Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-18 Lwezi 2015

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi incoma uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu ngokunika abantu izindlu ohlelweni olwaziwa ngokuthi yiSavanna City Integrated Human Settlements project olukuMasipala Wesifunda waseSedibeng kubantu abahluphekile. Abantu asebezakhele amagama eNingizimu Afrika baye babambisana nalabo ababambe iqhaza odabeni lokwakhiwa kwezindlu, kuhlanganisa izimeya kanye nezikhulu zikaMasipala Wesifunda iSedibeng, ekupendeni lezi zindlu ebeseziphothuliwe ngesikhathi sokwethulwa kwazo kwaphinde futhi kwethulwa nezingadi ezihambisana nalezi zindlu.

Cishe yizindlu eziyi-18 000 ezakhiwe, nokuzuze kuzo abantu abadala, abantu abaphila nokukhubazeka, imindeni eyondliwa yizingane kanye naleyo eyondliwa ngabantu besifazane. IKhabhinethi iphinda futhi yemukele ukumenyezelwa kokuthi ngonyaka ozayo lo Mnyango uzokwethula uhlelo, noluzokwenza ukuthi kwakhiwe izindlu eziyizi-60 000.

1.2. IKhabhinethi iyayemukela inqubekelaphambili eseyenziwe uhlelo olwaziwa ngokuthi yi-Tshepo 10 000, nokuwuhlelo olusiza ukulwa nokungaqashwa kanye nokungaqasheki kwabantu abasha ngaphansi Kwedolobha laseTshwane. Le projekthi ezodla izigidi zamarandi esungulwe Yidolobha ngokubambisana neNyuvesi yasePitoli, ifisa ukuqeqesha abantu abasha abangasebenzi ababalelwa kwizi-10 000 ngokuthi ibafundise amakhono kanye nobuchule ababudingayo ukuthi bakwazi ukufaka amathenda ekwenziweni kwamaprojekthi.

Ngemuva kokuphothulwa kokuqeqeshwa, abantu abasha bayaye bese bezisungulela baphinde baphathe imiphilandawonye eyimpumelelo kakhulu. sikhuluma kumanje nje, yimiphilandawonye engaphezu kwe-190 esihlinzeke abantu abasha abaningi ngamathuba emisebenzi. Ngaphezu kwalokho, iminyango engaphansi kukamasipala iyaye bese iqasha abanye babantu abasha abasuke sebethole lokhu kuqeqeshwa.

1.3. IKhabhinethi iyakwemukela ukulungiswa komgwaqo u-R25 (P6-1), nokungumgwaqo oyibanga elingamakhilomitha angama-42 kanti lo mgwaqo uhlanganisa iGauteng kanye neLimpopo. Le projekthi ehamba phakathi kwe-Bapsfontein kanye ne-Bronkhorstspruit, iqashe abantu abangaphezu kwama-200. Le projekthi izophinda futhi ihlomulise imikhakha yezolimo kanye nowezokumbiwa phansi endaweni ngokukhuthaza ukuhamba ngokushesha kwamaloli athwala impahla naphinda futhi ahlinzeke ngezinsizakalo endaweni.

2. Izinqumo ZeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi iye yabekwa esithombeni nguMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe, njengoba izoba nesonto elikhulu lesayensi lomphakathi nelaziwa ngokuthi: yi-Science Forum South Africa 2015 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukuvula ingxoxo mayelana nesayensi” kusukela mhla ziyisi-8 kuya kumhla ziyisi-9 kuZibandlela 2015, ePitoli.

Lo mcimbi unikeza labo ababambe iqhaza kwisayensi nezinto ezithinta isayensi, abavela eNingizimu Afrika, ezwenikazi lase-Afrika kanye nalabo abangabantu okubanjiswene nabo emazweni omhlaba ithuba lokuthi kube nenkulumongxoxo kanye nokufunda ngenqubomgomo emayelana nokuxhumana phakathi kwesayensi kanye nomphakathi.

