ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangoLwesibili, mhla wesi-8 kuNcwaba 2023

A.    Ezisematheni

1.    Isiteleka soMkhandlu Kazwelonke Wamatekisi eNingizimu Afrika (i-SANTACO) eNtshonalanga Kapa 

1.1.    IKhabhinethi lazisiwe ngesimo esesifike kwangqingetshe esiqhubekayo phakathi kwe-SANTACO eNtshonalanga Kapa kanye noMasipala weDolobha laseKapa, esidlondlobale saze sayofinyelela esitelekeni esinodlame nokube ngumphumela wokuboshwa kwamatekisi nguMasipala weDolobha laseKapa.
1.2.    IKhabhinethi liyalugxeka udlame nesiphithiphithi eDolobheni laseKapa futhi licela i-SANTACO ukuthi iqinisekise ukuthi iziteleka zayo zenzeka ngokuthula futhi aziphazamisi amalungelo abanye abantu. Mayelana nalokhu, kuyaphawuleka ukuthi akubange kusaba khona ezinye izigameko zodlame emahoreni angama-48 edlule. Noma kunjalo, amalungu oPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika namanye ama-ejensi ezomthetho aseyalelwe ukuqinisekisa ukuthi isimo sodlame siyalawuleka ukuze abahlali bezohamba ngokuphepha uma beya ezikoleni, emsebenzini kanye nokwenza imisebenzi yabo yansuku zonke. 
1.3.    IKhabhinethi liphinde laziswa ngokuphoqwa kwezimo zokusebenza kwamatekisi nguMasipala weDolobha laseKapa ezingahambisani nayo yomibili imithetho okunguMthetho Wezemigwaqo Kazwelonke, we-1996 (uMthetho wama-93 we-1996) kanye noMthetho Kazwelonke Wezokuthutha Ngezithuthi Zomgwaqo, wezi-2009 (uMthetho wesi-5 wezi-2009), okuyiyona elawula amacala ezemigwaqo kanye nezinhlawulo ezifanele, kubandakanya nokuboshwa kwezimoto. IKhabhinethi seliyalele uNgqongqoshe Wezokuthutha, uNks. Sindisiwe Chikunga, ukuthi aqinisekise ukuthi noma yiziphi izimo zokusebenza kwamatekisi eziphikisana nemithetho yaseNingizimu Afrika ziyasuswa. 

2.    Ukulwisana nokumbiwa kwezimayini okungekho emthethweni
2.1.    IKhabhinethi likwamukele ukuthunyelwa kophiko olukhethekile lwamaphoyisa, okwesekwa nawumkhosi wezempi, e-Riverlea, eGoli, ukuze luzobhekana nokumbiwa kwezimayini ngokungekho emthethweni kule ndawo.  
2.2.    Ngaphezu kwalokhu, iKhabhinethi lincome ukuboshwa kwabasolwa abangaphezu kwe-194 ngokumba izimayini ngokungekho emthethweni futhi yayalela ama-ejensi ezomthetho ukuthi aqede nya ngokushesha ngalobu bugebengu kanye nobunye obuhamba phambili kuleli lizwe. 
2.3.    UMnyango Wezezimbiwa Nezamandla (i-DMRE) izinikele ekuvaleni yonke imigudu nemigodi evulekile engasasebenzi e-Riverlea ngokuphela kukaMandulo wezi-2023, ngesikhathi iphothula izinhlelo zokuvala eminye imigudu nemigodi yezimayini evulekile engasasebenzi ezweni lonkana. 

3.    Isimo sezokuvikeleka e-Niger
3.1.    IKhabhinethi liwuphawulile umphumela odalwa yisimo sezokuvikeleka e-Niger ekuhambeni kwezindiza phakathi kweNingizimu Afrika noma eNingizimu ye-Afrika neNtshonalanga ye-Europe, nokuyimiphumela engemihle emabhizinisini kanjalo nakubantu kanye nasembonini yezezindiza eqeda kuqala ukuvuka esimeni esibi sobhubhane lweSifo Segciwane le-Corona sangowe-2019 (i-COVID-19).
3.2.    IKhabhinethi ligcizelele ukungahambisani nhlobo kukahulumeni nezenzo zokuketula umbuso e-Niger laphinda lanxusa ukubuyiselwa ngokushesha kokuthula kwentando yeningi labantu, laphinde layiphawula imizamo yokubuyisela isimo kwesijwayelekile ngaphansi kweNyonyana Yamazwe aseNtshonalanga ye-Afrika Alwela Umnotho. 

