Bhalisa inyunyana yabasebenzi

Ukubhalisa inyunyana yabasebenzi, kumele ufake isicelo kuMabhalane Wezindaba Zabasebenzi kuMnyango Wezemisebenzi Nezabasebenzi.

Inyunyana yabasebenzi iyinhlangano yabasebenzi egqugquzela futhi evikela amalungu ayo ezindabeni ezifana namaholo kanye nezimo asebenza ngaphansi kwazo, ikakhulukazi ngokuxoxisana nabaqashi. Izinyunyana zabasebenzi akuphoqelekile ukuthi zibhalise kuMnyango Wezabasebenzi, kodwa izinyunyana ezibhalisile zinamalungelo engeziwe.

Thumela isicelo sakho (Registration as a Trade Union, LRA 6.1) ku-Registrar of Labour Relations, Department of Employment and Labour, Private Bag X117, Pretoria, 0001.

Ukuthola ulwazi olwengeziwe xhumana noMnyango Wezemisebenzi Nezabasebenzi.

Share this page