2.2. IKhabhinethi iye yakuphasisa ukuthi umcimbi we-International Maritime Organisation (IMO) okuyi-World Maritime Day Parallel Event ubanjelwe lapha eNingizimu Afrika ngonyaka wezi-2020. UMnyango Wezokuthutha uzobe usudlulisela lesi sinqumo seKhabhinethi emhlanganweni woMkhandlu we-IMO nokuhlelwe ukuthi ube ngomhla zingama-23 kuLwezi kuya kumhlaka 04 kuZibandlela 2015.

3. Imicimbi Ezayo

3.1. UMongameli Jacob Zuma uzokwamukela uzakwabo wase-China u-Xi Jinping njengalokhu ezobe esohambeni lwakhe Lokuvakashela Izwe lwezinsuku ezimbili kusukela mhlaka zi-2 kuya mhla zi-3 kuZibandlela. Ngalolu hambo kuhloswe ukuthi kuphothulwe uhlelo lokubambisana phakathi kwalawa mazwe omabili olwaziwa ngokuthi yi- China-South Africa 5-10 Year Framework on Cooperation noluzophinda lugxilise kabanzi izivumelwano zethu kusukela selokhu kwenziwa Isivumelwano sase-Beijing ngonyaka wezi-2010. Lolu hambo luzophinda futhi luqinise luphinde lwelule Ukubambisana Okuningi Kwamaqhinga Okucebisana lawa mazwe omabili abelana ngakho.

Ubudlelwano beNingizimu Afrika nezwe lase-China yibona obudlala indima enkulu kakhulu ekutheni leli likwazi ukufezekisa uhlelo lwayo lwentuthuko ngomgomo walo wangaphandle ngoba bandisa imizamo yokwenza ukuthi iHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) isebenze, kubanjiswane kwezolimo, kwezemvelo, kwezohwebo nezimboni kanye nakwezezimali njengalokhu izwe lisaqhubeka nokuqhubela iNingizimu Afrika phambili. Lobu budlelwano futhi bubuye buhlinzeke ngethuba lokubuyekeza inqubekelaphambili kwiminxa yokuhwebelana evele ikhona kanye nokuthi kube nokubambisana phakathi kwalawa mazwe omabili, kubuye futhi kusheshiswe bese kufezekiswa izindawo ezintsha zokubambisana.

3.2.    UMongameli uZuma uzohola ithimba elizobe lilibangise Kwingqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza yehlandla lama-21 ezobe ibanjwe ngaphansi kweNgqungquthela YeNhlangano Yezizwe Yohlaka Lwezokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC) kanye Nengqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza yehlandla le-11 kanti izodlala indima yokuba nguMhlangano Wamazwe asayina Isivumelwano saseKyoto (i-CMP11) nozokuba kusukela mhla zingma-30 kuLwezi kuya mhla ziyi-11 kuZibandlela 2015 eParis, eFrance.

Izingxoxo zamazwe ngamazwe zokuthi kube nesivumelwano esisha esisemthethweni ziyoba yiyona mpendulo esimweni sokuguquguquka kwesimo sezulu, nesiyoqala kusukela ngonyaka wezi-2020 kuya phambili. Ngokuhambisana nalokho iNingizimu Afrika ekufunayo njengezwe lase-Afrika futhi nanjengezwe elisathuthuka neliyodinga ukwesekwa ngemuva kweminyaka yezi-2020, iNingizimu Afrika izoqhubeka nokumela kanye nokulwela imigomo enqala ye-UNFCCC, newukulingana kanye nokwehlukana.

Emhlanganweni Weqembu lamazwe angama-77 kanye ne-China, iNingizimu Afrika iyofuna ukuqhubeka kanye nokuqinisa ubunye bamazwe athuthukayo ukuze ithole Isivumelwano saseParis esingavuni luhlangothi, esiphokophelele phambili, esigxile kwisayensi nesikhiqiza indawo yokuthuthuka kumazwe asathuthuka.