4.    INgqungquthela ye-Russia ne-Afrika
4.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa ubephakathi kwabanye abaholi base-Afrika abebethamele iNgqungquthela Yesibili ye-Russia ne-Afrika, e-St Petersburg e-Russia ngomhla wama-27 nomhla wama-28 kuNtulikazi 2023. Le ngqungquthela yamukele uHlelo loBudlelwano Bokusebenzisana phakathi kwe-Russia ne-Afrika olugxile ekuqiniseni ukusebenzisana emikhakheni yezepolitiki nokuvikeleka, ezomnotho, izindaba zokusiza abantu, kanye nemisebenzi ezohlomulisa zonke izinhlangothi kanye nomnotho.
4.2.    Ngale kwengqungquthela, iZinhloko Zombuso noHulumeni base-Afrika ababeyingxenye yeZingxoxo Zokuzama Ukuletha Ukuthula e-Afrika kwingxabano phakathi kwe-Russia ne-Ukraine baqhubeke nokulumana indlebe noMongameli u-Vladimir Putin ngemizamo yokwakha ukuzithemba okwakuxoxisanwe ngayo phambilini ezokwakha izimo zokuthola isisombululo sokuqeda impi.  
4.3.    UMongameli u-Ramaphosa no-Putin baphinde baba nomhlangano wabo njengamazwe amabili badingida amathuba okunyusa ukuhwebelana phakathi kwala mazwe womabili, nokuthi izwe lase-Russia linyuse utshalomali eNingizimu Afrika. 

5.    Sekume Ngomumo Ukusingatha Ingqungquthela ye-BRICS
5.1.    IKhabhinethi livumile ukuthi zonke izinto zime ngomumo ngokuthi iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela ye-15 ye-BRICS eGoli kusuka mhla wama-22 kuya mhla wama-24 kuNcwaba 2023. 
5.2.    Umhlangano wokugcina woNgqongqoshe be-BRICS – uMhlangano Wezolimo woNgqongqoshe be-BRICS – uyaqhubeka, ngesikhathi iMihlangano yoNgqongqoshe Bezindaba Zangaphandle, Ezokuvikeleka, Ezohwebo, Izimboni, Ezemfundo, Isayensi, Ezabasebenzi, Ezokuxhumana, Ezempilo, kanye neForamu Yezokufudukela Emadolobheni isiyiphothulile imibiko yayo yeNgqungquthela Yabaholi. 
5.3.    Izinhlelo Zomphakathi ze-BRICS zemikhakha eyahlukahlukene nemiphakathi nazo seziphothuliwe.  
5.4.    Lezi zingxoxo zinike ohulumeni, izinhlangano, ochwepheshe nezifundiswa eziphuma emazweni ayingxenye ye-BRICS ithuba lokuxoxisana ngezindaba ezithinta la mazwe ezingaholela ekuthathweni kwezinqumo eziphusile ngesikhathi seNgqungquthela ye-BRICS. 

6.    UBuyekezo Lweminyaka Eyishumi loHlelo Lokuthuthukiswa Kukazwelonke (i-NDP)
6.1.    IKhabhinethi lamukele uBuyekezo Lweminyaka Eyishumi lwe-NDP olwenziwe iKhomishini Yezinhlelo Zikazwelonke olubonise ukuthi umnotho ubusalokhu wakheke ngendlela engahlangabezani nezidingo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, okuyisona sizathu esikhulu esenza kunyuke amazinga obubha nokungalingani.  
6.2.    Uhulumeni usalokhu ezinikele ekwakheni kabusha nasekuguquleni umnotho ukuze usebenzele izidingo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

7.    Ezamandla 
7.1.    Umhla wama-25 kuNtulikazi kuzobe kuphela uNyaka Wokuqala selokhu uMongameli u-Ramaphosa amemezela uHlelo Lokusebenza Lwezamandla. 
7.2.    IKhabhinethi lamukele inqubekelaphambili eyenziwe kuze kube manje ekuqalisweni koHlelo Lokusebenza Lwezamandla, oluqhubekayo nokwenza kangcono ekuTholakaleni Kukagesi kanye nesimo esingcono ezigabeni zokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.  

