Bhalisa njengomdwebi wemimo yezindlu

Akukho emthethweni ukuhlinzeka ngosizo lokudwetshwa kwemimo yezindlu lwanoma yiluphi uhlobo ngaphandle kokuba ubhalisiwe ngaphansi koMkhandlu woMkhakha wabadwebi beMimo yeziNdlu (i-SACAP).

Ukuze ukwazi uhlale ubhalisile noma uthole ‘iLayisensi yokuSebenza', zonke izinkokhelo zakwa-SACAP ezikhokhwa ngonyaka kanye nezinye kudingeka zibe zikhokhwe ngesikhathi. Ukuthotshelwa kwemiGomo yokuziPhatha eMsebenzini kanye neminye imithetho kubaluleke kakhulu.

Ungabhalisa kulemikhakha elandelayo:

  • I-Professional Architect
  • I-Professional Senior Architectural Technologist
  • I-Professional Architectural Technologist
  • I-Professional Architectural Draughtsperson
  • I-Candidate Architect
  • I-Candidate Senior Architectural Technologist
  • I-Candidate Architectural Technologist
  • I-Candidate Architectural Draughtsperson

Imininingwane eyengeziwe mayelana nokubhalisa kanye nemali ekhokhwayo kuyatholakala kusizindalwazi  sakwa-SACAP noma thintana noMkhandlu kule nombolo011 479 5000 noma nge-imeyili ku: registrar.rp@sacapsa.com.

 

Share this page