3.3.    UMongameli uZuma uzokwethula umkhankaso weziNsuku Eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Oluqondiswe Kwabesifazane Nezingane ngomhla zingama-25 kuLwezi 2015 e-Naauwpoort, eMahikeng ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ngibale Nami: Sisonke Siqhubekisela iNingizimu Afrika Engenaludlame Phambili.” Lo mkhankaso ugujwa njengengxenye ye-365 Days of Activism, nokungumkhankaso oqhubekayo ovusa ukuqwasha ngodlame olubhekiswe kubantu besifazane kanye nezingane, futhi uvukuza abantu ukuthi babambe iqhaza ekulweni nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane unyaka wonke. IKhabhinethi imema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baweseke lo mkhankaso kanye nokuthi basebenzise lesi sikhathi ukuvukuza imiphakathi futhi ibambisane nohulumeni ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nabantwana - #Count me In.

3.4. USekelamongameli uRamaphosa uzohola ithimba likahulumeni ekuxoxisaneni nalo okujwayelekile nenhlangano yabacosheli bezindaba okuyi-South African National Editors’ Forum mhla zingama-21 kuLwezi 2015 njengengxenye yokuzibophezela kukahulumeni kanye nohlelo oluqhubekayo lokuqinisa ubudlelwano nezikhungo ezisakaza izindaba. UHulumeni uzobeka esithombeni abahleli bezindaba ngezindaba ezibalulekile kanye nangezinhlelo zikahulumeni ezizayo kanti futhi abahleli bazonikwa ithuba lokuthi baveze ilaka labo kuhulumeni.

3.5. INingizimu Afrika izogubha Usuku Lomhlaba Wonke Lwengculaza ngaphansi kwengqikithi ethi - “Siphokophelele Kwisizukulwane Esingenayo i-HIV: SUKUMA. YENZA. VIKELA. LUTHO – kanti lokhu kuyinhlabamkhosi ethi imiphakathi makube khona ekwenzayo ukulwa nalolu bhubhane. Le ngqikithi yakulo nyaka isuselwe kwingqikithi Yenhlangano Yeziwe Yosuku Lomhlaba Wonke Lwengculazi yangeminyaka esukela kwizi-2011 kuya kwizi-2015 ethi: “Ukufinyelela Lapho Kungasekho Muntu Othelelekile”. Usuku Lwengculaza Lomhlaba wonke luzophinda luqinise inkulumompendulwano mayelana nokukhishwa inyumbazane kanye nokucwaswa, futhi luzophinda luvukuze imiphakathi ukuthi ukwazi ukubhekana nokuvikela, ukwelapha kanye nezinsizakalo zokweseka lapho abanaleli gciwane.

Umcimbi omkhulu wokugubha Usuku Lomhlaba Lwengculaza uyobanjelwa KwaZulu-Natali. Kanti yiwona kanye-ke lo mcimbi ozoba yisendlalelo sengqungquthela yengculaza okuyi-21st International AIDS Conference ezobanjelwa kuleli eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre e-Durbankusukela mhla ziyi-17 kuya mhla zingama-22 kuNtulikazi 2016. INingizimu Afrika iyaqhubeka nokubonisa inqubekelaphambili ekulweni ne-HIV kanye ne-AIDS, ngoba isikwaze ukwelula uhlelo lwayo lokuhlinzeka ngemishanguzo, sikhuluma nje kunabantu abangaphezu kwezigidi ezintathu abadla imishanguzo, kanti isikwaze futhi nokunciphisa ukusuleleka komntwana ngegciwane elithola kumama omzalayo kanti futhi nezibalo zibonisa ukuthi leli lizwe lenza kahle kangcono ekulweni nesifo sofuba.

3.6. IKhabhinethi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahambele Izimbizo ezihlelwe ezweni lonkana ngesonto elaziwa ngokuthi yiNational Imbizo Focus Week kusukela mhla zingama-30 kuLwezi kuya kumhlaka ziyi-6 kuZibandlela 2015. Le nkundla yenza ukuthi izakhamuzi zikwazi ukufakana imilomo noNgqongqoshe abathile.

Isonto i-National Imbizo Focus Week lizokwenzeka ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili” futhi lapha kuyokwaziswa imiphakathi ngalokho okwenziwa nguhulumeni oHlelweni Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye ekukhuliseni umnotho kanye nasekwakheni amathuba omsebenzi, njengalokhu kwabekwa nguMongameli Zuma eNkulumweni yakhe Echaza Isimo Sezwe ngoNhlolanja 2015. ONgqongqoshe bazophinda basebenzise leli thuba ukukhuthaza umphakathi ukuthi ubambe iqhaza ekulweni nezinto eziningi ezihlukumeza umphakathi, kuhlanganisa nezinto ezihlobene nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.  

3.7. Inyanga kaZibandlela Yinyanga Yokuxolelana kanti iNingizimu Afrika iyogubha Usuku Lokuxolelana ngomhla ziyi-16 kuLwezi eBhayi, eMpumalanga Kapa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sivala igebe: Sakha ubuzwe baseNingizimu Afrika obufanayo ukuze sibe yizwe elithuthukayo”. Le nyanga ibaluleke kakhulu ngoba ikhuthaza ukuxolelana, ukuthola kanye nokubumbana komphakathi kanti lezi yizinto ezaba yisisekelo sokwakhiwa kwentanto yeningi entsha yaleli lizwe.

IKhabhinethi ikhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise le nyanga ukuthi baxhumane njengesizwe njengalokhu siqhubeka nokusebenzisana ndawonye sakha isizwe esihlangene nesinenqubekelaphambili.

3.8. IKhabhinethi ikhumbuza abakhokhi bentela abangakawahambisi amaphepha abo awubufakazi bokukhokha kwabo intela onyaka wentela wezi-2014/15 ukuthi usuku olungumnqamulajuqu umhla zingama-27 kuLwezi 2015. IKhabhinethi ibonga bonke abakhokhibentela ngokubambisana nohulumeni ngokuhlinzeka ngezinsizakalo ezidingeka kakhulu kangaka ezisiza ukwenza ngcono izimpilo zezinkulungwane zemiphakathi ezweni lonkana.

3.9. IKhabhinethi ihalalisela isikhungo soMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi okuyi-Gender-Based Violence Command Centre (GBVCC) ngokuhlabana kwaso ngomklomelo i-Global Best Contact Centre Award e-Las Vegas, eMelika, ngoLwesine, mhla zi-5 kuLwezi 2015. I-GBVCC isikhungo samahora angama-24 esizinikele ekuhlinzekeni ngokweseka kanye nokweluleka izisulu zodlame olubhekiswe kwabesifazane. Lena enye indaba eyimpumelelo ebonisa uhulumeni onakekelayo omile ekulweni nokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane.

3.10.  IKhabhinethi ihalalisela u-Eskom ngokusebenza izinsuku eziyi-100 ngaphandle kokunqamula ugesi ngisho nakanye (ukunqamula ugesi ngenhloso yokuwaba ngononina). U-Eskom ufinyelele kuleli qophelo ngoLwesibili, mhla ziyi-17 Lwezi 2015. Lezi zinsuku eziyi-100 zokuhlinzeka ngogesi okungaphazanyisiwe akusho nokho ukuthi sekufanele ukuthi sihambele phezulu. Kodwa okunalokho iKhabhinethi imema yonke imiphakathi ukuthi iqhubeke nokusebenzisa izindlela zokonga ugesi.

3.11. IKhabhinethi ihalalisela labo abaqokelwe Izindondo Zemidlalo Zowezi--2015  nezizobanjwa ngomhla zingama-22 kuLwezi 2015 eSand du Plessis Theatre eMangaung, eFreyistata. Le miklomelo, izobanjwa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukuhamba phambili akusikhona nje ukuthi yingoba uhambe phambili; kodwa kuwukwenza lokho okukwenza ukuba uhambe phambili”, kanti izobe igubha iminyaka eli-10 selokhu yasungulwa ukubona kanye nokuhlonipha labo bantu kanye namathimu abenze kahle ngaphakathi ensimini yokudlala kanye nangaphandle. Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuthi baweseke lo mcimbi ngokuthi bavotele uMdlali Ovelele Wonyaka wezi-2015.

4. Isimo seKhabhinethi ngezindaba ezisematheni

4.1. IKhabhinethi iye yahlanganyela noMongameli Zuma kanye nomphakathi wamazwe omhlaba ekugxekeni kakhulu ukuhlasela kwabashokobezi okwenzeke e-Beirut (e-Lebanon), e-Baghdad (e-Iraq), eYola  (e-Nigeria) kanye nase-Paris (e-France), nokuholele ekutheni kushone abantu abaningi abangenacala kwacekelwa phansi nempahla. INingizimu Afrika imile ayiguquki ekugxekeni zonke izinhlobo zokuhlasela okuqondiswe kubantu phaqa abangenacala futhi iyaphinda iyakuveza ukuthi yona imelele nezenzo zobushokobezi, ngisho noma ngabe zingezaluphi uhlobo futhi zivela kunoma iyiphi indawo, angeke nanini zabekezeleleka.

4.2. IKhabhinethi iyayeseka imisebenzi eseyenziwe Yikomidi LoNgqongqoshe BakaHulumeni(i-IMC) Kwinkinga Yokushoda Kwamanzi kanye Nesomiso ukulwa nokuthi imithelela yesomiso ingezweli kakhulu kanti futhi ifisa ukukhuthaza imiphakathi ukuthi isebenzise amanzi ngokuwonga ukuze kuhlale kunamanzi nangomuso.  

UHulumeni usengeze ngesamba semali esiyizigidi ezingama-96,6 kuleyo yokuqala ayeyikhiphile okwakuyizigidi ezingama-352,6 nebekwe eceleni ukuthi kwesekelwe imizamo yezwe yokulwa nesomiso ezindaweni ezithintekile. Lokhu kufaka phakathi ukuthengwa kwezimoto ezithwala amanzi ezingama-45 ukuze zisabalalise amanzi ezindaweni ezithintekayo, kumbiwe nemigodi ezokhipha amanzi kuphindwe kulungiswe lezo zindawo ebese zingasasebenzi kahle, kongiwe amanzi futhi aphathwe nangendlela kubuye futhi kuthathisiselwe amanzi emithonjeni eyizizinda zalapho kuvela khona amanzi.

UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba, kuzothi kulezo zindawo ezishayeke kakhulu, ukuvumele ukuthi imfuyo ithuthwe iyokhothiswa kwezinye izindawo ezingumhlaba kahulumeni lapho kuzobe kusekhonyana ukudla kwezinkomo. Ngaphezu kwalokho, uMnyango Wokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko usubambisane neziMeya ukuzama ukuza nezindlela ezahlukene zokonga amanzi ngaphansi kolawulo loMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko.

Lokhu kufaka phakathi ukwethula imigomo enqala yokusetshenziswa kwamanzi, ukubheka ukuthi ngabe iyalandelwa yini imigomo yokusetshenziswa kwamanzi; ukuthi kuhlawuliswe labo abenzi ngendlela efanele lapho kufanele khona; ukubeka phambili ukuvala lezo zindawo zamanzi ezivuzayo; ukukhuthaza izinto zobuchwepheshe ezihambisana nokongiwa kwamanzi ezifana namathoyilethi ashaywa ngamanzi amancane; ukongiwa kwamanzi emvula kanye nokusetshenziswa kwamanzi asesebenze kwenye indawo lapho kwenziwa izinto ezifana nokunisela.

4.3. UMongameli Jacob Zuma uye wahola ithimba eliqhamuka eNingizimu Afrika ebeliya kwiNgqungquthela Yabaholi be-G20 ebibanjelwe e-Antalya, ezweni lase-Turkey kusukela mhla ziyi-15 kuya kumhla ziyi-16 Lwezi 2015. Ingqikithi yale ngqungquthela yabaholi bamazwe yathi; ukufaka wonke umuntu, ukutshala izimali kanye nokwenza. INingizimu Afrika iphakathi kwamazwe angama-51 awasayina isivumelwano esaziwa ngokuthi i-Agreement on Automatic Exchange to Tax Information e-Berlin, e-Germany ngoMfumfu 2015. La wamazwe azoqala abelane ngolwazi kusukela ngonyaka wezi-2017, kanti lokho kuyokwenziwa ngaphansi komthetho okumanje usezithebeni zePhalamende. UMongameli Zuma ukwamukele ukuphothulwa kwezinto ezizokwenziwa eziyi-15 ngaphansi kohlelo lwe-G20/Organisation for Economic Cooperation and Development Base Erosion and Profit Shifting project, nobekuyizinto ebezibaluke kakhulu ukuqinisekisa ukuthi yonke into ihamba ngendlela efanele kanye nokuzinziza indawo yokwenza imali ekwi-sub-Saharan Africa.