8.    Ezokuvakasha 
8.1.    IKhabhinethi likuthokozele ukuthi izibalo zeZokuvakasha zangoNhlangulana wezi-2023 zibonisa ukuthi umkhakha wethu wezokuvakasha kancane kancane uyavuka kwimithelela emibi yobhubhane lwe-COVID-19. Izibalo zangoNhlangulana wezi-2023 ezibuya kuMnyango Wezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA) zibonisa ukuthi umthamo wabafikayo, abaphumayo nabavakashi ukhuphukile kubahlali baseNingizimu Afrika nabavakashi abaphuma emazweni angaphandle phakathi kukaNhlangulana wezi-2022 noNhlangulana wezi-2023.  

9.    Umnotho 
9.1.    IKhabhinethi lamukele umbiko we-Stats SA wokwehla kwamandla emali kubathengi kusuka kumaphesenti ayisi-6.3 ngoNhlaba kwaya kumaphesenti ayisi-5.4 ngoNhlangulana wezi-2023, okungukwehla okukhulu kusuka ngoNhlaba wezi-2020. Lokhu kwehla kubonisa ukuzimelela komnotho wethu, okuphinde kwamiswa isinqumo seBhangengodla laseNingizimu Afrika sokungaguquli isilinganiso sokubolekisa ngemali (i-repo rate) esilokhu simile kumaphesenti ayisi-8.25.  

10.    UMthethosivivinywa woLwimi Lwezimpawu lwaseNingizimu Afrika (i-SASL)   
10.1.    IKhabhinethi lamukele ukusayinwa kwakamuva ukuthi ube ngumthetho uMthethosivivinywa we-SASL nguMongameli u-Ramaphosa, okwenze ukuthi i-SASL ibe ulwimi olusemthethweni lwe-12 eNingizimu Afrika. Lokhu kuzogqugquzela amalungelo abantu abasebenzisa i-SASL abalinganiselwa kwizi-600 000 eNingizimu Afrika. 

A.    IZinqumo Zekhabhinethi 

1.    Ukukhishwa kwekhalenda ukuze kuzoshicilelwa izibalo zobugebengu zekota zonyakamali wezi-2023/24 
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukukhishwa kwekhalenda ukuze kuzoshicilelwa izibalo zobugebengu zekota zonyakamali wezi-2023/24. Izibalo zobugebengu zekota yokuqala neyesibili zizokhishwa ngoNcwaba nangoLwezi wezi-2023, bese kuthi ezekota yesithathu neyesine zikhishwe ngoNhlolanja nangoNhlaba wezi-2024 ngokulandelana. Ukuhlala njalo kukhishwa izibalo zobugebengu kubalulekile ekuqapheni ukwenzeka kobugebengu nasekuthatheni izinqumo kangcono ekulweni nobugebengu. 

2.    INqubomgomo Ebandakanyayo Yezezimali  
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kweNqubomgomo Ebandakanyayo Yezezimali. Le nqubomgomo iyingxenye yezinguquko zikahulumeni zemithethonqubo yomkhakha wezezimali futhi ihambisana nendlela ye-Twin Peaks esetshenziswa nguMgcinimafa kaZwelonke. 
2.2.    Le nqubomgomo, phakathi kokunye, kuhloswe ngayo ukuqinisekisa ukusebenza kangcono kwezimakethe kanye nokuphathwa kahle kwabathengi emkhakheni wezezimali. Inhloso ngukuqinisekisa ukuthi izikhungo zezimali ziqhuba ibhizinisi ngendlela eneqiniso kubathengi, igweme izindlela zokusebenza ezibukela phansi izimakethe zezimali, kanye nokwakha ukuzethemba kwindlela yokusebenza kwezezimali.  
2.3.    Ukuqaliswa kwenqubomgomo kuzoqinisekisa ukuthi izwe liqinisa izindlela zokusebenza kwezezimali lokho okuzokweseka ukukhula komnotho futhi kugqugquzele ukufinyeleleka kwizinsizakalo zezimali kanye nokubandakanyeka kwezezimali kwazo zonke izakhamuzi. Siyavuma ukuthi ngesikhathi izinga lokufinyelela kuma-akhawunti libe ngcono, lokhu akukabonakali kuyo yonke eminye imikhiqizo nezinsizakalo zezimali. 
2.4.    Inqubomgomo iyatholakala kwisizindalwazi sikaMgcinimafa kaZwelonke esithi: www.treasury.gov.za 

B.    IMithethosivivinywa
1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela uPhiko Lukazwelonke Lwezokushushisa (i-NPA) wezi-2023

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela we-NPA wezi-2023 osahlongozwa. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela umthetho we-NPA, we-1998 (uMthetho wama-32 we-1998) ukuze uzohlinzeka ngokusungulwa koPhiko Lokuphenya Amacala njengengxenye ezohlale ikhona njalo ngaphakathi kwi-NPA kanye nokuqinisa amandla ayo okuphenya amacala.  

2.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukulawulwa Kwezokuxhumana kanye Nokuhlinzekwa Kolwazi Oluhlobene Nezokuxhumana 
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela osahlongozwa, ochibiyela uMthetho Olawula Ezokuxhumana kanye Nokuhlinzekwa Kolwazi Oluhlobene Nezokuxhumana (i-RICA), wezi-2002 (uMthetho wama-70 wezi-2002).  
2.2.    Izichibiyelo kuhloswe ngazo ukuvikela ilungelo lobumfihlo, njengoba kubalulwa ngamalungelo okufinyelela ezinkantolo, inkululeko yokubika yabezindaba kanye nelungelo elingokomthetho ngokuhambisana nesahlulelo sangowezi-2021 seNkantolo yoMthethosisekelo eyathola ukuthi i-RICA yangowezi-2002 ayihambisani nomthethosisekelo.   

C.    Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisiswe ngokufanele. 

1.    Mnu. Percy Sechemane esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu we-Trans -Caledon Tunnel Authority. 
2.    Nks. Thathakahle Nonkqubela Jordan-Dyani esikhundleni sokuba nguMqondisi-Jikelele (u-DG) kuMnyango Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali.  
3.    Mnu. Duncan Pieterse esikhundleni sokuba ngu-DG KuMgcinimafa Kazwelonke. 
4.    Nks. Qinisile Precious Delwa esikhundleni sokuba yiPhini lika-DG (u-DDG): Ezokuthuthukiswa Nokusungulwa Kwamabhizinisi kuMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-DSBD).
5.    Nks. Mosa Keneilwe Makhele esikhundleni sokuba ngu-DDG: kwi-Sector Policy and Research e-DSBD. 
6.    Mnu. Xolisa Mabhongo esikhundleni sokuba yi-DDG: kwi-Global Governance and Continental Agenda kuMnyango Wezindaba Zamazwe Ngamazwe Nokusebenzisana.
7.    Nks. Rosinah Nghaka Dumalisile esikhundleni sokuba yi-DDG: kwi-Affordable Rental and Social Housing kuMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu.  
8.    Mnu. Thabo Kekana esikhundleni sokuba yi-DDG: Izinhlelo Nemiklamo e-DMRE.

9.    IBhodi labaQondisi le-National Radioactive Waste Disposal Institute: 
(a)     Nks. Lemao Dorah Modise (uSihlalo);
(b)     Dkt. Wolsey Barnard (iPhini likaSihlalo);
(c)     Nks. Gratitude Ramphaka;
(d)     Dkt. Kgaugelo Chiloane (uphinde wabekwa); kanye
(e)     noMmeli Derick Block.

10.    IBhodi labaQondisi le-National Nuclear Regulator:
(i)     Mnu. Protas Phili – uSihlalo (uphinde wabekwa); 
(ii)     Nks. Pinkie Deneo Peta (uphinde wabekwa); 
(iii)     Mnu. Paul Heeger;
(iv)     Nks. Nolubabalo Zolisa Zwakala;
(v)     Dkt. Pathmanathan Naidoo;
(vi)     Dkt. Nandi Malumbazo;
(vii)     Nks. Theodorah Bahlekazi; kanye
(viii)     noMnu. Happy Khambule.

11. IBhodi labaQondisi le-Inkomati-Usuthu Catchment Management Agency:
(i)     Nks. Linda Carol Zulu (uSihlalo);
(ii)    UMmeli Geraldine Khoza (iPhini likaSihlalo);
(iii)   Nks. Shivon Wiggins;
(iv)  Mnu. Sam Mthembu;
(v)     Mnu. Mokgobi Andrew Ramushu;
(vi)  Mnu. Steven Matome Mathetsa; kanye
(vii)     noNks. Salome Chiloane-Nwabueze. 

12. IBhodi labaQondisi le-State Information Technology Agency: 
(i)    Mnu. Kiruben Pillay (uSihlalo);
(ii)   Nks. Lerato Petlele (iPhini likaSihlalo);
(iii)   Nks. Khathu Sibanda;
(iv)   Dkt. Lucienne Abraham;
(v)   Mnu. Luvuyo Keyise;
(vi)     Mnu. Mandla Martin Mnisi; 
(vii)     Mks. Renisha Naidoo;
(viii)   Nks. Nolitha Pietersen; kanye
(ix)    noNks. Laura Mseme.

D.    Umcimbi Oqhubekayo
1.    INyanga Yabesifazane

1.1.    INingizimu Afrika ibungaza iNyanga Yabesifazane ngoNcwaba ngaphansi kwesiqubulo esithi: Sisheshisa amathuba kwezenhlalo-mnotho ukucijisa abesifazane” okuyindlela yokukhumbula abesifazane abangaphezu kwezii-20 000 abamasha balibhekisa eZindlini Zombuso ngonyaka we-1956 belwela imithetho ecindezelayo yokuphathwa kwamapasi eyayibekwe nguhulumeni wengcindezelo.   
1.2.    IKhabhinethi licela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise le nyanga hhayi nje ukuhlonipha abesifazane abalwela inkululeko kuphela, kodwa baphinde babe yingxenye yokwakha umphakathi oweseka ukuthuthukiswa kwabesifazane futhi oqinisekisa ukuphepha kwabesifazane nabantwana.  

E.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lidlulisa izilokotho ezinhle kulaba: 

  • I-Netball Spar Proteas, ngokufinyelela kumzuliswano wamaqembu ayisithupha aphezulu kwiNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano. IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukusebenzisa lezi zikhathi ezenza sibe yinto enye njengethuba lokwelula isandla kwabanye abantu baseNingizimu Afrika sakhe ubumbano kwezenhlalo futhi sigqugquzele ukwakhiwa kwesizwe lapho wonke umuntu ezizwa amukelekile.
  • I-Banyana Banyana, ngokuqopha umlando ngokudlulela emzuliswaneni wamaqembu ayi-16 asele kwiNdebe Yomhlaba Yabesifazane ye-FIFA yezi-2023. Ikhono labo elimangazayo abalibonise enkundleni ligqugquzele isizwe futhi bandizisela ifulegi lezwe phezulu.      
  • USlz. Thuli Madonsela, uMvikeli Womphakathi waphambilini, ngokubekwa esikhundleni sokuba yingxenye yeBhodi Lenhlangano Yezizwe Ezibumbene Labaluleki Besayensi abanika Izeluleko Ezizimele Ngezisombululo Kwezesayensi Nobuchwepheshe.
  • U-Tatjana Schoenmaker, ngokuhlabana ngendondo yegolide ku-breaststroke yama-200m kanye nesiliva ku-breaststroke ye-100m emiqhudelwaneni ye-World Aquatics Championships e-Fukuoka, e-Japan. 


2.    Amazwi Enduduzo 

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • U-Imam Achmad Cassiem (78), owayekade eyisiboshwa sase-Robben Island, nelungu le-Pan Africanist Congress kanye nomsunguli we-Qibla Movement, owayengumakadebona woMzabalazo olwa nobandlululo. 
  • Abantu abashone ngesikhathi sesiteleka samatekisi eDolobheni laseKapa.
     

Imibuzo:
Nks. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore