Uma ufuna ukuvolontiya wenze imiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), kumele ubhalisele ukuba yiphoyisa eliyibamba.
Iphoyisa eliyibamba yilungu lomphakathi elenza imiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika ngezikhathi ezithile (okungenani amahora ayi-16 ngenyanga) ngokuvolontiya, lingakhokhelwa.
Ngeke ube yiphoyisa eliyibamba uma:
- wayekiswa umsebenzi owawuwenza kumqashi wangaphambilini ngoba kuthiwa awufaneleki ukusebenza ngokwempilo
- uma wawukade uyilungu le-SAPS futhi isicelo sakho sokuphinda ufakwe ohlwini senqatshwa
- unesikhundla esithile eqenjini lezepolitiki
- uyintatheli ngokugcwele noma ungomele abezindaba
- usengumfundi
- ungunogada
- uyilungu lamaphoyisa kamasipala.
Ukuze ube yiphoyisa eliyibamba kumele:
- ube nobuzwe obugcwele baseRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika
- ube okungenani neminyaka eyi-18 kodwa engaphansi kwengama-70
- ungabi nokukhubazeka okuthile engqondweni, isifo noma ukugula okungase kuphazamise ukwenza imisebenzi yakho ngendlela efanele
- ube nesimilo esihle, futhi kutholakale umbiko omuhle uma kwenziwa uphenyo
- uqede ngempumelelo ukuhlolwa kokusebenza kwengqondo njengoba kungase kunqunywe ngukhomishana kazwelonke
- ube okungenani nesitifiketi sikamatikuletsheni noma okulingana naso futhi ukwazi ukuveza ubufakazi balokho
- ukwazi ukukhuluma, ukufunda nokubhala okungenani isiNgisi njengolulodwa lwezilimi ezisemthethweni
- uvume ukuba kuthathwe iminyatheliso yeminwe iyohlolwa futhi ungatholakali unecala elithile noma kube ukuthi kukhona icala lakho eliqhubekayo
- ukulungele ukuyoqeqeshwa
- wenze isifungo salo msebenzi
- ungabi nemidwebo yasemzimbeni ebonakalayo.
Kuhle ukuba nezincwadi zokushayela uma uyiphoyisa eliyibamba nakuba kungeyona imfuneko.
Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuba yiphoyisa eliyibamba noma uthinte abezemiSebenzi yamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.