4.4. Amalungu e-Southern African Customs Union (SACU) uMkhandlu WoNgqongqoshe aye ahlangana ngomhla ziyi-11 Lwezi 2015 eWindhoek, eNamibia ngaphambi kokwethulwa kwamahhovisi amakhulu e-SACU kanye nangaphambi kokuba nesithangami sokucobelelana ngolwazi noMongameli bamazwe e-SACU kanye noHulumeni. Lo Mkhandlu wasebenzisa leli thuba ukubheka inqubekelaphambili eseyenziwe Ohlelweni Olunamaphuzu Ayisithupha kusukela emhlanganweni wawo wokugcina, waphinda futhi wagcizelela ukuzibophezela kwawo kwi-SACU. UMkhandlu wavuma ukuthi i-SACU le kumele yenze okungaphezulu kokwabelana ngemali eyenziwe nje kuphela kodwa kumele iqhamuke ngisho nanezinhlelo ezizokweseka ukuhlangana esifundeni. Amalungu aphinda futhi emukela ibalazwe kanye namapulani okusebenzela ingqungquthela yabaphathi bamazwe ezobanjwa ngoNhlangulana 2016.

4.5. IKhabhinethi iyayemukela Imiphumela Yokucwaningwa Kwamabhuku yezi-2014-15 kuhulumeni kazwelonke kanye nakohlumeni bezifundazwe. Umbiko ubonisa ukuthi kukhona ukwenza ngcono kuyona yonke imikhakha yokucwaningwa kwamabhuku kuhulumeni kazwelonke nohulumeni wesifundazwe. Imiphumela ibonisa ukuthi khona kukhona okuncane okuzanywayo ngasekuphatheni kahle izinto ngendlela kanye nasekuphatheni izimali ngendlela futhi kwenza ukuthi kunokuphathwa ngendlela manje kweminyango kahulumeni, kanti lokhu kubonakale ngokuthi iminyango eminingi kahlumeni ithole imibiko yokucwaningwa kwamabhuku engenawo amachashaza. Lokhu kwenza kangcono kubuye kubonise ukuthi uhulumeni usebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu abasebenzisa izimali zikahulumeni bayaphendula kuyona yonke imisebenzi abayenzayo.

Nakuba kukhona lokhu kwenza kangcono ngale ndlela, uhulumeni uthathe isinqumo sokuthi uzoqhubeka weseke leyo minyango ethole imibiko engemihle ukuze kuqinisekiswe ukuthi uhulumeni wonkana usebenza ngendlela engcono kakhulu.

4.6. IKhabhinethi iyakwemukela ukuqokwa nguMongameli Zuma kukaJaji uMandisa Muriel Maya njengeSekelamongameli leNkantolo Enkulu Yokwedluliswa Kwamacala ngokwemigomo yesigaba se-174(4) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangonyaka we-1996 kanye nokuqokwa Kwejaji uNonkosi Zoliswa Mhlantla njengojaji eNkantolo Yomthethosisekelo ngokwemibandela yesigaba se-174(3) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we-1996.

Lokhu kuqokwa kwalaba kuqinisa ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ukuthi kube nobulingana kobulili ezingeni eliphezulu kakhulu futhi kuqhubela phambili ukushintshwa kanye nokuguqulwa kwamajaji. IKhabhinethi iyabahalalisela bobabili abehluleli futhi ibafisela okuhle kodwa ekusebenzeni kwabo ekwenzeni lomsebenzi obucayi kangaka esigqikini samajaji eNingizimu Afrika.

4.7. IKhabhinethi ifisa ukuhalalisela uDkt S’thembile Ngidi oqophe umlando ngenkathi ethweswa imiyezane eCollege of Medicine South Africa njengodokotela wokuqala ongumuntu wesifazane ukuba ngudokotela ofunde wagogoda ekuhlonzeni kanye nasekudanjisweni komdlavuza KwaZulu-Natali kanti ungowesibili kuphela kuleli lizwe.

4.8. IKhabhinethi imncoma kakhulu umenzi wamafilimu waseNingizimu Afrika uReina-Marie Loader owenze umbhalo osabhayisikobho onesihloko esithi ‘Horn’ nothole ukunconywa okuningi kakhulu, nowaze waqokelwa ngisho nemiklomelo ama-Rhino Conservation Awards anonyaka wezi-2015 ngoNtulikazi ngaphansi komkhakha othi: Best Awareness, Education and Funding, wase uphumelela kwindondo eyaziwa ngokuthi i-Best Conservation Film kwi-International Film Festival eNew York City, e-USA eyabanjwe khona ngonyaka wezi-2015.

4.9. IKhabhinethi ithi dudu emndenini kanye nakubangani beSekelangqongqoshe loMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko, uNks Pamela Tshwete, ngokushiywa emhlabeni ngumama wakhe, uMama uRuth Nomzi Zondeki.

4.10. IKhabhinethi yedlulisa amazwi enduduzo kuhulumeni wasezweni lase-New Zealand, emndenini, kubangani kanye nakwinhlangano yebhola lombhoxo iNew Zealand Rugby Union ngokudlula emhlabeni kwesihlabani sebhola lombhoxo, uJonah Tali Lomu, obaziwa kakhulu ngegalelo lakhe emdlaweni wezombhoxo.

5.  Abaqashiwe

Bonke laba abaqashiwe ukuqashwa kwabo kuyoqinisekiswa mhla izicucu zokuqashwa kwabo kanye nokuqinisekiswa kokufaneleka kwabo kulezi zikhala kwavunywa.
5.1.  Ukwelulwa Kwesivumelwano Sokusebena iminyaka emihlanu sikaMnu Maswahle Diphofa – uMqondisi-Jikelele (i-DG): uMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo.

5.2. Ukwelulwa Kwesivumelwano Sokusebenza izinyanga eziyishumi nambili sikaNks Nonkululeko Sindane – u-DG: uMnyango Wezobulungiswa kanye Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo.

5.3. UMnu Livhuwani Tommy Makhode njengeSekela likaMqondisi-Jikelele: Ukuhlelwa Kwesikhungo kanye Nokweseka eMnyangweni Wezesayensi Nobuchwepheshe.

5.4. UMnu Rory Gallocher njengeSikhulu Esiphezulu Kwisikhungo Esilawula Izindlu Zomphakathi.

5.5. UDkt Pradish Rampersadh njengoMqondisi Omkhulu WoMkhandlu WaseNingizimu Afrika Wemisebenzi Yesayensi Yemvelo.

5.6. UMnu Mark Barnes njengeSikhulu Esiphezulu Jikelele Kwinhlangano Yeposi YaseNingizimu Afrika.

5.7. Ibhodi Yebhange i-Development Bank of Southern Africa:
i. UMnu Jabulani Philip Moleketi – (uqokwe kabusha futhi kanti unguSihlalo);
ii. UMnu Msokoli Frans Baleni – (uqokwe kabusha futhi kanti uyiSekela Sihlalo);
iii. UNks Martie Janse van Rensburg – (UnguMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla);
iv. UNks Malijeng Theresa Ngqaleni – (UnguMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla); kanye
v. UNks Kameshni Naidoo – (uqokwe kabusha futhi njengoMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla).

5.8. Ibhodi Yenhlangano Yomshuwalense Wengcuphe Eyisipesheli:

i. UNks Margaret Octavia Ndlovu – (uqokwe kabusha futhi njengoMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla); kanye
ii. NoNks Bulelwa Mnkangisa – (uqokwe kabusha futhi njengoMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla).

Imibuzo: UNks Phumla Williams
(Ibambela Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalelukhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore