail Jamie SC;
k) Adv Greg Harpur SC;
l) Adv Thami Ncongwane SC;
m) Adv Dali Mpofu SC;
n) Slz Managay Reddi;
o) Adv M A Hawyes;
p) Adv Samuel Mgiba;
q) Adv D Ntsebeza SC;
r) Adv Kgomotso Ditsebe Moroka
s) Nksz Namhla Thina Siwendu
t) Adv Brian Nair, kanye no
u) Mnu Uys Mathebula

Imibuzo
Phumla Williams, Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore