Ukwamukelwa kwabafundi esikoleni

Ungazikhethela ukuthi ufuna ingane yakho ifunde esikoleni sikahulumeni noma esikoleni esizimele. Izikole zikahulumeni zilawulwa ngumbuso kanti izikole ezizimele zilawulwa ngabantu abazimele.

Izikole ezizimele kumele zibhaliswe ngokusemthethweni ngaphansi komnyango wesifundazwe, kanti izikole zikahulumeni kumele zisungulwe nguNgqongqoshe Wezemfundo Wesifundazwe.

Kumele ubhalise ingane yakho esikoleni phakathi komhla lu-1 kuNcwaba kanye nomhla zingama-31 kuMandulo ngonyaka owandulelayo. Umfakisicelo weBanga R kumele okungenani kube yingane eneminyaka emine noma ezobe isineminyaka emihlanu noma ngaphezulu mhla zingama-30 kuNhlangulana ngonyaka olandelayo. Umfakisicelo weBanga Lokuqala kumele okungenani kube yingane eneminyaka emihlanu futhi ezobe isineminyaka eyisithupha noma ngaphezulu mhla zingama-30 kuNhlangulana ngonyaka olandelayo.

Thola imininingwane ethe xaxa mayelana nokuthi uyibhalisa kanjani ingane yakho esikoleni sikahulumeni noma esikoleni esizimele, noma uxhumane noMnyango Wezemfundo Eyisisekelo.

Share this page